This corpus kindly provided for the Dasher project by: De Schryver, Gilles-Maurice. 2002. Web for/as Corpus: A Perspective for the African Languages. Nordic Journal of African Studies 11/2: 266-282. http://www.up.ac.za/academic/libarts/afrilang/webtocorpus.pdf SOUTH AFRICAN QUALIFICATIONS AUTHORITY ACT, NO.58 OF 1995IHOVISI LIKAMONGAMELI No. 1521. 4 OKHTHOBA 1995 NO. 58 OF 1995: SOUTH AFRICAN QUALIFICATIONS AUTHORITY ACT, 1995. Niyaziswa ukuthi uMongameli usewuvumile/uyavumelana nalomthetho olandelayo osakazwa lapha ukuze waziwe yibo bonke abantu jikelele: UMTHETHO Ukuzwe kuthuthukiswe futhi kweqhutshwe umsebenzi we National Qualifications Framework nokuthi ngalenhloso kusungulwe I-South African Qualifications Authority; nokuhlinzekela izindaba esihambisana nalokhu. (uShicilelo Lwesilungi lisayidwe nguMongameli) (uwuvumile ngomhlaka 28 September 1995) KUKHISHWE yiPhalamende lase Rephublikhi yase Ningizimu Afrika ngokulandelayo: Izincazelo KuloMthetho ngaphandle kokuba indikimba yomusho iqonde okunye: "Isigungu seziPhathimandla" I- South African Qualifications Authority esungulwe ngokwesigaba 3; (viii) "inkampani " isho inkampani noma ukopelentsheni obhalisiwe ngaphansi komthetho ehlinzekela imfundo kanye noqeqesho labasebenzi kanye nalabo bantu ababassizayo; (v) "uMqondisi Jikelele" usho uMqondisi-Jikelele wezeMfundo; (i) "uNqgongqoshe" usho uNqgongqoshe wezeMfundo, kanti futhi ngenhloso yesigaba 4(2), 4(3), 4(4), 4(5), 4(6), 5(1)(c), 11, 13(2), 14 kanye nesigaba 15(2), kushiwo Ungqongqoshe wezeMfundo emva kokubonisana noNgqongqoshe wezeMisebenzi; (vi) "National Qualifications Framework" kusho isigungu esibizwa nge National Qualifications Framework esivunywe nguNgqongqoshe ukuba ibhalise amazinga kaZwelonke kanye neziqu; (vii) "Ubumbano kwabafundisi (lothisha)" kusho inhlangano noma inyunyane eyilunga loMkhandlu I-Education Labour Relations Council esungulwe ngaphansi koMthetho I -Education Labour Relations Act, 1993 (uMthetho ongunombolo 146 ka 1993), futhi eyaziwa nguNgqongqoshe ngenhloso yaloMthetho; (ii) "vunyiwe/ nqunyweyo" kusho okuvunywe/ okunqunywe ngumthethonkambiso; (x) "Iziqu/isitifiketi esikuvumela ukuba wenze umsebenzi " kusho ukwamukelwa ngokomthetho impumelelo yokuthola inani elidingekayo lamaphuzu nezinye izidingo emazingeni athile e-National Qualifications Framework engamiswa yiMigwamanda ethintekayo ebhalisilwe lenhloso yi-the South African Qualifications Authority; (iv) "okubhalisiwe" kusho okubhalisiwe ngaphansi kwe National Qualifications Framework; (iii) "amazinga" kusho isitatimende esibhalisiwe sempumelelo efhlosiwe yezeMfundo noqeqesho kanye nenqubo yokuvivinya ehambisana nakho;(ix) Izimpokophelo ze National Qualifications Framework Okuphokophelwe yi National Qualifications Framework nguku- ukwakha umhlahlandlela kazwelonke ohlanganyelwe wemiphumelelo yokufunda; ukwenza lula ukutholakala, ubuhambanendlawana kanye nenqubekela-phambili kwezemfundo, uqeqesho kanye nokuziphendlela umsebenzi; ukuqhubela phambili izinga/iqophelo lemfundo noqeqesho; ukuphuthuma ukulungisa lokho okonakaliswa wubandlululo kwezemfundo, uqeqesho kanye namathuba okuthola umsebenzi/okuqashwa; ngalokho kufakwa isandla ekuthuthukiseni lowo nalowo mfundi ngokupheleleyo kanye nokuthuthukisa inhlalakanhle kanye nomnotho wesizwe sonkana. Ukusungulwa kwe South African Qualification Authority Lapha kusungulwa isigungu seziPhathimandla esinikwe isikhundla sobuntu ngokomthetho esiyakubizwa nge South African Qualifications Authority. Umthethosisekelo walesi sigungu sezi Phathimandla (1) Lesi sigungu seziPhathimandla siyakuba nosihlalo oyokhethwa ngokuyalela kwesigaba (2), namanye amalunga angaqokwa ngokwesigatshana (3) no (4), kanye nesiphathimandla esikhulu esiyakuqokwa ngaphansi kwesigatshana (7). (2) uNgqongqoshe uyoqoka umuntu onolwazi lomsebenzi nongungoti ezindabeni ezihambisana nezalesisigungu seziPhathimandla, ukuze abe ngusihlalo wesigungu seziPhathimandla. (3) uNgqongqoshe uyakuqoka laba abalandelayo ukuba babe ngamalunga esigungu seziPhathimandla ngokulandisa kwesigatshana sesi-4- ilunga elilodwa eliyophakanyiswa ngu Mqondisi Jikelele; ilunga elilodwa eliyophakanyiswa yilabo abayizinhloko zemiNyango yezeMfundo yeziFundazwe; ilunga elilodwa eliphakanyiswe nguMqondisi Jikelele: KwezeMisebenzi ilunga elilodwa eliphakanyiswe iBhodi loqeqesho likaZwelonke (National Training Board); amalunaga amabili aphakanyiswe izinhlangano zikazwelonke ezimele ubumbano lwabasebenzi; amalunga amabili aphakanyiswe iiznhlangano zikazwelonke ezimele ubumbano losomabhizimisi; ilunga elilodwa eliphakanyiswe ikomiti loThishanhloko bamaNyuvesi elisungulwe ngokwesigaba 6 soMthetho wamaNyuvesi ka 1955 (uMthetho ongunombolo 61 ka 1955); ilunga elilodwa eliphakanyiswe ikomiti yoThishanhloko bazikole zobuchwephehse (technikon) elisungulwe ngokwesigaba 2 soMthetho wama Thekhnikhoni ka 1993 (uMthetho ongunombolo 125 ka 1993); ilunga elilodwa eliphakanyiswe umgwamanda kazwelonke omele Abaphathi bamaKolishi othisha aziwayo nguNgqongqoshe; ilunga elilodwa eliphakanyiswe ngumgwamanda kaZwelonke omele abaphathi bamakolishi obuchwepheshe (technical colleges) abaziwayo uNgqongqoshe ngokwalenhloso; ilunga elilodwa eliphakanyiswe izinhlangano zikazwelonke ezimele amakolishi okungesiwona amakolishi othisha noma amakolishi obuchwepheshe naziwayo nguNgqongqoshe ngokwalenhloso; ilunga elolidwa eliphakanyiswe izinhlangano zikazwelonke ezimele umkhakha wezemfundo noqeqesho kwabadala nezaziwayo nguNqgqongqoshe ngokwalenhloso; ilunga elilodwa eliphaknyiswe izinhlangano ezimele umkhakha wezokuthuthukisa abantwana abasebancane ezaziwayo nguNgqongqoshe ngokwalenhloso; amalunga amabili aphakanyiswe ubumbano lwabafundisi; amalunga mabili aphakanyiswe izinhlangano zikazwelonke ezimele abaqeqeshi kanye nabafundisi bezikole zemfundo ephakeme ezaziwayo nguNgqongqoshe ngakwalenhloso; ilunga elilodwa eliphakanyiswe yizinhlangano zikazwelonke ezimele umkhakha wezidingo zeMfundo ezithile ezaziwayo nguNgqongqoshe ngokwalenhloso; amalunga angekho ngaphezu kwayisithupha aqokwe nguNgqongqoshe ngokwegunya lakhe; amalunga angekho ngaphezu kamabili enyulwe yisigungu seziPhathimandla ngokwegunya laso kwaso kwenziwa izincomo kuNgqongqoshe zokuba aqokwe. (4) Ngokwenhloso ukuqokwa kwamalunga okukhulunywa ngakho esigabeni 3 ngenhla uNgqongqoshe uyokhipha isaziso ePhephabhukwini likaHulumeni ngenhloso yakhe yokuqoka amalunga esigungu seziPhathimandla bese ecela noma ngubani noma iyiphi inhlangano kulendima okukhulunywa ngayo esigaben 3 ukuba ilethe/balethe amagama abababona bekulungile ukuqokelwa ukuba ngamalunga esigungu seziPhathimandla, ngokolwazi lwabo nobungoti ezindabeni ezihambisana nemisebenzi yesigungu seziPhathimandla kanti ekuletheni lamagama okuzoqokwa kuwo amalunga esigungu seziPhathimandla kuyonakekelwa kakhulu umgomo wokumelelwa (representativity). (5) Ngokwenhloso yokuphakanyiswa kwamagama okukhulunywa ngawo esigabeni (n) ngaphansi kwesigaba (3), inhlangano noma inyunyana eyodwa ngeke iphakamise ngaphezu kwegama elilodwa. (6) Ilunga lesigungu seziPhathimmandla ngaphandle kwelunga elikhulu liyohlala esikhundleni isikhathi esingeke sibe ngaphezu kweminyaka emithathu okuyoya ngokusho kukaNgqongqoshe ngesikhathi sokuqokwa kwalelo lunga futhi ilunga lingabuye liqokwe futhi lisebenze esinye isikhathi uma isikhathi salo sesiphelile. (7) Uma egcwalisa izikhundla esithile uNgqongqoshe uyonakekela lokho okushiwo isigaba (3). (8) Amalunga okukhulunywa ngawo ezigabeni (2) and (3), ayoqoka umuntu ofanele ukuba abe yilunga elikhulu ngemibandela yokusebenza eyobonwa yisigungu seziphathimandla ngokuvunyelwa nguNgqongqoshe naye oyovuma emva ngokuvumelana noNgqongqoshe wezezimali. uMsebenzi weSigungu seziPhathamandla (1) ngaphandle kwalokho okushiwo esigabeni (2), Isigungu seziPhathimandla siyo- (i) ngamela intuthuko ye -National Qualifications Framework; noku (ii) kwakha nokusabalalisa izinqubomgomo kanye nenqubo yoku- ukubhaliswa kwemigwamanda enesibopho sokusungula amazinga kanye neziqu nezitifiketi eziyimvume yokwenza umsebenzi kwezemfundo noqeqesho; noku nikezwa igunya kwemigwamanda enesibopho sokuqapha kanye nokucubungula imiphumela ngokwamazinga nemvume yokwenza umsebenzi; ukwengamela ukusentshenziswa kwe National Qualifications Framework, kubalwa noku- nokubhalisa noma ukugunyaza imigwamanda okukhulunywa ngayo esigabeni (a) kanye nokuyabela imisebenzi; Ukubhaliswa kwamazinga kanye nezimvume zokwenza imisebenzi kukazwelonke ; Thatha izinyathela zokuqiniseka ngokulandela/ ukugcinwa kwemibandela yokubhaliswa; noku Thatha izinyathelo zokuqiniseka ukuthi amazinga kanye nezimvume zokwenza msebenzi ezibhlaisiwe kuyaqathaniseka nokomhlaba wonke jikelele. ukwaluleka uNgqongqoshe mayela nezindaba ezithinta amazinga kanye nezimvume zokwenza umsebenzi. babe nesibopho sokuphatha izimali zesigungu seziPhathimandla (2) Isigungu seziPhathimandla siyakuqhuba lokho okuphokophelwe ze National Qualifications Framework njengoba kushiwo esigabeni 2 benze nemisebenzi yeSigungu seziPhathimandla ngokuyalela kwesigaba (1)- Ngemva kokubonisana nangokubambisana neminye iminyango kahulumeni, imigwamanda emiswe ngokomthetho, izinkampani, imigwamanda, izigungu ezinesibopho kwezemfundo, uqeqesho kanye nezitifiketi zamazinga azothinteka yi National Qualifications Framework; Ngokulandela/ngokungalibali amandla/amagunya ePhalamende kanye nesiShayamthetho seziFundazwe ngokwesigaba 126 soMthethosisekelo kanye namalungelo, amandla kanye nemisebenzi yemigwamanda ephethe amanyuvesi namathekhnikhoni njengoba kumuswe uMthetho wePhalamende. Imisebenzi yeSikhulu esiphakeme ( executive officer) (1) Ilunga elikhulu liyo- ba nesibopho esigungwini seziphathimandla sokwenza umsebenzi waso ngokulandela okushiwo uMthetho; Ukuphatha / ukuhlola izikhulu kanye nezisebenzi zesiGungu seziPhathimandla ; nokuthi abe yisikhulu sesiGungu seziPhathimandla esibhekene nokuphathwa kwezimali ezingenile kanye nezikhokhiwe/ezikhishiwe nezimpahla ezithathekayo ezithengwe yisigungu seziPhathimandla. (2) Lesi sikhulu siyosizwa ekwenzeni umsebenzi waso ngezinye izikhulu kanye nabasebenzi besigungu seziPhathimandla ngokubabela kwakhe umsebenzi ngokwesigaba (1). Amandla esiGungu seziPhathimandla (1) Isigungu seziPhathimandla singasungula amakomiti futhi ziqashe abantu abangesiwona amalunga esiGungu seziphathimandla ukuba babe ngamalunga ekomiti. IsiGungu seziPhathimandla ziyoqoka uSihlalo walelo nalelokomiti. isigungu seziPhathimandla singachitha noma sakhe kabusha ikomiti. Isigungu seziPhathimandla singadlulisa noma imaphi amandla aso kunoma iliphi ikomiti ngaphandle kwamandla okukhulunywa ngawo kulesisigaba, kodwa lawo mandla awayikususa kusona futhi singakuhoxisa lokho kudluliswa kwamandla noma inini. Isigungu seziphathimandla singachibiyela noma sichithe inoma isiphi isinqumo sekomiti salelo komiti. (2) Isigungu seziPhathimandla singaxazulula izinkinga eziphathelene nokwenza umsebenzi waso okukhulunywa ngazo esigabeni (5) (3) Isigungu seziPhathimandla singathola sigcine noma sikhiphe noma iyiphi impahla (4) Isigungu seziPhathimandla singanquma ukuba kwenziwe ucwaningo uma sibona lokhu kudingekile ekwenzeni umsebenzi waso. (5) Isigungu seziPhathimandla singenza noma imuphi umsebenzi esingawabelwa nguNgqongqoshe ohambisana ne National Qualifications Framework. Imihlangano ye siGungu seziphathimandla namaKomiti (1) Imihlangano yeSigungu seziPhathimandla noma yamakomiti iyobanjelwa endaweni kanye nesikhathi esiyonqunywa nguSihlalo we siGungu noma wekomiti kuya ngokuthi umhlangano owobani. (2) Inqubo yesiGungu seziPhathimandla noma yekomiti ngeke ingasebenzi ngesizathu nje sokuthi bekunesikhala esiGungwini seziphathimandla noma ekomitini. (3) Uma ngabe usihlalo weSigungu seziPhathimandla noma wekomiti engekho emhlanganweni amalunga akhona emhlanganweni ayokhetha oyedwa phakathi kawo ukuba engamele lowo mhlangano. (4) Isigungu seziPhathimanda singamisa inqubo ezolandelwa emihlanganweni yayo noma imihlangano yekomiti, kubandakanywa nokuthi mangaki amalunga okumele abe khona emhlanweni ukuze kuthathwe izinqumo (quorum) Ukushiya isikhundla kwamalunga esigungu seziPhathimandla uSihlalo noma iliphi ilunga lesigungu sesiPhathimandla okukhulunywa ngaso esigabeni 4 (3) liyoshiya isikhundla salo uma: Liphucwa amandla okuphatha ifa lalo yinkatolo ngokomthetho noma evumelana abakweletayo; Eboshiwe ngaphansi kwanoma imuphi umthetho ngoba egula ngokwengqondo; Engaveli emhlanganweni yesigungu seziPhathimnalda kuze kube imihlangano emithathu ilandelana engazange anikwe imvume yisigungu seziPhathimandla; Eshiya umsebenzi ngokwazisa uNgqongqoshe ngokumbhalela isaziso; nokuthi Uma ngesikhathi esaphethe isikhundla sakhe elahlwa inkantolo ngecala futhi egwetshwa isikhathi esithile ejele ngaphandle kokunikwa imvume yokukhokha inhlawulo. Izimali zeSigungu seziPhathimandla (1) Izimali zeSigungu seziPhathaimaandla ziyoba - Izimali ezinikelwe iPhalamende ukuze kufezwe izimpokophelo zesigungu seziPhathimandla; Izimali ezitholwe yisiGungu ngokulandela umthethonkambiso 14; izimali ezitholakale ngokuboleka izimali okwenziwe yisiGungu sezoPhathimandla ngokuvumelana nongqongqoshe, ngemvume kaNgqongqoshe wezimali; kanye Nenzalo etholakale ezimalini esitshaliwe. (2) IsiGungu seziphathimandla siyakusebenzisa izimali ukukhokha izindleko zokwenza umsebenzi waso. (3) (a) Isigungu seziPhathimandla siyothi njalo ekupheleni konyaka wezimali ngesikhathi kanye nangendlela eyomiswa nguNgqongqoshe, sinikeze uNgqongqoshe isitatimende esikhombisa imali esizitholole/ezingenile kanye nezimali ezisetshenzisiwe ngalowo nyaka ngokuvumelana noNgqongqoshe, (b) Izimali okukhulunywa ngazo esigabeni (1)(a) ziyosentshenziswa isiGungu seziPhathimandla ngokwesitatimende okukhulunywa ngaso esigabeni (a) , izimali ezingasentshenziswangwa ziyodluliselwa onyakeni olandelayo. (4) Ngaphandle kwemibamndela yesigaba (3)(b), IziPhathimandla zingatshala noma engakanani ingxenye yezimali zayo ngendlela emiswe nguNgqongqoshe emva kokuvumelana noNgqongqoshe wezimali. (5) Isigungu seziPhathimandla singakhokhisa noma singakhokhisi mali (singabiza imali noma singabizi mali)uma- Sibhalisa noma sinika igunya; nokuthi Uma sinika inoma iluphi usizo olunikezwa yisona isigungu seziPhathimandla. Izikhulu kanye nabasebenzi beSigungu seziPhathimandla Isigungu seziPhathimandla singaqasha izikhulu kanye nabasebenzi esibona ukuthi siyabadinga ukuze siqhube umsebenzi waso ngokoMthetho, ngaphansi kwemibandela yokusebenza esingayimisa nangokuvumelana nongqongqoshe nangokuvunyelwa nongqongqoshe wezimali. Amaholo kanye nezinye izimali ezingatholwa ngamalunga esigungu seziPhathimandla kanye namalunga uSihlalo kanye namanye amalunga esigungu sesiPhathimandla noma imuphi umuntu oqashwe ukuba abe yilunga lekomiti ngaphansi kwesigaba 7(1) ongesiye umsebenzi kahulumeni ngokugcwele , ngokomsebenzi awenzela izigungu seziPhathimandla noma ophathelene nezindaba zesigungu seziPhathimandla noma sekomiti , angakhokhelwa yisigungu seziPhathimandla - Izindleko zokugibela/zokuza , ukudla, kanye nezinye imali ezihambisana nalokhu; kanye Uma ngabe kungusihlalo, angakhokhelwa umholo ongamiswa uNgqongqohse emva kokuvumelana noNgqongqoshe wezimali. Ukucubungula amabhuku ezimali kanye nombiko wonyaka (1) Izincwadi zokusentshenziswa kwezimali kanye nezitatimende zemali zesigungu seziPhathimandla ziyocutshungulwa ngumcubungulu mabhuku jikelele ekupheleni konyaka wezimali. (2) isiGungu seziPhathimandla siyothi njalo zingakapheli izinyanga eziyisithupha emva kokuphela konyaka wezimali sinike uNgqongqoshe umbiko ngendlela eyomiswa nguyena uNgqongqoshe ophathelene nemisebenzi yaso yalowo nyaka kubalwa nomdweshe wezimali ocutshunguliwe kanye nesitatimende ngezimali ezingenile kanye nezisentshenzisiwe. (3) Ungqongqoshe uyakwethula lombiko kumbandakanywa nalowo mdweshu wezimali ezikhona ocutshunguliwe kanye nesitatimende sezimali ezingenile kanye nezisentshenzisiwe okukhulunywa ngaso esigabeni (2) ngenhla, zingakapheli izinsuku eziyi- 14 kusukela ngosuku athole ngawo lowombiko uma ngabe iphalamende isebenza, noma zingakapheli izinsuku eziyi-14 kusukela ngosuku eliqale ngalo ukusebenza iphalamende uma ngabe kade livalile ePhalamende. Imithethonkambiso Isigungu seziPhathimandla singamisa imithethonkambiso ehambisana nalokhu ngokuvunyelwa nguNgqongqoshe - Yinoma ngaluphi undaba okudingeka noma esivunyelwe nguMthetho ukuba silunqume ; Ngezimali ezikhokhelwa isigungu seziphathimandla mayelana nezindaba okukhulunywa ngazo esigabeni 10(5)(a) no (b); kanye Noma iluphi undaba okufanele lulawulwe ukuze kuqhutshwe lokho okumiswe umthetho. Imibandela yesikhashana mayelana nemigwamanda ekhona (1) Noma imuphi umgwamanda okhona njengamanje owenza umsebenzi ofanayo nalowo wesiGungu seziPhathimandla omiswe esigabeni 5 uyoqhubeka nokwenza lowo msebenzi uze uchithwe noma umsebenzi wawo ushintshwe ngokomthetho. (2) Akukho mgwamanda okukhulunywa ngawo esigabeni (1) ngenhla oyochithwa noma imisebenzi yawo ishintshwe kuze kube iSigungu seziPhathimandla kanye nawo lowomgwamanda ngokubambisana babheke imiphumela yalokho kuchitha noma ukushitshwa kanye nokusentshenziswa kwe National Qualifications Framework kwenziwe izincomo kuNgqongqoshe. (3) Lesisigaba asiyikusebenza kunoma imuphi umgwamanda osungulwe umthetho wangasese wamaNyuvesi. Igama ngokufingqiwe LoMthetho uyakubizwa ngoMthetho we-South African Qualifications Authority Act ka 1995. UPhawu lezwe olusha lweNingizimu Afrika Umdwebo nokumelwe uPhawu lwezwe olusha UPhawu lwezwe lunochungechunge lwezinto ezihlelwe zakha iziyingi ezimbili ezibekwe ngendlela yokuthi okunye kuphezu kokunye. Isiqubulo - !ke e: /xarra //ke, sibhalwe ngolimi lwabathwa besizwe sabantu okuthiwa i-/Xam. Lesiqubulo sichaza ukuthi: ukubumbana kwabantu abahlukahlukene. Lokhu lowo nalowo mzamo wokuhlanganisa isenzo nomcabango kube yinto eyodwa. Kubiza isizwe, kuthi masihlangane sonkana sibe nomqondo ofanayo wokuzwana futhi sibe nokuziqhenya ngobuzwe baso. - ubumbano ekwahlukahlukaneni kwethu. Amazinyo endlovu - amele ubuhlakani, amandla, ubumnene kanye nobungunaphakade. Ukolo - esiyingini esakhiwe ngamazinyo endlovu - ukolo umele ukunonophala, ukukhula nokuthuthuka okunokwenzeka, ukondleka kwabantu kanye nezinye izinto eziqondene nozolimo. Ihawu - Ukwakheka kwehawu legolide kusasigubhu. Linemisebenzi emibili: ukukhombisa ubuqobo kanye nokuvikela ngokomoya. Imidwebo yabantu - ithathwe kwimidwebo esetsheni lika-Linton. Lemidwedo iyisibonelo se-South African Rock Art, njemgamanje lelitshe ligcinwe eMnyuziyamu yaseNingizimu Afrika ese Cape Town. Ngokomlando, isizwe samaKhoyisani saziwa njengesizwe esidala kunazozonke izizwe eNingizimu Afrika. Izithombe zime ngendlela yokubingelela, okukhombisa ubumbano. Lokhu futhi kusho ukuqala koguquko kumuntu nomuntu ukuthi abe nomqondo obanzi wokuba ngowesizwe kanjalo ukuhlangana kweSintu. Umkhonto nehawu - lokhu kokubili kumele ukuvikeleka kanye nobuphathimandla. Futhi kumele imilenze enamandla okungeyenyoni intinginono. Umkhonto newisa kulele phansi, okumele uxolo. Isiqalaba sentaba (imbali yeProtea) - isibonalakiso sobuhle bezwe lethu kanye nokuqhakaza okunokubakhona ngokwamandla ethu njengesizwe esinakashelele ukuvuselela i-Afrika - ifanekisa ukuhlangana okuphelele kwezinto eziqhamuka enhlabathini, zibe futhi zikhuselekile nangaphezulu. Intinginono - esesimweni sokundiza - ngokwemvelo kukhumbosa ukukhula kanye nesivinini. Lena inyoni enamandla kakhulu omilenze yayo - ibekwe yafanekiswa nomkhonto newisa - eyisiza kakhulu ekuzingeleni kanye nasekuzivikeleni. Iyisithunywa esivela ezulwini futhi yehlisele ubumnene bayo bulapha emhlabeni, ngalowo mqondo-ke ingumfanekiso wobukhosi basezulwini. Izimpiko zayo eziphakeme zibonakalisa ukuphakama kwesizwe sethu, okuhambisana nokusinikeza ukuvikeleka. Ilanga eliphumayo - isibonakaliso sokugqama kanye nobukhazikhazi. Kungumfanekiso wesethembiso sokuzalwa kabusha, amandla abhidlangile okucabangisisa, ulwazi, ukuthatha isinqumo esiyiso kanye nokuzimisela okukhulu. Kuyisibonakaliso somthombo wempilo, wokukhanya kanye nokuphelela kweSintu okuphelele. Isakhiwo esiphelele soPhawu lwezwe sihlanganisa ingxenye engenhla nengezansi yakhe isiyingi okufanekisa ingunaphakade. Ukuhlangana konqenqema lombhalo olungezansi, namazinyo endlovu, nokomkhathizwe okuqhamuka kuwo ilanga likhuphuke, kwakha isimo seqanda okuqhamuka kulo intinginono. Lomfanekiso unomqondo osho ukuzalwa kabusha ngokomoya kwesizwe sethu esikhulu futhi esinobuqhawe. Luyini lolu Phawu olusha lezwe na? UPhawu lezwe lungumfanekiso ophezulu kakhulu likaHulumeni wezwe. Luba khona kuwo wonke amaphepha kahulumeni asemthethweni afana: nezincwadi zokuvakasha, ezitifiketini zokuzalwa, zokushada, zokufa nezesikole. LoluPhawu olusha lungena esikhundleni soPhawu oludala obelusebenza eNingizimu Afrika kusukela ngomhlaka 17 Septhemba 1910. Lokhu kukhombisa inhloso kahulumeni yokugqamisa umbuso omusha wentando yeningi eNingizimu Afrika kanye nothando lezwe lethu. Ukukhethwa komfanekiso wophawu lezwe Ngonyaka odlule, umnyango wezobuCiko, amaSiko, iSayensi nobuChwepheshe, wacela kubantu baseNingizimu Afrika ukuba bathumele imiqondo yophawu lwezwe olusha. Imiqondo eyathunyelwa yasetshenziswa, yahlanganiswa nalokho okwabe kufakwe yiKhabhinethi, kwaba sekubhalwa izinto ezizoba ingxenye yaloluphawu lezwe olusha. I-Government Communication and Information System [GCIS]) yabe isicela abakwa-Design South Africa - okuyinhlangano emele zonke izimpiko ezidwebayo ezweni lonke - ukuthi icele abayishumi babadwebi abaseqophelweni eliphezulu. Kwakhethwa abadwebi abathathu ukuthi bethule imiqondo yabo kwiKhabhinethi. Umdwebo ka Mnumzane u-Iaan Bekker iwona owakhethwa ukuba usetshenziselwe uPhawu lwezwe olusha. UMnu. Bekker ungumqondisi we-FCB Group futhi usedwebe inqwaba yemidwebo eyizinkombisa yezinhlangano ezizimele kanye nezi kahulumeni. Lolu Phawu lezwe olusha lukhuthaza i-Batho Pele Igama elithi Batho Pele liwumushwana wesiSuthu ochaza ukuthi 'Abantu kuqala', okubophezelela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi mabasenzele bonke abantu baseNingizimu Afrika. Ukubaluleka nemimiso-migomo ye-batho Pele uyisisekelo soPhawu lwezwe. Ngomhlaka 1 Okthoba 1997, abasebenzela uhulumeni baqala umkhankaso we-Batho Pele ababehlose ukuwusebenzisa ukwenza ngcono izinsiza abaziphakela umphakathi. I-Batho Pele imayelana nokuzinikela kulokhu okulandelayo: * Ukubonisana ngezinga nobuqotho bezinsiza * Ukumisa amazinga okusebenza achaza ngobunqala bezinsiza okufanele zilindeleke * Ukwandisa ukutholakala kwezinsiza ikakhulukazi kulabo abanomlando wokukhinyabezeka * Ukuqinisekisa amazinga okuhlonipha asezingeni eliphakeme ngokulandela amazinga abekiwe okuphatha amakhasimende * Ukuphakela ulwazi oluningi nolungcono ngezinsiza ukuze amakhasimende abe nolwazi olufanele * Ukwandisa ukubonakala nokuphumela obala mayelana nendlela okuwenziwa ngayo leyo misebenzi * Ukulungisa amaphutha ukuze izinkinga zixazululwe noma zilungiswe ngendlela eyakhayo * Ukwenza umsebenzi omuhle kangangemali nemali ekhokhiwe ukuze amakhasimende abone ukuthi imali yawo yentela isetshenziswa ngendlela eyiyo neyimpumelelo. Sidinga ukuthi sisebenze ngokuhlanganyela, njengohulumeni nomphakathi, ukuze imimiso-migomo ye-Batho Pele ibe yinto ekhona nesebenzayo esizweni esisebenzela impilo engcono. Compiled by: Government Communication and Information System (GCIS), April 2000 ISINGENISO Thina, Bantu baseNingizimu Afrika, Siyakukhumbula ukucekelwa phansi kwamalungelo okwenzeka eminyakeni eyadlula; Sibungaza labo abahluphekela ubulungiswa nenkululeko kulo mhlaba wethu; Sihlonipha labo abasebenzele ukwakha nokuthuthukisa izwe lethu; futhi Sikholelwa ekutheni iNingizimu Afrika ingeyabo bonke abahlala kuyo, sibumbene nakuba singefani. Ngakhoke, ngabameleli bethu esibakhethe ngokukhululeka, samukela lo Mthethosisekelo njengomthetho-nqangi weRiphabhuliki ukuze - Silungise ukwehlukana kwesikhathi esedlule bese sakha umphakathi owesekelwe yinkolelo yenqubo yentando yeningi, ubulungiswa emphakathini, kanye namalungelo obuntu; Sibeke isisekelo sokwakha umphakathi oqhuba ngendlela yentando yeningi; futhi ovulekile, lapho uhulumeni wakhelwe phezu kwentando yabantu futhi lapho sonke isakhamuzi sivikelwe ngumthetho ngendlela efanayo; Sithuthukise izinga lokuphila lazo zonke izakhamuzi futhi sikhulule amakhono omuntu ngamunye; isifuthi Sakhe iNingizimu Afrika ebumbene futhi eqhuba ngenqubo yentando yeningi ekwazi ukuthatha indawo yayo efanele njengezwe elizimele phakathi komndeni wamazwe ngamazwe. Sengathi uNkulunkulu angabavikela abantu bakithi. Nkosi Sikelel'iAfrika. Morena boloka setjhaba sa heso. God seën Suid-Afrika. God bless South Africa. Mudzimu fhatutšhedza Afurika. Hosi katekisa Afrika. ^ Isahluko 1 Ukusekwa koMthethosisekelo IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika 1. IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika iyizwe elilodwa elibumbene elibuswa ngumbuso weningi elisekwe phezu kwezibopho ezilandelayo: (a) Isithunzi somuntu, ukusebenzela ukulingana kwabantu nokuthuthukiswa kwamalungelo nenkululeko yabantu. (b) Ukungabandlululi ngokobuzwe nangokobulili. (c) Ubukhulu bomthethosisekelo nokubusa komthetho okugculisayo. (d) Ilungelo lokuvota kwabobonke abantu abadala, uhlu lwabobonke abavoti, ukhetho njalo ngezikhathi ezimiswe ukuthi kubenokhetho ngazo kanye nohlelo lokubusa oluqhuba ngenqubo yentando yeningi oluvumela iqhaza lamaqembu ahlukahlukene ukuze kuqinisekiswe ukuphenduleka, ukunakekelwa kwezidingo nokusebenzela obala kukahulumeni. UBukhulu boMthethosisekelo 2. LoMthethosisekelo ungumthetho omkhulu waseRiphablikhi; umthetho noma isenzo esingahambisani nawo akukho emthethweni, futhi imibandela ezibekwe nguMthethosisekelo kufanele ilandelwe. Ubuzwe 3. (1) Kukhona ilungelo lobuzwe elifanayo lazo zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika. (2) Zonke izakhamuzi - (a) zinelungelo elilinganayo lokuthola wonke amalungelo, ilungelo mvumo nezinzuzo zobuzwe; futhi (b) zethweswe ngokulinganayo izibopho nemithwalo ehambisana nobuzwe. (3) Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele ukutholakala, ukulahlekelwa nokubuyiselwa kobuzwe. Iculo lesiZwe 4. Iculo lesizwe laseRiphabhuliki liyonqunywa nguMongameli ngesimemezelo ephephandabeni likaHulumeni lomthetho. IFulegi lesizwe 5. Ifulegi lesizwe linombala omnyama, osagolide, oluhlaza okotshani, omhlophe, obomvu noluhlaza okwesibhakabhaka, njengoba lichazwe futhi ladwetshwa kuSheduli 1. Izilimi 6. (1) Izilimi ezisemthethweni eNingizimu Afrika yisiPedi, isiSuthu, isiTswana, isiSwazi, isiVenda, isiTsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa kanye nesiZulu. (2) Ngokubuka umlando wokwehliswa kokusetshenziswa nezinga lezilimi zendabuko zabantu bethu, umbuso kufanele uthathe izinyathelo ezingasebenza nezinenqubekelaphambili zokuphakamisa izinga nokuthuthukisa ukusetshenziswa kwalezi zilimi. (3) (a) Uhulumeni kazwelonke kanye nohulumeni wezifundazwe angasebenzisa izilimi ezithile ezisemthethweni emsebenzini kahulumeni, ecabangela ukusetshenziswa kwalezo zilimi, ubunzima bokusebenzisa ezinye izilimi, izindleko, isimo sesifundazwe, kanye nokuqhathaniswa kwezidingo nokukhethwa ngumphakathi uwonke noma kwisifundazwe esithintekile; kodwa uhulumeni okazwelonke noma owesifundazwe kumele usebenzise izilimi ezimbili ezisemthethweni. (b) Omasipala kufanele babhekelele lezo zilimi ezisetshenziswayo nezikhethwa ngabahlala kumasipala ngamunye. (4) Uhulumeni kazwelonke nabezifundazwe, kufanele balawule futhi baqaphe ukusetshenziswa kwezilimi ezisemthethweni. Ngaphandle kokususwa lokho okubekwa yisigatshana (2), zonke izilimi ezisemthethweni kufanele zihlonishwe ngendlela elinganayo futhi zithathwe ngendlela efanele. (5) IBhodi yeziLimi zonke zaseNingizimu Afrika emiswe ngumthetho kazwelonke kufanele - (a) ikhuthaze futhi yakhe izimo ezilungele ukuthuthukiswa nokusetshenziswa - (i) kwazozonke izilimi ezisemthethweni; (ii) ulimi lwamaKhoi, amaNama namaSan; futhi (iii) ulimi lokukhuluma ngezimpawu; futhi (b) ikhuthaze futhi iqinisekise ukuhlonishwa kanye nokuthuthukiswa - (i) kwazo zonke izilimi ezijwayelekile emphakathini waseNingizimu Afrika ezibandakanya isiJalimani, isiGrikhi, IsiGujerati, isiHindi, isiPutukezi, isiTamil, isiTelegu, isi-Urdu; kanye (ii) isi-Arabhu, isiHebheru, isiSanskrit nezinye izilimi ezisetshenziselwa ezenkolo ngokwejwayelekile yimiphakathi yaseNingizimu Afrika. Isahluko 2 UMqulu wamaLungelo Amalungelo 7. (1) Lomqulu wamalungelo uyisisekelo sombuso wenqubo yentando yeningi eNingizimu Afrika. Ugcizelela amalungelo awowonke umuntu ezweni lethu futhi uqinisa inkolelo yenqubo yentando yeningi yokwazisa isithunzi somuntu, ukulingana nokukhululeka. (2) Umbuso kufanele uhloniphe, uvikele, uphakamise, futhi uphelelise amalungelo akuMqulu wamaLungelo. (3) Amalungelo akuMqulu wamaLungelo angakhawulwa ngemikhawulo equkethwe noma okukhulunywe ngayo kwisigaba 36, noma kwezinye izingxenye zoMqulu. Ukusebenza koMqulu 8. (1) UMqulu wamaLungelo usebenza kuyo yonke imithetho futhi uphoqa isishayamthetho, isigungu sokuphatha sikahulumeni, abaphethe izinkantolo, nazozonke izingxenye zombuso. (2) Isimiso kuMqulu wamaLungelo sibopha abantu bemvelo nalezozakhiwo ezithathwa ngumthetho njengabantu uma, futhi kungadluli ezingeni okungenzeke ngakho lokhu, uma kubhekwe uhlobo lwelungelo nanoma yiziphi izibopho ezibekwa yilelo lungelo. (3) Uma isebenzisa izimiso zoMqulu wamaLungelo kubantu bemvelo nakulezozakhiwo ezithathwa ngumthetho njengabantu, ngokubeka kwesigatshana (2), inkantolo-B. (a) ukuze ilenze libenomphumela ilungelo elikuMqulu, inkantolo kufanele ilisebenzise, noma uma kunesidingo, ithuthukise umthetho ojwayelekile ngendlela ezonika ilungelo umphumela lapho umthetho osemabhukwini ungakwenzi lokhu; futhi (b) ingathuthukisa imitheshwana yomthetho ojwayelekile ukuze ikhawule ilungelo, kodwa lowo mkhawulo kufanele uhambisane nesigaba 36(1). (4) Lezozakhiwo ezithathwa njengabantu ngumthetho zingabanamalungelo akuMqulu wamaLungelo kuphela ngendlela edingwa uhlobo lwelungelo kanye nolwaleso sakhiwo esithathwa njengomuntu ngumthetho. Ukulingana 9. (1) Wonke umuntu uyalingana phambi komthetho, futhi unelungelo elilinganayo lokuvikelwa ngumthetho nenzuzo yomthetho. (2) Ukulingana kubandakanya ukuthokozela onke amalungelo nenkululeko ngokugcwele nangokulingana Ukuze kukhuthazwe impumelelo yelungelo lokulingana, kungathathwa izinyathelo zokushaya imithetho nezinye izinyathelo okuqondwe ngazo ukuthi kuvikelwe noma kuthuthukiswe abantu noma imikhakha yabantu abancishiselwe amathuba ngenxa yobandlululo olungafanele. (3) Umbuso ungebandlulule noma yimuphi umuntu ngokungafanele, ngendlela esobala noma ngendlela ecashile, ngesizathu esisodwa noma ezingaphezulu, ezibandakanya ukubandlulula ngokobuhlanga, ubulili, ukukhulelwa, isimo somuntu kwezomshado, isizwe kambe umphakathi umuntu adabuka kuwo, ibala, ubulili umuntu azifanisa noma afaniswa nabo, iminyaka yobudala, ukukhubazeka, inkolo, unembeza, inkolelo, isiko, ulimi kanye nokuzalwa. (4) Akekho umuntu ovunyelwe ukubandlulula omunye ngokungafanele ngendlela esobala noma ecashile ngesizathu esisodwa noma ngaphezulu njengokusho kwesigatshana (3). Kufanele kushaywe umthetho kazwelonke ukuze kugwenywe noma kunqandwe ubandlululo olungafanele. (5) Ubandlululo ngesizathu esisodwa noma ezingaphezulu ezibalululwe kwisigatshana (3) akufanele ngaphandle uma kuboniswa ukuthi lolo bandlululo lufanele. Isithunzi sabantu 10. Wonke umuntu unesithunzi ngokwemvelo futhi unelungelo lokuthi isithunzi sakhe sihlonishwe futhi sivikelwe. Impilo 11. Wonke umuntu unelungelo lokuphila. Inkululeko nokuphepha komuntu 12. (1) Wonke umuntu unelungelo lenkululeko nokuphepha kwakhe, okubandakanya ilungelo - (a) lokungephucwa inkululeko ngaphandle kokunikwa ithuba lokuziphendulela noma ngaphandle kwesizathu esilungile; (b) lokungavalelwa ngaphandle kokuqulwa kwecala; (c) lokukhululeka kuzozonke izinhlobo zodlame ezivela ezakhiweni zombuso noma ngasese; (d) lokungahlukunyezwa nganoma iyiphi indlela; futhi (e) lokungaphathwa noma ajeziswe ngendlela enesihluku, engenabo ubuntu nelulazayo. (2) Wonke umuntu unelungelo lokukhululeka nokuhlonishwa komzimba kanye nengqondo, okubandakanya ilungelo - (a) lokwenza izinqumo ezimayelana nokuzala; (b) lokuphepha komzimba nokuzilawulela umzimba; futhi (c) lokungasetshenziselwa ukufunisela ngezokwelapha noma ngezesayensi ngaphandle kwemvume yakhe. Ubugqili, ukwesetshenziswa njengesigqila, nokusetshenziswa ngenkani 13. Akekho umuntu ongenziwa isigqila, asetshenziswe njengesigqila noma asetshenziswe ngenkani. Ukungaphazanyiswa 14. Wonke umuntu unelungelo lokungaphazanyiswa, okubandakanya ilungelo - (a) lokungaseshwa umzimba noma umuzi wakhe; (b) lokungaseshwa kwempahla; (c) lokungaphucwa impahla anelungelo layo; noma (d) lokungaphazanyiswa kokuxhumana kwakhe nabanye abantu. Inkululeko kwezenkolo, inkolelo noma umbono 15. (1) Wonke umuntu unelungelo lenkululeko kanembeza, yenkolo, yokucabanga, yenkolelo kanye neyombono. (2) Izinkonzo zingabanjelwa ezikhungweni zombuso, noma kulezo zikhungo ezisizwa ngumbuso ngezimali kodwa uma - (a) labo ababambe izinkonzo belandela imitheshwana eyenziwe abaphathi abaqondene naleyo ndawo abafanele; (b) zibanjwe ngendlela efanele; futhi (c) ukuhambela lezo zinkonzo kungaphoqelelwe kodwa kungokokukhululeka nangokuzithandela. (3) (a) Lesi sigaba asivimbeli umthetho ovumela - (i) imishado ehlanganiswe ngokwesiko noma ngokohlelo lomthetho wenkolo, noma wemiphakathi ethile ebusa abantu nemindeni kuleyo miphakathi; noma (ii) uhlelo lomthetho womphakathi othile obusa abantu nemindeni kuleyomiphakathi ngaphansi kwanoma yiliphi isiko noma oluhlonishwa abantu abalandela inkolo ethile. (b) Imishado eyamukelwe noma izinhlelo zemithetho yemiphakathi ezamukelwe njengoba kusho isigatshana (a), kufanele zihambisane nezimiso zomthethosisekelo. Ukuveza imibono ngokukhululeka 16. (1) Wonke umuntu unelungelo lokuveza imibono yakhe ngokukhululeka, okubandakanya - (a) inkululeko yamaphephandaba neminye imithombo yezindaba; (b) inkululeko yokufumana nokudlulisela phambili ulwazi nemibono; (c) inkululeko yokwakha izinto ngokusebenzisa ubuciko; futhi (d) inkululeko kwezemfundo kanye nenkululeko yokwenza ucwaningo olunzulu. (2) Ilungelo elikwisigatshana (1) alihlanganisi - (a) inkulumo egqugquzelela impi; (b) ukugqugquzela udlame olufufusayo; noma (c) ukutshala umoya wenzondo ngokobuzwe, ngokobuhlanga, ubulili noma ngokwenkolo okudala inxushunxushu. Ukubuthana, ukubhikisha, ukugculisa abanye ukuthi beseke umbikisho nokwethula izicelo ezibhalwe phansi 17. Wonke umuntu unelungelo lokubuthana nabanye lokubhikisha, lokugculisa abanye ukuthi beseke lowo mbhikisho nelokwethula izicelo ezibhaliwe, kodwa uma lokho kwenziwa ngokuthula futhi kungahlonyiwe. Ilungelo lokuzibandakanya 18. Wonke umuntu unelungelo lokuzibandakanya ngokukhululeka. Amalungelo ezepolitiki 19. (1) Yileso naleso sakhamuzi sikhululekile ukuzikhethela nokuzenzela izinqumo eziphathelene nezepolitiki, okubandakanya ilungelo - (a) lokusungula iqembu lezepolitiki; (b) ukubamba iqhaza emisebenzini yenhlangano yezepolitiki, noma ukuyifunela amalungu; futhi (c) nokukhankasela iqembu lezombangazo noma izinjongo ezithile zepolitiki. (2) Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokuthi kubekhona ukhetho olukhululekile nolubanjwa njalo ngezikhathi ezimisiwe lwanoma yisiphi isakhiwo sesishayamthetho esisungulwe ngokulandela umthethosisekelo. (3) Yileso naleso sakhamuzi esidala sinelungelo - (a) lokuvota okhethweni lwanoma yisiphi isishayamthetho esisungulwe njengokusho koMthethosisekelo futhi lokuvota ngokuyimfihlo; futhi (b) lokungenela ukhetho lwesikhundla sokumela umphakathi kuthi uma sikhethiwe, sithathe leso sikhundla. Ubuzwe 20. Asikho isakhamuzi okufanele sincishwe ilungelo laso lobuzwe. Ilungelo lokuhamba nokuhlala 21. (1) Wonke umuntu unelungelo lokuhamba. (2) Wonke umuntu unelungelo lokushiya iRiphabhuliki. (3) Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokungena, nokuhlala noma kuyiphi indawo eRiphabhuliki. (4) Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokuthola iphasiphothi. Ilungelo Lokuhweba, lesikhundla kanye nohlobo lomsebenzi 22. Yileso naleso sakhamuzi sinelungelo lokukhetha ngokukhululeka uhwebo, umsebenzi noma iprofeshini. Indlela yokuqhuba nokuphatha uhwebo umsebenzi noma iprofeshini ingahlelwa ngumthetho. Ubudlelwane phakathi kwabasebenzi nabaqashi 23. (1) Yilowo nalowo muntu unelungelo lokuphathwa ngendlela efanele emsebenzini. (2) Bonke abasebenzi banelungelo - (a) lokusungula nokujoyina izinhlangano zabasebenzi; (b) lokuzibandakanya ezenzweni nasezinhlelweni zezinhlangano zabasebenzi; futhi (c) lokuteleka. (3) Bonke abaqashi banelungelo - (a) lokusungula nokujoyina izinhlangano zabaqashi; futhi (b) lokuzibandakanya ezenzweni nasezinhlelweni zezinhlangano zabaqashi; (4) Zonke izinhlangano zabasebenzi nezinhlangano zabaqashi zine nelungelo - (a) lokuzithathela izinqumo ngezokuphathwa, ngezinhlelo kanye nangezenzo zenhlangano; (b) lokugqugquzela; futhi (c) lokuxoxisana ngokuhlanganyela; futhi lokusungula nokujoyina imifelandawonye. (5) Zonke izinyunyane zabasebenzi, izinhlangano zabaqashi kanye nomqashi zinelungelo lokuvumelana ngokuhlanganyela. Umthetho kazwelonke ungamiswa ukulawula isivumelwano esihlanganyelwe. Esimweni lapho umthetho unganciphisa ilungelo kulesi sahluko, ukuncishiswa kwelungelo makuhambisane nesigaba 36(l). (6) Umthetho kazwelonke ungagunyaza ukuhlelelwa ezokuphepha enyunyanini okungavunyelwana ngakho ngokuhlanganyela. Esimweni lapho umthetho unganciphisa ilungelo kulesi sahluko, ukuncishiswa kwelungelo makuhambisane nesigaba 36 (1). Indawo okuphilwa kuyo 24. Wonke umuntu unelungelo - (a) lokuphila endaweni engesiyo ingozi empilweni noma kwinhlalakahle yakhe; futhi (b) lokuba kuvikelwe imvelo, ukuze kusizakale izizukulwana zamanje nezizayo, ngemithetho efanele nangezinye izinyathelo ezimisiwe okuqondwe ngazo - (i) ukuvimbela ukunukubezeka nokucekelwa phansi kwempilo yezitshalo neyezilwane; (ii) ukukhuthaza ukulondolozwa kwemvelo; futhi (iii) nokuqinisekisa intuthuko engapheli nokusetshenziswa ngendlela efanele kwemithombo yemvelo kube kugqugquzelelwa ukuthuthuka okufanele komnotho nendlela yokuphila yomphakathi. Impahla 25. (1) Akekho umuntu ongephucwa impahla ngaphandle uma kumiswe umthetho osebenza ngokufanayo kubobonke abantu, futhi awukho umthetho ongavumela ukuthi umuntu aphucwe impahla engazange anikezwe ithuba lokuziphendulela. (2) Impahla ingathathwa kuphela njengoba kubekwe wumthetho osebenza kubobonke abantu ngokufanayo - (a) uma kuyisidingo somphakathi noma kuzozuza umphakathi; futhi (b) uma kuzoba nesinxephezelo inani, isikhathi nendlela yokusikhokha isinxephezelo okuvunyelwane ngaso noma kunqunywe noma kwamukelwe yinkantolo. (3) Inani, isikhathi nendlela yokunxephezela kufanele kube elinganayo negculisayo, eveza ukulingana phakathi kwemali yomphakathi kanye nakulabo abathintekile, emva kokubhekela bonke abathintekile izimo ezibandakanya - (a) ukusetshenziswa kwempahla ngaleso sikhathi; (b) umlando wobunikazi bempahla nokusetshenziswa kwayo; (c) inani engathengiswa ngalo ngaleso sikhathi; (d) inani lezimali ezatshalwa umbuso nemali umbuso owasiza ngayo, ekutholakaleni kwaleyo mpahla nasekuyithuthukiseni ukuze ibeyinzuzo; futhi (e) isizathu sokuthathwa kwempahla. (4) Kulesisigaba - (a) inzuzo yomphakathi ibandakanya ukuzibophezela kwesizwe ekuthini kuguqulwe uhlelo lobunikazi bomhlaba, nasekuthini; futhi (b) kube noguquko oluzoqinisekisa ukuthi kufinyeleleka ngendlela egculisayo kuwo wonke umnotho wemvelo waseNingizimu Afrika. (5) Umbuso kumele uthathe izinyathelo zomthetho nezinye izinyathelo, ezilungile, ngokusemandleni awo, ukweseka isimo esizokwenza izakhamuzi zikwazi ukuthola umhlaba ngendlela egculisayo. (6) Umuntu noma umphakathi onelungelo lomhlaba elintengantengayo ngokomthetho ngenxa yomthetho noma izenzo zesikhathi esedlule ezibandlulula ngobuzwe, unelungelo ngendlela eshiwo ehlinzikelwe ngumthetho wePhalamende, lokuthola ilungelo elime laqina emthethweni noma lokunikezwa usizo olungafaniswa nokuqiniswa kwalelolungelo. (7) Umuntu noma umphakathi owathathelwa impahla emva kuka 19 June 1913, ngenxa yemithetho noma izenzo unelungelo njengoba kuhlinzekelwa ngumthetho wePhalamende lokubuyiselwa leyo mpahla, noma lokuthola usizo olufanele. (8) Akukho okushiwo kulesisigaba okungavimba umbuso ekubeni uthathe izinyathelo zokushaya imithetho nezinye izinyathelo ngenhloso yokuphumelelisa uguquko kwezomhlaba, amanzi nokunye okuyelene nalokho, ukuze ulungise imiphumela yobandlululo ngobuzwe lwesikhathi esedlule, kodwa konke okuqhelile ezimisweni zalesisigaba kufanele kuhambisane nezimiso zesigaba 36(1). (9) IPhalamende kufanele lishaye umthetho oshiwo kwizigatshana (6). Izindlu 26. (1) Wonke umuntu unelungelo lokukwazi ukuthola indlu efanelekile. (2) Umbuso kufanele uthathe izinyathelo zomthetho ezifanele nezinye izinyathelo, ngokusemandleni ombuso ukwenza ukuba ukuphumelela kwaleli lungelo kuqhubekele phambili. (3) Akekho umuntu ongasuswa emzini wakhe noma kudilizwe indlu yakhe ngaphandle kwesinqumo senkantolo esenziwe ngemuva kokuba ibheke izimo ezithile ezifanelekile Awukho umthetho oyovumela ukususwa abathintekayo benganikwanga ithuba lokuziphendulela. Impilo, ukudla, amanzi, nenhlalakahle 27. (1) Wonke umuntu unelungelo - (a) lokunakekelwa kwezempilo, okubandakanya ukunakekelwa kwezempilo okuqondene nokubeletha; (b) lokuthola amanzi nokudla okwenele; futhi (c) lenhlalakahle okubandakanya, usizo olufanele uma umuntu engakwazi ukuzondla nokondla labo okufanele abondle. (2) Umbuso kufanele uthathe izinyathelo zomthetho ezifanele nezinye izinyathelo ngokusemandleni ombuso ukuze ukuphumelela kwalelo nalelolungelo kuqhubekele phambili. (3) Akekho umuntu ongalelwa ukuba athole usizo lwezokwelashwa oluphuthumayo. Abantwana 28. (1) Wonke umntwana unelungelo - (a) lokuba negama nobuzwe kusukela ngesikhathi ezalwa; (b) lokunakekelwa ngumndeni, noma ukunakekelwa ngabazali noma ukunakekelwa okunye okufanele uma lowo mntwana esusiwe emndenini; (c) lokuthola ukudla okunomsoco, indawo yokuhlala, ukwelashwa kanye nezenhlalakahle; (d) lokuvikelwa ekuphathweni ngendlela engafanele, ekubeni anganakekelwa, ekuhlukunyezweni nasekuphathweni ngendlela eyehlisa isithunzi; (e) lokuvikelwa ezimweni zokuxhashazwa emsebenzini; (f) lokuthi kungadingeki noma kungavunyelwa ukuthi enze umsebenzi - (i) ongamfanele umuntu oneminyaka yobudala elingana neyalowo mntwana; noma (ii) obeka inhlalakahle engozini, imfundo, impilo yomzimba noma yengqondo, noma ukuthuthuka komoya, kwesimilo noma kobudlelwano nomphakathi, komntwana, esimweni esibucayi; (g) lokungaboshwa ngaphandle uma ukuboshwa kwakhe kuyisinyathelo sokugcina esingathathwa, okuyothi uma kwenzeka, ngaphezulu kwamalungelo anikwe umntwana esigabeni 12 kanye no 35 umntwana angaboshwa kuphela isikhathi okuyisona esifushane angaboshwa ngaso, futhi unelungelo - (i) lokungahlanganiswa nabanye abantu ababoshiwe abaneminyaka yobudala engaphezulu kuka 18; futhi (ii) lokuphathwa ngendlela futhi aboshwe ezimweni ezikhombisa ukubonelela iminyaka yakhe; (h) lokuba nommeli amnikezwa umbuso ngezindleko zombuso, emacaleni ombango athinta umntwana, uma ukunganikezwa ummeli kungaba nomphumela wokwehluleka kakhulu kobulungiswa; futhi (i) lokungasetshenziswa ngqo ekulweni izimpi futhi avikelwe ngazozonke izikhathi lapho kuliwa. (2) Kuzona zonke izinto ezithinta umntwana, kuyobekwa phambili izidingo zakhe. (3) Kulesisigaba "umntwana" kusho umuntu oneminyaka yobudala engaphansi kwengu-18. Imfundo 29. (1) Yilowo nalowo muntu unelungelo - (a) lokuthola imfundo eyisisekelo, kuhlanganisa imfundo eyisisekelo yabantu abadala, ezikhungweni zombuso noma ezikhungweni ezithola usizo embusweni; futhi (b) lemfundo engaphezu kweyisisekelo, sokuthatha izinyathelo ezinqala, kufanele wenze intuthuko ibe khona kunoma ngubani. (2) Wonke umuntu unelungelo lokuthola imfundo ngolimi alukhethayo esakhiweni semfundo somphakathi lapho leyo mfundo inganikezwa Ukuze kuqinisekiswe ukuthi leli lungelo kuyafinyelelwa kulona ngempela, nokuphoqelelwa kwaleli lungelo, umbuso kufanele uhlolisise yonke imigudu efanele yemfundo, kubandakanya nezakhiwo zemfundo ezifundisa ngolimi olulodwa, kube kunakekelwe okulandelayo - (a) lokho okugculisayo wonke othintekile; (b) ukuthi kungenzeka yini; futhi (c) isidingo sokulungisa imiphumela yemithetho nenqubo eyedlule eyayibandlulula ngokobuzwe. (3) Yilowo nalowo muntu unelungelo lokusungula nokugcina,ngezindleko zakhe, izikhungo zemfundo zangasese - (a) ezingabandlululi ngokohlanga; (b) ezibhaliswe nombuso; futhi (c) ezigcina amazinga angekho ngaphansi kwamazinga asezikoleni ezingaqhathaniswa nezixhaswa yizimali zombuso. (4) Isigatshana (3) asizivimbeli izimali zombuso ezixhasa izakhiwo zemfundo ezizimele. Ulimi namasiko 30. Wonke umuntu unelungelo lokusebenzisa ulimi alukhethayo futhi abambe iqhaza empilweni yamasiko ayikhethayo, kodwa akekho ovunyelwe ukusebenzisa lawa malungelo ngendlela engahambisani nanoma yisiphi isimiso soMqulu wamaLungelo. Imiphakathi enamasiko, izinkolo kanye nezilimi ezithile 31. (1) Abantu abangamalungu emiphakathi enamasiko, izinkolo noma izilimi ezithile kufanele bangaphucwa ilungelo, kanye namanye amalungu emiphakathi yabo, lokwenza okulandelayo - (a) ukuthokozela amasiko abo, ukuqhuba inkolo yabo nokusebenzisa ulimi lwabo; futhi (b) bakhe, bajoyine futhi bagcine izinhlangano zamasiko, zenkolo nezezilimi kanye nezinye izinhlangano zomphakathi. (2) Leli lungelo kwisigatshana (1) malingasetshenziswa ngendlela engahambisani nanoma yisiphi isimiso esikuMqulu wamaLungelo. Ukuthola Ulwazi 32. (1) Wonke umuntu unelungelo lokuthola - (a) nanoma yiluphi ulwazi olusezandleni zombuso; futhi (b) nanoma yiluphi ulwazi olusezandleni zomunye umuntu oludingekayo ekusetshenzisweni noma ekuvikelweni kwanoma yimaphi amalungelo. (2) Umbuso kufuneka wenze amalungelo asesigatshaneni (1) asebenze ngokushaya umthetho kazwelonke futhi lomthetho ungahlinzekela izinyathelo ezifanele ezinganciphisa umsebenzi wokwengamela izidingo zalelilungelo kanye nezindleko kumbuso. Ukuphatha ngokusemthethweni 33. (1) Yilowo nalowo muntu unelungelo lokuphathwa yiminyango nezakhiwo zombuso ngendlela esemthethweni, efanele futhi elandela inqubo egculisayo. (2) Yilowo nalowo muntu onamalungelo athintwe yisinyathelo sokuphatha, unelungelo lokunikezwa izizathu ezibhaliwe zaleso sinyathelo. (3) Kufanele kushaywe umthetho kazwelonke ukuze la malungelo asebenze futhi lo mthetho kufanele - (a) uhlinzekele ukuhlaziywa kabusha kwaleso sinyathelo enkantolo noma, esimweni esilungile kuhlaziye inkundla ezimele nengavuni cala; (b) ubeke isibopho phezu kombuso ukuthi uhloniphe amalungelo akwisigatshana (1) no (2); futhi (c) ukhuthaze ukuthi kubenombuso osebenza ngokukhuthala. Ukuvumeleka ukuya eNkantolo 34. Wonke umuntu unelungelo lokuthi noma yiyiphi ingxabano engaxazululwa ngokusebenzisa umthetho, inqunywe yinkantolo yomthetho ecaleni eligculisayo elivulekele umphakathi noma, lapho kulungile, leyo ngxabano ingaxazululwa yinkundla ezimele nengavuni hlangothi. Abantu ababoshiwe, abavalelwe nababekwe amacala 35. (1) Wonke umuntu oboshiwe ngoba kuthiwa wenze icala, unelungelo - (a) lokuthula angasho lutho; (b) lokwaziswa ngokushesha - (i) ngelungelo lokuthula angasho lutho; futhi (ii) ngomphumela wokungasho lutho; (c) lokuba angaphoqwa ukuhlambuluka noma ukuvuma izinto ezingase zisetshenziswe njengobufakazi ecaleni lakhe; (d) lokuba ayiswe enkantolo ngokushesha okungase kwenzeke kodwa engakadluli - (i) amahora angu-48 emva kokuboshwa; noma (ii) ekupheleni kosuku lokuqala lwenkantolo emva kwesikathi esingamahora angu-48 sesidlulile ngaphandle kwesikhathi esejwayelekile sokusebenza kwenkantolo, noma nosuku olungelona lokusebenza kwenkantolo; (e) ekuveleni kokuqala phambi kwenkantolo emva kokuboshwa, lokuba adedelwe ngaphandle uma ethweswa icala futhi inkantolo inquma ukuthi aqhubeke evalelwe; futhi (f) lokukhululwa ekuvalelweni uma izidingo zobulungiswa zivuma, kodwa ngemibandela efanelekile. (2) Wonke umuntu ovalelwe, kubandakanya noma yisiphi isiboshwa esidonsa isigwebo, unelungelo - (a) lokwaziswa ngokushesha ngezizathu zokuvalelwa kwakhe; (b) lokuzikhethela kanye nokubonana nommeli nokwaziswa ngokushesha ngalelilungelo; (c) lokunikezwa ummeli ngezindleko zombuso, uma ukunganikezwa ummeli kungabukhinyabeza kakhulu ubulungiswa, futhi aziswe ngaleli lungelo ngokushesha; (d) lokuphikisa ukubasemthethweni kokuvalelwa kwakhe mathupha phambi kwenkantolo, futhi uma kutholakala ukuthi loko kuvalelwa akukho emthethweni adedelwe; (e) lokuba avalelwe ngaphansi kwesimo esihlonipha isithunzi sobuntu, kubandakanye ukuthi okungenani ukulolonga umzimba nokuhlinzeka ngezindleko zombuso, indawo eyanele, umsoco owanele, izinto zokufunda ezanele kanye nokwelashwa kwempilo okwanele; futhi (f) lokuxhumana nokuvakashelwa - (i) ngowakwakhe noma lowo azwana naye; (ii) yisihlobo esisondelene naye; (iii) umkhokheli kwezenkolo oqokwe nguye; futhi (iv) udokotela oqokwe nguye. (3) Wonke umuntu obekwe icala unelungelo lokuba icala lakhe liqulwe ngendlela egculisayo, lokhu kuhlanganisa ilungelo - (a) lokuba aziswe ngecala athweswe lona ngokunikwa imininingwane eyanele ukuze akwazi ukuziphendulela; (b) lokuba anikwe isikhathi nezidingo ezanele zokulungisela ukuziphendulela; (c) lokuba icala lakhe lethanyelwe ngumphakathi enkantolo ejwayelekile yamacala; (d) lokuba icala liqalwe futhi liphethwe ngaphandle kokuchitha isikhathi kungafanele; (e) lokuba khona enkantolo uma kuthethwa icala lakhe; (f) lokukhetha ummeli nokumelwa ngummeli futhi abenelungelo lokwaziswa ngaleli lungelo ngokushesha; (g) lokubanommeli onikezwe ngumbuso futhi ngezindleko zombuso uma ukunganikezwa ummeli kungabukhinyabeza kakhulu ubulungiswa, futhi nelungelo lokwaziswa ngaleli lungelo ngokushesha; (h) lokuthathwa ngokuthi akanacala futhi lokungasho lutho ngecala futhi lokunganiki bufakazi ngesikhathi kuqulwa icala lakhe; (i) lokunika futhi lokuphikisa ubufakazi; (j) lokungaphoqwa ukuba anike ubufakazi obuzomethwesa ngecala; (k) lokuba icala liqulwe ngolimi aluzwayo, noma uma loko kungaphumeleli ukuqulwa kwecala kutolikelwe kulolo limi alwaziyo; (l) lokungagwetshelwa ukwenza noma ukungenzi okuthile okwakungelona icala ngokomthetho wezwe noma wamazwe ngamazwe ngesikhathi ekwenza noma engakwenzi; (m) lokungabhekani necala enkantolo eliphathelene nalokho asatholwa engenacala lako noma asagwetshelwa kona; (n) lokunikezwa isigwebo esisinda kancane kunesinye esimisiwe uma isigwebo esimiselwe lelo cala sishintshiwe phakathi kwesikhathi sokwenziwa kwecala nesikhathi sokugwetshwa; futhi (o) lokufaka isicelo sokudlulisa icala noma ukuhlaziywa kwalo yinkantolo enkulu. (4) Lapho lesi sigaba sidinga ukuba umuntu aziswe okuthile, lolo lwazi kufanele lowo muntu alunikwe ngolimi aluqonda kahle. (5) Ubufakazi obutholakale ngendlela ephambene nanoma yiliphi ilungelo elikuMqulu wamaLungelo kufanele bungangeniswa njengobufakazi ecaleni uma ukungeniswa kwalobo bufakazi bungenza ukuthi icala lingagculisi noma kungakhinyabeza ukuphathwa kobulungiswa. Ukuncishiswa Kwamalungelo 36. (1) Amalungelo aqukethwe kuMqulu wamaLungelo angancishiswa kuphela ngokusho komthetho osebenza kunoma yimuphi umuntu, kungadluli ezingeni lokuthi ukuncishiswa kube kufanele futhi kwamukelekile emphakathini ovulekile, onombuso wentando yeningi nosekelwe yisithunzi sobuntu, ukulingana, nenkululeko, kunakwe zonke izinto ezithintekayo ezibandakanya - (a) ubunjalo belungelo; (b) ukubaluleka kwezinjongo zokuncishiswa; (c) ubunjalo nobungako bokunciphisa; (d) ubudlelwane phakathi kokunciphisa nezinjongo zawo; futhi (e) ezinye izindlela ezinezihibe ezingaphansi ezingafeza injongo efanayo. (2) Ngaphandle uma kwenziwe ngendlela ehlinzekelwe kwisigatshana (1) noma esinye sezimiso zoMthethosisekelo awukho umthetho onganciphisa noma yiliphi ilungelo elihlinzekelwe kuMqulu wamaLungelo. Isimo esibucayi 37. (1) Isimo esibucayi singamenyezelwa kuphela ngokulandela uMthetho wePhalamende, futhi kuphela uma - (a) impilo yezwe yesatshiswa ngenxa yempi, yokuhlaselwa, yokuvukelwa kombuso, yeziphithiphithi, yenhlekelele yemvelo noma yesehlakalo esibucayi emphakathini; futhi (b) isimemezelo sesimo esibucayi sidingekile ukuze kubuyiselwe uxolo nokuthula. (2) Ukumenyezelwa kwesimo esibucayi, kanye nomthetho owenziwe noma isinyathelo noma yisiphi esithathwe kulandela leso simemezelo, kungasebenza kuphela - (a) kuya esikhathini esilandelayo; futhi (b) isikhathi esingeqile ezinsukwini ezingu 21 kusukela osukwini lwesimemezelo ngaphandle uma uMkhandlu kaZwelonke unquma ukwelula isikhathi sesimemezelo. UMkhandlu kaZwelonke unganquma ukwelula isikhathi sokusebenza kwesimemezelo sesimo esibucayi ngesikhathi esingeqile ezinyangeni ezintathu. Ukwelulwa kokuqala kwesikhathi sesimo esibucayi kufanele kwenziwe ngesinqumo esivunjwe yiningi lamalungu oMkhandlu. kaZwelonke Noma yikuphi ukwelulwa kwesikhathi okulandelayo kufanelwe kwenziwe ngesinqumo esesekwe okungenani ngamalungu oMkhandlu angamaphesenti angu-60 Isinqumo esishiwo kulesi sigatshana kufanele sithathwe ngemuva kwenkulumompikiswano eMkhandlwini. (3) Noma iyiphi inkantolo ingathatha isinqumo mayelana nokubasemthethweni - (a) kwesimemezelo sesimo esibucayi; (b) kokwelulwa kwesimemezelo sesimo esibucayi; noma (c) kwanoma yimuphi umthetho owenziwe, noma isinyathelo esithathiwe ngokulandelwa kwaleso simemezelo sesimo esibucayi. (4) Noma yimuphi umthetho omisiwe ngenxa yokumenyezelwa kwesimo esibucayi kungazitshwa kumthetho-sivivinywa kulezi zimo kuphela - (a) ukuzitshwa kwesimemezelo kudingwa yisimo esibucayi kuphela; kanye (b) umthetho unga - (i) vumelana nezimiso zeRiphubliki ngaphansi komthetho womhlaba wonke omiselwe isimo esibucayi; (ii) hambisana nesigatshana (5); futhi (iii) ushicelelwa kusomqulu kahulumeni kazwelonke ngokushesha uma kunokwenzeka emva kokuba umisiwe. (5) Awukho uMthetho wePhalamende noma umthetho oshaywe ngenxa yesimemezelo sesimo esibucayi noma esinye isinyathelo esithathwe ngenxa yesimemezelo sesimo esibucayi esingavumela - (a) ukuxolelwa kombuso, noma komuntu noma yimuphi mayelana nesenzo esingekho emthethweni; (b) ukuzitshwa kwalesi sigaba noma ngayiphi indlela; noma (c) ukuzitshwa kwesigaba esishiwo kwingxenye 1 yoluhla lwamalungelo angeke azitshwe, ngezinga elivezwe ngaphesheya kwesigaba engxenyeni 3 yoluhla. Uhla lwamalungelo angeke ajivazwa 1 2 3 Inombolo Isihloko Izinga lokuvikelwa kwelungelo yesigaba sesigaba 9. Ukulingana. Mayelana nokubandlululwa okungamukelekile ngokohlanga, ibala, ubuzwe noma imvelaphi, ubulili, inkolo noma ulimi. 10. Isithunzi somuntu. Ngokuphelele. 11. Ukuphila. Ngokuphelele. 12. Ukukhululeka Mayelana nezigatshana (1)(d) no (e) no 2(c) nokuphepha komuntu 13. Ubugqili, Mayelana nobugqili nokwenziwa isigqila ukwenziwa isigqila nokusetshenziswa ngempoqo. 28. Izingane. Mayelana nesigatshanna 1(d), kanye no (e); namalungelo kwisigatshana (i) kanye no (ii) wesigatshana (1)(g); kanye nesigatshana (1)(i) esimayelana nabantwana abaneminyaka engu- 15 nabangaphansi. 35. Abantu ababoshiwe, Mayelana : abatokile noma - nezigatshana (1) (a), (b) no (c) 2(d); abethweswe amac- - amalungelo akupharagrafu (a) ku yaku (o) ala esigatshana (3), ngaphandle kweppharagrafu (d); -isigatshana (4); kanye -nesigatshana (5) ngokumayelana nokukhishelwa ngaphandle kobufakazi uma ukwamukelwa kwalobo bufakazi kungakhinyabeza ukuthethwa kwekala ngendlela efanele (6) Noma yinini lapho umuntu evalelwe ngaphandle kokuthethwa kwecala ngaphansi komthetho wesimo esibucayi izimiso ezilandelayo kufanele ziqikelelwe: (a) umuntu omdala oyilungu lomndeni noma umngane walowo ovalelwe kufanele atshelwe ngokushesha okungase kwenzeka ngokuvalelwa kwalowo muntu. (b) Isaziso kufanele sishicilelwe kwiphephandaba iGazethi kaHulumeni kazwelonke zingakapheli izinsuku ezinhlanu umuntu evalelwe, lesi saziso kumele sisho igama lomuntu nalapho evalelwe khona nesimo esibucayi aboshwe ngaphansi kwaso; (c) Umuntu ovalelwe kumele avunyelwe ukuqoka, kanye nokuvakashelwa ngudokotela noma ngasiphi isikhathi esifanele; (d) Umuntu ovalelwe kumele avunyelwe ukuqoka, kanye nokuvakashelwa ngummeli noma ngasiphi isikhathi esifanele; (e) Inkantolo yamacala kumele ibuyekeze ukuvalelwa kwomuntu ngokushesha okungase kwenzeke, kodwa zingakapheli izinsuku ezingu 10 emuva kokuvalelwa kwakhe, futhi inkantolo kumele imudedele lowo ovalelwe ngaphandle uma kunesidingo sokuqhubeka nokumvalela ukuze kubuyiselwe isimo soxolo nokuthula; (f) Umuntu ongadedelwanga njengokusho kwesibuyekezo esikwindima (e) noma ongadedelwanga ngemuva kokubuyekezwa ngaphansi kwalesi sigaba angenza isicelo enkantolo ukuba kuphinde kubuyekezwe ukuvalelwa kwakhe noma ngasiphi isikhathi ngemuva kwezinsuku ezingu-10 lwenziwe uhlaziyo oludala, futhi kunoma yikuphi ukubuyekezwa inkantolo kufanele imdedele umuntu ngaphandle uma kudingekile ukuba aqhubeke evalelwe ukuze kubuyiselwe uxolo nokuthula; (g) Umuntu ovalelwe unelungelo lokuvela qobo lwakhe phambi kwenkantolo, ukumelwa ngummeli kulolo daba futhi nokwethula izizathu eziphikisa ukuthi aqhubeke esekuvalelweni; futhi (h) Umbuso kufanele wethule phambi kwenkantolo izizathu ezibhalwe phansi zokuthi kubaluleke ngani ukuvalelwa noma ukuqhubeka nokuvalela lowo muntu, ikhophi yezizathu zinikwe lowo ovalelwe okungenani esikhathini esiyizinsuku ezimbili ngaphambi kokuthi inkantolo ibuyekeze ukuvalelwa kwakhe. (7) Uma inkantolo idedela obevalelwe, lowo muntu angeke aphinde avalelwe ngezizathu ezifanayo, ngaphandle uma umbuso ungethula phambi kwenkantolo isizathu esiqinile esenza kube nesidingo sokuthi lowo muntu aphinde avalelwe. (8) Izigatshana (6) no (7) azisebenzi kubantu abangezona izakhamuzi zaseNingizimu Afrika futhi abavalelwe ngenxa yempi phakathi kwamazwe Esikhundleni salezo zigatshana, umbuso kufanele uhambisane nemigomo ebophe iRiphabhuliki ngaphansi komthetho wobuntu wamazwe ngamazwe mayelana nokuvalelwa kwalabo bantu. Ukuphoqelelwa kwamalungelo 38. Nanoma wubani obaliwe kulesi sigaba unelungelo lokufaka isicelo enkantolo, esho ukuthi ilungelo elikuMqulu wamaLungelo, liphuliwe noma kungenzeka liphulwe, inkantolo inganikeza usizo okufanele okubandakanya ukumenyezelwa kwamalungelo Abantu abangenza izicelo zosizo yilaba - (a) noma yimuphi umuntu ozifakela yena isicelo; (b) noma yimuphi umuntu owenza isicelo egameni lomunye umuntu ongakwazi ukuzenzela yena; (c) noma yimuphi umuntu ofaka isicelo njengelungu, noma owenza lokho egameni leqembu noma lomkhakha othile wabantu; (d) noma yimuphi umuntu ofaka isicelo ukuzuzela umphakathi; kanye (e) nenhlangano efaka isicelo ngenhloso yokuzuzela amalungu ayo. Ukuhunyushwa komqulu wamalungelo 39. (1) Uma kuhunyushwa uMqulu wamaLungelo, yileyo naleyo nkantolo - (a) kufanele ikhuthaze imigomo eyeseka umphakathi ovulekile nobuswa yinqubo yentando yeningi eyesekelwe yisithunzi somuntu, ukulingana nenkululeko; (b) kufanele ibheke umthetho wamazwengamazwe; futhi (c) ingabuka umthetho wezinye izizwe. (2) Uma kuhunyushwa nanoma yimuphi umthetho, futhi uma kuthuthukiswa umthetho owejwayelekile noma umthetho wesintu, yileyo naleyo nkantolo, noma inkundla kumele ikhuthaze umoya, inhloso kanye nezinjongo zoMqulu wamaLungelo. (3) UMqulu wamaLungelo awukuphiki ukubakhona kwamanye amalungelo avela emthethweni owejwayelekile, umthetho wesintu noma imithetho eshaywe izishayamthetho, kugcine ezingeni lokuhambisana kwayo noMqulu wamalungelo. Isahluko 3 Uhulumeni wobumbano Uhulumeni eRiphabhuliki 40. (1) Uhulumeni eRiphabhuliki, wakheke waba yimikhakha kazwelonke, yezifundazwe kanye neyezindawo, engafani, enobudlelwano nokuhlobana. (2) Yonke imikhakha kahulumeni kufanele iqaphele futhi ilandele imigomo ebekwe kulesi sahluko futhi kumele yenze imisebenzi yayo ngokulandela uhlaka olunikezwa yilesi sahluko. Izibopho zikahulumeni wobambiswano 41. Yonke imikhakha kahulumeni nazo zonke izingxenye zombuso emkhakheni ngamunye kufanele - (a) kugcine uxolo, ubumbano lwesizwe, nokungahlukaniseki kweRiphabhuliki; (b) kuphephise inhlalakahle yabantu baseRephabhliki; (c) kumise uhulumeni weRiphabhuliki wonkana onobuciko, osebenzela obala, ophendulayo futhi odidiyelwe kahle; (d) kuthembeke kuMthethosisekelo, kwiRephabhliki, nakubantu bayo; (e) kuhloniphe amazinga ohulumeni bakweminye imikhakha abekwe ngumthethosisekelo, izakhiwo, amandla kanye nemisebenzi yohulumeni abakweminye imikhakha; (f) kungazithatheli amanye amandla nemisebenzi eminye ngaphandle kwaleyo enikezwe ngokoMthethosisekelo; (g) kusebenzise amandla ako futhi nokwenza nemisebenzi ngendlela yokungeyi amandla endawo, ukusebenza kanye nobuqotho bohulumeni beminye imikhakha; futhi (h) kusebenzisane ngokwethembana nangomoya omuhle - (i) ngokwakha ubudlelwano bokuzwana; (ii) ngokusizana nokwesekana; (iii) ngokwazisana nokubonisana nezindaba ezithinta imikhakha ngokufanayo; (iv) ngokudidiyela izenzo kanye nemithetho; (v) ngokulandela izindlela zokusebenza okuvunyelenwe ngazo; futhi (vi) ngokugwema ukwethwesana ngamacala phambi komthetho. (2) Umthetho wePhalamende kumele - (a) uhlinzekele izindlela ezifanele kanye nezinhlelo zokugqugquzela ukuxazululwa kwezingxabano phakathi kohulumeni abehlukahlukene; futhi. (b) uhlinzekele indlela efanele yokusebenza kanye nenqubo yokugqugquzela ukusonjululwa kwengxabano phakathi kohulumeni. (3) Ingxenye yombuso ethintekayo engxabanweni ephakathi kohulumeni kufanele yenze yonke imizamo efanele yokuxazulula leyo ngxabano ngokusebenzisa izindlela nezinhlelo ezibekelwe leso sidingo, futhi kufanele isebenzise yonke eminye imigudu ekhona ngaphambi kokudlulisela udaba enkantolo ukuba ixazulule leyo ngxabano. (4) Uma inkantolo ingagculisekile ukuthi izidingo zesigatshana (4) zigcwalisiwe, ingayibuyisela leyo ngxabano kuleyo ngxenye yombuso ethintekile. Isahluko 4 IPhalamende Ukwakheka kwePhalamende 42. (1) IPhalamende lakhiwe - (a) nguMkhandlu kaZwelonke; kanye (b) noMkhandlu kaZwelonke wesiFundazwe. (2) UMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe babamba iqhaza ekushayweni kwemithetho ngendlela ebekwe kulo Mthethosisekelo. (3) UMkhandlu kaZwelonke ukhethelwe ukuba umele abantu futhi noqinisekisa umbuso wabantu ngaphansi koMthethosisekelo Ukwenza loku ngokukhetha uMongameli, ngokuba yinkundla kazwelonke yokucwaningwa kwezindaba phambi komphakathi, ngokushaya imithetho kanye nokuhlolisisa nokuqapha izenzo zikahulumeni. (4) UMkhandlu kaZwelonke eziFundazwe umele izifundazwe ukuze siqinisekise ukuthi izidingo zezifundazwe ziyaqikelelwa emkhakheni kahulumeni kazwelonke Sikwenza loku ikakhulukazi ngokubamba iqhaza ekushayweni kwemithetho kazwelonke nokuba yinkundla kazwelonke yokucwaningwa kwezindaba ezithinta izifundazwe phambi komphakathi. (5) UMongameli angabizela iPhalamende emhlanganweni ongejwayelekile noma ngasiphi isikhathi ukuze lenze umsebenzi ongejwayelekile. (6) Indawo yokuhlala kwePhalamende ise Kapa, kodwa umthetho wePhalamende oshaywe ngendlela ehambisana nezigaba 76(1) no (5), unganquma ukuthi iPhalamende lihlala kwenye indawo. Igunya lokushaya imithetho eRiphabhuliki 43. ERiphabhuliki igunya lokushaya imithetho - (a) emkhakheni kahulumeni kazwelonke linikezwe iPhalamende, njengoba kushiwo esigabeni 44; (b) emkhakheni kahulumeni wezifundazwe linikezwe isishayamthetho njengoba kushiwo esigabeni 104; futhi (c) emkhakheni kahulumeni wendawo linikezwe ezigungwini zikamasipala, njengoba kushiwo esigabeni 156. Igunya lokushaya imithetho kazwelonke 44. (1) Igunya lokushaya imithetho kazwelonke njengoba linikezwe iPhalamende - (a) libeka amandla phezu koMkhandlu kaZwelonke - (i) okushintsha uMthethosisekelo; (ii) okwamukelwa imithetho mayelana nazozonke izindaba, kubandakanya lokho okufakwe kuluhlu lukaSheduli 4, kodwa kungahlanganisi, ngaphandle kwendlela eshiwo yisigatsana (2), udaba olufakwe kuluhlu lukaSheduli 5; futhi (iii) okudlulisela noma yimaphi amandla okushaya umthetho, ngaphandle kwamandla okushintsha uMthethosisekelo, kunoma yisiphi isishayamthetho komunye umkhakha kahulumeni; futhi (b) libeka amandla phezu koMkandlu weziFundazwe kaZwelonke - (i) okubamba iqhaza ekuguqulweni koMthethosisekelo, njengokusho kwesigaba 74; (ii) okwamukelwa imithetho njengokusho kwesigaba 76, umthetho omayelana nanoma yiluphi udaba olufakwe ohlwini lukaSheduli 4, futhi nanoma yiluphi olunye udaba okudingeka lamukelwe ngendlela ebekwe nguMthethosisekelo egasibeni 76; futhi (iii) okucwaninga, ngendlela eshiwo yisigaba 75, noma yimuphi omunye umthetho owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke. (2) IPhalamende lingagxambukela ngokwamukela umthetho, ngendlela ehambisana nesigaba 76(1), mayelana nodaba olufakwe ohlwini lukaSheduli 5, uma kunesidingo - (a) sokugcina ukuphepha kwezwe; (b) sokugcina ubumbano lomnotho; (c) sokugsima amazinga asemqoka kazwelonke (d) sokumisa amazinga okungafanele ehliswe okunikela ngemisebenzi yombuso; noma (e) sokuvimbela isenzo esingafanele esithathwa yisifundazwe esingakhinyabeza esinye isifundazwe noma izwe ngokuphelele. (3) IsiGungu sikaZwelonke seziFundazwe sinamandla okushaya imithetho mayelana nodaba oludingekile ukuze kusetshenziswe ngendlela kwamandla, noma oluncikene nokusetshenziswa ngendlela kwamandla aphathelene nanoma yiluphi udaba olufakwe ohlwini lukaSheduli 4. (4) Uma lisebenzisa igunya lalo lokushaya imithetho, iPhalamende libekelwe imigomo nguMthethosisekelo kuphela, futhi kufanele lenze njengoba kusho uMthethosisekelo, lilandela imibandela yoMthethosisekelo. Amakomiti emitheshwana nezinqumo okuhlanganyelwe 45. (1) UMkhandlu kaZwelonke neisGungu sikaZwelonke weziFundazwe kufanele kokubili kumise ikomidi elihlangene lokushaya le mitheshwana elizomisa imitheshwana nezinqumo mayelana nomsebenzi odidiyelwe woMkhandlu neisGungu, kubandakanya imitheshwana nezinqumo - (a) yokumiswa kwezinqubo zokugqugquzela uhlelo lokushaya imithetho, kubandakanya ukubeka imikhawulo yesikhathi sokuqeda isinyathelo esithile ohlelweni; (b) yokumiswa kwamakomidi ahlangenyelwe akhiwe ngabamele imikhakha yomibili yePhalamende, uMkhandlu nesiGungu, ukuze acwaninge futhi wethule imibiko ngeMithethosivivinywa ehlongozwa ezigabeni 74 no 75 esidluliselwe kulawo makomiti; (c) yokumiswa kwekomidi elihlangenyelwe lokubuyekeza uMthethosisekelo minyaka yonke; futhi (d) yokulawula umsebenzi - (i) wekomidi elihlangenyelwe lemitheshwana; (ii) weKomidi labaLamuli; (iii) wekomidi lokubuyekezwa komthethosisekelo; futhi (iv) wanoma yiliphi ikomidi elimiswe ngokusho kwesigaba (b). (2) Amalungu eKhabhinethi, amalungu ePhalamende likazwelonke kanye namalungu amele uMkhandlu seziFundazwe sikazwelonke anelungelo elilinganayo ngaphambi kwekomidi elihlanganyelwe lePhalamende kanye noMkhandlu njengoba benalo ngaphambi kwePhalamende noma uMkhandlu. UMkhandlu KaZwelonke Ukwakheka nokukhethwa kwamalungu 46. (1) UMkhandlu kaZwelonke wakhiwe yinani labantu besifazane nabesilisa elisuka ku 350 kodwa elingedlulille ku 400 abakhethwe njengamalungu njengoba kubekwe nguhlelo lokhetho - (a) olubekwe ngumthetho kazwelonke; (b) olwakhelwe phezu koluhla lwabobonke abavoti; (c) oluhlinzekela ukuthi kuvotela abantu abaneminyaka engu 18 kuya kwengaphezulu; futhi (d) olunomphumela, kabanzi, wokumelwa ngokwamanani amavoti atholiwe. (2) Umthetho wePhalamende kumele uhlinzeke indlela yokunquma inani lamalungu oMkhandlu kaZwelonke. Ubulungu 47. (1) Zonke izakhamuzi ezivunyelwe ukuvotela amalungu oMkhandlu kaZwelonke zingaba amalungu oMkhandlu, ngaphandle - (a) kwanoma ngubani oqashwe noma osebenzela umbuso, futhi owuholelayo lowomsebenzi, ngaphandle kwabalandelayo - (i) uMongameli wezwe, iSekela likaMongameli, oNgqongqoshe namaSekela oNgqongqoshe; futhi (ii) abanye abasezikhundleni imisebenzi yabo ehambisanayo nemisebenzi yelungu loMkhandlu, futhi sekumiswe ngumthetho kaZwelonke ukuthi iyahambisana naleyomisebenzi; (b) izithunywa ezigcwele zesiGungu kaZwelonke weziFundazwe, noma amalungu esishayamthetho sesiFundazwe noma uMkhandlu kamasipala; (c) abehlulwe yizikweletu inkantolo yaze yanquma ukuthi abanalutho okungolwabo, uma leso sinqumo singakasuswa; (d) noma ngubani onesinqumo senkantolo yaseRiphabhuliki sokuthi unomqondo ongaphilile kahle; noma (e) noma ngubani okwathi emuva kuthi lesi sigaba siqale ukusebenza, watholwa enecala wagwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezingu-12 ejele ngaphandle kwesijeziso semali, lapha eRiphabhuliki noma ngaphandle kweRiphabhuliki uma leso senzo asigwetshelwa sasingaba yicala eRiphabhuliki; kodwa, akekho umuntu oyothathwa ngokuthi ugwetshiwe kuze kubenesinqumo maqondana nokudluliswa kwecala noma kuze kudlule isikhathi sokulidlulisa icala Isithibe ngaphansi kwalesi sigaba siphela eminyakeni emihlanu emuva kokuqedwa kwesigwebo. (2) Umuntu ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaZwelonke ngokusho kwezigatshana (1)(a) noma (b) angalumela ukhetho loMkhandlu, uma kuhambisana nemikhawulo noma imbandela emiswe ngumthetho kazwelonke. (3) Umuntu ulahlekelwa wubulungu boMkhandlu kaZwelonke uma lowo muntu - (a) eyeka ukuba ngumuntu ovunyelwe; noma (b) ephuthe eMkhandlwini ngaphandle kwemvume kuleso simo esibekwa yimitheshwana nezinqumo ukuthi kufanele alahlekelwe ngubulungu. (4) Izikhala eMkhandlwini kaZwelonke kumele zigcwaliswe ngokusho komthetho kazwelonke. Izifungo nokuvuma ngokuzibophelela 48. Ngaphambi kokuba ilungu loMkhandlu kaZwelonke liqale ukwenza imisebenzi yoMkhandlu, kufanele lifunge noma lethembise ukwethembeka kwiRiphabhuliki kanye nokuthobela uMthethosisekelo, ngendlela ebekwe kwiSheduli 2. Isikhathi uMkhandlu kaZwelonke okhethelwe sona 49. (1) UMkhandlu kaZwelonke ukhethelwa isikhathi esiyiminyaka emihlanu. (2) Uma uMkhandlu kaZwelonke uhlakazwe njengoba kubekiwe esigabeni 50, noma emva kokuphelelwa yisikhathi sawo, uMongameli, kufanele abize ukhetho ngesimemezelo esishicilelwe futhi asho kuleso simemezelo ukuthi luzobanjwa ngaziphi izinsuku lolo khetho, kodwa kufanele lubanjwe phakathi kwezinsuku ezingu-90 kusukela ekuhlakazweni koMkhandlu noma ekuphelelweni kwawo yisikhathi. (3) Uma umphumela wokhetho loMkhandlu kaZwelonke ungamenyezelwanga phakathi kwesikhathi esibekwe kwisigaba 190 noma uma ukhetho luchithwe yinkantolo, uMongameli, kufanele abize abeke nezinsuku zolunye ukhetho ngesimemezelo esishicilelwe phakathi kwezinsuku ezingu 90 kusukela ekweqeni kwesikhathi sokumemezela umphumela noma kusukela ngelanga ukhetho olwachithwa ngalo. (4) UMkhandlu kaZwelonke uyaqhubeka nokubanamandla okusebenza kusukela esikhathini ohlakazwe ngaso, noma ophelelwe ngaso yisikhathi, kuze kube yilanga elingaphambi kwelanga lokuqala lokuvotela uMkhandlu olandelayo. Ukuhlakazwa koMkhandlu kaZwelonke ngaphambi kokuphela kwesikhathi sawo 50. (1) UMongameli kufanele awuhlakaze uMkhandlu kaZwelonke uma - (a) UMkhandlu uthathe isinqumo sokuhlakazeka esesekwe yiningi lamalungu; futhi (b) sekwedlule iminyaka emithathu emva kokukhethwa koMkhandlu. (2) IBamba likaMongameli kufanele liwuhlakaze uMkhandlu uma - (a) kunesikhala esikhundleni sikaMongameli; futhi (b) UMkhandlu wehluleka ukukhetha uMongameli omusha phakathi kwezinsuku ezingu-30 sivelile leso sikhala. Izikhathi zokuhlangana nezamakhefu 51. (1) Emva kokhetho, umhlangano wokuqala woMkhandlu kaZwelonke kufanele uhlale ngesikhathi kanye nangelanga elibekwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa lingabingaphezulu kwezinsuku ezingu-14 emva kokumenyezelwa komphumela wokhetho UMkhandlu kaZwelonke ungabeka izikhathi nobude beminye imihlangano yawo kanye namakhefu awo. (2) UMongameli angabiza ngokushesha uMkhandlu ukuba uze emhlanganweni ongajwayelekile noma ngasiphi isikhathi ukuze wenze umsebenzi ongejwayelekile. (3) Imihlangano yoMkhandlu kaZwelonke ivunyelwe ezindaweni ezingeyona indawo yokuhlala kwePhalamende kuphela ngezizathu eziyizidingo zomphakathi, zokuphepha noma ubulula bamalungiselelo, futhi uma kuhlinzekelwe emitheshwaneni yoMkhandlu. USomlomo noma iSekela likaSomlomo woMkhandlu 52. (1) Emhlanganweni wokuqala woMkhandlu ngemuva kokukhethwa kwawo, noma uma kudingekile ukuze kuvalwe isikhala, uMkhandlu kaZwelonke kufanele ukhethe uSomlomo nesekela likaSomlomo phakathi kwamalungu awo. (2) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele engamele ukhetho lukaSomlomo, noma aqoke elinye ijaji ukuthi lengamele USomlomo wengamela ukhetho lweSekela likaSomlomo. (3) Uhlelo olubekwe kwingxenya A kuSheduli 3 lusebenza nalapho kukhethwa uSomlomo nesekela likaSomlomo. (4) UMkhandlu kaZwelonke ungasusa uSomlomo noma iSekela likaSomlomo esikhundleni ngokuthatha isinqumo sokwenza njalo Iningi lamalungu oMkhandlu kufanele abekhona lapho kuthatha lesi sinqumo. (5) Ngokusho kwemitheshwana nezibopho, UMkhandlu kaZwelonke ungakhetha phakathi kwamalungu awo abanye abangangamela imihlangano yoMkhandlu ukuze basize uSomlomo neSekela likaSomlomo. Izibopho 53. (1) Ngaphandle uma uMthethosisekelo ubeka ngokukwehlukile - (a) iningi lamalungu oMkhandlu kaZwelonke kufanele libekhona ngaphambi kokuthi kuvotelwe uMthethosivivinywa noma isichibiyelo kuMthethosivivinywa; (b) okungenani ingxenye engu-1/3 yamalungu kufanele ibekhona ngaphambi kokuthi kuvotelwe noma yiluphi olunye udaba olubekwe phambi koMkhandlu; futhi (c) isinqumo ngazo zonke izinto ezibekwe phambi koMkhandlu kufanele sithathwe ngokwesekwa yiningi lamavoti afakiwe. (2) Ilungu loMkhandlu kaZwelonke elengamele umhlangano woMkhandlu alikwazi ukufaka ivoti elejwayelekile kodwa - (a) kufanele lifake ivoti lesinqumo uma inani lamavoti lilingana ezinhlangothini zombili zodaba oluvotelwayo; futhi (b) lingafaka ivoti elejwayelekile uma udaba kufanele lunqunywe ngokwesekwa okungenani yinani lamavoti eliyingu-2/3 kumalungu oMkhandlu. Amalungelo amalungu athile eKhabinethi eMkhandlwini kaZwelonke 54. UMongameli kanye nanoma yiliphi ilungu leKhabhinethe elingelona ilungu loMkhandlu kaZwelonke, bangawuhambela umhlangano woMkhandlu, bakhulume eMkhandlwini kodwa abavunyelwe ukuvota. Amandla oMkhandlu kaZwelonke 55. (1) Ekusebenziseni amandla okushaya imithetho, uMkhandlu kaZwelonke - (a) ungacwaninga, wemukele, ushintshe noma uchithe noma yimuphi umthetho obekwe phambi koMkhandlu; futhi (b) ungasungula noma ulungise umthetho ngaphandle kweMithethosivivinywa yemali. (2) UMkhandlu kaZwelonke kufanele uhlinzekele izindlela - (a) zokuqinisekisa ukuthi zonke izingxenye zombuso emkhakheni kahulumeni kaZwelonke ziphendula kuwona; futhi (b) ukugcina iso kuloku - (i) ukusetshenziswa kwegunya lokuphatha ngokukaZwelonke, kubandakanya ukuthatha lawo manyathelo okwenza ukuthi umthetho usebenze; futhi (ii) noma yiyiphi ingxenye yombuso. Ubufakazi noma ulwazi oluphambi koMkhandlu kaZwelonke 56. UMkhandlu kaZwelonke noma ikomidi lawo noma yiliphi - (a) ungabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwawo ukuze anike ubufakazi obufungelwe noma obuqinisekisiwe noma ukuze aveze amaphepha athile; (b) ungafuna ukuthi noma yimuphi umuntu noma isakhiwo sinikeze umbiko kuwona; (c) ungaphoqa, ngokomthetho kazwelonke noma imitheshwana nezinqumo zawo, ukuthi noma yimuphi umuntu noma isakhiwo silandele okushiwo yisamanisi noma okushiwo kwisigaba (a) noma (b); futhi (d) ungemukela izicelo, imibono noma iziphakamiso ezivela kunoma yimuphi umuntu othintwa wudaba noma eminye imikhakha. Amalungiselelo ezangaphakathi, imisebenzi nezinkambiso zoMkhandlu kaZwelonke 57. (1) UMkhandlu kaZwelonke - (a) ungazithathela izinqumo futhi uzilawulele amalungiselelo ezangaphakathi; futhi (b) wenze imitheshwana nezibopho maqondana nomsebenzi wawo ube ubhekelele ukuqhuba ngenqubo yentando yeningi eyazisa ukumeleka komphakathi nokubamba kwawo iqhaza, ukuphendula, ukusebenzela obala nokuthintwa komphakathi. (2) Imitheshwana nezibopho zoMkhandlu kaZwelonke kufanele kuhlinzekele - (a) ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi, inqubo kanye nesikhathi sokubakhona kwamakomidi; (b) ukubamba iqhaza emisebenzini wePhalamende, kanye namakomidi amaqembu amancane ezepolitiki amelwe ePhalamende, ngendlela ehambisana nenqubo yentando yeningi; (c) usizo lwezemali nezokuphathwa komsebenzi emaqenjini amelwe ePhalamende okulinganisiwe ngokumelwa kwawo; ukuze kusimamiswe iqembu kanye nomholi walo ekwenzeni umsebenzi ababekelwe wona ePhalamende ngendlela elindelekile; kanye (d) ukwamkelwa, komholi weqembu elikhulu kunawo wonke eliphikisayo elisePhalamende njengomholi weqembu eliphikisayo. Ilungelo mvumo 58. (1) Amalungu eKhabinethi kanye namalungu oMkhandlu kaZwelonke - (a) avumelekile lokukhuluma ngokukhululeka kuMkhandlu kaZwelonke nasemakomidini awo, ngendlela evumelana nemitheshwana nezinqumo; futhi (b) angeke athweswe amacala ombango noma obulelesi, aboshwe, avalelwe noma akhokhiswe amademeshe ngenxa - (i) yanoma yini ayishilo, ayivezile noma ayinikeze uMkhandlu noma ikomidi lawo noma yiliphi; noma (ii) yanoma yini evelile ngenxa yalokho akushilo, akuvezile akunikeze uMkhandlu noma ikomidi lawo noma yiliphi. (2) Ezinye izibonelelo nokuvikeleka koMkhandlu kaZwelonke amalungu eKhabinethi, kanye namalungu oMkhandlu kaZwelonke kungabekwa ngumthetho kazwelonke. (3) Amaholo, nezinye izinkokhelo ezihlangene namaholo ezikhokhelwa amalungu oMkhandlu kaZwelonke kuvela ngqo esikhwameni sikaZwelonke seMali. Ukuvumeleka komphakathi kuMkhandlu kaZwelonke kanye nokuthinteka kwawo 59. (1) Iphalamende likaZwelonke kufanele - (a) ligqugquzele ukubanjwa kweqhaza ngumphakathi ekushayweni umthetho nakwezinye izinhlelo zasePhalamende kanye namaKomidi alo; futhi (b) ukuqhuba umsebenzi ngendlela esobala, libambe imihlangano yalo, nemihlangano yalawo makomidi alo, obala, kodwa makuqashelwe lokhu - (i) ukulungisa amathuba avumela umphakathi; kubandakanya ukungena nokuphuma kwabezindaba babe khona ePhalamende kanye nasemakomidini alo; kanye (ii) nokuhlinzekela ukusesha noma yimuphi umuntu, futhi lapho kufanele, ukwenqatshelwa imvume yokungena, noma ukukhishelwa phandle kwanoma yimuphi umuntu. (2) Iphalamende likazwelonke alisoze lawukhipha inyumbazane umphakathi, kanye nabezokusakaza, emhlanganweni wekomidi ngaphandle uma kufanelekile futhi kunesidingo sokukwenza lokho emphakathini wonkana nowentando yeningi. UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe Ukwakheka koMkhandlu kaZwelonke 60. (1) UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe sakhiwe yiqembu elilodwa lezithunywa elivela esifundazweni ngasinye elinezithunywa eziyishumi. (2) Lezizithunywa eziyishumi ziyilaba abalandelayo - (a) izithunywa eziyizipesheli ezine ezilandelayo - (i) uNdunankulu wesiFundazwe noma, uma engekho noma yiliphi ilungu lesishayamthetho sesifundazwe eliqokwe nguNdunankulu okwesikhathi esithile noma maqondana nomsebenzi othile ophambi koMkhandlu kaZwelonke; futhi (ii) ezinye izithunywa ezikhethiwe ezintathu; futhi (b) izithunywa ezigcwele eziyisithupha eziqokwe ngokusho kwesigaba 61(2). (3) UNdunankulu wesiFundazwe, noma uma engekho, ilungu lezithunywa zesifundazwe eliqokwe nguNdunankulu, lihola izithunywa. Ukwabiwa kwezithunywa 61. (1) Amaqembu amelwe kwisishayamthetho sesifundazwe anelungelo lokuba nezithunywa eqenjini lezithunywa zesifundazwe ngokulandela indlela yokubala ebhalwe kwiNgxenye B ekuSheduli 3. (2) Esikhathini esingangezinsuku ezingu-30 ngemuva kokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, isishayamthetho kufanele - (a) sinqume, ngendlela ebekwe ngumthetho kazwelonke, inani lezithunywa ezivela eqenjini ngalinye elizoqokwa njengezithunywa ezimile nokuthi bangaki abazoba yizithunywa ezikhethiwe; futhi (b) siqokele esikhundleni lezo zithunywa ezigcwele ngendlela elandela iziphakamiso zamaqembu ezombusazwe. (3) Umthetho kazwelonke ovezwe kwisigatshana (2) (a) mawuqhakambise ukubanjwa kweqhaza kwamaqembu amancane ezombusazwe emikhakheni yomibili yabaqokwe ngokugcwele kanye namalungu ayisipesheli akhe ithimba elimele amaqembu ezombusazwe ngendlela evumelana nentando yeningi. (4) Isishayamthetho, ngokuvumelana noNdunankulu kanye nabaholi bamaqembu abanegunya lokuba yizithunywa zezeiFundazwe, mabaqoke izithunywa ezikhethiwe ezidingekayo ngezikhathi ezahlukahlukene, phakathi kwamalungu eSishayamthetho. Izithunywa eziqokwe ngokugcwele 62. (1) Umuntu ophakanyiswe njengesithunywa esimile kufanele abengumuntu ovunyelwe ukuba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe. (2) Uma umuntu oyilungu lesishayamthetho sesifundazwe eqokelwe esikhundleni sokuba yisithunywa esigcwele, lowo muntu uyayeka ukuba yilungu lesishayamthetho. (3) Izithunywa ezigcwele ziqokelwa ezikhundleni kuze kube yisikhathi ngaphambili nje kokuhlala kokuqala kwesishayamthetho sesifundazwe emuva kokhetho olulandelayo. (4) Umuntu uyayeka ukuba yisithunywa esimile uma lowomuntu - (a) engasavunyelwe ukuba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe nganoma yisiphi isizathu ngaphandle kokuqokwa njengesithunywa esigcwele; (b) useqokelwe esikhundleni seKhabhinethe; (c) uselahlekelwe ukwethenjwa yisishayamthetho sesifundazwe futhi wabuyiselwa emuva yilelo qembu elaphakamisa lowo muntu; (d) eyeka ukuba yilungu leqembu elaphakamisa lowo muntu futhi ebuyiselwa emuva yilelo qembu; noma (e) ephutha kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe engenamvume esimweni lapho imitheshwana nezibopho zoMkhandlu zibeka ukuthi kufanele alahlekelwe yisikhundla sokubayisithunywa esimile. (5) Izikhala ezivela ezithunyweni ezimile kufanele zigcwaliswe njengokusho komthetho kazwelonke. (6) Ngaphambi kokuthi amalungu amile aqale ukwenza umsebenzi wawo eMkhandlwini kaZwelonke wezifundazwe, kufanele bafunde noma bathembise ukwethembeka kwiRiphabhuliki kanye nokuthobela uMthethosisekelo, ngendlela ebekwe kuSheduli 2. Imihlangano yoMkhandlu kaZwelonke 63. (1) UMkhandlu kaZwelonke ungazinqumela isikhathi sokuqala nobude bemihlangano yaso kanye nezikhathi zamakhefu. (2) UMongameli angabizela uMkhandlu kaZwelonke emhlanganweni ongejwayelekile noma yinini ukuba sizokwenza umsebenzi ongejwayelekile ovelile. (3) Imihlangano yoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ugabanjwa kwezinye izindawo ngaphandle kwesihlalo sePhalamende kuphela ngezizathu zezidingo zomphakathi, zokuphepha noma ubulula, futhi uma imitheshwana nezinqumo zesiGungu kukuvumela loku. Usihlalo neSekela likaSihlalo 64. (1) UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe singakhetha usihlalo namaSekela amabili kaSihlalo phakathi kwezithunywa. (2) USihlalo nomunye wamaSekela kaSihlalo ukhethwa phakathi kwezithunywa ezimile ekhethelwa isikhathi esingangeminyaka emihlanu ngaphandle uma isikhathi sabo njengezithunywa siphela ngaphambi kwaleso sikhathi. (3) Elinye iSekela likaSihlalo likhethelwa isikhathi esingangonyaka owodwa, futhi kufanele lilandelwe yisithunywa esivela kwesinye isiFundazwe, ukuze isifundazwe ngasinye sithole ithuba lokumelwa. (4) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele engamele ukhetho lukaSihlalo, noma aqoke elinye ijaji elizokwenza loko USihlalo wengamela ukhetho lweSekela likaSihlalo. (5) Inkambiso ebekwe kuSheduli 3 iyasebenza ekukhethweni kukaSihlalo neSekela likaSihlalo. (6) UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungamsusa usiHlalo noma iSekela likaSihlalo esikhundleni. (7) Ngokumaqondana nemitheshwana kanye nezinqumo, uMkhandlu kazwelonke weziFundazwe ungaqoka phakathi kwezithunywa esinye isikhulu esengamele ukhetho ukulekelela uSihlalo kanye namasekela kaSihlalo. Izinqumo 65. (1) Ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo ubeka ngokuhlukile - (a) isiFundazwe ngasinye sinevoti elilodwa elifakwa egameni lesifundazwe lifakwa umholi wezithunywa zaleso sifundazwe; futhi (b) zonke izindaba eziphambi koMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe zisuke zemukelwe uma okungenani izifundazwe eziyisihlanu zivote ngokulweseka udaba. (2) Umthetho wePhalamende, omiswe ngokuhambisana nokwakheka kwesigatshana (1) noma isigatshana (2) kwisigaba 76, kufanele unikeze inqubo efanayo ngokumaqondana nokugunyazwa okuvumelana nesishayamthetho seziFundazwe ezithunyweni zaso ukuba nelungelo lokuvota egameni laso. Ukubamba iqhaza kwamalungu oMkhandlu kazwelonke wokuphatha 66. (1) Amalungu eKhabinethe kanye namaSekela oNgqongqoshe, bangabakhona, bakhulume, kuMkhandlu, kodwa abavunyelwe ukuvota. (2) UMkhandlu kaZwelonke ungabiza ilungu leKhabinethe, iSekela likaNgqongqoshe noma umuntu osebenzela isigungu sokuphatha sikaZwelonke noma sesifundazwe ukuthi eze emhlanganweni woMkhandlu noma wekomidi loMkhandlu. Ukubamba iqhaza kwabamele ohulumeni bendawo 67. Abamele ohulumeni abanqenqile kwabayishumi abathunyelwe ohulumeni bendawo abahlelekile ngendlela ebekwa yisigaba 163, ukuthi bamele izinhlobo ezahlukile zomasipala, uma kunesidingo bangabamba iqhaza emisebenzini yoMkhandlu kaZwelonke wezifundazwe, kodwa abavunyelwe ukuvota. Amandla oMkhandlu kaZwelonke 68. Ekusebenziseni amandla aso, uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe - (a) ungacwaninga, samukele, ushintshe, uncome ushintsho, noma sichithe noma yimuphi umthetho obekwe phambi koMkhandlu ngendlela eshiwo kulesi sahluko; futhi (b) Ungaziqalela noma uzilungiselele umthetho ongena phakathi kwemisebenzi ebalwe ohlwini lukaSheduli 4 noma omunye umthetho oshiwo esigabeni 76(3), kodwa angeke uziqalele noma uzilungiselele iMithethosivivinywa yemali. Ubufakazi nolwazi olunikezwa uMkhandlu kaZwelonke 69. UMkhandlu kaZwelonke kanye nanoma yiliphi ikomidi lawo - (a) ungabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwawo ukuze anike ubufakazi ngaphansi kwesifungo noma isethembiso sokukhuluma iqiniso noma ukuzoveza amaphepha athile; (b) ungafuna ukuthi noma yisiphi isakhiwo noma umuntu asinikeze umbiko; (c) ungaphoqa njengokusho komthetho kazwelonke noma kwemitheshwana nezinqumo, ukuthi noma yimuphi umuntu ukuthi enze njengoba kushiwo kwisamanisi eliphathelene nokushiwo kwisigaba (a) noma (b) ongenhla; futhi (d) ungemukela izicelo, imibono kanye neziphakamiso ezivela kunoma yimuphi umuntu othintekile. Amalungiselelo angaphakathi, umsebenzi nezinkambiso zoMkhandlu kaZwelonke wesiFundazwe 70. (1) UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe - (a) ungazinqumela sizilawulele amalungiselelo aso angaphakathi, imisebenzi yaso kanye nezinkambiso zaso; futhi (b) ungazenzela imitheshwana nezibopho eziphathelene nomsebenzi waso, siqikelele ukumelwa nokubanjwa kweqhaza kwinqubo yentando yeningi, ukuphenduleka, ukusebenzela obala kanye nokubamba iqhaza komphakathi. (2) Imitheshwana nezibopho zoMkhandlu kaZwelonke kufanele uhlinzekele - (a) ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi kanye nobungako besikhathi samakomidi aso; (b) ukubamba iqhaza kwazozonke izifundazwe emisebenzini yaso, ngendlela ehambisana nenqubo yentando yeningi; futhi (c) ukubamba iqhaza emisebenzini yoMkhandlu namakomidi aso kwawowonke amaqembu amancane amelwe eMkhandlwini, ngendlela ehambisanayo nenqubo yentando yeningi, ngazozonke izikhathi lapho kufanele kuthathwe isinqumo ngendlela ebekwe esigabeni 75. Amalungelomvume 71. (1) Izithunywa eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe kanye nabantu abashiwo ezigabeni 66 no 67 - (a) banelungelo lokukhuluma bakhululeke eMkhandlwini nasemakomidini aso, ngendlela ehambisanayo nemitheshwana nezinqumo; futhi (b) angeke baquliswe amacala ombango noma obelelesi, baboshwe, bavalelwe noma bakhokhiswe amademeshe ngenxa - (i) yanoma yini abayishilo, abayivezile noma abayilethile eMkhandlwini noma ekomidini laso noma yiliphi; (ii) yanoma yini evezwe ngesizathu sanoma yini abayishilo, abayivezile noma abayilethile eMkhandlwini noma ekomidini laso noma iliphi. (2) Amanye amalungelomvume nokuvikeleka koMkhandlu kaZwelonke, kwezithunywa zoMkhandlu kanye nabantu abashiwo ezigabeni 66 no 67, zingahlinzekelwa ngumthetho kazwelonke. (3) Amaholo nezinye izinkokhelo ezihambisana namaholo aholelwa amalungu agcwele oMkhandlu kaZwelonke avela ngqo esikhwameni semali sikaZwelonke. Ukufinyelela komphakathi eMkhandlwini kaZwelonke nokubamba kwawo iqhaza 72. (1) UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kumele - (a) ugqugquzele ukubanjwa kweqhaza ngumphakathi emisebenzini yokushaya imithetho nakweminye imisebenzi yoMkhandlu namakomidi awo; futhi (b) wenze umsebenzi wawo ngendlela esobala sivumele umphakathi emihlanganweni yawo neyamakomidi awo; kodwa kufanele kuqashelwe lokhu - (i) ukuvumela umphakathi ukuba ungene emhlanganweni, kubandakanya nabezokusakaza izindaba, eMkhandlwini nasemakomidini aso, futhi (ii) uhlinzekele nokuseshwa kwanoma yimuphi umuntu, futhi, uma kufanele, ukuvinjelwa ukungena noma ukukhishwa kwanoma yimuphi umuntu. (2) UMkhandlu kazwelonke weziFundazwe awungakhiphi umphakathi inyumbazane, kubandakanya nabasakaza izindaba, ukuba bababekhona emhlanganweni wekomidi ngaphandle uma lokho kufanelekile ukuba kwenzeke emphakathini wentando yeningi. Ukushaywa Kwemithetho KaZwelonke Yonke imithethosivivinywa 73. (1) Noma yimuphi uMthethosivivinywa ungethulwa eMkhandlwini kaZwelonke. (2) Yilungu leKhabinethe noma iSekela likaNgqngqoshe, noma ilungu loMkhandlu noma ikomidi loMkhandlu kuphela abangethula uMthethosivivinywa eMkhandlwini kodwa yilungu leKhabhinethe elibhekele izindaba zezimali zikaZwelonke kuphela elingethula uMthethosivivinywa ophathelene nemali eMkhandlwini. (3) UMthethosivivinywa, ophathelene nemisebenzi ebalwe ohleni kulaSheduli 4 noma eshiwo esigabeni 76(3), ngaphandle koMthethosivivinywa ophathelene nemali, ungethulwa eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe. (4) Yilungu, noma yikomidi loMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kuphela elivunyelwe ukwethula uMthethosivivinywa phambi koMkhandlu. (5) UMthethosivivinywa owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke kufanele udluliselwe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe uma kufanele ucwaningwe uMkhandlu kaZwelonke; uMthethosivivinywa ovunywe uMkhandlu kaZwelonke kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke. IMithethosivivinywa echibiyela uMthethosisekelo 74. (1) Isigaba 1 kanye nalesi sigatshana kungachitshiyelwa ngumthethosivivinywa owamukelwe ngu - (a) Mkhandlu kaZwelonke ngokwesekwa yivoti okungenani elingamaphesenti ang -75 kumalungu awo; futhi (b) Mkhandlu kaZwelonke weziFundazwe wesekwe yivoti okungenani lezifundazwe eziyisithupha. (2) Isalukho 2, singachitshiyelwa ngumthethosivivinywa owamukelwe ngu - (a) Mkhandlu kaZwelonke, ngokusekwa yivoti okungenani lamalungu amabili kwamathathu; futhi (b) Mkhandlu kaZwelonke weziFundazwe wesekwe yivoti okungenani lezifundazwe eziyisithupha. (3) Noma yimuphi umbandela womthethosisekelo ungachitshiyelwa nguMthethosivivinywa owamukelwe - (a) uMkhandlu kaZwelonke, wesekwe yivoti okungenani lamalungu amabili kwamathathu; futhi (b) uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, wesekwe yivoti okungenani lezifundazwe; (4) IPhalamende alivunyelwe ukwemukela uMthethosivivinywa wokushintsha uMthethosisekelo futh ophathelene nemandla, imingcele kanye nemisebenzi yezifundazwe, ngaphambi kokuba udluliselwe kwisishayamthetho sesifundazwe esithintekile ukuze sinikeze imibono yaso. (5) Okungenani izinsuku engu-30 ngaphambi kokwethulwa kwesichibiyelo somthethosisekelo ngokulandela isigaba 73(2), umuntu noma ikomidi elizimisele ngokwethula umthethosivivinywa kufanele - (a) lishicilele kusomqulo kabulumeni, ngokulandela imitheshwana nezinqumo zoMkhandlu kaZwelonke, imininingwane yesichibiyelo esihlongozwayo ukuze uphakathi ube nezwi; (b) lithule, ngokulandela imitheshwana kanye nezinqumo zoMkhandlu, leyo mininingwane kwisiShayamthetho sesiFundazwe ukuzwa uvo lwaso; futhi (c) lithule, ngokulandela imitheshwana kanye nezinqumo zoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, leyo mininingwane eMkhandlwini ukuze kuphikiswane ngawo obala, uma isichibiyelo esihlongozwayo kungesona isichibiyelo esidinga ukuba samukelwe nguMkhandlu. (6) Uma kwethulwa isichibiyelo somthethosivivinywa, umuntu noma ikomidi elethula umthethosivivinywa kufanele lilethe iziphakamiso ezibhalwe phansi zanoma yiluphi uhlobo eziphakanyiswe ngumphakathi kanye nezishayamthetho zezifundazwe - (a) ku Somlomo ukuze zethulwe ePhalamende likazwelonke; futhi (b) mayelana nezichibiyelo okuphawlwe ngazo kwisigatshana (1), (2), noma (3)(b), ku Sihlalo woMkhandlu sikazwelonke sezifundazwe ukuze zethulwe kuMkhandlu. (7) Umthethosivivinywa ochibiyela umthethosisekelo awunakuvotelwa ePhalamende ezinsukwini ezingu-30 (a) lo mthethosivivinywa uthuliwe uma iPhalamende lihlangene ngenkathi umthethosivivinywa wethulwa; noma (b) ukwethulwa kwawo ePhalamende, uma iPhalamende lisahlabe ikhefu ngenkathi umthethosivivinywa wethulwa. (8) Uma umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo kwisigatshana (3)(b), noma iyiphi ingxenye yomthethosivivinywa, ethintene nesifundazwe esithile noma izifundazwe, uMkhandlu kaZwelonke seziFundazwe asinakuvuma umthethosivivinywa noma ingxenye yomthethosivivinywa ngaphandle uma kuvunywe yisiShayamthetho noma iziShayamthetho zesiFundazwe noma iziFundazwe ezithintekile. (9) Umthethosivivinywa ochibiyela umthethosisekelo ovunywe yiphalamende likaZwelonke futhi uma kudingekile, noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, mawudluliselwe kuMongameli ukuze kutholakale imvume yakhe. IMithethosivivinywa engachaphazeli izifundazwe 75. (1) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ongumthetho lapho kulandelwe inqubo ebekwe kwisigaba 74 noma 75, lowo Mthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke wesiFundazwe futhi uphathwe ngendlela ehambisana nenkambiso elandelayo: (a) UMkhandlu kaZwelonke kufanele - (i) wamukele uMthethosivivinywa; (ii) wamukele uMthethosivivinywa kodwa kuphela uma ushintsho olunconywa uMkhandlu lwenziwa; noma (iii) siwuchithe uMthethosivivinywa. (b) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa singazange sincome isichibiyelo kuwona, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (c) Uma uMkhandlu singawamukeli noma siwamukela uma kufakwa ushintsho, uMkhandlu kaZwelonke kufanele uwucwaninge kabusha uMthethosivivinywa ugxile kulolo shintsho olunconywe uMkhandlu futhi - (i) singawemukela futhi uMthethosivivinywa, noshintsho noma ngaphandle koshintsho; noma (ii) singanquma ukungaqhubeki nalowoMthethosivivinywa. (d) UMthethosivivinywa owemukelwe nguMkhandlu kaZwelonke ngokusho kwesigaba (c) ngenhla, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (2) Uma uMkhandlu kaZwelonke uvotela udaba ngokusho kwalesi sigaba, isigaba 65 asisebenzi; esikhundleni saso - (a) isithunywa ngasinye eqenjini lezithunywa zesifundazwe sibanevoti elilodwa; (b) okungenani ingxenye eyodwa kwezintathu yezithunywa kufanele ibekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe udaba; futhi (c) udaba lunqunywa ngokuthi iningi lamavoti afakiwe lesekani, uma kunamavoti alinganayo ezinhlangothini zombili isithunywa esengamele umhlangano kufanele sifake ivoti elizoveza isinqumo. IMithethosivivinywa echaphazela izifundazwe 76. (1) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ophathelene nomsebenzi obalwe kwizigotshana (3),(4) noma (5), lowo Mthethosivivinywa kufanele udluliselwe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe futhi uphathwe ngendlela elandela lenkambiso: (a) UMkhandlu kaZwelonke kufanele wenze okukodwa kulokhu - (i) wamukele uMthethosivivinywa; (ii) wamukele uMthethosivivinywa oshintshiwe; noma (iii) uwuchithe uMthethosivivinywa. (b) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ngaphandle koshintsho, lowoMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (c) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa oshintshiwe, lowoMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke, futhi uma uMkhandlu wamukela loMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (d) Uma uMkhandlu ungawuvumi uMthethosisekelo, noma uma uMkhandlu kaZwelonke wenqaba ukuwemukela uMthethosivivinywa oshiwo kwisigaba (c) ngenhla, lowo Mthethosivivinywa futhi, uma kunesidingo, kanye noMthethosivivinywa oshintshiwe, kufanele kuyiswe kwikomidi lokuBuyisana elingavumelana - (i) ngoMthethosivivinywa njengoba wemukelwe uMkhandlu; (ii) ngoMthethosivivinywa oshintshiwe njengoba wemukelwe uMkhandlu; noma (iii) ngenye inhlobo yalo Mthethosivivinywa. (e) Uma iKomidi Labalamuli lingakwazi ukuvumelana phakathi kwezinsuku ezingu-30 emva kukuyiswa koMthethosivivinywa kulona, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi ngaphandle kokuthi uMkhandlu kaZwelonke uphinde uwamukele lo Mthethosivivinywa, kodwa wesekwe yivoti okungenani lababili kwabathathu bamalungu awo. (f) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngoMthethosivivinywa njengoba wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke, kuthi uma uMkhandlu siwamukela lowo Mthethosivivinywa, lowo Mthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (g) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngoMthethosivivinywa oshintshiwe njengoba wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke, futhi uma wamukelwa uMkhandlu, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (h) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngenye inhlobo yoMthethosivivinywa, lowo Mthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke nakwisiGungu kaZwelonke, futhi uma wemukelwa nguMkhandlu kanye noMkhandlu, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (i) Uma uMthethosivivinywa oyiswe eMkhandlwini kaZwelonke njengokusho kwesigaba (f) noma (h) ngenhla awemukelwa uMkhandlu, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi ngaphandle uma lowoMthethosivivinywa wemukelwa nguMkhandlu kaZwelonke ngokwesekwa yivoti okungenani lababili kwabathathu bamalungu awo. (j) Uma uMthethosivivinywa oyiswe kuMkhandlu kaZwelonke njengokusho kwengaba (g) no (h) ngenhla, ungemukelwa nguMkhandlu, lowoMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi, kodwa uMthethosivivinywa owawamukelwe nguMkhandlu ekuqaleni ungaphinde futhi wamukelwe nguMkhandlu kodwa wesekwe yivoti okungenani lababili kwabathathu bamalungu awo. (k) UMthethosivivinywa owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke njengokusho kwesigaba (e), (i) noma (j) ngenhla kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (2) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa ophathelene nemisebenzi esesigatshaneni, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke futhi uphathwe ngendlela elandela lenkambiso: (a) UMkhandlu kaZwelonke kufanele wenze okukodwa kulokhu - (i) wemukele uMthethosivivinywa; (ii) wemukele uMthethosivivinywa oshintshiwe; noma (iii) uwuchithe uMthethosivivinywa. (b) UMthethosivivinywa owamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke njengokubeka kwesigaba (a)(i) ngenhla kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (c) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela uMthethosivivinywa oshintshiwe, uMthethosisekelo oshintshiwe kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke; futhi uma uMkhandlu wamukela uMthethosivivinywa oshintshiwe, lowo Mthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (d) Uma uMkhandlu uwuchitha uMthethosivivinywa noma uma uMkhandlu kaZwelonke wenqaba ukwamukela uMthethosivivinywa oshintshiwe oyiswe kuwona njengokusho kwesigaba (c) ngenhla, lowo Mthethosivivinywa futhi, uma kunesidingo, kanye noMthethosivivinywa oshintshiwe, kufanele udluliselwe kwiKomidi Labalamuli, elingavumelana ngokulandelayo - (i) UMthethosivivinywa njengobawamukelwe uMkhandlu ; (ii) Umthethosivivinywa oshintshiwe njengoba wemukelwe nguMkhandlu; noma (iii) enye inhlobo yoMthethosivivinywa. (e) Uma iKomidi Labalamuli lingakwazi ukuvumelana phakathi kwezinsuku ezingu-30 emva kokuyiswa koMthethosivivinywa kulona, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi. (f) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngoMthethosivivinywa njengoba wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke, kuthi uma iKomidi liwamukela lowoMthethosivivinywa, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (g) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngoMthethosivivinywa oshintshiwe njengoba wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke, uMthethosivivinywa kufanele uyiswe eMkhandlwini kaZwelonke, futhi uma wemukelwa uMkhandlu, kufanele uyiswe kuMongameli ukuze uthole imvume. (h) Uma iKomidi Labalamuli livumelana ngolunye uhlobo loMthethosivivinywa, lowoMthethosivivinywa kufanele uyisiwe uMkhandlu ikaZwelonke wesiFundazwe naseMkhandlwini kaZwelonke, futhi wamukelwa uMkhandlu uyisiwe kuMongameli ukuze uthole imvume. (i) Uma uMthethosivivinywa oyiswe kuMkhandlu kaZwelonke njengokusho kwesigaba (f) noma (h) ungemukelwanga nguMkhandlu, uMthethosivivinywa uphelelwa yisikhathi. (3) UMthethosivivinywa ungaphathwa ngendlela ebekwe kwisigatshana (1) noma (2) kulesigaba uma uhlinzekela umthetho ohlongozwe kunoma yisiphi kulezizigaba ezilandelayo; (a) isigaba 65(2); (b) isigaba 163; (c) Isigaba 182; (d) isigaba 195(3) no (4); (e) isigaba 196; futhi (f) isigaba 197 (4) UMthethosivivinywa kufanele uphathwe ngendlela ebekwe kwisigatshana (1) salesi sigaba uma ungewona uMthethosivivinywa wemali, futhi uma uhlinzekela umthetho - (a) ohlongozwe esigabeni 44(2); noma (b) ohlongozwe kwenye ingxenye kwiSahluko 13, futhi othinta izidingo zezimali zomkhakha kahulumeni wezifundazwe. (5) Umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo kwisigaba 42(6) kufanele uhlangatshenzwe ngokulandela inqubo emiswe kwisigatshana (1), ngaphandle uma - (a) uma iphalamende likaZwelonke livotela umthethosivivinywa, imibandela yesigaba 53(1) ayilandelwa, esikhundleni salokho umthethosivivinywa ungavunywa kuphela uma iningi lamalungu ePhalamende liwuvotela; futhi (b) uma umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo ekomidini laBalamuli, kulandelwa imithetho elandelayo: - (i) Uma iPhalamende likaZwelonke licubungula umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo kwisigatshana (1)(g) noma (h), lowo mthethosivivinywa ungavunywa kuphela uma iningi lamalungu ePhalamende ewuvotela; (ii) Uma iPhalamende likaZwelonke licubungula noma licubungulisisa kabusha umthethosivivinywa okuphawulwe ngawo kwisigatshana (1)(e), (i) noma (j), lowo mthethosivivinywa ungavunywa kuphela uma okungenani amalungu amabili kwamathathu ePhalamende ewuvotela. (6) Lesi sigaba asilandelwa emthethwenisivivinywa wezeZimali. IMithethosivivinywa yemali 77. (1) UMthethosivivinywa osebenzisa imali noma owethwesa izintela, amalevi noma ezinye izinkokhelo zombuso unguMthethosivivinywa wemali NguMthethosivivinywa wemali kuphela ongasebenzisa imali, noma wethweswe izintela, amalevi noma ezinye izinkokhelo zombuso futhi uMthethosivivinywa wemali awuvunyelwe ukuphatha ezinye izinto ngaphandle kokwethweswa kwezintela zokusebenzisa imithombo yomphakathi, noma izigwebo nezinye izijeziso zemali. (2) Umthetho wePhalamende kufanele uhlinzekele inkambiso engalandelwa ukuma iPhalamende lishintsha iMithethosivivinywa yemali. UMthethosivivinywa wemali kufanele ucwaningwe ngokulandela inkambiso obekwe esigabeni 75. IKomidi Labalamuli 78. (1) IKomidi Labalamuli lakhiwe - (a) amalungu ayisishiyagalolunye oMkhandlu kaZwelonke akhethwe nguMkhandlu ngokulandela inkambiso ebekwe yimitheshwana nezinqumo zoMkhandlu futhi enomphumela wokuthi amaqembu amaleleke ngendlela enokufana nokumeleleka kwawo eMkhandlwini; futhi (b) isithunywa esisodwa esivela ezithunyweni zesifundazwe ngasinye, esiqokwe yilezo zithunywa. (2) IKomidi Labalamuli lisuke selivumelene ngoMthethosivivinywa othile noma selinqumile ngodaba uma lowoMthethosivivinywa noma uhlangothi oluthile lobaba lusekwa - (a) okungenani abahlanu babamele uMkhandlu kaZwelonke; futhi (b) okungenani abahlanu babamele uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe. Ukuvunywa iMithethosivivinywa 79. (1) UMongameli kufanele avume futhi asayine uMthethosisekelo owemukelwe njengokusho kwalesi Sahluko noma, uma uMongameli engagculisekile ngokuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, kufanele awuphindisele kuMkhandlu kaZwelonke ukuze uwucwaninge kabusha. (2) Imitheshwana ehlangene kanye neziqhumo kufanele ihlinzekele inqubo uma uMkhandlu kaZwelonke noma isiGungu sikaZwelonke seziFundazwe sicwaninga kabusha uMthethosivivinywa. (3) IsiGungu sikaZwelonke seziFundazwe sibamba iqhaza ekucwaningeni kabusha koMthethosivivinywa ophindiswe emuva eMkhandlwini kaZwelonke nguMongameli kuphela uma - (a) ukungagculiseke kukaMongameli mayelana nokungahambisani koMthethosivivinywa noMthethosisekelo kuphathelene nodaba lwenkambiso oluthinta isiGungu; noma (b) isigaba 74 (1), (2) noma (3)(b) noma 76 sasetshenziswa ekwamukelweni koMthethosivivinywa. (4) Uma, emuva kokucwaningwa kabusha, uMthethosivivinywa wenelisa ngokuphelele ukungagculiseki kukaMongameli, uMongameli kufanele awuvume futhi awusayine lowoMthethosisekelo; uma kungenzeki loko, uMongameli kufanele enze okunye kwaloku - (a) avume futhi asayine uMthethosivivinywa; noma (b) awudlulisele eNkantolo yoMthethosisekelo ezonquma ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo. (5) Uma iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, uMongameli kufanele awuvume futhi awusayine. Izicelo ezifakwa ngamalungu oMkhandlu kaZwelonke eNkantolo yoMthethosisekelo 80. (1) Amalungu oMkhulu kaZwelonke angafaka isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi inkantolo ikhiphe izwi lokuthi wonke noma ingxenye yoMthethosivivinywa noma uma sewushicilelewe, uMthetho, owamukelwe yiPhalamende awuhambisani noMthethosisekelo. (2) Isicelo - (a) kufanele sesekwe amavoti okungenani loyedwa kwabathathu bamalungu oMkhandlu; futhi (b) kufanele senziwe phakathi kwezinsuku ezingu 30 kusukela osukwini uMongameli awuvume futhi awusayina ngalo umthetho. (3) INkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi wonke umthetho noma ingxenye yomthetho okufakwe isicelo ngawo njengokusho kwesigatshana (1) ngenhla, angeke usebenze ngaphambi kokuthi iNkantolo ikhiphe isinqumo ngesicelo uma - (a) izidingo zobulungiswa ziphoqelela lesi sinqumo; futhi (b) isicelo sinamathuba anele okuphumelela (4) Uma isicelo singaphumeleli, iNkantolo yoMthethosisekelo kufanele inqume ukuthi labo abafake isicelo kufanele bakhokhe izindleko ngaphandle uma isicelo besinamathuba anele okuphumelela. Ukushicilelwa kweMithetho 81. UMthethosivivinywa ovunyiwe futhi wasayinwa nguMongameli uba nguMthetho wePhalamende, kufanele ushicilelwe ngokungachithi sikhathi, futhi uqala ukusebenza uma ushicilelwa noma ngelanga elingemuva elinqunywe ngokusho kwalowo Mthetho. Ukugcina ukuphepha kwemithetho yePhalamende 82. Ikhophi esayiniwe yomthetho wePhalamende ingubufakazi obugcwele balokho okuqukethwe kulowo mthetho futhi emuva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo yoMthethosisekelo ukuze iwugcine ngokuphepha. Isahluko 5 UMongameli noMkhandlu kaZwelonke UMongameli 83. UMongameli - (a) uyiNhloko yoMbuso nenhloko yoMkhandlu kaZwelonke; (b) kufanele aseke, avikele, ahloniphe uMthethosisekelo njengomthetho omkhulu kunayoyonke eRiphabhuliki; futhi (c) akhuthaze ubumbano lwesizwe naloko okuqhubela iRiphabhuliki phambili. Amandla nemisebenzi kaMongameli 84. (1) UMongameli unamandla awanikezwe nguMthethosisekelo nomthetho, kubandakanya lawo mandla afanele ukuze enze imisebenzi yeNhloko yombuso nenhloko yesigungu sikazwelonke. (2) UMongameli ubhekele okulandelayo - (a) ukwamukela nokusayina iMithethosivivinywa; (b) ukubuyisela uMthethosivivinywa emuva ePhalamende ukuze liwubuyekeze ukuze uhambisane noMthethosisekelo; (c) ukudlulisela uMthethosivivinywa kwiNkantolo yoMthethosisekelo ukuze ikhiphe isinqumo ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo; (d) ukubizela uMkhandlu kaZwelonke, uMkhandlu kaZwelonke zesiFundazwe noma iPhalamende emhlanganweni oyisipesheli; (e) ukuqoka abazophatha izikhundla okumiswe kuMthethosisekelo noma ngumthetho, ukuthi kufanele kwenziwe nguMongameli ngaphandle kokuqoka akwenza njengenhloko yesigungu sikazwelonke; (f) ukumisa amakhomishana okuphenya; (g) ukumisa uhlololuvo lukazwelonke njengokumisa komthetho wePhalamende; (h) ukwemukela futhi azise izithunywa zakwamanye amazwe kanye nabamele amanye amazwe; (i) ukuqoka aManxusa, aManxusa agunyaziwe, abaphathelene nezindaba zamazwe kanye nabamele amanye amazwe; (j) ukuxolela abagwetshelwe amacala futhi ehlise nezigwebo; futhi (k) uklomelisa ngezindondo zokuhlonipha ubuqhawe. Igunya lokuphatha eRiphabhuliki 85. (1) Amandla okuphatha eRiphabhuliki abekwe kuMongameli. (2) UMongameli usebenzisa amandla okuphatha ebambisene namanye amalungu eKhabhinethi ngalezi zindlela - (a) ngokuphoqelela umthetho kazwelonke ngaphandle uma uMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende usho okunye okwehlukile; (b) ngokuthuthukisa nokuphoqelela imigomo kazwelonke; (c) ngokudidiyela imisebenzi yeminyango yombuso kanye neyezakhiwo zombuso; (d) ngokulungisa nokungenisa umthetho; futhi (e) nokwenza noma yimiphi eminye imisebenzi yokuphatha ehlinzekelwe kuMthethosisekelo noma kumthetho kazwelonke. Ukukhethwa kukaMongameli 86. (1) Emhlanganweni wawo wokuqala nalapho kunesidingo sokuvala isikhala, uMkhandlu kaZwelonke kufanele ukhethe umuntu wesifazana noma wesilisa phakathi kwamalungu awo ukuthi abe nguMongameli. (2) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele engamele lolu khetho noma aqoke elinye ijaji ukuba likwenze loko Inqubo ebekwe kwiSheduli 3 iyona esebenzayo ekukhethweni kukaMongameli. (3) Ukhetho lokugcwalisa isikhala esikhundleni sikaMongameli kufanele lubekelwe isikhathi nelanga nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kodwa zingakadluli izinsuku ezingu-30 emuva kokuvela kwalesosikhala. Ukuqala ukusebenza kukaMongameli 87. Uma esekhethwe njengoMongameli, umuntu uyayeka ukuba yilungu loMkhandlu kaZwelonke futhi, phakathi kwezinsuku eziyisihlanu, kufanele aqale umsebenzi esikhundleni sikaMongameli ngokufunga noma ukuqinisekisa ukwethembeka kwiRephabhliki nokuthobela uMthethosisekelo, njengokusho kukaSheduli 2. Isikhathi sesikhundla sikaMongameli 88. (1) UMongameli unesikhathi esikhundleni esiqala kusukela eqala umsebenzi siphele lapho kuvela isikhala noma uma umuntu olandelayo okhethelwe esikhundleni sokuba nguMongameli eqala umsebenzi wobuMongameli. (2) Akekho umuntu ovunyelwe ukuba sesikhundleni njengoMongameli ngaphezulu kwezikhathi ezimbili uma umuntu ekhethelwe ukuthi agcwalise isikhala esikhundleni sobuMongameli, isikhathi esiphakathi kokugcwalisa isikhala nokhetho olulandelayo, asithathwa njengesikhathi soBungameli kulowomuntu. Ukususwa kukaMongameli esikhundleni 89. (1) UMkhandlu kazwelonke ngesinqumo esesekwe ngababili kwabathathu bamalungu, ungamsusa uMongameli esikhundleni kuphela ngezizathu ezilandelayo - (a) ukwephulwa koMthethosisekelo noma umthetho obalulekile; (b) ukungaziphathi kahle ngendlela embi kakhulu; noma (c) ukungakwazi ukwenza imisebenzi yesikhundla. (2) Noma ngubani osuswe esikhundleni sikaMongameli ngendlela ebekwe ngu 1(a) noma (b) angeke athole izinzuzo zaleso sikhundla futhi akavunyelwe ukumela ukhetho lwesikhundla somphakathi. IBamba likaMongameli 90. (1) Uma UMongameli engekho kwiRiphabhuliki noma engakwazi ukufeza izidingo zomsebenzi kaMongameli; noma kunesikhala kuleso sikhundla, iziphathimandla ezilandelayo zingambambela njengoMongameli: (a) Isekela likaMongameli. (b) UNgqongqoshe ojutshwe nguMongameli. (c) UNgqongqoshe ojutshwe ngamanye amalungu eKhabhinethi. (d) USomlomo, uMkhandlu kaZwelonke uze ujube omunye wamalungu awo. (2) IBamba likaMongameli linezibopho, amandla nemisebenzi kaMongameli. (3) Ngaphambi kokuthatha izibopho, amandla nemisebenzi kaMongameli IBamba likaMongameli kufanele lifunge noma liqinisekise ukwethembeka kwiRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo, njengokubeka kukaSheduli 2. IKhabhinethi 91. (1) IKhabhinethi inoMongameli, njengenhloko yeKhabhinethe, iSekela likaMongameli kanye nawoNgqongqoshe. (2) UMongameli uqoka iSekela likaMongameli kanye noNgqongqoshe, ubanika amandla nemisebenzi, futhi angabasusa esikhundleni. (3) UMongameli - (a) kufanele akhethe iSekela likaMongameli phakathi kwamalungu oMkhandlu kaZwelonke; (b) angakhetha noma yinani elingakanani loNgqongqoshe phakathi kwamalungu oMkhandlu; futhi (c) angakhetha oNgqongqoshe abangeqile kwababili abavela ngaphandle koMkhandlu. (4) UMongameli kufanele aqoke ilungu leKhabhinethe elizoba umholi womsebenzi kahulumeni eMkhandlwini kaZwelonke. (5) ISekela likaMongameli kufanele lisize uMongameli ekwenzeni imisebenzi kahulumeni. Imithwalo kanye nokulindelekile 92. (1) ISekela likaMongameli kanye noNgqongqoshe babhekele amandla nemisebenzi yesigungu abethweswe yona nguMongameli. (2) Amalungu eKhabhinethi aphendula ewonke kanye nelungu ngalinye kwiPhalamende mayelana namandla nokwenza imisebenzi yawo. (3) Amalungu eKhabhinethi kufanele - (a) enze njengokuhambisana noMthethosisekelo; futhi (b) anikeze iPhalamende imibiko ephelele njalo ngemuva kwezikhathi ezejwayelekile maqondana nezindaba ezilawulwa yiwo. Osekela boNgqongqoshe 93. UMongameli angaqoka oSekela boNgqongqoshe phakathi kwamalungu oMkhandlu kaZwelonke ukuba basize amalungu eKhabhinethe futhi angabasusa esikhundleni. Ukuqhubeka kweKhabhinethi emuva kokhetho 94. Uma kubanjwe ukhetho loMkhandlu kaZwelonke, iKhabhinethi, iSekela likaMongameli, oNgqongqoshe nanoma yimuphi uSekela kaNgqongqoshe usengakwazi ukusebenza aze athathe isikhundla njengoMongameli lowomuntu okhethwe nguMkhandlu kaZwelonke omusha ukuthi abe nguMongameli. Izifungo neziqinisekiso 95. Ngaphambi kokuthi iSekela likaMongameli, oNgqongqoshe kanye namaSekela oNgqongqoshe baqale imisebenzi yezikhundla zabo, kufanele bafunge noma baqinisekise ukuthi bazokwethembeka kwiRephabhliki futhi bathobele uMthethosisekelo, ngokuhambisana ne Sheduli 2. Ukuziphatha kwamalungu eKhabhinethi namaSekela oNgqongqoshe 96. (1) Amalungu eKhabhinethi kanye namaSekela oNgqongqoshe kufanele aziphathe ngendlela ehambisana nohlelo lokuziphatha olubekwe ngumthetho kazwelonke. (2) Amalungu eKhabhinethe namaSekela oNgqongqoshe akufanele - (a) benze omunye umsebenzi okhokhelwayo; (b) baziphathe noma ngayiphi indlela engahambisani nezikhundla zabo, noma bazibeke kunoma yisiphi isimo esingadala ukuthi babonakale benobunzima bokwehlukanisa phakathi kwezidingo zomsebenzi nezidingo zomuntu zangasese; (c) basebenzise isikhundla noma ulwazi lwanoma uluphi uhlobo elunikezelwe kubona ukuzenzela inzuzo noma ukwenzela omunye inzuzo engafanele. Ukudluliswa kwemisebenzi 97. UMongameli angadlulisela kwilungu leKhabhinethi ngesimemezelo esishicilelwe okulandelayo - (a) ukwengamelwa kwanoma yimuphi umthetho onikezwe elinye ilungu; noma (b) amandla noma umsebenzi onikezwe elinye ilungu ngokomthetho. Ukunikezwa kwemisebenzi okwesikhashana 98. UMongameli anganikeza ilungu leKhabhinethi noma yimaphi amandla noma umsebenzi yelinye ilungu leKhabhinethe elingekho noma elingakwazi ukusebenzisa lawo mandla noma ukwenza lowo msebenzi. Ukwabiwa kwemisebenzi 99. Ilungu leKhabhinethi lingabela ilungu loMkhandlu esikhulu sesifundazwe noma uMkhandlu sikaMasipala noma yimaphi amandla noma umsebenzi okufanele wenziwe ngokomthetho wePhalamende Ukwabiwa - (a) kufanele kuhambisane nesivumelwano phakathi kwelungu leKhabhinethe elithintekile nelungu loMkhandlu esikhulu sesifundazwe noma uMkhandlu sikaMasipala; (b) kufanele kuhambisane nomthetho wePhalamende ophathelene nalawomandla noma umsebenzi. (c) kuqala ukusebenza emva kokumenyezelwa nguMongameli. Ukulawulwa ngokukazwelonke kombuso wesiFundazwe 100. (1) Uma isifundazwe singakwazi noma singagcwalisi izibopho zaso ezibekwe ngumthetho noma uMthethosisekelo, isiGungu esikhulu singalungena udaba ngokuthatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukugcwaliswa kwezibopho, kubandakanya - (a) ukukhipha isiyalelo esiya kuMkhandlu esikhulu sesifundazwe esichaza indlela esehluleka ngayo ukugcwalisa izibopho zaso futhi sisho izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kugcwaliswe lezozibopho; futhi (b) nokuzithathela umsebenzi wokubhekela lezo zibopho ezithintekile kuleso sifunda ngendlela edingekile ukuze - (i) kugcinwe amazinga abalulekile ngokukazwelonke noma kuhlangatshezwane namazinga amisiwe okungafanele ehliswe okunikezwa izidingo zomphakathi; (ii) kugcinwe ubumbano lwezomnotho; (iii) kugcinwe ukuphepha kwezwe; noma (iv) kunqandwe leso sifundazwe ukuze singathathi izinyathelo ezingafanele ezikhinyabeza ezinye izifundazwe noma izwe lonke. (2) Uma isiGungu esikhulu singena udaba kwisifundazwe ngokubeka kwesigatshana (1)(b) - (a) isaziso sokulungena udaba kufanele sibekwe phambi koMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe phakathi kwezinsuku ezingu 14 zomhlangano waso wokuqala emuva kokungenwa kodaba; (b) ukungenwa kodaba kufanele kuphele ngaphandle uma kwamukelwe uMkhandlu phakathi kwezinsuku ezingu-30 emuva komhlangano wokuqala emuva kokungenwa kodaba; futhi (c) uMkhandlu kufanele sikuphenye kabusha ukungenwa kodaba njalo emva kwezikhathi ezithile futhi senze noma yiziphi izincomo ezilungile isiGungu esikhulu. (3) Umthetho kazwelonke ungalawula uhlelo olumiswe kulesi sigaba. Izinqumo zesiGungu esikhulu 101. (1) Isinqumo sikaMongameli kufanele sibhalwe phansi uma - (a) sithathwe maqondana nomthetho kaZwelonke; noma (b) sinemiphumela esemthethweni. (2) Isinqumo esibhalwe phansi nguMongameli kufanele sisayinwe ngomunye wamalungu eKhabhinethi uma leso sinqumo sixhumene nomsebenzi owabelwe lelo lungu leKhabhinethi. (3) Izimemezelo, imitheshwana kanye neminye imithombo yemithetho engaphansi kweminye kufanele umphakathi ukwazi ukufinyelela kuyo. (4) Umthetho kazwelonke ungacacisa indlela imithombo yemithetho eshiwo kwisigatshana (2) okufanele, (a) ibekwe phambi kwePhalamende; (b) yamukelwe yiPhalamende. Iziphakamiso zokungethembeki 102. (1) Uma uMkhandlu kaZwelonke wemukela isiphakamiso sokuthi iKhabhinethi, ngaphandle kukaMongameli, ayisathembekile eMkhandlwini, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu oMkhandlu, uMongameli kufanele alakhe kabusha iKhabhinethi. (2) Uma uMkhandlu kaZwelonke wamukela isiphakamiso sokuthi uMongameli akasathembekile kubona, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu oMkhandlu, uMongameli namanye amalungu eKhabhinethi kanye nanoma yiliphi iSekela likaMongameli kufanele bashiye isikhundla. Isahluko 6 Izifundazwe Izifundazwe 103. (1) IRiphabhuliki inezifundazwe ezilndelayo: (a) iMpumalanga Koloni (b) iFuleyisitata (c) iGauteng (d) iKwaZulu/Natali (e) iMpumalanga (f) iNyakatho Koloni (g) iNyakatho (h) iNyakatho Ntshonalanga (i) INtshonalanga Koloni. (2) Imingcele yezifunda yileyo ekhona ngesikhathi uMthethosisekelo uqala ukusebenza. Izishayamthetho zesifundazwe Igunya lokushaya imithetho lezifundazwe 104. (1) Igunya lokushaya imithetho lesifundazwe libekwe kwisishayamthetho sesifundazwe, futhi linikeza isishayamthetho sesifundazwe amandla - (a) okwamukela umthethosisekelo wesifundazwe noma okushintsha noma yimuphi umthethosisekelo owamukelwe yiso ngokusho kwezigaba 142 no 143; (b) ukwamukela imithetho kwisifundazwe futhi yesifundazwe maqondana - (i) nanoma yiluphi udaba olubalulwe kuSheduli 4; (ii) nanoma yiluphi udaba olubalulwe kuSheduli 5; (iii) nanoma yiluphi udaba olungabalulwanga lapho, futhi olwabelwe isifundazwe ngokusho komthetho kazwelonke; futhi (iv) noma yiluphi udaba olubalulwe wumthethosisekelo, ukumiswa komthetho wesiFundazwe; kanye (c) ukwabela noma yimaphi amandla aso okushaya imithetho kunoma yisiphi uMkhandlu sikaMasipala kwisifundazwe. (2) Isishayamthetho sesifundazwe, ngesinqumo esesekelwe okungenani ngababili kwabathathu bamalungu aso, singacela iPhalamende ukuthi lishintshe igama laleso sifundazwe. (3) Isishayamthetho sesifundazwe siboshwe kuphela nguMthethosisekelo futhi, uma sesamukele umthethosisekelo wesifundazwe saso, yilowomthethosisekelo, futhi kufanele senze okuhambisana nalokho okubekwe ngumthethosisekelo nalowomthethosisekelo wesifundazwe. (4) Umthetho wesifundazwe maqondana nodaba oludingekile ukuze kusetshenziswe amandla ngendlela noma oluhlangene nokusetshenziswa ngendlela kwamandla athintene nanoma yiluphi udaba olukuluhlu lukaSheduli 4, ungumthetho maqondana nodaba olukuluhlu lukaSheduli 4. (5) Isishayamthetho sesifundazwe singancoma eMkhandlwini kaZwelonke umthetho ophathelene nanoma yiluphi udaba olungaphandle kwamagunya alesosishayamthetho, noma okubusa kulo, umthetho wePhalamende ngaphezu komthetho wesifundazwe. Ukwakheka nokukhethwa kwezishayamthetho zezifundazwe 105. (1) Isishayamthetho sesifundazwe sakhiwe ngabantu besifazane nabesilisa abakhethwe njengamalungu njengokusho kohlelo lokhetho - (a) olumiswe ngumthetho kazwelonke; (b) olwakhelwe phezulu kwengxenye yesifundazwe yoluhlu lukazwelonke lwabobonke abavoti; (c) oluhlinzekela iminyaka yobudala yokuvota engu 18; futhi (d) olunomphumela, jikelele, wokumelwa okuhambisana nenani lamavoti elitholiwe. Ubulungu 106. (1) Yileso naleso sakhamuzi esinelungelo lokuvotela uMkhandlu kaZwelonke, singaba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe, ngaphandle - (a) kwanoma ngubani oqokwe noma osebenzela umbuso futhi ekhokhelwa ngenxa yalowo msebenzi, ngaphandle - (i) kukaNdunankulu namanye amaLungu oMkhandlu soMkhandlu wesifundazwe, futhi (ii) nanoma yiziphi ezinye iziphathimandla ezenza imisebenzi ehambisana nemisebenzi yelungu lesishayamthetho sesifundazwe futhi oshiwo ngumthetho kazwelonke ukuthi uhambisana naleyomisebenzi; (b) kwamalungu omkhandlu kaZwelonke, amalungu agcwele oMkhandlu kaZwelonke wesiFundazwe noma amalungu oMkhandlu sikaMasipala; (c) komuntu onezikweletu angeke akwazi ukuzikhokha; (d) kwanoma ngubani inkantolo yaseRephabhliki ethe akaphilile engqondweni; noma (e) kwanoma ngubani okuthe ngemuva kokuqala ukusebenza kwalesi sigaba, walahlwa yicala futhi wagwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezingu-12 ngaphandle kwesijeziso semali, kweRiphabhuliki noma ngaphandle kweRiphabhuliki uma leso senzo esiyicala sasingaba yicala eRiphabhuliki; kodwa akekho ongathathwa njengogwetshiwe, kuze kubenesinqumo ngokudluliswa kwecala noma kuze kuphele isikhathi sokudluliswa kwecala Ukungabinalungelo ngaphansi kwalesigaba kuphela eminyakeni emihlanu emuva kokuqedwa kwesigwebo. (2) Umuntu ongafanelekile ukuba yilungu lesiShayamthetho sesiFundazwe ngokumaqondana nesigatshana (1) (a) noma (b) angathathwa njengomuntu ongaqokwa abe yilungu lesiShayamthetho, ngaphansi kwemibandela noma isimo esimiswe wumthetho kaZwelonke. (3) Umuntu ulahlekelwa ubulungu besiShayamthetho sesiFundazwe uma lowo muntu - (a) engasakulungele ukuba yilungu; noma (b) ephutha kwisiShayamthetho ngaphandle kwemvume, esimweni lapho umthetho nezinqumo zesiShayamthetho zibeka ukulahlekelwa wubulungu. (4) Izikhala kwisiShayamthetho sesiFundazwe kufanele zigcwaliswe ngokulandela umthetho kaZwelonke. Ukufunga noma ukuqinisekisa 107. Ngaphambi kokuba amalungu esishayamthetho sesifundazwe enze imisebenzi yawo kwisishayamthetho kufanele afunge noma enze isiqiniseko sokwethembeka kwiRiphabhuliki nangokuthobela uMthethosisekelo, ngokuhambisana noSheduli 2. Isikhathi sokusebenza kwezishayamthetho zezifundazwe 108. (1) Isishayamthetho sesifundazwe sikhethelwa iminyaka emihlanu. (2) Uma isishayamthetho sesifundazwe sihlakazwa njengokusho kwesigaba 109, noma lapho isikhathi saso siphela, uNdunankulu wesfundazwe ngesimemezelo esishicilelwe, kufanele abize ukhetho okufanele lubanjwe lubanjwe zingakapheli izinsuku ezingu 90 ngemuva kokuhlakazwa kwesishayamthetho, noma ngemuva kokuphela kwesikhathi sokusebenza kwaleso sishayamthetho. (3) Uma umphumela wokhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, ungamenyezelwanga ngaphakathi kwesikhathi esishiwo esigabeni 190 noma uma ukhetho luchithwa yinkantolo, uMongameli kufanele abize futhi abeke usuku lokhetho okufanele lubanjwe zingakapheli izinsuku ezingu 90 ngemuva kokudlula kwalesosikhathi noma kosuku ukhetho olwamiswa ngalo. (4) Isishayamthetho sesifundazwe sinamandla okusebenza kusukela ngesikhathi sihlakazwa noma siphelelwa yisikhathi, kuze kube wusuku olungahambi kosuku lokuqala lokuvotelwa isishayamthetho esilandelayo. Ukuhlakazwa kwezishayamthetho zezifundazwe ngaphambi kokuphela kwesikhathi 109. (1) UNdunankulu kufanele ahlakaze isishayamthetho sesifundazwe uma - (a) lesosishayamthetho sithathe isinqumo sokuhlakazeka esisekelwe yiningi lamalungu aso; futhi (b) iminyaka emithathu isidlulile emuva kokukhethwa kwalesosishayamthetho. (2) Ibamba likaNdunankulu kufanele lihlakaze isishayamthetho sesifundazwe uma - (a) kukhona isikhala esikhundleni sikaNdunankulu; futhi (b) isishayamthetho sehluleka ukukhetha uNdunankulu omusha zingakapheli izinsuku ezingu 30 ngemuva kokuvela kwesikhala. Izikhathi zokuhlangana nezamakhefu 110. (1) Emuva kokhetho, umhlangano wokuqala kufanele ubanjwe ngesikhathi nangosuku olunqunywe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa zingakapheli izinsuku ezingu-14 emuva kokumenyezelwa komphumela wokhetho Isishayamthetho sesifundazwe singanquma isikhathi nobude bemihlangano yaso eminye kanye namakhefu aso. (2) UNdunankulu wesifundazwe angabizela isishayamthetho sesifundazwe emhlanganweni ongavamile noma ngasiphi isikhathi ukuze senze umsebenzi oyisipesheli. (3) Isishayamthetho sesifundazwe singanquma indawo esizohlanganela kuyo ngokujwayelekile. OSomlomo kanye namaSekela oSomlomo 111. (1) Ekuhlaleni kwaso kokuqala emuva kokhetho, noma uma kudingekile ukuba kugcwaliswe isikhala, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe uSomlomo neSekela likaSomlomo phakathi kwamalungu aso. (2) IJaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele lengamele ukukhethwa kukaSomlomo USomlomo wengamela ukukhethwa kwesekela likaSomlomo. (3) Inqubo kwingxenye A ebekwe kuSheduli 3 iyasebenza ekukhethweni koSomlomo namaSekela oSomlomo. (4) Isishayamthetho sesifundazwe singamsusa esikhundleni uSomlomo noma iSekela likaSomlomo ngokuthatha leso sinqumo Iningi lamalungu esishayamthetho kufanele libekhona uma kuthathwa leso sinqumo. (5) Njengokusho kwemitheshwana nezinqumo yaso, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe phakathi kwamalungu aso abanye abengameli ukuze basize uSomlomo noSekela likaSomlomo. Izinqumo 112. (1) Ngaphandle uma uMthethosisekelo uhlinzekela ngokunye - (a) iningi lamalungu esishayamthetho sesifundazwe kufanele libekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe uMthethosivivinywa noma ushintsho loMthethosivivinywa; (b) okungenani oyedwa kwabathathu bamalungu esishayamthetho kufanele babekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe noma yluphi udaba okufanele kunqunywe ngalo phambi kwesishayamthetho; futhi (c) zonke izindaba ezingaphambi kwesishayamthetho sesifundazwe kufanele zinqunywe ngokwesekwa yiningi lamavoti afakiwe. (2) Ilungu elingamele isishayamthetho sesifundazwe alinali ivoti elicatshangiwe, kodwa - (a) kufanele livote uma kukhona amanani amavoti alinganayo ezinhlangothini zombili zodaba; futhi (b) lingavota ngokucatshangiwe uma udaba lufanele lunqunywe ngokusekwa yivoti okungenani lababili kumalungu amathathu. Amalungelo ezithunywa ezigcwele kwizishayamthetho zezifundazwe 113. Izithunywa zesifundazwe ezigcwele kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe zingahambela isishayamthetho futhi zikhulume kwizishayamthetho zezifundazwe zazo kanye nasemakomidini azo, kodwa azivunyelwe ukuvota Isishayamthetho singadinga ukuba isithunywa esimile sibekhona kwisishayamthetho noma emakomidini aso. Amandla ezishayamthetho zezifundazwe 114. (1) Ekusebenziseni amandla okushaya imithetho, isishayamthetho sesifundazwe - (a) singacwaninga, semukele, sishintshe noma sichithe noma yimuphi umthetho obekwe phambi kwesishayamthetho; futhi (b) singasungula noma silungise umthetho ngaphandle kweMithethosivivinywa yemali. (2) Usihayamthetho sesifundazwe kufanele sihlinzekele izindlela - (a) zokuqinisekisa ukuthi zonke izingxenye zombuso emkhakheni kahulumeni wesifundazwe ziphendula kusona; futhi (b) zokugcina iso kuloku - (i) ukusetshenziswa kwegunya lesifundazwe lokuphatha kwisifundazwe, kubandakanya nokuphoqelelwa kwemithetho; futhi (ii) noma yiyiphi ingxenye yombuso. Ubufakazi noma ulwazi phambi kwesishayamthetho sesifundazwe 115. Isishayamthetho sesifundazwe noma ikomidi laso noma yiliphi - (a) singabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwaso ukuze anike ubufakazi obufungelwe noma obuqinisekisiwe noma ukuze aveze amaphepha athile; (b) singafuna ukuthi noma yimuphi umuntu noma isakhiwo sinikeze umbiko kusona; (c) singaphoqa, ngokomthetho wesifundazwe noma imitheshwana nezinqumo zaso, ukuthi noma yimuphi umuntu noma isakhiwo silandele okushiwo yisamanisi noma okushiwo kwisigaba (a) noma (b); futhi (d) singemukela izicelo imibono noma iziphakamiso ezivela kunoma yimuphi umuntu othintwa wudaba noma izikhungo. Amalungiselelo ezangaphakathi, imisebenzi nenqubo yezishayamthetho zezifundazwe 116. (1) Isishayamthetho sesifundazwe - (a) singazithathela izinqumo futhi silawule amalungiselelo aso angaphakathi, izinhlelo kanye nezinqubo; futhi (b) senze imitheshwana nezinqumo maqondana nomsebenzi waso sibe ubhekele ukuqhuba ngenqubo yentando yeningi eyazisa ukumelwa nokubanjwa kweqhaza, ukuphendula, ukusebenzela obala nokuthintwa komphakathi. (2) Imitheshwana nezibopho yesishayamtetho sesifundazwe kufanele kuhlinzekele - (a) ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi, inqubo kanye nesikhathi sokubakhona kwamakomidi aso; (b) ukubanjwa kweqhaza emisebenzini yesishayamthetho sesifundazwe, kwawo wonke amaqembu amancane ezepolitiki amelekile eMkhandlwini, ngendlela ehambisana nenqubo yentando yeningi; (c) usizo lwezemali nokuhanjiswa ngendlela komsebenzi eqenjini ngalinye elimelwe kwisishayamthetho sesifundazwe, olulingana nokumeleka kwalo, ukuze iqembu ngalinye nomholi walo likwazi ekwenza imisebenzi yalo kwisishayamthetho; futhi (d) ukwaziswa, njengoMholi wabaPhikisayo, komholi weqembu elikhulu kunawo wonke amaqembu amancane kwisishayamthetho kwiKhabinethi. Ukubonelelwa kwaMalungu 117. (1) Amalungu esishayamthetho sesifundazwe kanye nezithunywa ezigcwele zoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe - (a) anelungelo lokukhuluma ngokukhululeka kwisishayamthetho nasemakomidini aso, ngendlela evumelana nemitheshwana nezinqumo; futhi (b) angeke athweswe amacala ombango noma obulelesi, aboshwe, avalelwe noma akhokhiswe amademeshe ngenxa - (i) yanoma yini ayishilo, ayivezile noma ayinikeze isishayamthetho noma ikomidi laso noma yiliphi; (ii) yanoma yini evelile ngenxa yalokho akushilo, akuvezile akunikeze isishayamthetho noma ikomidi lawo noma yiliphi. (2) Ezinye izibonelelo nokuvikeleka kwesishayamthetho sesifundazwe, kanye namalungu aso zingabekwa ngumthetho kazwelonke. (3) Amaholo, nezinye izinkokhelo ezihlangene namaholo ezikhokhelwa amalungu esishayamthetho kuvela ngqo esiKhwameni seMali sesiFundazwe. Ukuvumeleka komphakathi kwisishayamthetho kanye nokuthinteka kwawo 118. (1) Isishayamthetho sesifundazwe kufanele - (a) senze kubelula ukuthi umphakathi uthintwe ngomsebenzi wokushaya imithetho neminye imisebenzi yesishayamthetho namakomidi aso; futhi (b) senze umsebenzi waso ngendlela esobala, sivumele umphakathi emihlanganweni yaso naleyo yamakomidi aso; kodwa, amanyathelo afanele angathathwa ukuze - (i) kulawulwe ukungena nokuphuma komphakathi, kubandakanya ukungena nokuphuma kwabezindaba, kwisishayamthetho nasemakomidini aso; (ii) nokuhlinzekela ukusesha noma yimuphi umuntu, futhi lapho kufanele, ukwenqatshelwa ukuba angene noma ukususwa kwanoma yimuphi umuntu. uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe (2) Isishayamthetho sesiFundazwe angeke sakhiphele ngaphandle umphakathi, kubalulwa nabezindaba, ukuba babe khona emhlangaweni wekomidi ngaphandle uma lokho kufanelekile futhi kusemthethweni ukwenza lokho emphakathini wetando yeningi. Ukwethulwa kwemithethosivivinywa 119. Ngamalungu esiGungu esiKhulu sesifundazwe kuphela noma ekomidi noma esishayamthetho sesifundazwe angethula uMthethosivivinywa kwisishayamthetho; kodwa yilungu lesiGungu esiKhulu elibhekele izindaba zezimali kwisifundazwe kuphela, elingethula uMthethosivivinywa wemali kwisishayamthetho enokungabaza ngokuhambisana koMthethosisekelo, angawuthumela kwisishayamthetho ukuba siphinde siwubeke. IMithethosivivinywa yemali 120. (1) UMthethosivivinywa osebenzisa imali noma owethwesa izintela, amalevi noma ezinye izinkokhelo zombuso unguMthethosivivinywa wemali. NguMthethosivivinywa wemali kuphela ongasebenzisa imali, noma wethweswe izintela, amalevi noma ezinye izinkokhelo zombuso futhi uMthethosivivinywa wemali awuvunyelwe ukuphatha ezinye izinto ngaphandle kokwethweswa kwezintela zokusebenzisa imithombo yomphakathi, noma izigwebo nezinye izijeziso zemali. (2) Umthetho wesifundazwe kufanele uhlinzekele inqubo engalandelwa ukuma isishayamthetho sesifundazwe sishintsha iMithethosivivinywa yemali. Ukuvuma iMithethosivivinywa 121. (1) UNdunankulu kufanele avume futhi asayine uMthethosisekelo owemukelwe njengokusho kwalesiSahluko noma, uma uNdunankulu engagculisekile ngokuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, kufanele awuphindisele kwisishayamthetho ukuze siwucwaninge kabusha. (2) Uma, emuva kokucwaningwa kabusha, uMthethosivivinywa wenelisa ngokuphelele ukungagculiseki kukaNdunankulu, uNdunankulu kufanele awuvume futhi awusayine lowoMthethosisekelo; uma kungenzeki loko, uNdunankulu kufanele enze okunye kwaloku - (a) avume futhi asayine uMthethosivivinywa; noma (b) awudlulisele eNkantolo yoMthethosisekelo ezonquma ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo. (3) Uma iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, uNdunankulu kufanele awuvume futhi awusayine. Izicelo ezifakwa ngamalungu kwiNkantolo yoMthethosisekelo 122. (1) Amalungu esishayamthetho angafaka isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi inkantolo ikhiphe izwi lokuthi wonke noma ingxenye yoMthethosivivinywa noma uma sewushicilelewe, uMthetho, owamukelwe yisishayamthetho awuhambisani noMthethosisekelo. (2) Isicelo - (a) kufanele sesekwe amavoti okungenani angamaphesenti angu 20 amalungu esishayamthetho; futhi (b) kufanele senziwe phakathi kwezinsuku ezingu 30 kusukela osukwini uNdunankulu awuvume futhi awusayina ngalo umthetho. (3) INkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi wonke umthetho noma ingxenye yomthetho okufakwe isicelo ngawo njengokusho kwesigatshana (1) ngenhla, angeke usebenze ngaphambi kokuthi iNkantolo ikhiphe isinqumo ngesicelo uma - (a) izidingo zobulungiswa ziphoqelela lesi sinqumo; futhi (b) isicelo sinamathuba anele okuphemelela. (4) Uma isicelo singaphumeleli, iNkantolo yoMthethosisekelo kufanele inqume ukuthi labo abafake isicelo kufanele bakhokhe izindleko. Ukushicilelwa kweMithetho 123. UMthethosivivinywa ovunyiwe futhi wasayinwa nguNdunankulu uba nguMthetho wesifundazwe, kufanele ushicilelwe ngokushesha, futhi uqala ukusebenza uma ushicilelwa noma ngelanga elingemuva elinqunywe ngokusho kwalowoMthetho. Ukugcina ngokuphepha kwemithetho yesifundazwe 124. Ikhophi esayiniwe yoMthetho wesifundazwe ingubufakazi obugcwele balokho okuqukethwe kulowo mthetho futhi emuva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo yoMthethosisekelo ukuze iwugcine ngokuphepha. Izigungu Ezinkulu zesifundazwe Igunya lokuphatha lesifundazwe 125. (1) Amandla okuphatha isifundazwe abekwe kuNdunankulu waleso sifundazwe. (2) UNdunankulu usebenzisa amandla okuphatha ebambisene namanye amalungu esigungu esikhulu sesifundazwe ngalezizindlela - (a) ngokuphoqelela umthetho wesifundazwe kwisifundazwe; (b) ngokuphoqelela yonke imithetho kazwelonke ephakathi koluhlu lukaSheduli 4 noma 5 ngaphandle uma uMthethosisekelo noma uMthetho wePhalamende uhlinzeka okwahlukile; (c) ngokuphathwa kwisifundazwe kwemitheto kaZwelonke engaphandle koluhlu lukaSheduli 4 kanye no 5, ukuphathwa kwayo osekwabelwe isifundazwe njengokusho kwMthetho wePhalamende; (d) ngokuthuthukisa nokuphoqelela imigomo yesifundazwe; (e) ngokudidiyela imisebenzi yeminyango yesifundazwe nokuphathwa kwemisebenzi; (f) ngokulungisa nokusungula imthetho yesifundazwe; futhi (g) ngokwenza noma yimiphi eminye imisebenzi eyabelwe sona ngokusho koMthethosisekelo noma koMthetho wePhalamende. (3) Isifundazwe sinamandla okuphatha njengokusho kwezigatshana(2)(d) kodwa ubungako balamandla buncike ekutheni isifundazwe singakwazi yini ukuphatha umsebenzi ohlangene nokusetshenziswa kwalawo mandla ukuze sikwazi ukuqala ukubhekela ngendlela efanele Uhulumeni kazwelonke kufanele usize ohulumeni bezifundazwe ngemithetho nangezinye izindlela ukuba zithuthukise amakhono namandla okuphatha imisebenzi adingekayo ukuze zikwazi ukusebenzisa amandla azo zenze nemisebenzi yazo eshiwo kwisigatshana (2), ngendlela efanele. (4) Noma iyiphi inqxabano evelayo maqondana nekhono namandla esifundazwe okuphatha noma yimuphi umsebenzi, kufanele idluliselwe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ukuze sixazululwe phakathi kwezinsuku ezingu-30 emuva kokodluliselwa kuMkhandlu. (5) Ngokunakekela okushiwo yisigaba 100 ukuphoqelelwa kwemithetho kwisifundazwe kusemandleni aphelele esifundazwe kuphela. (6) Isigungu esikhulu sesifundazwe kufanele senze ngokulandela - (a) uMthethosisekelo; kanye (b) nomthethosisekelo wesifundazwe, uma umthethosisekelo sewamukelwe yisifundazwe. Ukwabiwa kwemisebenzi 126. Ilungu loMkhandlu esikhulu sesifundazwe lingabela uMkhandlu sikaMasipala noma yimaphi amandla okufanele asetshenziswe noma umsebenzi okufanele wenziwe, ngendlela eshiwo kumthetho wePhalamende, noma wesifundazwe, ende Ukwabiwa - (a) kufanele kuhambisane nesivumelwano phakathi kwelungu leKhabhinethe elithintekile nelungu loMkhandlu esikhulu sesifundazwe noma uMkhandlu sikaMasipala; (b) kufanele kuhambisane nomthetho ophathelene nokusetshenziswa kwalawo mandla nokwenziwa kwalowomsebenzi; (c) kuqala ukusebenza emva kokumenyezelwa nguNdunankulu. Imisebenzi kaNdunankulu 127. (1) UNdunankulu unamandla nemisebenzi okubekwe kuleso sikhundla nguMthethosisekelo nomthetho. (2) UNdunankulu wesifundazwe ubhekele okulandelayo - (a) ukwamukela nokusayina iMithethosivivinywa; (b) ukubuyisela uMthethosivivinywa emuva kwisishayamthetho sesifundazwe ukuze siwubuyekeze ukuze uhambisane noMthethosisekelo; (c) ukudlulisela uMthethosivivinywa kwiNkantolo yoMthethosisekelo ukuze ikhiphe isinqumo ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo; (d) ukubizela isishayamthetho emhlanganweni ongejwayelekile ukuze senze umsebenzi oyisipesheli; (e) ukumisa amakhomishana ophenyo; kanye (f) nokumemezela uhlololuvo kwisifundazwe ngendlela emiswe ngummthetho. Ukukhethwa kukaNdunankulu 128. (1) Emhlanganweni wawo wokuqala emveni koketho, nalapho kunesidingo sokuvala isikhala, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe umuntu wesifazane noma wesilisa phakathi kwamalungu awo ukuthi abe nguNdunankulu wesifundazwe. (2) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele engamele lolukhetho noma aqoke elinye ijaji ukuba likwenze loko Inqubo ebekwe kwingxenye A kwiSheduli 3 iyona esebenzayo ekukhethweni kuka Ndunankulu (3) Ukhetho lokugcwalisa isikhala esikhundleni sikaNdunankulu kufanele lubekelwe isikhathi nelanga nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kodwa zingakadluli izinsuku ezingu 30 emuva kokuvela kwalesosikhala. Ukuqala ukusebenza kukaNdunankulu 129. Umuntu okhethelwe isikhundla sikaNdunankulu, kufanele aqale umsebenzi esikhundleni sikaNdunankulu phakathi kwezinsuku ezinhlanu ekhethiwe, ngokufunga noma ukuqinisekisa ukwethembeka kwiRephabhliki nokuthobela uMthethosisekelo, njengokusho kukaSheduli 2. Isikhathi sesikhundla sikaNdunankulu 130. (1) UNdunankulu unesikhathi sokuba esikhundleni esiqala kusukela eqala umsebenzi siphele lapho kuvela isikhala noma uma umuntu olandelayo okhethelwe esikhundleni sokuba nguNdunankulu eqala umsebenzi wobuNdunankulu. (2) Akekho umuntu ovunyelwe ukuba sesikhundleni njengoNdunankulu ngaphezulu kwezikhathi ezimbili uma umuntu ekhethelwe ukuthi agcwalise isikhala esikhundleni sobuNdunankulu, isikhathi esiphakathi kokugcwalisa isikhala nokhetho olulandelayo, asithathwa njengesikhathi sobuNdunankulu kulowomuntu. (3) IsiShayamethetho sesiFundazwe, ngesivumelwano esithathwe ngokusekwa yivoti okungenanai lamalungu awo amabili kwamathathu, angasusa esikhundleni uNdunankulu kuphela ngaphansi kwemibandela - (a) ukwaphulwa kanzima koMthethosisekelo noma umthetho; (b) ukuziphatha kabi; noma (c) ukwehluleka ukwenza imisebenzi yesikhundla sakhe. (4) Noma yimuphi umuntu osuswe esikhundleni sokuba nguNdlunankulu ngokwesigatshana (3)(a) noma (b) akanukuthola lutho lwaleso sikhundla, futhi akavunyelwe ukusebenza kunoma yiliphi ihhovisi likahulumeni. IBamba likaNdunankulu 131. (1) Uma UNdunankulu engekho noma engakwazi ukufeza izidingo zomsebenzi kaNdunankulu; noma kunesikhala kulesosikhundla, iziphathimandla ezilandelayo ngokulandelana zingambambela njengoNdunankulu: (a) Ilungu lesiGungu esikhulu sesifundazwe elijutshwe nguNdunankulu. (b) Ilungu lesiGungu esikhulu elijutshwe ngamanye amalungu esiGungu. (c) USomlomo, isishayamthetho size sijube omunye wamalungu aso (2) IBamba likaNdunankulu linezibopho, amandla nemisebenzi kaNdunankulu. (3) Ngaphambi kokuthatha izibopho, amandla nemisebenzi kaNdunankulu iBamba likaNdunankulu kufanele lifunge noma liqinisekise ukwethembeka kwiRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo, njengokubeka kukaSheduli 2. UMkhandlu esiKhulu 132. (1) IsiGungu esiKhulu sakhiwe nguNdunankulu, njengenhloko yesiGungu, namalungu esishayamthetho aqokwe nguNdunankulu amahlanu noma ngaphezulu kodwa angeqile eshumini. (2) UNdunankulu wesifundazwe uqoka amalungu esiGungu esikhulu, uwanika amandla nemisebenzi, futhi angawasusa esikhundleni. Ukuphendula nokubhekela 133. (1) Amalungu oMkhandlu esikhulu sesifundazwe abhekele amandla nemisebenzi yesigungu abethweswe yona nguNdunankulu. (2) Amalungu oMkhandlu esikhulu sesifundazwe aphendula ebumbene wonke kanye nanjengelungu ngalinye kwisishayamthetho mayelana namandla okwenziwa kwemisebenzi yawo. (3) Amalungu oMkhandlu esikhulu sesifundazwe kufanele - (a) enze ngokuhambisana noMthethosisekelo; futhi uma umthethosisekelo wesifundazwe uvunyiwe kwisifundazwe, futhi lowo mthethosisekelo; futhi (b) anikeze isishayamthetho imibiko ephelele njalo ngemuva kwezikhathi ezejwayelekile maqondana nezindaba ezilawulwa yiwo. Ukuqhubeka koMkhandlu esikhulu emuva kokhetho 134. Uma kubanjwe ukhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, uMkhandlu esikhulu sesifundazwe, namalungu aso asakwazi ukusebenza aze athathe isikhundla njengoNdunankulu lowo muntu okhethwe yisishayamthetho esilandelayo. Izifungo neziqinisekiso 135. Ngaphambi kokuthi uMkhandlu esikhulu sesifundazwe siqale imisebenzi yezikhundla zaso, kufanele amalungu afunge noma aqinisekise ukuthi azokwethembeka kwiRiphabhuliki futhi athobele uMthethosisekelo, ngokuhambisana neSheduli 2. Ukuziphatha kwamalungu oMkhandlu esiKhulu 136. (1) Amalungu oMkhandlu esiKhulu sesifundazwe kufanele aziphathe ngendlela ehambisana nohlelo lokuziphatha olubekwe ngumthetho kazwelonke. (2) Amalungu oMkhandlu esiKhulu sesifundazwe akufanele - (a) enze omunye umsebenzi okhokhelwayo; (b) aziphathe noma ngayiphi indlela engahambisani nezikhundla zabo, noma azibeke kunoma yisiphi isimo esingadala ukuthi abonakale enobunzima bokwehlukanisa phakathi kwezidingo zomsebenzi nezidingo zomuntu zangasese; (c) basebenzise isikhundla noma ulwazi lwanoma uluphi uhlobo elunikezelwe kubona ukuzenzela inzuzo noma ukwenzela omunye inzuzo engafanele. Ukudluliswa kwemisebenzi 137. UNdunankulu angadlulisela kwilungu loMkhandlu esiKhulu ngesimemezelo esishicilelwe okulandelayo - (a) ukwengamelwa kwanoma yimuphi umthetho onikezwe elinye ilungu; noma (b) amandla noma umsebenzi onikezwe elinye ilungu ngokomthetho. Ukunikezwa kwemisebenzi okwesikhashana 138. UNdunankulu anganikeza ilungu loMkhandlu esiKhulu noma yimaphi amandla noma umsebenzi welinye ilungu elingekho noma elingakwazi ukusebenzisa lawo mandla noma ukwenza lowomsebenzi. Ukulawulwa kukahulumeni wendawo yisiFundazwe 139. (1) Uma umasipala ungakwazi noma ungagcwalisi izibopho zawo ezibekwe ngumthetho, uMkhandlu esikhulu esithintekayo singalungena udaba ngokuthatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukugcwaliswa kwezibopho, kubandakanya - (a) ukukhipha isiyalelo esiya kuMkhandlu sikaMasipala, esichaza indlela esehluleka ngayo ukugcwalisa izibopho zaso futhi sisho izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kugcwaliswe lezo zibopho; futhi (b) nokuzithathela umsebenzi wokubhekela lezo zibopho ezithintekile kuleso sifunda ngendlela edingekile ukuze - (i) kugcinwe amazinga abalulekile ngokukazwelonke noma kuhlangatshezwane namazinga amisiwe okungafanele ehliswe okunikezwa kwezidingo zomphakathi; (ii) kunqandwe leso siGungu sikaMasipala ukuze singathathi izinyathelo ezingafanele ezikhinyabeza omunye umasipala noma isifundazwe sonke; noma (iii) kugcinwe ubumbano lomnotho. (2) Uma isiGungu esikhulu sesifundazwe singena udaba lukamasipala ngokubeka kwesigatshana (1)(b) - (a) ukungenwa kodaba kufanele kuphele ngaphandle uma kwamukelwe yilungu leKhabhinethi likahulumeni waseKhaya phakathi kwezinsuku ezingu-4 emuva kokungenwa kodaba; (b) isaziso sokulungena udaba kufanele sibekwe phambi kwesishayamthetho soMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe phakathi kwezinsuku ezingu 14 zemihlangano yazo yokuqala emuva kokungenwa kodaba; futhi (c) ukungenwa kodaba makupheliswe ngaphandle uma kuvunywa yisiGungu ezinsukwini ezingu-30 zomhlangano waso wokuqala emva kokuba sekuqaliswe ukungenwa kodaba; futhi (d) isiGungu kufanele sikuphenye kabusha ukungenwa kodaba njalo emva kwezikhathi ezithile futhi senze noma yiziphi izincomo ezilungile kwisiGungu esikhulu sesifundazwe. (3) Umthetho kazwelonke ungalawula uhlelo olumiswe kulesi sigaba. Izinqumo zesiGungu esikhulu 140. (1) Isinqumo sikaNdunankuklu kufanele sisayinwe futhi ngelinye ilungu lesiGungu esikhulu uma - (a) lesosinqumo senziwe ngokusho komthetho; futhi (b) lowomthetho uyingxenye unomphumela osemthethweni. (2) Isinqumo esibhalwe phansi nguNdlunankulu masisayinwe ngelinye lamalungu esiGungu esikhulu uma leso sinqumo sixhumene nomsebenzi owabelwe lelo lungu. (3) Izimemezelo, imitheshwana kanye neminye imithombo yemithetho engaphansi kweminye yesifundazwe kufanele umphakathi ukwazi ukufinyelela kuyo. (4) Umthetho wesifundazwe ungacacisa indlela imithombo yemithetho eshiwo kwisigatshana (3) okufanele, (a) ibekwe phambi kwesishayamthetho sesifundazwe; futhi (b) yamukelwe yisishayamthetho sesifundazwe. Iziphakamiso zokungethembeki 141. (1) Uma isiGungu sesishayamthetho samukela isiphakamiso sokuthi isiGungu esikhulu sesifundazwe, ngaphandle kukaNdunankulu, asisathembekile kwisishayamthetho ngevoti elesekwe yiningi lamalungu esiGungu, uNdunankulu kufanele asakhe kabusha iSigungu. (2) Uma isishayamthetho sesifundazwe, samukela isiphakamiso sokuthi UNdunankulu akasathembekile kubona, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu esishayamthetho, uNdunankulu namanye amalungu esiGungu esikhulu kufanele bashiye isikhundla. Imithethosisekelo yezifundazwe Ukwamukelwa kwemithethosisekelo yezifundazwe 142. Isishayamthetho sesifundazwe singemukela umthethosisekelo wesifundazwe noma, uma kungenzeka, singawushintsha umthethosisekelo waso, uma okungenani ababili kwabathathu bamalungu aso bevote beseka uMthethosichibiyelo. Okuqukethwe ngumthethosisekelo wesifundazwe. 143. (1) Umthethosisekelo wesifundazwe akufanele ungahambisani naloMthethosisekelo, kodwa ungahlinzekela - (a) izakhiwo zesifundazwe zokushaya imithetho nokuphatha nezinhlelo ezehlukile kulezo ezihlinnzekelwe kulesi sahluko; noma (b) ubukhosi bendabuko, iqhaza labo, amagunya kanye nezinga lobukhosi bendabuko, lapho kungenzeka. (2) Izimiso ezifakwe kumthethosisekelo wesifundazwe noma kushintsho lomthethosisekelo okuhambisana nesigaba (a) noma (b) yesigatshana (1) - (a) kufanele zihambisane nesaHluko 3 kanye nomqondo wesigaba (1); futhi (b) zinganika isifundazwe noma yimaphi amandla noma imisebenzi ewela - (i) ngaphandle kwezinga lamandla esifundazwe njengokusho kukaSheduli 4 no 5; noma (ii) ngaphandle kwamandla nemisebenzi enikezwe isifundazwe ngezinye izigaba zoMthethosisekelo. Ukuqinisekiswa komthethosisekelo wesifundazwe 144. (1) Uma isishayamthetho sesifundazwe sesamukele noma sashintsha umthethosisekelo, uSomlomo wesishayamthetho kufanele ahambise umbhalo woMthethosisekelo noma woshintsho loMthethosisekelo eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze uqinisekiswe. (2) Akukho mbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma ushintsho lomthethosisekelo olungaba ngumthetho ngaphambi kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo iqinisekise - (a) ukuthi umbhalo wamukelwe ngokuhambisana nesigaba 142; futhi (b) ukuthi wonke umbalo uhambisana nesigaba 143. Ukusayinwa, ukushicilelwa nokugcinwa kokukuphepha kwemithethosisekelo yesifundazwe 145. (1) UNdunankulu wesifundazwe kufanele avume futhi asayine umbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma ushintsho lomthethosisekelo oseluqinisekiswe yiNkantolo yoMthethosisekelo. (2) Umbhalo ovunyiwe wasayinwa nguNdunankulu kufanele ushicilelwe kwiGazethi kaHulumeni kazwelonke futhi uqala ukusebenza njengomthetho ngokushicilelwa kwawo noma emuva kokushicilelwa ngelanga elinqunywe ngokusho kwalowomthethosisekelo noma ushintsho lomthethosisekelo. (3) Umbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma wesichibiyelo somthethosisekelo osayiniwe ungubufakazi obuphelele bezimiso zawo futhi, emva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo yoMthethosisekelo ukuba iwugcine. Ukungqubuzana kwemithetho Ukungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nomthetho wesifundazwe 146. (1) Lesisigaba sisebenza lapho kunokungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nowesifundazwe mayelana nodaba olungena kuluhlu lwemisebenzi olubalulwe kuShedule 4. (2) Umthetho kazwelonke osebenza ngendlela efanayo ezweni lonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe uma noma yimiphi yale mibandela ihlangatsheziwe: (a) Umthetho kazwelonke uphathelene nodaba olungakwazi ukulawulwa ngendlela efanele ngemithetho eshaywe yisifundazwe ngasinye. (b) Izidingo zezwe lonke zidinga ukuthi udaba luphathwe ngendlela efanayo ezweni lonke, futhi umthetho kazwelonke unikeza lokokuphatha ngendlela efanayo ngokumisa - (i) indlela eyiyo namazinga; (ii) izinhlaka; noma (iii) imigomo kazwelonke. (c) Umthetho kazwelonke udingelwa - (i) ukugcinwa kokuphepha kwesizwe; (ii) ukugcinwa kobumbano lwezomnotho; (iii) ukuvikelwa kwezimakethe ezihlanganyelwe maqondana nokunyakaza kwempahla, izidingo zomphakathi, izimali kanye namandla okusebenza; (iv) ukukhuthazwa izenzo zomnotho nangale kwemingcele yezifundazwe; (v) ukukhuthazwa kwamathuba alinganayo kanye nokufinyelela okufanayo kwizidingo zomphakathi zikahulumeni; noma (vi) ukuvikelekwa kwemvelo. (3) Umthetho kazwelonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe uma umthetho kazwelonke uqondiswe ekunqandeni izenzo ezingafanele zesifundazwe - (a) ezingakhinyabeza umnotho, impilo noma izidingo zokuphepha zesinye isifundazwe noma zezwe lonke; noma (b) ezicindezela ukuphoqelelwa kwemigomo kazwelonke yomnotho. (4) Uma kukhona ukuxabana okuxhumene nesidingo somthetho kaZwelonke ngehloso ebekwe kwisigatshana (2)(c) futhi lokho kuxabana kuvela ngaphambi kwekantolo yezisombululo, inkantolo ikhathalele ukuvunywa noma ukwenqatshwa komthetho nguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe. (5) Umthetho wesifundazwe ubusa umthetho kazwelonke uma isigatshana (2) noma (3) singasebenzi. (6) Umthetho oshaywe ngokulandela uMthetho wePhalamende noma uMthetho wesiFundazwe ungabusa kuphela uma lowo mthetho wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe. (7) Uma uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungafinyeleli ungawemukeli phakathi kwezinsuku ezingu-30 zokuhlala kwawo kokuqala emuva kokuba umthetho udluliselwe kuwona, lowo mthetho kufanele uthathwe ngokuthi wamukelwe uMkhandlu. (8) Uma Umkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungawemukeli umthetho odluliselwe kusona ngokusho kwesigatshana (6), kufanele, phakathi kwezinsuku ezingu-30 emuva kwesinqumo, sithumele izizathu zokungawemukeli umthetho kuleso siphathimandla esandlulisa lowo mthetho eMkhandlwini. Okunye ukungqubuzana 147. (1) Uma kunokungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nesimiso somthethosisekelo wesifundazwe maqondana - (a) nodaba loMthethosisekelo odinga noma ohlongoze ukuthi makushaywe umthetho kazwelonke maqondana nalo, umthetho kazwelonke ubusa ngaphezu kwalesosimiso somthethosisekelo esithintekile; (b) nokugqumbukela ngokukazwelonke ngokushaya umthetho njengoba kushiwo esigabeni 44(2), umthetho kazwelonke ubusa ngaphezu kwesimiso somthetho-sisekelo wesifundazwe; noma (c) nodaba oluphakathi kwemisebenzi ekuluhlu lukaSheduli 4, isigaba 146 sisebenza sengathi isimiso esithintekile somthethosisekelo wesifundazwe singumthetho wesifundazwe oshiwo kuleso sigaba. (2) Umthetho kazwelonke oshiwo kwisigaba 44(2) ubusa ngaphezu komthetho wesifundazwe mayelana nezindaba eziphakathi kwemisebenzi equkethwe kuSheduli 5. Ukungqubuzana okungaxazululeki 148. Uma ingxabano ehlangene nokungqubuzana ingakwazi ukuxazululwa yinkantolo, umthetho kazwelonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe noma umthethosisekelo wesifundazwe. Izinga lomthetho ongasebenzi ngaphezu komunye 149. Isinqumo senkantolo sokuthi umthetho ubusa ngaphezulu komunye umthetho asiwucimi lowo mthetho omuye, kodwa lowo mthetho omunye awusebenzi ngasosonke isikhathi ukungqubuzana kusekhona. Ukuhunyushwa kokungqubuzana 150. Uma idingida ukungqubuzana okungathi kukhona phakathi komthethto kazwelonke nowesifundazwe, noma phakathi komthetho kazwelonke nomthethosisekelo wesifundazwe, zonke izinkantolo kufanele ziqoke ukuhumusha okulungile kwalowo mthetho noma komthethosisekelo okuvimbela ukungqubuzana, ngaphezu kokunye ukuhumusha okungaba nophumela wokungqubuzana. Isahluko 7 Uhulumeni wendawo Izinga lomasipala 151. (1) Umkhakha kahulumeni wendawo wakhiwe ngomasipala, okufanele bamiswe kuyoyonke indawo yaseRiphabhuliki. (2) Amandla okuphatha nokushaya imithetho kamasipala abekwe esiGungwini sikaMasipala. (3) Umasipala unelungelo lokubusa, ngendlela aziqokele yona, izindaba zikahulumeni wendawo zomphakathi wawo, ngendlela ehambisana nomthetho kazwelonke nowesifundazwe njengoba kubekiwe kumthethosisekelo. (4) Uhulumeni kazwelonke nowesifundazwe abavunyelwe ukukhinyabeza noma ukuvimbela ikhono noma ilungelo likamasipala lokusebenzisa amandla awo noma lokwenza imisebenzi yawo. Izinjongo zikahulumeni wendawo 152. (1) Izinjongo zikahulumeni wendawo yilezi - (a) ukuhlinzekela uhulumeni obusa ngenqubo yentando yeningi nophendulayo, emiphakathini yezindawo; (b) ukuqinisekisa ukuhlinzekelwa kwezidingo emiphakathini ngendlela eqhubekayo; (c) ukugqugquzelela ukuthuthuka komphakathi nokomnotho; (d) ukugqugquzelela ukuphepha nokuba nempilo kwendawo; kanye (e) nokugqugquzele ukubamba iqhaza kwemiphakathi kanye nezinhlangano zomphakathi ezindabeni zikahulumeni wendawo. (2) Umasipala ungazama, kangangoba uvunyelwa yizimali kanye namandla okwengamela imisebenzi, ukufeza zonke izinjongo ezibekwe kwisigatshana (1). Izibopho zomasipala zokuthuthukisa indawo 153. Umasipala kufanele - (a) wakhe futhi uphathe iminyango yawo eyahlukene, uhlelo lokusetshenziswa kwezimali, kanye nokuhlelwa kwezinhlelo zawo, ngendlela ebeka phambili izidingo zomphakathi eziyisiseko, kanye nokugqugquzelela ukuthuthuka komphakathi nezomnotho emphakathini; futhi (b) ukubamba iqhaza ezinhlelweni zikazwelonke nezezifundazwe zokuthuthuka. Omasipala phakathi kukahulumeni wobambiswano 154. (1) Uhulumeni kazwelonke kanye nowezifundazwe, ngomthetho kanye nangezinye izinyathelo, kufanele beseke futhi baqinise amandla omasipala okuphatha izindaba zabo, okusebenzisa amandla abo kanye nokwenza imisebenzi yabo. (2) Umthetho osongozwayo kazwelonke noma wesifundazwe ophathelene nokuma, izikhungo, amandla noma imisebenzi yohulumeni bendawo kumele kushicilelwe ukuze kuzwiwe uvo lomphakathi ngaphambi kokwethulwa kwawo ePhalamende noma isishayamthetho sesifundazwe, ngendlela evumela uhulumeni wendawo ohlelekile, umasipala kanye nabanye abantu abanothando, ithuba lokwethula iziphakamiso maqondana nomthetho osongozwayo. Ukumiswa komasipala 155. (1) Kunalezi zinhlobo ezilandelayo zomasipala: (a) Uhlobo A: Umasipala onegunya eligcwele lokuba ngumasipala endaweni yakhe. (b) Uhlobo B: Umasipala oshiyelana amandla agcwele okuba ngumasipala negunya lokushaya umthetho endaweni yakhe ebambisene nohlobo C lukamasipala ngaphansi kwalezo zindawo akuzona. (c) Uhlobo C: Umasipala onamandla okuba ngumasipala negunya lokushaya umthetho endaweni efaka omasipala abangaphezu koyedwa. (2) Umthetho kazwelonke kumele uchaze izinhlobo ezahlukene zikamasipala abangamiswa ngaphansi kohlobo ngalunye lukamasipala. (3) Umthetho kazwelonke kumele - (a) umise indlela yokuthatha isinqumo uma indawo ilindeleke ukuba nohlobo olulodwa olungu A lukamasipala noma uma ilindeleke ukuba nezinhlobo zombili u-B no-C lukamasipala; (b) umise indlela kanye nenqubo yokunqunywa kwemingcele yomasipala ngumgwamanda ozimele; kanye (c) maqondana nesigaba 229, uhlinzekele ukwahlukaniswa ngendlela efanele amandla kanye nemisebenzi phakathi komasipala lapho indawo inomasipala bezinhlobo ezimbili u-B no-C. Ukwahlukaniswa kwamandla kanye nemisebenzi phakathi kohlobo u-B kanye no-C kungehluka ekwahlukanisweni kwamandla kanye nemisebenzi phakathi komunye umasipala onguhlobo olungu-B kanye nalolo olunguhlobo C. (4) Umthetho oshiwo kwisigatshana (3) kumele uqikelele isidingo sokuhlinzekela imisebenzi kamasipala ngendlela elinganayo futhi ngendlela eqinileyo. (5) Umthetho wesifundazwe kumele unqume izinhlobo ezahlukene zikamasipala ezingamiswa esifundazweni. (6) Uhulumeni wesifundazwe ngamunye umele umise omasipala esifundazweni sawo ngendlela ehambisana nomthetho omiswe ngokwesigatshana (2) kanye no (3), futhi ngokomthetho noma ezinye izinyathelo, kufanele - (a) uhlinzekele ukubhekelwa kanye nokweseka uhulumeni wendawo esifundazweni; futhi (b) ugqugquzele amandla entuthuko yohulumeni wendawo ukuze omasipala bakwazi ukwenza umsebenzi wabo babuye bakwazi ukuphatha izindaba zabo. (7) Uhulumeni kazwelonke, maqondana nesigaba 44, kanye nohulumeni wesifundazwe banegunya ngokusemthethweni lokubheka ukuthi umsebenzi womasipala uqhubeka ngendlela efanele mayelana nezindaba ezibekwe kwisheduli 4 kanye no-5, ngokuhlelela igunya lokusebenza komasipala okuphawulwe kwisigaba 156(1). Amandla nemisebenzi yomasipala 156. (1) Umasipala unegunya lokuphatha maqondana nokulandelayo, futhi unelungelo lokwengamela, - (a) izindaba zikahulumeni wendawo ezibalwe kwiNgxenye B kaSheduli 4 kanye neNgxenye B kaSheduli 5; futhi (b) noma yiluphi olunye udaba olwabelwe noma olunikezelwe kuwona ngomthetho kazwelonke noma wesifundazwe. (2) Umasipala ungashaya futhi wengamele imithetho yendawo ngenhloso yokuphatha ngendlela lezo zinto anelungelo lokuziphatha. (3) Ngaphandle uma kungahambisani nesigaba 151 (4), umthetho wendawo ophikisana nomthetho kazwelonke noma wesifundazwe uphambene nomthetho Uma kunempikiswano phakathi komthetho wendawo nomthetho kazwelonke noma wesifundazwe ongasebenzi ngenxa yokuphikisana nomthetho wendawo njengoba kushiwo esigabeni 149, umthetho wendawo kufanele uthathwe ngokuthi usemthethweni ngasosonke isikhathi lowomthetho ungakasebenzi. (4) Umthetho kazwelonke noma wesifundazwe kufanele wabele noma unikeze umasipala, ngesivumelwano nangaphansi kwanoma yimiphi imibandela, igunya lokwengamela noma yiluphi udaba olubalwe kwiNgxenye A kaSheduli 4 noma kwiNgxenye A kaSheduli 5 oluphathelene nohulumeni wendawo, uma - (a) lolo daba lungengamelwa kangcono emkhakheni wendawo; futhi (b) umasipala enamandla okulwengamela lolo daba. (5) Umasipala unelungelo lokusebenzisa noma yimaphi amandla maqondana nodaba olubalulekile ekutheni noma elincikelene nokuthi umasipala enze umsebenzi wakhe ngendlela efanele. Ukwakheka nokukhethwa koMkhandlu kaMasipala 157. (1) UMkhandlu kaMakasipala wakhiwe yilaba - (a) amalungu akhethwe ngendlela ehambisana nezigatshana (2),(3),(4) no (5); noma (b) uma kuhlinzekelwe ngumthetho kazwelonke - (i) amalungu aqokwe ngomunye uMkhandlu kaMasipala ukuba amele lowo Mkhandlu omunye; noma (ii) amalungu akhethwe ngendlela ehambisana nesigaba (a)) ngenhla kanye namalungu aqokwe ngendlela ehambisana nesigatshana (i) sale pharagrafu. (2) Ukukhethwa kwamalungu oMkhandlu kaMasipala njengoba kulindelwe esigatshaneni (1)(a) ngenhla, kufanele kubengendlela ehambisana nomthetho kazwelonke okufanele ubeke uhlelo - (a) lokumelwa ngokwenani lamavoti atholiwe uma kuqhathaniswa nenani labavoti abangaphansi kwalowo masipala, futhi oluhlinzekela ukukhethwa kwamalungu avela kuluhlu lweqembu olwakhiwe ngendlela enqunywe yiqembu; noma (b) lokumelwa ngokwenani lamavoti njengoba kushiwo kwisigaba (a) ngenhla luhlanganiswe nohlelo lokumelwa ngamawadi aklaywa kusetshenzelwa phezu kwengxenye yalowo masipala etholakala uma kuqhathaniswa noluhlu lwabavoti lukazwelonke. (3) Uhlelo lokuvota okushiwo kwisigatshana (2) kufanele luqinisekise ukuthi inani eliphelele lamalungu akhethiwe evela eqenjini ngalinye liyahambisana nobungako benani lamavoti atholwe yilawo maqembu. (4) Uma uhlelo lokhetho lubandakanya ukumelwa ngamawadi, kufanele ukuklaywa kwamawadi kwenziwe yisakhiwo esigunyaziwe esizimele, esimiswe njengoba kusho umthetho kazwelonke futhi esisebenza ngokulandela izinkambiso nezinkomba ezibekwe ngumthetho kazwelonke. (5) Umuntu angavota kumasipala kuphela uma ebhaliswe engxenyeni yalowo masipala yoluhlu lwabavoti. (6) Umthetho kaZwelonke okuphawulwe ngawo kwisigatshana (1)(b) kumele umise indlela evumela amaqembu kanye nezifiso ezivezwe ngaphansi kwesiGungu sikaMasipala oqashayo, ukuba imelwe ngendlela efanele esiGungwini sikaMasipala ozoqasha. Ubulungu boMkhandlu kaMasipala 158. (1) Zonke izakhamuzi ezinelungelo lokuvotela uMkhandlu kaMasipala zingaba amalungu alowo Mkhandlu ngaphandle kwalaba - (a) noma ngubani oqokwe esikhundleni, noma osebenzela umasipala; futhi oholayo futhi engazange akhishwe ngumthetho kazwelonke ekuvinjweni yilesi sigatshana; (b) noma ngubani oqokelwe esikhundleni ngumbuso, noma osebenzela umbuso, komunye umkhakha futhi othola umholo ngaleso sikhundla noma umsebenzi, futhi ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu ngumthetho kazwelonke; (c) noma ngubani ongavunyelwe ukuvotela uMkhandlu kamasipala noma ongavunyelwe ngokusho kwesigaba 47(1)(c)(d) noma (e) ukuba yilungu loMkhandlu; (d) ilungu loMkhandlu kaZwelonke, eliyisithunywa soMkhandlu kaZwelonke seziFundazwe noma lesishayamthetho sesifundazwe; kodwa lomkhawulo awusebenzi kwilungu loMkhandlu kaMasipala omele uhulumeni wendawo eMkhandlwini kaZwelonke; noma (e) ilungu lomunye uMkhandlu kaMasipala; kodwa lomkhawulo awusebenzi kwilungu loMkhandlu kaMasipala elimele lesosiGungu komunye uMkhandlu kaMasipala sengxenye ehlukile. (2) Umuntu ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaMasipala ngokusho kwesigatshana (1)(a), (b), (d), noma (e) angamela ukhetho loMkhandlu, ngaphansi kwemikhawulo nemibandela emiswe ngumthetho kazwelonke. Isikhathi soMkhandlu kaMasipala 159. Isikhathi soMkhandlu kaMasipala asingeke sibe ngaphezulu kweminyaka emine, njengokusho komthetho kazwelonke. Inqubo yangaphakathi 160. (1) UMkhandlu kaMasipala - (a) ukuthatha izinqumo eziphathelene namandla kanye nokusebenza kukamasipala; (b) ukuqoka usihlalo wawo; (c) ungaqoka ikomidi eliyisigungu kanye namanye amakomidi, ngokumaqondana nomthetho kazwelonke; futhi (d) ungaqasha abasebenzi abadingekile ekwenzeni umsebenzi wawo. (2) Imisebenzi elandelayo ayinakugunyazwa nguMkhandlu kamasipala: (a) ukuvuma imithetho-kamasipala; (b) ukuvuma amabhajethi; (c) ukuthwesa izintela ezikhokhela imisebenzi eyenziwe kanye nezinye zolunye uhlobo, amalevi kanye nenkokhelo yombuso; kanye (d) ukufaka isicelo semali ebolekisayo. (3) (a) Iningi lamalungu oMkhandlu kamasipala kumele libe khona ngaphambi kokuthathwa kwevoti lwanoma yiluphi udaba. (b) Yonke imibuzo ephathelene nezindaba okuphawulwe ngazo kwisigatshana (2) inqunywa ngesinqumo esithathwe uMkhandlu kamasipala ube wesekwe yivoti lobuningi bamalungu. (c) Yonke eminye imbibuzo engaphambili koMkhandlu kaMasipala inqunywa ubuningi bamavoti. (4) Akukho mthetho kamasipala ongavunywa uMkhandlu kaMasipala ngaphandle - (a) onke amalungu oMkhandlu enikezwe inothisi; futhi (b) umthetho kamasipala osongozwayo ushicilelwe ukuthola uvo lomphakathi. (5) Umthetho kazwelonke ungahlinzekela indlela yokunquma - (a) ubungako bomkhandlu kaMasipala; (b) ngabe uMkhandlu kaMasipala ungaqoka yini isigungu sekomiti noma amanye amakomidi; noma (c) ubungako isigungu sekomidi noma yimaphi amanye amakomidi oMkhandlu kaMasipala; (6) UMkhandlu kaMasipala ungashaya imithetho kamasipala ebeka imithetho kanye nezinqumo - (a) kumalungiselelo angaphakathi; (b) imisebenzi yaso kanye nezindaba; kanye (c) ukumiswa, ukwakhiwa, inqubo, amandla kanye nemisebenzi yamakomidi aso. (7) UMkhandlu kaMasipala kumele wenze umsebenzi waso obala, futhi singavala ukuhlangana kwaso, noma kwamakomiti aso, uma kuphela kufanelekile ukwenza lokho uma kulandelwa isimo sodaba okusuke kuxoxwa ngalo. (8) Amalungu oMkhandlu kaMasipala anegunywa lokubamba iqhaza emihlanganweni yaso kanye neyamakomidi ngendlela yoku - (a) vumela amaqembu ezombusazwe kanye nabathintekayo phakathi koMkhandlu ukuba bamelwe ngendlela efanele. (b) hambisana nentando yeningi; futhi (c) ingalungiswa ngumthetho kazwelonke. Amalungelomvumo 161. Umthetho wesifundazwe phakathi kohlaka lomthetho kazwelonke ungahlinzekela amalungelomvume nokuvikeleka kweziGungu zoMasipala namalungu azo. Ukushicilelwa kwemithetho kamasipala wendawo 162. (1) Umthetho kamasipala wendawo ungaphoqelelwa kuphela emuva kokuthi ushicelelwe ephephandabeni likahulumeni elisemthethweni kulesosifundazwe. (2) Uhulumeni wesifundazwe kufanele ushicilele umthetho kamasipala wendawo ngesicelo sikamasipala. (3) Imithetho kamasipala wendawo kufanele ifinyeleleke emphakathini. Uhulumeni wendawo ohlelekile 163. Umthetho kazwelonke oshaywe ngendlela ebekwe yisigaba 76 kumele - (a) uhlinzekele ukwaziswa ngokomthetho kwezinhlangano zikazwelonke nezesifundazwe ezimele omasipala; (b) umise inqubo engavumela uhulumeni wendawo ukuba - (i) abonisane nohulumeni kazwelonke nowesifundazwe; (ii) uphakamise izithunywa ukuba zibambe iqhaza kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe; futhi (iii) uphakamise abantu abangaba kwiKhomishana yezimali nesiKhwama semali kaHulumeni. Ezinye izindaba 164. Zonke izinto eziphathelene nohulumeni wendawo ezingathintwanga kulo Mthethosisekelo zingabekwa ngumthetho kazwelonke noma umthetho wesifundazwe phakathi kohlaka lomthetho kazwelonke. Isahluko 8 Izinkantolo nokuphathwa kwezobulungiswa Igunya lokuphatha umthetho 165. (1) Igunya lokuphathwa komthetho waseRiphabhuliki lisezinkantolo. (2) Izinkantolo zizimele, futhi zisebenza ngokuholwa kuphela nguMthethosisekelo nomthetho, okumele ziwusebenzise ngokungavuni hlangothi futhi ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela noma ukukhetha. (3) Akukho muntu noma ingxenye yombuso okufanele iphazamise ukusebenza kwezinkantolo. (4) Izingxenye zombuso kufanele zisize futhi zivikele izinkantolo ukuze ziqinisekise ukuzimela, ukungakhethi, isithunzi, ukufinyeleleka kanye nokusebenza ngendlela efanele kwezinkantolo, ngokushaya imithetho nangezinye izindlela. (5) Isiphoqelelo noma isinqumo esikhishwe yinkantolo sibopha wonke umuntu kanye nezingxenye zombuso ezithintekile. Uhlelo lwezinkantolo 166. Izinkantolo yilezi - (a) iNkantolo yoMthethosisekelo; (b) iNkantolo eNkulu yamajaji okwedluliselwa kuyo amacala; (c) iziNkantolo eziPhakeme, kubandakanya noma yiyiphi inkantolo enkulu yokwedlulisela amacala engamiswa nguMthetho wePhalamende ukuze iqule amacala adluliswe yiziNkantolo eziPhakeme; (d) iziNkantolo zeziMantshi; kanye (e) noma yiziphi ezinye izinkantolo ezimiswe noma ezamukelwe nguMthetho wePhalamende, kubandakanya izinkantolo ezisezingeni elifanayo neziNkantolo eziPhakeme noma iziNkantolo zeziMantshi. Inkantolo yoMthethosisekelo 167. (1) INkantolo yoMthethosisekelo inoMongameli, iSekela likaMongameli namanye amajaji ayisishagalolunye. (2) Okungenani amajaji ayisishagalombili kufanele athathe isinqumo ngodaba oluphambi kweNkantolo yoMthethosisekelo. (3) INkantolo yomthethosisekelo - (a) iyinkantolo ephakeme kunazo zonke ezinye kuzo zonke izindaba zomthethosisekelo; (b) inganquma kuphela ngezindaba zomthethosisekelo; kanye nalokho okuhlangene nezinqumo ezindabeni zomthethosisekelo; futhi (c) ithatha isinqumo esingujuqu mayelana nokuthi ngabe udaba luwudaba lomthethosisekelo noma luhlangene yini nesinqumo sodaba lomthethosisekelo. (4) YiNkantolo yoMthethosisekelo kuphela - (a) enganquma ngengxabano engaba khona phakathi kwezingxenye zombuso zikazwelonke noma zesifundazwe eziphathelene namazinga ngokomthethosisekelo, amandla nemisebenzi yanoma yiziphi lezo zingxenye zombuso; (b) enganquma ngokusemthethweni wePhalamende ukuthi noma yimuphi uMthethosivivinywa noma wesifundazwe, kodwa ingakwenza lokho kuphela uma isimo sivuma kwisigaba 79 noma 121; (c) enganquma ngezicelo ezivele kwisigaba 80 noma 122; (d) enganquma ngokusemthethweni noma yiluphi uguquko lomthethosisekelo; (e) enganquma ukuthi iPhalamende noma uMongameli uhlulekile ukufeza imibandelo yomthethosisekelo; noma (f) engenza isiqinisekiso ngomthethosisekelo wesifundazwe ngokumaqondana nesigaba 144. (5) INkantolo yoMthethosisekelo yenza isinqumo esingujuqu ngokuthi uMthetho wePhalamende, uMthetho wesifundazwe noma isenzo sikaMongameli kuyahambisana yini nomthethosisekelo, futhi kufanele iqinise noma yisiphi isiphoqelelo sokungabisemthethweni esenziwe yiNkantolo eNkulu yamaJaji yokudluliswa kwamacala, seNkantolo ePhakeme, noma senkantolo yezinga elifanayo, ngaphambi kokuthi lokho kuphoqelela kube namandla omthetho. (6) Umthetho kazwelonke noma imitheshwana yeNkantolo yoMthethosisekelo kufanele ivumele umuntu, uma kunesidingo sobulungiswa futhi ngemvume yeNkantolo yoMthethosisekelo - (a) ukuletha udaba luqonde ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo; noma (b) ukudlulisa udaba luqonde ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo luvela kunoma iyiphi enye inkantolo. (7) Udaba olumayelana nomthethosisekelo lubandakanya noma yini ephathelene nokuhunyushwa, ukuvikelwa nokuphoqelelwa koMthethosisekelo. INkantolo eNkulu yamaJaji yokudluliswa kwamacala 168. (1) INkantolo eNkulu yamaJaji yokudluliselwa kwamacala ineJaji eliKhulu, isekela leJaji eliKhulu kanye namanye amajaji okudluliselwa kuwo amacala inani lawo elibekwe nguMthetho wePhalamende. (2) Udaba oluphambi kweNkantolo enkulu yamaJaji yokudlulisa amacala kufanele lunqunywe yinani lamajaji elishiwo nguMthetho wePhalamende. (3) INkantolo eNkulu yamaJaji yokudluliselwa kwamacala, inganquma ngezindaba ezidlulisiwe Iyinkantolo ephakeme kunazozonke yokudluliswa kwamacala ngaphandle kwezindaba eziphathelene nomthethosisekelo, futhi inganquma kuphela - (a) ngokudluliselwa kwamacala; (b) ngezinto eziphathelene nokwedluliswa kwamacala; futhi (c) noma yiluphi olunye udaba olungabhekiswa kuyo kwizimo ezichazwe nguMthetho wePhalamende. IziNkantolo eziPhakeme 169. INkantolo ePhakeme inganquma - (a) noma yiluphi udaba ngaphandle kodaba - (i) olunganqunywa yiNkantolo yoMthethosisekelo kuphela; noma (ii) olwabelwe enye inkantolo yezinga elifanayo neleNkantolo ePhakeme nguMthetho wePhalamende; futhi (b) noma yiluphi olunye udaba olungabelwe enye inkantolo ngokoMthetho wePhalamende. IziNkantolo zeziMantshi nezinye izinkantolo 170. IziNkantolo zeziMantshi nazo zonke ezinye izinkantolo zinganquma noma iluphi udaba olushiwo nguMthetho wePhalamende, kodwa izinkantolo ezisezingeni elingaphansi kweNkantolo ePhakeme azivunyelwe ukucwaninga noma ukunquma ukuthi umthetho, noma yimuphi, noma isenzo sikaMongameli, ngabe kuyahambisana yini noMthethosisekelo. Izinqubo zenkantolo 171. Zonke izinkantolo zisebenza njengokusho komthetho kazwelonke futhi imitheshwana nezinqumo zazo kufanele zihlinzekelwe njengokusho komthetho kazwelonke. Amandla ezinkantolo ezindabeni zomthethosisekelo 172. (1) Uma yenza isinqumo odabeni lomthethosisekelo olusemandleni ayo, inkantolo - (a) kufanele iphakamise ukuthi noma yimuphi umthetho noma isenzo esingahambisani nomthethosisekelo kuphambene nomthetho kuya ngezinga lokungahambisani noMthethosisekelo; futhi (b) ingenza noma yisiphi isiphoqelelo esilungile nesifanele, kubandakanya - (i) isiphoqelelo esinciphisa ukusebenza kwesiphakamiso sokuphambana nomthetho esikhathini esedlule; futhi (ii) isiphoqelelo esilengisa isiphakamiso sokuphambana nomthetho noma yisikhathi esingakanani kanye nangaphansi kwanoma yimiphi imibandela, ukuze isiphathimandla esifanele sinikezwe ithuba lokulungisa loko kuphambuka. (2) (a) INkantolo eNkulu yamaJaji yokudluliswa kwamacala, iNkantolo ePhakeme noma inkantolo yezinga elifanayo neleNkantolo ePhakeme ingenza isiphoqelelo mayelana nokuthi umthetho wePhalamende, umthetho wesifundazwe noma isenzo sikaMongameli, kuyahambisana yini noMthethosisekelo, kodwa leso sinqumo ngokuhambisana noMthethosisekelo asikwazi ukusebenza ngaphambi kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo isho ukuthi iyavumelana nalesi sinqumo. (b) Inkantolo ekhipha ukuphoqelela mayelana nokuhambisana noMthethosisekelo inganika isinqumo sesikhashana esinqanda noma esiphoqa ukuthi kwenziwe okuthile noma inike noma yisiphi esinye isinqumo esingasiza othintekile odabeni, noma ingamisa ukuqhutshwa kodaba enkantolo, kuze kuphume isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo maqondana nokubasemthethweni koMthetho noma isenzo. (c) Umthetho kazwelonke ungahlinzekela ukudluliselwa kwesiphoqelelo sokungahambisani nomthethosisekelo eNkantolo yoMthethosisekelo. (d) Noma yimuphi umuntu noma ingxenye yombuso ethinteke ngokwanele ingadlulisela udaba eNkantolo yoMthethosisekelo noma ifake isicelo siqonde ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo, ukuba ivume noma iguqule isiphoqelelo sokuphambana nomthethosisekelo esikhishwe yinkantolo ngokuhambisana nalesi sigatshana. Amandla endalo ezinkantolo 173. INkantolo yoMthethosisekelo, iNkantolo eNkulu yamaJaji yokudlulisela amacala kanye neNkantolo ePhakeme zinamandla endalo okuvikela nokulawula izinhlelo zazo, kanye nokuthuthukisa umthetho wezwe, kube kuqikelelwe izidingo zobulungiswa. Ukuqokelwa ezikhundleni kwabehluleli basezinkantolo 174. (1) Noma yimuphi umuntu wesifazane noma wesilisa onemfundo elungele leso sikhundla, futhi nangezinye izindlela okulungele ukuba kulesi sikhundla angaqokwa ukuthi abengumehluleli wasenkantolo Umuntu ongaqokelwa esikhundleni seNkantolo yoMthethosisekelo kufanele abeyisakhamuzi saseNingizimu Afrika. (2) Isidingo sokuthi isakhiwo sabehluleli basezinkantolo sibonise kabanzi, ukwakheka kweNingizimu Afrika ngokobuhlanga nangokobulili kufanele kucatshangwe uma abehluleli basezinkantolo beqokelwa ezikhundleni. (3) UMongameli, njengenhloko yokuphatha kukazwelonke uqoka uMongameli neSekela likaMongameli ngemuva kokubonisana neKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa kanye nabaholi bamaqembu amelwe kuMkhandlu kaZwelonke, futhi, aqoke iJaji eliyinhloko ngemuva kokubonisana neKhomishana yeMisebenzi yoBulungiswa. (4) Amanye amaJaji eNkantolo yoMthethosisekelo aqokwa nguMongameli njengenhloko yokuphatha kukazwelonke, emva kokubonisana noMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kanye nabaholi bamaqembu amelwe kuMkhandlu kaZwelonke elandela inqubo elandelayo: (a) IKhomishana leMisebenzi yoBulungiswa, kufanele yenze uhla lwamagama abantu abaphakanyisiwe futhi kufanele kube namagama amathathu ngaphezu kwaleso sibalo sabantu abafanele baqokelwe ezikhundleni, bese inikeza uMongameli loluhla. (b) UMongameli angaqokela ezikhundleni abantu abasohlwini, futhi kufanele azise iKhomishani lemiSebenzi yoBulungiswa ngezizathu, uma kukhona abaphakanyisiwe abangemukelekile, futhi kusenesidingo sokuqokwa kwabanye ezikhundleni. (c) IKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa, kufanele linezelele uhla ngamanye amagama aphakanyisiwe, futhi uMongameli kufanele aqoke laba abasele ohlwini olunezezelwe. (5) Ngazozonke izikhathi, kufanele okungenani amalungu amane eNkantolo yoMthethosisekelo kube ngabantu ababengamaJaji ngesikhathi beqokelwa ukuba ngamaJaji eNkantolo yoMthethosisekelo. (6) UMongameli kufanele aqoke amaJaji azo zonke ezinye izinkantolo, ngokuyalelwa yiKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa. (7) Abanye abahluleli basezinkantolo kumele baqokwe ngokomthetho wePhalamende okumele uqikelele ukuthi ukuqokwa kwabo, ukukhushulelwa ezikhundleni ezithe xaxa, ukushintshelwa kwenye indawo noma ukumiswa emsebenzini kwalowo, noma ukujeziswa, lokhu kwenziwa ngaphandle ngokuvuna abathile noma ukukhetha abathile. (8) Ngaphambi kokuthi abehluleli basezinkantolo baqale ukwenza imisebenzi yabo kufanele bafunge noma baqinisekise ngokulandela lokho okushiwo kuSheduli 2, ukuthi bazowuphakamisa bawuvikele uMthethosisekelo. Amajaji angamabamba 175. (1) UMongameli angaqoka umuntu wesifazana noma wesilisa ukuba abe yiJaji eliyibamba leNkantolo yoMthethosisekelo uma kunesikhala, noma uma iJaji lingekho Ukuqokwa kweJaji kumele kwenziwe ngokulandela izincomo zelungu leKhabinethi elibhekele ukuphathwa kwezobulungiswa ezesekwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo neJaji eliKhulu. (2) Ilungu leKhabinethi elibhekele ukuphathwa kwezobulungiswa kufanele liqoke amaJaji angamabamba kwezinye izinkantolo ngemuva kokubonisana neJaji elisesikhundleni esiphezulu kuleyonkantolo lapho iJaji eliyibamba lizosebenza khona. Isikhathi sokuba sesikhundleni kanye nokukhokhelwa 176. (1) AmaJaji eNkantolo yoMthethosisekelo aqokelwa isikhathi esiyiminyaka engu-12, kodwa kufanele athathe umhlalaphansi uma eneminyaka engu-70. (2) Amanye amajaji ahlala ezikhundleni aze ayekiswe emsebenzini njengokusho koMthetho wePhalamende. (3) Amaholo, izibonelelo, nezinzuzo zamajaji akufanele kuncishiswe. Ukususwa esikhundleni 177. (1) Ijaji lingasuswa esikhundleni kuphela uma - (a) iKhomishana leMisebenzi yoBulungiswa lithola ukuthi linesifo esililulazayo, lehluleka kakhulu ukuwenza ngendlela umsebenzi walo noma litholakale linecala elibi lokungaziphathi ngendlela efanele, futhi (b) uMkhandlu kaZwelonke uthatha isinqumo sokuthi iJaji lelo lisuswe esikhundleni esesekwa okungenani ngamalunga awo amabili kwamathathu. (2) UMongameli kufuneka alisuse ijaji esikhundleni ngemuva kokwamukelwa kwesinqumo sokususwa kwalelo jaji. (3) UMongameli ngokwelulekwa yiKhomishani leMisebenzi yoBulungiswa, angalimisa emsebenzini okwesikhashana ijaji elithintekayo kulezo zinqubo ezishiwo kwisigatshana (1). IKhomishana leMisebenzi yoBulungiswa 178. (1) IKhomishana leMisebenzi yoBulungiswa lakhiwe - (a) yiJaji eliKhulu, elengamele iKhomishana; (b) nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo; (c) iJaji eleNgamele isifundazwe elikhethwe ngamanye amaJaji eNgamele kwezinye izifundazwe; (d) Ilungu leKhabinethi elibhekene nokuphathwa nokuphathwa kwezobulungiswa, noma umuntu okhethwe yilelo lungu ukuba alimele kwiKhomishana; (e) abammeli ababili bezinkantolo zamajaji abaphakanyiswe ngabanye abammeli basemaJajini ukuba bamele bonke abammeli basemajajini, futhi beqokwe nguMongameli wezwe; (f) abammeli ababili abakhethwe ngabanye abammeli bakwezinye izinkantolo, ukuba bamele bonke laba bammeli, futhi beqokwe nguMongameli wezwe; (g) umfundisi oyedwa wezomthetho okhethwe ngabafundisi bezomthetho kumaYunivesithi aseNingizimu Afrika; (h) amalungu oMkhandlu kaZwelonke ayisithupha aqokwe nguMkhandlu kaZwelonke, okungenani abathathu kubona kufuneka kubengamalungu amaqembu aphikisayo amelwe kuMkhandlu; (i) amalungu amane oMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe aqokwe kanyekanye yileso uMkhandlu ngesinqumo esithathwe ngokwesekwa okungenani yizifunda eziyisithupha; (j) amalungu amane aqokwe nguMongameli njengenhloko yokuphatha kaZwelonke emuva kokubonisana nabaholi bamaqembu wonke kuMkhandlu kaZwelonke; futhi (k) uma kucutshungulwa izindaba eziqondene ngqo neNkantolo ePhakeme yesiFundazwe noma yendawo iJaji eleNgamele leyonkantolo noNdunakulu waleso sifundazwe noma umuntu okhethwe nguNdunankulu waleso sifundazwe. (2) Uma inani labantu abaphakanyiswe ngabammeli basemajajini nabanye abammeli ngokusho kwesigatshana (1)(e) noma (f) lilingana nezikhala okufanele zigcwaliswe, uMongameli wezwe kufanele abaqokele ezikhundleni Uma inani labantu abaphakanyisiwe leqile enanini lezikhala okufanele zigcwaliswe, uMongameli kufanele aqoke abantu abalingana nezikhala emuva kokubonisana nalowo mkhakha wabammeli othintekayo, futhi kufanele aqikelele ukuthi laba abaqokwayo bawumele lowomkhakha wabammeli jikelele. (3) Amalungu eKhomishana akhethwe uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe asebenza aze ashintshwe ewonke, noma kuze kuvele isikhala kuwona Abanye abangamalungu eKhomishana basebenza kuyona baze bahoxiswe yilaba ababebaphakamisile. (4) IKhomishana yeMisebenzi yoBulungiswa inamandla nemisebenzi enikezwe yona nguMthethosisekelo nomthetho kazwelonke. (5) IKhomishana yeMisebenzi yoBulungiswa lingaluleka uhulumeni kazwelonke kunoma yiluphi udaba oluhambisana nobulungiswa noma nokuphathwa komthetho kodwa, uma icubungula noma yiluphi udaba ngaphandle kokuqokwa kweJaji, kufuneka ihlale ngaphandle kwamalungu aqokwe njengokusho kwesigatshana (1)(h) no (i). (6) IKhomishana yeMisebenzi yoBulungiswa ingamisa izinqubo zayo, kodwa izinqumo zeKhomishana kufuneka zesekwe yiningi lamalungu ayo. Isigungu soKushushisa 179. (1) Kukhona isigungu sokushushisa esisodwa eRephabhliki esimiswe njengokusho komthetho kazwelonke, futhi esakhiwe yilaba - (a) uMqondisi kaZwelonke wokuShushiswa koMphakathi oyinhloko yesigungu sokushushisa, futhi uqokwa nguMongameli njengenhloko kazwelonke yokuphatha, kanye (b) nabaQondisi bokuShushiswa koMphakathi ababekwe ngumthetho kazwelonke. (2) Isigungu sokushushisa sinamandla okushushisa egameni likahulumeni senze noma yikuphi okuhambisana nokushushisa ukuze amacala athethwe ezinkantolo. (3) Umthetho kazwelonke kufanele uqikelele ukuthi abaQondisi bokuShushiswa koMphakathi - (a) banemfundo elungele leso sikhundla; futhi (b) babhekelele ukushushisa ezindaweni ezithile ezigaguliwe ngaphansi kwalokho okushiwo yisigatshana (5). (4) Umthetho kazwelonke kumele uqikelele ukuthi isigungu sokushushisa senza umsebenzi waso ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela nokukhetha abanye. (5) UMqondisi kaZwelonke wokuShushiswa koMphakathi - (a) kufanele amise imigomo yokushushisa okufanele ilandelwe uma kushushiswa, ngokuvumelana nelungu leKhabinethe elibhekelele ukuphathwa kwezobulungiswa, futhi emuva kokubonisana nabaQondisi bezokuShushiswa koMphakathi; (b) kufanele akhiphe imiyalo ecacisa imigomo okufanele ilandelwe uma kushushiswa; (c) angagxambukela ohlelweni lokushushisa uma ngabe imiyalo yemigomo ingalandelwanga; futhi (d) angasihlolisisa kabusha isinqumo sokuthi udaba oluthile lushushiswe noma lungashushiswa, emuva kokubonisana noMqondisi wokushushiswa koMphakathi ohlangene naleso sinqumo futhi emuva kokuzwa iziphakamiso phakathi kwesikhathi esibekwe nguMqondisi kaZwelonke wokuShushiswa koMphakathi, ezivela kwabalandelayo: (i) Umuntu obekwe icala. (ii) Ummangali. (iii) Noma yimuphi omunye umuntu noma iqembu uMqondisi kaZwelonke wokuShushiswa koMphakathi abona kuthintekile. (6) Ilungu leKhabinethi elibhekelele ukuphathwa kobulungiswa kufanele lengamele lesi siphathimandla sokushushisa. (7) Konke okunye okuphathelene nesiphathimandla sokushushisa kuzonqunywa ngumthetho kazwelonke. Ezinye izindaba ezimayelana nokuphathwa kwezobulungiswa 180. Umthetho kazwelonke ungahlinzekela noma yiluphi udaba olumayelana nokuphathwa kwezobulungiswa okungakhulunywanga ngalo kuMthethosisekelo, kuhlanganisa - (a) izinhlelo zokuqeqesha abengameli basezinkantolo; (b) izindlela zokubhekana nezikhalo ezithinta abehluleli basezinkantolo; futhi (c) nokubamba iqhaza kwabantu abangebona abehluleli bezinkantolo ekuthathweni kwezinqumo zenkantolo. Isahluko 9 Izikhungo Zombuso Ezeseka umthethosisekelo wetando yeningi Ukumiswa nemigomo ephethe 181. (1) Lezi zikhungo ezilandelayo zisiza ekuqiniseni umbuso wentando yeningi eRiphabhuliki: (a) UMvikeli woMphakathi. (b) IKhomishana yamaLungelo oBuntu. (c) IKhomishana yokuthuthukiswa nokuvikelwa kwamalungelo amasiko, enkolo nezilimi zemiphakathi. (d) IKhomishana yokuLingana ngokoBulili. (e) UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso. (f) IKhomishana yokhetho. (2) Lezi zikhungo zizimele futhi zisebenza kuphela ngokulandela uMthethosisekelo nomthetho, futhi kufanele zingathathi hlangothi futhi kufanele zisebenzise amandla ezinikwe wona ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela, nokukhetha. (3) Ezinye izingxenye zombuso, ngemithetho nangezinye izinyathelo, kufanele zelekelele futhi zivikele lezi zikhungo ukuze kuqinisekiswe ukuzimela, ukungakhethi cala, isithunzi kanye nokusebenza kwazo ngendlela efanele. (4) Akukho muntu futhi akukho ngxenye yombuso okufanele igxambukele ekusebenzeni kwalezi zikhungo. (5) Lezi khungo ziphendula kuMkhandlu kaZwelonke futhi kufanele zethule imibiko ngokusebenza kwazo okungenani kanye ngonyaka kuMkhandlu. UMvikeli woMphakathi Imisebenzi yoMvikeli woMphakathi 182. (1) UMvikeli woMphakathi unamandla alandelayo, ngokulawulwa ngumthetho kazwelonke - (a) okuphenya noma yisiphi isenzo ezindabeni zezwe, noma ekuphathweni kwemisebenzi yomphakathi kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni, okuthiwa noma okusolelwa ukuthi asilungile noma esingaba nomphumela ongalungile noma onokukhetha; (b) okunika umbiko ngaleso senzo; futhi (c) okuthatha izinyathelo ezifanele zokulungisa isimo. (2) UMvikeli woMphakathi unamandla nemisebenzi engeziwe amiswe ngumthetho kazwelonke. (3) UMvikeli woMphakathi angeke aphenye izinqumo zenkantolo. (4) Bonke abantu nemiphakathi kumele bakwazi ukufinyelela kumvikela womphakathi. (5) Noma yimuphi umbiko okhishwe nguMvikeli woMphakathi abantu kufanele bavunyelwe ukuba bawubone ngaphandle uma kunezimo ezithile ezingavamile eziyonqunywa ngumthetho kazwelonke nezidinga ukuba umbiko ugcinwe uyimfihlo. Isikhathi sesikhundla 183. UMvikeli woMphakathi uqokelwa inkathi eyiminyaka eyisikhombisa futhi engavuselelwa. IKhomishana yamaLungelo oBuntu Imisebenzi yeKhomishana yamaLungelo oBuntu 184. (1) IKhomishana yamaLungelo oBuntu kufanele - (a) ikhuthaze ukuhlonishwa kwamalungelo obuntu nokuthuthukiswa kwendlela yokuphila eyazisa amalungelo oBuntu eRephabhliki; (b) ikhuthaze ukuthuthukiswa, ukuvikelwa nokutholakala kwawamalungelo obuntu; futhi (c) iqaphe futhi ihlole izinga lokuhlonishwa kwamalungelo obuntu eRiphabhuliki. (2) IKhomishana yamaLungelo oBuntu inamandla, ngokulawulwa ngumthetho kazwelonke, adingekile ukuze yenze imisebenzi yayo, kubandakanya amandla - (a) okuphenya nokubika ngokuhlonishwa kwamalungelo obuntu; (b) okuthatha izinyathelo ezifanele zokunikeza ukunxeshezelwa okufanele lapho kuhlukunyezwe amalungelo obuntu; (c) okwenza ucwaningo; (d) okufundisa. (3) Minyaka yonke iKhomishana yamaLungelo oBuntu ingafuna ukuthi izingxenye zombuso ezifanele zihlinzeke iKhomishana ngolwazi maqondana nezinyathelo ezizithathayo ukufeza amalungelo akuMqulu wamaLungelo oBuntu athintene nendle, ukunakekelwa kwezempilo, ukudla, amanzi, ezenhlalakahle yomphakathi, imfundo, kanye nendawo. (4) IKhomishana yamaLungelo oBuntu inamandla nemisebenzi eyengeziwe emiswe ngumthetho kazwelonke. IKhomishana yokuThuthukiswa nokuVikelwa kwamaLungelo amaSiko, eNkolo neziLimi zemiPhakathi Imisebenzi yeKhomishana 185. (1) IKhomishana yokuThuthukiswa nokuVikelwa kwamaLungelo amaSiko, eNkolo neziLimi zemiPhakathi, inezinjongo ezimqoka ezilandelayo - (a) ukukhuthaza ukuhlonishwa kwamalungelo amasiko enkolo nezilimi zemiphakathi; (b) ukukhuthaza nokuthuthukiswa kokuthula, ubungane ubuntu kanye nokubekezelelana phakathi kwemiphakathi enamasiko, nezinkolo nezilimi ezahlukene phezu kwesisekelo sokulingana nokungabandlululani nokuhlangana ngokukhululeka; futhi (c) ukuncoma ukumiswa ngokuhambisana nomthetho kazwelonke kwemikhandlu yamasiko noma eminye imikhandlu yomphakathi noma yemiphakathi ethile eNingizimu Afrika. (2) IKhomishana inamandla njengoba kulawula umthetho kazwelonke, adingekayo ukuphumelelisa izinjongo zayo ezimqoka, kubandakanya amandla okuqapha, okuphenya, okucwaninga, okufundisa, okukhankasela imibono ethile, okweluleka nokubika mayelana namalungelo amasiko, enkolo nezilimi zemiphakathi. (3) IKhomishana ingenza umbiko nganoma yiluphi udaba oluwela ngaphakathi kwamandla nemisemsebenzi yeKhomishana yamaLungelo oBuntu, ukuze luphenywe. (4) IKhomishana inamandla nemisebenzi eyengeziwe emiswe ngumthetho kazwelonke. Ukwakheka kweKhomishana 186. (1) Inani lamalungu eKhomishana yokuThuthukiswa nokuVikelwa kwamaLungelo amaSiko, eNkolo neziLimi zemiPhakathi nokuqokwa kwawo nesikhathi sokuba sesikhundleni kumelwe kumiswe ngumthetho kazwelonke. (2) Ukwakheka kweKhomishana kufanele - (a) kubonise ukumelwa kabanzi kwemiphakathi, kwamasiko, izinkolo nezilimi ezahlukene ezigqamile eNingizimu Afrika; futhi (b) kubonise kabanzi ukwakheka ngokobulili komphakathi waseNingizimu Afrika. IKhomishani yokuLingana ngokoBulili Imisebenzi yeKhomishana yokuLingana ngokoBulili 187. (1) IKhomishani yokuLingana ngokoBulili kumele ikhuthaze ukuhlonishwa kokulingana kobulili futhi nokuthuthukiswa, ukuvikela nokufinyelela ekulinganeni kobulili. (2) IKhomishani yokuLingana ngokoBulili inamandla, ngokulawulwa ngumthetho kazwelonke, adingekayo ukuze yenze imisebenzi yayo, kuhlanganisa amandla okuqapha, ukuphenya, ukucwaninga, ukufundisa, ukugqugquzela, ukweluleka nokubika ngezindaba ezithinta ukulingana kobulili. (3) IKhomishana yokuLingana koBulili inamandla nemisebenzi eyengeziwe, njengoba kumiswe ngumthetho kazwelonke. UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso Imisebenzi yoMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso 188. (1) Umcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso kufanele acubungule futhi anikeze imibiko mayelana nokusetshenziswa kwezimali, isimo samabhuku ezimali kanye nokuphathwa kwezimali kwabalandelayo - (a) yonke iminyango nemisebenzi kahulumeni kazwelonke nowesifunda; (b) bonke omasipala; futhi (c) noma yisiphi esinye isakhiwo noma okunye okusebenzisa imali okudingeka ukuthi kucubungulwe nguMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso, ngokusho ngomthetho kazwelonke noma wesifundazwe. (2) Ngaphezulu kwezibopho ezibekwe kwisigatshana (1) ngenhla, futhi njengokusho kwanoma yimuphi umthetho, angacubungula futhi anikeze umbiko ngokusetshenziswa kwezimali, isimo samabhuku ezimali kanye nokuphathwa kwezimali zalaba - (a) noma yisiphi isakhiwo esithola imali esiKhwameni seMali kaZwelonke, esiKhwameni seMali sesifundazwe, noma kumasipala; noma (b) isakhiwo esigunyazwe ngokusho kwanoma yimuphi umthetho ukuba samukele izimali sizamukelela injongo yomphakathi. (3) UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso kufanele anikeze imibiko yokucubungula kwanoma yisiphi isishayamthetho esithintekayo ngaloko kucubungula, futhi kunoma isiphi esinye isakhiwo esishiwo ngumthetho kazwelonke Yonke imibiko kufanele ivezelwe umphakathi. (4) UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso unamanye amandla nemisebenzi ayinikezwe ngumthetho kazwelonke. Isikhathi sesikhundla 189. UMcubunguli-Jikelele wamabhuku ezimali zombuso kufanele aqokelwe esikhundleni isikhathi esimile esingavuselelwa seminyaka ephakathi kweyisihlanu neyishumi. IKhomishana yoKhetho Imisebenzi yeKhomishana 190. (1) IKhomishana yoKhetho kufanele - (a) iphathe ukhetho lwezakhiwo zokushaya imithetho zikazwelonke, zezifundazwe kanye nezomasipala, njengoba kubekwe ngumthetho kazwelonke; (b) uqinisekise ukuthi ukhetho lukhululekile futhi luyagculisa; futhi (c) amemezele umphumela wokhetho phakathi kwesikhathi esimiswe ngumthetho kazwelonke futhi esifishane ngendlela efanelekile. (2) Ikhomishani yokhetho inamandla nemisebenzi engaphezulu kwalena njengokubeka komthetho kazwelonke. Ukwakhekha kweKhomishani yokhetho 191. IKhomishani yokhetho kufanele yakhiwe okungenani ngabantu abathathu Inani lamalungu kanye nesikhathi abazoba sesikhundleni ngaso kufanele kubekwe ngumthetho kazwelonke. IsiPhathimandla esiZimele esiLawula ukuSakaza Isiphathimandla sokusakaza 192. Umthetho kazwelonke kufanele umise isiphathimandla esizimele esizolawula ukusakaza sinakekele loko okuyizidingo zomphakathi, futhi siqinisekise ukuthi kusakazwa ngendlela elungile futhi nokuvezwa ngendlela elungile futhi nokuvezwa kwemibono eyahlukahlukile emele kabanzi, umphakathi waseNingizimu Afrika. Izimiso ezejwayelekile Ukuqokelwa ezikhundleni 193. (1) UMvikeli woMphakathi kanye namalungu anoma iyiphi iKhomishani emiswe njengokusho kwalesi sigaba kumele kubengabesifazane nabesilisa - (a) abayizakhamuzi zaseNingizimu Afrika; (b) abakulungele ukuphatha isikhundla elithile; futhi (c) behambisana nanoma iziphi izidingo ezimiswe ngumthetho kazwelonke. (2) Isidingo sokuthi ikhomishani imiswe ngalesi sahluko kubonise kabanzi ukwakheka, ngokobulili nangokobuzwe, komphakathi waseNingizumu Afrika kufanele siqashelwe uma kuqokwa amalungu eKhomishani. (3) Umcubunguli wamabhuku ezimali zikahulumeni kumele kube umuntu wesifazane noma wesilisa oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika futhi umuntu okulungele ukuphatha lesi sikhundla Ulwazi olunzulu kanye, noma ukuthi umuntu uke wasebenza yini njengomcubunguli wamabhuku ezemali, ngezimali zombuso, kumele kunakwe ngendlela efanele uma kuqokelwa esikhundleni umcubunguli omkhulu wamabhuku ezimali zikaHulumeni. (4) UMongameli, kumele aqokele esikhundleni ngokulandela isincomo sePhalamende likaZwelonke, uMvikeli womphakathi, umcubunguli omkhulu wamabhuku kahulumeni, kanye namalungu - (a) eKhomishani lamaLungelo aBantu; (b) eKhomishani lokuLingana ngoBulili ; kanye (c) neKhomishani loKhetho. (5) IPhalamende likaZwelonke kumele liphakamise izincomo zabantu - (a) abaphakanyisiwe yikomidi lePhalamende kaZwelonke elakhiwe amalungu awo wonke amaqembu amelwe eMkhandlwini ngezingxenye zokumelwa kwawo ePhalamende; futhi (b) abemukelwe yiPhalamende ngesinqumo esithathwe ngokwesekwa amavoti - (i) okungenani amaphesenti angamashumi angu-60 amalungu ePhalamende, uma izincomo eziphathelene nokuqashwa koMvikeli woMphakathi noma uJenene ophathelene nokugcinwa kwamabhuku ezimali; noma (ii) iningi lamalungu ePhalamende, uma izincomo ziphathelene nokuqashwa kwelungu leKhomishani. (6) Ukubamba iqhaza komphakathi ekwenzeni izincomo kungahlinzekelwa njengoba kulindelwe esigabeni 59(l)(a). Ukususwa esikhundleni 194. (1) UMvikeli woMphakathi, uMcubunguli -jikelele wamabhuku ezimali zikahulumeni noma ilungu leKhomishani emiswe yilesisahluko bangasuswa esikhundleni kuphela - (a) ngezizathu zokungaziphathi kahle, ukungakwazi ukusebenza noma ukungawenzi ngendlela umsebenzi; (b) uma ikomidi loMkhandlu lithole kukhona noma yisiphi isimo esishiwo ngenhla ku (a); (c) Ukwamukelwa nguMkhandlu kaZwelonke kwesinqumo, sokuthi lowo muntu akasuswe esikhundleni. (2) Isinqumo sePhalamende esiphathelene nokususwa esikhundleni - (a) soMvikeli woMphakathi noma Ujenene ophethe ukugcinwa kwamabhuku ezimali kumele sivunywe ngokwesekwa ngamavoti okungenani amabili kwamathathu kumalungu ePhalamende; noma (b) ilungu leKhomishani kumele livunywe ngokusekwa ngamavoti eningi lamalungu ePhalamende. (3) UMongameli - (a) angammisa umuntu esikhundleni okwesikhashana noma yinini emva kokuqala kwamanyathelo ekomidi loMkhandlu kaZwelonke aphathelene nokususwa kwalowo muntu esikhundleni; futhi (b) Kumele amsuse esikhundleni umuntu emva kokuthathwa kwesinqumo, nguMkhandlu kaZwelonke, sokususwa kwalowo muntu esikhundleni. Isahluko 10 Ukuphathwa kwemisebenzi yombuso Lokhu ukwamukelwa njengokulungile nemigomo eyengamele ukuphatha 195. (1) Ukuphatha koMbuso kufanele kuhanjiswe ngendlela eyamukelekile njengelungile nangemigomo equkethwe kuMthethosisekelo, kuhlanganisa le migomo elandelayo: (a) kufanele kukhuthazwe futhi kugcinwe izinga eliphezulu lobungcweti. (b) kufanele kukhuthazwe ukusetshenziswa kwemithombo yomnotho ngendlela ekhombisa ikhono, yokonga, nenomphumela omuhle. (c) Umsebenzi wokuphathwa kombuso, kufanele uphokophele ukuthuthukisa. (d) Imisebenzi kufanele ihlinzekelwe ngokungakhethi ngobuqotho ngokufaneleyo, nangaphandle kokwenzelela. (e) Izidingo zabantu kufanele zibhekelelwe, futhi umphakathi kufanele ukhuthazwe ukuthi ubambe iqhaza lapho kwenziwa imigomo. (f) Umbuso kufanele ukwazi ukubikela umphakathi ngendlela ophethe ngayo. (g) Ukusebenza kombuso ngokusobala kufanele kukhuthazwe ngokuhlinzekela umphakathi ngolwazi olutholakala ngokushesha, nakuyilona. (h) kufanele kukhuthazwe amakhono okuphatha kahle abantu kanye nemisebenzi efundelwe, ngenhloso yokuthi abantu benze imisebenzi yezinga eliphezulu. (i) Ukuphatha umbuso kufanele kumele bonke abantu baseNingizimu Afrika, futhi ukuqasha nokuphatha abasebenzi kufanele kuxhumekeke ekutheni abantu banamakhono, abaphathi abakhethi, nokuthi kunesidingo sokuqeda ukulingalingani kwesikhathi sakudala, ukuze zonke izinhlobo zabantu zimelwe. (2) Le migomo engenhla isebenza kokulandelayo - (a) ukuphatha yonke imikhakha kaHulumeni; (b) izingxenye zombuso; futhi (c) izinkampani nemisebenzi kaHulumeni. (3) Umthetho kaZwelonke kufanele uqiniseke ukukhuthazwa kwaloko okulungile futhi nemigomo ebalulwe kwisigatshana (1). (4) Ukuqokwa emsebenzini kaHulumeni kwenani labantu ngokuhambisana nemigomo ebusayo ngaleso sikhathi njengoba kuhlinzekwe umthetho kaZwelonke akunqatshelwe. (5) Umthetho ohambisa kahle ukuphatha kombuso, ungehlukanisa izindlela zokuphathwa kwemikhakha eyahlukene nezikhungo ezikhona zombuso. (6) Uhlobo nemisebenzi yemikhakha ehlukene, yezikhungo zokuphathwa kubasebenzi bombuso kuyizinto ekufanele zicatshangwe uma kuhanjiswa kahle ukuphathwa kwabasebenzi. Ikhomishani yokuphatha umsebenzi womphakathi 196. (1) Kukhona iKhomishani yokuphatha imisebenzi yomphakathi eyodwa yayonke iNingizimu Afrika. (2) Ikhomishani izimele futhi kufanele ingakhethi futhi kumele isebenzise amandla ibuye yenze imisebenzi yayo ngaphandle kokusaba, ukubonelela abathile noma ukukhipha abathile inyumbazane ngenhloso yokulungisa ngendlela efanele kanye nokuphatha kahle umphakathi kanye nokukhuphula amazinga obuciko bokwethembeka emsebenzini womphakathi. Ikhomishani kumele isebenze ngokomthetho kazwelonke. (3) Ezinye izingxenye zombuso, ngenxa yomthetho kanye nezinye izimiso, kumele ilekelele futhi ivikele iKhomishani ukuqikelela ukuzimela, ukungakhethi, isithunzi kanye nokusebenza ngendlela elindelekile kweKhomishani. Akekho umuntu noma ingxenye yombuso ongaphazamisa ukusebenza kweKhomishani. (4) Amandla kanye nemisebenzi ekhomishani yilena - (a) Ukugqugquzela okumisiwe kanye nemigomongqangi ebekwe esigabeni 195, kubasebenzi bomphakathi bonkana; (b) ukucubungula, ukubhekela kanye nokuhlaziya inhlangano kanye nabaphathi, nokusebenza kwabasebenzi, bomphakathi; (c) ukuphakamisa izimiso ukuqikelela ukwenziwa komsebenzi ngendlela elindelekile kanye nefanele emsebenzini womphakathi; (d) ukunikeza inkomba ehlose ekuqikeleleni ukuthi inqubo yabasebenzi ephathelene nokuqasha, ukushintshwa kwabasebenzi basiwe kwezinye izindawo, ukukhushulwa ezikhundleni kanye nokuxoshwa kwabasebenzi iyahambisana nokumisiwe kanye nemigomongqangi ebekwe esigabeni 195; (e) ukubika mayelana nemisebenzi kanye nokwenziwa kwemisebenzi, kubandakanya noma yikuphi okuphakanyisiwe yiyo kanye nezinkomba nezeluleko engazinikeza, futhi ihlinzekele ukuhlaziya ukuthi izimiso kanye nemigomongqangi ebekwe esigabeni 195 ilandelwe yini; kanye (f) noma ngokuthanda kwayo noma ngokuvela kwezikhalo - (i) icubungule ibuye ihlaziye izicelo zabasebenzi kanye nabaphathi bomphakathi, ibuye ibike esigungwini esithentekile kanye nesishayamthetho; (ii) ukucubungula izikhalo zabasebenzi emsebenzini womphakathi eziphathelene nokwenziwa yiziphathimandla noma amaphutha, kanye nokwenza izincomo ezifanele ngezithombululo; (iii) ukubhekela kanye nokucubungula okusondelene nenqubo emsebenzini womphakathi; futhi (iv) ukweluleka izingxenye zombuso zikazwelonke kanye nezezifundazwe mayelana nezenzo zabasebenzi emsebenzini womphakathi, kubandakanya nalokho okuhambisana nokuqasha, ukuqokelwa ezikhundleni, ukushintshelwa kwenye indawo, ukuxoshwa kanye neminye iminxa yemisebenzi yabaqashwa emsebenzini womphakathi. (5) IKhomishani ibikela iPhalamende ngokusebenza kwayo. (6) Ikhomishani kufanele ibike okungenani kanye ngonyaka njengoba kubhalwe kwisigatshana (4)(e) - (a) ePhalamende; kanye (b) nokumayelana nokwenzeka esifundazweni,kwisishayamthetho saleso sifundazwe. (7) Ikhomishani inoKhomishani abangu-14 abaqokwe nguMongameli abahlelwe ngendlela elandelayo: (a) Okhomishani abangu-5 abavunywe yiPhalamende ngokumaqondana nesigatshana (8) (a); kanye (b) UKhomishani oyedwa ngesifundazwe sisinye oqokwe nguNdunankulu wesiFundazwe ngokumaqondana nesigatshana (8) (b) (8) (a) UKhomishani oqokiwe ngokumaqondana nesigatshana (7)(a) kufanele - (i) aphakanyiswe yikomidi lePhalamende elakheke ngamalungu alinganayo ezinhlangano zonke ezimelwe ePhalamende; futhi (ii) avunywe yiPhalamende ngesiphakamiso esithathwe ngokwesekwa ngamavoti eningi lamalungu. (b) UKhomishani oqokwe nguNdunankulu wesifundazwe kufanele - (i) aphakanyiswe yikomidi lesishayamthetho sesifundazwe elakhiwe ngamalungu alinganayo ezinhlangano zonke ezimelwe kwisishayamthetho; futhi (ii) avunywe yiSishayamthetho ngesiphakamiso esithathwe ngokwesekwa ngamavoti eningi lamalungu. (9) Umthetho wePhalamende kufanele wakhe inqubo yokuqashwa koKhomishani. (10) UKhomishani uqokelwa isikhathi esiyiminyaka engu-5, esivuselelwa kanye kuphela, kanti kumele abe ngowesifazane noma owesilisa o - (a) yisakhamuzi saseNingizimu Afrika; futhi (b) umuntu ophilile futhi okulungele ukuqokwa onolwazi, noma ongumakadebona, ekuphatheni, nokudidiyela umsebenzi womphakathi. (11) UKhomishani angasuswa esikhundleni sakhe kuphela uma - (a) ngokuziphatha kabi, ukungakwazi ukuphatha umsebenzi noma ububhimbi emsebenzini; (b) ngesiphakamiso esimayelana nalokho sekomidi lePhalamende noma, uma kwenzeka uKhomishani eqokwe nguNdunankulu wesifundazwe, yikomidi leSishayamthetho lesifundazwe; futhi (c) ukuvuma kwePhalamende noma iSishayamthetho sesifundazwe esithintekile, ngesiphakamiso esesekwe ngamavoti eningi lamalungu aso efuna kususwe esikhundleni uKhomishani. (12) UMongameli kumele asuse esikhundleni uKhomishani phezu - (a) ukuvuma kwePhalamende ngesiphakamiso esithi uKhomishani akasuswe esikhundleni; noma (b) isaziso esibhalwe phansi nguNdunankulu weSishayamthetho saleso sifundazwe esithathwe ngesiphakamiso sokususwa kukaKhomishani. (13) OKhomishani okuphawulwe ngawo kwisigatshana (7)(b) angasebenzisa igunya lamandla akhe futhi enze imisebenzi kakhomishani kwizifundazwe zawo njengoba kubalulwe kumthetho kazwelonke. Abasebenzi bakaHulumeni 197. (1) Ngaphakathi kokuphathwa kombuso, kukhona abasebenzi bakaHulumeni beRiphabhuliki, okufanele basebenze, bahlelwe, ngokulandela umthetho kazwelonke, futhi okufanele zigcine imigomo ehambisana nomthetho kaHulumeni wangaleso sikhathi. (2) Izimiso nemibandela yokuqashwa kumsebenzi womphakathi kufanele iphathwe ngumthetho kaZwelonke Abasebenzi banelungelo lokuthola impesheni efanele, njengoba ingahanjiswa kahle ngumthetho kazwelonke. (3) Akukho msebenzi kaHulumeni okufanele avunwe noma ajivazwe ngenxa nje yokuthi lowo muntu weseka iqembu noma inkolelo yepolitiki. (4) Ohulumeni bezifundazwe babhekene nokufuna abasebenzi, ukuqasha, ukukhushulwa ezikhundleni, ukushintshela kwenye indawo umsebenzi kanye nokuxosha amalungu abasebenzi bakahulumeni emahhovisi okuphatha ngaphansi kombandela wamazinga afanayo kulokho okumiselwe abasebenzi bakahulumeni. Isahluko 11 Amaziko okuphepha Imibutho ebusayo 198. Imigomo elandelayo iphathelene nokuphepha kukaZwelonke Riphabhuliki: (a) Ukuphepha kukaZwelonke, kumele kuveze ukuzinikela kwabobonke abantu baseNingizimu Afrika, umuntu ngamunye futhi nanjengesizwe, ukuphilisana njengabantu abalinganayo, ngokuthula, nokuzwana, bangabi nokwesaba nokweswela futhi baphokophelele impilo engcono. (b) Ukuzinikela ekuphileni ngokuthula nangokuthula nangokuzwana kuvimbela wonke oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika ukuthi abambe iqhaza empini, ngaphakathi ezweni noma namanye amazwe, ngaphandle uma kwenzeka njengokuhlinzeka koMthethosisekelo noma umthetho kazwelonke. (c) Ukuphepha kwezwe kumele kuqikelelwe ngendlela ehambisana nomthetho, kubandakanya umthetho wamazwe ngamazwe. (d) Ukuphepha kwezwe kulawulwa yiPhalamende nomkhandlu wokuphatha kazwelonke. Ukumiswa, ukuhleleka nokuziphatha kwezikhungo zokuphepha 199. (1) Izikhungo zokuphepha zeRiphabhuliki zakhiwe ngumbutho wokuvikela owodwa, iziko lamaphoyisa elilodwa kanye namaziko obunhloli amiswe njengokusho koMthethosisekelo (2) Umbutho wokuvikela yiwona wodwa umbutho ohlomile osemthethweni eRephabhliki. (3) Ngaphandle kwamaziko okuphepha amiswe njengokusho koMthethosisekelo, izinhlangano noma amaziko ahlomile, zingamiswa njengokusho komthetho kazwelonke. (4) Amaziko okuphepha kufanele akhiwe futhi aqhutshwe ngokomthetho kaZwelonke (5) Amaziko okuphepha kumele enze, futhi afundise futhi aphoqelele amalungu awo ukuba enze izinto njengendlela ehambisana nokushiwo nguMthethosisekelo nomthetho, kuhlanganisa umthetho osungamasiko wamazwengamazwe ezibophezela iRephabhliki. (6) Akukho lungu lanoma yiliphi iziko lokuphepha elivunyelwe ukulandela isiyalo esiphambene nomthetho ngokusobala. (7) Amaziko okuphepha kanye namalungu awo awavunyelwe ukwenza imisebenzi yawo ngendlela - (a) ekhinyabeza izinjongo zepolitiki ezizemthethweni ngokusho koMthethosisekelo; noma (b) ngendlela eqhuba izinjongo zeqembu lepolitiki elithile, ngendlela evuna leloqembu. (8) Ukuze kufezeke imigomo yokusebenzela obala nakuziphendulela kwamakomidi asePhalamende akhiwe okumelwe kuwo amaqembu ahlukahlukene kumele aqaphe ukwenza kwawo wonke amaziko okuphepha, ngendlela ebekwe ngumthetho kazwelonke noma yimitheshwana noma izinqumo zePhalamende. Ukuvikela Umbutho wokuvikela 200. (1) Umbutho wokuvikela kumele uhleleke futhi uphathwe njengombutho ohlomile onokuzithiba. (2) Injongo ebalulekile yombutho wokuvikela nokukhusela iRephabhliki, ukuhlonishwa kwemingcele yayo kanye nangemigomo yomthetho wamazwengamazwe olawula ukusetshenziswa kwamandla. Ukuphathwa ngabezepolitiki 201. (1) Ilungu leKhabinethe kumele libhekelele ukuvikela. (2) Umongameli kuphela, njengehloko yoMkhandlu kaZwelonke, angagunyaza ukuqashwa kweziko lokuvikela - (a) ngokubambisana nombutho wamaphoyisa; (b) ngenhloso yokuvikela uMphakathi; noma (c) ukugcwalisa isibopho9 somthetho wamazwe ngamazwe. (3) Uma iziko lezokuvikela liqashwa nganoma iyiphi inhloso eshiwo kwisigatshana (2), uMongameli kumele azise iPhalamende ngokushesha futhi abike imininingwane efanele maqondana nokulandelayo - (a) izizathu zokusetshenziswa kombutho wokuvikela; (b) izindawo lapho kusetshenziswa amandla khona; (c) inani labantu elithintekayo; futhi (d) isikhathi okulindelwe ukuthi umbutho uzosetshenziswa ngaso. (4) Uma iPhalamende lingahlangani ezinsukwini eziyisikhombisa emva kokuqokwa kombutho weZokuvikela njengoba kubhalwe kwisigatshana (2), uMongameli kumele anikeze ulwazi oludingekile kwisigatshana (3) ekomidini elifanele. Ukukhuzwa kombutho wokuvikela 202. (1) UMongameli, njengenhloko yokuphathwa kukaZwelonke unguMkhuzi oMkhulu wombutho wokuvikela, futhi kumele aqokele esikhundleni abakhuzi bempi bombutho wokuvikela. (2) UKukhuzwa kwombutho wokuvikela kumele kwenziwe ngendlela ehambisana nokuyalela kwelungu leKhabinethe elibhekelele ukuvikela. Isimo sokuvikela izwe 203. (1) UMongameli angakhipha isimemezelo sokuthi kunesimo sokuvikela izwe, futhi kumele azise iPhalamende ngokushesha futhi anikeze imininingwane efanele mayelana - (a) nezizathu zesimemezelo sesimo; (b) namoma iyiphi indawo lapho kusetshenziswa khona amandla; futhi (c) Inani labantu abathintekayo. (2) Uma lingahleli iPhalamende, ngesikhathi kumenyezelwa isimo sokuvikela izwe, uMongameli kumele abizele iPhalamende emhlanganweni oyisipesheli phakathi kwezinsuku eziyisikhombisa senziwe isimemezelo. (3) Isimemezelo sesimo sokuvikela izwe siyaphela ngaphandle uma ngabe samukelwe yiPhalamende phakathi kwezinsuku eziyisikhombisa ezenziwe. Abasebenzela ukuvikela umphakathi bengewona amalungu ombutho 204. Kufanele umthetho kazwelonke umise isakhiwo sabasebenzela ukuvikela bengewona amalungu ombutho kodwa bengamalungu ajwayelekile omphakathi, esizosebenza ngokulayelwa yilungu lekhabinethe elibhekelele ukuphepha. Amaphoyisa Isakhiwo samaphoyisa 205. (1) Isakhiwo samaphoyisa sikaZwelonke kumele sihleleke ngendlela yokuba sisebenze emikhakheni kazwelonke, yezifundazwe neyezifundazwe neyezindawo. (2) Umthetho kazwelonke kumele umise amandla nemisebenzi yesakhiwo samaphoyisa enze umsebenzi wawo ngendlela enempumelelo, enaka isidingo zezifundazwe. (3) Izinjongo zesakhiwo samaphoyisa wokuqonda ukuvimbela nokuphenya amacala, ukugcina ukuthula emphakathini nokuvikela nokuphephisa abahlali baseRephabhliki nempahla yabo, kanye nokuphakamisa nokuphoqelela umthetho. Ukuphatha kwabezepolitiki 206. (1) Ilungu leKhabinethe kumele libhekelele umsebenzi wobuphoyisa, futhi kumele liseke imigomo kazwelonke yomsebenzi wobuphoyisa emva kokubonisana noHulumeni bezifunda nokuqaphela izidingo zokuphoyisa kanye nezidingongqangi zezifundazwe ngokwesinqumo sesiGungu sesifundazwe. (2) Inqubo yokuphoyisa kazwelonke ingahlinzekela izinqubo ezahlukene ngokwezifundazwe ezahlukene emva kokuhlangabezana nezidingo zokuphoyisa kanye nezidingongqangi zalezo zifundazwe. (3) Isifunda ngasinye sinelungelo - (a) lokuqapha ukuziphatha kwamaphoyisa; (b) lokubaneso okumbandakanya ukunikezwa imibiko ngempumelelo yemisebenzi yawo kanye nokwenziwa ngobuchwephesha komsebenzi wawo ; (c) ukuthuthukisa ubudlelwane obuhle phakathi kwamaphoyisa nomphakathi; (d) lokubhekisisa impumelelo yokwenza umsebenzi wamaphoyisa ngokusobala; futhi (e) lokuxhumana nelungu leKhabhinethi elibhekele nomsebenzi wobuphoyisa futhi senze izincomo maqondana nobugebengu kanye nokusebenza kwamaphoyisa kwisifundazwe (4) IsiGungu sesifundazwe sibhekele imisebenzi yokuphoyisa - (a) egunyazwe kulesi sahluko; (b) egunyazwe ngokumaqondana nomthetho kazwelonke; futhi (c) eyabelwe kuyona ngokwenqubo yokuphoyisa kazwelonke. (5) Ukuze isifundazwe sikwazi ukwenza imisebenzi ebekwe kwisigatshana (3) - (a) ingacubungula, noma iqoke ikhomishani yophenyo ngalolu daba, noma yisiphi isikhalo sokungagculisi kwamaphoyisa noma ukunqamuka kobudlelwane phakathi kwamaphoyisa kanye nomphakathi; futhi (b) yenze izincomo elungwini leKhabhinethi elibhekele ukuphoyisa. (6) Emva kokwamukela kwesikhalo esifakwe yisiGungu sesifundazwe, ithimba elizimele lezikhalo zamaphoyisa elimiswe ngumthetho kazwelonke malicubungule noma yisiphi isenzo sokungaziphathi kahle, noma icala elenziwe, yilungu labasebenzela amaphoyisa esifundazweni. (7) Umthetho kazwelonke mawuhlinzekele indlela yokwakhiwa, amandla, imisebenzi kanye nokulawulwa komsebenzi wamaphoyisa kamasipala. (8) Ikomidi elakhiwe ngamalungu eKhabhinethi kanye namalungu oMkhandlu soMkhandlu obhekele umsebenzi wamaphoyisa kumele sakhiwe ukuze siqikelele ukusebenzisana ngendlela efanele phakathi kwamaphoyisa neminye imikhakha kahulumeni. (9) ISishayamthetho sesifundazwe singadinga uKhomishane wesifunda ukuba avele ngaphambi kwaso noma yinoma yiliphi elinye lamakomidi akhe ukuphendula imibuzo. Ukulawulwa kwesakhiwo samaphoyisa 207. (1) UMongameli njengenhloko WoMkhandlu sikazwelonke kufanele aqokele esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengoKhomishana kaZwelonke wamaphoyisa, ukuze alawule futhi aphathe amaphoyisa. (2) UKhomishana kaZwelonke kufanele alawule futhi aphathe amaphoyisa ngendlela ehambisana nemigomo kazwelonke yokwenza umsebenzi wamaphoyisa kanye neziyalelo zelungu leKhabinethe elebhekele umsebenzi wobuphoyisa. (3) UKhomishana kaZwelonke, ngokuvumelana noMkhandlu wesifundazwe, kufanele aqokele esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengokhomishana waleso sifundazwe, kodwa uma uKhomishani kazwelonke kanye noweMkhandlu wesifundazwe behluleka ukuvumelana ngokuqoka lowo muntu, ilungu leKhabhinethi elibhekele umsebenzi wamaphoyisa kumele libonisane namaqembu ezombungazwe. (4) OKhomishani besifundazwe babhekele ubuphoyisa ezifundazweni zabo - (a) njengoba kubekwe ngumthetho kazwelonke; futhi (b) ngokuhlonipha amandla kaKhomishana kaZwelonke okulawula nokuphatha umsebenzi wamaphoyisa njengokusho kwesigatshana (2). (5) UKhomishani wesifundazwe kumele abike kwiSishayamthetho sesifundazwe minyaka yonke ngomsebenzi wobuphoyisa esifundazweni, futhi kumele athumele ikhophi yombiko kuKhomishani kazwelonke. (6) Uma uKhomishane wesifundazwe engawesethembi uMkhandlu wesifundazwe, lowo uMkhandlu singamisa umthetho ofanele wokususa noma ukushintshwa, noma ukuthathela izinyathelo zomthetho lowo Khomishani, ngokumaqondana nomthetho kazwelonke. Abasebenzela amaphoyisa bengamalungu ajwayelekile omphakathi 208. Kumele kumiswe isakhiwo sabasebenzela amaphoyisa abangewona amaphoyisa, bengamalungu ajwayelekile omphakathi, ngomthetho kazwelonke abasebenza ngokuyalelwa yilungu leKhabhinethe elibhekele umsebenzi wobuphoyisa. Ubunhloli Ukumiswa nokulawulwa kwemisebenzi yobunhloli 209. (1) Noma yimiphi imisebenzi yobunhloli, ngaphandle kwengxenye yobunhloli engaphansi lombutho wokuvikela nguMongameli njengenhloko yokuphatha kazwelonke, futhi kuphela njengokusho komthetho kazwelonke. (2) Umongameli njengenhloko yokuphatha kaZwelonke kufanele aqokele esikhundleni umuntu wesifazane noma wesilisa njengenhloko yomsebenze yobunhloli ngamunye, omiswe njengokusho kwesigatshana (1), futhi kumele aphendule kwezopolitiki maqondana nokulawulwa nokuyalelwa kwanoma yimiphi yalemisebenzi noma aqoke ilungu leKhabinethi okuyilona elizophendula. Amandla, imisebenzi kanye nokuqapha 210. Umthetho kazwelonke kufanele uhlele izinjongo, amandla kanye nemisebenzi yobunhloli, kuhlanganisa noma iyiphi ingxenye yobunhloli, kuhlanganisa noma iyiphi ingxenye yobunhloli, yombutho wokuvikela noma yamaphoyisa futhi kufanele uhlinzekele okulandelayo - (a) ukudidiyelwa kwayo yonke imisebenzi yobunhloli; kanye (b) nokugadwa kwezenzo zaleyo misebenzi yobunhloli nomhloli ongelona ilungu lombutho yokuphepha oqokelwe esikhundleni nguMongameli njengenhloko yokuphatha kazwelonke, futhi owamukelwe ngesinqumo esesekwe okungenani amalungu oMkhandlu kaZwelonke amabili kwamathathu. Isahluko 12 Abaholi bendabuko Ukuvunywa ngokomthetho 211. (1) Uhlelo, izinga kanye nendawo edlalwa ngubuholi bendabuko, nje ngoba kubekwa ngumthetho wamasiko, kuyabonnwa ngokomthetho kodwa kuphela uma kuhambisana noMthethosisekelo. (2) Umbuso wendabuko olandela uhlelo lomthetho wamasiko ungasebenza kuphela ngokuhambisana nomthetho noma yimuphi kanye namasiko, kanye nanoma yiluphi ushintsho noma ukucishwa kwalomthetho noma amasiko. (3) Izinkantolo kufanele zisebenzise imithetho yamasiko uma lowo mthetho kuyiwona okufanele usebenze kodwa kuphela uma kuhambisana noMthethosisekelo kanye nanoma yimuphi umthetho ophathelene ngqo nomthetho wamasiko. Indawo engadlalwa ngabaholi bendabuko 212. (1) Umthetho kazwelonke ungahlinzekela ukuthi ubuholi bendabuko, njengohlelo lokuphatha emkhakheni wezindawo, njengohlelo lokuphatha emkhakheni wezindawo, bube nesandla maqondana nezindaba ezithinta imiphakathi yezindawo. (2) Ukuze ubhekelele izindaba eziphathelene nobuholi bendabuko, iqhaza abaholi bendabuko abangabanalo, umthetho wamasiko kanye namasiko emiphakathi elandela uhlelo lomthetho wamasiko - (a) Umthetho kazwelonke noma wesifundazwe ungahlinzekela ukumiswa kwezindlu zabaholi bendabuko; futhi (b) Umthetho kazwelonke ungamisa uMkhandlu sabaholi bendabuko. Isahluko 13 Izimali Okuphathene nezimali jikelele Isikhwama semali sikazwelonke 213. (1) Kunesikhwama semali sikazwelonke okufakwa kusona yonke imali kanye nemali etholwe nguhulumeni kazwelonke, okufanele ikhokhwe, ngaphandle kwemali ekhishelwe ngaphandle komthetho wePhalamende. (2) Imali ingakhishwa esikhwameni semali sikazwelonke kuphela - (a) Njengokusho komthetho wePhalamende okuphathelene nokusetshenziswa kwemali; noma (b) njengokuhlinzeka koMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende, omisa ukuthi imali ethile ibekelwe umsebenzi othile. (3) Ingxenye yemali kazwelonke eya kwizifundazwe evela ezimalini zikazwelonke ingakhishwa ngqo esikhwameni semali kazwelonke. Izingxenye ezigculisayo zemali kanye nokwabiwa kwezimali 214. (1) Umthetho wePhalamende kufanele uhlinzekele - (a) ukwehlukaniswa ngendlela egculisayo kwezimali eziqoqelwe esikhwameni sikazwelonke, zehlukaniselwa imikhakha kahulumeni kazwelonke, yezifundazwe neyezindawo; (b) indlela egculisayo yokunquma ubungako bengxenye yemali etholwa yisifunda ngasinye; (c) noma yikuphi okunye ukwabiwa kwezimali okuya kohulumeni bezifundazwe nokamasipala, kuvela esabelweni semali sikazwelonke kanye nemibandela engabekelwa lokukwaba. (2) UMthetho oshiwo kwisigatshana (1) ungashaywa kuphela emva kokubonisana nohulumeni besifundazwe, ohulumeni bendawo abahlelekile kanye neKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni, futhi kwabekelwa noma yisiphi isincomo sekhomishani; futhi ubhekele - (a) izidingo zezwe; (b) noma yiziphi izimiso okufanele zenziwe maqondana nesikweletu sezwe kanye neminye imibandela kazwelonke; (c) izidingo nezinto ezibalulekile kuhulumeni kazwelonke, ezinqunyelwe emuva kokubhekelwa kwayo yonke imicabango efanele; (d) isidingo sokuqinisekisa ukuthi omasipala banamandla okufeza izidingo ezisemqoka zabantu okulindelwe ukuthi zifezwe ngumasipala futhi benze imisebenzi eyabelwe kubona; (e) amandla ezezimali kanye nokusebenza ngobunyoninco kwezifundazwe nawo masipala; (f) izidingo zokuthuthukiswa nezinye izidingo zezifundazwe, zohulumeni bendawo kanye nawomasipala; (g) ukwehluka kwezimo zomnotho phakathi kwesifundazwe ngasinye naphakathi kwezifundazwe ezahlukahlukile; (h) izibopho zezifundazwe nawomasipala njengokubeka komthetho kazwelonke; (i) ukudingeka kwezabelo zemali ezingaguqulwa kalula futhi ezilindelekile; kanye (j) nesidingo sokungaqinisi izintamo uma kubhekwana nezimo ezibucayi ezivelayo noma ezinye izidingo zesikhashana, kanye nezinye izimo ezinesisekela esifanayo. Ukuhlelwa kokusetshenziswa kwemali emkhakheni kazwelonke, wesifundazwe kanye nowendawo 215. (1) Ukuhlelwa kokusetshenziswa kwemali emkhakheni kazwelonke, wesifundazwe nowendawo kanye nako konke okuphathelene nokuhlela ukusetshenziswa kwezimali kufanele kugqugquzelele ukusebenzela obala, ukuphenduleka, kanye nokuphathwa kwezimali okunempumelelo emnothweni, nokuphathwa okunempumelelo kwesikweletu kanye nemisebenzi yomphakathi. (2) Umthetho kazwelonke kufanele umise ukuthi - (a) uhlelo lwezimali lukazwelonke, lwezifunda nolwezindawo lufanele lubenjani. (b) izinhlelo zokusetshenziswa kwezimali zikazwelonke zezifundazwe noma zendawo kufanele zethulwe nini; futhi (c) izinhlelo zokusetshenziswa kwezimali kuyo yonke imikhakha kahulumeni kufanele ibonise ukuthi izimali zivelaphi nokuthi izimali okuhlongozwa ukuthi zisetshenziswe zizohambisana ngayiphi indlela nomthetho kazwelonke. (3) Izinhlelo zokusetshenziswa kwezimali emkhakheni kahulumeni ngamunye kufanele zibonise - (a) izilinganiso zezimali ezizotholwa kanye nezizosetshenziswa ezehlukanisa phakathi kwezindleko zesikhathi eside nezindleko zesikhashana; (b) iziphakamiso zokuthi izikweletu ezilindelekile zizokhokhwa kanjani kuleso sikhathi salolo hlelo; kanye (c) nokuthi kuhlongozweni maqondana nokubolekwa kwemali nezinye izinhlobo zesikweletu ezizokwandisa izikweletu zomphakathi onyakeni olandelayo. Ukulawulwa kokugcinwa kwezimali 216. (1) Umthetho kazwelonke kufanele umise ihhovisi likazwelonke futhi abeke izindlela zokuqinisekisa ukusebenza ngendlela esobala kanye nokulawulwa kokusetshenziswa kwezimali emkhakheni ngamunye kahulumeni, ngokuthi ethule - (a) izinkambiso ezamukelwa njengezijwayelekile zokubika ngezimali; (b) izigaba imali esetshenziselwa zona ezisetshenziswa ngokufana ezincwadini zezimali zombuso; (c) izindlela ezifanayo zokuphathwa kwemali. (2) Ihhovisi likazwelonke lokuphathwa kwemali, ngokuvunyelwa njengelungu leKhabinethe elibhekele izindaba zezimali zikazwelonke, lingamisa ukudluliselwa kwemali engxenyeni kahulumeni kuphela ngesizathu sokuthi imigomo nezimiso ezibekwe kwisigatshana (1) ngenhla zephulwe kabi kakhulu noma ngokuphindaphindwa. (3) Isinqumo sokumisa ukudluliselwa kwemali esifundazweni singathathwa kuphela njengokusho kwesigatshana (2), ngenhla, futhi - (a) asivunyelwe ukumisa ukudluliswa kwemali isikhathi esingaphezulu kwezinsuku ezingu-120; futhi (b) singaphoqelelwa khona kanjalo kodwa singasuswa kusekela esikhathini esedlule ngaphandle uma iPhalamende lisamukela lesi sinqumo emuva kokulandela uhlelo olusondelene nalolo olumiswe kwisigaba 76(1) futhi lwamiswa yimitheshwana nezibopho zePhalamende. Lolu hlelo kufanele lwenziwe luqedwe phakathi kwezinsuku ezingu 30 senziwe isinqumo sehhovisi likazwelonke lokuphatha izimali. (4) IPhalamende lingasivuselela isinqumo sokumisa ukudluliselwa kwemali isikhathi esingeqile ezinsukwini ezingu-120 ngesikhathi, emva kokulandela uhlelo olubekwe njengokusho kwesigatshana (3). (5) Ngaphambi kokuthi iPhalamende lamukele noma livuselele isinqumo sokumisa ukudluliselwa kwezimali esifundazweni - (a) UMcubunguli omkhulu wamabhuku ezimali zikahulumeni kufanele anikeze iPhalamende umbiko; futhi (b) isifundazwe kufanele sinikwe ithuba lokuziphendulela kuloko esithweswe icala ngako sibeke udaba lwaso phambi kwekomidi. Impahla nemisebenzi ekhokhelwa ngezimali zikahulumeni 217. (1) Uma izingxenye zikahulumeni zifuna ukuthenga impahla noma ubuciko bokwenza imisebenzi ethile, kufanele zikwenze lokhu ngendlela ehambisana nemithetho kazwelonke noma yesifundazwe emisa uhlelo olugculisayo, olulungile, olusobala, oluvumela ukuqhudelana futhi olusebenzisa imali ngendlela efanele. (2) Isigatshana (1) asivimbeli ukusetshenziswa kwezimiso zokuthengwa kwempahla nobuciko bokwenza imisebenzi ezibekwe yingxenye kahulumeni ezihlinzekela okulandelayo: (a) Izigaba ezinconywayo ekwabiweni kwezivumelwano zokuthengwa kwempahla noma ubuciko bokwenza imisebenzi; futhi (b) ukuvikelwa noma ukuthuthukiswa kwabantu noma izigaba zabantu abuyisele emuva ubandlululo olungalungile. (3) Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele uhlaka lokusetshenziswa kwezimiso ezishiwo kwisigatshana (2) ngenhla. Iziqinisekiso zikahulumeni 218. (1) Uhulumeni kazwelonke, wesifundazwe noma umasipala angaqinisekisa ukukhokhwa kwesikweletu kuphela uma isiqinisekiso sihambisana nemibandela ebekwe emthethweni kazwelonke. (2) Umthetho kazwelonke oshiwo kwisigatshana (1) ungashaywa kuphela emuva kokuthi kubhekelelwe noma yiziphi izincomo zeKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali. (3) Minyaka yonke uhulumeni ngamunye kufanele ashicilele umbiko ngeziqinisekiso azinikile. Ukukhokhelwa kwabantu abasezikhundleni zikahulumeni 219. (1) Umthetho wePhalamende kufanele umise uhlaka lokufinyelela ezinqumweni ngokulandelayo - (a) amaholo, izibonelelo nezinzuzo zamalungu omkhandlu kazwelonke, izithunywa ezimile zesiGungu sikazwelonke sezifundazwe, zamalungu eKhabinethe, zosekela bongqongqoshe, zabaholi bendabuko kanye namalungu anoma yiziphi izigungu zabaholi bendabuko; kanye (b) nezinga elingeke leqiwe lamaholo, izibonelelo nezinzuzo zamalungu ezishayamthetho zezifundazwe, amalungu eziGungu zokuphatha zomasipala zezigaba ezahlukene. (2) Umthetho kazwelonke kufanele umise ikhomishani ezimele yokwenza izincomo maqondana namaholo, izibonelelo kanye nezinzuzo ezishiwo kwisigatshana (1). (3) IPhalamende lingemukela umthetho oshiwo kwisigatshana (1) kuphela emuva kokubhekelela noma yiziphi izincomo ezenziwe yikhomishana emiswe njengoba kushiwo kwisigatshana (2), ngenhla. (4) UMkhandlu sokuphatha sikazwelonke, sesifundazwe, umasipala noma yisiphi esinye isiphathimandla singaphoqelela umthetho kazwelonke oshiwo esigatshaneni (1), ngenhla, kuphela emuva kokubhekelela noma yisiphi isincomo esenziwe yiKhomishana emiswe njengoba kushiwo kwisigatshana (2), ngenhla. (5) Umthetho kazwelonke kufanele umise izinhlaka zokunquma amaholo, izibonelelo nezinzuzo zamajaji, zoMvikeli woMphakathi, zoMcubunguli omkhulu wamabhuku ezimali zikahulumeni kanye namalungu anoma iyiphi ikhomishana ehlinzekelwe kuMthethosisekelo, kubandakanya isiphathimandla sokusakaza esishiwo esigabeni 192. Ikhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali Ukumiswa nokusebenza kwayo 220. (1) KuneKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali yeRephabhliki eyenza izincomo ezilindelwe kulesi sahluko, noma emthethweni kazwelonke, izethule kwiPhalamende, kwizishayamthetho zezifundazwe kanye nakunoma ngumthetho kazwelonke. (2) IKhomishana izimele futhi ilawulwa kuphela nguMthethosisekelo kanye nomthetho futhi kumele ingavuni muntu. (3) IKhomishana kufanele isebenze njengoba kushiwo ngumthetho wePhalamende futhi, ekwenzeni umsebenzi wayo kufanele ibhekelele zonke izinto ezithintekayo kubandakanya lezo ezibalwe ohleni olusesigabeni 214 (2). Ukuqokelwa esikhundleni nesikhathi sesikhundla samalungu 221. (1) IKhomishana yakhiwe yilaba bantu besifazana nabesilisa abalandelayo abaqokelwe esikhundleni nguMongameli, njengenhloko yokuphatha kazwelonke: (a) USihlalo kanye nesekela likasihlalo abangamalungu aphelele; (b) abantu abayisishiyagalolunye, umuntu ngamunye ophakanyiswe uMkhandlu sokuphatha sesifundazwe, isifundazwe ngasinye sinelungelo lokuphakamisa umuntu oyedwa; (c) abantu ababili abaphakamiswe ohulumeni bendawo abahleleke njengoba kushiwo esigabeni 163; kanye (d) nabantu abayisishiyagalolunye abanye. (2) Amalungu eKhomishana kufanele abenobuciko obufanele. (3) Amalungu asebenza kulezozikhundla njengoba kusho umthetho kazwelonke uMongameli ongalisusa ilungu esikhundleni ngezizathu zokungaziphathi kahle, zokungakwazi ukuwenza umsebenzi ngenxa yesimo esithile noma zokungawazi umsebenzi. Imibiko 222. IKhomishana kufanele inikeze imibiko izikhathi ezijwayelekile ePhalamende nakwezishayamthetho zezifundazwe. Ibhange elikhulu lesizwe Ukumiswa 223. IBhange lesizwe laseNingizimu Afrika liyibhange elikhulu laseRephabhliki futhi lilawula njengokusho komthetho wePhalamende. Inhlobo ebalulekile 224. (1) Uhlobo olubalulekile lweBhange lesizwe laseNingizimu Afrika ukuvikela intengo yemali ukuze kuqinisekiswe ukukhula komnotho okungantengantengi nokuqhubeka njalo eRephabhliki. (2) IBhange lesizwe laseNingizimu Afrika, ngenhloso yokufeza izinjongo zayo, kufanele yenze imisebenzi yayo ngokuzimela kanye nokungabi nokwesaba, ukukhetha noma ukujivaza; kodwa kufanele kube nokubonisana phakathi kweBhange nelungu leKhabhinethe ebhekelele izindaba zezimali zikazwelonke. Amandla nokusebenza kwawo 225. Amandla nemisebenzi yeBhange lesizwe laseNingizimu Afrika yileyo ejwayelekile kumabhange amakhulu, futhi okufanele imiswe emthethweni wePhalamende futhi kufanele asetshenziswe noma enziwe ngokulawulwa yimibandela ebekwe njengoba kusho lowo mthetho. Izindaba eziphathelene nezimali zesifundazwe nezendawo Isikhwama sezimali zesifundazwe 226. (1) Kunesikhwama sezimali zesifundazwe sesifundazwe ngasinye okufanele kufakwe kuso zonke izimali ezitholwe nguhulumeni wesifundazwe. (2) Imali ingakhishwa esikhwameni semali sesifundazwe kuphela - (a) njengoba kushiwo ngumthetho wesifundazwe; noma (b) njengesikweletu esiqonde ngqo esikhwameni uma lokho kuhlinzekelwe ngumthethosisekelo noma umthetho wesifundazwe. (3) Izimali ezabiwe ngesifundazwe ziya kuhulumeni wendawo kuleso sifundazwe, njengoba kusho isigaba 214(1), ziyisikweletu esiqonde ngqo esikhwameni semali yesifundazwe. Imithombo kazwelonke yezimali zesifundazwe nezikahulumeni wendawo 227. (1) Uhulumeni wendawo nesifundazwe ngasinye - (a) unelungelo lokuthola ingxenye egculisayo yemali eqoqwe ngokukazwelonke ukuze akwazi ukuhlinzekela izidingo zomphakathi nokwenza imisebenzi enikezelwe kuwona; futhi (b) ungathola ezinye izabelo zemali zikahulumeni kazwelonke ezinemibandela noma ezingenamibandela. (2) Izimali ezingaphezulu eziqokwe yizifundazwe noma ngomasipala akufanele zisuswe engxenyeni yazo yemali eqoqwe ngokukazwelonke noma kwezinye izabelo ezenzelwe kubona ezivela ezimalini zikahulumeni kazwelonke ngokulinganayo, uhulumeni kazwelonke akaphoqwe yilutho ukuba anxephezelise izifundazwe noma omasipala abangaqoqi izimali ezilingana nezimali ezingaqoqwa noma izintela ezingakhokhwa. (3) Ingxenye yemali egculisayo yesifundazwe eqoqwe ngokukazwelonke kufanele idluliselwe kwisifundazwe ngokushesha futhi kungazange kubanjwe zimali kuyo, ngaphandle uma ukudluliswa kumiswe njengoba kusho isahluko 216. (4) Isifundazwe kufanele sizihlinzekele sona loko esikudingayo, njengoba kusho izimiso zomthethosisekelo waleso sifundazwe, ezingaphezulu kwezidingo ezilindelekile kumthethosisekelo. Izintela zesifundazwe 228. (1) Isishayamthetho sesifundazwe singabeka - (a) izintela, amalevi noma ezinye izintelo ngaphandle kwentela yeholo, intela yempahla noma imisebenzi ekhokhelwayo, intelo yentengo, intela yomhlaba nezakhiwo noma intela yemikhiqizo yakwamanye amazwe; futhi (b) izintela ezingaquki ezibalwe ngokulinganisa intela engaqoqwa kunoma yisiphi isigaba sentela, samalevi noma sezinhlobonhlobo zentela ebekwe ngumthetho kazwelonke ngaphandle kwezimali zezintela ezivela ezinzuzweni zohwebo, kwintela yohwebo, intela yomhlaba nezakhiwo, noma izintela zemikhiqizo evela kwamanye amazwe. (2) Amandla esifundazwe okubeka izintela, amalevi ezinye izimali ezingena esikhwameni semali sikahulumeni ngezinkokhelo ezahlukile, noma ngezimali ezikhokhelwa izidingo zomphakathi - (a) angesetshenziswa ngendlela engakhinyabeza kakhulu futhi ngendlela engafanele imigomo kazwelonke yezomnotho, izinyathelo eziphathelene nomnotho ezeqe imingcele yezifundazwe noma ukuhwebelana ngokukazwelonke ngempahla, amasevisi, izimali noma imisebenzi; futhi (b) kufanele alawulwe ngumthetho wePhalamende, ongashaywa kuphela emuva kokubhekelelwa kwezincomo yiKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni. Izintela nezintela zobunikazi bomhlaba nezakhiwo komasipala 229. (1) Ngokumaqondana nesigatshana (2),(3) kanye no(4), umasipala angahlawulisa - (a) Umasipala angabeka intela yempahla umuntu anayo, kanye nezintela zokukhiqiza, ngomsebenzi owenziwe egameni likamasipala; futhi (b) ngokugunyazwa ngumthetho kazwelonke, angabeka ezinye izintela, amalevi noma ezinye izimali ezingena esikhwameni semali sikahulumeni ngezinkokhelo ezahlukahlukene, kodwa umasipala akavunyelwe ukubeka intela yeholo, intela yokuhweba, intela yentengo ejwayelekile, intela yokusebenzisa izidingo zomphakathi noma izintela zemikhiqizo evela kwamanye amazwe. (2) Amandla kamasipala okuhlawulisa izintela empahleni yabantu, nezinye izintela zokukhiqiza nezemisebenzi eyenziwe noma egameni likamasipala, noma ezinye izintela, amalevi noma izintela zemikhiqizo evela kwamanye amazwe - (a) angeke yenziwa ngendlela engalungile yokubandlulula inqubo yezomnotho kazwelonke, imisebenzi yezomnotho ngaphandle kokulandela imingcele kamasipala, noma ukuhanjiswa kwempahla kukazwelonke, imisebenzi, imali yebhizinisi noma yokusebenza; futhi (b) ingalawulwa ngokomthetho kazwelonke. (3) Uma omasipala ababili benamandla afanayo ngokwesikhwama sombuso kanye nemisebenzi emaqondana nendawo efanayo, ukwabiwa ngendlela efanele kwalawo mandla kanye nemisebenzi kumele kwenziwe ngokulandela umthetho kazwelonke. Ukwabiwa kungenziwa kuphela emva kokuqashelwa kwale ndlela elandelayo: (a) isidingo sokuhlangabezan a nemigomongqangi ezwakalayo yokukhishwa kwentela; (b) amandla kanye nemisebenzi eyenziwa ngumasipala ngamunye; (c) ubungako besikhwama sombuso sikamasipala ngamunye; (d) indlela efanele nenomphumela omuhle wokuhlawulisa izintela, amalevi kanye nemali ekhokhela imikhiqizo evela kwamanye amazwe angaphandle; futhi (e) ukulingana. (4) Akukho lutho kulesi sigaba okuvimbela ukwabelana ngemali engenile yombuso ngokumaqondana nalesi sigaba phakathi komasipala labo abanamandla phezu kwesikhwama sombuso kanye nemisebenzi kuleyo ndawo. (5) Umthetho kazwelonke ovezwe kulesi sigaba ungamiswa kuphela emva kokuthintana nohulumeni wendawo kanye nabeZimali neKhomishani yesikhwama sombuso, futhi uma sekucutshungulwe noma yisiphi isincomo sikaKhomishani. Imali ebolekwe yisifundazwe noma ngumasipala 230. (1) Isifundazwe noma umasipala angaboleka izimali zokuhlangabezana ndleko ezingaveli njalo, zezinto ezizokwenza ukuthi umasipala akwazi ukuqhuba umsebenzi lowo noma zokuhlangabezana nezindleko ezijwayelekile ezisheshe zedlule ngokulandela imibandela efanele emiswe ngumthetho kazwelonke, kodwa izimali ezibolekelwa izindleko ezijwayelekile ezisheshe zedlule - (a) zingabolekwa kuphela uma kunesidingo sokuvala isikhala esikhathini sonyaka wezimali; futhi (b) kufanele zibuyiselwe phakathi kwesikhathi esingangezinyanga eziyishumi nambili. (2) Umthetho kazwelonke oshiwo esigatshaneni (1) ngenhla, ungashiywa kuphela emuva kokuba izincomo zeKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni zibhekelelwe. Isahluko 14 Izimiso ezixubile Umthetho wamazwengamazwe Izivumelwano zamazwe ngamazwe 231. (1) Ukuxoxiswana nokusayinwa kwezivumelwano zamazwe ngamazwe kungumsebenzi wesigungu sokuphatha sikazwelonke. (2) Isivumelwano samazwe ngamazwe sibophelela iRephabhliki kuphela uma samukelwe ngesinqumo esithathwe nguMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke sezifundazwe, ngaphandle uma siyisivumelwano esishiwo kwisigatshana (3). (3) Isivumelwano samazwe ngamazwe sohlobo oluphathelene nezinto zobuciko obuthile, zokuhambisa kahle imisebenzi noma zokuphatha, noma isivumelwano esingadingi ukwemukelwa noma ukwesekwa, esenziwe yisigungu sikazwelonke sokuphatha, sibophelela iRephabhliki ngaphandle kokwamukelwa nguMkhandlu kazwelonke noma uMkhandlu kaZwelonke sesifundazwe, kodwa kufanele sethulwe phambi komkhandlu kazwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ngesikhathi esifanele. (4) Noma yisiphi isivumelwano samazwe ngamazwe siba yimithetho kwiRephabhliki uma singeniswe emthethweni ngokushaywa komthetho kazwelonke; kodwa isimiso sesivumelwano esizisebenzayo ngokwaso futhi esamukelwe yiPhalamende sibangumthetho eRephabhliki ngaphandle uma siphambene noMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende. (5) IRephabhliki ibophelelwa yizivumelwano zamazwengamazwe ezazibophelela iRephabhliki ngesikhathi soMthethosisekelo uqala ukusebenza. Umthetho wamazwe ngamazwe osuyisiko 232. Umthetho wamazwe ngamazwe osuyisiko ngumthetho kwiRephabhliki ngaphandle uma ungahambisani noMthethosisekelo noma umthetho wePhalamende. Ukusetshenziswa komthetho wamazwe ngamazwe 233. Uma kuhunyushwa noma yimuphi umthetho, yonke inkantolo kufanele incamele noma yikuphi ukuhumusha okufanele okuhambisana nomthetho wamazwe ngamazwe kunokunye ukuhumusha okungahambisani nomthetho wamazwe ngamazwe. Ezinye izindaba Imiqulu yamaLungelo 234. Ukuze kujuliswe isiko lenqubo yentando yeningi elimiswe ngumthethosisekelo, iPhalamende kufanele lamukele imiqulu yamalungelo ehambisana noMthethosisekelo. Ukuzimela 235. ILungelo labantu baseNingizimu Afrika ngobuningi babo ukuba bazimele njengoba kukhonjisiwe kulo Mthethosisekelo, alikuvimbeli, phakathi kohlaka kwale lilungelo, ukwaziswa kwelungelo lokuba noma yimuphi umphakathi onamasiko nolimi olufanayo uzimele endaweni ethile yeRephabhliki noma ngayiphi enye indlela ebekwe ngumthetho kazwelonke. Ukwesekwa ngezimali kwamaqembu ezombusazwe 236. Ukuthuthukisa inqubo yentando yeningi evumela amaqembu ahlukahlukene ezombusazwe ukuba abambe iqhaza, imithetho kazwelonke kufanele ihlinzekele ukwesekwa ngezimali kwamaqembu epolitiki ameleleke ngokukazwelonke nakwizishayamthetho zesifundazwe indlela egculisayo nelandela ukumeleleka kwamaqembu. Ukwenziwa kwemisebenzi ngokukhuthala 237. Yonke imisebenzi ebekwe ngokomthethosisekelo kufanele yenziwe ngokukhuthala futhi ngokungachithi sikhathi. Ukwenzelwa imisebenzi nokudluliswa kwamandla okwenza imisebenzi 238. Ingxenye kahulumeni ehlangene nokuphatha kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni ingenza okulandelayo - (a) ingadlulisa amandla noma okwenza noma yimuphi umsebenzi okufanele wenziwe ngokusho komthetho, kwenye ingxenye kahulumeni ehlangene nokuphatha; noma (b) isebenzise amandla noma yenze imisebenzi yenzela enye ingxenye kahulumeni ehlangene nokuphatha njengomele leyongxenye kahulumeni noma ngokuthatha amandla ayo. Izincazelo 239. Kulo mthethosisekelo ngaphandle uma kuhlongozwe okwehlukile "umthetho kazwelonke" kuchaza okulandelayo - (a) umthetho ongaphansi komunye owenziwe maqondana nomthetho wePhalamende; futhi (b) umthetho owawusetshenziswa ngesikhathi umthethosisekelo uqala ukusebenza futhi olawulwa nguhulumeni kazwelonke; "izingxenye zombuso" kusho - (a) noma yimuphi umnyango kahulumeni wokuphatha kukazwelonke, kwesifundazwe noma uhulumeni wendawo; noma (b) noma yisiphi isikhungo sokusebenza - (i) sisebenzisa amandla noma ukwenza umsebenzi omayelana nomthethosisekelo noma umthethosisekelo wesifundazwe; noma (ii) sisebenzisa amandla okusebenza emphakathini noma kwenziwa umsebenzi womphakathi mayelana nanoma yimuphi umthetho, kodwa kungafaki inkantolo noma isikhulu esibhekele umthetho; "umthetho wesifundazwe" ubandakanya - (a) umthetho ongaphansi komunye owenziwe kulandelwa umthetho wesifundazwe; futhi (b) umthetho owawusetshenziswa ngesikhathi umthethosisekelo uqala futhi owawubhekelwe nguhulumeni wesifundazwe. Ukungahambisani kokushiwo emibhalweni eyahlukene yomthethosisekelo 240. Uma kukhona ukungahambisani phakathi kwemibhalo eyahlukahlukene yomthethosisekelo, umbhalo weSingisi yiwona obusayo. Umthetho wobudlelwane phakathi kwabasebenzi nabaqashi, ka 1995 241. ISheduli 6 uhambelana nenguquko yohlelo yomthethosisekelo omusha osungulwe yilo mthethosisekelo, futhi nanoma yiluphi udaba olungavela mayelana naleyo nguquko. Ukususwa kwemithetho 242. Imithetho eshiwo kwiSheduli 7 isusiwe, kodwa loku kulawulwa yisigaba 243 kanye noSheduli 6. Isihloko esifushane kanye nokuqala ukusebenza 243. (1) Lo mthetho ubizwa ngokuthi umthethosisekelo weRephabhliki yaseNingizimu Afrika, 1996, futhi uzoqala ukusebenza ngelanga elibekwe nguMongameli ngokwesimemezelo, ngaphambi kokuba kushaye umhlaka 1 Julayi 1997. (2) UMongameli angabeka izinsuku ezahlukene ngaphambi kwelanga elishiwo kwisigatshana (1), mayelana nokuhlinzekela ukusebenza kwezimiso ezehlukene ezishowo uMthethosisekelo. (3) Ngaphandle uma kuhloswe ukuthi kwehluke, isimiso sikhuluma ngesikhathi sokuqala kokusebenza komthethosisekelo kusuke kushiwo isikhathi sokuqala ukusebenza kwaleso simiso. (4) Uma isimiso sibekelwe ilanga elitheli elahlukile kulelo elishiwo kwisigatshana (2), ngenhla, isimiso esifana naleso esikuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ka 1993 (Umthetho 200 ka 1993) esishiwo esimemezelweni sisuswa kusukela ngelanga elifanayo. (5) Izigaba 213, 214, 215, 216, 218, 226, 227, 228, 229, 230 zizoqala ukusetshenziswa ngomhlaka l ku Januwari 1998, kodwa lokhu akushiyi ngaphandle ukuniswa mayelana nalo mthethosisekelo womthetho obhekelekile kunoma yikuphi okuhlinzekelwe ngaphambi kwalolo suku. Ngaphambi kwalolo suku noma yikuphi okuhambisanayo futhi ukuhlinzekela obekungabhekekile kumthethosisekelo weRephabliki yaseNingizimu Afrika, 1993, uzoqhubeka usetshenziswe. ISheduli 1 IFulegi likaZwelonke (1) Ifulegi likaZwelonke linamacala amane; ubude balo buyingxenye nanye ngaphezulu kobubanzi. (2) Linombala omnyama, osagolide, oluhlaza okotshani, nomhlophe, obomvu okukapelepele kanye noluhlaza okwesibhakabhaka. (3) Inendawo eluhlaza okotshani eyakheke njengombhalo u enobubanzi obungangengxenye eyodwa kwezinhlanu nanye yefulegi. Imigqa ephakathi nendawo yale ndawo eluhlaza okotshani iqala ekhoneni elingenhla nelingezansi eduze kwesigxobo sefulegi, iyasondelana maphakathi nefulegi iqhubeke, owodwa eduze komunye ize iphelele phakathi nendawo kwicala elibhekene nalelo imigqa eqale kulona. (4) Lendawo eluhlaza okotshani ikakwe ngumbala omhlophe ngenhla nangezansi kuthi ngasesigxotsheni sefulegi ikakwe ngumbala osagolide Umbala okake indawo eluhlaza okotshani, ngayinye iwububanzi obuyingxenye yokukodwa kokuhlanu yobubanzi befulegi. (5) Unxantathu oseduze kwesigxobo sefulegi umnyama. (6) Indawo elele engenhla inombala obomvu kuthi indawo elele engezansi ibeluhlaza okwesibhakabhaka Lezi zindawo ziwububanzi obungangengxenye eyodwa kwezintathu zobubanzi befulegi. ISheduli 2 Izifungo neziqinisekiso Isifungo noma isiqinisekiso sikaMongameli kanye nebamba likaMongameli 1. UMongameli noma ibamba likaMongameli, kufanele afunge noma aqinisekise phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo ngendlela elandelayo: Phambi kwabo bonke abantu ababuthene lapha, futhi ngicacelwa kahle wukubaluleka kwesikhundla engibizelwe kuso njengoMongameli weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, mina, A B ngiyafunga / ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, futhi ngizothobela ngilandele, ngiphakamise futhi ngigcine uMthethosiseklo kanye nayo yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngokuqinisekileyo nangokuzinikela ngiyethembisa ukuthi ngiyohlala njalo - s ngiqhubela phambili lokho okuzothuthukisa futhi ngiphikisa konke okungakhinyabeza, iRiphabhuliki; s ngivikela futhi ngiqhubela phambili amalungelo abo bonke abantu baseNingizimu Afrika; s ngenza imisebenzi yami ngawo wonke amandla ami namakhono enginawo futhi ngilandela iziyalo zikanembeza wami; s Ngenza ubulungiswa kubo bonke; futhi s ngizinikezela kwinhlalakahle yeRiphabhuliki nabo bonke abantu bayo. (Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize). Isifungo noma isiqinisekiso sesekela likaMongameli 2. Isekela likaMongameli, kufanele lifunge noma liqinisekise phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo ngendlela elandelayo: Phambi kwabo bonke abantu ababuthene lapha, futhi ngicacelwa kahle ukubaluleka kwesikhundla engibizelwe kuso njengesekela likaMongameli eRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, mina, A B, ngiyafunga /ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, futhi ngizothobela, ngilandele, ngiphakamise futhi ngigcine uMthethosisekelo nayo yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngokuqinisekileyo nangokuzinikela ngiyethembisa ukuthi ngiyohlala njalo - s ngiqhubela phambili lokho okuzothuthukisa, futhi ngiphikisa konke okungakhinyabeza, iRiphabhuliki; s ngingumeluleki weqiniso nowethembekile; s ngenza imisebenzi yami ngawo wonke amandla ami namakhono enginawo futhi ngilandela iziyalo zikanembeza wami; s ngenza ubulungiswa kubo bonke; futhi s ngizinikezela kwinhlalakahle yeRiphabhuliki nabo bonke abantu bayo. (Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize). Isifungo noma isiqinisekiso soNgqongqoshe kanye namasekela oNgqongqoshe 3. UNgqongqoshe ngamunye kufanele afunge aqinisekise, phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo noma elinye ijaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, ngendlela elandelayo: Mina, A B ngiyafunga/ ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika futhi ngizothobela ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo nayo yonke imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngethembisa ukuphatha isikhundla sami njengoNgqongqoshe / njengeSekela likaNgqongqoshe ngokuhlonipheka nangesithunzi; ukungadlulisi ngendlela eqondile noma ecashile noma yiluphi udaba oluyimfihlo engethenjwe ngalo; kanye nokwenza imisebenzi yesikhundla sami ngokuzinikela kanye nangawo wonke amandla enginawo. (Uma kuyisifungo: INkosi ingisize). Isifungo noma isiqinisekiso samalungu oMkhandlu kaZwelonke, izithunywa ezimile zesiGungu kaZwelonke weziFundazwe kanye namalungu esishayamthetho zezifundazwe 4. (1) Amalungu oMkhandlu kaZwelonke, izithunywa ezimile zesiGungu kaZwelonke sezifundazwe kufanele afunge noma aqinisekise, phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, noma elinye ijaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, ngendlela elandelayo: Mina, AB ngiyafunga/ ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki yeNingizimu Afrika futhi ngizothobela, ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo kanye nayo yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki, futhi ngethembisa ngokuqinisekile ukuthi ngizokwenza imisebenzi yami njengelungu loMkhandlu kaZwelonke / njengesithunywa esimile kuMkhandlu kaZwelonke sezifundazwe /amalungu esishayamthetho sesifundazwe sase CD ngawo wonke amandla enginawo. (Uma kuyisifungo: INkosi ingisize). (2) Abantu abagcwalisa isikhundla kuMkhandlu kaZwelonke, sesithunywa esigcwele sesiGungu kaZwelonke weziFundazwe noma izishayamthetho zezifundazwe bangafunga noma baqinisekise, njengoba kushiwo ku(1), ngenhla, phambi komphakathi wohlelo loMkhandlu, woMkhandlu noma wesishayamthetho, kuya ngokuthi kugcwaliswa siphi isikhundla. Izifungo neziqinisekiso zoNdunankulu kanye namalungu eziGungu zokuphatha zesifundazwe, 5. UNdunankulu wesifundazwe, kanye nelungu ngalinye loMkhandlu sokuPhatha kwisiFundazwe, kufanele afunge/ aqinisekise phambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo noma ijaji elijutshwe nguMongameli wenkantolo yoMthethosisekelo, ngendlela elandelayo: Mina, AB ngiyafunga / ngiqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki yeNingizimu Afrika futhi ngizothobela, ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo kanye nayo yonke eminye imithetho yeRiphabhuliki; futhi ngiyethembisa ukuphatha isikhundla sami njengoNdunankulu/ njengelungu loMkhandlu wokuPhatha wesiFundazwe sase CD ngokuhlonipheka nangesithunzi; ukuba ngumeluleki weqiniso nowethembekile; ukuba ngumeluleki weqiniso nowethembekile; ukungadlulisi ngokusobala noma ngendlela ecashile noma yiluphi udaba oluyimfihlo engethenjwe ngalo; futhi ukwenza imisebenzi yesikhundla sami ngokwethembeka nangawo wonke amandla enginawo. (Uma kuyisifungo: INkosi ingisize). 6. (1) Ijaji ngalinye noma ibamba lejaji, kufanele lifunge noma liqinisekise phambi kweJaji elikhulu leNkantolo enkulu yokudluliselwa kwamacala noma elinye ijaji elijutshwe yiJaji elikhulu, ngendlela elandelayo: Mina, AB ngiyafunga/ ngiyaqinisekisa ukuthi, njengejaji leNkantolo yoMthethosisekelo /lenkantolo eNkulu yokudluliselwa kwamacala / leNkantolo ePhakeme yase EF / leNkantolo yase GH ngizokwethembeka kwiRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ngizophakamisa futhi ngivikele uMthethosisekelo; futhi ngizokwabela ubulungiswa kubo bonke abantu ngokufana ngaphandle kokwesaba, kokuvuna noma ukukhinyabeza ngokulandela uMthethosisekelo kanye nomthetho. (Uma kuyisifungo: INkosi ingisize). (2) Umuntu oqokelwe esikhundleni sokuba yiJaji elikhulu leNkantolo eNkulu yokudluliselwa kwamacala engelona ijaji ngaleso sikhathi sokuqokelwa esikhundleni, kufanele afunge noma aqinisekise ngaphambi kukaMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo. (3) Abehluleli basezinkantolo zomthetho kanye namabamba abehluleli bezinkantolo zomthetho ngaphandle kwamajaji kufanele bafunge/ baqinisekise njengoba kusho umthetho kazwelonke. ISheduli 3 Inqubo yokhetho Ingxenye A Inqubo yokhetho lwabaphathi bezikhundla abahlinzekelwe nguMthethosisekelo Ukusetshenziswa 1. Inqubo ebekwe kule Sheduli isetshenziswa njalo uma - (a) UMkhandlu kaZwelonke uhlangana ukuze ukhethe uMongameli, noma uSomlomo noma iSekela likaSomlomo loMkhandlu; (b) UMkhandlu kaZwelonke sezifundazwe siyahlangana ukuze sikhethe usihlalo noma iSekela likaSihlalo; noma (c) isishayamthetho sesifundazwe siyahlangana ukuze sikhethe uNdunankulu wesifundazwe noma uSomlomo noma iSekela likaSomlomo lesishayamthetho. Iziphakamiso 2. Umuntu ongusihlalo emhlanganweni okusebenza kuwo leSheduli kufanele abize ukuba kuphakanyiswe emhlanganweni abantu abazomela ukhetho. Izidingo 3. (1) Isiphakamiso kufanele senziwe kwifomu elibekwe yimitheshwana eshiwo ku 9, ngezansi. (2) Ifomu okwenziwe kulo lezi ziphakamiso kumele lisayinwe - (a) ngamalungu amabili oMkhandlu kaZwelonke, uma kuzokhethwa uMongameli noma uSomlomo noma iSekela likaSomlomo; (b) ngesandla sezithunywa ezimbili sezifundazwe, uma kuzokhethwa uSihlalo noma iSekela likaSihlalo loMkhandlu kaZwelonke kwisifundazwe; noma (c) ngamalungu amabili esishayamthetho sesifundazwe esithintekile uma kozokhetha uNdunankulu wesifundazwe noma uSomlomo noma iSekela likaSomlomo wesishayamthetho. (3) Umuntu ophakanyisiwe kufanele abonise ukusamukela isiphakamiso ngokuthi asayine ifomu lesiphakamiso noma ngayiphi enye indlela yokubonisa ukwamukela isiphakamiso esibhaliwe. Ukumenyezelwa kwamagama abamele ukhetho 4. Emhlanganweni okusebenza kuwo leSheduli, umuntu owengamele kufanele amemezele amagama alabo bantu abaphakamisiwe njengabamele ukhetho, kodwa angayivumeli inkulumompikiswano. Omele ukhetho eyedwa 5. Uma kuphakanyiswe umuntu oyedwa, umuntu owengamele umhlangano kufanele amemezele ukuthi ukhethelwe esikhundleni. Inqubo yokhetho 6. Uma kuphakanyiswe ngaphezulu komuntu oyedwa - (a) kufanele kuvotwe emhlanganweni ngevoti langasese; (b) ilungu ngalinye elikhona, noma uma kungumhlangano woMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, isifundazwe ngasinye esimelwe, emhlanganweni singavota ngevoti elilodwa; futhi (c) umuntu owengamele kufanele amemezele ukuthi bakhethiwe labo abathole iningi lamavoti. Inqubo yokuchitha abanye 7. (1) Uma kungekho othola iningi lamavoti, lowo othole amavoti amancane kunabobonke kufanele achithwe okhethweni bese kuvotwa futhi kuvotelwa labo abasele njengoba kushiwo ku 6 ngenhla. Lenqubo kufanele iphindwe kuze kubenothola iningi lamavoti. (2) Uma kusetshenziswa u(1), ngenhla, uma kunababili noma abangaphezulu kwababili abanamavoti alinganayo amancane kunabobonke, kufanele kuvotwe ngokwehlukana kuvotelwa laba bantu, futhi kuphindwe lokuvota uma kunesidingo kuze kucace ukuthi kuchithwa bani. Eminye imihlangano 8. (1) Uma kuphakanyiswe abantu ababili kuphela, noma uma kusele ababili kuphela emva kwenqubo yokuchitha isetshenzisiwe, labo ababili benamavoti alingangayo, kufanele kubanjwe omunye umhlangano phakathi kwezinsuku eziyisikhombisa, ngesikhathi esishiwo ngumuntu owengamele. (2) Uma kubanjwe omunye umhlangano njengokusho kuka (1), ngenhla, inqubo ebekwe kule Sheduli kufanele isetshenziswe kulowo mhlangano sengathi umhlangano wokuqala walolo khetho. Imitheshwana 9. (1) UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele enze imitheshwana ebeka - (a) inqubo emihlanganweni okusebenza kuyo leSheduli; (b) imisebenzi yomuntu owengamele kulowo mhlangano, neyanoma yimuphi umuntu omsizayo; (c) ifomu okwenziwa iziphakamiso kulo; futhi (d) indlela okufanele kuvotwe ngayo. (2) Le mitheshwana kufanele yaziswe ngendlela uMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo abeka ngayo. Ingxenye B Indlela yokunquma ukuthi amaqembu alibamba kanjani iqhaza kwizithunywa zezifundazwe eziya eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe 1. Inani lezithunywa eliya kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe iqembu ngalinye elinelungelo lazo kufanele libalwe ngokuthi kuphindaphindwe inani lezihlalo iqembu elinazo kwisishayamthetho sesifundazwe, ngeshumi bese umphumela wehlukaniswa ngenani lezihlalo zalelo qembu kwisishayamthetho lihlanganiswe nesihlalo esisodwa. 2. Uma isibalo esiku 1, ngenhla, sinika insalela engabalelwa kwizithunywa ezinikezwa iqembu elithile njengokusho kuka 1, leyonsalela kufanele iqhathaniswe nezinsalela zamanye amaqembu, futhi noma yiziphi izithunywa ezingekabiwa kulelo qembu lezithunywa zabelwe lelo qembu noma lawo maqembu ngobuningi bezinsalela lezo. ISheduli 4 Izindawo zemisebenzi uhulumeni kaZwelonke nabezifundazwe abanamandla okushaya imithetho kuzo Ingxenye A Ukulawulwa kwamahlathi emvelo Ezolimo Izikhungo zezindiza ezibandakanya ezamazwe ngamazwe nezikazwelonke Ukulawulwa kwezilwane nezifo Amakhasino, imijaho, ukugembula, nokubheja, ngaphandle kwamalotho namalotho emidlalo Ukuvikelwa kwabathengi Ukulawulwa kwezinhlekelele Imfundo kuyo yonke imikhakha, ngaphandle kwemfundo ephakeme Imvelo Ezempilo Izindlu Umthetho wendabuko kanye nomthetho wamasiko kodwa uma kuhambisana neSahluko 12 soMthethosisekelo Ukuthuthukiswa kwezimboni Izimiso ngezilimi kanye nokulawulwa kwezilimi ngokomthetho kangangoba izimiso zesigaba 6 kuMthethosisekelo zinika ngokucacile isishayamthetho sesifundazwe amandla okushaya imithetho maqondana nalokhu Ukuvikelwa kwemvelo, ngaphandle kwamapaki kazwelonke, Izingadi zezitshalo zikazwelonke kanye nengcebo yasolwandle Ezokusakaza ezilawulwa ngqo nguhulumeni wesifundazwe kodwa kuphela uma kuhambisana nesigaba 192 Amaphoyisa kangangoba isahluko 11 soMthethosisekelo sinikeza isishayamthetho sesifundazwe amandla okushaya imithetho maqondana nalokhu Izimali zokudlulisa ubunikazi bempahla Izinkampani noma imisebenzi kahulumeni wesifundazwe mayelana nezindawo zemisebenzi ezikule Sheduli nakuSheduli 5 Izindaba zamasiko zesifundazwe Izinto zokuhamba zomphakathi Imisebenzi yomphakathi kuphela maqondana nezidingo Zeminyango kahulumeni wesifundazwe, ekwenzeni imisebenzi yayo yokulawula imisebenzi enikezelwe kuyona ngokusho koMthethosisekelo nanoma yimuphi omunye umthetho Ukuhlelwa kwesifundazwe nokuthuthukiswa Ukulawulwa kwezinto zokuhamba emigwaqweni Ukuvikelwa kwesihlabathi Ezokuvakasha Uhwebo Ubuholi bendabuko kuphela uma kuhambisana neSahluko 12 saloMthethosisekelo Ukuthuthukiswa kwamadolobha nezindawo zasemakhaya Ukuthelelwa kwezinqola zokuhamba Ezenhlalakahle Ingxenye B Izindaba zikahulumeni wendawo ezilandelayo kangangoba kubekwe kwisigaba 155(6) no (7); Ukudungeka komoya Imitheshwana elawula ukwakha Izindawo zokunakekela izingane Ukudonswa kukagesi kanye negesi Abacishi bemililo Ezokuvakasha zendawo Izikhungo zezindiza zendawo Ukuhlelwa kukamasipala Izinto zokuhamba zomphakathi zikamasipala Imisebenzi yomphakathi yakumasipala kuphela mayelana nezidingo umasipala ahlangabezana nazo ekwenzeni umsebenzi wokulawula imisebenzi enikezelwe ngqo kuwona ngaphansi kwalo Mthethosisekelo noma ngamuphi omunye umthetho Izinto zokuhamba zaselwandle izindawo ezakhiwe zangenela olwandle kanye nasemitateni ngaphandle kokulawulwa kwezindaba zolwandle zamazwe ngamazwe ngamandla noma zikazwelonke nezinto ezincikene nazo Ukulawulwa kwamanzi ezikhukhula ezindaweni okwakhiwe kuzo Imitheshwana elawula uhwebo UKunikezwa kwamanzi nokuqoqwa kwendlela Okuphathelene nohlelo lwamanzi endawo kuphela kanye nokuqoqwa kwamanzi angcolile ngendlela yasekhaya Isheduli 5 Izindawo zemisebenzi ezingashayelwa imithetho yisiFundazwe kuphela Ingxenye A Amadele Ama-ambulense Izikhungo zokugcina wonke amadokodo kahulumeni ngaphandle kwezikhungo zikazwelonke Imithombo yolwazi ngaphandle kwekaZwelonke Amalayisense otshwala Izindawo ezilondoloze futhi ezibukisa ngomlando ngaphandle kwezikazwelonke Ukuhlelwa kwesifundazwe Izindaba zesifundazwe eziphathelene namasiko Ukungcebeleka kanye nezindawo zalokhu zesifundazwe Imidlalo yesifundazwe Imigwaqo yesifundazwe nokusetshenziswa kwayo Ukwelashwa kwezilwane ngaphandle kokulawulwa kwalowo msebenzi Ingxenye B Izindaba ezilandelayo zikahulumeni wendawo njengangoba zibekwe esigabeni 155(6) no (7) Amabhishi kanye nezinto zokungcebeleka Imithetho ebhalwe ezingqwembeni kanye nezimemezelo ezindaweni zomphakathi Amathuna, amakhaza nezindawo zokushisa izidumbu Ukuhlanza Ukulawula uthikamezo lomphakathi Ukulawulwa kwemisebenzi ethengisela umphakathi utshwala Izindawo zokugcina, zokunakekela kanye nokungcwaba izilwane Ukubiyela kanye nezinto zokubiyela Ukuthelelwa kwezinja Ukuthelelwa kanye nokulawulwa kwemisebenzi edayisela umphakathi ukudla Ukulawulwa kwemisebenzi edayisela umphakathi utshwala Izikhungo zomphakathi zendawo Izikhungo zemidlalo zendawo Izimakethe Amadele kamasipala Amapaki nezokungcebeleka zikamasipala Imigwaqo kamasipala Ukubanga umsindo Ukugcinwa kwezinto ezisuswe emphakathini Izindawo zomphakathi Ukususwa, ukulahla kukadoti kanye nokuqoqwa kwendle Uhwebo lwasemigwaqeni Ukukhanyiswa kwemigwaqo Ukusetshenziswa kwemigwaqo nokupakwa kwezinto zokuhamba Isheduli 6 Amalungiselelo esikhashana Izincazelo 1. KuleSheduli ngaphandle uma kungahambisani nalokho okuhlongozwe kuleso simiso - "isabelo " kusho indawo yeRiphabhuliki eyayithathwa njengendawo ezimele noma ezibusayo ngomthetho waseNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo ongaphambi kwalona uqale ukusebenza; "uMthethosisekelo omusha" kusho uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, 1996; "imithetho yohlelo oludala" kusho imithetho eyashaywa ngaphambi kokuba uMthethosisekelo ongaphambi kwalo uqale ukusebenza; "UMthethosisekelo ongaphambi kwalona" kusho uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, 1993, (Umthetho 200 ka 1993). Ukuqhubeka kwemithetho esikhona 2. (1) Wonke umthetho owawusebenza uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza uyaqhubeka nokusebenza kodwa kuya ngokuthi - (a) ushintshiwe noma ususiwe yini, futhi (b) uyahambisana yini noMthethosisekelo omusha. (2) Umthetho wohlelo oludala ohambisana nokushiwo kwisigatshana (1) ngenhla, - (a) awusebenzi kabanzi ngokwendawo nangayiphi enye indlela kunangesikhathi esingaphambi kokuthi uMthethosisekelo ongaphambi kwalona uqale ukusebenza ngaphandle uma ushintshiwe ukuze usebenze kabanzi; futhi (b) Uyaqhubeka nokuphethwa yileso siphathimandla esasiwuphethe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza ngendlela eshiwo nguMthethosisekelo omusha. Ukuhunyushwa komthetho okhona 3. (1) Ngaphandle uma kungahambisani nalokho okuqonde ukushiwo noma ngokucacile kungafanele, uma umthetho owawukhona ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza - (a) eRephabhliki yaseNingizimu Afrika noma isabelo (ngaphandle uma ukhuluma ngomhlaba uqobo), kufanele uthathwe ngokuthi ukhuluma ngeRephabhliki yaseNingizimu Afrika ngaphansi koMthethosisekelo omusha; (b) ePhalamende, uMkhandlu kaZwelonke noma uMkhandlu weziGele kufanele uthathwe ngokuthi usho iPhalamende, uMkhandlu kaZwelonke noma uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha; (c) kuMongameli, iSekela likaMongameli, uNgqongqoshe, iSekela likaNgqongqoshe noma iKhabhinethi, kufanele ithathwe ngokuthi ikhuluma ngoMongameli, iSekela likaMongameli, uNgqongqoshe, iSekela likaNgqongqoshe noma iKhabhinethi ngaphansi koMthethosisekelo omusha njengoba kushiwo ku 9 wale Sheduli; (d) kuMongameli woMkandlu wezigele, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa ngosihlalo woMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe; (e) ngesishayamthetho sesifundazwe, uNdunankulu, uMkhandlu noma ilungu loMkhandlu esiphethe lesifundazwe kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa ngesishayamthetho sesifundazwe, uNdunankulu, uMkhandlu sokuphatha noma ilungu loMkhandlu sokuphatha ngaphansi koMthethosisekelo omusha, njengoba sokuphathwa ngaphansi koMthethosisekelo omusha, njengoba kushiwo ku 12, waleSheduli; noma (f) ngolimi noma izilimi ezisemthethweni, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa nganoma yiluphi ulimi olusemthethweni ngaphansi koMthethosisekelo omusha. (2) Ngaphandle uma kungahambisani nokuhlosiwe noma kungafanele ngokucacileyo, uma umthetho wohlelo lwakudala - (a) ePhalamende, ngeNdlu yePhalamende noma umkhandlu wokushaya imithetho, noma isakhiwo seRephabhliki noma sesabelo, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunwa - (i) ngePhalamende ngaphansi koMthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe njengokusho koMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma leSheduli kuMkhandlu sokuphatha sikazwelonke; noma (ii) isishayamthetho sesifundazwe, uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe, njengokusho koMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma kwale Sheduli kuMkhandlu sokuphatha sesifundazwe; noma (b) kuMongameli weZwe, uNgqongqoshe oMkhulu, uMphathi noma omunye umphathi omkhulu, iKhabhinethi, uMkhandlu soNgqongqoshe noma uMkhandlu sokuphatha seRephabhliki noma sesabelo, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa - (i) ngoMongameli ngaphansi komthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokusho koMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma kwale Sheduli esigungwini sokuphatha kaZwelonke; noma (ii) uNdunankulu wesifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokusho koMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma leSheduli esigungwini sokuphatha sesifundazwe. UMkhandlu kaZwelonke 4. (1) Noma yimuphi umuntu owayeyilungu loMkhandlu kaZwelonke uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yilungu noma isiphathi sikhundla soMkhandlu kaZwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha, futhi uphatha isikhundla njengelungu noma umphathi sikhundla njengoba kushiwo nguMthethosisekelo omusha. (2) UMkhandlu kaZwelonke njengoba wakhiwe ngokusho kuka (1), ngenhla, kufanele uthathwe ngokuthi ukhethwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha ukhethelwa isikhathi esiphela ngomhlaka 30 Epreli 1999. (3) UMkhandlu kaZwelonke wakhiwe ngamalungu angu-400 esikhathini esiphela ngo 30 Epreli 1999, kodwa lokhu kulawulwa okushiwo kwisigaba 49(4) soMthethosisekelo omusha. (4) Imitheshwana nezinqumo zoMkhandlu kaZwelonke ezisebenzayo ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka nokusebenza, kodwa kunakekelwe ushintsho olwenziwe noma loko okususiwe. Umsebenzi ongaqedwanga ophambi kwePhalamende 5. (1) Noma yimuphi umsebenzi ongaphelile phambi kwePhalamende kufanele kuqhutshekwe nawo njengokusho koMthethosisekelo omusha. (2) Noma yimuphi umsebenzi ongaphelile phambi komkhandlu weziGele uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza kufanele uyiswe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, futhi uMkhandlu kufanele siqhubeke nalowo msebenzi ngokusho koMthethosisekelo omusha. Ukukhethwa koMkhandlu kaZwelonke 6. (1) Kungebanjwe ukhetho loMkhandlu kaZwelonke ngaphambi komhlaka 30 Epreli 1999 ngaphandle uma uMkhandlu uhlakazwa njengokubeka kwesigaba 50(2) emva kokuthathwa kwesinqumo sokungamethembi uMongameli njengokwesigaba 102(2) soMthethosisekelo omusha. (2) Isigaba 50(1) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa kuze kube ngumhlaka 30 Epreli 1999. (3) Nangaphandle kokususwa koMthethosisekelo ongaphambi kwalona emabhukwini omthetho, iSheduli 2 yalowo Mthethosisekelo njengoba itshintshwe yisijobelelo A sale Sheduli iyasebenza - (a) okhethweni lokuqala loMkhandlu kaZwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha; (b) ubulungu boMkhandlu buphela esimweni esingahlinzekelwe esigabeni 47(3) soMthethosisekelo omusha; futhi (c) ekugcwaliseni izikhala kuMkhandlu, nokugcwaliselwa, ukuhlolwa kabusha, nokusetshenziswa koluhla lweqembu ukuze ligcwalise isikhala, kuze kufike ukhetho lwesibili loMkhandlu ngaphambi koMthethosisekelo omusha. (4) Isigaba 47(4) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa kuze kube wukhetho lwesibili loMkhandlu kaZwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha. UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe 7. (1) Esikhathini esiphela ngaphambi kokuhlala komhlangano wokuqala wesishayamthetho sesifundazwe obanjwe emva kokhetho lawo lokuqala ngaphansi koMthethosisekelo omusha - (a) ukumeleleka kwezithunywa ezimele amaqembu eqenjini lezithunywa lesifundazwe eliya kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe kufanele kufane nokumeleleka kwezigele eziyishumi zesifunda ezaziphakanyiswe ngokusho kwesigaba 48 soMthethosisekelo ongaphambi kwalona; futhi (b) ukwabela kwezithunywa ezimile kanye nezithunywa ezikhethiwe emaqenjini amelwe kwisishayamthetho sesifundazwe sinjengalokhu okulandelayo: Isifundazwe Izithunywa Ezimile Izithunywa Eziyisipesheli 1. Impumalanga Kapa ANC 5 ANC 4 NP 1 2. IFleyistata. ANC 4 ANC 4 FF 1 NP 1 3. EGauteng. ANC 3 ANC 3 DP 1 FF 1 NP 1 NP 1 4. KwaZulu\Natal. ANC 1 ANC 2 DP 1 IFP 3 IFP 2 NP 1 5. EMpumalanga. ANC 4 ANC 4 FF 1 NP 1 6. INyakatho Kapa. ANC 3 ANC 2 FF 1 NP 2 NP 2 7. Isifundazwe ANC 6 ANC 4 8. INyakatho yase- ANC 4 ANC 4 Ntshonalanga FF 1 NP 1 9. INtshonalanga ANC 2 ANC 1 Kapa DP 1 NP 3 NP 3 (2) Iqembu elimelwe kwisishayamthetho sesifundazwe - (a) kufanele liphakamise izithunywa zalo esingasuswa phakathi kwabantu ababengamalungu omkhandlu wezigele uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza futhi abangabakhona ukuze basebenze njengezithunywa ezimile; futhi (b) ingaphakamisa abanye abantu njengezithunywa esingasuswa kuphela uma kungekho noma lingenele inani lababengamalungu omkhandlu wezigele angabakhona ukuze asebenze njengezithunywa ezimile. (3) Isishayamthetho sesifundazwe kufanele siqokele esikhundleni izithunywa zaso esingasuswa ngokuhambisana neziphakamiso zamaqembu. (4) U (2) no (3), ngenhla, basebenza kuphela ekuqokweni kokuqala kwezithunywa zesiGungu kaZwelonke. (5) Isigaba 62(1) soMthethosisekelo omusha asisebenzi ekuphakamisweni nasekuqokelweni esikhundleni kwababengamalungu omkhandlu wezigele, njengezithunywa esingasuswa njengokusho kwalesi simiso. (6) Imithethwana nezinqumo zomkhandlu wezigele obusebenza ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, kufanele isetshenziswe mayelana nemisebenzi yoMkhandlu kaZwelonke kangangoba ingasetshenziswa kunakekelwe lokho okushintshiwe nokususiwe. Ababengamalungu omkhandlu wezigele 8. (1) Owayeyilungu lomkhandlu wezigele ongaqokelwanga esikhundleni sesithunywa esimile sesiGungu kaZwelonke sesifundazwe unelungelo lokuba yilungu eliphelele elingavota lesishayamthetho sesifundazwe leso ayephakanyiswe kuso njengelunga loMkhandlu wezigele njengokusho kwesigaba 48 somthethosisekelo omdala. (2) Uma owayeyilungu lomkhandlu wezigele ekhetha ukungabi yilungu lesishayamthetho sesifundazwe lowo muntu uthathwa ngokuthi usishiye isikhundla sokubayilungu lomkhandlu weziGele ngelanga elandulela ilanga uMthethosisekelo omusha oqale ngalo ukusebenza. (3) Iholo, izibonelelo, kanye nezinzuzo zowayeyilungu lendlu yezigele oqokelwe esikhundleni sokuba yisithunywa esimile noma njengelungu lesishayamthetho sesifundazwe alingeke lincishiswe ngenxa nje yokuthatha leso sikhundla. Isigungu esikhulu 9. (1) Noma yimuphi umuntu owayenguMongameli, iSekela likaMongameli, uNgqongqoshe noma iSekela likaNgqongqoshe ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona, ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka kuleso sikhundla njengoba kusho uMthethosisekelo omusha, kodwa ngokulandela okushiwo ku(2), ngenhla. (2) Kuze kube ngumhlaka 30 Epreli 1999, izigatshana 84, 89, 90, 91, 93, no 96 zoMthethosisekelo omusha kufanele zifundwe sengathi zibhalwe njengesiJobelelo B sale Sheduli. (3) U (2), ngenhla, akamuvimbeli uNgqongqoshe owayeyilungu lendlu yezigele ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ekubeni aqhubeke njengoNgqongqoshe oshiwo esigabeni 91(1)(a) soMthethosisekelo omusha, njengoba leso sigaba sibhaliwe kwisiJobelelo B. Izishayamthetho zezifundazwe 10. (1) Noma ngubani owayeyilungu noma ebambe isikhundla sesishayamthetho sesifundazwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yilungu noma umphathi sikhundla wesishayamthetho saleso sifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha kanye nanoma yimuphi umthethosisekelo wesifundazwe ongabakhona. (2) Isishayamthetho sesifundazwe njengokusho kuka (1) ngenhla, kufanele sithathwe ngokuthi sakhethwa ngaphansi koMthethosisekelo omusha sikhethelwa isikhathi esiphela ngomhlaka 30 Epreli 1999. (3) Kuze kube ngukuphela kwesikhathi sesishayamthetho wesifundazwe ngomhlaka 30 Epreli 1999, kodwa kunakekelwe okushiwo esigabeni 108(4), isishayamthetho sakhiwa yinani lamalungu elinqunyelwe leso sishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona kanye nenani lababengamalungu endlu yezigele ababangamalungu esishayamthetho njengokusho kuka 8 wale Sheduli. (4) Imitheshwana nezibopho zesishayamthetho sesifundazwe ebezisebenza ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza ziyaqhubeka nokusebenza, kodwa kunakekelwe lokho okushintshiwe nokususiwe. Ukhetho lwezishayamthetho zezifundazwe 11. (1) Yize ususiwe emabhukwini emithetho uMthethosisekelo owendulela lona, iSheduli 2 yalowo Mthethosisekelo, njengoba ushintshwe yisiJobelelo A saleyo Sheduli, iyasebenza - (a) okhethweni lokuqala lesishayamthetho sesifundazwe ngaphansi soMthethosisekelo omusha; (b) ekulahlekelweni ngubulungu besishayamthetho ezimweni ezingahlinzekelwanga yisigaba 106(3) soMthethosisekelo omusha; futhi (c) ekugcwaliseni izikhala kwisishayamthetho, kanye nokugcwalisa, ukubheka kabusha, nokusetshenziswa kwezinhla zamaqembu ukuze kugcwaliswe izikhala, kuze kube yisikhathi sokhetho lwesibili lwesishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo omusha. (2) Isigaba 106(4) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa maqondana nesishayamthetho sesifundazwe kuze kube ukhetho lwesibili lwesishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo omusha. Isigungu sokuphatha sesifundazwe 12. (1) Noma yimuphi umuntu owayenguNdunankulu noma ilungu loMkhandlu sokuphatha sesifundazwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka kuleso sikhundla futhi aphathe leso sikhundla ngokusho koMthethosisekelo omusha kanye nomthethosisekelo wesifundazwe ongabakhona, kodwa ngokuhambisana no (2), ngenzansi. (2) Aze athathe isikhundla ngaphansi koMthethosisekelo omusha uNdunankulu okhethwe emva kokhetho lokuqala lwesifundazwe, noma isifundazwe size sizishayele umthethosisekelo wesifundazwe, lokho okwenzeka kuqala kunokunye, izigaba 132 no 136 zoMthethosisekelo omusha kufanele zithathwe ngokuthi zibhalwe njengoba kushiwo kwisiJobelelo C sale Sheduli. Imithethosisekelo yesifundazwe 13. Umthethosisekelo owamukelwe ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza kufanele uhambisane nesigaba 143 soMthethosisekelo omusha. Ukunikezelwa kwemithetho kwisifundazwe 14. (1) Imithetho ephathelene nodaba oluphakathi kwemisebenzi ebalwe kuluhlu lukaSheduli 4 noma 5 lo Mthethosisekelo omusha futhi eyayiphethwe yisiphathimandla phakathi kwesigungu sokuphatha kaZwelonke, ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, unganikezelwa nguMongameli, ngesimemezelo ephephandabeni lomthetho kahulumeni, kwisiphathimandla esiphakathi kwesifundazwe esiqokwe uMkhandlu sokuphatha sesifundazwe. (2) Uma kunesidingo sokunikezelwa komthetho njengoba kushiwo ku (1) ngenhla, uMongameli, ngesimemezelo ephephandabeni likahulumeni elisemthethweni, angenza okulandelayo - (a) angashintsha noma aguqule umthetho ukuze alawule ukuhumushwa noma ukusebenza kwawo; (b) uma ukunikezelwa komthetho kuthinta ingxenye yalowomthetho kuphela, angawususa bese eshaya kabusha, ashintshe nezinguquko ezishiwo ku (a), ngenhla, noma ngaphandle kwazo, lezi zimiso ezithinteke nokunikezelwa; noma (c) angalawula noma yiluphi olunye udaba okunesidingo sokuthi lulawulwe ngenxa yaloku kunikezela, kubandakanya ukudluliswa noma ukwetshelekisa ngabasebenzi, noma ukwedluliselwa kwempahla, izikweletu, amalungelo, kanye nezibopho eziya noma ezivela kwisigungu sokuphatha sikazwelonke noma sesifundazwe noma kumnyango kahulumeni, umsebenzi kahulumeni, izikhungo zokuphepha noma yisiphi esinye isakhiwo. (3) (a) Ikhophi ngesimemezelo ngasinye esikhishwe njengokubeka kuka (1) noma (2), ngenhla, kufanele inikezwe uMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe phakathi kwezinsuku ezingu-10 kushicilelwe isimemezelo. (b) Uma uMkhandlu kaZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke ngesinqumo abasivumeli isimemezelo noma yisiphi isimiso saso isimemezelo noma isimiso kuyaphelelwa isikhathi, kodwa akuthikamezi okulandelayo - (i) ukubasemthethweni kwanoma yiziphi izenzo ezenziwe leso simemezelo noma isimiso singakaphelelwa isikhathi; noma (ii) ilungelo noma isibonelelo esitholwe noma isibopho noma isikweletu esakhiwe ngaphambi kokuba siphelelwe isikhathi. (4) Uma umthetho unikezelwe ngokusho kuka (1), ngenhla, uma ukukhulunywa ngesiphathimandla esiphethe lowo mthetho kufanele kuthathwe ngokuthi kubhekiswe kwisiphathimandla esinikezelwe ngokomthetho. (5) Noma yikuphi ukunikezelwa komthetho ngaphansi kwesigaba 235(8) soMthethosisekelo owandulela lona kubandakanya noma yiluphi ushintsho, inguquko noma ukususwa kanye nokushaywa kabusha kwanoma yimuphi umthetho kanye nanoma yisiphi esinye isinyathelo esithathwe ngaphansi kwalesi sigaba, kuthathwa ngokuthi kwenziwe ngaphansi kwalesi sigaba. Imithetho esekhona engaphandle kwamandla eSishayamthetho sasePhalamende 15. (1) Isiphathimandla phakathi kwesigungu sokuphatha sikazwelonke esengamele noma yimuphi umthetho owela ngaphandle kwamandla ePhalamende okushaya imithetho ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, sihlala sinamandla okwengamela lowo mthetho uze unikezelwe kwisiphathimandla esiphakathi kwesigungu sokuphatha sesifundazwe ngokubeka kuka 14 wale Sheduli. (2) U(1), ngenhla akasebenzi emva kweminyaka emibili uMthethosisekelo omusha waqala ukusebenza. Izinkantolo 16. (1) Zonke izinkantolo, kumbandakanya nezinkantolo zabaholi bendabuko, ezazikhona ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ziyaqhubeka nokusebenza nokuba namandla eziwanikwa yimithetho ezithintayo, futhi umuntu ophethe isikhundla njengomehluleli wenkantolo uyaqhubeka esiphethe leso sikhundla njengoba kusho umthetho osebenzayo kuleso sikhundla, kube kunakekelwe - (a) lokho okushintshiwe noma okususiwe kulowo mthetho; kanye (b) nokuhambisana noMthethosisekelo omusha. (2) (a) Inkantolo yoMthethosisekelo emiswe nguMthethosisekelo owandulela lona iba yiNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo omusha. (b) Noma ngubani ophethe isikhundla sokuba nguMongameli, iSekela likaMongameli noma iJaji leNkantolo yoMthethosisekelo ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ubanguMongameli, yiSekela likaMongameli noma iJaji leNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo omusha, futhi aqhubeke esesikhundleni isikhathi esisasele esikhathini esibekwe ngokwesigaba 176(1) soMthethosisekelo omusha. (3) (a) Inkantolo enkulu yamajaji yaseNingizimu Afrika yamacala adlulisiwe iba yinkantolo enkulu yokudlulisela amacala ngaphansi koMthethosisekelo omusha. (b) Noma yimuphi umuntu ophethe isikhundla njengeJaji elikhulu, iSekela leJaji eliKhulu, noma iJaji lenkantolo yamacala adlulisiwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza uba yiJaji eliKhulu, iSekela leJaji eliKhulu noma iJaji lenkantolo enkulu yokudluliselwa kwamacala ngaphansi koMthethosisekelo omusha. (4) (a) Inkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika yesifundazwe noma yendawo noma inkantolo enkulu yesabelo noma ingxenye eyejwayelekile yaleyo nkantolo, iba yiNkantolo ePhakeme ngaphansi koMthethosisekelo omusha kungazange kushintshwe lutho mayelana namandla ayo, kodwa kunakekelwe ukudidiyelwa okulindelwe ku (6), ngezansi (b) Noma yimuphi umuntu ophethe isikhundla njengeJaji elengamele kwisifundazwe noma iSekela leJaji elengamele kwisifundazwe noma iJaji lenkantolo okukhulunywe ngalo ku(a), ngenhla, uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yiJaji elengamele isifundazwe noma yijaji laleyo nkantolo ngaphansi koMthethosisekelo omusha, kodwa kube kunakekelwe ukudidiyelwa okulindelwe ku(6), ngezansi. (5) Ngaphandle uma kungahambisani nalokho okuhlosiwe noma ngokucacile kungafanele, uma umthetho noma uhlelo lukhuluma ngokulandelayo - (a) iNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo owandulela lona, kufanele kuthathwe njengeNkantolo yoMthethosisekelo phansi koMthethosiselo omusha; (b) iNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika yamacala adlulisiwe, kufanele ithathwe njengeNkantolo eNkulu yokudluliselwa kwamacala; (c) iNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika yesifundazwe noma yendawo noma inkantolo enkulu yesabelo noma ingxenye eyejwayelekile yaleyo nkantolo, kufanele ithathwe njengeNkantolo ePhakeme. (6) (a) Ngokushesha okungase kwenzeke emuva kokuthi uMthethosisekelo omusha uqalile ukusebenza, zonke izinkantolo, kumbandakanya ukwakheka kwazo, ukumeleleka, ukusebenza kanye namandla azo futhi nayo yonke imithetho ethintekayo, kufanele ididiyelwe ngenhloso yokumisa uhlelo lwezinkantolo oluhambisana nezimiso zoMthethosisekelo omusha. (b) Ilungu leKhabinethe elibhekele ukwenganyelwa kwezobulungiswa, emva kokubonisana neKhomishana yezemisebenzi yezinkantolo, kufanele athathe izinyathelo zokuphatha loku kudidiyela okushiwo ku(a), ngenhla. Amacala asengaphambi kwezinkantolo 17. Onke amacala ayesengaphambi kwenkantolo ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, kufanele abhekelwe sengathi uMthethosisekelo omusha awukho, ngaphandle uma izidingo zobulungiswa zimisa ukuthi kungabinjalo. Isiphathi mandla sokushushisa 18. (1) Isigaba 108 soMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka sisebenza kuze kuqale ukusebenza umthetho wePhalamende obhekwe yisigaba 179 soMthethosisekelo omusha Lesi sigaba asithikamezi ukuqokelwa esikhundleni koMqondisi kaZwelonke wokuShushisa koMphakathi njengokusho kwesigaba 179. (2) Umshushisi omkhulu ophethe isikhundla ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka nokusebenza njengokusho komthetho othinta leso sikhundla, kodwa kube kubhekelelwe okushiwo ngu (1), ngehla. Izifungo neziqinisekiso 19. Umuntu oqhubekayo esesikhundleni ngokubeka kwale Sheduli futhi othathe isifungo noma owenze isiqinisekiso uma ethatha isikhundla, ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona, akaphoqelekile ukuthi aphinde athathe isifungo sesikhundla noma isiqinisekiso ngaphansi koMthethosisekelo omusha. Ezinye izakhiwo zomthethosisekelo 20. (1) Kulesi sigaba uma kuthiwa "izakhiwo zomthethosisekelo" kusho - (a) uMvikeli woMphakathi; (b) iKhomishana yaMalungelo Abantu; (c) Ikhomishana yokuLingana ngoBulili; (d) uMcubunguli oMkhulu wamabhuku ezimali zikahulumeni; (e) iBange iRizevu yaseNingizimu Afrika; (f) iKhomishana yezimali nokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni; (g) iKhomishana yemisebenzi yezomthetho; noma (h) iBhodi yezilimi zonke zaseNingizimu Afrika. (2) Isakhiwo soMthethosisekelo esimiswe ngokubeka koMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka nokusebenza njengokusho komthetho obhekene naso, futhi umuntu ophethe isikhundla njengelungu lekhomishana, ilungu lebhodi yeBhange iRizevu noma iBhodi yazo zonke izilimi zaseNingizimu Afrika, uMvikeli woMphakathi noma uMcubunguli oMkhulu wamabhuku ezimali zikaHulumeni ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka kuleso sikhundla njengokusho komthetho othinta leso sikhundla, kodwa kube kunakekelwe - (a) lokho okushintshiwe noma okususiwe kulowo mthetho; futhi (b) ukuhambisana noMthethosisekelo omusha. (3) Izigigaba 199(1), 200(1), (3) kanye no(5) kuya ku(11) kanye no 201 kuya ku206 zoMthethosisekelo owandulela lona ziyaqhubeka zisebenza zize zisuswe yinoma yimuphi uMthetho wePhalamende owamukelwe njengokusho kwesigaba 75 soMthethosisekelo omusha. (4) Amalungu eKhomishana yemisebenzi yezemithetho ashiwo kwisigaba 105(1)(h) soMthethosisekelo owendulela lona, ayayeka ukuba ngamalungu eKhomishana uma sekuqokelwe ezikhundleni amalungu ashiwo kwisigaba 178(1)(i) soMthethosisekelo omusha. (5) (a) UMkhandlu esibhekene nodaba lokuzimela kwamaBhunu esimiswe ngokusho koMthethosisekelo owandulela lona iyaqhubeka nokusebenza njengokusho komthetho obhekene naso, futhi noma yimuphi umuntu ophethe isikhundla njengelungu loMkhandlu ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza uyaqhubeka esikhundleni njengokubeka komthetho obhekene naleso sikhundla, kodwa kube kunakekelwe - (i) lokho okushintshiwe nokususiwe kulowo mthetho; futhi (ii) ukuhambisana noMthethosisekelo omusha. (b) Izigaba 184A no 184B (1)(a), (b) no (d) zoMthethosisekelo owandulela lona ziyaqhubeka zisebenza zize zisuswe ngumthetho wePhalamende owamukelwa njengokubeka kwesigaba 75 soMthethosisekelo omusha. Ukushaywa komthetho odingwa nguMthethosisekelo omusha 21. (1) Uma uMthethosisekelo omusha udinga ukuthi kushaywe umthetho kazwelonke noma wesifundazwe lowo mthetho kufanele ushaywe yisiphathimandla esifanele phakathi kwesikhathi esamukelekile emuva kwelanga uMthethosisekelo owaqala ukusebenza ngalo. (2) Isigaba 198(b) soMthethosisekelo omusha angeke siphoqelelwe kuze kushaywe umthetho olindelekile kuleso sigaba. (3) Isigaba 199(3)(a) soMthethosisekelo omusha angeke siphoqelelwe ngaphambi kokudlula kwezinyanga ezintathu emva kokushaywa komthetho elindelekile kulesi sigaba. (4) UMthetho kazwelonke olindeleke kwisigaba 217(3) soMthethosisekelo omusha kufanele ushaywe phakathi kweminyaka emithathu kusukela ngelanga uMthethosisekelo omusha owaqala ngalo ukusebenza, kodwa ukungabikho kwalo mthetho ngalesi sikhathi akuvimbeli ukuthi kuphoqelelwe izimiso ezishiwo kwisigaba 217(2). (5) Ngaphambi kokumiswa komthetho wePhalamende okuphawulwe ngawo esigabeni 65(2) womthethosisekelo omusha onqunywe yiSishayamthetho sesifundazwe ngasinye ngokwenqubo yaleso sifundazwe ngokulandela igunya eligunyaze izithunywa zaso okuvota egameni loMkhandlu sezifundazwe sikazwelonke. (6) Ngaphambi kokumiswa komthetho ovezwe esigabeni 229(1)(b) somthethosisekelo omusha, umasipala uzohlala enamandla okuhlawulisa noma iyiphi intela, ilevi noma imali ekhokhela umkhiqizo ovela kwamanye amazwe ogunyazwe ukuhlawulisa uma uMthethosisekelo usuqale ukusebenza. Ubumbano lwezwe nokubuyisana 22. Ngaphandle kwalokho okushiwo kunoma yisiphi esinye isimiso soMthethosisekelo omusha nangaphandle kokususwa koMthethosisekelo owandulela lona, zonke izimiso eziphathelene nokuxolelwa kwamacala ezitholakala kuMthethosisekelo owandulela lona ngaphansi kwesihloko, "Ubumbano lwezwe nokubuyisana" zithathwa ngokuthi ziyingxenye yoMthethosisekelo omusha ngenhloso yokuGqugquzelela umthetho woBumbano lweSizwe nokuBuyisana wango 1995, (umthetho 34 ka 1995), njengoba uguquliwe, kubandankanya nenhloso yokumiswa kwawo. UMqulu wamaLungelo 23. (1) Umthetho kaZwelonke olindeleke kwizigaba 9(4), 32(2), no 33(3) zoMthethosisekelo omusha kufanele zishaywe phakathi kwesikhathi seminyaka emithathu kusukela ngelanga uMthethosisekelo omusha owaqala ngaso ukusebenza. (2) Ngaphambi kokuba umthetho olindeleke kwizigaba 32(2) no 33(3) zoMthethosisekelo, ushaywe - (a) isigaba 32(1) kufanele sithathwe ngokuthi sibhalwe ngendlela elandelayo: "(i) wonke umuntu unelungelo lokuthola lonke ulwazi olusezandleni zombuso noma yiyiphi yezingxenye zawo kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni, uma lolo lwazi ludingeka ukuze kusetshenziswe noma kuvikelwe noma yiliphi ilungelo"; futhi (b) Izigaba 33(1) no (2) kufanele zithathwe ngokuthi zibhalwe ngendlela elandelayo: "Wonke umuntu unelungelo - (a) lokuthathelwa izinyathelo ezisemthethweni ngabasebenzela umbuso uma amalungelo akhe noma izidingo zakhe zithinteka noma ezihanjiswe ngenkambiso zesatshiswa; (b) lezinyathelo elungile lapho amalungelo omuntu noma amathemba afanele ethinteka noma esatshiswa; (c) lokunikezwa izizathu ezibhaliwe zezinyathelo ezithathwe ngabasezinkhundleni zombuso ezithinta noma yimaphi amalungelo noma izidingo ngaphandle uma lezo zizathu zimenyezelwe; futhi (d) lokuthola izinyathelo ezifanele uma kuqhathaniswa nezizathu ezinikiwe zalezo zinyathelo uma amalungelo ethinteka noma esatshiswa". (3) Izigaba 32(2) no 33(3) zoMthethosisekelo omusha ziphelelwa isikhathi uma umthetho olindelekile kulezi zigaba ngokulandelana kwazo, ungashaywa phakathi kweminyaka emithathu kusukela ngelanga lapho uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza. Ukuphathwa kwemisebenzi yombuso nezikhungo zokuphepha 24. (1) Izigaba 82(4)(b), 215, 218(1), 219(1), 224 kuya ku 228, 236(1), (2), (3), (6), (7)(b) no (8), 237(1) no(2)(a) no 239(4) no (5) zoMthethosisekelo omusha ziqhubeka zisemthethweni sengathi uMthethosisekelo owandulela lona awususiwe, kodwa kuncike ku - (a) lokho okushintshiwe kulezo zigaba ezibekwe kwisiJobelelo. D; (b) noma yiluphi olunye ushintsho noma ukususwa kwalezozigaba nguMthetho wePhalamende owamukelwe njengoba kushiwo esigabeni 75 soMthethosisekelo omusha; futhi (c) ukuhambisana noMthethosisekelo omusha. (2) IKhomishana yemisebenzi yombuso kanye namakhomishana emisebenzi yombuso ezifundazwe ashiwo esahlukweni 13 soMthethosisekelo owandulela lona, aqhubeka nokusebenza njengoba kusho leso sahluko kanye nomthetho osebenza kuleso sahluko sengathi iSahluko asisusiwe, kuza kususwe iKhomishana namaKhomishana ezifundazwe ngomthetho wePhalamende owamukelwe ngendlela ebekwe kwisigaba 75 soMthethosisekelo omusha. (3) Ukususwa koMthethosisekelo owandulela lona akuthikamezi izimemezelo ezikhishwe ngaphansi kwesigaba 237(3), soMthethosisekelo owandulela lona futhi lezo zimemezelo ziqhubeka nokusebenza, kodwa kube kunakwe - (a) lokho okushintshiwe noma okususiwe; futhi (b) ukuhambisana noMthethosisekelo omusha. Izizathu ezinezezelwe zokungavunyelwa ukuba yilungu lesishayamthetho 25. (1) Noma yimuphi umuntu owayedonsa isigwebo sasejele eRiphabhuliki esingaphezulu kwezinyanga ezingu-12 ngaphandle kwefayini ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza akavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaZwelonke noma lesishayamthetho sesifundazwe. (2) lokhu kuvinjelwa komuntu okuku(1) - (a) kuyaphela uma isigwebo sibekwa eceleni emva kokudluliswa kwecala, noma isigwebo sehlisiwe, emva kokudluliswa kwecala saba yisigwebo esingavimbeli umuntu; futhi (b) kuyaphela eminyakeni emihlanu emuva kokuqeda isigwebo. Uhulumeni weNdawo(WaseKhaya) 26. (1) kwala ukuhlinzekelwa kwesigaba 151,155,156,kanye no157 womthethosisekelo omusha - (a) ukuhlinzekelwa komthetho Wesikhashana kaHulumeni Wendawo ka 1993 (umthetho 209 ka 1993), njengoba ungaguqulwa noma nini ngumthetho kazwelonke ohambisana noMthethosisekelo omusha, kuzohlala kusebenza kuze kube ngumhlaka 30 ku Apreli 1999 noma uze ususwe, noma yikuphi okungenzeka kuqala kunokunye; futhi (b) uMholi Wendabuko womphakathi obhekele indlela yomthetho wendabuko kanye nohlala ngaphansi komhlaba osendaweni yoMkhandlu sesikhashana sendawo, uMkhandlu esisemaphandleni noma omele leso uMkhandlu, esishiwo kumthetho kaHulumeni weNdawo ka 1993, futhi okhonjiswe esigabeni 182 somthethosisekelo omdala, unamandla ngokwesikhundla (ex officio) agunyazwe ukuba yilungu loMkhandlu kuze kube ngumhlaka 30 ku Apreli 1999 noma kuze kube umthetho wePhalamende usho okwahlukile kunalokhu. (2) Isigaba 245(4) soMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka nokusebenza kuze kuphelelwe ukusebenza kwalesi sigaba. Isigaba 16(5) no (6) somthetho kaHulumeni Wesikhashana weNdawo, ka 1993, angeke ususwe ngaphambi komhlaka 30 Epreli 1999. Ukugcinwa ngokuphepha kwemithetho yePhalamende neyezifundazwe 27. Izigaba 82 no 124 zoMthethosisekelo omusha azithikamezi ukugcinwa ngokuphepha kwemithetho yePhalamende noma yesifundazwe eyamukelwe ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza. Ukubhaliswa kwempahla engagudluki yoMbuso 28. (1) Ekwakhiweni kwesitifiketi ngabasemagunyeni sokuthi impahla engagudluki yoMbuso imisiwe ngokomthetho kahulumeni kulandelwa isigaba 239 somthethosisekelo omdala, Unobhala wamafa kufanele abhale lokhu kushintshana noma izivumelwano noma amanye amaphepha okubhalisa impahla yoMbuso engagudluki egameni lalowo hulumeni. (2) Akukho nhlawulo, imali ekhokhwayo noma ezinye izindleko ezikhokhwayo mayelana nokubhaliswa okubekwe kwingxenyana (1). Okujotshelelwe A Ushintsho kwiSheduli 2 yoMthethosisekelo owandulela lona 1. Ukufakwa esikhundleni sika (1) loku okulandelayo: "1. Amaqembu abhalise ngokusho komthetho kazwelonke futhi emela ukhetho loMkhandlu kaZwelonke, kufanele aphakamise abamele ukhetho kuluhlu lwabamele ukhetho olwenziwe ngokulandela izimiso zale Sheduli nomthetho kazwelonke.". 2. Ukufakwa esikhundleni sika (2) loku okulandelayo: "2. Izihlalo eMkhandlwini kaZwelonke njengoba kunqunyiwe kwisigaba 46 soMthethosisekelo omusha, zizogcwaliswa ngalendlela: (a) Ingxenye yezihlalo evela kuluhlu lwezifundazwe lweqembu ngalinye, kube kunenani elimile lezihlalo elibekelwe isifundazwe ngasinye njengoba kunqunywe yiKhomishana inqumela ukhetho oluzayo loMkhandlu, ibhekelele ulwazi olukhona maqondana nabavoti kanye neziphakamiso ezivela ebantwini. (b) Ingxenye yesibili yezihlalo ezivela kuluhlu lukazwelonke olufakwe yiqembu ngalinye, noma uluhlu lwesifunda uma uluhlu lukaZwelonke lungangeniswanga." 3. Ukufakwa esikhundleni sika (3) loku kulandelayo: "3. Uluhlu lwabamele ukhetho olungeniswa yiqembu, kufanele libenesamba samagama esingeqile enanini lezihlalo ezikhona eMkhandlwini kaZwelonke, futhi uluhlu ngalunye luhlela amagama ngendlela efiswa yiqembu elifake lolo luhlu.". 4. Ukushintshwa kuka (5) ngokufakelwa kwamagama alandelayo esikhundleni salawo angaphambi kwesigaba (a);. "5. Izihlalo okukhulunywa ngazo ku 2(a) kufanele zabelwe amaqembu amele ukhetho ngokwezifundazwe, ngale ndlela elandelayo.". 5. Ukushintshwa kuka 6 - (a) ngokufaka esikhundleni amagama angaphambi kwesigaba (a) lamagama alandelayo: "6. Izihlalo okukhulunywa ngazo ku 2(b) zizokwabelwa amaqembu amele ukhetho ngendlela elandelayo:" ; futhi (b) ngokufaka esikhundleni sesigaba (a) okulandelayo: "(a) Isabelo samavoti sesihlalo ngasinye sizobalwa ngokwehlukanisa isamba samavothi afakwe ngokukazwelonke ngenani lezihlalo ezikuMkhandlu kaZwelonke, kuhlanganiswe nesisodwa, bese umphumela uhlanganiswe nokukodwa, kuzitshwe insalela engaphelele, kuzoba yisona isabelo samavoti aya eshihlalweni ngasinye.". 6. Ukushintshwa kuka 7(3) ngokufaka esikhundleni sesigaba (b) okulandelayo: "(b) Isabelo samavoti esihlalweni ngasinye esishintshiwe sizobalwa ngokwehlukanisa isamba samavoti afakwe ngokukazwelonke, kususwe isamba samavoti afakelwe iqembu okukhulunywa ngalo esigabeni (a) ngokukazwelonke, ngenani lezihlalo kuMkhandlu, kuhlanganiswe nesisodwa, bese kususwa inani lezihlalo eligcine labelwe iqembu elishiwo njengokusho kwesigaba (a).". 7. Ukufakwa esikhundleni sika 10 kwaloku okulandelayo: "10. Inani lezihlalo kwisishayamthetho sesifundazwe ngasinye lizoba njengoba kunqunyiwe ngokusho kwesigaba 105 soMthethosisekelo omusha.". 8. Ukufakwa esikhundleni sika 11 kwalokhu okulandelayo" "11. Amaqembu abhaliswe ngokusho komthetho kazwelonke futhi emele ukhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, kufanele aphakamise abamele ukhetho lwaleso sishayamthetho sesifundazwe kuluhlu lwesifundazwe oluhlelwe ngokuhambisana nale Sheduli kanye nomthetho kaZwelonke.". 9. Ukufakwa esikhundleni sika 16 kwalokhu okulandelayo: "Ukubekwa kwabameleli 16. (1) Emva kokubalwa kwamavoti, inani labameleli bamaqembu ahlukahlukile selitholakele nomphumela wokhetho usumenyezelwe njengokusho kwesigaba 190 soMthethosisekelo omusha, iKhomishana phakathi kwezinsuku ezimbili emuva kokumemezela kufanele ibeke abameleli ithatha kuluhlu lweqembu ngalinye, ishicilele njengoba kusho umthetho kaZwelonke. (2) Emva kokubekwa kwabameleli uma ngabe igama lalowo obemele ukhetho luvela ngaphezulu koluhlu olulodwa loMkhandlu kaZwelonke noma kuluhlu loMkhandlu kanye nolwesishayamthetho sesifundazwe (uma lolu khetho lubanjwa ngesikhathi esifanayo), futhi obemele ukhetho angabekwa njengommeleli ezikhundleni ezingaphezulu kwesisodwa, iqembu elimphakamisile kufanele, phakathi kwezinsuku ezimbili lisho ukuthi lowo muntu kufanele abekwe ngaluphi uluhlu noma ukuthi uzosebenza kusiphi isishayamthetho, emva kwalokho igama lalowo muntu lizosuswa kolunye uluhlu. (3) IKhomishana emva kwalokhu izoshicilela uluhlu lwamagama abameleli kwisishayamthetho noma kwizishayamthetho.". 10. Ukushintshwa kuka 18 ngokufakwa esikhundleni sengaba (b) lengaba elandelayo "(b) ummeleli uqokelwa ukuba yisithunywa esimile eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe;". 11. Ukufakwa esikhundleni sika 19 kwaloku okulandelayo: "19. Izinhla zabamele ukhetho beqembu elishiwo ku 16(1) zinganezelwa kube kanye kuphele noma ngasiphi isikhathi phakathi kwezinyanga zokuqala ezingu 12 emuva kokuthi ukuqokwa kwabameleli njengokusho kuka 16 kuqediwe, ukuze kugcwaliswe izikhala ezivela zingalindelwe: Kodwa lokho kunezezelwa kufanele kwenziwe ekugcineni koluhlu.". 12. Ukufakwa esikhundleni sika 23 kwalokhu okulandelayo: "Izikhala 23. (1) Uma kwenzeka kuba nesikhala kwisishayamthetho esithintwa yile Sheduli, iqembu elaphakamisa ilungu elishiyayo lizogcwalisa isikhala ngokuphakamisa omunye umuntu - (a) ogama lakhe likhona kuluhlu lwabamele ukhetho lolo ayephakanyiswe kulo lowo oshiyayo; futhi (b) ongolandelayo kuluhlu ovunyelwe futhi okhona ukuze agcwalise isikhala. (2) Isiphakamiso sokugcwalisa isikhala kufanele sinekezwe uSomlomo sibhalwe phansi. (3) Uma iqembu elimelwe kwisishayamthetho lishabalala noma liyeka ukuba khona njengeqembu futhi amalungu alelo qembu eshiya izihlalo zawo ngenxa ka 23A(1) izihlalo lezo kufanele zabelwe amaqembu asele njengokuvuma kwezimo, sengathi lezozihlalo zishiywe njengokuvuma kwesimo, sengathi lezozihlalo zishiywe njengoba kushiwo ku 7 noma 14, kuya ngesimo esivelile.". 13. Ukufakelwa kwalokhu okulandelayo emuva kuka 23: "Izizathu ezinezezelwe zokulahlekelwa ngubulungu besishayamthetho 23A. (1) Umuntu ulahlekelwa ngubulungu besishayamthetho esithintwa yile Sheduli uma lowo muntu eyeka ukuba yilungu leqembu elaphakamisa lowo muntu njengelungu laleso sishayamthetho. (2) Nangaphandle kokushiwo ku (1) ngenhla, noma yiliphi iqembu lepolitiki elikhona lingalishintsha igama lalo noma ngasiphi isikhathi. (3) Umthetho we Phalamende ungashaywa phakathi kwesikhathi esamukelekile emuva kokuthi umthethosisekelo omusha uqale ukusebenza, ngokuhambisana nesigaba 76(1) soMthethosisekelo omusha ukuze ushintshe okuqukethwe ku 23 ukuhlinzekela indlela engenza ukuthi ilungu lesishayamthetho eliyeka ukuba yilungu leqembu elaliphakamise lelolungu likwazi ukuqhubeka nobulungu balesosishayamthetho. (4) Umthetho wePhalamende oshiwo ku (3) ngenhla ungahlinzekela nokuthi - (a) noma yiliphi iqembu elikhona lihlangane nelinye iqembu kube yiqembu elilodwa; noma (b) yiliphi iqembu lehlukane libe ngamaqembu angaphezulu kwelilodwa.". 14. Ukucinywa kuka 24 15. Ukushintshwa kuka 25 - (a) ngokufakwa esikhundleni sencazelo ka "Khomishana" kwale ncazelo elandelayo: "iKhomishana" ichaza iKhomishana yoKhetho eshiwo esigabeni 190 soMthethosisekelo omusha;"; futhi (b) ngokufaka incazelo elandelayo emuva kwencazelo ka "uluhlu lukazwelonke:" "'uMthethosisekelo omusha' uchaza uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, 1996;". 16. Ukucinywa kuka 26. Okujotshelelwe B uHulumeni woBumbano: Umkhakha kazwelonke 1. Isigaba 84 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lezi zigatshana ezilandelayo ukwenezezela kwesikhona: "(3) uMongameli kufanele abonisane namaSekela kaMongameli - (a) ekuthuthukiseni nasekuphoqeleleni imigomo kahulumeni kazwelonke; (b) kuzo zonke izindaba eziphathelene nokuphathwa kweKhabhinethi nokwenziwa komsebenzi weKhabhinethi; (c) ekwabeni kwemisebenzi kumaSekela kaMongameli; (d) ngaphambi kokuqokela ezikhundleni ngaphansi koMthethosisekelo noma komthetho noma yimuphi, kubandakanya ukuqokwa komele izwe kwamanye amazwe; (e) ngaphambi kokuqoka amakhomishana ophenyo; (f) ngaphambi kokubiza inhlolovo; futhi (g) ngaphambi kokuxolela noma ukukhululwa kwalabo abangwetshiwe.". 2. Isigaba 89 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lezi zigatshana ngaphezu kwalezo ezikhona: "(3) Izigatshana (1) no (2) ziyasebenza nakwiSekela likaMongameli.". 3. Isigaba (a) sesigaba 90(1) soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngendlela elandelayo: "(a) iSekela likaMongameli eliqokwe ngu Mongameli;". 4. Isigaba 91 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngalendlela: "iKhabhinethi 91. (1) IKhabhinethi yakhiwe nguMongameli, ngamaSekela kaMongameli kanye - (a) noNgqongqoshe abangeqile ku 27 abangamalungu oMkhandlu kaZwelonke futhi beqokwe njengokusho kwezigatshana (8) kuya ku (12); kanye (b) noNgqongqoshe ongeqile koyedwa ongelona ilungu loMkhandlu ka Zwelonke oqokwe njengokusho kwesigatshana (13), kodwa nguMongameli,ebonisana neSekela likaMongameli nabaholi bamaqembu abambe iqhaza, ngokubona kufanele ukuqokwa kwalowo Ngqongqoshe. (2) Iqembu ngalinye elinezihlalo okungenani ezingu 80 emkhandlwini kaZwelonke linelungelo lokuqoka isekela likaMongameli phakathi kwamalungu oMkhandlu. (3) uma lingekho iqembu elinezihlalo ezingu 80 noma ezingaphezulu eMkhandlwini, iqembu elinezihlalo eziningi kunawo wonke neqembu elinenani elilandelayo lezihlalo ngalinye linelungelo lokuqoka iSekela likaMongameli elilodwa phakathi kwamalungu oMkhandlu. (4) Uma seliqokiwe iSekela likaMongameli lingakhetha ukuhlala liyilungu loMkhandlu noma ukuyeka ubulungu. (5) ISekela lika Mongameli lingasebenzisa amandla futhi lenze imisebenze abekelwe isikhundla seSekela likaMongameli nguMthethosisekelo noma abelwe leso sikhundla nguMongameli. (6) ISekela likaMongameli liba sesikhundleni - (a) kuze kube ngumhlaka 30 Epreli 1999 ngaphandle uma kufakwe omunye esikhundleni sakhe noma ebuyiselwe emuva yiqembu elinelungelo lokwenza isiphakamiso njengokusho kwesigatshana (2) noma (3); noma (b) kuze kubeyisikhathi lapho umuntu okhethelwe ukuba nguMongameli emuva kokhetho loMkhandlu kaZwelonke olubanjwe ngaphambi komhlaka 30 Epreli 1996, ethatha esikhundla. (7) Isikhala esikhundleni seSekela likaMongameli singagcwaliswa yiqembu eliphakamise lelo Sekela likaMongameli. (8) Iqembu elinezihlalo ekungenani ezingu 20 eMkhandlwini kaZwelonke futhi elinqume ukubamba iqhaza kuhulumeni wobumbano, linelungelo lokwabelwa isikhundla esisodwa noma ngaphezulu seKhabhinethe, esiqokelwa oNgqongqoshe abashiwo kwisigatshana (1)(a), ngendlela ehambisanayo nenani lezihlalo zalelo qembu eMkahandlwini kaZwelonke uma kuqhathaniswa nenani lezihlalo zamanye amaqembu abamba iqhaza. (9) Izikhundla zeKhabhinethe kufanele zabelwe iqembu ngalinye elibambe iqhaza ngokulandela uhlelo lokubala olulandelayo: (a) Isabelo sezihlalo esiqondene nesikhundla ngasinye kufanele sibalwe ngokwehlukanisa inani eliphelele lezihlalo kuMkhandlu kaZwelonke elibanjwe yiwowonke amaqembu abambe iqhaza ngenani lezikhundla ezizoqokelwa oNgqongqoshe abashiwo esigatshaneni (1) (a) bese kuhlanganiswa noyedwa. (b) Umphumela, kunganakwa izingxenye kusukela enombolweni yesithathu nezilandelayo, uma zikhona izabelo zezihlalo zesikhundla ngasinye. (c) Inani lezikhundla ezizokwabelwa iqembu elibamba iqhaza ngalinye linqunywa ngokwehlukanisa inani eliphelele lezihlalo zaleloqembu kuMkhandlu kaZwelonke ngesabelo esishiwo kwisigaba (b). (d) Umphumela, ngaphandle kokushiwo kwingaba (e), ukhomba inani lezikhundla okufanele zabelwe leloqembu. (e) Uma ukusetshenziswa kohlelo lokubala olungenhla kugcina kunensalela engathathwanga yinani lezikhundla ezabelwe iqembu, leyonsalela iqhudelana nezinye izinsalela ezifana nayo zelinye iqembu noma zamanye amaqembu, futhi izikhundla noma yiziphi, ezisele zingabiwanga kufanele zabelwe iqembu noma amaqembu athintekile ngokulandela insalela enkulu kunazo zonke. (10) UMongameli emuva kokubonisana namaSekela kaMongameli kanye nabaholi bamaqembu abamba iqhaza kufanele - (a) anqume ngezikhundla ezizokwabelwa iqembu elibamba iqhaza ngalinye ngokulandela inani lezikhundla eza belwe amaqembu ngokusho kwesigatshana (9); (b) aqoke maqondana naleso sikhundla ngasinye ilungu lo Mkhandlu kaZwelonke eliyilungu leqembu elabelwe leso sikhundla ngaphansi kwesigaba (a), njengoNgqongqoshe obhekelele leso sikhundla; (c) uma kubanesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma ngenxa yokubusa kahle kukahulumeni, ashintshe noma yisiphi isinqumo ngaphansi kwesigaba (a), ngaphandle kokushiwo esigatshaneni (9); (d) aqede noma yikuphi ukuqokwa ngaphansi kwesigaba (b) - (i) uma uMongameli ecelwe ukuthi enze kanjalo ngumholi weqembu, lowo Ngqongqoshe ayilungu lalo (ii) uma kunesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma ngenxa yokubusa kahle kukahulumeni; noma (e) agcwalise isikhala esikhundleni sikaNgqongqoshe, uma kunesidingo, ngaphandle kokushiwo kwisigaba (b). (11) Isigatshana (10) kufanele siphoqelelwe ngomoya oqukethwe kumqondo wohlobo lukahulumeni olunguhulumeni wobumbano futhi uMongameli kanye nabanye abawusebenzelayo abathintekile, kufanele uma bephoqelela leso sigatshana bazame ukuthola ukuvumelana: kungatholakali maqondana - (a) nokusetshenziswa kwamandla ashiwo kwisigaba (a), noma (d) (ii) kuleso sigatshana, isinqumo sikaMongameli siyabusa; (b) ukusetshenziswa kwamandla ashiwo kwisigaba (b), (d) (i) noma (e) kuleso sigatshana athinta umuntu ongesilo ilungu leqembu likaMongameli, isinqumo somholi weqembu lowo muntu ayilungu lalo siyabusa, futhi (c) ukusetshenziswa kwamandla ashiwo kwingaba (b) noma (e) kulesosigatshana athinta umuntu oyilungu leqembu lika Mongameli, isinqumo sikaMongameli siyabusa. (12) Uma isinqumo ngokwabiwa kwezikhundla sishintshwa ngaphansi kwesigatshana (10)(c), oNgqongqoshe abathintekile kufanele bashiye izikhundla zabo kodwa bavunyelwe, uma kungenzeka ukuthi baqokwe kabusha, kwezinye izikhundla ezabelwe amaqembu abo ngalinye ngokusho kwesinqumo esishintshiwe. (13) UMongameli - (a) ebonisana namaSekela kaMongameli kanye nabaholi bamaqembu abamba iqhaza, kufanele (i) anqume ukuthi uNgqongqoshe oshiwo kwisigatshana (1) (b) uzophatha isikhundla siphi uma kunesidingo emuva kwesinqumo sikaMongameli ngaphansi kwale so sigatshana; (ii) aqoke maqondana naleso sikhundla umuntu ongelona ilungu loMkhandlu kaZwelonke, njengoNgqongqoshe obhekelele leso sikhundla; (iii) agcwalise, uma kunesidingo, isikahala esiqondene naleso sikhundla, noma (b) emuva kokubonisana namaSekela kaMongameli kanye nabaholi bamaqembu abambe iqhaza, kufanele afinyelele esinqunyweni nganoma yikuphi ukuqoka okungaphansi kwesigaba (a) uma kubanesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma zokubusa kahle kukahulumeni. (14) Imihlangano yeKhabhinethe kufanele yenganyelwe nguMongameli, noma, uma uMongameli esho kanjalo, kube yisekela likaMongameli: Kodwa amaSekela kaMongameli ayashintshisana ngokwengamela imihlangano yeKhabhinethe ngaphandle uma ukuphuthuma kwezidingo zikahulumeni kanye nomoya oqukethwe ngumqondo wohlobo likahulumeni olunguhulumeni wobumbano, kudinga ukuthi kwenzeke ngenye indlela. (15) Ikhabhinethi kumele lisebenze ngendlela ecabangela ukutholakala komoya kokuvumelana ngokwesimiso sikahulumeni wobumbano futhi njengokwesidingo sokuba nohulumeni osebenza ngendlela efanele.". 5. Isigaba 93 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngalendlela elandelayo: "Ukuqokwa kwamaSekela oNgqongqoshe 93. (1) UMongameli, emuva kokubonisana namaSekela oMongameli kanye nabaholi bamaqembu abamba iqhaza kwiKhabhinethi, angamisa izikhundla zobusekela bukangqongqoshe. (2) Iqembu linelungelo lokwabelwa isikhundla esisodwa noma ezingaphezulu zobusekela bukangqongqoshe ngamanani alinganayo kanye nangendlela efana naleyo esentshenziselwe ukwabiwa.kwezikhundla zeKhabhinethe. (3) Izimiso zezigaba 91 (10) kuya (12) zisebenza noshintsho olufanele maqondana namaSekela oNgqongqoshe, futhi kulokho kusetshenziswa uma kuleso sigaba kukhulunywa ngoNgqongqoshe noma isikhundla sikaNgqongqoshe noma isikhundla seSekela likaNgqonqoshe, ngokuqondana. (4) Uma umuntu eqokwe njengeSekela likaNgqongqoshe lanomayisiphi isikhundla esinikezwe uNgqongqoshe - (a) lelo Sekela likaNgqongqoshe kufanele ngegama lalowo Ngqongqoshe, lisebenzise futhi lenze noma yimaphi amandla noma imisebenzi eyabelwe lowo Ngqongqoshe ngokusho konthetho noma yimuphi noma ngenye indlela uNgqongqoshe angabela ngayo iSekela likaNgqongqoshe ngokuhambisana nemiyalelo kaMongameli; futhi (b) noma yimuphi umthetho okhuluma ngalowo Ngqongqoshe kufanele uhunyushwe ngokuthi ubandakanye iSekela lika Ngqongqoshe elibambe ngokusho kwesabelo ngaphansi kwesigaba (a) sikaNgqongqoshe obanjelwe yilelo Sekela likaNgqongqoshe. (5) Uma iSekela likaNgqongqoshe lingekho noma ngesizathu esithile lingakwazi ukusenbenzisa noma ukwenza noma yimaphi amandla noma imisebenzi yesikhundla, uMongameli angaqoka noma yiliphi elinye iSekela likaNgqongqoshe noma omunye umuntu noma yimuphi ukuba abambe isikhundla saleloSekela likaNgqongqoshe sonke, ngokujwayelekile noma maqondana nokusetshenziswa noma ukwenziwa kwanoma yimaphi amandla noma imisebenzi ebaluliwe.". 6. Isigaba 96 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lezi zigatshana ezilandelayo ezinezezelwe: "(3) ONgqogqoshe baphendula ngamunye kuMongameli futhi naku Mkhandlu kaZwelonke maqondana nokuphathwa kwezikhundla zabo, futhi wonke amalungu eKhabhinethe aphendula njengembumba maqondana nokwenziwa kwemisebenzi kahulumeni kazwelonke kanye nangemigomo yawo. (4) ONgqongqoshe kufanele baphathe izikhundla zabo ngokulandela imigomo enqunywe yiKhabhinethi. (5) Uma uNgqongqoshe ehluleka ukuphatha isikhundla ngokuhambisana nomgomo weKhabhinethe, uMongameli angafuna ukuthi uNgqongqoshe othintekile aqondise ukuphathwa kwaleso sikhundla ukuze kuhambisane nalowo mgomo. (6) Uma uNgqongqoshe othintekile ehluleka ukuhlangabezana nezidingo zikaMongameli ngaphansi kwesigatshana (5), uMongameli angamususa uNgqongqoshe esikhundleni - (a) uma kunguNgqongqoshe oshiwo esigabeni 91(1)(a), emuva kokubonisana noNgqongqoshe futhi, uma uNgqongqoshe engelona ilungu leqembu likaMongameli noma engeyena umholi weqembu elibamba iqhaza, futhi emuva kokubonisana nomholi weqembu lalowo Ngqongqoshe; noma (b) uma kunguNgqongqoshe oshiwo esigabeni 91(1)(b), emuva kokubonisana namasekela kaMongameli nabaholi bamaqembu abamba iqhaza.". Okujotshelelwe C UHulumeni woBumbano Umkhakha Wesifundazwe 1. Isigaba 132 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngendlela elandelayo: "IsiGungu esikhulu sesifundazwe 132. (1) Isigungu esikhulu sesifundazwe sakhiwe nguNdunankulu kanye namalungu angevile kwayishumi aqokwe nguNdunankulu ngokumayelana nalesi sigaba. (2) Inhlangano enezihlalo okungenani ezingamaphesenti ayishumi kwisishayamthetho sesifundazwe abanqume ukuzibandakanya nohulumeni wobumbano, banegunya lokunikwa isikhundla esisodwa noma ngaphezulu kuMkhandlu esikhulu ngokulingana nenani lezihlalo zenhlangano kwisishayamthetho okuncike enanini lezihlalo zezinye izinhlangano ezibambe iqhaza kwisishayamthetho. (3) Izikhundla kwiSigungu Esikhulu kumele zabiwe kwizinhlangano ezibambe iqhaza njengoba kushiwo esigabeni 91 (9), futhi uma kusetshenziswa lowo mthetho oshiwo kuleso sigaba: - (a) somkhandlu kaHulumeni, kufanele ifundwe ngokubheka kuMkhandlu eSikhulu; (b) sikaNgqongqoshe, kufanele ifundwe ngokubheka ilungu lesiGundu eSikhulu; futhi (c) somkhandlu ka Zwelonke, kufanele ufundwe ngokubheka kwisishayamthetho sesifundazwe. (4) UNdunankulu Wesifundazwe kufanele, emva kokuxhumana nabaholi bezinhlangano ezibamba iqhaza, enze lokhu - (a) anqume izikhundla eziqondene ngqo nokufunekayo azozinika izinhlangano ezibambe iqhaza ngendlela eshiwo yisigatshana (3); (b) aqoke ngokwesikhundla ngasinye, ilungu lesishayamthetho elimele inhlangano okungukuthi leso sikhundla sikhishwe ngokwesigaba (a), leli lungu lizoba njengelungu loMkhandlu eSikhulu eliqokelwe leso sikhundla; (c) uma kuba khona isidingo ngenxa yomthethosisekelo noma ngenxa kahulumeni olungile, ahlukanise noma yikuphi ukuqoka okungaphansi kwesigaba (a); okuncike kwisigatshana (3); (d) aphelelise ukuqoka okushiwo kwisigaba (b) - (i) uma uNdunankulu eceliwe ukwenzenjalo ngumholi wenhlangano okungukuthi lelo lungu okukhulunywa ngalo liyilungu loMkhandlu eSikhulu; noma (ii) uma kuba nesidingo ngenxa yomthethosisekelo noma ngenxa kahulumeni omuhle; noma (e) agcwalise, uma kunesidingo, okungukuthi kuncike kwisigaba (b); isikhundla ehhovisi lelungu loMkhandlu eSikhulu. (5) Isigatshana (4) kufanele sisetshenziswe ngomoya ongaphakathi kuHulumeni woBumbano, kanti futhi uNdunankulu nabanye asebenza nabo abathintekile kufanele ekusebenziseni kwesigatshana, azuze ukuvumelana kwabo bonke zikhathi zonke: Ngaphandle uma ukuvumelana kungeke kwazuzeka ngenxa yalokhu - (a) ukusebenzisa amandla ashiwo kusiqephu (a), (c) noma (d) (ii) saleso sigatshana isinqumo sikaNdunankulu singumnqamulajuqu; (b) ukusebenzisa amandla ashiwo kusiqephu (b), (d) (i) noma (e) sesigatshana esithinta umuntu ongelona ilungu lenhlangano kaNdunankulu, isinqumo soMholi wenhlangano nesalowo muntu othintekile, singumnqamulajuqu; futhi (c) ukusebenzisa amandla ashiwo kusiqephu (b) noma (e) saleso sigatshana esithinta umuntu oyilungu lenhlangano kaNdunankulu, isinqumo sikaNdunankulu singumnqamulajuqu. (6) Uma ukunqunywa kokunikeza isikhundla kuhlukaniswa ngokwesigatshana 4 (c), amalungu athintekayo kufanele ashiye izikhundla zawo kodwa avumelekile lapho kunesidingo khona ukuba aqokwe kabusha kwezinye izikhundla ezinikezwe izinhlangano zabo ngokwehluka kwezinqumo. (7) Imihlangano yoMkhandlu eSikhulu kufanele yenganyelwe nguNdunankulu wesiFunda. (8) UMkhandlu eSikhulu kufanele sisebenze ngendlela enomoya wokuzuza ukuvumelana okhona kuHulumeni woBumbano, nangokwesidingo soHulumeni osebenza ngokuzikhandla.". 2. Isigaba 136 soMthethosisekelo omusha sithathwa njengokuthi sinalezi zigatshana ezongeziwe: "(3) Amalungu oMkhandlu eSikhulu ayazibikela ilungu ngalinye kuNdunankulu nakuSishayamthetho sesiFundazwe ngokuphathwa kwezikhundla zawo, kanti futhi wonke amalungu oMkhandlu eSikhulu ngendlela efanayo, ayazibikela esehlangene wonke ngomsebenzi awenzayo kuHulumeni wesiFunda, nangemigomo yawo. (4) Amalungu oMkhandlu eSikhulu kufanele engamele izikhundla zawo ngokumayelana nenqubo ekhishwe uMkhandlu. (5) Uma ilungu loMkhandlu eSikhulu lehluleka ukuphatha isikhundla salo ngokumayelana nenqubo yoMkhandlu, uNdunankulu angaba nesidingo sokuba acele ilungu elithintekile ukuba liphathe isikhundla salo ngokuhambisana nenqubo yoMkhandlu. (6) Uma ilungu elithintekile lehluleka ukuhambisana nesidingo sikaNdunankulu esibekwe ngaphansi kwesigatshana (5), uNdunankulu angalisusa lelo lungu ehhovisi emva kokuxoxisana nalo, kanti uma ilungu lingelona elenhlangano kaNdunankulu noma lingeyena umholi weqembu elibambe iqhaza, futhi emva kokuxoxisana nomholi weqembu lelungu.". Okujotshelelwe D Izidingo zokuphathwa kanye nezokhuphepha zomphakathi: Izichibiyelo kwizigaba zomthethosisekelo owedlule 1. Ukuchibiyelwa kwesigaba 218 kumthetho-sisekelo owedlule - (a) ukufaka esikhundleni sesigatshana (1) amagama andulela upharagrafu (a) ngamagama alandelayo: " (1) Ngokumayelana nezinkomba zikaNgqongqoshe WezoKuphepha nokuVikela, uKhomishani kaZwelonke uzoba nalo mthwalo -"; (b) ukufaka esikhundleni sepharagrafu (b) sesigatshana (1) ipharagrafu elandelandelayo: "(b) ukuqokwa koKhomishani beZifundazwe;"; (c) ukufaka esikhundleni sepharagrafu (d) sesigatshana (1) ipharagrafu elandelayo: "(d) ukuphenya kanye nokuvimbela ubugebengu obuhleliwe noma ubugebengu obudinga uphenyo kanye nokuvimbela ubugebengu kukaZwelonke noma amakhono aphezulu;"; kanye (d) ukufaka upharagrafu (k) wesigatshana (l) ipharagrafu elandelayo: "(k) ukwakhiwa kanye nokubhasojwa kophiko lwenqubo kaZwelonke ukuba iphakwe ukuze yeseke futhi ngokwesicelo sikaKhomishani wesiFundazwe;". 2. Ukuchibiyelwa kwesigaba 219 kumthetho-sisekelo owedlule ngokufaka amagama alandelayo andulela upharagrafu (a) kwisigatshana (1): "(1) Maqondana nesigaba 218(1), Ukhomishani wesiFunda uzobhekela lokhu -". 3. Ukuchibiyelwa kwesigaba 224 kumthetho-sisekelo owedlule ngokufaka umbandela kwisigatshana (2) ngalo mbandela olandelayo: "Inqobo uma lesi sigatshana sizobuye sisebenze kumalungu ombutho wamaphoyisa anoma yiluphi uhlobo adlulisele uhlu lwabasebenzi bawo emva kokuqala ukusebenza komthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika, ngo 1993 (umthetho ongunombolo 200 ka 1993), kodwa ngaphambi kokuvunywa komqulu womthetho-sisekelo omusha njengoba kuvezwe kwisigaba 73 salowo mthethosi-sekelo, uma inhlangano yezepolitiki igxile ngaphansi kwegunya nokulawulwa noma inhlangano inokuxhumana futhi igqugquzela izinhloso ibuye yabamba iqhaza eMkhandlwini eSikhulu Senguquko yabuye yabamba iqhaza okhethweni lokuqala Lwesishayamthetho kaZwelonke neseziFundazwe ngaphansi komthetho-sisekelo oshiwo ngenhla.". 4. Ukuchibiyelwa kwesigaba 227 kumthetho-sisekelo owedlule ngokufaka isigatshana esilandelayo esikhundleni sesigatshana (2): "(2) Umbutho Wezokuvikela KaZwelonke uzoba namandla futhi uzokwenza umsebenzi wawo ngokwenza lokho okuzozuza umphakathi kaZwelonke kuphela ngokumaqondana nesahluko 11 somthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika, 1996.". 5. Ukuchibiyelwa kwesigaba 236 kumthetho-sisekelo owedlule - (a) ngokufaka lesi sigatshana esilandelaya esikhundleni sesigatshana (1): "(1) Uhulumeni, umnyango kahulumeni, ukuphathwa kukahulumeni noma eZokuphepha okwathi masinyane ngaphambi kokuqaliswa komthethosisekelo waseNingizimu Afrika, ngo 1996 (okuthiwa lapha "umthetho-sisekelo omusha"), wenza umsebenzi kahulumeni, waqhubeka nokwenza umsebenzi ngokumayelana nomthetho ohambisana nalowo msebenzi kuze kushaye isikhathi lapho uqedwa khona noma ufakwa noma uba mdibi kunoma iyiphi inhlangano efanele noma ezwakalayo noma egxile kunoma iyiphi inhlangano.". (b) ngokufaka lesi sigatshana esilandelayo esikhundleni sesigatshana (6): "(6) (a) UMongameli angaqoka ikhomishani ezobuka kabusha isiphetho noma isichibiyelo sesivumelwano, ukuqashwa noma ukukhushulelwa esikhundleni esiphakeme, noma ukuklomelisa kwesikhathi esimisiwe noma isimo sokusebenza noma ezinye izinzuzo, okwenzeka phakathi komhlaka 27 Apreli 1993 no 30 Septemba 1994 kunoma ubani okuphawulwe ngaye kwisigatshana (2) noma yiliphi izinga labantu abanjalo. (b) Ikhomishani ingaguqula noma ichibiyele isivumelwano, ukuqashwa, ukukhushulelwa esikhundleni esiphakeme noma umklomelo uma kungalungile noma kwamukelekile esimweni salolo daba"; futhi (c) ngokususa amagama athi, "lo Mthetho-sisekelo", noma yikuphi lapho kuvela khona kwisigaba 236, kufakwe ukuthi, "Umthetho-sisekelo omusha". 6. Ukuchibiyelwa kwesigaba 237 kumthetho owedlule - (a) ngokufaka ipharagrafu elandelayo esikhundleni sika pharagrafu (a) kwisigatshana (1): "(a) Ukwenza zonke izinhlangano zibe ngezizwakalayo kulezo ezishiwo kwisigaba 236(1), ngaphandle kwemibutho yamasotsha eshiwo kwisigaba 224(2), kuzothi emva kokuqala ukusebenza koMthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika wango 1996, ziqhubeke, zinombono wokwakha - (i) ukuphatha okunqala kwezindaba eziphathelene nombuso wakuleli; futhi (ii) ukuphatha okunqala kwesiFundazwe ngasinye ukuze kubhekelwe izindaba ezingaphansi kwesiFundazwe ngasinye."; futhi (b) ngokufaka ipharagrafu elandelayo esikhundleni sika pharagrafu (i) wesigatshana (2)(a): "(i) izinhlangano ezishiwo kwisigaba 236(1), ngaphandle kwemibutho yamasotsha, zizoba ngaphansi kukahulumeni kaZwelonke, ozobusa ehlanganyele nohulumeni beziFundazwe,". 7. Ukuchibiyelwa kwesigaba 239 kumthetho owedlule ngokufaka lesi sigatshana esilandelayo esikhundleni sesigatshana (4): "(4) Maqondana futhi nokumayelana nanoma yimuphi umthetho, impahla, amalungelo, imisebenzi kanye nezindleko zayo yonke imibutho eshiwo kwisigaba 224(2) zizokwehlela phezu Kombutho Wezokuvikela kaZwelonke ngokumayelana nokulawulwa nguNgqongqoshe weZokuvikela.". ISHEDULI 7 IMITHETHO ECHITHIWE INOMBOLO KANYE ISIHLOKO SOMTHETHO NONYAKA YOMTHETHO Umthetho 200 ka 1993. Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,1993 Umthetho 2 ka 1994. Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Umthetho Ochibiyelwe, 1994 Umthetho 3 ka 1994. Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesibili, 1994 Umthetho 13 ka 1994.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesithathu, 1994 Umthetho 14 ka 1994.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesine, 1994 Umthetho 24 ka 1994.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesithupha, 1994 Umthetho 29 ka 1994.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesihlanu, 1994 Umthetho 20 ka 1995.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe ngo 1995 Umthetho 44 ka 1995.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesibili ngo 1995 Umthetho 7 ka 1996. Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe ngo 1996 Umthetho 26 ka 1996.Umthetho-sisekelo waseNingizimu Afrika,. Ochibiyelwe okwesithathu ngo 1996 UMHLAHLANDLELA (Sicela uqaphele lokhu: Izinombolo emva kwezihloko zimele izinombolo zezigaba) Iculo leSizwe, 4 Umhlaziyizimali-Jikelele, 181,188 Amalungelo Abantu - Ukuvunyelwa ukungena ezinkantolo, 34 Ukuvunyelwa ukuthola ulwazi, 32 Ukusebenza koMqulu, 8 Abantu ababoshiwe, abagqunywe ejele kanye nababekwe amacala, 35 Iphalamende, ukubhikisha, onogada kanye nezikhalo, 17 Abantwana, 28 Ubuzwe, 20 Amasiko, inkolo kanye nezilimi zomphakathi, 31 Imfundo, 29 Ukuqiniswa kwamalungelo, 38 Indawo okuphilwa kuyo, 24 Ukulingana, 9 Isithunzi sabantu, 10 Ukukhululeka kanye nokuphepha komuntu, 12 Ukuvesa imibona ngokukhululeka Ukukhululeka ukuxhumana nabanye abantu, 18 Ukukhululeka kokuya nomaphi kanye nokuhlala noma kuphi, 21 Ukukhululeka ngokwezenkolo, inkolelo kanye nombono, 15 Ukukhululeka ngakwezokuhweba, isikhundla somsebenzi kanye nomsebenzi ofundelwe, 22 Ukunakekelwa ngakwezempilo, ukudla, amanzi kanye nokuphepha komphakathi, 27 Ezezindlu, 26 Ukuhumusha, 39 Umthetho wabasebenzi, 23 Ulimi kanye namasiko, 30 Impilo, 11 Imigomo yamalungelo abantu, 36 Amalungelo ezepolitiki, 19 Ilungelo lokubawedwa, 14 Impahla, 25 Ukuphatha umsebenzi ngendlela efanele, 33 Ukugqilazwa, ubugqila kanye nokusetshenziswa ngempoqo, 13 Isimo esibucayi, 37 Ezokusakaza izindaba, Umgwamanda ozimele wokudlulisa izindaba, 181,192 Ibhajethi, 215 Amabhange, 223 - 225 Uhulumeni wobambiswano, 41 Ubuzwe, 3 Ikhabhinethi, 91 - 99, 101, 102 Ikhomishani yokulingana ngokobulili, 181, 187 Ikhomishani yokugqugquzela kanye nokuvikela amalungelo amasiko, inkolo kanye nolimi lwabantu, 18l, 185, 186 Imithetho enggubuzanayo, 146 - 150 Izinkantolo - Inkantolo yomthethosisekelo, 167 Izinkantolo eziphakeme, 169 Izinkantolo zeziMantshi kanye nezinye, 170 Amandla ezindaba zomthethosisekelo, 172 Inkantolo enkulu yamaJaji, 168 Umbutho wezokuvikela, 200 - 204 Ikhomishani yokhetho, 181, 190, 191 Inqubo yokhetho lwezikhundla zabasingethe umthethosisekelo, okuSheduli 3, Ingxenye A Isigungu esiphakeme - seziFundazwe, 125 seRiphabliki, 85 Umkhandlu Ophakeme, Wesifundazwe, 132 - 141 Ezezimali, Izwelonke, 213, 214, 216, 217 Ezezimali, IsiFundazwe kanye nohulumeni wendawo, 226 -230 Ikhomishani yezimali kanye nezimali zombuso, 220 - 222 Ifulegi, 5 Ukukhokhelwa kwamaqembu ezombusazwe, 236 Ikhomishani yamalungelo abantu, 181, 184 Umkhandlu ozimele wokulawula ukusakazwa kwezindaba, 192 Abaphenyi bezindaba, 209, 210 Umthetho wamazwe ngamazwe, 231 - 233 Umkhandlu wamaJaji, 165 Abasebenzi bomkhandlu wamaJaji, 174 - 177 Ikhomishani lomsebenzi wamaJaji, 178 Indlela yokusebenza kwamaJaji, 166 Izilimi, 6 Ukushaywa komthetho, 73 - 82 IsiShayamthetho, 43, 44 Uhulumeni wendawo/wasekhaya, 152, 163 Omasipala, 151 -164 Iphalamende - Ukwakheka kwalo kanye nokhetho, 46 Ukuthatha izinqumo, 53 Ubufakazi noma ulwazi ngaphambi kwePhalamende likazwelonke, 56 Amandla, 55 Ukuvunyelwa komphakathi, 59 UMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe - Ukwabiwa kwezithunywa, 61 Ukwakheka, 60 Ukuthatha izinqumo, 65 Ubufakazi noma ulwazi ngaphambi kwesiGungu sikazwelonke, 69 Ukubanjwa kweqhaza yizithunywa zezinhlangano zepolitiki esiFundazweni, uSheduli 3, Ingxenye B Ukubanjwa kweqhaza ngabamele ohulumeni bendawo/basekhaya, 67 Izithunywa eziqokwe ngokugcwele, 62 Amandla, 68 Ukuvunyelwa ukungena komphakathi, 72 Iphalamende, 42 Amaphoyisa, 205 - 208 Ondunankulu beziFundazwe, 127 - 130 UMongameli, 83 -89 Amandla okugweba, 179 Izifundazwe, 103 Umthethosisekelo weziFundazwe, 142 - 145 Izishayamthetho zesifundazwe, 104 - 121 Ukusebenza kwamalungu enkantolo yomthethosisekelo, 122 Amalungelo ezithunywa eziqokwe ngokugcwele, 113 Ukuvunyelwa ukungena komphakathi, 118 Ukuphathwa komsebenzi womphakathi, 195 Ikhomishani yokuphathwa komsebenzi womphakathi, 196 Umsebenzi womphakathi, 197 Umvikeli womphakathi, 181, 182 Ezokuphepha, 198, 199 Ukuzimisela, 235 Ubukhulu begunya lomthethosisekelo, 2 Abaholi bendabuko, 211, 212 uMthethosisekelo weRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika ka 1996 Njengoba Wamukelwe Wumkhandlu Odweba uMthethosisekelo Ngomhlaka 8 ku Meyi 1996 Ngokwesichibiyelo Sangomhlaka 11 ku Okuthoba 1996 Umthetho Owodwa weSizwe Esisodwa OKUQUKETHWE Isingeniso 1 Isahluko 1 3 Ukusekwa koMthethosisekelo Isahluko 2 6 UMqulu wamaLungelo Isahluko 3 27 Uhulumeni wobumbano Isahluko 4 29 IPhalamende Isahluko 5 57 UMongameli noMkhandlu kaZwelonke Isahluko 6 65 Izifundazwe Isahluko 7 88 Uhulumeni wendawo Isahluko 8 97 Izinkantolo nokuphathwa kwezobulungiswa Isahluko 9 108 Izikhungo Zombuso Ezeseka Umbuso Wentando Yeningi Isahluko 10 116 Ukuphathwa kwemisebenzi yombuso Isahluko 11 122 Amaziko okuphepha Isahluko 12 129 Abaholi bendabuko Isahluko 13 130 Izimali Isahluko 14 141 Izimiso ezixubile ISheduli 1 146 IFulegi likaZwelonke ISheduli 2 148 Izifungo neziqinisekiso ISheduli 3 152 Inqubo yokhetho ISheduli 4 156 Izindawo zemisebenzi uhulumeni kaZwelonke nabezifundazwe abanamandla okushaya imithetho kuzo Isheduli 5 159 Izindawo zemisebenzi ezingashayelwa imithetho yisiFundazwe kuphela Isheduli 6 161 Amalungiselelo esikhashana Isheduli 7 198 Imithetho echithiwe Umhlahlandlela 199 Contents 206 Universal Declaration of Human Rights Zulu Version Source: Other Sources (Community Law Centre, Durban, South Africa) UMBHALO OGCWELE WOGUNYAZO LWAMALUNGELO OLUNTU JIKELELE Isandulelo Ngokunjalo ukwamukelwa ngokuzuzwa kwesithunzi samalungelo alinganayo najwayelekile awowonke amalunga omndeni wesintu kuyisisekelo senkululeko, sobulungiswa noxolo emhlabeni, Ngokunjalo ukunganakwa nokwedelelwa kwamalungelo esintu kube nomphumela wezenzo zobuqaba eseziqede unembeza kubantu, kanye nomhlaba obhekwe isintu ukuba senamele inkululeko yokukhuluma nokukholwa, inkululeko yokungesabi futhi nokufuna kugunyazwe ugqozi kubobonke abantu, Ngokunjalo kudingekile, uma umuntu engenakuphoqwa ukulandela umgudu othize, njengendlela yokugcina, avukele ababusi nabacindezeli, ukuze amalungelo esintu avikelwe ngokubusa ngomthetho, Ngokunjalo kudingekile ukuba kwenyuswe ukuthuthukiswa kobungane nobudlelwane phakathi kwezizwe, Ngokunjalo abantu beNhlangano yeZizwe bayinqinisile inkolo yabo yengqalasizinda yamalungelo oluntu kuCharter, esithunzini nobuntu emalungelweni alinganayo abesilisa nabesifazane futhi bazimisele ukuqhubela phambili inqubekelaphambili yomphakathi namazinga angcono empilo enkululekweni ethe xaxa, Ngokunjalo aMalunga eMibuso azibophezele mathupha ukuthuthukisa, ngokubambisana neNhlangano yeZizwe, ukuthuthukiswa kwenhlonipho emhlabeni wonke nokuqashelwa kwamalungelo oluntu nengqalasizinda yenkululeko, Ngokunjalo ukuqondwa kahle ngokufanayo kwalamalungelo nenkululeko kubaluleke kakhulu ukuze lokhu kuzibophezela kuqashelwe, MANJE, NGAKHOKE UMGWAMANDA UNQUMA uGunyazo lwaMalungelo oLuntu Jikelele njengezinga elifanayo lokuthuthukiswa kwabantu nezizwe zonke, ekugcineni okuzokwenza ukuthi umuntu ngamunye kunoma isiphi isigaba somphakathi ngokugcina lolawulo emqondweni baphokophelele ngokufundisa nangemfundo ukuphakamisa inhlonipho yalamalungelo nenkululeko futhi nangenqubekelaphambili, ezweni noma emhlabeni jikelele, baqinisekise ukwamukelwa okuvumelekile nokuqashelwa jikelele ndawozombili phakathi kwabantu baMalunga eMibuso qobo lwabo kanye nabantu abangaphansi kwemibuso yabo. Isigaba 1 Bonke abantu bazalwa bekhululekile belingana ngesithunzi nangamalungelo. Bahlanganiswe wumcabango nangunembeza futhi kufanele baphathane ngomoya wobunye. Isigaba 2 Wonke umuntu kumele awathole wonke lamalungelo nenkululeko ebhalwe kuloluGunyazo, ngale kokwehlukaniswa, ngokobuhlanga, ngokwebala, ngokobulili, ngokolimi, ngokwenkolo, ezombangazwe noma umbono, ubuzwe noma imvelaphi, umhlaba, ukuzalwa noma isiphi-ke nje esinye isimo. Ngaphezu kwaloko, akukho kuhlukaniswa okuyokwenziwa ngenxa yezombangazwe, isimo sokwenganyelwa kwezwe noma imingcele yezwe umuntu ahlala kulo, noma ngabe uzimelegeqe, ubanjelwe, ozibuse noma uphansi kolawulo olunqunyelwe. Isigaba 3 Wonke umuntu unelungelo lempilo, lenkululeko nelokuphepha. Isigaba 4 Akekho oyoba isigqila noma agqilazwe, ukuhweba ngezigqila kuyovinjwa ngezindlela zonke. Isigaba 5 Akekho oyohlukunyezwa noma aphathwe ngobulwane ajeziswe ngokwehliswa isithunzi. Isigaba 6 Wonke umuntu unelungelo lokwemukelwa nomaphi njengomuntu phambi komthetho. Isigaba 7 Sonke siyalingana phambi komthetho futhi kufanele umthetho usivikele ngokulinganayo ngale kokubandlulula. Sonke kufanele sivikelwe ngokulinganayo ekubandlululweni, ngokungagcinwa kwaloluGunyazo futhi nasekukhuthazweni kwanoma luhloboluni lobandlululo. Isigaba 8 Wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo oluyilo ezinkantolo ezibekiwe ngezenzo ezephula isisekelo samalungelo anikezwe wona umthethosisekelo noma umthetho. Isigaba 9 Akekho oyoboshwa, avelelwe noma adingiswe ngokungekho emthethweni. Isigaba 10 Wonke umuntu kumele alalelwe obala ngokulingana okugcwele nangeqiniso, inkantolo engavuni futhi ezimele, ekutholweni kwamalungelo akhe nezimiselo zakhe noma ngabe iliphi icala abekwe lona. Isigaba 11 1. Wonke umuntu obekwe icala elidinga isijeziso unelungelo lokuthathwa njengomsulwa kuze kutholakale ukuthi impela unecala ngokomthetho enkantolo evulekile lapho enikwe iziqiniseko ezidingekile zokuzivikela. 1. Akekho oyotholwa enecala ngecala elidinga isijeziso ngenxa yanoma isiphi isenzo noma iphutha elalingelona icala elidinga isijeziso ngaphansi komthetho wezwe noma kazwelonke, ngenkathi lenzeka. Noma anikwe isijeziso esinzinyana kunaleso esasifanele ngenkathi kwenzeka lelocala. Isigaba 12 Akekho okuyogaxekwa, ngokungemthetho ezindabeni zakhe zangasese, emndenini, ekhaya noma ezincwadini azithumelayo nazitholayo, noma ukuhlaselwa kwesithunzi nokuhlonipheka kwakhe. Wonke umuntu unelungelo lokuvikelwa kulokho kuhlaselwa nokugxambukela. Isigaba 13 1. Wonke umuntu unelungelo lokuhamba ngenkululeko nokuhlala phakathi kwemingcele ezungeze imibuso ehlukene. 1. Wonke umuntu unelungelo lokushiya izwe lakhe, futhi abuye abuyele kulo. Isigaba 14 1. Wonke umuntu unelungelo lokucela ukuhlala akhosele kwamanye amazwe ebalekela ukuphathwa kabuhlungu. 1. Lelilungelo alinakusetshenziselwa ukubalekela ukushushiswa okufanele okuvela ngamacala angahlangene nezombangazwe noma ngezenzo ezingqubuzana nezinhloso nemigomo yeNhlangano yeZizwe. Isigaba 15 1. Wonke umuntu unelungelo lobuzwe. 1. Akekho oyokwenqatshelwa ngokungemthetho noma ancishwe ilungelo lokuguqula ubuzwe bakhe. Isigaba 16 1. Abesilisa nabesifazane asebeneminyaka efanele yobudala banelungelo lokuganana bakhe unmdeni, ngale kwezihibe zobuhlanga, ubuzwe noma inkolo. Kufanele babenamalungelo alinganayo ngokomshado, ngenkathi beshadile noma usuhlakazekile umshado. 1. Umshado kuyongenwa kuwo kuphela ngenkululeko nangemvume ephelele yalabo abashadayo. 1. Umndeni uyimvelo nesizinda somphakathi okufanele uvikelwe umphakathi noMbuso. Isigaba 17 1. Wonke umuntu unelungelo lobunikazi bempahla eyedwa noma ehlanganyele nabanye. 1. Akekho oyokwephucwa ngokungekho emthethweni impahla yakhe. Isigaba 18 Wonke umuntu unelungelo lokucabanga ngenkululeko, unembeza nenkolo, lelilungelo lihlanganisa inkululeko yokuguqula ukholo noma inkolelo noma ngabe eyedwa noma nabanye emphakathini, obala noma ngasese, ukucacisa inkolo noma ukukholwa kwakhe ngokufundisa, ngokwenza, nokukhonza nangokulandela. Isigaba 19 Wonke umuntu unelungelo lokuveza umbono ngenkululeko, lelilungelo lihlanganisa inkululeko yokubeka imibono ngaphandle kokuthikanyezwa, futhi nokuthungatha, ukwamukela nokukhipha ulwazi nemiqondo nganoma iyiphi indlela yokusakaza ngale kwezihibe. Isigaba 20 1. Wonke umuntu unelungelo lokuhlanganyela ngokukhululeka embuthanweni woxolo. 1. Akekho oyophoqwa ukuba yilunga lenhlangano. Isigaba 21 1. Wonke umuntu unelungelo lokubamba iqhaza kuhulumeni wezwe lakhe, ngokwakhe ngqo noma ngabakhulumeli abakhethwe ngokukhululekile. 1. Wonke umuntu unelungelo elilinganayo lokuthola usizo lomphakathi olufanayo ezweni lakhe. 1. Intando yabantu yiyo eyoba isizinda segunya likahulumeni. Lentando iyovezwa okhethweni lwempela ngezikhathi ezithile oluyoba ujikelele futhi lufane ndawozonke. Luyokwenziwa ngokhetho oluyimfihlo noma ngenqubo yokhetho olukhululekile. Isigaba 22 Wonke umuntu, njengelunga lomphakathi, unelungelo lukuphepha emphakathini futhi kufanele aziwe, ngemizamo yezwe nokubambisana kukazwelonke futhi nangokuhambisana nezinhlangano nemithombo yeMibuso ehlukene, kwezomnotho, amalungelo amasiko nenhlalo angenakulahlwa ngesithunzi sakhe nokuthuthukisa ubuyena ngenkululeko. Isigaba 23 1. Wonke umuntu unelungelo lokusebenza, nokuzikhethela ngenkululeko umsebenzi, nezimo zomsebenzi ezivunelekile nezilungile futhi nokuvikelwa uma elahlekelwe umsebenzi. 1. Wonke umuntu, ngaphandle kokubandlululwa, unelungelo lokuhola imali efanayo ngomsebenzi ofanayo. 1. Wonke umuntu osebenzayo unelungelo lomholo ofanele novumelekile ukuqinisekisa ubukhona besithunzi sobuntu bakhe nomndeni wakhe, kulekelelwa, uma kundingekile, ezinye izindlela zokuvikeleka komphakathi. 1. Wonke umuntu unelungelo lokubumba noma lokuba ilunga lenyunyana ukuze kuvikeleke izidingo zakhe. Isigaba 24 Wonke umuntu unelungelo lokuphumula nokungcebeleka, kuhlangene nemikhawuko yamahora okusebenza, namakhefu akhokhelwayo ezikhathini ezithize. Isigaba 25 1. Wonke umuntu unelungelo lezinga lempilo nenhlalakahle eyenelisayo yakhe nomndeni wakhe, khuhlangene nokudla, okokwembatha, izindlu, ukunakekelwa ngezokwelashwa kanye nemisebenzi yomphakathi, nelungelo lokuvikeleka uma engasebenzi, egula, ekhubazeka, eshonelwa, eguga noma-ke ikuphi ukukhubazeka okungamehlela ngesimo angenamandla okusinqanda. 1. Omama nabantwana kumele banakekelwe futhi balekelelwe ngokunqala impela. Bonke abantwana noma bezalwe ngaphandle komshado bayothola ukuvikelwa okufanayo emphakathini. Isigaba 26 1. Wonke umuntu unelungelo lemfundo. Imfundo iyotholakala ngesihle, okungenani emabangeni aphansi ayingqalasizinda. Imfundo eyisingeniso iyoba ngeyempoqo. Imfundo yobuchwepheshe neyenzululwazi iyokwenziwa ibe khona ngokwejwayelekile bese kuthi imfundo ephakeme itholakale kubobonke ngobunjalo babo. 1. Imfundo iyoqonda ekuthuthukiseni ubuntu ngokugcwele nasekuqiniseni inhlonipho yamalungelo abantu nengqalasizinda yenkululeko. Iyothuthukisa ukuzwana, ukubekezelelana nobungane phakathi kwezizwe, kwamaqembu ezinhlanga nezenkolo, futhi iyoqhubela phambili imikhankaso yeNhlangano yeZizwe ekugcineni uxolo. 1. Abazali banelungelo lokuqala lokukhetha uhlobo lwemfundo eyonikezwa abantwana babo. Isigaba 27 1. Wonke umuntu unelungelo elikhululekile lokuzimbandakanya empilweni yamasiko omphakathi, athokozele amakhono, ahlomule entuthukweni yezesayensi nasezinzuzweni zayo. 1. Wonke umuntu unelungelo lokuvikeleka kwezifiso ezisemqoka ezingumphumela womkhiqizo wezobusayensi, wombhalo okukanye wekhono elithize abengumsunguli wako. Isigaba 28 Wonke umuntu emphakathini nasemhlabeni kumele athole lamalungelo nenkululeko echazwe kuloluGunyazo. Isigaba 29 1. Wonke umuntu uneqhaza emphakathini okuwukuphela kwendawo lapho ukukhululeka nokuthuthuka kwakhe kungenzeka khona. 1. Ekusebenziseni amalungelo nenkululeko yakhe, umuntu uyokwenza lokho okulinganiselwe njengokulawula komthetho, ngenhloso eyodwa yokuqinisekisa ukwamukelwa nenhlonipho yamalungelo nenkululeko yabanye abantu, futhi nokuhlangabezana nezidingo ezinobulungiswa nobuqotho, ukuqonda komphakathi kanye nezenhlalakahle jikelele emphakathini wentando yeningi. 1. Lamalungelo nenkululeko akunakusetshenziswa ngokuphambana nezinhloso nemigomo yeNhlangano yeZizwe. Isigaba 30 Akukho lutho okukuloluGunyazo okuyohunyushwa ngokuthi kuthi uMbuso mumbe, iqembu noma umuntu unelungelo lokwenza noma isiphi isenzo sokuthikameza noma imaphi amalungebo nenkululeko echazwe ngaphezulu. (c) Copyright 1998 Office of the United Nations High Commissioner for Human Rights Geneva, Switzerland Isitatimende Esibukeziwe Sohlelo Lwezifundo Sikazwelonke Samabanga R-9 (Ezikoleni) Incazelojikelele (UMnyango Wezemfundo) Sishicilelwe nguMnyango WeMfundo Sol Plaatje House 123 Schoeman Street Pretoria Private Bag X 895 Pretoria Ucingo: + 27 (12) 312 5911 Ifeksi: + 27 (12) 321 6770 I Website: http://education.pwv.gov.za Ilungelo lokushicilela lingeloMnyango weMfundo eNingizimu Afrika. Amakhophi alo mbhalo oshicilelwe, angatholakala ehhovisi lomqondisi: wezokuxhumana kuzwelonke nasezifundazweni, uMnyango weMfundo, ePitoli. Ucingo: (012) 312 5410 ISBN 1-919917-08-X Gazette No.: 23406, Vol. 443, May 2002 Lo mbhalo kumele ufundwe njengengxenye yesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke lwebanga R-9 (ezikoleni). Lesi sitatimende sohlelo lwezifundo sikazwelonke sibandakanya lokhu okulandelayo: 1. Incazelojikelele 2. Izitatimende zemikhakha yezifundo eziyisishiyagalombili OKUBHEKISWE KOFUNDAYO Umnyango wemfundo wethula ngokukhulu ukuziqhenya lesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke samabanga R-9 (ezikoleni) ngazo zonke izilimi eziyishumi nanye zaseNingizimu Afrika. Ukuhunyushwa kwalo msebenzi bekuyinto engelula neze. Isikhathi esiningi abantu abekade benza lo msebenzi wokuhumusha kade bephoqeleka ukuthi basungule amagama amasha kwezinye izindawo. Le mibhalo-ke ike yathunyelwa nakubantu abangongoti kulezi zilimi ukuthi nabo bayicubungule. Umnyango wemfundo uthatha le mibhalo njengesiqalo sokukhulisa nokuthuthukisa izilimi zethu. Ngakho-ke sikhuthaza wonke umuntu osemkhakheni wemfundo ukuba ayisebenzise le mibhalo njengesisekelo senqubekelaphambili nokuzithuthukisa. Isandulelo 1 Isethulo 2 Isendlalelo 4 Umthethosisekelo, lokho okusemqoka okubalulekile ukwakha 8 ubuzwe kanye nohlelo lwezifundo Uhlobo lomfundi olulindelekile 10 Uhlobo lukathisha olulindelwe 11 Isakhiwo sesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo 11 sikazwelonke sezikole (amabanga R-9) Izimiso zesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke 12 Ukuhlalisana okuhle phakathi kwabantu, indawo enempilo 13 esihlala kuyo, ukuhlonipha amalungelo esintu kanye nokuhlanganyela kwawo wonke umuntu Imfundo eyakhelwe phezu kwemiphumela/ imfundomiphumela 13 Amakhono nolwazi olusezingeni eliphezulu kubo bonke abantu 15 Ukucacisa mayelana nokuthi ulwazi ngalolu hlelo lwemfundo 16 luzotholakala kanjani Ukwakha ubudlelwane phakathi kwezifundo zizodwa kanye 16 nenqubekelaphambili yabo Isakhiwo kanye nemiqondo esetshenzisiwe ezitatimendeni 17 zemikhakha yezifundo Yini umphumela wokufunda? 18 Yini indlela yokuhlola? 18 Yehluke ngani indlela yokuhlola emiphumumeleni yokufunda? 19 Izinhlelo zokufunda 19 Izinhlelo zokufunda zezinga ngalinye 20 Imihlahlandlela yezinhlelo zokufunda 21 Ukwabiwa kwezikhathi 22 i Ikhasi Incazelojikelele Contents Contents Ukuhlola 24 Isitifiketi semfundo nokuqeqesha 24 Imikhakha yezifundo: Izincazelo kanye nemiphumela yezifundo 25 Izilimi 25 Incazelo 25 Imiphumela yokufunda izibalo 26 Izibalo 27 Incazelo 27 Imiphumela yokufunda izibalo 27 Injula yolwazi lwemvelo noma isayensi 28 Incazelo 28 Imiphumela yokufunda izibalo 29 Injula yolwazi ngenhlaliswano yabantu 29 Incazelo 29 Imiphumela yokufunda izibalo 30 Ubuciko kanye namasiko 31 Incazelo 31 Imiphumela yokufunda izibalo 32 Injula yolwazi lwempilo 33 Incazelo 33 Imiphumela yokufunda izibalo 33 Injula yolwazi lwezomnotho nokuphatha 34 Incazelo 34 Imiphumela yokufunda izibalo 34 Ubuchwepheshe 35 Incazelo 35 Imiphumela yokufunda izibalo 36 ii Ikhasi Incazelojikelele Ukuhlela kabusha uhlelo lwezifundo lukazwelonke kuyinto ecela inselelo kuleso naleso sizwe. Umnyango wethu wemfundo nawo wethula olwawo uhlelo lwezifundo oluveza umqondo esinawo nendlela esibona ngayo umphakathi wezwe lakithi, esiwubona ngokubheka izingane nabafundi esibakhiqizayo ngokwalolo nalolo hlelo esisuke silusebenzisa. Ngesikhathi kukhethwa okuyizona zinto okufanele zifakwe ohlelweni lwezifundo, kwabekwa phambili lokho okusemqoka okuyikhona kwakha 'imfundo enhle'. Lolu hlelo lwezifundo lubhalwe ngabantu baseNingizimu Afrika, belubhalela abaseNingizimu Afrika, begqamisa imigomo nezimiso zentando yeningi. Lolu hlelo luqoqela ndawonye iphupho esinalo ngothisha nabafundi. Sifisa ukuba nothisha nabafundi abanolwazi lwezimo ezahlukahlukene zempilo. Kumele kube abantu abanozwelo ezindabeni ezithinta indawo abakuyo nabazokwazi nokumelana nezinselelo iNingizimu Afrika esazohlangabezana nazo kule minyaka eyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanye esikuyo. Kumele nokho sibhekane neqiniso lokuthi kukhona lokho uhlelo lwezifundo oluzophumelela kuko nalokho olungezuphumelela kuko. Ukungalingani nobuphofu kusadlangile ekuphazamiseni imfundo yemindeni eminingi nezingane zayo kuleli lizwe lakithi. Uhlelo lwezifundo-ke luyaye luhunyushwe ngezindlela ezingefani ezimweni ezahlukahlukene. Sizozama nokho ukulwenza ngcono thina lolu olwethu hlelo, siphinde fithi silwele ukulusebenzisa ngempumelelo. Sizokwenza imizamo enamandla ngokusemandleni ethu onke esinawo ukwenza ukuthi leli phupho lethu lifezeke ngokuthi sibhekane nazo zonke izindaba ezithinta ukufunda nokufundisa lapha ezweni lakithi. Loku kudinga ukuzimisela okukhulu nokuthi wonke umuntu osebenza emfundweni abambe iqhaza elinqala. Sidinga ukusebenzisana okuphelele phakathi kuka hulumeni, abazali, othisha, abafundi kanye nomphakathi wonkana ngoba laba esibabalile bayizinsika zokuphumelela kwemfundo. Ngiyethemba ukuthi lesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke, sizohlanganisa izifiso ezizokhuthaza ukusebenzisana okufaka wonke umuntu wakuleli lizwe laseNingizimu Afrika. USOLWAZI KADER ASMAL, ILUNGA LEPHALAMENDE UNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO 1 Ikhasi Incazelojikelele Isandulelo Isandulelo Emhlanganweni ophuthumayo womhla ziyi-12 ku Septemba we-1997, abaphathi bekomidi lomnyango wezemfundo baphakamisa uhlaka lwesitatimende sohlelo lwezifundo sikazwelonke samabanga R - 9 ukuze lwamukelwe ngungqongqoshe. Lolu hlaka lwethulwa futhi lwavunywa umkhandlu wongqongqoshe bemfundo, emhlanganweni womhla zingama-29 ku Septemba we-1997 njengezingxenye ezintathu zemibhalomgomo, okungowezinga eliyisisekelo lemfundo, izinga eliphakathi kanye nezinga eliphakeme. Emhlanganweni wangomhla ka Juni wezi-2000, umkhandlu wongqongqoshe bemfundo wavuma ukuthi lolu hlaka lwesitatimende sohlelo lwezifundo sikazwelonke lwamabanga R - 9 kumele lubukezwe lulandele izincomo zombiko wekomiti ebukezayo (wangomhla zingama-31 ku Meyi wezi-2000) mayelana nokuqondisa nokuhlela kabusha uhlelo lwezifundo lwezi-2005. Emuva kwalokho kwamiswa ikomidi elakhethwa ungqongqoshe, ukuba lihlele futhi liqondise kabusha uhlelo lwezifundo lwezi-2005. Indlela yokubukeza yaqalwa ngo Januwari wezi-2001 ngabasunguli balolu hlelo lwezifundo abayi- 150 ababevela emkhakheni wemfundo. Mhla zingama-31 ku Julayi, uhlaka lwesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke sethulwa ukuze umphakathi ubeke imibono yawo esikhathini esiyizinyanga ezintathu. Ngenyanga ka Novemba, umphakathi wanikezwa futhi ithuba lokukhuluma ngalolu hlelo lwezifundo. Emva kokuba umphakathi uthumele imibono yawo neziphakamiso, le mibono yahlaziywa yiqembu elalikhethiwe lekomidi likangqongqoshe, yahlanganiswa ngoDisemba wesi 2001 ukuthasisela lezo zinguquko ezaziphakanyisiwe. Lesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo siwumphumela walo msebenzi obalulwe lapha ngenhla. Lo mbhalo kanye nezitatimende zemikhakha yezifundo eziyisishiyagalombili ezishicilelwe njengesengezelelo, uyisisekelo okwakhelwe kuso lesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke samabanga R- 9 (ezikoleni). Isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke samabanga R- 9 (ezikoleni) sona sizothatha indawo yesitatimende sohlelo lwezifundo sikazwelonke samabanga R - 9 esavunywa ngonyaka we-1997, uma sesifakwe ngokomthetho njengohlelo lwezifundo. 2 Ikhasi Incazelojikelele Isethulo Isethulo Kuzosungulwa isu lokusebenza elihlelwe kahle nelizobandakanya wonke umuntu, ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukufakwa kwalesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke kuyaphumelela. Umthethomgomo wokuhlola okhona womhla zingama-23 ku Disemba we-1998 (emqulwini kahulumeni oyinombolo yezi-19640) kanye nomthethomgomo wolimi emfundweni wangomhla ziyi-14 ku Julayi we-1997 (emqulwini kahulumeni oyinombolo yezi-17997) kumele ufundwe kanye nesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke amabanga R-9 (ezikoleni). Umthethomgomo wokuhlola kumele ufundwe kanye nengxenye efanele yesitatimende somkhakha wesifundo ngamunye. Umthethomgomo ophathelene nokunikezwa kwezitifiketi uzoma kanjalo ngeke ushintshe kuze kufike onyakeni wezi-2008. Emva kwaloko isitifiketi semfundo nokuqeqeshwa esihambisana nesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke nengxenye efanele yisona esesiyosetshenziswa. Isitifiketi semfundo nokuqeqeshwa emfundweni ephoqelelwe siyoba yisiqiniseko esipheleleyo sezikole futhi yisona esiyokwenza kufinyelelwe emiphumeleni ngokuthi kusetshenziswe izindlela eziyizo zokuhlola ebangeni lesi-9. UMQONDISI JIKELELE THAMI MSELEKU 3 Ikhasi Incazelojikelele Uhulumeni wentando yeningi waseNingizimu Afrika wamukela kuhulumeni waphambilini uhlelo lwemfundo eyehlukene nengalingani. Ngaphansi kukahulumeni wobandlululo, iNingizimu Afrika yayineminyango yemfundo eyehlukene eyishumi nesishiyagalolunye. Le minyango yayihlukaniswe ngokobuhlanga, ngokwezindawo abantu ababehlala kuzo kanye nangokomqondo wezombusazwe wangaleso sikhathi. Lolu hlobo lwemfundo lwalulungiselela izingane izikhundla okwakulindeleke ukuthi zingene kuzo emphakathini ngezindlela ezahlukene, kwezomnotho kanye nasempilweni yezepolitiki ngaphansi kobandlululo. Emnyangweni ngamunye kuleyo eyayikhona, uhlelo lwemfundo lwabamba iqhaza elikhulu ekugcizeleleni ukungalingani phakathi kwabantu. Lokho okwakufundiswa ezikoleni, indlela okwakufundiswa ngayo kubantwana noma ngabe kwakufundiswa kwakwehluka kuya ngokwezindima okwakubhekeke ukuba babhekane nazo emphakathini jikelele. Ukuguquka kohlelo lwemfundo eNingizimu Afrika kwasemva kobandlululo kuqale emva kokhetho lwe-1994 lapho umkhandlu wemfundo nokuqeqesha kazwelonke (NETF) waqala uhlelo lokubukeza isilabhasi kanye nokwenziwa ngcono kwezifundo. Injongo yalolu hlelo ikakhulukazi kwakuwukubeka isisekelo sesilabhasi eyodwa kazwelonke. Ukwengeza kulokhu kulungiswa nokuhlanganiswa kwamasilabhasi ayevele ekhona, abathuthukisi bohlelo lokufunda lomkhandlu wemfundo nokuqeqesha kazwelonke basusa ulimi olubandlulula ngokobuhlanga kanye nalolo oluthunazayo kumasilabhasi ayekhona. Kwakungokokuqala ngqa ukuthi izinqumo ezithinta uhlelo lokufunda zenziwa ngendlela ebandakanyayo nenokumelwa kwabo bonke abathintekayo. Noma belukhona uhlelo lomkhandlu wemfundo nokuqeqesha kazwelonke kodwa belungelona uhlelo obeluhlose ukuthuthukisa uhlelo lwezifundo. Umbhalo mayelana nemfundo umuntu ayifunda impilo yakhe yonke, ngaphansi kohlaka lwezifundo lukazwelonke lwe-(1996) wawuyisitatimende sokuqala sohlelo lwezifundo esisemqoka seNingizimu Afrika ebuswa ngentando yeningi. Waqanjwa ngemigomo eyasuselwa kumthethosivivinywa weMfundo nokuQeqesha we-(1995), uMthetho weziQiniseko zeMfundo waseNingizimu Afrika unombolo yama-58 we-(1995) kanye noMthetho 4 Ikhasi Incazelojikelele Isendlalelo Isendlalelo obhekene noMgomo weMfundo kaZwelonke oyinombolo yama-27 we-(1996). Ngokomthethosivivinywa wemfundo, kugcizelelwa isidingo sokwenza inguquko enkulu emfundweni nasekuqeqesheni eNingizimu Afrika. Lokhu kwenzelwa ukulungisa nokuguqula ukufunda nokufundisa eNingizimu Afrika. Kubuye kugcizelelwe isidingo sokuguquka endleleni yokufunda yakudala kuguqukelwe emfundweni eyesekelwe emiphumeleni. Lo mthethosivivinywa uthuthukisa umbono: Wezwe elinempumelelo, elibumbene ngokweqiniso, elibuswa ngentando yeningi, elikwazi ukuqhudelana namazwe omhlaba jikelele, elinezakhamuzi ezikwazi ukufunda nokubhala, ezinamakhono okuqamba nokuhlolisisa, eziphila impilo enokweneliseka ezweni elingenalo udlame, elingenalo ubandlululo nelingenzeleli. UMthethomgomo weMfundo kaZwelonke (oyinombolo yama-27 we-1996) yiwona owahlelela ukuba kuqhanyukwe nala masu alandelayo, okuyiwona azosetshenziswa ekwakheni uhlelo lwemfundo olusha olusekelwe emiphumeleni yokufunda: ??Imiphumela ehlanganisa imikhakha eyahlukene yempilo (ezokwaziwa kamuva njengemiphumela ehlaziyayo nethuthukisayo, eqale ukwakhiwa uMthetho woMkhandlu weziQiniseko waseNingizimu Afrika (SAQA) we- 1995) ??Imiphumela ngqo elindelekile ??Izitatimende ezisabalele ezehlukahlukene ??Izindlela zokuhlola ??Izinkomba zokwenziwayo emfundweni ??Ukuhlelwa kwesikhathi esizosetshenziswa emfundweni ngendlela eyiyo. ??Ukuhlola okuqhubekayo nokuthi imiphumela yalokho okuhloliwe iqoshwe phansi kwenziwe nemibiko ngayo. Kukhona-ke namanye amasu engeziwe okwakha lolu hlelo lwezifundo, wonake akhiwa emuva kowe-1996, abandakanya lokhu okulandelayo: ??Ukuhlela ngokwezigaba ??Ukuhlelwa kwezinhlelo ??Okuyiwona mazinga alindelekile njengemiphumela yalokho obekade kwenziwa. ??Izinhlelo zokufunda 5 Ikhasi Incazelojikelele NgoOkthoba we-1997, isitatimende sohlelo lwezifundo sikazwelonke sezi-2005 sashicilelwa ngokwezimiso zesaziso sikahulumeni esiyinombolo ye-1445. Umthethomgomo wokuhlola emfundweni edidiyele yamabanga R-9 nemfundo yabadala eyisiqalo, waqalwa ngoDisemba we-1998 (Umthetho we-19640). Wethulwa ezikoleni ngonyaka we-1998. Uhlelo lwezifundo lwezi-2005 nokusetshenziswa kwalo kwahlolisiswa yikomiti likangqongqoshe ngonyaka we-2000. Inhloso yalokhu kuhlolisisa kwakuwukwakhiwa nokuhlelwa kohlelo lwezifundo, ukwembulela othisha ngalokho okulindeleke kubo, ukuqeqesha othisha nokuthuthukisa izinga lemfundo, izinsizakufunda nokufundisa, nokusekelwa kothisha ezikoleni yiminyango yezifundazwe kanye nokulandela izikhathi ezihlelwe ukwenza umsebenzi. Emuva kokuba ikomiti likangqongqoshe elibukezayo selihlolisisile, labe selethula umbiko walo ngomhla zingama-31 ku Meyi wezi-2000. Leli komiti elibukezayo lenza izincomo zokuthi, ukuze kuqiniswe uhlelo lokufunda, kufanele kuhlelwe kabusha isakhiwo salo nokuthi kwenziwe lula ulimi lwalo bese kwethulwa kabusha lokhu ngokukhipha isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke. Labuya futhi leli komiti laphakamisa ukuthi lesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo kumele sinciphise izinhlaka obekade kwakhiwe ngazo lolu hlelo lokufunda zisuke kweziyisishiyagalombili ziye kwezintathu, okuyilezi: imiphumela ehlaziyayo nethuthukisayo, imiphumela yezifundo nemithetho yokuhlola. Kumele futhi isitatimende lesi sibeke bucace bha ubudlelwane obukhona phakathi kohlelo lwezifundo kanye nokuhlola. Ngaphezulu kwalokho, leli komiti laphakamisa ukuthi ukusetshenziswa kwalesi sitatimende kumele kuqiniswe ngokuthi kukhushulwe izinga lokuqeqeshwa kothisha, kuthuthukiswe izinga lezinsizakufunda nezinsizakufundisa kanye nokuthi imfundo ithole ukwesekelwa okuphelele yizifundazwe. Labuye futhi leli komiti laphakamisa ukuthi kuxegiswe izikhathi ezibekelwe ukusetshenziswa. NgoJuni wezi-2000, uMkhandlu woNgqongqoshe beMfundo wazivuma lezi ziphakamiso zohlelo lwezifundo zekomiti elibukezayo. NgoJulayi wezi-2000, ikhabinethi yona yanquma ukuthi: Ukuthuthukiswa kwesitatimende sohlelo lwezifundo sikazwelonke, esizobeka ngolimi olulula nolucacile ukuthi yini efuneka kulolu hlelo lwezifundo emazingeni nasezigabeni ezahlukene kufanele kuqale ngokushesha. Leso sitatimende esinjalo kufanele sibuye sibhekane nezikhalo zokuthi uhlelo lwezifundo lungathweswa umthwalo onzima othisha 6 Ikhasi Incazelojikelele abangezukukwazi ukuwuthwala. Kufanele futhi sinikeze incazelo ecacile yokuthi umfundi uzobe esezuze lwazi luni, namakhono mani nokuthi iyiphi indlela yokuziphatha esingayilindela kuye emuva kokuba esephothulile ngokwalolu hlelo lwemfundo. Ukubukezwa kohlelo lwezifundo lwezi-2005 kwaveza uhlaka lwesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke. Lolu hlaka lwesitatimende sohlelo lwezifundo lukazwelonke lwanikezwa umphakathi ukuze uphawule ngalo ngomhla zingama-30 kuJulayi wezi-2001. Lwabuye lwabukezwa ngokweziphakamiso zomphakathi phakathi konyaka wezi-2001/2002. Okufanele kucace ukuthi isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke asilona uhlelo lwezifundo olusha kodwa senzelwe ukuhlela nokuqinisa kabusha uhlelo lwezifundo lwezi-2005 bese siqinisekisa ukuthi imigomo nezinhloso zemfundo esekelwe phezu kwemiphumela yezifundo ziyaphumelela. Ngalesi sikhathi, lolu hlelo lokubukeza uhlelo lwezifundo lusaqhubeka, izikole zona ukusukela ebangeni-R kuya ku-9 zisazoqhubeka ngokwezimiso nemigomo ebisebenza phambilini. Uma isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke samabanga R-9 (ezikoleni) sesiba ngumthethomgomo, sizothatha indawo yesitatimende sohlelo lwezifundo samabanga R-9 esavunywa ngonyaka ka-1997. Ukungeniswa ngokusemthethweni kwesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo ezingeni eliyisisekelo kuhlelelwe ukuqala ngonyaka wezi-2004. Le ncazelo jikelele yethula iphinde inikeze isendlalelo kuzitatimende zemikhakha yezifundo eziyisishiyagalombili, ezakha isisekelo sesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke samabanga R-9 kule nhlanganisela yemfundo nokuqeqesha. 7 Ikhasi Incazelojikelele Umthethosisekelo waseNingizimu Afrika, (Umthetho we-108 we-1996) unikeza isisekelo sokuguqulwa nokuthuthukiswa kohlelo lokufunda eNingizimu Afrika entsha. Amazwi okuqala omthethosisekelo abeka ukuthi izinhloso zomthethosisekelo yilezi: ??Ukuqeda ukwehlukana kwaphambilini kanye nokwakha umphakathi owesekelwe kulokho okusemqoka okubalulekile mayelana nentando yeningi, indlela enhle yokuhlalisana komphakathi kanye nokubhekela amalungelo esintu ayisisekelo ??Ukuthuthukisa indlela yempilo engcono yomphakathi wonke kanye nokukhululwa kwekhono lomuntu ngamunye ??Ukwakha isisekelo somphakathi obuswa ngentando yeningi lapho uhulumeni enza njengokufisa kwabantu nalapho leso naleso sakhamuzi sivikelekile ngaphansi komthetho. ??Ukwakha iNingizimu Afrika ebumbene nebuswa ngentando yeningi futhi ezokwazi ukubamba iqhaza elibonakalayo njengombuso ozimele phakathi kwezizwe ezahlukene zomhlaba. Isethulo salokhu okusemqoka, imfundo kanye nentando yeningi (Umnyango weMfundo, 2001) siveza amaphuzu ayishumi abalulekile ngokomthethosisekelo, okuyilawa: ??Intando yeningi ??Indlela enhle yokuhlalisana emphakathini kanye nokulingana kubantu bonke ??Ukungabandlululi ngokobuhlanga nangokobulili ??Ubuntu (ukuhlonishwa kwabantu) ??Umphakathi ovulelekile owamukelayo 8 Ikhasi Incazelojikelele Umthethosisekelo, lokho okusemqoka okubalulekile ukwakha ubuzwe kanye nohlelo lwezifundo Umthethosisekelo, lokho okusemqoka okubalulekile ukwakha ubuzwe kanye nohlelo lwezifundo ??Ukumela izinqumo (ukubhekana nokusemahlombe akho) ??Inhlonipho ??Isandla somthetho ??Ukubuyisana Lapha kubuye kwavezwa amanye amasu ayi-16 okwenza intsha yaseNingizimu Afrika yazi ngobumqoka bomthethosisekelo. La masu avezwe kahle kulesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke. Wona-ke abandakanya lokhu okulandelayo: ??Ukugqugquzela isiko lokuxhumana kubafundi nokuthi bakwazi ukuhlanganyela nabanye kokwenziwayo esikoleni. ??Ukuba yisibonelo esihle: ngokuthi kukhuthazwe ukuzibophezela kothisha babuye futhi baveze amakhono abo athile. ??Ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika uyakwazi ukufunda, ukubhala, ukubala kanye nokucabanga ngendlela eyiyo. ??Ukukwazi ukuhlanganisa okwenziwa ekilasini kanye namalungelo esintu ??Ukukwazi ukwenza ubuciko namasiko kube yingxenye yohlelo lwezifundo ??Ukukwazi ukubuyisela isifundo somlando ohlelweni lwezifundo ??Ukukwazi ukufunda ngenhlanganisela yamasiko, izinkolelo nemibono eyehlukene eyakha leli zwe lakithi laseNingizimu Afrika. ??Ukukwazi ukwenza ukusetshenziswa kwezilimi eziningi kube yimpumelelo ??Ukusebenzisa ezemidlalo ekwakheni ubumbano kwezokuhlalisana nasekuthuthukiseni ukwakhiwa kwesizwe ezikoleni ??Ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu bayakwazi ukufinyelela emfundweni ngokulinganayo ??Ukugqugquzela ukungacwasani ngokobuhlanga ezikoleni. ??Ukuvulela amathuba ngokulinganayo kubafana namantombazane ukuthi baveze amakhono alokho abangakwazi ukukwenza. ??Ukubhekana nenkinga yesandulela ngculazi nengculazi uqobo lwayo kanye nokuthuthukisa indlela yokuziphatha mayelana nezindaba zocansi kanye nasemphakathini imbala. ??Ukwenza izikole kube yizindawo eziphephile ekufundeni nasekufundiseni kanye nokuqinisekisa ukusebenza kwesandla somthetho ??Ukugqugquzela ukuziphatha kanye nokunakekelwa kwezemvelo ??Ukukhuthaza intshisekelo yothando lobuzwe bakho nokwazisana ngokobuzwe. 9 Ikhasi Incazelojikelele Umthethosisekelo uveza ukubaluleka kokuhlalisana kwabantu kubhekwe kakhulu amalungelo esintu kanye nalokho okufanele kwenziwe yizakhamuzi kanye nendima yazo ebanzi ekwakheni iNingizimu Afrika ebuswa ngentando yeningi. Umthethosivivinywa wamalungelo esintu ubeka phambili ukubaluleka kokulingana, ukuhlonishwa kwesithunzi somuntu, ilungelo lempilo nenkululeko kanye nokuphepha kwabantu bonke. Lokhu kanye namanye amalungelo enkululeko yezenkolo kanye nenkolelo, ukukhuluma ngokukhululeka nokuzibandakanya, kuyizithupha ziya ogwayini namalungelo ezokuhlalisana ngokwezomnotho. Umuntu ngamunye unelungelo lokukhululwa ebuphofini, ngokuthi abe nendawo yakhe yokufihla ikhanda nokuthi avikeleke angabhekani nesimo sempilo esingesihle kanye nendlala. Isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke sizama ukuhlanganisa loku okubalulekile elwazini nasemakhonweni esiwathuthukisayo. Sigqugquzela ukuthi bonke abafundi babe nolwazi nokuqonda ngale ngcebo eyinhlanganisela yamasiko nezinkolelo kanye nemibono eyahlukene okuhlangene kwakha izwe elilodwa laseNingizimu Afrika. Inselelo ebhekene nalesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo ukuthi izinhloso zokubaluleka kobulungisa ekuhlalisaneni, okungukulingana nentando yeningi zingahlanganiswa kanjani kuzo zonke izinhlelo zezifundo. Ukugqugquzela izinto ezibalulekile empilweni akwenzelwa nje kuphela ukuthuthukiswa komuntu ngamunye kodwa kubuye kuveze isithombe esakhelwe ezintweni ezibalulekile nezehlukile kulezo ezaziyizikhonkwane zemfundo ngesikhathi sobandlululo. Uhlobo lomfundi olindelekile yiloyo ozokwazi okusemqoka abuye abhekane nezidingo zomphakathi ezakhelwe phezu kokuhlonipha intando yeningi, ukwazi ukuthi bonke abantu bayalingana, ukuhlonipha isithunzi somuntu, ukuhlonipha ilungelo lomuntu lokuphila nokuba nomphakathi onobulungiswa. Lolu hlelo lwezifundo luhlose ukuthuthukisa ikhono eligcwele lomfundi ngamunye.oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika ebuswa ngentando yeningi. Luzama ukwakha umfundi oyofunda impilo yakhe yonke, umfundi 10 Ikhasi Incazelojikelele Uhlobo lomfundi olulindelekile Uhlobo lomfundi olulindelekile onokuzethemba nokwaziyo ukuzimela. Kumele kube umfundi okwazi ukufunda nokubhala, okwazi ukubala nonamakhono ahlukahlukene. Kufanele abe nesihawu, akwazi ukuhlonipha imvelo emzungezile futhi abe nekhono lokuhlanganyela emphakathini njengesakhamuzi esikhuthele nesilibambayo iqhaza. Othisha kuwo wonke amazinga baneqhaza abalibambayo ekuletheni izinguquko emfundweni yaseNingizimu Afrika. Lesi sitatemende sohlelo lwezifundo sikazwelonke silindele othisha abaqeqeshiwe, abawenza kahle nangokuzinikela umsebenzi wabo nabanakekelayo. Lokhu kuzokwenza bakwazi ukufeza izidingo njengoba zibekiwe enkambisweni yokulindelekile kothisha yonyaka wezi-2000 (umqulu kahulumeni ongunombolo wezi-20844). Ngokwalezi zimiso othisha bathathwa njengabaxhumanisi emfundweni, yibona abahumusha babuye bahlele izinhlelo zezifundo. Yibona abangabaholi, abasingathi, abaphathi bemfundo, abacwaningi nongoti emikhakheni eyahlukene yokufunda. Benjalo nje kulindeleke ukuthi nabo babonakale bengamalunga amukelekile omphakathi nezakhamuzi ezihloniphekile zezwe lakithi. Kulindeleke ukuba babe abantu abahlale belubalubela ulwazi olusha, okuzobenza bakwazi ukubona ukuthi imfundo yabantwana bethu ingeyiyona yona. Isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo lukazwelonke siqukethe umbhalo onikeza incazelo jikelele kanye nemikhakha eyisishiyagalombili yezifundo. 11 Ikhasi Incazelojikelele Uhlobo lukathisha olulindelwe Uhlobo lukathisha olulindelwe Isakhiwo sesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke sezikole (amabanga R-9) Isakhiwo sesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke sezikole (amabanga R-9) Kunemikhakha eyisishiyagalombili yezifundo esohlelweni lwezifundo lukazwelonke. Umkhakha ngamunye wokufunda uyisizinda solwazi namakhono abalulekile, othi noma wehlukile komunye kepha ube unobudlelwane neminye imikhakha yezifundo. Lokhu kusho ukuthi le mikhakha yezifundo eyehlukene iyaxhumana ngandlela thize njengoba yonke iyizizinda zolwazi. Le mikhakha yezifundo yilena elandelayo: ??Umkhakha wezilimi ??Umkhakha wezibalo ??Umkhakha wenjula yolwazi lwemvelo ??Umkhakha wobuchwepheshe ??Umkhakha wenjula yolwazi ngenhlalo yabantu ??Umkhakha wobuciko kanye namasiko ??Umkhakha wezempilo ??Umkhakha wenjula yolwazi lwezomnotho nezokuphatha Yilowo nalowo mkhakha udingida kabanzi ngobudlelwano phakathi kwamalungelo esintu, indawo ephephile esiyakhele nendlela eyiyona yona yokuhlalisana phakathi kwabantu. Lolu hlelo lwemikhakha yezifundo lusinikeza umhlahlandlela walokho okulindelekile nokuyizidingo zemfundo kusukela emabangeni R kuya ku 9. Isitatimende esibukeziwe sohlelo lokufunda sikazwelonke sezikole (amabanga R-9) sakhelwe phezu kombono nalokho okubalulekile okuvela kumthethosisekelo wezwe lethu kanye nohlelo lwemfundo luka-2005. Lezi zimiso zifaka lokhu: 12 Ikhasi Incazelojikelele Izimiso zesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke Izimiso zesitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke Uhlelo lwemfundo luneqhaza elinqala elingalibamba ekwaziseni umphakathi ngokuhlobana okukhona phakathi kwamalungelo esintu, indawo enempilo esihlala kuyo, ukuhlalisana okuhle phakathi kwabantu nokuhlanganyela kwawo wonke umuntu. Kwamanye amazwe uhlelo olunjena lwenziwa ngokuthi kube nesifundo esifundisa ngamalungelo esintu nalokho okulindeleke kuzakhamuzi. Isitatimende esibukeziwe sohlelo lokufunda sikazwelonke sizamile ukuqinisekisa ukuthi yonke imikhakha yezifundo iveze ngokusobala izimiso zayo mayelana nokuhlalisana okuhle phakathi kwabantu, ukuhlonishwa kwendawo esihlala kuyo kanye namalungelo esintu njengoba echazwe kumthethosisekelo wezwe. Uhlelo lokufunda lolu luzama ikakhulukazi ukuba nozwela ezindabeni ezithinta ubuphofu, ukungalingani ngokwamazinga empilo, ubuhlanga, ubulili, ubudala, ukukhubazeka, kanye nenselelo yesandulela ngculazi nengculazi uqobo lwayo. Isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke sikhetha indlela edidiyelayo ngokuthi sigqamise izidingo ezimbalwa zabafundi. Lezo zidingo ngqo zabafundi ezifana nemfundo, ezokuhlalisana kwabantu, ezithinta imizwa kanye nomzimba womuntu, zonke zizobhekelwa ngenkathi sekwakhiwa futhi kuthuthukiswa izinhlelo zezifundo ezifanele. Imfundo eyakhelwe phezu kwemiphumela ithatha ukufunda njengento ebaluleke njengalokhu kubaluleke okufundwayo ezikhungweni zemfundo. Kokubili ukufunda kanye nokufundwayo kugcizelelwa ngokuthi kuvezwe ukuthi yimiphi imiphumela okumele itholakale emuva kokuba sekwenziwe. Esitatimendeni esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke, imiphumela yokufunda kanye nezindlela zokuhlola kususelwa emiphumeleni okufanele itholakale. 13 Ikhasi Incazelojikelele Ukuhlalisana okuhle phakathi kwabantu, indawo enempilo esihlala kuyo, ukuhlonipha amalungelo esintu kanye nokuhlanganyela kwawo wonke umuntu Ukuhlalisana okuhle phakathi kwabantu, indawo enempilo esihlala kuyo, ukuhlonipha amalungelo esintu kanye nokuhlanganyela kwawo wonke umuntu Imfundo eyakhelwe phezu kwemiphumela/imfundomiphumela Imfundo eyakhelwe phezu kwemiphumela/ imfundomiphumela Le miphumela ehlaziyayo nethuthukisayo iwuhlu lwemiphumela ethathelwe kumthethosisekelo wezwe futhi iqukethwe nawumthetho weziQiniseko waseNingizimu Afrika ka-1995. Le miphumela iluchaza kabanzi uhlobo lwesakhamuzi okumele uhlelo lwemfundo nokuqeqesha luphokophelele ukusakha. Le miphumela ihlose ukukhipha abafundi abakwazi ukwenza lokhu okulandelayo: ??Abafundi abakwazi ukubona izinkinga futhi bakwazi nokuzixazulula, bathathe izinqumo besebenzisa imiqondo ephusile nekwazi ukuhlaziya izinto ngendlela. ??Abakwazi ukusebenzisana kahle nabanye abafundi njengamalungu eqembu, enhlangano nomphakathi owodwa. ??Abakwazi ukuzihlela nokuziphatha bona ngokwabo nalokho abakwenzayo bakwenze ngempumelelo. ??Abakwazi ukuqoqa, bahlaziye, bahlele, bahlole ngokucophelela ulwazi abalutholile. ??Abakwazi ukuxhumana kahle nabanye abantu besebenzisa amakhono abonakalayo, okungaba ukusebenzisa izimpawu zomzimba nokukhuluma ngezindlela ezahlukene. ??Abakwazi ukusebenzisa isayensi nobuchwepheshe ngempumelelo nangokucophelela bekhombisa ukunakekela imvelo nezimpilo zabanye abantu. ??Abakwazi ukukhombisa ukuqondisisa ukuthi umhlaba uyinto ephelele eyakhiwe ngezingxenye ezihlobene, ngokukwazi ukubona ukuthi ingqikithi yokuxazulula izinkinga ayikwazi ukuzimela ngayodwana ithi qekelele. Imiphumela ethuthukisayo yona ihlose ukukhipha abafundi abakwazi ukwenza lokhu okulandelayo: ??Abakwazi ukucabanga bahlole amasu ahlukene angasetshenziswa ekufundeni ngempumelelo. ??Abakwazi ukubamba iqhaza njengezakhamuzi ezithembekile empilweni yabantu abahlala nabo, abakhele izwe lakubo nasemhlabeni wonke jikelele. ??Abakwazi ukuba nozwela nemizwa yosikompilo nobuhle obukhona empilweni enhle yokuhlalisana kwemiphakathi eyehlukene. ??Abakwazi ukuhlolisisa amathuba angahle atholakale emfundo nawemisebenzi. ??Abakwazi ukusungula amathuba ezohwebo. 14 Ikhasi Incazelojikelele Lesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke siphokophelele ekudidiyeleni nasekugqamiseni umbono womphakathi nezakhamuzi eziqhuba intando yeningi nezizoqhamuka kulolu hlelo olusha lwemfundo. Lesi sitatimende sisebenzisa imikhakha yokufunda ukufeza lezi zinjongo, lokho okulindelekile kanye nemiphumela okumele itholakale ngokusebenzisa imiphumela yokufunda nezindlela eziyizo zokuhlola. Imiphumela yezifundo kulowo nalowo mkhakha wezifundo ibekiwe kule ncazelo jikelele. Izindlela zokuhlola nazo njengesichibiyelo kulo mqulu. Imiphumela kanye nezindlela zokuhlola kugcizelela imfundo lapho abafundi bebamba khona iqhaza, ngokuthi isifundo sonke nemisebenzi yonke eyenziwayo iqondane nabo ngqo. Kulindelekile futhi ukuthi abafundi banikezwe ithuba lokuveza ikhono lokuziqambela okanye lokuzisungulela into. Lokhu yiyonanto othisha okufanele bahlale beyiqaphele ngaso sonke isikhathi. Lokho kwenza othisha bahlale beqaphile ukuthi bafundisani nokuthi bayifundisa kanjani. Uhlobo lwaseNingizimu Afrika lwemfundo eyakhelwe phezu kwemiphumela luhlose ukukhaliphisa imiqondo yabantu abasha, ukuze bakwazi ukubamba iqhaza ngokuphelele kwezomnotho nasempilweni ejwayelekile yokuhlalisana kwabantu. Luhlose ukuqinisekisa ukuthi bonke abafundi bayakwazi ukuthuthuka bafinyelele emakhonweni athile nokuthi bahlomele ukubhekana nezinselelo zonke zempilo nezibandakanya ukufunda izinto ezintsha. Isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke sihlose ukuthuthukisa ulwazi kanye namakhono asezingeni eliphezulu kubo bonke abantu. Sithi sinjalo sibe sibheke lukhulu okufanele luzuzwe abafundi baseNingizimu Afrika. Mayelana nomphakathi, ukuze ubenenhlalakahle, kulindeleke ukuthi lezo zingxenye zawo ezazingahlonyiswanga ngolwazi lwamakhono phambilini, zihlonyiswe manje. Lesi sitatimende sihlose futhi ukwakha isisekelo esiqinile esiyokwenza ukuthi abantu bonke bathole amakhono nolwazi olusezingeni eliphezulu. Sikwenza lokhu ngokuyibeka icace bha inhlanganisela yolwazi namakhono okufanele atholwe abafundi ebangeni 15 Ikhasi Incazelojikelele Amakhono nolwazi olusezingeni eliphezulu kubo bonke abantu Amakhono nolwazi olusezingeni eliphezulu kubo bonke abantu ngalinye, sibe sibeka futhi amazinga aphezulu angazuzwa yibo bonke abafundi kuyo yonke imikhakha yezifundo. Lesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke kwenziwe ngabomu ukuthi isakhiwo saso kanye nolimi esibhalwe ngalo kube lula, kucace futhi kuzwakale kahle kubo bonke abasifundayo. Uma usibheka kunezinto ezimbili ezibalulekile kuso okuyimiphumela yezifundo kanye nezindlela zokuhlola, okuyizona ezicacisela kahle abafundi bonke izinjongo nemiphumela edingekayo ukuze baqhubekele ezingeni elilandelayo. Okunye-ke futhi okuhle ukuthi, lesi sitatimende sizotholakala sibhalwe ngazo zonke izilimi ezisemthethweni kanye nangendlela yokubhala leyo ebhalelwa labo abangaboni emehlweni. Umgomo wokugcizelela emfundweni edidiyelwe, uyingxenye esemqoka yemfundo eyakhelwe phezu kwemiphumela. Ukudidiyela ndawonye izifundo ngesikhathi ufundisa uthinte lesiya nalesiya kwenza abafundi babe nolwazi lokuthi imikhakha eyahlukene yezifundo iyaxhumana futhi ihlobene ngandlela thize. Lokhu kwandisa amathuba abo okuthola amakhono, okuzuza ulwazi nokuthuthukisa izimo kanye nalokho okusemqoka okutholakala ohlelweni lwezifundo. Kubalulekile ukuthi uhlelo lokufunda lubeke lokho okulindeleke kubafundi, kubekwe kuye ngokuya kwenyukela ngokobunzima nokujula futhi kube kusabalala nazo zonke izidingo zempilo. Lokhu kubizwa ngokuthi ukuqhubekela phambili ngolwazi. Ngokwalesi sitatimendeni esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke, kumele izindlela zokuhlola kulowo nalowo mkhakha wesifundo zikukhombise lokhu kuqhubekela phambili kolwazi kulowo nalowo mkhakha wesifundo kusuka ezingeni elithize kuya kwelinye. 16 Ikhasi Incazelojikelele Ukucacisa mayelana nokuthi ulwazi ngalolu hlelo lwemfundo luzotholakala kanjani Ukucacisa mayelana nokuthi ulwazi ngalolu hlelo lwemfundo luzotholakala kanjani Ukwakha ubudlelwane phakathi kwezifundo zizodwa kanye nenqubekelaphambili yabo Ukwakha ubudlelwane phakathi kwezifundo zizodwa kanye nenqubekelaphambili yabo Akumele abafundi basebenzise izindlela zokuhlola ezizimele zodwa. Kumele kubekhona ukuxhumana phakathi kwemikhakha yezifundo nemiphumela yezifundo. Ukuthola ubudlelwane obukhona phakathi kokuhlangana kwemikhakha yezifundo nenqubekelaphambili yokuqhubeka komfundi esuka kwelinye ibanga eya kwelinye isemqoka kulolu hlelo lwezifundo. Ukuthuthukiswa okuqhubekayo kothisha, amaqembu abaphathi bezikole kanye nosizo oluvela ezisebenzini zomnyango wemfundo kuyingxenye esemqoka yale nhloso . Yileso naleso sitatimende somkhakha wezifundo sinezigaba ezintathu, okuyilezi: Isingeniso: Lesi sigaba yisona esethula lesi sitatimende sohlelo lwezifundo sikazwelonke kanye nemikhakha yezifundo ethile. Lapha kuvezwa izinhloso zaso kanye nezimpawu zaso ezehlukile noma ezingajwayelekile. Isigaba esiphathelene nemiphumela yezifundo kanye nezindlela zokuhlola: Lapha kuvezwa lokho okuyizidingo kanye nalokho okulindelwe abafundi ibanga ngebanga ezingeni eliyisisekelo lemfundo (amabanga R-3), eliphakathi (amabanga 4-6) kanye neliphezulu (amabanga 7-9). Izinga eliyisisekelo libhekene ngqo nalawo makhono okuqala, okuwulwazi olusha nalokho okusemqoka okusebenza njengesisekelo esenza abafundi bakwazi ukuqhubekela phambili nemfundo. Imiphumela yezifundo kanye nezindlela zokuhlola, nakuba kufanele kuthathwe njengolwazi olusezingeni elifanele noludingekayo nalokho okusemqoka kanye namakhono abalulekile okufanele afundiswe, kodwa akufanele kube yilokho kuphela okufundiswayo. Lezi zidingo ziveza lokho okudingekile ukuze kuqhutshekelwe phambili emabangeni ohlelo lwemfundo alandelayo futhi zakhiwe zithandaniswe nalokho okudingeka kwaziwe ngabafundi bebanga lesi-9. 17 Ikhasi Incazelojikelele Isakhiwo kanye nemiqondo esetshenzisiwe ezitatimendeni zemikhakha yezifundo Isakhiwo kanye nemiqondo esetshenzisiwe ezitatimendeni zemikhakha yezifundo Isigaba esiphathelene nokuhlolwa: Lesi sigaba siveza izimiso kanye nomhlahlandlela osetshenziselwa ukuhlola bese siveza iziphakamiso zokuthi ukuqopha phansi kanye nokubika ngaloko obekade kuhlolwa kungenziwa kanjani. Uhla lwezincazelo zalokho okudinga ukuchazwa okusetshenzisiwe: Lesi sigaba sivame ukufaka izifinyezo zamagama, ama-akhronimi (amagama akhiwe zinhlamvu zokuqala zamagama) kanye nohlu lwezincazelo zamagama alukhuni namasha asetshenzisiwe. Umphumela wokufunda ususelwa emiphumeleni eminingi yokuhlola okuqhubekayo ehlaziya ulwazi umfundi aselutholile nentuthuko aseyizuzile. Ngamanye amazwi uyincazelo yolwazi, amakhono nalokho okubalulekile okufanele abafundi bakwazi, futhi bakhombise ukuthi sebeyakwazi ukukwenza ekupheleni kwebanga labo lokufunda. Iqoqo lemiphumela yezifundo kufanele liqinisekise ukuthi ukuhlangana kanye nenqubekelaphambili ekuthuthukiseni imiqondo, amakhono kanye nalokho okubalulekile ukuthi umfundi akwazi kuyenzeka ngokusebenzisa izindlela zokuhlola eziyizo. Imiphumela yezifundo ayikhetheli othisha lokho okumele bakufundise nendlela okumele bakufundise ngayo kepha yona incike ngankomo ekutheni lokho okuhlosiwe kuhlolwa ngendlela eyiyo na. Indlela yokuhlola ichaza izinga abafundi okufanele bakhombise ngalo ulwazi asebeluzuzile ekufundeni. Lezi zindlela zokuhlola zihamba ngokwamabanga, zihambe zikhombisa inqubekelaphambili ngasolwazini oseluzuziwe kulowo nalowo mkhakha wesifundo ngasinye. Lapha siqondise elwazini olujwayelekile, amakhono amasha kanye nalokho okubalulekile nokudingekayo ukuthola ukuthi imiphumela yokufunda iyafezeka na. Nakho lokhu kodwa akubakhetheli othisha indlela yokufundisa okufanele bayilandele. 18 Ikhasi Incazelojikelele Yini umphumela wokufunda? Yini umphumela wokufunda? Yini indlela yokuhlola? Yini indlela yokuhlola? Imiphumela yokufunda ichaza lokho abafundi okufanele bakwazi nokumele bakwazi ukukwenza uma sebefundile. Izindlela zokuhlola zona zichaza ukujula kanye nobubanzi balokho okufanele kufundwe. Lokhu kusho ukuthi imiphumela yokufunda ingahlala futhi iyohlale injalo ezikhathini eziningi kuwo wonke amabanga kanti izindlela zokuhlola zona ziyaguquguquka ibanga nebanga lemfundo. Izindlela zokuhlola zinomthelela ekutheni ofundayo agcine esezuze ulwazi lomsebenzi othile. Kule mfundo edidiyelwe neqeqesha amakhono athize, lokhu kusho ukuthi loyo osuke esehloliwe kwatholakala ukuthi, usezuze ulwazi oluthile mayelana nomsebenzi othile, ube esenikezwa isitifiketi esiyisiqinisekiso saloko. Izinsizakufunda nokufundisa kanye nezinhlelo zokuthuthukisa othisha zineqhaza elinqala ekuphumeleliseni imiphumela yokufunda kanye nezindlela zokuhlola ezisetshenziswayo. Isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke samabanga R-9 (ezikoleni) siyoqala ukusebenza ezikoleni ngokusebenzisa izinhlelo zokufunda. Lezi zinhlelo zokufunda zakhiwe kwase kwenziwa namalungiselelo ahlelwe kahle ukuze zikwazi ukuzuza imiphumela yokufunda nokusebenzisa izindlela eziyizo zokuhlola kuleso naleso sigaba. Njengoba lesi sitatimende siphoqa ukuzuzwa kolwazi, amakhono amasha naloko okubalulekile okudinga ukwaziwa ngabafundi ibanga nebanga, izinhlelo zokufunda zona zigqamisa ubungako bomsebenzi okumele ufundwe kanye nalokho okumele kwenziwe uma kuhlolwa kulelo nalelo zinga. Izinhlelo zokufunda zinohlelo lwemisebenzi ekhombisa isivinini okumele ifundiswe ngaso nendlela okumele ilandelane ngayo le misebenzi, unyaka ngonyaka. Kulolu hlelo kuphinde kube nezibonelo zohlelo lokufundisa oluzosetshenziswa 19 Ikhasi Incazelojikelele Yehluke ngani indlela yokuhlola emiphumumeleni yokufunda? Yehluke ngani indlela yokuhlola emiphumumeleni yokufunda? Izinhlelo zokufunda Izinhlelo zokufunda noma ngasiphi isikhathi esinikeziwe. Izimiso eziwumgogodla nalokho okubalulekile ukuthi kwaziwe kulesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke yizona ezisekela lezi zinhlelo zokufunda. Izinhlelo zokufunda kumele ziqiniseke ukuthi yonke imiphumela yokufunda kanye nezindlela zokuhlola kuqhutshwa ngemfanelo nanokuthi yilowo nalowo mkhakha wezifundo unikezwa isikhathi kanye nalokho okufanele kugcizelelwe kuwo. Izinhlelo zokufunda ziyosekelwa ebudlelwaneni obukhona phakathi kwemiphumela yokufunda kanye nezindlela zokuhlola, ngaphandle kokuthi kuphazamiseke imikhakha yezifundo. Ezingeni eliyisisekelo: Zintathu izinhlelo zokufunda okufanele umfundi azazi, okuyilezi: Ukukwazi ukufunda nokubhala, ukukwazi ukubala kanye nokwazi izidingo zempilo. Ezingeni eliphakathi: Ukwazi izilimi nokukwazi ukubala okuyizinhlelo zokufunda ezizimele zodwa. Izinhlelo zokufunda kumele ziqikelele ukuthi imiphumela yokufunda emiselwe yomkhakha ngamunye waleso naleso sifundo kuyafinyeleleka kuwo ngokugcwele nangemfanelo. Izikole zingazikhethela inani nohlobo lwezinye izinhlelo zokufunda ezizidingayo kuye ngendlela isikole esihlelwe ngayo nokuthi izidingo ngqangi ezisemqoka kanye nezidingo zokuthuthukiswa kwabafundi zibhekelwe yini ezingeni lelo. Ezingeni eliphakeme: Kunezinhlelo zokufunda eziyisishiyagalombili ezakhelwe phezu kwemibandela yemikhakha yezifundo. Ukuthuthukiswa kwezinhlelo zokufunda kuyoba semahlombe othisha. Umnyango wemfundo wona uyolekelela ngokwakha imihlahlandlela ezolawula ukwakhiwa kwalezi zinhlelo zokufunda. Izifundazwe zona ziyokwakha eyazo imihlahlandlela, ezokwazi ukubhekana nezidingo zesifundazwe ngasinye ngoba phela izifundazwe lezi azifani, ngakho-ke nendlela ezizosebenza ngayo ngeke ize ifane. Lo mehluko okhona wezifundazwe kumele ubhekelwe. 20 Ikhasi Incazelojikelele Izinhlelo zokufunda zezinga ngalinye Izinhlelo zokufunda zezinga ngalinye Izinhlelo zemfundo yothisha zona ziyobhekana nokukhiqiza othisha abenele nabaqeqesheke ngokwenele, okuyophuma kubo amathimba ayophatha izikole nalabo abayosiza umnyango ekuthuthukiseni, ekusebenziseni, ekuphatheni kanye nasekwesekeni ukukhuliswa kwezinhlelo zemfundo. Ukuze kuqinisekiswe ukuthi izimiso zikazwelonke njengoba zibekwe esitatimendeni esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke ziyazuzwa, kuyomele umnyango omkhulu wemfundo, ubambisene nezifundazwe, usungule imigomo eyimihlahlandlela yezinhlelo zokufunda eziyizo nezifanele. Le mihlahlandlela izogcizelela izimiso zokufunda okudidiyelayo nokuzuza ubudlelwane obukhona phakathi kwemikhakha yezifundo uma ihlangene. Lobu budlelwane bungabukwa kuleso naleso sigaba ngasinye. Umthethomgomo wemfundo kazwelonke wonyaka ka (1996, isigaba 3 ibinzana 4) uyamnika ungqongqoshe wemfundo amandla negunya lokwenza umhlahlandlela womgomo kazwelonke wokuthuthukisa izinhlelo zokufunda. Le mihlahlandlela yomgomo iyonikeza ulwazi nokuqondisa kulokhu okulandelayo: ??Ukudidiyelwa ndawonye kolwazi emikhakheni eyahlukene yezifundo. ??Ukuqoqela ndawonye izindlela zokuhlola. ??Ukuhlobana phakathi kwemiphumela yezifundo ??Ukwabiwa kwesikhathi ngononina. ??Ukuhlola ??Izingqinamba eziphazamisa ukufunda. ??Ukwakha uhlelo lokufunda. ??Umgomo nomthethonqubo. ??Ukuqeqesha, ukuthuthukisa nokwethula. ??Ukuthola ulwazi nokwesekwa. ??Ukuhlela nokwenza amalungiselelo. Le mihlahlandlela iyosetshenziswa kulandelwa ingqikithi yomgomo nezinhlaka zomthetho ezifana nemithethosivivinywa eyisithupha yemfundo, uMthethomgomo weMfundo kaZwelonke wonyaka ka-(1996), uMthetho weZikole zaseNingizimu Afrika wonyaka ka-(1996) noMthetho wokuQashwa kwaBafundisi wonyaka ka-(1998). Imihlahlandlela yezinhlelo zokufunda 21 Ikhasi Incazelojikelele Imihlahlandlela yezinhlelo zokufunda Imihlahlandlela yezinhlelo zokufunda iyonikeza uhlaka oluyobhekana ngqo nezidingo ezibhekene nabafundi nengqikithi yokufunda yonkana. Ngokwesahluko sesine soMthetho wokuQashwa kwaBafundisi, wonyaka ka- 1998, uthisha kumele ahlale esikoleni amahora ayisi-7. NgoMthethomgomo weMfundo kaZwelonke wonyaka ka-1996, isikhathi sokufundisa ngeviki ngamahora angama-35. Lesi sikhathi siyoma kanje ethebulini elingezansi: Ukwabiwa kwesikhathi sokufunda ekilasini ezingeni lemfundo eyisisekelo kwethulwe lapha ngezansi njengamaphesenti esikhathi esivezwe ethebulini elingenhla: 22 Ikhasi Incazelojikelele Ukwabiwa kwezikhathi Ukwabiwa kwezikhathi Izinga Ibanga IsiKhathi Izinga lemfundo eyisisekelo Izinga eliphakathi kanye neliphakeme Izinga eliphakeme R, 1 nelesi 2 3 4, 5 nele 6 7 8 nele 9 22 amahora 25 amahora 26 amahora 26 amahora 27 amahora 30 imizuzu 30 imizuzu 30 imizuzu 30 imizuzu Ukwabiwa kwesikhathi ngamaphesenti (okwethulwe kuleli thebuli elingenhla) ezingeni eliphakathi neliphakeme kumi kanje: Imihlahlandlela yokuhlela inikeziwe kumihlahlandlela yezinhlelo zokufunda. 23 Ikhasi Incazelojikelele Izinhlelo Zokufunda Isikhathi (%) Ukukwazi ukufunda nokubhala Ukukwazi ukubala Ukwazi izidingo zempilo 40% 35% 25% Umkhakha wesifundo Isikhathi (%) Izilimi Ukubala Injula yolwazi lwezemvelo Injula yolwazi lokuhlalisana kwabantu Ezobuchwepheshe Injula yolwazi lwezomnotho nokuphatha Injula yolwazi lwezempilo Ubuciko namasiko 25% 18% 13% 12% 8% 8% 8% 8% Yilowo nalowo mbandela womkhakha wesifundo ngamunye ufaka isigaba esiqukethe okuningi mayelana nokuhlola. Kulolo nalolo hlaka olwakhelwe phezu kwemiphumela, kusetshenziswa izindlela eziyizona zona zokuhlola, ezikwazi ukubhekana nezingqikithi ezahlukene. Ukuhlola kumele kubonise ukuthi umfundi ufunde ngokugcwele nangendlela ebonakalayo ngokuthi akwazi ukuhlanganisa abuye asebenzise ulwazi namakhono awazuzile ngempumelelo. Ukuhlola kumele kusize abafundi ukuthi bakwazi ukuthatha izinqumo ngabakwazi ukukwenza, ukuhlela izinhloso zabo zenqubekelaphambili nothando lokuqhubeka bafunde baye phambili. Isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke sihlanganisa uhlelo lwezifundo nenqubomgomo yokuhlola etholakala kwinqubomgomo yokuhlola (UsoMqulu kaHulumeni ongunombolo-19640 wonyaka ka-1998). Umhlahlandlela ofanayo wothisha utholakala ekugcineni kwesitatimende ngasinye somkhakha wezifundo. Konke ukufunda nokufundisa okusuka ebangeni R kuya kwelesi-9 kunomthelela ekukhipheni uhlobo lomfundi olulindelwe isitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke. Ukuhlola ukufunda lokhu kumele kwenziwe ngendlela eqhubekayo kuyo yonke le minyaka eyishumi umfundi esesikoleni. Ukuhlola nokunikezwa kwesitifiketi njengenkomba yempumelelo kuyokwenziwa ekupheleni kwebanga lesi-9 lapho abafundi abazifezile izidingo ebezibekiwe beyoklonyeliswa khona ngesitifiketi semfundo, esishoyo ukuthi loyo mfundi usethole uqeqesho oluthile. Isitifiketi semfundo lesi siyisiqinisekiso esipheleleyo nesisemthethweni sokuthi loyo osinikiweyo ukuphumelele ukuhlolwa kwebanga lesishiyagalolunye. 24 Ikhasi Incazelojikelele Ukuhlola Ukuhlola Isitifiketi semfundo nokuqeqesha Isitifiketi semfundo nokuqeqesha Kusukela manje kuze kufike unyaka ka 2008 kusazoqhubeka lolu hlelo olujwayelekile. Kuyothi-ke emuva konyaka ka 2008 besekuqala lolu hlelo lwezitifiketi njengoba lubekiwe lapha ngenhla, ngokwalesi sitatimende esibukeziwe sohlelo lwezifundo sikazwelonke. Izilimi Isitatimende somkhakha wezilimi sifaka nalokhu okulandelayo: ??Zonke izilimi ezisemthethweni eziyishumi nanye: isiZulu, isiSotho, isiTswana, siSwazi, isiVenda, isiTsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa kanye nesiPedi. ??Izilimi ezivunywe yiBhodi yeziLimi yaseNingizimu Afrika (PANSALB) kanye nomnyango waseNingizimu Afrika obhekene nokukhishwa kwezitifiketi (SAFCERT) njengolimi lwabangaboni kanye nolimi lwabayizithulu lwaseNingizimu Afrika. Ezweni elizilimiziningi njengeNingizimu Afrika, kusemqoka ukuthi abafundi babe nolwazi okungenani lwezilimi ezimbili nokuthi bakwazi ukuxhumana ngalezi ezinye izilimi. Umbandela womkhakha wezilimi ukuthi kuthuthuke ulwazi lwezilimi eziningi kulowo nalowo muntu wakuleli zwe. Lokhu kungenzeka ngokuthi: 25 Ikhasi Incazelojikelele Imikhakha yezifundo: Izincazelo kanye nemiphumela yezifundo Imikhakha yezifundo: Izincazelo kanye nemiphumela yezifundo Incazelo Incazelo ??Bonke abafundi kufanele bafunde ulimi lwabo lwebele kuqala kanye nolunye ulimi olulodwa olusemthethweni. ??Abafundi bathi bethuthuka kulolu limi lokwethekelwa, lube luqina futhi luzika lolu abaluncele ebeleni konina. Umkhakha wesifundo sezilimi, ubandakanya zonke izilimi ezisemthethweni, okuyilezi: ??Ulimi lwebele ??Ulimi olwengeziwe lokuqala ??Ulimi olwengeziwe lwesibili Uma kunokwenzeka ulimi lwebele yilona okumele lusetshenziselwe ukufunda nokufundisa abafundi. Loku kusemqoka ikakhulukazi ezingeni eliyisisekelo lapho abantwana befunda khona ukufunda nokubhala. Kuyaye kufanele kube nokuhlela okunzulu uma kwenzekile kwaba nesimo lapho abafundi kumele baguquke bayeke ulimi lwabo lwebele, bathathe olokwethekelwa ukuze bafundiswe babuye bafunde ngalo. 1. Ukulalela: Umfundi uyakwazi ukulalela lokho okungahle kumnike ulwazi aludingayo noma kumthokozise nokuthi akwazi ukubhekana nezimo ezithile zempilo. 2. Ukukhuluma: Umfundi uyakwazi ukuxoxisana nabanye kahle nangokuzethemba uma kusuke kuxoxwa ezimeni ezahlukene. 3. Ukufunda nokubheka: Umfundi uyakwazi ukufunda nokubheka lokho okungahle kumnike ulwazi oluthile noma lokho okuzomjabulisa. Lokhu kukwazi ukufunda kumenza akwazi ukubona ubuhle nalokho okungamasiko ayigugu okutholakala emibhalweni. 4. Ukubhala: Umfundi uyakwazi ukubhala imibhalo enhlobonhlobo engamaqiniso naleyo azisusela yona ekhanda ngokwezinhloso ezahlukene. 5. Ukuninga nokucabangisisa: Umfundi uyakwazi ukuthi asebenzise ulimi acabange ajule, eninga ngokuthi angafinyelela kanjani elwazini angalusebenzisa ekufundeni. 6. Isakhiwo solimi nokusetshenziswa kwalo: Umfundi uyazi futhi uyakwazi ukusebenzisa imisindo, amagama nesakhiwo sohlelo lolimi ekubhaleni nasekuhumusheni imibhalo. 26 Ikhasi Incazelojikelele Imiphumela yokufunda ulimi: Imiphumela yokufunda izibalo Nakuba ukulalela nokukhuluma, ukufunda nokubuka, ukubhala, ukuninga nokucabangisisa kanye nolwazi lwemisindo, amagama nesakhiwo sohlelo, kwethulwe njengemiphumela eyehlukile yokufunda kodwa kufanele kudidiyelwe ekufundiseni nasekuhlolweni. Izibalo Izibalo zingumsebenzi owenziwa abantu lapho besuke bebhekisisa, becwaninga izindlela nobudlelwane obukhona phakathi kwezimo ezikhona zokuphila kwabantu nezinto ezisetshenziselwa ukubala uqobo lwazo. Ngale ndlela-ke kuyaye kutholakale ulwazi olusha lwezibalo. Izibalo-ke zisebenzisa ulimi lwazo olwehlukile kulolu olujwayelekile, olusebenzisa izimpawu nemicabango echaza ingxenye yezibalo ephathelene nezinombolo, yileyo ephathelene nokuhlelwa kwezinto ngamaqoqwana (ijiyomethri) kanye naleyo echaza ngobudlelwane bamagrafu. Imiqondo eyahlukene yezibalo yakhela phezu komunye ize igcine isiyakhe isakhiwo esisodwa esihleleke kahle nesilandelekayo. Izibalo ziwumphumela wocwaningo olunzulu olwenziwa abantu bamasiko ehlukahlukene, ziwumsebenzi owenziwa ngenhloso yokubhekana nengqikithi yokuhlalisana kwabantu, ezombusazwe kanye nezomnotho kanye nalokho okuyizingqinamba abantu abahlangabezana nazo empilweni. Izibalo lezi zibalulekile zisemqoka futhi ziyinto esekelwe phezu kwamasiko. 1. Izinombolo, ukuzisebenzisa kanye nobudlelwano: Umfundi uyakwazi ukubona izinombolo nokuthi akwazi ukuzichaza ngesikhathi ebala ezama ukuxazulula leyo nkinga yezibalo esuke ibekiwe. Lokhu ukwenza ngokuzethemba okukhulu. 2. Amaphethini, imisebenzi kanye nohlobo lwezibalo olusebenzisa izinhlamvu nezimpawu ezimele izinombolo (ialjebra): Umfundi uyakwazi 27 Ikhasi Incazelojikelele Imiphumela yokufunda ulimi: Imiphumela yokufunda izibalo Incazelo Incazelo ukuchaza, nokufanekisa amaphethini kanye nobudlelwano, nokukwazi ukuxazulula izinkinga esebenzisa ulimi kanye namakhono ealjebra. 3. Indawo kanye nesimo: Umfundi uyakwazi ukuchaza nokufanekisa izimpawu nobudlelwano obukhona phakathi kwezimo zika-2-D kanye nezinto ze-3-D ezimweni ezimaqondana nokuthile ezindaweni ezahlukahlukene. 4. Ukukala: Umfundi uyakwazi ukusebenzisa ngokuyimpumelelo izinto zokukala namafomula ezimeni ezahlukahlukene. 5. Ukuphathwa kwemininingwane: Umfundi uyakwazi ukuqoqa, afingqe, abuye ahlaziye imininingwane yikhona ezokwazi ukuthatha izinqumo. Injula yolwazi lwemvelo noma isayensi Ngokwencazelo eyethulwa yi-McGraw-Hill Concise Encyclopaedia of Science and Technology ,2nd Edition ,p.1647; ithi, lokho okwaziwa esikhathini samanje njenge 'Sayensi' okanye injula yolwazi, kunezimpande zako emasikweni amaningi aseAfrika, awamaArabhu, aseEshiya, aseMelika kanye nawaseYurophu. Yona le njula yolwazi ibunjwe wukufuna ukuqonda umhlaba wangempela kusetshenziswa ukubhekisisa nokuqaphela izinto ezithile nokuhleleka kwemithetho yemvelo kanye nokubeka amaqoqwana emiqondo eyahlukene ubuye uyihlolisise. Le njula yolwazi isijike yaba yingxenye ebaluleke neyigugu kakhulu cishe kuzo zonke izizwe zomhlaba. Isikhathi esiningi le njula yolwazi lwemvelo ivame ukubonakala ngokuthi ivame ukuba ngesimo sokucubungula ihlola ifunisisa nobufakazi bokuthi yingani into ethile emvelweni yenzeke kanjena. Uma kufundwa noma kufundiswa umkhakha wesifundo senjula yolwazi lwezemvelo okanye isayensi kumele kwazeke ukuthi abantu baseNingizimu Afrika banezinye izindlela eziningi abangathola ngazo lolu lwazi ngoba olunye lwalo yilona lolu olubumbe amasiko abo abaphila ngawo imihla ngemihla. Lo mkhakha wesifundo uthi uqala ube ukubeka kucaca ukuthi bonke abafundi kufanele bafundiswe isifundo sezemvelo. Lolu lwazi kufanele lugxile okanye lwakhelwe kuye umfundi uqobo. Lolu lwazi aluzukusiza abafundi ekuthini babe nolwazi lwesayensi nokuthi lutholakala kanjani kuphela, kepha kufanele 28 Ikhasi Incazelojikelele Incazelo Incazelo lubasize ekuthini baqonde lokho okubazungezile nomhlaba wonke jikelele. Lo mkhakha wakha kuphela isisekelo umfundi asengakhela kusona impilo yakhe yonke. Lo mkhakha wesifundo ukhuthaza abafundi ukuthi babe nolwazi noma bafunde ngesayensi. Lokhu ukwenza ngokugxila kulokhu okulandelayo: ??Ukuthuthukisa nokusebenzisa amakhono esayensi ezimweni ezahlukehlukene. ??Ukuthuthukisa nokusebenzisa ulwazi lwesayensi. ??Ukwazi kahle ubudlelwane nezidingo ezikhona phakathi kwesayensi,umphakathi kanye nalokho okuwuzungezile umphakathi lowo. 1. Ucwaningo lwesayensi: Abafundi kufanele babonise ukuzethemba ekufiseni kwabo ukwazi ngezehlakalo zemvelo, bafunisise ukuhlobana okungabakhona phakathi kwesayensi, ubuchwepheshe nemvelo ebazungezile baphinde futhi baxazulule izinkinga ezingabakhona kulokhu kokuthathu. 2. Ukwakha ulwazi lwesayensi: Abafundi lapha basuke sebenolwazi lokuhumusha babuye basebenzise ulwazi asebeluzuzile lwesayensi, ezobuchwepheshe kanye nemvelo ebazungezile. 3. Isayensi, umphakathi kanye nemvelo ebazungezile: Abafundi bayakwazi ukukhombisa ulwazi abanalo ngokuxhumana phakathi kwesayensi, ubuchwepheshe, umphakathi kanye nemvelo ewuzungezile. Injula yolwazi ngenhlaliswano yabantu Injula yolwazi ngenhlaliswano yabantu igxile ebudlelwaneni obukhona phakathi kwabantu bebodwa kanye naphakathi kwabantu nemvelo ebazungezile. Lobu budlelwano buyashiyashiyana ngokwesikhathi labo bantu abaphila ngaso nendawo abaphila kuyo. Okunye okuphinde kube nomthelela 29 Ikhasi Incazelojikelele Imiphumela yokufunda ulimi: Imiphumela yokufunda izibalo Incazelo Incazelo lapha yiso kanye isimo senhlaliswano, ezombusazwe, ezomnotho, ezemvelo kanye nalokho okuyizinkolelo, indlela yokuziphatha kanye nalokho abantu abakuthatha njengokusemqoka nokubalulekile kubona. Okuyikhona okuyingqikithi yomkhakha wesifundo senhlaliswano yabantu amakhono awulwazi lomlando walabo bantu kanye nesimo sezwe abakhe kulo. Isifundo sezemvelo namalungelo esintu yikhona okuwumgogodla wesifundo somlando nesezezwe. Umkhakha wesifundo ngenhlaliswano yabantu ubhekene ngqo nokuthi abafundi bafundani, bayifunda kanjani nokuthi ulwazi lwabo lwalokhu abakufundayo lwakheka kanjani. Umbandela walo mkhakha wesifundo usekutheni, kufanele ukhuthaze abafundi ukuthi bazibuze imibuzo ethize ngomphakathi abaphila kuwo nendawo abaphila kuyo nokuthi babuye bazitholele bona futhi izimpendulo zalokho. Lo mkhakha wesifundo uhlose futhi ukuba nesandla ekuthuthukiseni izakhamuzi ezinolwazi, ezibheka izinto ngeso elihlaziyayo nezizokwenza kube semahlombe azo ukuthi zizimbandakanye ngendlela eyakhayo ekubambeni iqhaza kulo mphakathi oguquguqukayo nonamasiko amaningi. Uhlose futhi ukuhlomisa abafundi ukuthi bakwazi ukubamba iqhaza ekuthuthukiseni umphakathi olungile nobuswa ngentando yeningi. Ezomlando 1. Ukufunisisa ngomlando: Umfundi useyakwazi ukusebenzisa amakhono okufunisisa nokuphenya ngosekwedlule nokwamanje. 2. Ulwazi nokuqondisisa ezomlando: Umfundi lapha usuke esekwazi ukukhombisa ulwazi nokuqondisisa kwakhe ezomlando. 3. Ukuhumusha ezomlando: Umfundi lapha usuke esekwazi ukuhumusha izingxenye ezithize zomlando. Ezezwe 1. Ukufunisisa ngezezwe: Umfundi useyakwazi ukusebenzisa amakhono okufunisisa nokuphenya ngezezezwe kanye nemvelo esizungezile. 30 Ikhasi Incazelojikelele Imiphumela yokufunda ulimi: Imiphumela yokufunda izibalo 2. Ulwazi nokuqondisisa ezezwe: Umfundi lapha useyakwazi ukukhombisa ulwazi nokuqondisisa kwakhe ezezwe. 3. Ukuhlola izindaba: Umfundi lapha useyakwazi ukuthatha izinqumo ezihlolisisiwe, mayelana nezindaba nezinkinga zokuhlalisana kwabantu kanye nemvelo ebazungezile. Ubuciko kanye namasiko Umkhakha wesifundo esiphathelene nobuciko kanye namasiko uhlanganisa indima ebanzi yobuciko namasiko etholakala lapha ezweni lakithi laseNingizimu Afrika. Ubuciko namasiko yikona okuwumgogodla wempilo yonke yomuntu ngoba kubandakanya lezo zinto ezihambisana nenkolo yakhe, ubuciko obubonakalayo ababenzayo futhi yilapho beveza khona ubuhlakani babo nemizwa yabo esekujuleni kwezinhliziyo. Isiko lona livezwa ubuciko abantu ababenzayo, indlela abaphila ngayo, abaziphethe ngayo okubandakanya ukuhloniphana nokwazisana, ukuveza lokho okungamagugu ethu nokwethula ulwazi kanye nezinkolelo. Amasiko awemi ndawonye,anomlando nengqikithi eya ngokuya iguquguquka,ikakhulukazi uma edibana namanye amasiko. Indlela amasiko abhekwa ngayo kulo mkhakha wesifundo, ikhuthaza ukuthi abafundi benze lokhu okulandelayo: ??Ukuba bayeke ukuba abantu abahlalela ukufunzwa ngala masiko kodwa babe abantu ababambe iqhaza ngomdlandla omkhulu kuwo. ??Bakhombise ikhono lokuziqambela lezi zinto eziwubuciko namagugu nokuthi bakhuthalele ukubamba iqhaza uma kunemigidi ethile yamasiko. ??Ukuthi bakwazi ukubona ukuxhumana phakathi komsebenzi wobuciko kanye namasiko. ??Ukuthi bazi izindawo ezahlukene lapho lobu buciko namasiko kusakhuthalelwe khona nokuthi bazi futhi baqonde isimo somnotho saleyo ndawo kanye nendlela abantu bakhona abaphila ngayo. ??Ukuthi bakwazi ukubona ukuxhumana okukhona phakathi kwezindlela zamasiko kanye namandla esiko lapho lisuke likhonya khona. 31 Ikhasi Incazelojikelele Incazelo Incazelo ??Ukukwazi ukuhlaziya umphumela wesikhathi phezu kwamasiko nezobuciko, ukuthi uma izikhathi ziguquka kwenzekani kulokhu kokubili. ??Ukukwazi ukuqonda amandla ubuciko obunawo nendlela obugcina buphonsele ngayo amasiko inselelo. Indlela esetshenzisiwe ukubheka ubuciko kulo mkhakha wesifundo, isukela elwazini olubanzi lapho umfundi kusuke kwaziwa ukuthi usuke enalo ulwazi lobuciko obuningi obehlukene ngokwamasiko. Lolu lwazi lugqama kakhulu uma abafundi sebesebangeni lesishiyagalombili nelesishiyagalolunye. Lezi zinhlobo ezahlukene zobuciko kanye nobumqoka benhlanganisela yolwazi olusuke seluzuziwe ngumfundi kugqama kakhulu ngalesi sikhathi. Ngalesi sikhathi imfundo isuke isizama ukukhulisa ulwazi lolo umfundi asuke esenalo ngobuciko namasiko, ngokuthi abheke ulwazi ngqo namakhono asebenza kuleyo naleyo nhlobo yobuciko, ngokuthi azi ukuthi into enhle yenziwa ngani nokuthi yenziwa kanjani. 1. Ukwakha, ukuhumusha nokwethula: Umfundi lapha useyakwazi ukwakha,ukuhumusha kanye nokwethula umsebenzi ngamunye kulolo nalolo hlobo lobuciko. 2. Ukucabanga: Umfundi useyakwazi ukucabanga ngokugcwele ehlaziya indlela yokwenza ubuciko namasiko athile enkathini yamanje kanye neyedlule. 3. Ukubamba iqhaza nokusebenzisana: Umfundi lapha useyakwazi ukukhombisa amakhono okukwazi ukuxhumana nabantu besebenza ngabodwana noma uma basebenze ngamaqembu emisebenzini yobuciko namasiko. 4. Ukukhuluma nokuxhumana: Umfundi lapha useyakwazi ukuhlaziya nokusebenzisa izindlela eziningi zokusho okuthile nokuxhumana ngandlela thize esebenzisa ubuciko namasiko. 32 Ikhasi Incazelojikelele Imiphumela yokufunda ulimi: Imiphumela yokufunda izibalo Injula yolwazi lwempilo Lo mkhakha wesifundo ingqikithi yawo ohlose ukuyizuza, ulwazi lwezempilo. Lolu lwazi luhlomisa abafundi ukuthi bakwazi ukubhekana nazo zonke izimo zempilo abangahle bahlangabezane nazo. Lokhu kuyisidingo esinqala kulolu hlelo lwempilo yomphakathi oluguquka ngesivinini esikhulu. Lo mkhakha wesifundo solwazi lwezempilo uqonde ukuthuthukisa amakhono, ulwazi nalokho okusemqoka kanye nezimo ezihlomisa abafundi ukuthi bakwazi ukuthatha izinqumo eziphusile kanye nokuziphatha okwamukelekile mayelana nalokhu okulandelayo: ??Ukukhuthaza ezempilo. ??Ukuthuthukisa izindlela zokuhlalisana kwabantu. ??Ukuthuthukisa ubuntu kubantu. ??Ukuthuthukisa isiqu somuntu kanye nokunyakaza komzimba. ??Ukuzijwayeza impilo yokusebenza. Uma idibene yomihlanu le minxa yalo mkhakha wesifundo solwazi lwezempilo, iyakwazi ukubhekela amalungelo esintu nawalokho okusizungezile njengoba kubekiwe kumthethosisekelo. 1. Ukukhuthaza ezempilo: Umfundi lapha useyakwazi ukwenza izinqumo ezifanele ngobuyena, ngomphakathi nangendawo enempilo ahlala kuyo. 2. Ukuthuthukisa ezokuhlalisana kwabantu: Umfundi useyakwazi ukukhombisa ukuzibophezela kwakhe kulokho okushiwo umthethosisekelo nalokho okuyisibopho sakhe okufanele akwenze ukukhombisa ukuthi uyayiqonda indaba yokwehlukana kwamasiko nenkolo. 3. Ukuthuthukisa inhlaliswano yomphakathi: Umfundi useyakwazi ukusebenzisa amakhono empilo awatholile ukuze akwazi ukubhekana ngempumelelo nezinselelo ahlangebezana nazo emhlabeni. 4. Ukukwazi ukugcina umzimba uphilile: Umfundi useyakwazi ukukhombisa ukuthi uyakuqonda lokhu ngokuthi azibandakanye ezenzweni ezikhuthaza ukuvocwavocwa komzimba nokukhula kwesiqu sawo. 33 Ikhasi Incazelojikelele Imiphumela yokufunda ulimi: Imiphumela yokufunda izibalo Incazelo Incazelo 5. Ukuzijwayeza indawo yomsebenzi: Umfundi uzokwazi ukwenza izinqumo ezifanele eziphathelene nokuqhubeka nokufunda kanye nokukhetha umsebenzi awufunayo. Injula yolwazi lwezomnotho nokuphatha kulo mkhakha wesifundo senjula yolwazi lwezomnotho nokuphatha, kuthintwa izifundo eziphathelene nendlela abantu nomphakathi abasebenzisa ngayo imithombo eyehlukene yolwazi ekufezeni izidingo kanye nalokho okufunwa abantu. Kuthi kusenzeka kanjalo kube futhi kudwebeka isithombe esingesihle ngokusetshenziswa ngokungeyikho kwezinto ezingaba lusizo kubantu nasemvelweni esizungezile. Lo mkhakha wesifundo solwazi ngezomnotho nokuphatha ubhekisisa ikakhulukazi lokhu okulandelayo: ??Indlela okukhiqizwa ngayo izimpahla nokwethulwa kwemisebenzi ethile. ??Ukubheka umnotho wezwe laseNingizimu Afrika kanye nezinhlelo zobudlelwane ezingadalwa ngezomnotho namazwe ahlukahlukene. ??Ukubheka izindlela ezingalandelwa zokonga kanye namakhono amahle okuhlela indlela yokuphathwa kwemali kahulumeni neyamabhizinisi nezimboni ezizimelei. ??Ukubhekela amakhono nolwazi lokuhweba oludingekayo ekuphatheni izimpilo zabantu nezimo zempilo yabo abaphila ngaphansi kwayo. 1. Ukwazi kanye nokuqonda lo mkhakha wezomnotho: Umfundi lapha useyakwazi ukukhombisa ulwazi aselutholile nendlela aqonda ngayo lo mkhakha wezomnotho neqhaza lawo ekuxazululeni izinkinga zomnotho wezwe nezakhe uqobo. 2. Ukuqonda ukukhula komnotho osimeme nonentuthuko: Umfundi useyakwazi ukukhombisa indlela aqonda ngayo umnotho wezwe osimeme, 34 Ikhasi Incazelojikelele Incazelo Incazelo Imiphumela yokufunda ulimi: Imiphumela yokufunda izibalo ukwakha kabusha, ukuthuthuka kanye nokubhekisisa izinhlelo zokwakha kabusha umnotho wezwe osimeme abe futhi neso elikhaliphile ekubhekisiseni izinhlelo ezahlukene. 3. Amakhono okuphatha nokubheka izidingo zabathengi kanye nawokukwazi ukuphatha izimali: Umfundi kuleli zinga useyakwazi ukukhombisa uchungechunge lolwazi kanye nekhono lezinhlobo ezahlukene zokuphatha, kanye nalelo lokukwazi ukuphatha abathengi kanye nezimali. 4. Amakhono kanye nolwazi lwezohwebo: Umfundi kuleli zinga useyakwazi ukubonisa ulwazi aseluzuzile, amakhono asenawo kanye nendlela eyamukelekile yokuziphatha kwezohwebo. Ubuchwepheshe Ubuchwepheshe lobu abubusha babuvele bukhona kwasemandulo lapho abantu babesebenzisa inhlanganisela yolwazi ababenalo namakhono ehlukene okwenza izinto ezithile zobuchwepheshe. Ebuchwephesheni lapha yilapho abantu beyaye basebenzise ulwazi olwahlukene ekuzameni ukuxazulula izinkinga ezithize zempilo. Lezi zixazululo kuyenzeka zibe ngesimo semikhiqizo ethile noma inhlanganisela yemikhiqizo leyo. Nanamhla lokhu abantu basenazo izidingo ababhekana nazo, ezidinga ukuba kutholakale le nhlanganisela yolwazi kanye namakhono athize angaba usizo. Umehluko okhona usekuthini ulwazi, amakhono kanye nemithombo yolwazi esetshenziswa manje ayisefani nalena eyayisetshenziswa kudala ngenxa yokuthuthuka kwezobuchwepheshe.Ukushintsha kwezikhathi sekwenze nabantu abaphila ngalesi sikhathi babe abehlukile kulabo ababephila ngesikhathi esedlule. Uma kuthuthukiswa ezobuchwepheshe kubalulekile ukuthi kubhekelwe ezomnotho kanye nezinye izimo eziningi ezisizungezile nesiphila ngaphansi kwazo. Kungalesi sizathu-ke ubuchwepheshe buchazwa ngale ndlela elandelayo okuwukuthi: 35 Ikhasi Incazelojikelele Incazelo Incazelo Ubuchwepheshe, ukusebenzisa ulwazi onalo, amakhono onawo kanye nemithombo yolwazi ukuze ukwazi ukuhlangabezana nezidingo zabantu kodwa futhi ube ubhekele inhlalakahle yomphakathi kanye nalokho okuyimvelo okusizungezile. 1. Izinhlelo namakhono ezobuchwepheshe: Umfundi okuleli zinga useyakwazi ukusebenzisa amakhono ezobuchwepheshe ngendlela efanele ngoba esebenzisa ulwazi lwezobuchwepheshe kanye nobuchwepheshe bezokuxhumana. 2. Ukwazi nokuqonda ezobuchwepheshe: Umfundi lapha useyakwazi ukuqonda nokusebenzisa ulwazi oluyilo lwezobuchwepheshe ngendlela eyiyo nefanele. 3. Ubuchwepheshe, umphakathi nemvelo: Umfundi okuleli zinga useyakwazi ukukhombisa ukuthi uyabuqonda ubudlelwano obukhona phakathi kwesayensi, ubuchwepheshe, umphakathi kanye nemvelo phezu kokuba izikhathi ziguquguquka. 36 Ikhasi Incazelojikelele Imiphumela yokufunda ulimi: Imiphumela yokufunda izibalo Isu lobuciko lomkhakha wezolimo uhlelosu lwezolimo waseNingizimu Afrika liwumkhiqizo wokubambisana phakathi kukaHulumeni, i-Agri SA kanye neNAFU. Ngasekuqaleni kuka-2001 uMongameli Thabo Mbeki wacela ababambiqhaza abehlukene ukuba bathole isu elisebenza kubo bonke elizokwenza kugxilwe kulo ngokwanele ukuhlanganisa lo mkhakha. Kwabe sekulandela isu lobuciko lwalo mkhakha olwaqhamuka lusuka kulesi sicelo. Inhlosombono yalo mkhakha isho ukuhlanganyela okunenzuzo okuqhubeka isikhathi eside, kwezomnotho waseNingizimu Afrika wezolimo, kuhlanganyela bonke abathintekayo. Le nhlosombono yemukela isidingo sokugcina kukhona kanye nokwandisa ukukhiqiza kwezentengiso, ukwakha ukuncintisana kwamazwe ngamazwe nokubheka amafa omlando nokuchema okwaba nomphumela wethuba lokungena nokumelwa elichemile. Le nhlosombono inika isithombe esicacile salapho ezolimo zaseNingizimu Afrika zifuna ukuba khona esikhathini esizayo. Izinyathelo zesu lobuciko ziqukethe amasu amathathu angumongo: • Ukungena okungachemile nokuhlanganyela Izinhloso zaleli su ngukugqamisa nokuhlanganyela emathubeni ezolimo; ukususa ubuhlanga emhlabeni nasekubeni ngabanini bamabhizinisi; kanye nokuvula ikhono eligcwele lezamabhizinisi kulo mkhakha. • Ukuncintisana nokuba nenzuzo kwezomhlaba wonke Inhloso yaleli su ukugqamisa ukuba nenzuzo ngokusebenzisa ukuncintisana okuqhubeka isikhathi eside okwenzeka emhlabeni wonke, kuqhakanjiswa ngokusebenzisa lokho okungokomkhakha wezolimo okungeniswayo, okukhiqizwayo okuyikho okuphambili, uhwebo oluphathelene nokusetshenzwa kwezinto eziphathelene nezolimo kanye nezokuvakasha ezithintene nezolimo. • Ukuphathwa kwemithombo okuqhubeka esikhathini eside Leli su lihlose ukugqamisa amakhono abalimi okusebenzisa imithombo ngendlela ehlala isikhathi eside nokuqinisekisa ukusetshenziswa nokuphathwa okunenhlakanipho kwemithombo yezemvelo. Amanye amaphuzu amasu angumongo ayahambelana futhi azoba nomnikelo ekudaleni nasekubuyiseleni ukuzethemba kwezolimo. Iqembu elibhekene nomsebenzi, lilokhu libeke lokhu emqondweni, lakhomba inani lamasu adingekayo axhasayo nanika amakhono okwenza: • Indlela yokuphatha enhle • Ukuthuthukiswa kwezindawo ezisemaphandleni okuhlanganisiwe nokuqhubeka isikhathi eside • Ulwazi nokusungula izinto ezintsha • Ukubambisana kumazwe ngamazwe • Ukuphepha nokuvikeleka Lezi zinhloso ezihambelanayo zamasu zinika isisekelo esisemqoka ngaphandle kwaso okuyothi inhloso yohlelo lwamasu ingabi nakufezwa. Zibuye zigcizelele ukwencika komkhakha ekuxhasweni ngamanye amaqoqo eminyango kahulumeni nawohwebo lukahulumeni. Abalingani abazinike umsebenzi wokuthwala ukwenziwa kohlelo bazobuye bakhiphe izinhlelo zezinyathelo ezizokwenziwa ezinemininingwane ebanzi. Ukufinyelela lokhu, abalingani abaphambili bazosungula ikomiti elihlanganyelwe elizohlala likhona. Babuye benze imizamo yokubandakanya abasebenzi abahlelekile, amaNGO, izinhlangano ezesekelwe emphakathini kanye nezinhlangano zangaphandle. Njengesinyathelo sokuqala sokusondeza izinyathelo zohlelo eduzane nokwenziwa, abalingani babone lezi zinhlelo nezinyathelo eziphuthumayo ezilandelayo: • Ukwenziwa kwesu lezokuphepha nezokuvikeleka eliyisisekelo esibanzi, elenzelwe ukusebenza kahle nokusimama kwezokuhlalisana, ukwethembana nokuzethemba • Ukukhuthaza inhlosombono ehlanganyelwe kwezolimo, ukuphatha okuhle kanye nokuhlanganyela kwezokuhlalisana • Ukusheshisa uhlelo lokwabiwa komhlaba ukuze kuthuthukiswe ezolimo kanye nezindlela zokuzihlomisa okubhekiswe emaqenjini aqondiwe akhonjwa • Ukuguqula ucwaningo kwezolimo, ukwedluliselwa kwezobuchwepheshe, kwezemfundo nokwelulwa ukuze kukwazi ukuba kubhekane nezimakethe • Ukuchaza kabusha igunya lezentengiso zezolimo kanye nohwebelwano lwamazwe ngamazwe esikhathini esilandela esebhodi eyengamele, ukuze libhekane nokuncintisana okuthe xaxa kwezomhlaba wonke kanye nezidingo zokukwazi ukufinyelela izimakethe, izingqalasizinda kanye nolwazi • Ukwakha izinhlelo ezikholekayo zokucwaningwa kwezamanani nezomnotho kwezolimo ezizofinyeleleka kubo bonke abalimi namabhizinisi • Ukusungula uhlelo oluhlanganisiwe lwezezimali kwezasemaphandleni njengoba luchazwe eMbikweni weKhomishani kaStrauss • Ukuthuthukisa uhlelo oluhlanganisiwe lokuphatha izinto ezibekana engcupheni mayelana nezinhlelo zezempilo yezimila neyezilwane, izinhlelo zezentengo nezemali engenayo kanye nezinhlekele zemvelo • Ukugxila kuqondiswe utshalomali emaphuzwini okuthuthukiswa kwamaphandle ukuletha izindlela zokuziphilisa, izingqalasizinda, ezokunisela, ugesi, ezokuxhumana ngocingo, ezokuthutha, ukuqeqesha kanye nokuthuthukiswa kwamakhono • Ukusungula uhlelo lokusebenzisana kwezolimo lwe-Afrika, ukuhola isiNyathelo se-Afrika eNtsha (New Africa Initiative) kwezolimo • Ukwehlisa izindleko sezizonke zokukhiqiza, kufaka phakathi okunye ukwehliswa kwezintela ezibekwa emafutheni kadizili nokunye okuyizinto ezingeniswayo. Kukho konke lokhu, bayalibona iqhaza elisemqoka ekufinyeleleni izinhloso zokuhlanganyela, ukuncintisana nokuba khona isikhathi eside. Ngakho-ke kuyokwenziwa konke ukuqinisekisa ukusebenzisana nokuqondaniswa okukhulu phakathi kukahulumeni namabhizinisi angasese - okuchaza abalimi, izinhlangano zabalimi nebhizinisi lezolimo - ukuze kufinyelelwe inhlosombono entsha yomkhakha obumbene nonempumelelo. Imiphumela elandelayo ilindelwe ukuba ivele ekwenziweni okuyimpumelelo kwalezi zinhloso zohlelo: • Ukudalwa komcebo okwandisiwe kwezolimo nasezindaweni ezisemaphandleni • Ukuqashwa kwezolimo okuqhubekiswa isikhathi eside • Izimali ezingenayo ezandisiwe kanye nokutholwa kwemali okwandisiwe okungena ngokuhwebelana ezimakethe zangaphandle • Ukwehliswa kobuphofu nokungalingani ephuzwini lokuba ngabanini bomhlaba nabamabhizinisi • Ukusebenza kahle okwenziwe ngcono kwezobulimi • Ukuqiniseka okwenziwe ngcono ngokudla kukazwelonke nokwamakhaya • Imiphakathi yasemaphandleni esimeme nephephile, amazinga obulelesi nodlame ehlisiwe, kanye nokuthuthukiswa kwezindawo ezisemaphandleni okuqhubeka njalo • Ukwethemba kwabatshalizimali okwenziwe ngcono kanye nokutshalwa kwezimali kwezasekhaya nokwasemazweni angaphandle okuthe xaxa • Iqholo nesithunzi kwezolimo njengomsebenzi ongenziwa ngabantu kanye nanjengomkhakha Abalingani bazibophela ekwethuleni isikhathi esidingekayo kanye nemithombo yezimali nezinto ezisetshenziswayo ukubonelela ukusebenza ngempumelelo kwesu lobuciko. Incwajana ethi Isu lobuCiko loMkhakha wezoLimo waseNingizimu Afrika iyatholakala eResource Centre Department of Agriculture Ucingo: (012) 319 7141 Futhi iyatholakala nakuweb lapha: www.nda.agric.za 2002 IYINI I-AFRICAN NATIONAL CONGRESS (UKHONGOLOSE, I-ANC) * UKhongolose (u-ANC) uyinhlangano noma umbuthano olwela amalungelo aso sonke isizwe. Inhlangano kaKhongolose (u-ANC) yasungulwa ngonyaka ka 1912 ukuze ihlanganise onke ama-Afrika kanye nokuba ngumholi kumzabalazo wezinguquko ezijulile kwezombusazwe, izinguquko ezimpilweni zabantu kanye nakwezomnotho. * Iminyaka engamashumi ayisishayagalolunye (90) uKhongolose ehola umzabalazo wokulwa nobandlululo ngokwebala, kanye nokulwa nengcindezelo, futhi igqugquzela abantu ngobuningi ukungenela kumkhankaso wokulwa nobandlululo, kanye nokugqugquzela amazwe ngaphandle ukusekela umzabalazo kanye nokuqala umzabalazo wezikhali wokulwa nombuso wobandlululo. * I-ANC yanqoba ngokuyingqayizivele okhethweni lwenqubo yentando yeningi lango 1994, lapho yathola khona igunya elinqala nelinzulu lokungenela izingxoxo ngoMthethosisekelo omusha wentando yeningi eNingizimu Afrika. Umthethosisekelo omusha wamukelwa ngonyaka ka 1996. * I-ANC yabuye yakhethwa futhi okhethweni lukazwelonke kanye nolwezifundazwe lwangonyaka ka 1999, lapho eyathola khona igunya lokubusa lezinga eliphezulu. * Imigomo ye-ANC ibekwa ngamalunga kanye nabaholi, abachaza inqubo yomsebenzi kumalunga. * Ubulunga be-ANC buvuleleke kuzo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezineminyaka engu 18 nengaphezulu, izakhamizi zazo zonke izinhlanga, imibala, kanye nezinkolo inqobo nje uma zamukela izimiso (principles), imigomo kanye nezinhlelo zika-ANC. NGABE YINI IZINHLOSO NEZINJONGO ZE-ANC (ZIKAKHONGOLOSE)? * Injongo ebalulekile ka-Khongolose ukwakha isizwe esibumbene nesihlangene, esinobunye, esingenalo ubandlululo ngokwebala, nangobulili nesiqhuba ngentando yeningi. * Lokhu kusho inkululeko yama-Afrika kungcindezelo yezombusazwe kanye nakwezomnotho. Kanti futhi lokhu kusho ukuthuthukisa izinga lempilo yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abantu abampomfu. * Umzabalazo wokufezekisa lenjongo ubizwa ngokuthi yi-National Democratic Revolution. YINI OKUWUMKHOMBANDLELA WEMIGOMO YE-ANC? Umqulu wamalungelo enkululeko (i-Freedom Charter), eyamukelwa kwiNgqungquthela yabantu ngonyaka ka 1955, kuseyiwona Mkhombandlela kaKhongolose (ye-ANC). Umqulu wamalungelo enkululeko (i-Freedom Charter) uthi: * Abantu bayobusa * Zonke izinhlanga zabantu ziyoba namalungelo alinganayo * Abantu bayokwabelana ngomnotho wezwe * Abantu abasebenza ngomhlaba bayokwabelana ngawo * Bonke abantu bayolingana phambi komthetho * Bonke abantu bayoba namalungelo obuntu * Kuyoba nemisebenzi kanye nokuvikeleka * Iminyango yemfundo kanye namasiko iyovuleleka kubo bonke abantu * Kuyoba nezindlu, ukuvikeleka kanye nokunethezeka * Kuyoba noxolo nobungani Ngonyaka ka 1994, i-ANC yamukela nokongamela Uhlelo lweMvuselelo kanye neNtuthuko i-Reconstruction and Development Programme (RDP), njengesisekelo semigomo ye-ANC, eyiyona nkombandlela ekuguquleni iNingizimu Afrika. Izinhlelo ezibalulekile ze-RDP yilezi: * ukufezekisa izidingo ezibalulekile zabantu * ukuthuthukisa amakhono abantu * ukwakha umnotho wezwe * ukuqikelela ukuqhutshwa kwezinto kumbuso nakusizwe sonkana ngentando yeningi. NGABE IZIMPAWU ZE-ANC ZIMELENI? * Ifulegi le-ANC linemibala elinganayo eqondile emnyama, eluhlaza okusatshani, kanye nesagolide. Uphawu olumnyama lumele abantu baseNingizimu Afrika, esekuyizizukulwana belwela inkululeko. Umbala oluhlaza umele umhlaba, okuyiwona obuwondla abantu iminyaka eminingi labho abasuswa khona ngohulumeni bobukoloni kanye nobandlululo. Kanti igolide limele umcebo ombiwa phansi kanye nomnotho wemvelo waseNingizimu Afrika, umnotho ongowabantu bonke, kodwa usetshenziswa idlanzana labamhlophe ukuzizuzela bona bodwa. * I-logo inomkhonto kanye nehawu, okumele izimpi zokulwela izwe nokulwa nenqubo yobukoloni kudala eyaphuca abantu imihlaba yabo, kanye nomzabalazo wezikhali we-ANC, uMkhonto weSizwe kanye nomzabalazo wabantu wesikhathi eside belwa nobandlululo ngokwebala kanye nengcindezelo. Lomzabalazo sekuyisikhathi udonsa, ukusukela eNgqungqutheleni Yabantu (Peoples Congress), eyamukela Umqulu wamalungelo (i-Freedom Charter), kanti futhi owawuluphawu lokuhlangana kwemiphakathi eyahlukene yabantu baseNingizimu Afrika ilwela into eyodwa, okuyinkululeko. Kuwuphawu losiko lwe-ANC lobumbano lwezinhlanga ezehlukene, eNingizimu Afrika. Inqindi ebambe umkhonto, imele amandla abantu ababumbene emzabalazweni wokuthuthukisa izimpilo zabo. * Isiqubulo se-ANC esithi, Amandla ngawethu noma Matla ke ya rona, sisho ukuthi amandla awabe kubantu, kanti lokhu kususelwa kusidingo esinqala se-Freedom Charter esithi, Abantu Bayobusa. Yisitatimende se-ANC sokuzimisela ukwakha kanye nokuzinzisa inqubo yentando yeningi, kanye nokubamba kwabantu iqhaza emzabalazweni wokuthuthukisa izimpilo zabo. NGABE YINI IMISEBENZI YELUNGA LE-ANC? Izinto nezimiso ezibalulekile zelunga le-ANC zibandakanya okulandelayo: * Ukuzithoba kanye nokuzinikela ngokuphelele emzabalazweni wokulwela izwe elingenabandlululo ngokwebala, ubulili kanye neliqhuba ngentando yeningi, * Ukuzinikela ekusebenzeleni izifiso kanye nezidingo zabantu, izinto ezitholakala kumgomo wokubeka abantu phambili we-Batho Pele (Abantu Kuqala), * Ukuzimisela ukuqhuba izinto ngokulandela imigomo yenhlangano kanye nezinqumo ezithathwa yiningi ngobunye. Amalunga ka-ANC alindeleke ukuthi: * Abe ngamalunga amagatsha e-ANC, akhokhele imali yobulunga kanye nokusiza ekwakheni i-ANC, * Ukubamba iqhaza elibonakalayo ezingxoxweni, ekubunjweni kwemigomo kanye nasekusetshenzisweni kwemigomo kanye nezinhlelo ze-ANC, * Ukwamukela kanye nokuvikela izinqumo zezakhiwo ezifanele zenhlangano, * Ukwakha ubunye nobumbano kanye nenqubo yokulandela intando yeningi enhlanganweni, ukulwa nenkohlakalo kanye nokuvuna izihlobo, kanye nokulwa nokubangwa koqhekeko olubangwa izigejana enhlanganweni, * Ukulwa nenqubo yobandlululo ngebala, ubandlululo ngokobuhlanga, ubandlululo ngokobulili, inkolo kanye nokungabekezelelani kwezombusazwe, kanye nokulwa nanoma iyiphi inhlobo yobandlululo noqhekeko, * Ahlale enolwazi ngezombusazwe kanye nezinye izinto eziqhubekayo, kanye nokuthuthukisa amakhono abo njengengxenye yokuqhubekela phambili nokufunda kuyo yonke impilo yomuntu, * Ukuhlala bexhumene nabantu kanye nokudlala indima ebonakalayo ezindabeni zemiphakathi, kanye * Nokuziphatha ngendlela eyisibonelo esihle nsuku zonke, kanye nokungasebenzisi izikhundla ukuzizuzela ngokwabo, ukuzicebisa kanye nokuzibonelela ziqu zabo. NGABE YINI IZAKHIWO ZE-ANC? * Igatsha yisona sakhiwo esiyisisekelo nempande ye-ANC, lapho amalunga okumele abambe khona iqhaza emisebenzini ye-ANC kanye nezingxoxo ngezombusazwe. Igatsha yilona eliyiso nezindlebe zomphakathi, elimele izidingo zomphakathi, kanye nokuba yiwona mnyombo maqondana nezidingo nezifiso zomphakathi, kanye nokugqugquzela imiphakathi ukuze isebenzele intuthuko ezindaweni. Igatsha negatsha likhetha ikomiti eliphezulu legatsha (Branch Executive Committe) eMhlanganweni KaWonke-wonke wonyaka (Annual General Meeting). * Ikomidi eliphezulu lesiFunda (i-Regional Executive Committee-REC) likhethwa kwiNgqungquthela yesiFunda njalo eminyakeni emibili, ngabameli bamagatsha kusiFunda. * Ikomiti eliphezulu kusiFundazwe (Provincial Executive Committee- PEC), likhethwa njalo eNgqungqutheleni yesiFundazwe eminyakeni emithathu, likhethwa ngabameli bamagatsha esiFundazweni. * Ikomidi eliphezulu likaZwelonke (National Executive Committee-NEC) yisona sakhiwo esiphezulu esithatha izinqumo ku-ANC phakathi kweziNgqungquthela kanti futhi linomsebenzi wokuhola inhlangano. Lelikomidi le-NEC, likhethwa njalo eminyakeni emihlanu eNgqungqutheleni kaZwelonke. I-NEC ikhetha iKomidi elisebenzayo likaZwelonke, i-National Working Committee (NWC) phakathi kwamalunga eKomidi likaZwelonke, ukubhekana nemisebenzi yenhlangano yansuku zonke. * INgqungquthela kaZwelonke (National Conference), ebanjwa njalo eminyakeni emihlanu, yisona sakhiwo esiphezulu esithatha izinqumo ku-ANC. Abameli bamagatsha bangamaphesenti angu 90 ezithunywa ezivotayo kwiNgqungquthela kaZwelonke. Umkhandlu kaZwelonke Kawonke-wonke (National General Council-NGC), ibanjwa njalo phakathi kweziNgqungquthela zikaZwelonke ukubuyekeza izinhlelo zenhlangano. * I-ANC Women's League, isebenza njengenhlangano ezimele kunhlangano yonkana ye-ANC. Injongo yayo enkulu wukuqhubela phambili nokulwela amalungelo abesimame kuzo zonke izinhlobo zengcindezelo kanye nokuqinisekisa ukuthi abesimame badlala indima ebalulekile enhlanganweni. Ubulunga be-Women's League buvuleleke kubo bonke abesimame abangamalunga e-ANC. * I-ANC Youth League, nayo isebenza njengenhlangano ezimele, enenhloso yokuhlanganisa kanye nokuhola abasha ekubhekaneni nezinkinga zabo, kanye nokuqinisekisa ukuthi intsha idlala indima egcwele nejulile kumisebenzi ye-ANC. Ubulunga be-Youth League, buvuleleke kubo bonke abantu abaneminyaka ephakathi kuka 14 no 35. NGABE BUYINI UBUDLELWANO OBUNXA-NTATHU (TRIPARTATE ALLIANCE)? I-ANC inombimbi noma umfelandawonye nenhlangano yamakhomanisi, i-South African Communist Party (SACP), kanye noKhongolose wabasebenzi i-Congress of South African Trade Unions (COSATU). Ingxenye nengxenye yombimbi iyinhlangano ezimele, enomthethosisekelo wayo, amalunga ayo kanye nezinhlelo zayo. Umbimbi lwakhelwe phansi kwezinjongo ezifanayo, zeNational Democratic Revolution, kanye nokuhlanganisa imikhakha ehlukene yabantu baseNingizimu Afrika ngaphansi kwalezinjongo. NGABE ITHOLAKALA KUPHI I-ANC Amagatsha e-ANC atholakala kumadolobhakazi amakhulu, emadolobheni, kanye nasezindaweni zasemakhaya eNingizimu Afrika. I-ANC inekomkhulu likazwelonke, amahhovisi eziFundazwe ayisishiyagalolunye kanye namahhovisi eziFunda. Ubalo Lwasezikolweni (Census in Schools) Ezinyangeni ezimbili ezizayo, ngo Septemba nango Oktoba abafundi kundawo ngendawo lapha e Ningizimu Afrika bazobe bematasatasa ezikolweni ngomkhankaso oyinqayizivele obizwa ngokuthi Ubalo Lwabafundi Ezikolweni (Census in Schools). Lomkhankaso uyingxenye yobalobantu olubizwa ngokuthi yi Census olwenziwa njalo emva kweminyaka emihlanu lapha e Ningizimu Africa. Ubalo Lwabafundi Ezikolweni lusungulwe uMnyango wezoBalobantu walapha e Niningzimu Afrika owaziwa ngokuthi yiStatistics South Africa ubambisene nomnynago wezeMfundo. Lolubalo luzonika othishela kanye nabafundi ulwazi lokwenza ucwaningo oluzobanikeza ulwazi olumayelana nezikole nezimpilo zabo zemihla ngemihla emakhaya nasemphakathini jikelele. Ulwazi oluzotholakala kulomkhankaso luzoba yingxenye esemqoka yesizinda solwazi lwaloluhlobo oluthokala ezindaweni zaphesheya ezifana neNgilandi ne Australia. Lolulwazi luzosiza kakhulu ekunikeni abafundi incazelo nolwazi oluzobasiza ukuqonda ubalobantu 'Census'. ICensus ingumkhankaso ongukukhulela ngoqo ohlelelwe umhlaka 10 enyangeni kaOktoba kulonyaka. ICensus yalonyaka ibizwa ngokuthi yiCensus2001. Iyini iCensus 2001? Lapha eNingizimu Afrika iCensus yenziwa njalo emva kweminyaka emihlanu. Njalo ngalesisikhathi kubalwa wonke umuntu okhona kuleli. Umphumela walolubalo uba yinani labantu kuyoyonke iNingizimu Afrika, izindawo lapho lababantu behlala khona kanye nezindlela ezehlukehlukene abantu abaziphilisa ngazo. Ulwazi oludalwa yilolucwaningo lubonisa uHulumeni ukuthi kambe ngabe yiziphi izidingo zabantu kundawongendawo. Uma uHulumeni esethole lolulwazi, uyakwazi ukuqopha izinhlelo ezihlangabezana nezidingo zabantu ezifana nezikolo, imitholampilo, ezothutho, imgwaqo, nokunye. Lokhu kuyamsiza futhi uHulumeni ukuthi azi ukuthi yimiphi imigomo angayithatha ukunqanda ububha emphakathini kanye nokuthuthukisa izindawo zasemaphandleni kanye nasemadolobheni. Kungani kumele ufake isandla kuCensus2001? Isabelo sezimali Ukufaka kwakho isandla kulomkhankaso kuzosiza ukuthi umphakathi wakho ube sohlweni lokuthola izimali zokuwuthuthukisa. Izinhlekelele Lomkhankaso uzosiza ekwenzeni ucwaningo mayelana nezizinda zezinhlekele ezifana nezikhukhula kanye nezifo ezifana nekholera ukwenzela ukuthi kwenziwe imizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwalezizehlakalo ngaphambi kokuthi zibhuqe umphakathi. Ukuthuthukiswa kwezinhlelo Ukufaka kwako isandla kulomkhankaso kuzosiza uHulumeni ukuthi azi izidingo zompahakathi ohlala kuwo. Kungaleyondlela kuphela lapho uHulumeni ezokwazi khona ukuthi kukuziphi izindawo lapho kudingeka khona izikole, imitholampilo, nokunye. Yenza uHulumeni adibane nezingo zakho Icensus 2001 ithuba lakho lokwazisa uHulumeni ngezidingo zomphakathi wakho. Sebenzisa lelithuba ungaphuthelwa! Usizo emndenini wakho Nguwe kuphela kanye nabomndeni wakho eningasiza uHulumeni ukuthi azi izidingo zenu nezomphakathi enihlala kuwo. Konke lokhu ningakwenza ngokufaka isandla kubalobanntu iCensus2001. Qiniseka ukuthi wena nabomndeni wakho nigcwalisa ifomu enizoyinikwa abasebenzi base Stats SA kusukela ngomhlaka 10 ukuya ngomhlaka 31 enyangeni kaOktoba kulonyaka. Phuthuma. Imbila yaswela umsila ngokulayezela! Uma ufuna ulwazi olunzulu ngalomkhankaso ungaxhumana nathi ngalezizindlela ezilandelayo: ungasibhalela incwadi kulelikheli Private Bag X44, Pretoria noma usebenzise iwebsite yethu ethi www.censusatschool.org.za noma usebenzize i e-mail yethu ethi censusatschool@statssa.pwv.gov.za ISHATHA YAMALUNGELO NGESIFO SE-AIDS NEGCIWANE I-HIV ISANDULELO Ngenxa * yobandlululo olukhona kubantu abane-AIDS noma igciwane lalesi sifo i-HlV kanye nokubandlululwa kwalabo abathandana nabo,imindeni yabo nalabo abababhekile ngokwezempilo. * ingozi yokuthi ukwanda nokusabalala kwalesi sifo eNingizimu Afrika kuzobanga ukukhula kokuhlukunyezwa nokuphathwa kabi kwabantu abahlaselwe yilesi sifo. * yokuba khona kwesidingo sokuba abantu base-Ningizimu Afrika bathole ulwazi olwanele nge-AIDS kanye negciwane le-HIV, kanye * nesidingo sokuthi kuhlanganwe e-Ningizimu Afrika ukuze kuvinjwe ukwanda kwegciwane le-HIV. Thina nezinhlangano esisayine ngezansi, sibona ukuthi kubalulekile ukuba kucaciswe ngamalungelo asemqoka azo zonke izakhamizi okumele zibenawo futhi zingaphucwa wona ngoba zinegciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS, futhi kucaciswe ngezibopho ezithile okufanele zifezwe. 1 INKULULEKO, UKUZIMELA NOKUVIKELEKA KOMUNTU KANYE NOKUHAMBA NGOKUKHULULEKA 1.1 Abantu abanegciwane le-HIV kumbe i-AIDS banamalungelo enkululeko, ukuzimela nokuvikelwa nenkululeko ekuhambeni njengabo bonke abanye abantu. 1.2 Akumele kube nokuvinjelwa ekuhambeni ngokukhululeka ngaphakathi kwezifunda nangaphakathi kwezwe kubantu abanegciwane le-HIV kumbe i-AIDS. 1.3 Ubandlululo, ukubekwa ngayedwa kwabantu abasemajele, ezikoleni, ezibhedlela noma kuphi ngokuthi banesifo se-AIDS noma igciwane le-HIV akwemukeleki. 1.4 Abantu abane-AIDS noma igciwane lasesisifo banelungelo lokuzimela uma benza izinqumo ezimayelana nokushada, ukuthola abantwana, kodwa kufanele bafundiswe ngemiphumela yezinqumo abazithathayo. 2 IMFIHLO 2.1 Abantu abanegciwane le-HIV noma isifo se-AIDS banelungelo lokuthi ulwazi mayelana nesimo sempilo yabo kanye nesimo ngegciwane le-HIV kungasatshalaliswa, kuhlale kuyimfihlo. 2.2 Ulwazi ngempilo yomuntu onegciwane le-HIV akufanele lutshelwe abanye ngaphandle kwemvume yalowo muntu noma esengasekho emhlabeni, ngaphandle uma lufunwa abomthetho, kufanele kutholakale imvume kwabomdeni wakhe kanye nalowo athandana naye; ngaphandle kwalapho kucacile ukuthi kunengozi futhi kwesatshelwa izimpilo zabantu abathize. 3 UKUHLOLWA 3.1 Kufanele umuntu onalesi sifo anikeze imvume yokuthi igazi lakhe lingahlolwa; ngaphandle uma kwenziwa izinhlelo zokucwaninga ngokubheduka kwalesi sifo kodwa kungathathwa abagama abantu. 3.2 Kufanele wonke umuntu abe nelungelo lokuhlolwa ukuthi unalo yini igciwane le-HIV ngaphandle kokuba aveze igama lakhe futhi lokhu kube yimfihlo futhi wonke umuntu athole iziyalo ngaphambi nangemumva kokuhlolwa. 3.3 Abantu abatholakala ukuthi banegciwane le-HIV kufanele bathole njalo usizo lwezempilo. 4 UKUFUNDISA NGESIFO SE-AIDS NANGEGCIWANE LE-HIV 4.1 Bonke abantu banelungelo lokuthola ukufundiswa kanye nolwazi olugcwele ngegciwane le-HIV kanye nesifo se-AIDS, kanye nolwazi nezindlela zokuzivikela. 4.2 Umphakathi kufanele ufundiswe ukuze kuvinjelwe ubandlululwa kwabantu abanegciwane le-HIV kanye nesifo se-AIDS. 5 UMSEBENZI 5.1 Akufanele abantu baqashwe emva kokuhlolelelwa igciwane le-HIV futhi akufanele libe yisizathu sokuvimbela noma ukwala ukuthi umuntu aqashwe emsebenzini. 5.2 Uma unegciwane le-HIV noma isifo se-AIDS akusho ukuthi mawuphelelwe wumsebenzi, noma wehliswe esikhundleni sakho, uxoshwe noma ubandlululwe emsebenzini. 5.3 Ulwazi lokuthi umsebenzi unengculazi no ma igciwane lalesisifo akumele ludluliselwe kumqashi. 5.4 Akukho mthetho obekiwe ukuthi abasebenzi mabahlolwe ukuthi abanalo yini igciwane le-HIV. 5.5 Ulwazi nokufundiswa ngegciwane le-HIV noma isifo se-AIDS, kanye nosizo lweziyalo mayelana nalesi sifo, kufanele abasebenzi bakwazi ukuluthola emva kokuxoxisana nabamele abasebenzi. 6 EZEMPILO NABABO ABASIZA NGEZEMPILO 6.1 Abantu abanegciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS banelungelo lokuba nezindlu, nokudla, usizo lukahulumeni kulabo abantulayo, usizo lwezempilo nokuphilisana kahle okufana nabo bonke abanye abantu emphakathini. 6.2 Abantu abanegciwane le-HIV kanye nesifo se-AIDS kufanele batholelwe izindawo zokuhlala kanye nosizo olufanele lukahulumeni. 6.3 Imbangela yokugula komuntu akufanele kube isizathu sobandlululo uma kunikezwa ezempilo nemithi. 6.4 Igciwane le-HIV kanye nesifo se-AIDS akumele kube yisizathu sobandlulo ezikhwameni kanye nosizo lwama-Medical Aid. 7 EZOKUSAKAZO 7.1Abantu abagciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS banelungelo lokuphathwa ngokufaneleyo ngabezokusakaza izindaba, kufanele kuhlonishwe ilungelo labo lokungadaluli ulwazi ngesifo esibaphethe. 7.2Umphakathi unelungelo lokutshelwa futhi ufundiswe ngegciwane le-HIV kanye nesifo se-AIDS. 8 UMSHUWALENSE Abantu abanegciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS kumbe okubonakala ukuthi kulula ukuba basithole lesi sifo kufanele bavikeleke kubandlululo olungenazo izizathu eziqinile olungenziwa ngabesomshuwalense. 9 UBULILI NALABO OLALANA NABO 9.1 Bonke abantu banelungelo lokucela abalalana nabo ukuba baqikelele ukuvikela ukuba bangabatheleli ngegciwane le-HIV. 9.2 Ukuba lula kokungenwa yilegciwane kubantu besifazane kufanele sibhekisiswe kahle kanye nesabantu abasha nezingane. 10 IZIBOSHWA 10.1 Iziboshwa ezinegciwane le-HIV kufanele zithole ukunakekelwa nokuphathwa ngendlela efanayo nezinye iziboshwa. 10.2 Iziboshwa ezisifo se-AIDS kufanele zibe nokunakekelwa okuyisipesheli okulingana nezinye iziboshwa ezigula kakhulu. 10.3 Iziboshwa kufanele zithole imfundo, ulwazi nezindlela zokuzivikela njengabo bonke abantu emphakathini. 11 UKUVIKELWA OKULINGANAYO NGOKOMTHETHO NOKUTHOLAKALA KWAMALUNGELO NOSIZO LOMPHAKATHI 11.1 Abantu abanegciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS kufanele babe namalungelo alinganayo okuthola usizo ezintweni zomphakathi, nokuhlolwa kwegciwane lalesisifo. 11.2 Kufanele umphakathi uthathe izinyathelo zokuvikela abantu abanegciwane le-HIV noma isifo se-AIDS ukuba bangabandlululwa emsebenzini, ekutholeni izindlu, kwimfundo, ukunakekelwa nokugcinwa kwabantwana, ekutholeni usizo lwezempilo, emphakathini kanye nezenhlalakahle. 12 OKUFANELE KWENZIWE NGABANTU ABANEGCIWANE LE-HIV KUMBE ISISIFO SE-AIDS Abantu abanegciwane le-HIV kumbe isifo se-AIDS kufanele bahloniphe amalungelo, izimpilo kanye nemizimba yabanye abantu futhi bathathe izinyathelo ezifanele uma kudingekile. Isingeniso Ngempela liyini igama le-'Domain' ? Njengenombolo yocingo i-'Domain' yindlela ehlukikile ekhombisa isizinda esithile ekuxhumaneni ngamakhomputha kwezomhlaba (World Wide Web). Yileyo naleyo khomputha esekuxhumaneni komhlaba jikelele ngekhomputha(internet) inezinombolo ezahlukile zedilesi le-'Internet Protocol' njengezilandelayo 131.215.3.29. Lezi zinamba azikhuthazi kumsebenzisi futhi azichazi ukuthi idilesi lelo liphetheni. Igama le-'Domain' lingusizo okungelula ukukhumbuleka nje kuphela kodwa elishoyo ukuthi isizinda (site) leso siphetheni. Isibonelo, kulula ukukhumbula idilesi elithi 'old-books.co.za' kuno 121.207.7.23. Uma ungumkoleki wezincwadi ezindala, unakho ukuthola ukuthi i-site leyo iqukethe ulwazi oludingayo. Igama ledomain lisebenza njengezinombolo zokushaya ucingo . I ngxenye yokuqala yegama ikhombisa isizinda esithile (site), eyesibili ikhombisa indawo yonke lapho isizinda sikhona, eyesithathu i-'code' yezwe lapho isizinda sibhaliswe khona. Isibonelo, i-abasa.co.za isho uhla lwesizinda (web site) sebhange lakwa-Absa. Lesi sizinda sibhaliswe kwi-'commercial(co) domain' eNingizimu Afrika(za). Kwi-internet yonkana, kunama-'Domain'name servers . La magama kwikhomputha athatha igama le-'Domain' afune iDilesi le-'Protocol' efanelekile bese eyibuyisa ekhomputheni yakho ukuze uzokwazi ukuxhumana nesizinda ofuna ukusivula. Kungani kumele ngibhalise iDomain Name? Minyaka yonke izinkampani zisebenzisa izigidi zakha amagama nemifanikiso ehlanganiswa nalamagama. Kuwumbono omuhle ukubhalisa leli gama ukuze uvikele amagama alondoloziwe, nokunika amaKhasimende e-Internet igama le-Domain alaziyo. Lokhu kubonakala ikakhulukazi lapho izinkampani zisebenzisa igama elinencazelo ehlukile. Leli yigama elinamandla, abantu abaningi abavele bexhumane ngalo ngokugcinwa kolwazi ekhomputheni (Data Base Systems) kodwa akukho lutho oluvimbela izifiso zokubhalisela ngaphansi kwaleli gama. Lokhu kungaba ngaphezu kwalokho lapho igama lenkampani linezinye izincazelo noma eminye imiqondo ehlukile elingasetshenziswa ngayo.Lokho kwenzeka kahle uma sekubonakele ukuthi inkampani ethile eyi-IT ingamnika isamba simbe semali lowo muntu ngegama lakhe le-domain. Lapho kukhona amagama noma ama-'trade mark' abhaliswe kahle, inkampani ingathatha izinyathelo zomthetho ukuthola lawo magama kunoma imuphi umuntu obhalise lawo magama ngokungavumelekile njenge -'Domain' yize noma lokhu kungasho ukuhamba amacala nokumosheka kwesikhathi. Qhathanisa lokhu nezindleko zokubhalisa igama le-'Domain' eseNingizimu Afrika (co.za domain), lokhu kungabiza amarandi angama -200 sekufakwe nentela onyakeni wokuqala. Ngingayibhalisa kanjani i-Domain yami? Noma kulula kuwo wonke umuntu noma inkampani ukubhalisa ngqo kubabhekeli be- Domain ethile, kuwumbono omuhle ukuthola ulwazi kulowo okulethela ezokuxhumana ngamakhomputha (Internet Service Provider). Ukubhalisa igama le-domain kuyisinyathelo sokuqala sokuzibandakanya nenye yezindayo ezikhula ngamandla kwezohwebo. i-Domain ebhalisiwe ayisho lutho ngaphandle kwedilesi. Uma abasebenzisi belivula leli dilesi bethola umbhalo othi "UNDER CONSTRUCTION", mancane amathuba okuba babuyele khona futhi. Ama-ISP izinzululwazi ezingangakunika izeluleko ekubhaliseni nasekunikezeni izeluleko kuzo zonke izindlela zokwenza isizinda (website) esihle, esiseqophelweni eliphezulu futhi nesinempumelelo. Ngabe ngingazikhethela noma yiliphi igama le-Domain? Ngabe liquketheni leli gama? Ngokwemisebenzi ethile, izinhlamvu zamagama kusuka ku (A-Z) nezinombolo kusuka ku (0-9) kanye nekhonco (-) zingasetshenziswa kodwa zingabi ngaphezu kwezinhlamvu ezingama -30 egameni le-domain. Ngokwezizathu ezithile umkhawulo yizinhlamvu ezingama- 256 kodwa sesinqume ukuwehlisela ezinhlamvini ezingama -30. Noma ngabe bekunjalo,kubalulekile ukukhumbula ukuthi igama le-domain lingasetshenziswa njengengxenye ye-URL ukuze ukwazi ukwamukeleka kwi-web page noma njengengxenye ye e-mail. Noma ngabe igama le-Domain likhethwe ngobukhona benkampani kwi-web noma likhethelwe ukuzithokozisa, kuyaye kulandelwe inqubo mgomo nemithetho efanayo. Ake sisebenzise nasi isibonelo esizicabangela sona: Ngingene eBhizinisini lomndeni "Michael Salibas and Sons", leli bhizinisi laqala ukusebenza eminyakeni embalwa eyedlule futhi lakhelwe emakhasimendeni amadala kanye namasha. Bese ngikhetha ukubhalisela i-Domain ngakhe i-web page. Ngingabhalisa njengo MICHAELSALIBASAND SONS.CO.ZA noma MSS.CO.ZA. Ibheji elisemakhadini ebhizinisini lami kanye nelisemadilesini linamagama athi AMSS@abhalwe ngesitayela esihle esilotshwe ngokuluhlaza sakuphupha kwahlotshiswa ngomugqa obomvu onqamula phakathi negama. Kungani? Yingoba KUYAKHANGA kahle futhi abantu BANGAKUKHUMBULA kalula. Kulandela imithetho efanayo neye-domain. Kulula ukuyikhumbula futhi iyakhanga uma ingu- www.MSS. co.za kunokuba ingu- www.MICHAELSALIBASANDSONS.co.za. Konje uma sibeka i-domain ethi MSS.CO.ZA seyivele ibhaliswe ngabakwa AMedical System Support(Pty) Ltd.@ ngakho-ke sekudingeka ngifune enye i-Domain. Ngingakuthola kanjani ukuthi igama le-Domain selikhona? Njengoba i-Domain efanele isikhethiwe, kubalulekile ukubheka ukuthi isiyatholakala yini ukuze ibhaliswe ngokusebenzisa I-WHOIS SERVER kwi-web page eyaziwa nge co.za http://co.za noma ubhale leyo-domain oyihlolayo bese uciphizela u-ENTER. Uma i-'domain isitholakala i-web page iyobe isiveza umfanekiso onjenga lo. Lemiphumela engezansi iyi-'domain' yakwa "tomjones.co.za" The CO.ZA simple whois server Your query has generated the following reply:- Search on tomjones (.co.za) Match: Zero Nothing matched - this should mean that the name is safe to use... Ngakolunye uhlangothi uma i-Domain isetshenziswa ngomunye izoveza imiphumela ehlukile.i-WHO IS SERVER izobe isinikeza imininigwane yokuxhumana neDomain ethile. Lemiphumela ngeye i-Domain yakwa "jones.co.za": The CO.ZA simple whois server Your query has generated the following reply:- Search on jones (.co.za) Match: One Domain: jones.co.za Ngingalitholaphi ifomu lokufaka isicelo? Ngenxa yokuthi igama le-Domain selikhethwe lahlolisiswa ukuthi liyatholakala ukuze lisetshenziswe,igxathi elilandelayo-ke wukulishicilela lelo fomu lokufaka isicelo. Ifomu lokufaka isicelo lingatholakala futhi kwi-CO.ZA web page ethi: http://co.za. Leli-ke akulona ifomu elihlala lime ngomumo ngakho kumele livikelwe nge-Hard Drive ukuze lingaduki ekhomputheni. Lokhu kungenziwa ngokuciphiza embhalweni othi: 'FILE' kanye nothi- 'SAVE AS', ukhethe i-'folder' (noma inkombisa esiza labo abangakwazi ukungena kuma-'Windows'), lapho ifayela ligcinwa khona bese kuciphizwa u-SAVE. Igama lefayela lingaqanjwa kabusha nakuba kuncomeka ukuligcina linjengoba linjalo. Ngingadinga luphi ulwazi ukuze ngigcwalise ifomu? Imininingwane yokuXhumana yoMnikazi we-Domain, Ukuxhumana nabaBhalisi kanye nokuXhumana negama le-Domain ngobuchule kudingekile.Imininingwane yokuXhumana ifaka iKheli, iNombolo yocingo kanye neKheli lokuXhumana ngaMakhomputha (E-Mail). Ikheli eliyi-E-Mail leNhlangano (noma loMuntu ngamunye) eliyobe liqinisekise ukubhalisa lidingekile. Zimbili izindlela eziqavile zokubhalisela igama le-'Domain'. Igama le-'Domain' lingemukelwa ne ISP noma yiNkampani eMukelayo noma Yigama elisha le-Domain lingasiselwa kulelo eselivele likhona Uma igama le-'Domain' lizosetshenziswa masinyane, kuyakhuthazwa ukuxhumana nenye yama ISP noma nenkampani ebhekele ngokwamukelwa kwegama le-'Domain'. Iningi lama-ISP liyomgcwalisela ifomu loyo onesicelo salo mngenelo. Kanti uma i-ISP noma iNkampani ebhekele idinga ukuthi ofake isicelo athumele ifomu lokungenela, kumele athole imininingwane yomsizi ngaleli gama elitholakala kwi-ISP bese eqinisekisa ukuthi lelo gama le-'Domain'lingene kulawo ma 'NAMESERVERS' awanikwe yi-ISP. Uma-ke igama le-Domain lizogodlwa ngenhloso yokulisebenzisa ngesinye isikhathi, igama elisiselwe (CNAME) inganikezwa lelo gama elisha le-Domain, kungaze kufinyelele kwamanye futhi amabili amagama asiselwe ngaphansi kwaleyo-'Domain'. Igama elisiselwe (CNAME) kufanele kube yigama le-'Domain' elinokushintsheka. Akudingakali ukuthi igama le-'Domain' lididaniswe ne-'Virtual Web Space'. Isibonelo: 'geocities.com'-yigama le-'Domain'; 'citiesgeo.com/mike-yigama le-'Virtual Web Space.' Iphephabhuku likahulumeni Igazethi yoMthethonkambiso engunombolo 6290 - Vol. 399 Pretoria, 8 September 1998 No. 19231 - ISAZIZO ESIKHISHWE NGUHULUMENI SOUTH AFRICAN QUALIFICATION AUTHORITY South African Qualification Authority (Isigungu seziPhathimandla sokwengamela iziqu eNingizimu Afrika) ONGUNOMBOLO R 1127 8 September 1998 IMITHETHONKAMBISO NGAPHANSI KOMTHETHO I SOUTH AFRICAN QUALIFICATION AUTHORITY KA 1995 (UMTHETHO ONGUNOMBOLO 58 KA 1995) I South African Qualification Authority simise leMithethonkambiso ekulesheduli ngaphansi kwesigaba se-14 soMthetho iSouth African Qualification Authority ka 1995 ngokuvunyelwa nguNgqongqoshe wezeMfundo naye obonisane noNgqongqoshe wezeMisebenzi. ISHEDULI ISAHLUKO 1: 1. Izincazelo ISAHLUKO 2: IMIKHANDLU EBHEKELE AMAZINGA EZEMFUNDO NOQEQESHO 2. Ukunikezwa amandla/Igunya 3. Inkambiso/inqubo yokunikwa igunya kwe - Education and Training Assurance Bodies (Imikhandlu yokuQiniseka amazinga Ezemfundo noqeqesho). 4. Isitifiketi sokunikezwa igunya 5. Ukwelulwa kwesikhathi sokugunyazo 6. Ukuhoxiswa kwegunya 7. Ubulungu kulemikhandlu I Education and Training Assurance Bodies 8. Ukushiya ezikhundleni kwamalunga Education and Training Assurance Bodies 9. Imisebenzi ye Education and Training Assurance Bodies ISAHLOKO 3: IZIMISO NGENQUBO NOKUSIZA NGEZIMALI IMISEBENZI NENQUBO EDUCATION AND TRAINING QUALITY ASSURANCE BODY. 10. Ukusiza ngezimali imisebenzi ye Education and Training Quality Assurance Body 11. Umthetho wenqubo ISAHLUKO 4: ABAFUNDISAYO NABAQEQESHAYO 12. Ukunikwa igunya kwabafundisayo 13. Inkambiso yokugunyazwa kwabafundisayo 14. Izitifiketi sokugunyazwa 15. Ukwelulwa kwesikhathi segunya elinikezwe abafundisayo 16. Ukunikezwa igunya okwesikhashana kwabafundiayo 17. Ukuhoxiswa kwegunya kwabafundisayo ISAHLUKO 5 : IMIKHANDLU 18. Ukuqokwa kwemikhandu yokucubungula (moderating Bodies) 19. Izincwadi zokuqokwa njengemikhandlu yabacubunguli 20. Imisebenzi yalemikhandlu yokucungula 21. Ukupheliswa kokuqokwa komkhandlu wokucubungula ISAHLUKO 6: IMIKHANDLU YOSOLWAZI KANYE NEMIKHANDLU YOKUHLOLA/YOKUVIVINYA 22. Ukubandakanywa kwemikhandlu yosolwazi kanye nemikhandlu yokuvivinya ekumisweni kwamazinga, isiqiniseko samazinga aphezulu kanye nokucubungula/ukubhekisisa ISAHLUKO 7: IMIBANDELA EYINGXUBEVANGE 23. Inqubo yokudlulisa izikhalo 24. Igama ngokufinqgiwe IZIGXUMELO Imiyalo ngenqubo yae Education and Training Quality Assurance Body Bodies ISAHLUKO 1: IMIBANDELA EJWAYELEKILE Izincazelo 1. KuleMithethonkambiso amagama noma izisho ezinikwe incazelo kuloMthetho ayochaza lokho ngaphandle kokuba umyalezo/umngqondo womusho uqonde okunye - "Ukunikwa igunya/ukugunyazwa" kusho ukunikeza umuntu, umkhandlu, noma isigungu, nokuvamisile okwesikhashana esithile, igunya lokwenza umsebenzi othile wendlela yokuqiniseka ngamazinga amiswe iSouth African Qualifications Authority; "uMthetho" usho uMthetho we South African Qualification Authority ka 1995 (uMthetho ongunombolo 58 ka 1995); "umsekeli" kusho umuntu obhaliswe yi Education and Training Assurance Body ngokulandela inqubo esungelwe lenhloso yi- Standards Generating Body ukuze kukalwe impumelelo emiswe yi- National Qualifications Framework standards or qualifications, kanti igama elithi "constituent assessor/umsekeli walabo akabamele" nalo lisho okufanayo; "ukubhalisa okunombandela" lokhu kusho ukubhalisa kwesizinda semfundo ephakeme sangasese (ukungesiso esikaHulumeni) njengokusho komthetho weMfundo ephakeme ka 1997 (onunombolo 101 ka 1997); "Abamelwe" kusho ukumbandakanya nesigejana esithile sabantu noma inhlangano noma isigungu okukhulunywa ngaso kuloMthethonkambiso; "Education and Training Quality Assurance Body Body" kusho isiGungu esinikwe igunya ngaphansi kwesigaba 5(1)(a)(ii) soMthetho, esibhekene nokuqapha kanye nokucubungula impumelelo ngokwezinga likazwelonke, esiphinde futhi sanikwa umsebenzi othile mayelana nokuqapha kanye nokucubungula amazinga kazwelonke ngaphansi kwesigaba 5(1)(b)(i) soMthetho; "indima" kusho uhlobo oluthile olusentshenziswa njengenqubo ehlelelwe yi National Qualifications Framework; "ukuhlolisisa/moderation" kusho inqubo yokuqiniseka ukuthi ukubhekisiswa kwemiphumela yamazinga neziqu echazwe yi- National Qualifications Framework ilungile, iyiyo and ingethethenjwa; "isigungu sokuhlolisisa" kusho isigungu esiqokwe ngokukhethekile yisSigungu esziPhathimandla ngenhloso yokuhlolisisa; "National Standards Body" kusho isigungu esibhaliswe ngokwesigaba 5(1)(a)(ii) soMthetho, esinomthwalo wokusungula amazinga neziqu zemfundo noqeqesho kuzwelonke esinikezwe futhi umsebenzi othile ohambisana nokubhaliswa amazinga neziqu zemfundo noqeqesho kuzwelonke ngaphansi kwesigaba 5(1)(b)(i) somthetho; "imiphumela/impumelelo" kusho inkombiso yemiphumela yenqubo yokufunda; "okuzobhekwa zisuka nje" kusho imisebenzi nezimpokophelo emkhakheni ethile yalesisigungu lapho lesisigungu sizogxilisa wonke amandla nemizamo yaso; "isigungu sosolwazi" kusho isigungu esibhaliswe ngokomthetho ohambisana nalesosigungu noma isigungu esizimele esenza imisebenzi emiselwe lesosigungu ngokoMthetho nakuba singabhalisile ngokwalowo Mthetho; "Abafundisayo/provider" kusho isigungu esiletha/esimisa imigomo yenqubo yokufunda esuselwe noma ethathelwe eazingeni noma iziqu National Qualifications Framework bese futhi sisingatha ukuhlolisiswa kwayo; "isiqiniseko ngamazinga" kusho inqubo yokuqiniseka ukuthi lokuphuma phambili okumisiwe kuyafezeka; "ukucutshungulwa kamazinga/quality audit" kusho inqubo yokuhlola izinkomba ezikhombisa ukuthi ukuphuma phambili kuyafezeka; "indlela yokuphathwa kwamazinga" kusho ukudidiyelwa ndawonye kwezinqubo ezisentshenziswayo ukuze kube nesiqiniseko ukuthi ukuba ngongqaphambili kuyafezeka; "amazinga abhalisiwe" kushiwo amazinga abhaliswe ne- National Qualifications Framework; "umkhakha" kusho ingxenye ethile yomphakathi,ezohwebo noma inqubo yezemfundo esentshenziswa ukumisa imingcele ye Education and Training Quality Assurance Body Body; kanye "Standards Generating Body" kusho isigungu esibhaliswe ngokwesigaba 5(1)(a)(ii) soMthetho, esinomthwalo wokusungula amazinga neziqu kwemfundo noqeqesho, enikezwe futhi umsebenzi othile ohambisana nokusungula amazinga emfundo noqeqesho ngaphansi kwesigaba 5(1)(b)(i) soMthetho. ISAHLUKO 2 EDUCATION AND TRAINING QUALITY ASSURANCE BODY Ukugunyazwa 2. (1) I-Educationa and Training Quality Assurance iyonikezwa igunya kulowo nalowo mkhakha yiSigungu seziPhathimandla ngenhloso yokuqapha nokucubungula impumelelo ngokwamazinga namaqophelo kazwelonke, ziyonikezwa futhi umsebenzi othile ohambisana nokuqapha nokucubungula amaqophelo namazinga kazwelonke ngaphansi kwesigaba 5(1)(b)(i) soMthetho. (2) Kulomkhakha lapho iEducation and Training Quality Assurance Body sigunyaziwe noma lapho Education and Training Quality Assurance Body ihluleka ukwenza umsebenzi wayo nalapho le Sigungu seziPhathimandla ibona kunesidingo , iSigungu seziPhathimandla siyozithathela sona umsebenzi kanye nomithwalo ngokujwayelekile okunikwe Education and Training Quality Assurance Body. (3) Inhlangano noma iqembu lezinhlangano ezifisa ukunikwa igunya lokuba I Education and Training Quality Assurance Body. I Education and Training Quality Assurance singasungula kulemikhakha elandelayo: a. Umkhakha womphakathi b. umkhakha wezomnotho or c. Umkhakha wezemfundo noqeqesho. Inqubo yokugunyazwa kwe Education and Training Quality Assurance Body Body 3. (1) Inhlangano noma amaqembu ezinhlangano emele umkhakha oqondwe umthethonkambiso 2(3), ehlangabezanayo nenqubo yokunikwa igunya lokuba yiEducation and Training Quality Assurance Body Body ekhonjiswe kumthethonkambiso 2, ingafaka isicelo sokunikwa igunya lokuba Yi Education and Training Quality Assurance Body Body kuleSigungu seziPhathimandla. (2) Leyo nhlangano kuyofanele ikhombise ukuthi- a. kunesidingo sokuba kusungulwe iEducation and Training Quality Assurance Body Body kulomkhakha efisa ukuwusebenzala; b. lokho ezokubheka kuqala njengomsebenzi wayo wokuqiniseka ngamazinga kuncike ekuzimbakanyeni kwayo nalowo mkhakha kanye nemigomo eyaziwayo yalowo mkhakha; c. ayiphindi umsebenzi noma ingxenye yomsebenzi wesinye isiGungu sEducation and Training Quality Assurance Body esikhona ngaphandle uma I-Sigungu seziPhathimandla sibona lokho kuphindwaphindwa komsebenzi kudingekile; d. sinawo amandla okwenza lowo msebenzi ewunikwe yiSigungu seziPhathimandla; e. sinazo izimfanelo ngokwanele ezizosigcina simile kuze kuphele isikhathi sokugunyazwa; f. inayo indlela yokuphatha eseqophelweni embandakanya lokhu okulandelayo nakuba kungesikho kuphela - i. inemigomo yokuphatha esezingeni echaza ngamazinga I Education and Training Quality Assurance Body Body efisa ukuwathola; ii. Inqubo yokuphatha esezingeni evumela iEducation and Training Quality Assurance Body Body ukuba ikwazi ukusebenzisa imigomo yaso yokuphatha esezingeni; kanye iii. indlela yokubukeza enika isiqiniseko sokuthi imigomo nenqubo yokuphatha esezingeni emisiwe isasentshenziswa nokuthi isebenza ngokuncomekayo; g. umsebenzi wesiqiniseko ngamazinga wangaphandle wehlukile futhi awucikile emsebenzini wabezemfundo noqeqesho; h. ngokwemisebenzi yokuqiniseka ngamazinga , kunokumelwa ezingeni lokuthathwa kwezinqumo kwabathintekayo kuzwelonke , lokhu kumelwa kunika isiqiniseko sokubika emphakathini kanye nokungafihleki kolwazi; kanye i. imisebenzi yaso izothuthikisela phambili izimpokophelo ze National Qualifications Framework. (3) Inhlangano efisa ukubhaliswa njenge Education and Training Quality Assurance Body iyokwamukela lokhu okulandelayo ngokubhaliwe- a. ilungelo leSigungu seziPhathimandla lokuhlola inoma ingasiphi isikhathi imisebenzi ye Education and Training Quality Assurance Body kanye nokubukeza/ukubhekisisa izinga lemigomo kanye nenqubo yokuphatha; b. ilungelo leSigungu seziPhathimandla lokunika iziyalo ezindabeni eziphathelene nemisebenzi ye Education and Training Quality Assurance Body; kanye c. nelungelo lamalunga e Education and Training Quality Assurance Body lokuziyela mathupha eSigungwini seziPhathimandla mayelana nezindaba ezithinta ukusebenza ngokuncomekayo kwe Education and Training Quality Assurance Body : iqobo nje uma nayo I-Education and Training Quality Assurance Body isike yathatha izinyathelo ezilindelekile ukuzama ukuxazulula lolo ndaba. Isitifiketo sokunikwa Igunya/Sokugunyazwa 4. (1) Yileyo naleyo Education and Training Quality Assurance Body iyonikwa isitifiketi sokugunyazwa yi-Sigungu seziPhathimandla emva nje kokunikwa igunya. (2) Isitifiketi sokugunyazwa lesi siyokhombisa amaqophelo kanye namazinga lawo ugunyazo olunikezelwe wona: iqobo nje ukuthi lawo maqophelo namazinga ayonikezelwa kuphela umsebenzi ophambili we Education and Training Quality Assurance Body ngaphandle uma isikhathi sokugnyazwa seluliwe ngokothethonkambiso 5. (3) Yileyo naleyo Educationa and Training Quality Assurance iyothi ngenyanga yokuqala onyakeni wesithathu igunyaziwe nanjalo enyakeni wesithathu sinikeze I Sigungu seziPhathimandla umbiko ibeke izizathu zokuthi yingani kufanele ilugcine ugunyazo ikhombise futhi nempumelelo I Education and Training Quality Assurance Body Body ebe nayo eminyakeni emibili eyedlule. Ukwelulwa kwesikhathi sogunyazo 5. (1) Education and Training Quality Assurance efisa ukwalulelwa isikhathi sogunyazo ukuze simbandakanye amaqophelo kanye namazinga iSigungu seziPhathimandla esikubona kungaphandle komsebenzi waso ophambili, ingafaka isicelo salokhu kule Sigungu seziPhathimandla, ikhombise ikhono layo lokuhlangabezana nenqubo yogunyazo ngokomthethonkambiso 3(1) kanye (2). (2) Emva kokwalulelwa isikhathi lokhu kuyobe sekufakwa esitifiketini sogunyazo ngokufanele. Ukuhoxiswa kogunyazo 6. Ukugunyazwa kwe Educationa and Training Quality Assurance kungahoxiswa uma iSigungu seziPhathimandla sibona ukuthi ayiwenzi umsebanzi wayo ngendlela egculisayo. Ubulungu kulesisiGungu sokuqiniseka ngazing eMfundo noqeqsho 7. Amalunga e Education and Training Quality Assurance Body kuyakuba yilawo malunga enhlangano noma amaviyo ezinhlangano ezigunyazwe njenge Education and Training Quality Assurance Body aqokelwe kulesisigungu yileyonhlangano noma yilawo maviyo ezinhlangano ahlangabezana nemibandela yomthethonkambiso 3(2). Ukukhishwa esikhundleni kwelunga le Education and Training Quality Assurance Body 8. uSihlalo noma iliphi ilunga le Education and Quality Assurance Grant okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 7 uyosishiya isikhundla aqokelwe sona uma - a. uma kudliwa ifa lakhe noma ephucwa amandla okuphatha ifa lakhe ngokwenkantolo noma enza izivumelwano nalabo akabakweletayo ezimbeka ebucayini; b. ebanjwa wagcinwa njengomuntu ogula ngengqondo ngokwanoma imuphi umthetho; c. engabibikho emhlanganweni emithathu elandelanayo ye Educationa and Traininga Quality Assurance ngaphandle kokunikwa imvume yi Educationa and Training Quality Assurance; d. uma eshiya isikhundla ngokunikeza I Education and Training Quality Assurance isaziso esibhaliwe; e. uma ngesikhathi esesesikhundleni sakhe etholakala enecala futhi embandlwa ejele ngaphandle kokunikezwa imvume yokuthi akhokhe inhlawulo; noma f. uma ngabe ngokubona kwe Education and Training Qualit Assurance ehluleka ukufeza izibopho zakhe Imisebeni ye Education and Training Quality Assurance Body 9. (1) iEducation and Training Quality Assurance Body iyo- a. inikeze amaphuzu kulabo abamele abanye ngamazinga neziqu ezikhethekile eziphaliswe ku-National Qualifications Framework; b. bathuthukise amazinga kulabo abakhethe abazobamela kabafundisayo; c. baxwaye lokho okulethwa yilabo abamelwe ngabafundisayo; d. ukuhlolisisa ukusekela kanye nokwenza lula ukuhlilisisa kulabo abamelwe; e. ibhalise abasekeli abazobhekela amazinga athile abhalisiwe noma iziqu ngokwenkambiso emiselwe leyo nhlososter; f. izithathele umthalo wokunikeza izitifiketi labobafundi ababamele; g. ibambisane neminye imigwamanda efanele eqokelwe ukuba ihlolisise yonke inigwamanda ethembisa ngamazinga kweze Education and Training Quality Assurance Body kumbandakanya lokhu okulandelayo noma kungesikho lokhu kuphela, ukuhlolisisa amazinga athenjisiwe ngamaqophelo abekiwe noma ulwazi leyo mgwamanda ye Education and Training Quality Assurance Body agunyazelwe khona; h. iphakamise amazinga amasha noma amazinga olwazi ukuze iNational Standards Body ucubungule noma wenze ngcono amazinga akhona njengamanje kanye namazinga olwazi ukuze nakho kucutshungule iNational Standards Body; i. igcine imininingwane yolwazi eyamukekile eSigungwini seziPhathimandla; j. inikeze iziPhathimandla imibiko ehambisana nemibandela yaso isiGungu seziPhathimandla, kanye k. nokwenza eminye imisebeni abayinikwe yiSigungu seziPhathimandla ngaleso naleso sikhathi. (2) Ekwenzeni umsebenzi wayo I- Education and Training Quality Assurance Body uyo - a. gcina imiyalo yomthethonkambiso 2 kuya kowe 12 we National Standards Bodies Regulations (engunombolo R452 yomhlaka 28 March 1998, ekhishwe ePhephabhukwini lukaHulumeni elingunombolo 18787); b. eminye imisebenzi emiswe esigabeni (1) somthethonkambiso ingawunika labo ababamele noma ngeminye imigwamanda emva kokuthola imvume yokwenza lokhu kuziPhathimandla, kodwa ingeze inike omunye isibopho sayo sokubika esiGungwini seziPhathimandla; kanye c. uma ngabe isungulwe ngaphansi komunye uMthetho wePhalamende ukuze wengamele abafundisayo abahlukene kodwa abalawulwa phansi kohlelo olulodwa, inganika umsebenzi wokubhalisa abalekeleli okukhulunywa ngabo esigabeni (1) (e) somthethonkambiso kwabafundisayo uma ngabe indlela yabo yokuphatha amazinga imbandakanya ukuqaphela lomsebenzi uma futhi sazisiwe iSigungu seziPhathimandla. ISAHLUKO 3 IMIYALO YENQUBO KANYE NOKULEKELELA NEZIMALI IMISEBENZI YE EDUCATION AND TRAINING QUALITY ASSURANCE BODY Ukulekelela ngezimali I Education and Training Quality Assurance Body 10. (1) iEducation and Training Quality Assurance Body efisa ukwenza isivumelwano neSigungu seziPhathimandla mayelana nezimali ezingabizwa noma ezingekhokhwe ngaphansi kwamandla anikwe I Education and Training Quality Assurance Body yiSigungu seziPhathimandla, iyoveza uhlaka lwebhizimisi yabo (business plan) ekhombisa izimpokophelo ezizofezwa kuleso sokhathi esihlolwayo esiyoba yiminyaka emithathu ngokukujwayelekile, ikhombisa futhi nohlelo lwayo lokusetshenzisa kwezimali (financial budget) (2) Uhlaka lwebhizimisi okukhulunywa ngalo esigabeni (1) esingenhla kufanele lukhombise izimali abahlongoza ukuzibiza nalezo ezingazukubizwa kanye nokuthi lokho kuhlongozwa kuzoyithinta kanjani imiphumela yalokho okuphokophelwe yi-National Qualification Framework kuthintwa ikakhulu ukutholakala kanye namandla okuhamba kanye neqhubekela phambili kwezemfundo, uqeqesho kanye nomgudu womsebenzi okhethiwe. Umthetho wenqubo 11. Leyo naleyo Education and Training Quality Assurance Body, uma ngabe isebenza kanje, iyobuswa imithetho yenqubo yayo okuyomele ihambisane nemihlahlandela equkethwe kulesisixhumelo esikuleMthethonkambiso. ISAHLUKO 4 ABAFUNDISAYO NABEZOQEQESHO Ukugunyazwa 12. I-Education and Training Quality Assurance Body Body ingathi uma ithola isicelo igunyaze umgwamanda ukuba ube ngofundisayo uma nje uhlangabezana nenqubo emiswe kumthethonkambiso 13 Inqubo yokugunyaza kwabafundisayo 13. Noma imuphi umgwamanda unganikwa igunya lokuba ngofundisayo yile-Education and Quality Assurance uma ngabe umsebenzi wawo ohamba phmabili uhambisana nalowo wabafundisayo: Kuphela nje ukuthi lowo Mgwamanda ofisa ukunikwa igunya- a. ngesikhathi ufaka isicelo sokunikwa igunya ube ubhalisile njengofundisayo ngaphansi komthetho osetshenziswayo; b. ube nendlela yokuphatha amazinga embandakanya lokhu okulandelayo nakuba kungesikho lokhu kuphela:- i. Imigomo yokuphatha amazinga echaza lokho labo abafundisayo abafisa ukukufeza; ii. inqubo yokuphatha amazinga evumela abafundisayo ukuba basebenzise imigomo yabo yokuphatha amazinga; noma iii. inqubo yokubukeza ezonikeza isiqiniseko sokuthi imigomo kanye nenqubo emisiwe iyasentshenziswa futhi isebenza ngokunempumelelo c. uyakwazi ukuthuthukisa, ulethe futhi ubuye ubukeze izinqubo zokufunda ezihambisana namaqophelo kanye namazinga athile abhalisiweyo. d. futhi ube na- i. nazo zonke ezidingo ezidingekayo izimali, ezokuphatha kanye nezakhiwo; ii. Imigomo kanye nemikhuba yokukhethwa, ukuhlomuliswa kanye nokuthuthukiswa kabasebenzi; iii. imigomo kanye nemikhuba yokwamukela abafundi, ukwalulekwa kanye nezindlela zokwelekelelwa; iv. imigomo kanye nemikhuba yokuphathwa kokufunda ngokwenza ngaphandle kwesikhungo noma ezindaweni zokusebenza (ezimbonini) v. imigomo kanye nemikhuba yokuphatha ukuhluza amakhono; vi. inqubo yokubika edingekayo; kanye vii. nekhono lokufeza impumelelo ehlosiwe, ngokusebenzisa lokho onakho kanye nenqubo ekhankanywe iEducation and Training Quality Assurance Body njengedingekayo ukuze ithuthukise, ilethe futhi ihlolisise imigomo yokufundisa ehambisana namaqophelo namazinga athile okukhulunywa ngawo esigabeni (c) ngenhla; kanye e. ibingakaze igunyazwe noma ifake isicelo sokugunyazwa kwenye I Education and Training Quality Assurance Body kukhulunywa ngakho kumthethonkambisa 2. Isitifiketi sokugunyazwa njengofundisayo 14. (1) Yilowo nayilowo (mgwamanda) ofundisayo osunikwe igunya uyonikwa isitifiketi sokugunyazwa yileyo Educationa and Traininga Assurance obukufakwe kuyo isicelo, leso sitifiketi siyoshichilelwa futhi (ngokusayidwa) yiSigungu seziPhathimandla, futhi siyobhalwa lokhu- a. ukuthi uyilunga labafundisayo laleyo Education and Training Quality Assuarnce (owawunikeza igunya);nokuthi b. iziqu kanye namazinga ogunyazelwe wona. (2) Yilabo nalabo abafundisayo abagunyaziweyo, kuyothi njalo ngenyanga yokuqala onyakeni wesihlanu kusukela osukwini abagunyazwa ngalo nanjalo onyakeni wesihlanu, banike I Education and Training Quality Assurance Body ethintekayo lapho uyosho khona ukuthi yingani lolo gunyazo kufanele balugcine, bese futhi bekhombisa impumelelo ababenayo eminyakeni emine eyedlule. Ukwelulwa kwesikhathi sokugunyazwa kwabafundisayo 15. (1) Abafundisayo abagunyaziwe abafisa ukwelulelwa isikhathi sogunyanzo ukuze simbandakanye amaqophelo namazinga I Education and Training Quality Assurance Body eyabagunyazayo engazange iwuthathe njengomsebenzi wabo ophambili, ungafaka isicelo ucele lokhu kuleyo Education and Quality Assurance eyawugunyazayo, bakhombise ikhono labo lokuhlangabezana nenqubo yalokho kwelulwa kwesikhathi sokugunyazwa. (2) I-Education and Training Quality Assurance Body ukuyiyona eyagunyaza labo bafundisayo kuyothi emva kokukhulumisana nokuvumelana neSigungu seziPhathimandla, yenze amalungeselelo okwandisa lolo gunyazo njengoba kudingekile emva kokwedlula ku Education and Training Quality Assurance Body Mgwamanda omsebenzi wawo ophambili wukubheka iziqu namazinga: kuphela nje uma - a. inqubo yokugunyazwa okukhulunywa ngayo kumthethonkambiso 13(1) kuhlangatshezwene nayo; b. umlekeleli obhalise ne Education and Training Quality Assurance Body okuyowona ogunyaze labo abafundisayo nguyena ozohluza amaqophelo kanye namazinga aleso sikhathi esifunekayo; noma c. umlekeleli obhalise ne Education and Training Quality Assurance Body omsebenzi wawo ophambili amaqophelo namazinga okuyikhona isicelo esifakela khona, yiwona ezohluza. (3) iSigungu seziPhathimandla sona siyothi emva kokubonisana ne Education and Training Quality Assurance Body omsebenzi wawo ophambili yolowo okukhulunywa ngawo esigabeni somthethonkambiso (2) siyoqiniseka ukuthi inqubo yokugunywazwa okukhulunywa ngayo kumthethonkambiso 13 wamaqophelo namazinga athile kuhlangatshezwene nawo. (4) iEducation and Training Quality Assurance Body okufakwe kuyo isicelo sokwalulelwa isikhathi sokugunyazwa okuyiyona inikeze igunya kulabo abafundisayi iyona eyohlala iyi Education and Training Quality Assurance Body omsebenzi wawo ophambili kulabo abafundisayo emva kukwelulwa kwesikhathi sogunyazo. (5) Emva kokwelula kwesikhathi sokugunyazwa, isitifiketi naso siyoshichilela njengokusho komthethonkambiso 14(1)(b). Ukunikeza Igunya lesikhashana kwabafundisayo 16. (1) Uma ngabe I Educatioon and Training Quality Assurance okufakwe kuyona isicelo sokunikwa igunya, ubona ukuthi labo abafundisayo ababhalisiweyo noma abafundisayo abafisa ukubhaliswa okunemibandela abahlangabezani nazo zonke izidingo zokunikwa igunya , leyo Educatioon and Training Quality Assurance inganikeza labo abafundisayo igunya okwesikhashana esithile okuyovunyelwana ngaso, esingeke saba ngaphezu kweminyaka emibili, okuyothi ngaleso sikhathi benze inqubo yentuthuko okuyobe kuvunyelwene ngayo ne Educatioon and Training Quality Assurance eyobe ihlelwe ngendela yokuthi ibalolongele ukuthi bahlangabezane nezidingo zokunikwa igunya: Kuphela nje uma izidingo namalungelo omfundi evikelekile ngesikhathi senqubo yokuthuthukisayo abafundisayo. (2) Lowo nalowo ofundisayo kuyothi emva kokunikwa ugunyazo lwesikhashana anikwe isitifiketi sokugunyazwa okwesikhashana yileyo Education and Training Quality Assurance Body ethintekayo, leso sitifiketi siyoshicilela (ukufazelwa) iSigungu seziPhathimandla , futhi siyobhalwa lokhu: a. ukuthi abafundisayo abamele banikwe igunya I-Education and Training Quality Assurance Body ethile; b. amaqophelo kanye namazinga anikezelwe igunya okwesikhashana; nokuthi c. usuku lokuqala kwalolu gunyazo lwesikhashana kanye nosuku oluyophela ngalo Ukuhoxiswa kwegunya elinikezwe abafundisayo 17. (1) Ukunikezwa igunya kulabo abafundisayo kungahoxiswa, uma ngokubona kwe-Education and Training Quality Assurance Body okuyiyona abanika igunya , elashicilelwa futhi yiSigungu seziPhathimandla, behluleka ukwenza umsebenzi wabo ngendlela encomekayo. (2) labo Abafundisayo bangacela ukuthi ukugunyazwa kwabo kwamaqophelo noma amazinga athile akuhoxiswe. ISAHLUKO 5 IMIGWAMANDA EZOHLUNGA (moderating body) Ukuqokwa kwemigwamanda ezohlunga 18. Uma iSigungu seziPhathimandla sibona kunesidingo , siyoqoka umgwamanda wokuhlunga: kuphela nje uma- a. uhlangabezana nenqubo ye Standards Generating Body enconywe I- National Standards Body ngaphansi komthethonkambiso 24(1) wemithethonkambiso ye National Standards Body ka 1998 (ongunombolo R. 452 wangomhlaka 28 March 1998, okhishwe kuPhephabhuku likaHulmeni elingunombolo 18787), futhi ovunyelwe iSigungu seziPhathimandla; b. engenza umsebenzi wokuhlunga ngendlela ezonika isiqiniseko sokuthi ukuhluzwa kwemiphumela echazwe ngamaqophelo namazinga kulungile, yiqiniso futhi ingethenjwa; nokuthi c. ibe nokumelwa kwalabo abathintekayo ezingeni lokuthatha izinqumo, okukhombisa izimfuno nezidingo zalabo abazuzayo nalabo abathola usizo ngqo kulomgwamanda wokuhlunga. Izincwadi zokuqokwa womgwamanda wokuhlunga 19. (1) Isigungu seziPhathimandla zingaqoka umgwamanda noma imigwamanda ezohlunga okwesikhathi esithile namaqophelo kanye namazinga ezibona kudingekile ukuze kube nesiqiniseko sokuthi umsebenzi wokuhlunga uyenziwa. (2) Isigungu seziPhathimandla siyonika lowo nalowo mgwamanda wokuhlunga incwadi yokuqokwa eyokhombisa usuku kanye nesikhathi oqokelwe sona kanye namaqophelo kanye namazinga okudingeke siwahlunge. Umsebenzi wemigwamanda yokuhlunga 20. Imigwamanda yokuhlunga iyo- a. ukhalime ukuthi izinqumo zokuhluza amaqophelo kanye namazinga athile ezenziwe ngowodwa noma eminingi imigwamanda ye Education and Training Quality Assurance Body ngabe ilungile, iyiqiniso futhi ingathenjwa ngokwempumelelo echazwe kulelo qophelo nakulewo mazinga, b. benzele iSigungu seziPhathimandla iziphakamiso/izincomo mayelana - i. nokwenza ngcono okudingekayo emsebenzini we Education and Training Quality Assurance Body Body; ii. ukunikwa igunya kwe Education and Training Quality Assurance Body Body; iii. uguquko emaqophelweni nasemazingeni okumele libhekisiswe I- National Standards Bodies; kanye iv. nezinye izihloko enganikwa zona Isigungu seziPhathimandla esikhathini esithile; nokuthi c. wenze eminye imisebenzi yokuhlunga engavezwa iSigungu seziPhathimandla ngezikhathi ezithile. Ukupheliswa kokuqokwa njengomgwamanda ohlungayo 21. (1) Ukuqokwa komgwamanda wokuhlunga kuyofinyelela ekupheleni ngesikhathi nangosuku olumiswe encwadini yokuqokwa ngaphandle uma kubhalwe ngokunye yiSigungu seziPhathimandla. (2) Ukuqokwa komgwamanda wokuhlunga kungapheliswa uma, ngokubona kwe Standards Generating Body noma National Standards Body, ngokuvunyelwa nayiSigungu seziPhathimandla uhluleka ukwenza umsebenzi wawo ngendlela egculisayo. ISAHLUKO 6 IMIGWAMANDA YOSOLWAZI KANYE NEMIGWAMANDA YOKUHLOLA Ukumbandakanywa kwemigwamanda yosolwazi kanye nemigwamanda yokuhlola ekumisweni kwamaqophelo, ukuqiniseka ngamazinga kanye nokuhlunga 22. Imigwamanda Yosolwazi kanye nemigwamanda yokuhlola ingafaka isiceli- a. yamukelwe njengelunga le Standards Generating Body njengoba kubekiwe kumthethonkambiso 20 noma 22(1) wemithethonkambiso National Standards Bodies ka 1998 (ongumombolo R. 452 wangomhlaka 28 Mashi 1998, oshicilelwe ephephabhukwini likaHulumeni elingu nombolo 18787); b. ukunikwa igunya njengomgwamanda we Education and Training Quality Assurance Body njengoba kukhulunywa ngakho esigabeni 2 somthethonkambiso; nokuthi c. nokuqokwa njengomgwamanda wokuhlunga ngaphansi komthethonkambiso 18. ISAHLUKO 7 IMIBANDELA EYINGXUBEVANGE Inqubo yokudlulisa Izikhalo 23. (1) Inhlangano efisa ukudlulisa isikhalo mayelana nesinqumo esithathwe umgwamanda okukhulunywa ngawo kumthethonkambiso 2 kanye 12 uyokwenza njalo ngokubhala phansi isikhalo sawo bese uhambisa lokho okubhaliwe eSigungwini seziPhathimandla unikeze nezizathu zokudluliswa kwaleso sikhalo zingakapheli isinyanga ezintathu kusukela ngosuku esithathwa ngalo isinqumo. (2) Uma ngabe iSigungu seziPhathimandla zikusekela ukwedluliswa kwesikhalo isinqumo soMgwamanda okukhulunywa ngawo kumthethonkambiso 2 no 12, lowo mgwamanda kufanele - a. uchibiyele leso sinqumo ngokufanele; b. ubhale phansi lezo zichibiyelo kuwo wonke amabhuku lapho isinqumo sokuqala besibhalwe khona ; c. wubhale uchibiyelo oludingekayo kuwo wonke amabhuku afanele; bese ukhipha isinqumo esesilungisiwe kuwo wonke amabhuku afanele. Igama ngokufingqiwe 24. Lemithethonkambiso iyokubizwa ngemithethonkambiso ye Education and Training Quality Assurance Body ka 1998. IZIXHUMELO UMHLAHLANDLELA WEMIYALO YENQUBO YEMIGWAMANDA YE EDUCATION AND TRAINING QUALITY ASSURANCE BODY IZINCAZELO 1. Kulomhlahlandlela ngaphandle uma umnqondo/umyalezo womusho usho - "usihlalo" usho usihlalo woMgwamanda We Education and Training Quality Assurance Body; "Ikomiti" lisho ikomiti loMgwamanda we Education and Training Quality Assurance Body; "Ikomiti Eliphethe" kusho ikomiti elikhethelwe ukuba lenze imisebenzi ethile ekhethiweyo ukuba iyenzele uMgwamanda we Education and Training Quality Assurance Body; "ilunga" lisho ilunga le Education and Training Quality Assurance Body; "Isinqumo soMhlangano" lokhu kusho isinqumo esithathwe uMgwamanda we Education and Training Quality Assurance Body; "Unobhala" usho ilunga le Education and Training Quality Assurance Body elikhethelwe lomsebenzi/lenhloso. AMALUNGA OMGWAMANDA WE-EDUCATION AND TRAINING QUALITY ASSURANCE BODY 2. uMgwamanda we Education and Training Quality Assurance Body ngenhloso yokuqiniseka ngamazinga uyokwakhiwa uSihlalo, Iphini likaSihlalo, uNobhala kanye namanye amalunga ayokhethwa iSigungu seziPhathimandla , ngaphandle kombandela wokuthi uSihlalo nguyena oyoqala akhethwe ngamalunga e-Education and Training Quality Assurance Body phakathi kwamalunga awo noma nje kwenye indawo. ILUNGA ELIZOKWENGAMELA 3. uSihlalo we Education and Training Quality Assurance Body nguyena oyokwengamela imihlangano ye Education and Training Quality Assurance Body. Uma ngabe uSihlalo engekho emhlanganweni iPhini likasihlalo yilona eliyokwengamela imihlangano. Uma ngabe bobalili bengekho amalunga akhona angakhetha oyedwa phakathi kwawo ukuba abe ngusihlalo ozokwengamela lowo mhlangano. IMIHLANGANO YE EDUCATION AND TRAINING QUALITY ASSURANCE BODY BODIES 4. I Education and Training Quality Assurance Body iyobamba imihlangano yayo ngesikhathi kanye nasezindaweni okuyovunyelwana ngazo emihlanganweni engaphambili. 5. Imihlangano ephuthumalo ingabizwa ngokusemandleni kaSihlalo noma uma kunesicelo esenziwe ngamalunga angangephansi kokuyingxenye yokuthathu okuyothi-ke lowo mhlangano ubanjwelwe endaweni nagesikhathi esiyonqunywa nguNobhala, ngokushesha emva kokuthola isicelo. 6. Usihlalo emva kokubonisana neKomiti elikhulu uyoba nelungelo lokuhlehlisa imihlangano ye Education and Training Quality Assurance Body uma izihloko ezisohleni lokuzokhulunywa ngakho kulowo mhlangano zingafanele ukubizelwa umhlangano: ngaphandle nje kokuthi amalunga kuyofanele aziswe ngalokho kuhlehliswa komhlangano kusasele okungenani isonto elilodwa ngaphambi kosuku I-Education and Training Quality Assurance Body ebizobamba ngalo umhlangano, nangaphandle kokuthi imihlangano ngeke ihlehliwe noma ikhanselelwe izinto ezingaphandle kwamandla e-Education and Training Quality Assurance Body ngaphandle uma ingxenye yokubili kokuthathu yamalunga evuma. 7. Noma imuphi umuntu okudingeka abekhona emhlanganweni uyomenywa yi-Education and Training Quality Assurance Body ukuba athamele lowo mhlangano. 8. Zonke izincwadi eziyothunyelelwa amalunga ziyobhalwa uphawu olukhombisa isimo sokuphakathi, kuyoba semalungeni -ke ukuqiniseka ukuthi incwadi iphathwa njengokusho kophawu. ISAZISO NGEMIHLANGANO 9. Izaziso ngemihlangano ye Education and Training Quality Assurance Body eziyombakanya uhlelo lokuzokhuluywa ngakho, ziyothunyelwa ngunobhala kulelo nalelo lunga kusasele okungenani izinsuku eziyi -14 ngaphambi kosuku lomhlangano ekhelini eliyobe libhaliswe kuNobhala: Ngaphandle kokuthi uma kunomhlangano ophuthumayo kunganikezwa isaziso esifushane kunalokhu esiyonquywa uSihlalo kodwa-ke naso ngeke sibe ngaphansi kwezinsuku ezintathu. 10. Ukungatholakali kwesaziso ngomhlangano esithunyelwe ekhelini elibhaliswe kuNobhala ngeke kukhinyabeze umhlangano noma inqubo yomhlangano. ILEGISTA YOBAKHONA 11. Lonke ilunga elikhona emhlanganweni We Educationa and Traininga Quality Assurance Body liyosayinda iregista yokwethamela umhlangano eyokwenzela nje lenhloso. IKHORUM (ISIBALO SABANTU ABAFANELE UKWETHAMELA UMHLANGANO BATHATHE IZINQUMO) 12. Ingxenye yamalunga , ngaphandle kukaSihlalo iyokwakha ikhoramu emhlanganweni ejwayelekile ye Educationa and Training Quality Assurance Body. Emhlanganwneni ophuthumayo ingxenye eyodwa yokuthathu yamalunga e Educationa and Training Quality Assurance Body, ngaphandle kukaSihlalo, iyokwakha ikhoramu. 13. Uma ngabe amalunga akhona emhlangaweni ngesikhathi nasendaweni ebinqunyiwe kahle enganele ukwenza ikhoramu, umhlangnao uyoqhubeka kodwa izinqumo ezithathwe kulomhlangano ziyothathwa njengezisewuhlaka, ziyobe sezithunyelwa kuwo wonke amalunga oMgwamanda Educationa and Training Quality Assurance ukuze kuxoxiswane ngazo futhi kuphawulwe ngaphambi kokuba zamukelwe. IZITATIMENE ZABEZINDABA 14. Uma ngabe kunesidingo sokuba kukhishwe isitatimende mayelana nezindaba ezithinta umsebenzi kanye nemihlangano yoMgwamnda we Educationa and Training Quality Assurance, ziyokwenziwa/ziyokhishwa uSihlalo womgwamanda we Educationa and Training Quality Assurance emva kokuvumelana nosihlalo weSigungu seziPhathimandla. AMAMINITHI 15. Amaminithi omhlangano ayonhlnganiswa bese ethunyelwa ukuba azovunywa umhlangano olandelayo Unobhala uyothumela amaminithi kuwo wonke amalunga ndawonye nesaziso ngomhlangano ozayo. 16. Amaminithi awayikuveza inkulumo njengoba injalo yomhlangano kodwa ayoqoqa ahlanganise yonke ingxoxo kafushane, izinqumo ezithathiwe kanye nokufanele kwenziwe, ngaphandle kokuthi inoma iliphi ilunga lingacela ukuthi lokho elikushilo kuvezwe/kubhalwe njengoba kunjalo emaminithini. IMPIKISWANO KANYE NOKUVOTA KOMGWAMANDA WOKUQINISEKA NGANAZINGA EMFUNDO NOQEQESHO 17. Uma kwenziwa imihlangano ye Education and Training Quality Assurance Bodies imibandela/izimiso ezijwayelekile zokuphikisana ziyolandelwa. 18. Ukuthathwa kwezinqumo kuyokwenziwa ngokuvumelana , ngaphandle kokuthi uma kungavunyelwana isinqumo siyothathwa ngokuvota. Uma kubonkala ukuthi kudingeka kuvotwe lokhu kuyokwenziwa ngokuphakamisa izandla ngaphandle uma ilunga licela ukuba kuvotwe ngebhalothi, kuyobe sekuvotwa ngokuyimfihlo. 19. Usihlalo uma ongamele umhlangano ivoti lakhe ngeke libe elokwelekelela kodwa ivoti lakhe kuyoba ngujuqu/elinqumayo. 20. Uma ngabe usihlalo engekho ibambela noma iPhini likasihlalo(kungaba isekela likaSihlalo noma ngomunye) yena ngeke abe nevoti elingujuqu kodwa ivoti lakhe liyoba ngelokwelela. 21. Kungumthwalo welunga loMgwamanda we Education and Training Quality Assurance ukuba likuveze uma lizoba nezunzo ondabeni othile okuphikiswana ngalo yilomgwamanda nokuthi licele ukuba lishiye leyo mpikiswano: Ngaphandle kokuthi lelo lunga liyokhishwa kuphela kuleyompikiswano uma sekuthathwa isinqumo wuMgwamanda Education and Training Quality Assurance. 22. Ngaphandle uma kushiwo okunye ngokwezimiso isinqumo seningi lamalunga akhona emhlanganweni woMgwamanda weEducation and Training Quality Assurance kuyoba isinqumo somgwamanda weEducation and Training Quality Assurance. Imibono yalabo abayingcosana ingabhalwa phansi kuphela uma ilunga likucela ukuba ubhalwe. 23. Nakuba lezimiso zithini, uma kwenzeka phakathi kwemihlangano ejwayelekile kuba khona undaba oludinga kuthathwe isinqumo ngumgwamanda weEducation and Training Quality Assurance uSihlalo abona ukuthi akumele lubanjezelwe kuze kube umhlangano ozayo, uSihlalo anganika uNobhala igunya lokubhaal izaziso azithumele kumalunga ngeposi elibhalisiwe noma ngekhoriya abeke lolundaba futhi anxuse amalunga ukuba avote ngeposi ukuze kuthathwe izinqumo. Isaziso lesi siyokhombisa isikhathi okufanele ivoti kube seliposiwe ngaso, esingeke sibe ngaphansi kwezinsuku eziyishumu kusukela osukwini isaziso esiposwe ngalo. Isinqumo esithathate iningi lamalunga oMgwamanda we Education and Training Quality Assurance kuyoba isinqumo Somgwamandwa we Education and Training Quality Assurance. Imiphumela yalokho kuvota ngaphansi iyomenyezelwa emhlanganweni ozayo we Education and Training Quality Assurance Body. UKUSUNGULWA KWEKOMOTI ELIKHULU 24. Ikomiti Eliphethe liyokwakhiwa kuphela ngamalunga futhi ayoqokwa yiyona. Iyokwakhiwa ngu Sihlalo namanye amalunga ayokhonjwa noma aphakanyiswe nguMgwamandawe Education and Trining Quality Assurance: Ngaphandle kokuthi - a. lelo Komiti elikhulu liyo, ngokweziyalelo ze Education and Training Quality Assurance liyokwenza umsebenzi womgwamanda weEducation and Training Quality Assurance ngemihlangano: nangaphandle kokuthi izindaba eziphathelene nemigomo zona ziyoba ligunya le Education and Training Quality Assurance kuphela; b. Usihlalo, uma engekho iphini likaSihlalo eliyokhethwa amalunga yilona eliyokwengamela imihlangana yeKomiti elikhulu; c. Usihlalo uyobika ngomsebenzi wekomiti elikhulu kulowo nalowo mhlangnao we Education and Training Quality Assurance Body; futhi d. ikhoramu yekomiti elikhulu iyokwakhiwa usihlalo kanye nengxenye eyodwa yamalunga ekomiti. INDIMA KANOBHALA 25. Imisebenzi kanobhala ehambisana nemisebenzi yoMgwamanda we Education and Training Quality Assurance, iyokwenziwa ngunobhala ngokulandela iziyalozikaSihlalo woMgwamanda we Education and Training Quality Assurance. 26. Indima kaNobhala kungukusiza Umgwamanda we Education and Training Quality Assurance ngoku - 1. banika usizo ngomsebenzi wobunobhala; 2. anikeze izeluleko ngokuphathelene ngokuphatha; 3. Ukuphatha okungcomekayo; 4. usizo ekwengameleni imisebenzana ethile (projects); kanye 5. ukwenza eminye imisebenzi ayoyinikewa uMgwamanda we Education and Training Quality Assurance izikhathi ngezikhathi. UKUCHIBIYELA KWALEZIZIMISO 27. Lezi zimiso/imiyalo ingathayiselwa noma ichibiyelwe kunoma imuphi umhlanganoweMgwamanda we Education and Training Quality Assurance ngokuvumelana neSigungu seziPhathimandla, ngovota kwalunga amaningi akhona amhlanganweni, uma nje kuphela lokho kuchibiyela bekukhonjisiwe ohleni lokuzoxoxwa ngakho kulowomhlangano, inqgikithi yakho ibithunyeliwe kuwo wonke amalunga kanye nohlelo kokuzoxoxwa ngakho, nokuthi amalunga akhona akhona emhlanganweni awangaphansi kwengxenye yawo wonke amalunga Omgwamanda. UKUBUKEZA IZINQUMO ZOMGWAMANDA WE EDUCATION AND TRAINING QUALITY ASSURANCE 28. Yileso naleso sinqumo esithathwe ngumgwamanda We Education and Training Quality Assurance siyonikezwa inombolo ethile ehlukile okuyinombolo yezinqumo zoMgwamanda we Education and Training Quality Assurance futhi ziyothathwa njengezinqumo zoMgwamanda we Education and Training Quality Assurance. Ilunga elifisa ukuba kubukezwe isinqumo esithile kudingeke lilethe isaziso esibhaliwe esikhombisa isizathu sokuthi yingani lifisa lokhu kubukezwa, lesisaziso kufanele sinikwe unobhala kusasele okungenani izinsuku eziyi-14 ngaphambi komhlangano woMgwamanda we Education and Training Quality Assurance. Uma Umgwamanda Education and Training Quality Assurance ufisa ukusibukeza leso sinqumo, lokhu kubukezwa kuyobhalwa emaninithini alowo mhlangnao, lolo bukezo luyokwenziwa futhi kuwo wonke amabhuku athintekayo, bese kukhishwa isinqumo esisha esibukeziwe. ISANDULELA- NGCULAZI/ INGCULAZI ISIMO ESIPHUTHUMAYO UMNYANGO WEZEMFUNDO IMIGOMO YOKUQONDISA OTHISHA UHLU Ikhasi UMYALEZO OVELA KUNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO 1. ISANDULELA-NGCULAZI NENGCULAZI: AMAQINISO ASEDUZE NAWE 2. IMIYALEZO EQAVILE EYISISHIYAGALOMBILI MAYELANA NOKUVINJELWA KWESANDULELA-NGCULAZI 3. IMIBUZO EBUZWA NGOTHISHA MAYELANA NGEMFUNDO YEZOCANSI 4. UKUNQANDA UKUBHEBHETHEKA KWESIFO EZIKOLENI 5. UKWAKHA ISIMO ESILETHA AMANDLA NOMOYA WOKUNGACWASANI 6. UKUDALULA UKUBAMBISANA EKULWENI NENGCULAZI nguMONGAMELI THABO MBEKI 7. ISANDULELA-NGCULAZI/INGCULAZI: IZINOMBOLO EZISEMQOKA UMYALEZO OVELA KUNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO Bangani nabalingani Lento iyaphuthuma Kunobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi abantu abangaphezu kwezigidi ezintathu banegciwane lesandulela-ngculazi kuyimanje. Lesifo siphethe amadoda nabafazi bayoyonke iminyaka yobudala, imikhakha yonke yemisebenzi kanye nazozonke izinhlanga eziphila kuzozonke izifundazwe. Uma izinga lokwanda kwalesifo lingehli, ngonyaka ka-2010 oyedwa kwabane kulelizwe bayobe benesandulela-ngculazi. Eminyakeni elishumi isifo siyobe sesenze izingane zaseNingizimu Africa eziyingxenye yokuthathu kokune zabayizintandane. Yini ndaba lokhu kwenzeke? Lelibhukwana liyachaza ukuthi lokhu kwenzeka kanjani.Igciwane lesandulela-ngculazi lisuka kumuntu liye komunye bgezindlela eziningi, kodwa indlela okuyiyo ejwayelekile kakhulu ngeyokwabelana ngocansi, uma omunye uphathini esenenaso lesifo. Isifo sibhebhetheka masishane kangaka yingoba abantu abaningi lapha eNingizimu Afrika, ikakhulukazi amadoda, awayiqikeleli indlela abaziphatha ngayo makuza ocansini. Iningi labantu asebengenwe yigciwane abazi ukuthi sebenesandulela-ngculazi, ngoba sithatha isikhathi eside sisemzimbeni ngaphambi kokuba limgulise olithwele. Ngaleyondlela abantu abanegciwane balithelela kwabanye ngaphandle kokwazi ukuthi benzani. Okwamanje awukho umuthi ongagomela ukuthi singangenwa yilesifo, kanti futhi alikho nekhambi elilapha isandulela-ngculazi/ingculazi, okuyisifo esibhuqayo. Eminye imithi ibonakala sengathi ikwazi ukunika umzimba amandla okuzivikela kulesisifo, kodwa ayive idula. Abantu abaningi ezweni lakithi abakwazi ukuyithenga. Lokhu kusho ukuthi izinga lokubulawa isandulela-ngculazi/ngculazi lisanyuka ngamandla emadodeni nasebafazini bayoyonke iminyaka yobudala, ikakhulukazi kulabo abasathe shi ocansini. Isankahlo SESANDULELA-NGCULAZI/NGCULAZI Iningi lethu lethukile ngokwenzekayo. Amalunga emindeni, izihlobo, abangani nosebenza nabo bayagula bese befa, esikhathini esiningi basuke besebancane ngobudala. Abakhwenyana, amakhosikazinezingane ziyabhuqabhuqeka. Abantu abathandi ukukhuluma ngembangela yokufa. Kubonakala kuyindida futhi kuyihlazo lokufffa Indaba yokuthi oyedwa kwabane baseNingizimu Afrika uzophathwa isifo esingumashayabhuqe iyethusa ukuyicabanga. Asikwazi ukucabanga ukuthi leligagasi elikhulayo lokugula nokufa liyoyenzani imindeni yethu, izikole zethu nalapho kusetshenzwa khona nemiphakathi yethu. Ngenkathi izwe lethu lizabalazela ukudala amathuba emisebenzi nokunqoba ububha, lomashayabhuqe uqotha amalunga emindeni anamaandla okusebenza nokukhiqiza emphakathini wethu. ISANDULEA-NGCULAZI/INGCULAZI ezikoleni Iningi lezikole seliqalile kavele ukuzwa imiphumela yalomashayabhuqe, lapho othisha, abafundi kanye namalunga emindeni eqala egula. Ngaphambi kokuba lomashayabhuqe alapheke, lobunzima buzoya buqina futhi bugcwale izwe lonke. Ekugcineni wonke uthisha uyocishe afundise abafundi abanesandulela-ngculazi. Kumagumbi amaningi othisha, oyedwa noma abaningi othisha bobesethelelekile. Abanye abasebenzi besikole ngeke nabo sibayeke. Ukugula kuphazamisa ukufunda nokufundisa. Othisha abaphilile bophoqeleka ukuthwala okuthe xaxa uma othisha abagulayo bengekho. Abafundi abagulayo bosalela emuva nezifundo zabo. Uma amalunga omndeni egula noma efa, othisha nabafundi bayezwela. Nxa othisha nabafundi befa, izikole ziyathikamezeka, zilahlekelwe futhi zizwe nosizi. Izikole eziningi zizokhinyabezwa yisankahlo sesifo kothisha, kubafundi nasemindenini. Yini engenziwa yizakhamizi zaseNingizimu Afrika? Inkinga ibonakala sengathi iyasigubuzela, kodwa singaqala ukwenza izaba. Masisebenza sihlangene singasithiba lesisifo bese sibhekana ngqo nemiphumela yaso. Amanye amazwe e-Afrika, lapho lesifo sagasela khona kuqala, bahlanganisa yonke imikhakha yomphakathi ekulweni nalomashayabhuqe nasekuwuvimbeni ukuba uqothe amazwe abo. Nazi izifundo okufuneka sizifunde kulokho asebedlule kukho: * Ngaphandle kokuba sithathe izinyathelo ezidingekayo zokuzivikela noma ngubani kithina angaphathwa yisandulela-ngculazi. * Ukuqonda kahle ngesandulela-ngculazi nokunakekela ukuthi siya kanjani ocansini kungasivikela ekutholeni lesifo nasekusidluliseleni kwabanye. * Kufuneka sithathe lomashayabhuqe njengenselele ephuthumayo yesizwe bese singena kuyoyonke imikhakha yomphakathi elwa naso. * Kufuneka siphumele obala sikhulume singagigiyeli ngesandulela-ngculazi/ngengculazi, silwe nokungazi nolwazi olwakhelwe ohezu kwemibono engahlolisiswanga kanye nemibono engesilo iqiniso ngalesisifo. * Kufanele senze abantu abanalesisifo baphile benesithunzi futhi bawusebenzele imiphakathi yabo inqobo nje uma besenamandla. * Kufuneka sithole izindlela zokunakakala abagulayo nabangasakwazi ukuzisiza emphakathini, ikakhulukazi uma umndeni sewutabalasa noma usuchitheka. Othisha bangakwazi futhi kufuneka basize ukuvimba lesifo nokubhekana nemiphumela yaso * Othisha kufuneka babeyisibonelo sokuziphatha kahle makuyiwa ocansini. Ngokwenza njalo, bayobe bavikela imindeni yabo, ozakwabo, abafundi kanye noqobo lwabo. * Ngoba othisha bafundile ngokwenele, bangaluqonda kalula ulwazi olumayelana nesandulela-ngculazi/nengculazi bese besabalalisa ulwazi oluyiqiniso ngesifo nangemiphumela yaso. * Cishe wonke umuntu osemncane ngeminyaka yobudala usafunda esikoleni, ngakho-ke othisha banethuba elihle lokudingida lesisifo, basize intsha izivikele igweme ukutheleleka, ukugula noma ukufa imbala. * Othisha bahlezi bexhumana nabazali, kanti bangakwazi ukusabalalisa umyalezo wesandulela-ngculazi/nengculazi ungene uthi shi emphakathini. * Othisha bangasiza ukwakha isimo emsebenzini lapho abantu bengakhululeka ukuphumela obala ngokuba nalesifo ngaphandle kokusaba ukuthi bazokhishwa inyumbazane. * Othisha bangathola izindlela ezinqala zokuxhasa ozakwabo nabafundi abagulayo, benze isikole kubeyindawo yethemba nentokomalo emphakathini. Othisha besilisa baneqhaza elibalulekile * Kufuneka uuphele lomkhuba wothisha besilisa wokuthi bafune ucanci ngoshova emantombazaneni esikole noma kothisha besifazane. Kokhu kukhombisa ukuzicabangela bona bodwa nokudelela amalungelo nesithunzi sabafazi namantombazane amancane. * Ukulala nabafundi kujivaza phansi ithemba umphakathi analo kothisha. * Ngebhadi, namhlanje kubhebhethekisa isandulela-ngculazi/ingulazi kanti futhi kwandisa ukuhlupheka nosizi kulabantu abancane abayigugu nasemindenini yabo. Isiphetho * Lencwajana izokusiza ikuhlomise ukuthi ubeneqhaza ozolibamba emzabalazweni wokulwa nesandulela-ngculazi nasevikeleni ikusasa elicwebezelayo lalesizukulwane kanye nesizayo. Sicela uyifunde bese uxoxa ngayo ekhaya, kozakwenu esikoleni, emikhandlwini elawula izikole, nabafundi bakho, ezikhungweni zenu zkukhonza, emaqenjini ezemidlalo, kanye nakuphi nihlangana ndawonye emphakathini. Uma udinga ukushintsha indlela obuziphethe ngayo mayelana nezocansi, siza ubenesibindi nomqondo omuhle wokwenza njalo. * Impilo yakho isengcupheni. Ngokunjalo nezimpilo zamalunga emindeni yakho kanye neyabafundi bakho. Egameni labo nelesizwe siza ufunde lelibhukwana bese wenze njengokuyala kwalo. Ngezilokotho zami ezinhle kakhulu. Yimina Professor Kader Asmal, MP Ungqongqoshe wezeMfundo 1. ISANDULELA-NGCULAZI/INGCULAZI: AMAQINISO ASEDUZE NAWE Yini isandulela-ngculazi? * Iasandulela-ngculazi yigciwane elincanyanyana noma isitho esiphilayo, esibizwa ngokuthi i-virus, elingena kubantu bese bebanaleligciwane. Alikwazi ukubonakala ngamehlo emvelo, ngaphandle kokuba ulibone kwi-microscope. * Isandulela-ngculazi sikwazi ukuqhubeka siphile nokwanda oketshezini lomzimba olufana nesidoda, uketshezi olujuza engquthwini, ubisi lwebele, igazi kanye namathe. Singatheleleka ngalesifo uma sithintantana noketshezi lomzimba oseluthelelekile. * Amandla omzimba okulwa nezifo ibizwa ngokuthi uhlaka lokuvikela umzimba. Yilona oluvikela umzimba ezifweni ezingenayo. * Isandulela-ngculazi ihlasela uhlaka lokuvikela umzimba bese kwehla amandla omzimba okuzivikela kuzozonke izinhlobo zezifo, okubalwa umkhuhlane, isisu esihambisayo, inyumoniya, I-TB nezinye izinhlobo zekhensa * Yingakho-nje isandulela -ngculazi saziwa ngokuthi yigciwane eliqeda amandla omzimba okuzivikela ezifweni. * Isandulela-ngculazi yenza umzimba ubebuthakathaka ngendlela yokuthi ungabusakwazi ukulwa nezifo bese ujike udale ukufa. * Imvamisa abantu bafa emva kweminyaka emihlanu kuya kweyishumi bengenwe yileligciwane, abanye abantu asebengenwe yisandulela-ngculazi baphila isikhathi eside. Yini ingculazi? * Ingculazi yisigaba sokugcina mawungenwe yisandulela-ngculazi, kanti yiyo edala ukuba umuntu afe. * Abantu abanengculazi bajwayele ukuphathwa izifo eziningi ngesikhathi esisodwa. Lezizifo ziyehluka kuya kumumntu ngomuntu. * Igama elithi-syndrome lisho ukuthi kubonakala izimpawu eziningi sikhathi sinye. Lisetshenziselwa ukuqhakambisa ukuthi abantu abaphethwe yingculazi banezimpawu ezinhlobonhlobo, ngoba baphathwa yizifo eziningi kanye kanye. Ingculazi okuseqinisweni akusona isifo esisodwa. * Igama elithi-AIDS limele ukuthi Acquired Immune Deficiency Syndrome. Isandulela-ngculazi sandiswa kanjani? * Ingculazi yisifo esithathelwanayo, kunezimo ezithize abantu abanaleligciwane abangalidlulisela kwabanye. * Ukwabelana ngocansi yiyona ndlela evamile kakhulu abantu abangenwa yilesifo ngoba igciwane liyakwazi ukuphila esidodeni nasoketshezini lwengquthu. * Izingane ezizalwa omama abanesandulela-ngculazi nazo zingenwa yileligciwane ngaphambi noma ngenkathi zizalwa, noma ngenkathi zincela konina. * Igazi elingenwe yigciwane lingasisabalalisa, isibonelo uma lichaphazeleka esikhumbeni esinenxeba, noma ngabangani namalunga omndeni abolekisana ngemishini yokushefa, izinsingo noma izixubho. * Amaxhwele ezidakamizwa abolekana izinalithi angathathelana ngesifo. * Yize igazi elisetshenziswa ekuthekeliseni lihlolwa ukuthi alinalo yini igciwane, amaphutha ayenzeka kwezinye izikhathi kanti futhi kuthi gqwa uzwe ukuthi nakho ukuthekelisa ngegazi kudale ukungena kwegciwane. Yini engasisabalalisi isandulela-ngculazi? * Ungeke wangenwa yigciwane lesandulela-ngculazi ngokusebenzisa indlu eyodwa, ideski, isihlalo, ihovisi, imoto, itekisi, ikhabethe, ucingo lukathelefoni, inkomishi, imfoloko, ipuleti, imaki, indlu encane, ithawula, amashidi, noma izingubo zokugqoka nomuntu osengenwe yigciwane. * Ungeke wangenwa yigciwane lesandulela-ngculazi ngokudla ndawonye nomuntu onegciwane, ukugeza kubhavu owodwa, ukubhukuda kwi-swimming pool eyodwa, noma ukuxhawulana nomuntu osengenwe yigciwane. * Uma ugona noma uqabula izindebe zomuntu onesandulela-ngculazi ungeke watheleleka. * Ngeke watheleleka ngesandulela-ngculazi ngokulunywa umiyane, izenze, umkhaza noma isinambuzane ebesiluma umuntu onesandulela-ngculazi. * Awusoze watheleleka ngesandulela-ngculazi ngesikhathi sezinhlelo ezijwayelekile zezifundo endaweni yokufunda. Yiziphi izimpawu zesandulela-ngculazi? * Iningi labantu abanesandulela-ngculazi abanazimpawu isikhthi eside. Babukeka futhi bazizwa befana naminawe. * Iningi labantu abanesandulela-ngculazi bazizwa beyimiqemane futhi bayaqhubeka nokondla emindenini yabobasebenze nasemsebenzini yabo iminyaka emihlanu kuya kweyisishiyagalombili emva kokuba bengenwe yigciwane. * Kodwa abanye abantu bayashesha ukukhombisa izimpawu zokuxhozeka masishane emva kokungenwa yigciwane. * Uma abantu abanesandulela-ngculazi sebeqala ukuveza izimpawu zokuxhozeka, kusho ukuthi isifo sesifinyelele ezingeni lengculazi ephelele. Kanti babulawa yini abantu abanesandulela-ngculazi/ngculazi? * Abantu abanesandulela-ngculazi/nengculazi ezikhathini eziningi babulawa yizifo ezifana ne-TB noma inyumoniya, okuyizona ezibagabha kakhuluuma igciwane selisemzimbeni yabo. * Abantu abangenaso isandulela-ngculazi nabo bayaphathwa yilezifo, kodwa ngenxa yesandulela-ngculazi inani labaphethwe yi-TB nenyumoniya selenyuke kakhulu. * Kulezinsuku, ngenxa yesandulela-ngculazi ebantwini, i-TB nenyumoniya iyabaqotha abantu abasha. * Ingxenye entathu kwezine yabantu abane-TB manje inesandulela-ngculazi futhi. * Abantu bangafa futhi bebulawa yisisu esihambisa kakhulu noma ezinye izinhlobo zekhensa, ikakhulukazi eyegazi ebizwa ngokuthi i-lymphomas noma eyesikhumba okuthiwa yiKaposi's Sarcoma. * Ezinye izifo, ikakhulukazi inyumoniya enamandla kakhulu, ingasheshisa kabi bese kwezinye izikhathi umuntu angafa ngaphambi kokuba kubenesiqiniseko sokuthi umuntu unesandulela-ngculazi. Singabona kanjani ukuthi umuntu unesandulela-ngculazi? * Iyodwa vo indlela enesiqiniseko engasibonisa ukuthi umuntu unesandulela-ngculazi ukuyohlola igazi. Uma ukuhlolwa kuveza ukuthi sinegciwane, sibizwa ngokuthi si-"HIV positive", okusho ukuthi sinesandulela-ngculazi. * Kodwa, emva kwamasonto nezinyanga ezimbalwaemva kokungenwa yigciwane, umzimba kawukhombisi izimpawu zokungenwa yigciwane. Lokhu kubizwa ngokuthi yi-"window period". Uma sihlola igazi sifuna ukuthi isandulela-ngculazi sesikhona na ngesithuba se-"window period", umphumela uyothi lomuntu akanalo igciwane, yizo noma sinalo. Iziphathimandla zezempilo azikukhuthazi ukuhlala njalo uhlola igazi, ngoba umphumela othi awunalo igciwane awuhlale njalo uyisiqiniseko sokuthi igciwane alikakungeni. * Singaba nesiqiniseko mayelana nokuba nesandulela-ngculazi uma siba nokuhlolwa kwegazi emva kwezinyanga eziyisithupha emva kwesigameko lapho sasinokulithola khona igciwane, isibonelo njengokuya ocansini ngendlela engaphephile. * Abantu abaningi abasathe shi kwezocansi abazi ukuthi banalo abanalo yini igciwane lesandulela-ngculazi. Kufuneka siziphathe njengabantu abangangenwa yigciwane, noma abangase bathelele abanye ngalo, bese sizivikela thina uqobo kanye nabanye kulengozi. Yini ukuhlolelwa isandulela-ngculazi? * Umthamo omncane wegazi uyamonywa engalweni ngenalithi yomjovo, noma ngokuhlaba umunwe bese kubekwa igazi ohlotsheni lwephepha lwe-blotting paper. Isichibi segazi sibe sesihlolwa ngokwemigomo yesayensi. * Lokuhlola akuvezi igciwane uqobo, kodwa kuveza ukubakhona kwama-"antibodies" egazini. Ama-"antibodies" akhombisa ukuthi umzimba unezimpawu zokulwa nokubakhona kwegciwane lesandulela-ngculazi, nokuthi umzimba uzama ukuzivikela. Lama-"antibodies" aqala ukuvela egazini phakathi kwezinyanga ezintathu neziyisithupha emva kokungenwa yigciwane. * Ngaphambi kokuba uyohlolelwa isandulela-ngculazi kufuneka ukhulume nomeluleki mayelana nokuhlolwa nokuthi uyokwenzani nxa uzwa imiphumela. * Umphumela wokuhlolwa uthatha ngokujwayelekile amasonto amabili, kodwa kwezinye izikhathi ayashesha kakhulu ukutholakala, ngisho nangalelolanga. Umphumela uyimfihlo (awudalulelwa uquqaba). Awubhekekile ngokomthetho ukuba utshele omunye ukuthi unalo noma awunalo igciwane lesandulela-ngculazi. * Kodwa, kuhle futhi kudingekile ukudlulisa lolulwazi kunoma ngubani okewaya naye ocansini. Futhi kuhle kakhulu ukuthi utshele ilunga lomndeni eliseduze kwakho noma ngumngani ozokuxhasa. Ngabe umuntu angalidlulisela kwabanye igciwane yize yena engaguli? * Yebo, umuntu angalidlulisela kwanye igciwane lesandulela-ngculazinoma inini nje emva kokungenwa yilo. Lokhu kuvame ukwenzeka ngaphambi kokuba abantu bazi ukuthi banegciwane lesandulela-ngculazi futhi ngisho naphambi kokuba ukuhlolelwa isandulela-ngculazi siveze ukuthi sebenalo leligciwane. Ngabe kuhle yini, ngokwejwayelekile, ukugwema umuntu onesandulela-ngculazi? * Qha. Isandulela-ngculazi ngeke sedluliselwa kwabanye ngokuthintana okwejwayelekile. Ngakho-ke asikho isizathu sokuthi umuntu asabe ukutheleleka ngoba ethintana nsuku zonke nomuntu onegciwane lesandulela-ngculazi. * Abaningi abadlali abadumile besilisa nabesifazane, abadlali bamabhayisikobho, abaqondisi, izifundiswa kanye nosopolitikibonke basebenze kahle isikhathi eside ngenkathi sebenegciwane lesandulela-ngculazi kwaze kwaba bayagula. Ziningi izakhamizi ezingadumile nazo ezikwenzile lokhu. * Kuyisihluku futhi akudingeki ukunezelela umthwalo kubantu abavele besezinhlungwini. Kulikhuni kabi ukubhekana nokufa usesemncane ngaphandle kukugwenywa nokukhishwa inyumbazane ngumndeni, ontanga kanye nabangani. * Uma thina silahla abantu abanesandulela-ngculazi, bangaphoqeleka ukuzama ukuthi basifihlele noma bazenzise sengathi abanaso. Ngokwenza njalo babeka abanye abantu engozini eyingcuphe. Abantu abanegciwane lesandulela-ngculazi kufuneka bagqugquzelwe ukuthi benze zonke izaba ezidingekayo ukuze bangasidluliseli kwabanye lesifo, njengokuthi bafake ikhondomu uma beya ocansini nokutho bangazincelisi izingane zabo. * Noma ngubani kithina angangenwa yileligciwane, ikakhulukazi uma sithe shi kwezocansi noma futhi senza izinto ngendlela engenakho ukunakekela. Akufuneki siphathe abanye abantu ngendlela engeke sayithanda uma thina siphathwa ngayo. Likhona ikhambi yini kambe elilapha isandulela-ngculazi noma ingculazi? * Alikho ikhambi elelapha isandulela-ngculazi noma ingculazi. * Abacwaningi bezokwelapha emazweni amaningi, kubalwa neNingizimu Afrika, basebenza ngokuphuthumayo ukudala ikhambi elingavikela ukungenwa yigciwane lesandulela-ngculazi. Kodwa noma ikhambi lingatholakala, kuyothatha iminyaka eyidlanzana ngaphambi kokuba lihlolwe kahle ngokugculisayo, bese liyavunywa yiziphathimandla ezisemagunyeni, bese liyatholakala kalula liyinsada emphakathini wonkana. * Imithi elibazisa ukuqala kwezifo ezixhumene nengculazi inganikwa abantu abanesandulela-ngculazi kodwa azilona neze ikhambi elelapha ingculazi iphele nya. Ngebhadi ayive ibiza imba eqolo. Izinkampani zemithi zakha izinhlobo ezizothi ukushibha, kodwa lezi zisavamise ukungatholakali kalula. * Uma isandulela-ngculazi sehlisa izinga lohlaka lokulwa nezifo emzimbeni yethu, imizimba yethu ayisabanamandla wokulwa nezifo ezifana neTB kanye nenyumoniya. I-TB ingelapheka yinqobo nje isiguli sidla imithi efanele kuze kuphele isikhathi esithize. Abantu abanegciwane lesandulela-ngculazi bangayidla imithi ukuze bazivikele kwinyumoniya. Ngalezizindlela, abantu abanegciwane lesandulela-ngculazi bangasizwa ukuba baphile isikhathi esithe ukubasijana nezimpilo zabo zibe ngeziphelele. Isandulela-ngculazi nengculazi singavikela kokho * Ukuzivikela yiyona ndlela eyodwa esineqiniso ngayo ukuthi singahlula isandulela-ngculazi nengculazi. * Singagwema ukungenwa yilesifo nokuthi sisedlulisele kwabanye ngokuba siqiniseke ukuthi senza izinto ngokucophelela, nangozwelo nangokwethembeka ngazo zonke izikhathi, ikakhulukazi endleleni esiziphatha ngayo makuya ezindabeni zokuya ocansini. * Into ebuhlungu ezweni lakithi ukuthi abantu abaningi kangaka baqothwa yisifo esinokuvikeleka kusona ngokuphelele. Yini singezwa ngabantu abaningi abafayo bebulawa isandulela-ngculazi nengculazi emphakathini wethu? * Ngenxa yokuthi kuphela isikhathi eside phakathi kokungenwa yigciwane kanye nokufa, ezinye zezindawo ezweni lakithi yimane ziqala manje nje ukuzwa ukulahlekelwa inani eliphezulu labantu abadala abafayo ngenxa yesandulela-ngculazi. * Kungenzeka ukuthi sihleli nje asazi ukuthi kwenzakani ngempela eduze kwethu ezindaweni ezisizungezile. * Ngenxa yokuthi abantu abanegciwane lesandulela-ngculazi bavame ukubulawa yizifo ezijwayelekile, ezifana neTB noma inyumoniya, abantu bangeke babanesiqiniseko sokuthi isifo esithathe umuntu besihlangene nengculazi. Ezikhathini eziningi amalunga omndeni angeke azi noma angavele angathandi ukuvuma iqiniso. * Kunezimfihlo eziningi ezibakhona uma sekuziwa kwisandulela-ngculazi/negculazi uqobo. Abantu abaningi bazizwa bephoxeka noma bayakusaba ukuba negciwane lesandulela-ngculazi. Bona kanye nemindeni yabo abasoze balokotha baxoxe ngayo. * Ngenxa yokungazi nokwesaba, abantu abanegciwane lesandulela-ngculazi babhekene nokucwaswa bekhishwa inyumbazane emiphakathini yakubo, kanti abanye sebebulewe. Lezigameko zaloluhlobo sezenze abantu bathuka futhi bavimbeleka ukuthi badalule ukuthi sebengenwe igciwane lesandulela-ngculazi. * Abanye abantu basaphika namanje ukuthi sikhona isifo esinje. Abanye bathi lento iliqhinga nje eliboshelwe umuntu omnyama. Okuseqinisweni wukuthi isandulela-ngculazi/ingculazi yisifo esigcwele umhlaba wonke esiphatha bonke abantu bazozonke izizwe phansi komthunzi welanga. Sazi kanjani ukuthi alikho ihaba makukhulunywa ngesandulela-ngculazi? * Ukucwaninga sekukhombisile ukuthi ezinye izimo ezithize emphakathini zikwenza kubelula kakhulu futhi abemaningi ukuba amazinga okungenwa igciwane lesandulela ngculazi kanye nawokuthi isandulela-ngculazi noma ingculazi uqobo ikubulale. Lezi zimbandakanya ububha, ukudla okungenamsoco, isimo esibi sokuhlanzeka nesokulahlwa kwendle, udlame, kumbandakanya ukuphathwa ngesihluku nangodlame kwabantu besifazane kanye namantombazane, ukugqilazeka kwabafazi, izinga eliphakeme lokungaqashwa kwentsha, imisebenzi eshiyisa obaba amakhaya bese kuphazamiseka amaxhama omndeni, ukuhamba uyocansini noma inobani ikakhulukazi emadodeni, ukuthi shi kwentsha ocansini kanye nezinga eliphakeme lezifo ezithathelwanayo ngokocansi (phecelezi ama-STI's). Zonke lezizimo zikhona zonke eNingizimu Afrika. * Sekuyiminyaka eyidlanzana uMnyango wezeMpilo ubulokhu uzihlolela igazi elingaziwa ukuthi ngelabani elithathwe komama abakhulelwe kulolonke izwe. Ngo-1998 lokuhlola kwaveza ukuthi amaphesenti angu-21 entsha ekhulelwe, amaphesenti angu-26 abafazi abakhulelwe abaneminyaka ephakathi kwa-20 kanye no-24, kanti amaphesenti angu 27 wabafazi abaneminyaka engu-25 eya ku-29 anegciwane lesandulela-ngculazi. Ngenxa yokuthi lesifo sesandulela-ngculazi sandiswa ikakhulukazi ngokuya ocansini, kunokwenzeka impela ukuthi amasoka nabakhwenyana abo labafazi nawo asevele enalo igciwane lesandulela-ngculazi. * Ucwaningo olwenziwe ezinkampanini eziningi ezweni lonkana lapha eNingizimu Afrika likhombisa izinga eliphakeme lokungenwa yilesifo kubasebenzi babo kuwo wonke amazinga namaqophelo. * Emva kokuvivinywa nokuhlaziywa kwemiphumela abe-United Nations AIDS programme (okuwuhlelo lweNhlangano Yezizwe lweNgculazi) basikazela emuntwini oyedwa kwabayisishiyagalombili abadala eNingizimu Afrika unegciwane lesandulela-ngculazi kuyimanje. * Ucwaningo seluveze ukuthi manje sekunenkinga yegciwane lesandulela-ngculazi nelengculazi kuyo yonke imiphakathi ezweni lonke. * Ngisho ngaphandle kocwaningo iningi lethu liyazi ukuthi isifo sibhuqa izimpilo eziningi, ezabadala nabancaneIningi lethu selilahlekelwe amalunga omndeni kanye nomakhelwane. Iningi lethu linakekela izihlobo ezigulayo. Iningi lethu liyazi ukuthi nathi uqobo lwethu sesinalo leligciwane lesandulela-ngculazi. Ukuphila unethemba * Iningi labantu abanegciwane lesandulela-ngculazi bayimiqemane futhi basazoqhubeka ukuphila kahle iminyaka eminingana emva kokuba sebengenwe yileligciwane. * Ngalesisikhathi abadala nezingane ezinegciwane lesandulela-ngculazi basenokuphila impilo enokwenza okuningi esikoleni emsebenzini nasekhaya. * Abantu abanegciwane lesandulela-ngculazi badinga ukuxhaswa nokunikwa iziyalo. Abantu abahlolwa maqede batholakale benegciwane lesandulela-ngculazi kufuneka banikwe iziyalo ukuze bakwazi ukulindela iminyaka eminingi yempilo eyejwayelekile. * Umphakathi osizungezile kanye ikakhulukazi nesikole kungaba umthombo wothando, nokunakekela kanye nokuxhasa. * Inselele kithi thina njengothisha, sinalo noma singenalo igciwane lesandulela-ngculazi, ukuba senze isikole sikwazi ukwenza lento esivele sinamandla okuyenza. 1. IMIYALEZO EQAVILE EYISISHIYAGALOMBILI MAYELANA NOKUVINJELWA KWESANDULELA-NGCULAZI Othisha basethubeni elihlukile lokuguqula umsinga walomashayabhuqe * Ngenxa yokuthi yonke ingane kulelizwe iyaya esikoleni, othisha banethuba elihlukile lokwakha imibono yabantwana mayelana nezocansi kanye nokuzwana, ngisho ngaphambi kokuba ziqale. * Ngokwenze njalo othisha bangabamba iqhaza eliqavile ekuguqulweni komsinga walomashayabhuqe wesandulela-ngculazi. * Ngaphandle kwezikhathi ezimbalwa ezehlukile, abantwana baqala isikole bengenalo igciwane lesandulela-ngculazi. * Ngenkathi lapho beqeda isikole, abantwana abaningi basuke sebehaqwe yileligciwane. Abaningi bayongenwa yileligciwane emuva kokuqeda esikoleni, ngaphandle uma sebesiziwe ukuba bathathe izindlela eziphephile zocanci. Ubuholi buqala ekhaya Othisha babhekeke ukuba ngabantu okubukelwa kubona izinto ezinhle futhi babengabaholi emphakathini. Ngokusebenzisa izindlela eziphephile thina uqobo, singaziphephisa thina uqobo kwisandulela-ngculazi bese sisiza abanye abangenakubalwa ukwanza okufanayo * Nansi imiyalezo eqavile eyisishiyagalombili mayelana nokuvinjelwa kwesandulela-ngculazi. 1. Yana ocansini ngendlela ephephile * Iningi lokungenwa yigciwane lesandulela-ngculazi kwenzeka ngesikhathi kuyiwa ocansini. Ukuze sivimbele ukungena kwegciwane lesandulela-ngculazi, kufuneka sisebenzise izindlela zocansi eziphephe ngokuthe xaxa. Ayikho enye indlela. * Indlela ephephe kunazo zonke ukugwema ukuya ocansi kuze kufike isikhathi somshado, bese futhi uhlala uthembekile kumuntu wakho. * Uma uya ocansini, thatha ngokuthi wena noma umuntu wakho ningaba negciwane lesandulela-ngculazi. Sebenzisa ikhondomu labesilisa noma labesifazane. * Yiba nomuntu oyedwa oya naye ocansini, bese uya ocansini ngendlela ephephile ngazo zonke izikhathi. * Uma sekuyisikhathi sokuthola abantwana, nobabili kufuneka niyekohlolwa igazi ukuthi alinayo yini igciwane lesandulela-ngculazi bese nilinda imiphumela ngaphambi kokuba niyeke ukusebenzisa ikhondomu bese niqale ukuzama ukuthola abantwana. 2. Uthando nokwethembeka * Indoda noma intombi ekuthandayo ngempela yileyo eyenza izaba zokuthi ungangenwa noma sekunjani yigciwane lesandulela-ngculazi kuyena ngokuthi agqoke ikhondomu. * Ukuba nomuntu wakho omethembayo akwanele ekukuvikeleni egciwaneni lesandulela-ngculazi. Umuntu wakho, noma wena uqobo. * Ungaba sewangenwa yileligciwane ekuyeni kwakho ocansini ngaphambili, ngisho noma ngabe kudala kwaphela lokho kuthandana. 3. Ukuthi "Yebo" nokuthi "Cha". * Indoda ifuneka icele imvume kumuntu wesifazane ngaphambi kokuya ocansini naye. * Noma iyiphi indoda ephoqelela umuntu wesifazane ukuya ocansini ngenkani ebe esenqabile owesifazane wathi "cha" ingumdlwenguli. * Ukudlwengula yicala elinzima kabi. Onukubeziwe kufuneka athathwe masishane ayiswe kudokotela wesifunda, noma kwisikhungo sezempilo ayohlolwa, athole ukuyalwa kanye nokusheshayo okuvimbela ukukhulelwa. Ukudlwengulwa kumele kubikwe emaphoyiseni, bese kuthi onukubeziwe acelwe ukuba abhale isitatimende. Amaphoyisa kufuneka anike onukubeziwe induduzo yokumxhasa bamnike neziyalo bese icala elivuliwe liyaphenywa. 4. Ukugwema ukunukubezwa kwezingane: baleka bese uymceba! * Othisha baneqhaza elibalulekile lokuhlonipha nokuvikela abantwana okudingeka babanakekele. Ukuhlukumezwa kwabantwana ngothisha kubi kabi, ngoba kulimaza ukwethenjwa kothisha abakuthola kubazali babantwana. * Akusilona iqiniso ukuthi uma indoda ilala nentombi egcwele, ikakhulukaziintombazane esencane, iyolapheka egciwaneni lesandulela-ngculazi. Alikabibikho ikhambi lesandulela-ngculazi. Okungenani, ukuya ocansini nengane yentombazane noma yomfanyana kuyodala ukuba leyongane izwe ubuhlungu obungaziwa kanye nosizi, kanti futhi kungase kwenze ukuba ingenwe yigciwane lesandulela-ngculazi bese impilo yayo icekeleka phansi isencane * Abantwana bafundiswa ukuhlonipha abantu abadala, kodwa lokho akusho ukuthi kufuneka benze noma yini abantu abadala abayitshela izingane, ikakhulukazi uma leyonto ingalungile futhi yenza untwana angakhululeki ngayo. * Wonke umntwana uyaqonda ukuthi kunezinhlobo zezindlela ezinhle zokubathinta, njengokuphululwa umama noma amange, noma ukubambana ngezandla nomngani. Kukhona ezinye izinhlobo zokuthinta ezenza bangakhululeki. * Ingane akufanele ihlale esimweni ezizwa ingakhululekile ngaso. Kufuneka bafundiswe ukumemeza bacele usizo, babaleke bese becela usizo kumuntu omdala abamthembayo. * Abantwana kumele bafundiswe ukuthi bangalokothi bavakashele umuzi womuntu abangamazi, noma bahambe esitaladini noma emasimini nomuntu abangamazi, noma bagibele imoto yomuntu abangamazi. * Akufuneki benze noma iyiphi yalezizinto nanoma ngubani obenza bazizwe bengakhululekile noma oziphatha enze nezinto ezingajwayelekile, ngisho noma lowomuntu ungabe uyisihlobo sabo noma ngabe bamazi kahle. 5. Akudingeki ubenenqwaba yamasoka noma yezintombi ukuze uthole igciwane lesandulela-ngculazi * Abantu abaya ocansini nabantu abaningi banamathuba amaningi okungenwa yigciwane lesandulela-ngculazi, kodwa isandulela-ngculazi asingeni nje kuphela kulabo ababhangqa abantu. * Uma nje isithandwa esisodwa sangenwa yigciwane bese singalisebenzisi ikhondomu, singangenwa nathi yigciwane. * Abantu abaningi sebengenwe igciwane emva kokuba belale kanye vo nomuntu obesengenwe yigciwane, ongazange walifaka ikhondomu. * Abantu abathembekile kumakhosikazi noma kubayeni babo bangangenwa yigciwane uma omkabo bengathembekile kubona. * Yonke iminyaka, abantwana abaningi kanye nabesifazane bangenwa yigciwane lesandulela-ngculazi nxa bedlwengulwa. * Abanye abantwana bathola isandulela-ngculazi konina. Ezinye zalezizingane seziphile isikhathi eside ngokwanele ukuba nazo ziye esikoleni. * Abantu bangenwa yigciwane uma bebe nokuthintana negazi eselingenwe yigciwane, njengokuthi bathinte izinalithi esezinegciwane, imishini yokushefa ebolekiswanayo kanye nezinsingo. 5. Ukusebenzisa ikhondomu kuzokuvikela ezifweni zocansi ezithathelwanayo (STDs) ukungazali kanye nasekukhulelweni okungadingekile * Izifo zocansi ezithathelwanayo (STDs) zidala isilonda emthondweni noma ngasekugeneni engquthwini, noma ubomvu noma ubuhlungu uma uchama. Izifo zocansi ezingalashwanga zandisa amathuba okuba ungenwe isandulela-ngculazi. Ungalokothi uye ocansini uma unezifo ezithathelwanayo ngokocansi (STDs). Tholwa ukwelashwa! * Amakhondomu avikela wena ezifweni ezithathelwanayo ngokocansi nakusona kanye isandulela-ngculazi. * Izifo ezthathelwanayo ngokocansi ziyimbangela enkulu eyejwayelekile yokungabatholi abantwana. * Ngokusebenzisa ikhondomu ungagwema isandulela-ngculazikanye nezinye izifo ezithathelwanayo ngokocansi, kanti futhi ungazikhethela wena ukuthi ufuna nini ukuthola abantwana. 7. Amakhondomu angaba into emnandi * Abantu abaningi bathi ukusebenzisa ikhondomu kufana nokudla uswidi kanye nephepha eliwusongile. Uthi 'lezazindini' ziyakwazi ukuwasebenzisa kahle na? * Ukulifaka ikhondomu nje kukodwa kungaba into ehlabahlosile neyingxenye empampisayo yomdlalo wocansi. * Ukusebenzisa ikhondomu kuyikhono njenganani enye. Ngenkathi ulisebenzisa izikhathi eziningi, yilapho uthola okungcono. * Ukuya ocansini okumnandi kakhulu yilokho yilolo olungakukhathazi ngokuthi ngabe uzongenwa yizifo eziqothanayo. 8. Izidakamizwa kanye notshwala * Ukusetshenziswa kwezidakamizwa nophuzo kuyaxhumana futhi nezigameko eziningi zabantu abanegciwane lesandulela-ngculazi. * Abantu abadakiwe bavame ukukhohlwa ukuthi basebenzise amakhondomu. Amadoda avamise ukuqonela abesifazane abadakiwe ukuze athole ukuya ocansini, esebenzisa ikhondomu noma lingekho. Into efanayo ingenzeka ngezidakamizwa. * Ezinye izidakamizwa ezingabe zisayekekaafana no-heroin adliwa ngokuthi ajovelwe egazini. Abantu abaningi bangenwe igciwane lesandulela-ngculazi ngokubolekana izinalithi zemijovo. * Ungalokothi uke ubolekane nomunye umuntu ngezinalithi nemijovo. 3. IMIBUZO EBUZWA OTHISHA MAYELANA NEMFUNDO YEZOCANSI Ukukhuluma ngezocansi? Ngabe kuphikisana namasiko ethu! * Sonke ngothi lewthu siyaya ocansini, kodwa iningi lethu lafundiswa ukuba licabange ngalento njengento embi engcolile noma eyihlazo, ngaphandle uma yenziwa ngaphakathi kwezikhonkwane zomshado. * Asikujwayele neze ukuxoxa ukuxoxa ngezocansi esidlangalaleni, nkuzwa ngezocansi noma ukusho amagama afana nomthondo, ingquthu noma ukulalana. * Asikujwayele ukuxoxa nezingane ngezindaba zocansi. * Lezinhlaka zamasiko ethu, ezisenza sibenamahloni mayelana nezocansi, zamiswa ngesikhathi esahlukile. Namuhla sinenselele entsha sha esibhekene nayo eyigciwane lesandulela-ngculazi. Iyisifo esisha esasingekho ngenkathi kumiswa lamasiko amadala. * Ukufika kwesandulela-ngculazi kusho ukuthi kufuneka senze izinguquko ezithizekuwona amasiko ethu ngoba uma singazenzi lezinguquko inani elikhulu kabi labantu bethu abasebasha bazokufa bese nathi uqobo sife. * Ukushintsha imithetho yethu yokuxoxa ngezocansi akusho ukuthi amasiko ethu asezoba sengcupheni. Kunokuningi kakhulu emasikweni ethu kumigomo nezindlela eziphathelene nezokuya ocansini. * Okuseqinisweni ukuthi amasiko ethu ahlale ezishintshela wona sonke isikhathi. Iyona ndlela eyenza ukuthi angapheli. Cabanga ukuthi mangaki amasiko aseshintshile esikhathini sethu kanye nesikhathi sabazali bethu kuze kube esobabamkhulu. * Uma singasilawuli isandulela-ngculazi kanye nengculazi, izoqotha umphakathi wethu bese amasiko ethu aphenduke umlando. * Kufuneka siyishintshe imiqondo yamasiko yethu makuza kwezocansi kanye nangokuxoxa ngezindaba zocansi, ngoba izimpilo zabalingani bethu kanye nophathini bethu, izingane zethu, nalabo esibanakekelayo, imi phezu kwalokhu. * Kukhombisa ukukhula emqondweni ukukhuluma ngezocansi ngendlela engagigiyeli. Abantu abasha bayokuthakasela ukubakhathalela ezingxakini abakuzo. Ngeke ngikhuthaze ubuthaka besimilo * Abazali banemthwalo wokuqala wokufundisa abantwana okuhle kanye nokubi, okuvumelekile nalokho okungamukelekile. * Njengothisha, sinomthwalo onzima wokusiza nokuvikela izimpilo zabantwana esibafundisayo, bese sinika iseluleko esihle kakhulu kubazali nabafundi ngokufanayo. * Ezinye zezinkolelo zethu zezenkolo ngezocansi zingakwenza kube lukhuni kithina ukuxoxa nabantwana ngezocansi, kodwa asikwazi ukuthi siyeke abantu abasha abasezandleni zethu baweleezimweni ezithuthumelisayo nezingaqotha izimpilo zabo lapho sinolwazi olungabasindisa. * Akusilona iqiniso ukuthi ukufundisa abantu abasha ngezocansi nangobulili kwenza abantwana bandinde noma bangazi okuhle nokubi. Emphakathini wethu, kanye nakwamanye amazwe, abantu abasha sebeqala bebancane kakhulu noma siyakuthanda noma asikufuni. Imfundo yobulili, ebanika ulwazi kanti futhi ibafundise ukuzihlonipha kanye nabanye, iyobasiza ukuthatha izinqumo ezihluzekile mayelana nokuya ocansini, kanye nokuya ocansini ngendlela ephephile. * Ingozi yesandulela-ngculaziayisho ukuthi ekufuneka silahle amasiko esimilo esihle. Uhlelo oluqinile futhi olucacile alukaze ludingeke njengoba ludingeka njengoba ludingeka namuhla. Kodwa kufuneka lubandakanye nokuzibophezela ekuzithibeni ekuyeni ocansini noma ikanjani kanye nokuhlonipha amalungelo aabanye abantu, ikakhulukazi ophathini bethu kwezocansi. Kufuneka ibandakanye nokuzibophezela ekutheni kufundiswe abantu abasha ukubaluleka kokukwenza lokhu. * Indawo enhle yokuqala ukuba sivume ukuthi ubulili benza ngcono impilo uma izinto zenziwa kahle ngomthetho. Ukuzwana okuhle mayelana nezocansi akuthintene namandla okuphatha. Akuphathelene nokufuna amaalungelo. Wona aphathelene nokuthi nijabulisane futhi nihloniphane nobabili. Ukufundisa ezweni lapho amalungelo obuntu evikelwe * ENingizimu Afrika amalungelo obuntu avikelwe futhi aqinisekiswe umthethosisekelo. * Amalungelo obuntu ngawabo bonke abantu, abafundi ngisho nabothisha. * Amalungelo ahambisana nezinto ezidinga ukwenziwa. Ukuze thina sonke sikwazi ukujabulela amalungelo ethu kufuneka thina sonke senze esibopheleke ukuba sikwenze. * Umthethosisekelo uqinisekisa ilungelo lenkululeko ekutholeni ulwazi kanye nenkululeko yokuzzikhethela, eyomcabango, eyenkolo, eyokukholwa okuthandayo neyemibono oyithandayo. Umthethosisekelo ubhekela kahle kakhulu amalungelo abantwana. Kusithwesa umthwalo thina sonke ukuthi ngaso sonke isikhathi senze izinto ezizosiza abantwana njalo. * Abantwana banelungelo lokuthola ulwazi ulumayelana nempilo ephathelene nezokuya ocansini nokuvimbela ukungenwa yigciwane lesandulela-ngculazi. * Abafundi kumele singabagqugquzeli ukuthi baye ocansini, kodwa abafundi kumele banikwe ulwazi oluyiqiniso mayelana nokuya ocansini ngendlela ephephile njengoba kuyibona okufuneka bazithathele izinqumo zabo. * Lokhu yilungelo labo elikumthethosisekelo kanti futhi ngumthwalo wethu njengothisha esiwugixabezwa ngumthethosisekelo. Ngabe kumele sitshele abantu abasha ukuthi bangayi ocansini? * Kuyinto enhle ukutshela amabhungu namatshitshi ukuthi bangayi ocansini. Kufuneka futhi sikhumbule ukuthi iningi labo liyosishaya indiva leseluleko noma lehluleke ukusigcina. * Kulula ukukhohlwa ukuthiamasoka nezintombi zethu zazibaluleke kanjani kithina ngenkathi sesingamabhungu namatshitshi. Lokho kuzwana asabalulekile kakhulu namanje kubantu abasebasha. Kuwumthombo wokukhula nokuthuthuka kwabo, yize ebandakanya nokuthatha izinqumo ezinqala futhi ezilukhuni. * Ucwaningo lukhombisa ukuthi uma thina sinika abantu absha ulwazi oluphelele mayelana nezokuya ocansini, nangezingozi esekuyeni ocansini, nokuthi bangazivikela kanjani, ezikhathini eziningi yibo abavele bazinqumele ukuthi basazoke balinde kancane ngaphambi kokuba baqale ukuya ocansini. Uma benolwazi, futhi beyidingidile lemibuzo obala futhi bengenalo uvalo, bajwayele ukuthi baye ocansini ngendlela ephephile nxa sebeqala ubudlelwano bocansi. * Njalo nje nxa sicabanga ngamakhono empilo kanye nemfundo yobulili, kufuneka sikhumbule ukuthi amashumi ngamashumi ezinkulungwane zabantu abasha asevele asethe shi ekuyeni ocansini futhi sebengenwe yigciwane lesandulela-ngculazi ngenxa yokuthi babengenalo ulwazi olwenele. Abaningi abantu abasha bacabanga ukuthi baphephile bona ngoba basebancane. Bangacabanga ukuthi kuwubunsizwa ukungena engozini beyibhekile. Ukudlalela engozini enesandulela-ngculazi phakathi akusibona ubunsizwa nokuhlakanipha, kubuphukuphuku, kanti futhi kuyingozi embi ngisho nakwabanye. * Amanye amabhungu asazi noma asola ukuthi asengenwe yileligciwane lesandulela-ngculazi, athathe isinqumo esibi sokudlulisela igciwane kwabanye, ngokuthi bahambe namantombazane ngenkani bayolala nawo noma bawadlwengule beyinqwaba kanyekanye. * Kufuneka sibhekane ngqo nezinto ezenzeka emphakathini wethu. Ukumane sitshele abantu abasha ukuthi mabangayi ocansini akwenele njengempendulo, noma kodwa kona kuyingxenye yempendulo. Umashayabhuqe wesandulela-ngculazi/nengculazi usikhombisa ukuthi sibhekene nenkinga yokuziphatha kahle uma abantu bezwana ezweni lakithi. Kufuneka sifundise abantwana bethu kanye nabasha bethu ukuzihlonipha bona uqobo, nokuthi bahloniphe ontanga babo, bakhombise ukuqonda okunzulu kwamalungelo amantombazane nabafazi, bahlanganyele ndawonye nomphakathi beyimbumba ukuze kusindiswa thina uqobo kanye nabo. Yilokhu okufuneka kube yisisekelo sobuntu bethu bokwazi okuhle nokubi. * Ukudingida lendaba phakathi kwabo bodwa njengabantu abasha, beholwa umntu omusha onolwazi, mhlawumbe kube ngumuntu ophila negciwane lesandulela-ngculazi, yindlela enamandla kakhulu yokufundisa ngalesifo. Ama-NGO (okuyizinhlangano ezingaxhumene nohulumeni) ezenza loluhlobo lomsebenzi kufuneka zemukelwe ezikolweni zethu futhi zigqugquzelwe ukuzosiza. Ngabe izingane azizincane kakhulu kuloluhlobo lolwazi * Kusukela ngesikhathi beqala ngqa ukuya esikoleni, abafundi badinga ukuthola ulwazi olumayelana nesandulela-ngculazi/nengculazi lulethwe kubo ngendlela efanele iminyaka yabo, nangesimo semfundo yamakhono empilo. * Izinhlelo zemfundo zenziwe kanti ezinye sikhuluma nje ziyenziwela imfundo yamakhono empilo efanele yonke iminyaka, kanti uhlelo lokuqeqesha luyanikwa ukuze othisha bakwazi ukukwenza lokhu. * Sithanda ukukhohlwa njalo ukuthi iningi lezingane ziqala ukwazi ngokuya ocansini bese zifuna ukwazikabanzi ngako ziseneminyaka emincane kakhulu. Kuyinto enzima kodwa eliqiniso ukuthi izingane eziningi zisuke sezivele sezingene zathi shi ekuyeni ocansini nxa sezineminyaka engu-12. * Izingane eziningi ziqala ukwazi ngesandulela-ngculazi/ ngengculazi ngenkathi zisencane kabi, ngoba zazi abantu, kubalwa abazali kanye nabakubo, abagulayo noma asebefile. Amaphepha, imisakazo nokunye kugcwele izindaba ngalomashayabhuqe wesifo. Izingane ziyalusabalalisa ulwazi ngalesifo phakathi kwazo, noma ngabe luyiqiniso noma alusilona. Into efanele kahle ukuba othisha bakulindele ukuqala ukusabalalisa ulwazi oluyiqiniso ngokuya ocansini kanye nangobulili kanye nangesandulela-ngculazi/ ngengculazi uqobo ngaphambi kokuba izingane zifunde ulwazi olungamanga ngalezizinto kontanga babo. 4. UKUNQANDA UKUBHEBHETHEKA KWESIFO EZIKOLENI Uma izikole zethu zinothisha nabafundi abanesandulela-ngculazi, ngeke bonke abasele nabo ibangene? * Ngoba isandulela-ngculazi yanda kakhulu ngokuya ocansini nangokuhlangana kwegazi, iningi lethu alikho engozini yokungenwa yigciwane lesandulela-ngculazi ngesikhathi kuqhubeka izinhlelo ezejwayelekile zokufundisa nokufunda. * Azikho izigameko lapho kuke kwadluliselwana ngegciwane lesandulela-ngculazi ezikoleni noma ezikhungweni zezemfundo ngesikhathi kuqhubeka izinhlelo zokufunda. Kodwa kwenzekani uma kuvela ingozi noma kulinyalwa nxa kuliwa? * Ikhona ingozi engavela yokudluliselana ngegciwane lesandulela-ngculazi ngokuthintana negazi eselivele lingenwe yigciwane. * Kodwa lengozi ingeshywe mkhuba uma imigomo enqala eyisisekelo sosizo lokuqala ingalandelwa. * Umthetho lapha obaluleke kunayo yonke owokuthi senze konke okusemandleni ukuvimbela lesimo asetshenziswa umhlaba jikelele. Yini izindlela zokuvimba zomhlaba jikelele? * Izindlela zokuvimbela ezisetshenziswa umhlaba wonke zibizwa kanje ngoba zisetshenziswa kunoma ngubani kanye nakuluphi uketshezi lwasemzimbeni. * Imigomo yokuvimba esebenza noma ikuphi iyadingeka ngoba esimweni sokufunda akukwazeki ukuthi wazi ukuthi ubani onegciwane lesandulela-ngculazi. * Ngenxa yokuthi kubanesikhathi eside phakathi kokungenwa yigciwane lesandulela-ngculazi kanye nokuqala kokuthi umuntu agule, iningi labantu esikoleni alisoze lazi ukthi selivele lingenwe yileligciwane. * Ngenxa yesikhathi okuthiwa yi-"window period" lapho ukuhlolwa kwegazi kungavezi ukuthi umuntu usengenwe yigciwane, ngisho umphumela othi umuntu akanalo igciwane awusho ukthi umuntu akanalo ngempela igciwane. * Isandulela-ngculazi akusiyona vo ingozi. Ezinye izifo ezibulalayo ezejwayelekile kakhulu eNingizimu Afrika, ikakhulukazi I-hepatitis B, ingakungena ngokuthintana negazi elinegciwane. * Uma sisebenzisa lemigomo yokuzivikela kunoma isiphi isimo lapho kunegazi, siyophepha egciwaneni lesandulela-ngculazikanye nakwezinye izifo ezithathelwana ngegazi. Yini edingwa yinoma isiphi isikole yosizo lokuqala? * Amabhokisi amabili ahlezi egcwele yonke into edingekayo (bheka ebhokisini). * Ibhodlela lika-bleach osetshenziswa ekhaya. * Inqwaba yezikhwama ze-plastic ezingenazo izimbobo. * Isitsha sokuthela amanzi. * Uma isikole sakho singenampompi, kufuneka nihlale nesigubhu sika-25 wamalitha esigcwele amanzi ahlanzekile ngazo zonke izikhathi ukuze niwasebenzise uma kusuka isidumo. OKUQUKETHWE AMABHOKISI OSIZO LOKUQALA * Amapheya amane ama-gloves ohlobo lothwethwesana lwenjoloba (amabili amaphakathi, amabili amakhulu) * Amapheya amane ama-gloves asetshenziswa emakhaya (amabili amaphakathi, amabili amakhulu) * Izindwangu zokubopha amanxeba, ukusikeka noma imihuzuko ( i-lint noma i-gauze), ibhandishi elingangenwa ngamanzi eliyi-plastic, izibulali-magciwane (njenge-bleach yasekhaya), isikele, uvolo, nokokubamba ibhandishi, namaphepha awuthwethwesana * Okomlomo, okusetshenziselwa ukuphefumulela emlonyeni womunye Kufuneka siziphathe kanjani izingozi nokulimala ezikoleni? 1. Akekho umuntu okufuneka athinte ngqo uqobo lwegazi noma luketshezi lomzimba * Wonke amabhokisi osizo lokuqala kufuneka abe nama-gloves erabha bese kufuneka agqokwe ngazo zonke izikhathi uma kusizwa umuntu owophayo ngenxa yokulimala noma kuwumongozima. * Noma ngubani owesula igazi phansi noma kuphi lapho lichithekele khona noma indwangu kufuneka naye agqoke ama-gloves. * Lemigomo yokuzivikela kufuneka isetshenziswe nakolunye uhlobo loketshezi lomzimba, kumbandakanya okuhlanziwe, indle, ubomvu kanye nomchamo, nakuba kungelula ukuba umuntu angenwe yigciwane lesandulela-ngculazi ngalokhu. * Uma engekho ama-gloves eduzane, izikhwama zasezitolo zeplastic zingafakwa ezandleni, uma nje zingenazo izimbobo futhi kunakekelwa ukuthi amanzi negazi akunakungena ngaphakathi kwe-plastic. * Bonke abafundi kufuneka bafundiswe ukuthi bangalithinti igazi kanye namanxeba kodwa bacele usizo komunye wothisha uma kukhona olimele noma onomongozima. 1. Misani ukopha masishane ngokungenzeka * Uma uzakwenu noma umfundi opha, into yokuqala ukwenziwa wukuba kuzanywe ukuba kumiswe ukopha ngokuba kucindezelwe lapho kuleyndawo eyophayo ngendwangu noma ngethawula eliseduze. * Ngaphandle uma umuntu olimele equlekile noma elimele kabana, kufuneka basizwe ukuba kube nguyena owenza lokhu yena luqobo. * Uma umuntu enomongozima kufuneka akhonjiswe ukuthi angalicindezela kanjani umbombo yena uqobo. 1. Ukugeza amanxeba * Uma ukopha sekuphelile, umuntu olimele kumele asizwe ukugeza imihuzuko noma amanxeba emanzini ahlanzekile anezibulala-magciwane, uma sinokutholakala, uma singekho, sebenzisa i-bleach yasekhaya uyixube namanzi (ingxenye eyodwa ye-bleach ezingxenyeni eziyisishiyagalolunye). * Amanxeba angabe esembozwa ngebhandishi elingangenwa ngamanzi lohlobo lwe-plastic noma nge-plaster. * Othisha nabafundi kumele bafunde ukugcina amanxeba wonke, izilonda, imihuzuko noma ukusikeka (lapho isikhumba sidabuke khona) emboziwezonke izikhathi. 1. Ukumelana nokuthinteka kwegazi lomunye ngephutha, noma ukulithinta ngesikhathi elimala * Isikhumba esichaphazeleka ngegazi kumele sigezwe ngokushesha. * Kumele sigezwe ngamanzi ogelezayo. Uma engekho amanzi asesitsheni angathelwa endaweni egezwayo. * Uma izibulala-magciwane zinokutholakala, indawo ifuneka igezwe ngezibulala-magciwane. Uma ingekho, sebenzisa I-bleach yasekhaya uyixube namanzi (ingxenye eyodwa ye-bleach ezingxenyeni eziyi-9 zamanzi) * Uma igazi lichaphakele ebusweni, ikakhulukazi emehlweni noma othwethwesini lwezimbobo zekhala noma emlonyeni, kufuneka zifafazwe ngamanzi imizuzu emithathu. 1. Ukuhlanza izindawo nempahla engcolisekile * Izindawo ezingcolisekile kufuneka zihlanzwe nge-bleach kanye namanzi (ingxenye eyodwa ye-bleach, kanye nezingxenye eziyisishiyagalolunye zamanzi). * Amabhandishi kanye nezindwangu ezithelwa yigazi kufuneka zivalelwe esikhwameni sika-plastic bese siyashiswa (zibe ngumlotha) noma sithunyelwe kwifemu efanele elasha udoti. * Noma yiziphi izinto zokusebenza ezingcolisekile kufuneka zigezwe, zicwiliswe kwi-bleach isikhathi esiyihora bese ziyomiswa. * Qiniseka ukuthi indawo yokugeza kanye nethoyilethe kuhlanzekile, azinamagciwane futhi azinawo amaconsi egazi. 1. Ukulahlwa kwamathawula awesikhathi kanye namathemponi * Sonke isikole kufuneka siqiniseke ukuthi kunohlelo lokulahlwa kwamathawula asesikhathini kanye namathemponi. Bonke othisha nabafundi besifazane kufuneka bazi ngalezi zinhlelo ukuze omunye umuntu angathintani nalezi zinto. Kuthiwani ngezigamako ezibucayi kabi, ezifana nokudlwengula noma ukugwaza lapho kunengozi eyaziwayo yokubakhona kwesandulela-ngculazi? * Ingozi yokudluliselana ngegciwane lesandulela-ngculaziinkulu kakhulu lapho kukhona ukudlwengula, noma ukugwazeka ngenalithi noma insingo, ikakhulukazi uma abantu abangaphezu koyedwa bethinteka. * Umuntu wesifazane odlwenguliwe kufuneka anikwe ngokushesha ukuxhaswa kanye nekududuzwa ekudabukeni kwakhe. Kufuneka anxuswe ukuba angagezi noma ashintshe izingubo zakhe (ngoba ubufakazi bokudlwengulwa kufuneka kugcinelwe ukuhlolwa odokotela kanye namaphoyisa). Kufuneka athathwe ayiswe kudokotela wesifunda masishane noma kwisikhungo sezempilo ukuze atholwe ukuxilongwa kanye nokuvimbela ukuzala okuphuthumayo, kanye nasemaphoyiseni ukuze abhale isitatimende bese evula necala. Amalungiselelo kumele enziwe wokuthi lona wesifazane athole ukududuzwa nokuyalwa ngabangochwepheshe * Uma kunokugwazeka noma ukuchaphazeleka kwegazi eselingenwe yigciwane lesandulela-ngculazi esisikhumbeni esidabukile, kudingeka kunzekwe okosizo lokuqala ngokushesha. Ukugwazeka kumele kubikwe emaphoyiseni. * Kuzo zonke lezizimo abantu kufuneka bathathwe bayiswe ezikhungweni ezifanelekile zezempilo ukuze bathole ukuyalwa mayelana nengozi yokuthi bangase bangenwe yigciwane lesandulela-ngculazi, abazali nabaphathi babo kumele baziswe masishane. * Imithi yokwelapha ikhona ezikhungweni ezizimele ezingehlisa ingozi yokuthi umuntu ongenalo igciwane lesandulela-ngculazi limngene uma edlwenguliwe noma egwaziwe. Ukusebenza kwalemithi kulezizimo akukabi nobufakazi. Ayikatholakali ezibhedlela zikahulumeni. Loyo osengozini enkulu yokungenwa yigciwane lesandulela-ngculazi ebe futhi enemali yokuthenga lemithi angazikhethela ukuyisebenzisa. Izinqumo zokusebenzisa lamakhambi kumele zithathwe ngokushesha njengoba kucatshangwa ukuthi asebenza kakhulu uma esheshe asetshenziswa emva kwesigigaba. Singakuvikela kanjani ukudluliselana ngegciwane lesandulela-ngculazi ngesikhathi sezemidlalo? * Isikhathi esinokwenzeka igciwane lesandulela-ngculazi lidluliseleke kwabanye yingenkathi kuthintwana kweminye imidlalo lapho kungenzeka kubekhona ukulimala. Ngisho nalapha ingozi incane kabi uma imithetho elandelayo ingagcinwa. * Amabhokisi osizo lokuqala elinama-gloves erabha kufuneka libekhona ngesikhathi kudlalwa noma kunomqhudelwano. * Akekho ovunyelwe ukudlala nabanye ebe enamanxeba angamboziwe noma isikhumba silimele. * Uma kuhuzuka noma kulimala umdlali ngenkathi kusadlalwa, umdlali olimele kumele akhishelwe ngaphandle kwenkundla, anikwe usizo lokuqala bese evunyelwa ukubuyela phakathi uma amanxeba akhe esehlanzekile futhi ambozwa. * Izembatho ezinamachaphazelo egazi kumelwe zishintshwe. * Othisha nabafundi abanegciwane lesandulela-ngculazi bayelulekwa ukuba baqale baxoxisane nodokotela izingozi ezinokwenzeka ezimpilweni zabo kanye nezokusidlulisela kwabanye ngesikhathi sezemidlalo. Ukuzwana ngokocansi ezikoleni * Ezikolweni ezinamahositela kunokwenzeka ukuthi abanye babafundi banokuzwana kokulalana phakathi kwamagceke esikole, noma ngabe akuvunyiwe ngokwemithetho yesikole noma kuvunyiwe. * Ukuyalwa kanye nezeluleko, kumbandakanya nokuthi baxoxe bodwa njengontanga, kusemqoka kulezizimo ezinje. * Amakhondomu kufuneka atholakale ngaphandle kobunzima kubafundi abathe shi endabeni yokuya ocansini. Abafundi kumele belulekwe ngokuthi yini esetshenziswa kanye nokuthi asetshenziswa kanjani kanye nokuthi nxa eselahlwa alahlwa kanjani. Ukuzwana ngokocansi phakathi kothisha nabafundi kuyicala * Othisha akufuneki bazwane ngokocansi kanye nabafundi. Lokhu kuphambene nomthetho, ngisho noma ngabe umfundi uyavuma. Isenzo saloluhlobo siphikisana nemithetho yokuziphatha kothisha, okungabantu abasesikhundleni sokwethenjwa. * Izinyathelo ezinqala zokuqondisa ziyothathelwa uthisha oyolala nomfundi. * Ukuya ocansini okufunwa ngenkani ngaphandle kwemvume uthisha kumfundi kuwukudlwengula, okuyicala elibomvu, kanti futhi uthisha uyobekwa icala. Uma uthisha elala nentombazane noma nomfana oneminyaka engaphansi kweyi-16, uyobekwa icala lokudlwengula ingane engakakwazi ukuzithathela izinqumo kanti angase abhekane nesgwebo sokudilikelwa yijele. * Uma unolwazi ngozakwenu onobudlelwano becansi nomfundi kumele wazise uthishomkhulu noma izikhulu zezemfundo, uma umfana noma intombazane ingaphansi kwa-16, shona emaphoyiseni. Uma ungakwenzi lokhu ungabekwa icala lokuthi ubungumsizi nomlekeleli ecaleni lokudlwengula. Kuthiwani ngezinye izifo? Ngeke sazithatha kubantu abanegciwane lesandulela-ngculazi? * Ngoba uhlaka olubavikela ezifweni selulimele, iningi labantu abanegciwane lesandulela-ngculazi yibona abasengozini enkulu yokuthatha isifo sakho kunokuba kube nguwe othatha esabo. * Yi-TB kuphela ephuma eceleni. Noma ngubani ongaba ne-TB kufuneka elulekwe ukuba athole ukwelashwa masinyane bese ebuyela esikoleni noma esikhungweni uma nje esethole ukwelulekwa ngudokotela. Zikhona yini ezinye izimo lapho abantu abanesandulela-ngculazi bengaxoshwa khona esikoleni? * Uma umuntu onegciwane lesandulela-ngculazi eqala ukuba nokopha okungasalawuleki noma enezilonda ezingasasizakali kungadingeka ukuba amiswe esikoleni kuze kube izinkinga zakhe ziyasombululeka. * Uma umuntu ekhombisa ukuziphatha kabi efuna ukulwa kanye nokya ocansini ngenkani, kungadingeka ukuba kuthathwe izinyathelo ezifanele ezigunyazwa nayizeluleko zomthetho, nemithetho elawula abafundi, amalungelo abo bonke abathintekayo, kanye nomthetho. 5. UKWAKHA ISIMO ESILETHA AMANDLA NOMOYA WOKUNGACWASANI Isandulela-ngculazi/ingculazi izosithinta thina sonke * Ngisho noma ngabe siyasigwema isandulela-ngculazi, bancane kabi kithina engeke ize ibathinte. * Iningi lethu lizolahlekelwa amalunga omndeni kanye nabangani ngenxa yesandulela-ngculazi. * Kuzofuneka siye emingcwabeni eminingi bese sidinga ukuba ozakwethu baqonde uma kukuthi sibekeke endaweni enzima noma sithathe ikhefu sisafelwe. * Labo bethu abazongenwa yigciwane lesandulela-ngculazi bayothola ukuthi ekugcineni bayagula bese bedinga izikhathi ezinde ze-sick leave. Ozakwethu abaphilile kuyomele baqonde lesisimo bese bethatha umsebenzi wethu wokufundisa basenzele. * Kuzohamba kwande inani labafundi abanesandulela-ngculazi emakilasini ethukanti bazodinga usizo oluhlukile nxa sebegula. Ukuza kwabo esikoleni kuyophazamiseka, bese futhi bangakwazi ukulalelisisa bese besalela emuva ngomsebenzi wabo. Kufuneka kubekhona ukuthi bacatshangelwe kanngcono, okumbandakanya ngisho ukuthi benze umsebenzi wesikole ekhaya. Lapho kunokwenzeka khona, ukuvakashela amakhaya kufuneka kuhlelwe yisikole. Ukuphila negciwane lesandulela-ngculazi/nengculazi * Othisha nabafundi abanegciwane lesandulela-ngculazi kufuneka baziphilile impilo yabo eyejwayelekile njengoba kunokwenzeka. * Akufuneki bancishwe ithuba lokuthola imfundo noma elokusebenza njengothisha inqobo nje uma besenokwazi ukukwenza lokho. * Ngoba igciwane lesandulela-ngculazi eselibangenile aliyona ingozi kwabanye ezikoleni noma ezikhungweni inqobo nje uma izinyathelo zokuzivikela zilandelwa kahle, asikho isizathu esingenza ukuthi othisha nabafundi asebengenwe yigciwane bancishwe amalungelo afana nawabanye. Ukubhekana nemibono edala ukucwasana * Yonke imibandela eyahlukile ethathwa mayelana nomfundi noma nothisha onegciwane lesandulela-ngculazi kumele ibeneqiniso futhi ikwazi ukumelwa ngokwamaqiniso odokotela, izimo zesikole nezesikhungo, futhi nangokubhekele isimo somuntu ophethwe yisandulela-ngculazi kanye nezabanye. * Othisha kufuneka babhekisise ukuthi akukho ukukhishwa inyumbazane ezikoleni, bathathe izinyathelo ezisheshayo zokulungisa isimo esiqhubekayo, bese bebhekana ngqo nabantu abathintekayo kuleyonto. * Ukucwasana kuvunywa ukwesaba kanye nokungazi. Indlela engcono kakhulu esebenzayo yokwehlisa izingozi ezinje ukuthi wabelane ngolwazi oluqukethwe kulencwadi kanye nabafundi ukuze baqonde wonke amaqiniso avela kodokotela mayelana negciwane lesandulela-ngculazi kanye nokuthi sidluliselwa kanjani kwabanye bese bazi ukuthi bona bangazivikela kanjani kuso. Ukwala ukufunda nomuntu onesandulela-ngculazi/nonengculazi, noma ukwala ukufundisa noma ukufundiswa ngumuntu onalo * Abafundi noma othisha abala ukufunda, ukufundisa noma ukufundiswa ngumuntu onesandulela-ngculazi/ nengculazi kumele banikwe ukwelulekwa. * Isimo kumele silungiswe uthishomkhulu, othisha, kanti uma kunesidingo, nomkhandlu ohethe isikole noma umgwamanda wesikhungo njengokulandisa kweMgomo kazwelonke omayelana nesandulela-ngculazi/nengculazi yoMnyango weZemfundo. Izintandane * Abafundi abaningi bazoba zintandane noma bafelwe amalunga emindeni yabo abaxhumene kakhulu nawo bese bedinga usizo lokubaduduza nokwelulekwa kothisha babo. * Abafundi abayizintandane bangase babe nezinkinga zezimali futhi babenezinkinga ekukhokheni izimali zesikole, iyunifomu kanye nezincwadi. * Ezinye izintandane zingase kube yizo ezikhulisa izingane zakwabo ezincane. Zingase kube yizo eziphethe imizi yasemakubo, yize ziyobe zincane nazo futhi kwazona zidinga usizo. * Nazo kungenzeka ukuthi sezangenwa yigciwane, noma kube ukuthi zinakekela abanegciwane futhi asebegula. * Othisha kufuneka baqaphele ukuthi izingane eziyizintandane ngenxa yengculazi zingase zibhekane nokucwaseka ziphinde zinganakwa yilabobantu okufuneka bazinakekele. * Izikole kumele zimise imigomo ezolawula izinyathelo zothisha uma besola ukulahlwa kwezingane, njengoba benza uma kusolakala ezinye izinhlobo zokuhlukunyezwa kwabantwana. Ukuhlolelwa isandulela-ngculazi ezikoleni nokuvezwa kwemiphumela * Umthetho awuvumeli abafundi nothisha (noma yimuphi umsebenzi) ukuba aphoqelelwe ukuhlolelwa isandulela-ngculazi. * Ukudalula ukuthi unalo noma awunalo igciwane lesandulela-ngculazi kungenziwa ngokuzikhethela komfundi noma kwathisha kanti futhi kuyemukelwa. * Othisha abanikwa ulwazi olunje kufuneka bazimisele ukuligcina luyimfihlo futhi babenesiqiniseko sokuthi akukho ukucwaseka okulandelayo emva kwalokho. * Ulwazi olmayelana nokuthi umfundi unalo yini igciwane lesandulela-ngculazi lunganikwa omunye umuntu nguthisha ngemvume ebhaliwe phansi evela kumfundi (uma eneminyaka engaphezu kwa-14) noma yabazali bakhe. Umgomo wesikole omayelana nesandulela-ngculazi/nengculazi * Izikole kanye nezikhungo kumele zizakhele imigomo yazo emayelana nesandulela-ngculazi/ nengculazi, ukuze zikwazi ukunika uhlaka lokusebenzela olukazwelonke. Lowo mgomo kufuneka uhambisane noMthethosisekelo kanye nomthetho. Umgomo wesikole akufanele ushayisane nokazwelonke, noma nemigomo yokuhola ekuleli bhukwana. * Isikole sinomthwalo wokuba isikhungo solwazi nokuxhaseka mayelana nesandulela- ngculazi/ nengculazi emphakathini esiwusebenzelayo. Izikhulu zendawo eziqavile ezivela emphakathini wonke, isibonelo abaholi bamabandla nabemvelo, izisebenzi zendawo zezempilo nabalaphi besintu, kufuneka bamenywe bazohlanganyela ekwakhiweni komgomo wesikole. * Uma izinto zikhona futhi zivuma, isikole singathanda ukusungula i-Health Advisory Committee. Lena kuyoba yikomidi yomkhandlu olawula isikole. Amalunga alo kumele kubengothisha, abazali, abafundi kanye nabasebenzi bezempilo. Umuntu onolwazi mayelana nezempilo kumele abe ngusihlalo walelikomidi. Ikomidi kumele leluleke umkhandlu olawula isikole ekusebenziseni limigomo. Izosiza ukwakha umgomo wesandulela-ngculazi esikoleni bese ibheka ukuthi usetshenziswa kanjani, ikakhulukazi ukuvinjwa kwesandulela-ngculazi. * Umgomo wesikole kufuneka uhlale ubuyekezwa njalo nje uma ulwazi olusha lutholakala ngocwaningo lwesayensi, kumbandakanya nezeluleko ezivela eminyangweni kazwelonke nowesifundazwe wezempilo nowezemfundo. Ukwehlisa ingozi yokudlulisela izifo kubantu abanesandulela-ngculazi/nengculazi * Ukugula okungabalulekile neze kumuntu oziphilele saka kungaba yingozi embi kabi kwabanye abantu kanti angafa nokufa uma kuwumuntu onengculazi. * Abafundi nothisha abanezifo ezithathelwanayo kubalwa utwayi, uzagiga, i-German measles, chicken pox nokukhwehlela okomile kufuneka babonane nodokotela bese bengezi esikoleni kuze kube babangcono. * Izikole kumele zazise abazali ngalomgomo kanti futhi bagqugquzele ukuthi zonke izingane zigonywe ngokuphelele. Ukuxhasa abafundi abagulayo * Abafundi kanye nezitshudeni babhekeke ukuthi baye emakilasini njengokulandisa komthetho inkani nje uma besakwazi ukukwenza lokho kahle futhi bengeke bafake ozakwabo engozini yokugula lapho esikoleni nasesikhungweni. * Zonke izikole ezinezindawo ezanele kufuneka zibe nedawo lapho abafundi kanye nothisha abangaphilile kahle bengake bathi ukulala ngesikhathi sesikole izikhawu ezimfushane. Lokhu kungenza ukuthi abafundi abagulayo bahlale isithutshana eside esikoleni. * Uma nalapho begula kabana noma sebengafaka abanye engozini embi kufuneka bavunyelwe ukuba batadishele emakhaya bese nomsebenzi wesikole bakwazi ukuwuthola khona lapho. Lapho kungenzeka khona, abazalikumele bavunyelwe ukuba babafundise khona lapho ekhaya. * Abanye abafundi abanegciwane lesandulele-ngculazi/lengculazi bangaqala ukuba nezinkinga zokuziphatha noma abanye bagule balimalelwe imizwa. Abafundi abanjena kumele bahlolwe bese, lapho kunokwenzeka khona futhi kufanele, babekwe ezikhungweni okuhlalwa kuzo zabafundi abanezidingo zemfundo ezahlukile. * Eminye yemidlalo ingabaphula imimoya abafunddi abanesandulela-ngculazi. Othisha kumele babenozwelo kulokhu bese bebayekisa labo bafundi ukuthi bangenele lokho okwenziwayo uma kudingeka. * Imithi idinga ukuphuzwa izikhathi eziningi ngezikhathi ezinqunyiwe ukuze isebenze kahle. Othisha kumele bakwazi lokhu bese bevumela abafundi abanesandulela-ngculazi ukuthi bahlale bethi qu ngaphandle ukuyophuza imithi lapho kudingeka. * Izikole kumele zisize abafundi abanegciwane lesandulela-ngculazi ukuba bakhe i-support group noma babaxhumanise nenye esemphakathini. Ukuxhasa ozakwethu abagulayo * Othisha namanye amalunga e-staff aguliswa izifo ezimayelana nengculazi badinga uzwelo kozakwabo. * Njalo kuya kukhula ukuthi badinge ukuphula emsebenzini noma baye ngokuya bebekhathala ngokuhamba kosuku bese bedinga ukucambalala isikhashana. * Ngalesikhathi kufuneka amanye amalunga e-staff kuyodingeka abafundisele, kanti lokhu kuyogcina kunomthelela emsebenzini wabo nasezimpilweni zabo. * Izinga legciwane lesandulela-ngculazi likhulu ezweni ndgendlela yokuthi, ngaphambi kokuba siye ocansini ngendlela ephephile, lezizinto zizoba yingxenye entsha yezimpilo zethu okomele siphile nayo. * Othisha izikhathi eziningi sebevele bezwa sengathi badonsa kanzima futhi bakuthola kulukhuni ukuthi bazibone benza omunye umsebenzi phezu kowabo. Leyomibono iyazeka ukuthi ivelaphi. Lesidumo senza kubenezinto okufanele sinzenze ezingajwayelekile. Mhlawumbe kufuneka sikhumbule ukuthi ngelinye ilanga ozakwethu abaphilile kungadingeka basibambele emsebenzini, uma singazivikeli ekungenweni yigciwane. "Into ebalulekile kakhulu eyingxenye yomsebenzi wethu ukuthi sifundise abantu ukwemukela, ukuthanda nokuxhasa labo abanegciwane lesandulela-ngculazi, ukuze singacashi noma sithule nje. Ngenkathi sizama ukucasha, yilapho sizwela kakhulu, yilapho sigula kakhulu bese sifa masishane." Valencia Mofokeng, umfelokazi onesandulela-ngculazi futhi ebengumama nomholi we-Orange Farm Anti-AIDS Club's support group for people living with HIV/AIDS, kwi-Reconstruct, 7 Novemba 1999 6. UKUMEMEZELA UKUBAMBISANA EKULWENI NENGCULAZI ngu President Thabo Mbeki ISIMEMEZELO "Isandulela-ngculazi/ingculazi iphakathi kwethu. Iyiqiniso. Iyanda. Singayinqoba kuphela uma siyihlanganyela ukuze sisindise isizwe sethu. "Isikhathi eside kakhulu sivale amehlo ethu njengesizwe. Iminyaka eminingi, sivumele igciwane lazandela, kanti lapha ezweni lakithi yilapho linyuka ngezinga eliphakeme kakhulu emhlabeni jikelele Njalo nje ngosuku olulodwa abanye futhi abantu abangu-1500 eNingizimu Afrika bangenwa yileligciwane. Ingozi ikhona ngempela "Abanye abaningi babhekene nengozi yokungenwa yigciwane lesandulela-ngculazi/lengculazi. Ngoba lithwala futhi lidluliselwe kwabanye ngabanye abantu, linathi lapho sisebenza khona, emakilasini ethu nakuma-lecture halls. Ikhona emihlanganweni yamasonto nakweminye imicimbi yezenkolo. Isandulela-ngculazi/ingculazi ihamba kanye nathi. Ihamba nathi noma kuphi lapho siya khona. Ikhona nalapho sidlala khona. Ikhna nalapho sicula khona nalapho sidansa khona. " Iningi lethu selike lalilela izintandane ezisele zingenabani wokuzondla. Siyibonile ingculazi ekugqiheni nasekububuleni kwempilo eshabalalayo. Siyithwalile ngamabhokisi amancane namakhulu siyisa emathuneni amaningi. Kwezinye izikhathi, sasingazi ukuthi singcwaba abantu ababulewe yingculazi. Kwezinye izikhathisasazi, kodwa sakhetha ukuthula "Uma isikhathi sifika kumunye nomunye kithi sokuthi athathe isinqumo sokuthi sizivikele , sihlulwa uvalo nesibindi esingekho. Sithemba sikholwe ukuthi isandulela-ngculazi/ingculazi inkinga yomunye umuntu. Ukushintsha indlela esiphila ngayo "Isandulela-ngculazi/ingculazi akuyona inkinga yomunye umuntu. Iyinkinga yami . Iyinkinga yakho. Ngokuyivumela isabalale, sibhekene nengozi yokuthi ingxenye yentsha yethu ngeke ifinyelele ekubeni ibe ngabantu abadala. Imfundo yabo iyamoseka. Umnotho uzoncipha. Kuzoba nenani elikhulu labantu abagulayongendlela yokuthi labo abaphilile ngeke bakwazi ukubanakekela. Amaphupho ethu njengabantu azophihlizeka. "Isandulela-ngculazi sanda kakhulu ngokuya ocansini. Unelungelo lokuphila impilo yakho ngendlela oyithandayo. Kodwa ngiyabancenga abantu abasha, okuyibo bemele ikusasa lezwe lakithi, ukuthi bazithibe ukuya ocansini isikhathi eside ngokusemandleni abo. Uma unquma ukuya ocansini, sebenzisa ikhondomu. Ngendlela efanayo, ngiyawancenga amadoda nabafazi ukuthi bathembeke komunye nomunye, kodwa okungenani basebenzise ikhondomu. Ukubambisana "Amandla okunqoba ukwanda kwesandulela-ngculazi kanye ngculazi alele ekubambisaneni kwethu: njengentsha, njengabafazi namadoda, njengosomabhizinisi, njengabasebenzi, njengabantu abakholwayo, njengabazali kanye nothisha, njengabalimi kanye nabasebenzi basemapulazini, njengabangasebenzi kanye nabasebenzi abafundile, njengababami kahle kanye nabampofu- eqinisweni, thina sonke. "Namuhla, sihlanganisa izandla eKubambisaneni Ekulweni Nesandulela-ngculazi/Nengculazi, sindawonye siyazibophezela ukuthi sizowusabalalisa umyalezo! "Zonke izinsuku, bonke ubusuku - noma ikuphi lapho sikhona - sizotshela imindeni yethu, nabangani nontanga ukuthi bazi ukuthi bangazisindisa bona uqobo bese besindisa nesizwe, ngokushintsha indlela esiphila ngayo - kanye nendlela esithandana ngayo. Sizosebenzisa lonke ithuba ukudingida obala udaba lwesandulela-ngculazi/nengculazi. NjengabaBambisene Ekulweni Nengculazi, sindawonye siyazibophezela ukuthi sizonakekela! "Sizosebenza ndawonye ukunakekela labo abaphila nesandulela-ngculazi/nengculazi kanye nezingane esiyizintandane ngenxa yengculazi. Akufuneki zicwaswe noma ingaluphi uhlobo. Banokuphila izimpilo ezikhiqizayo isikhathi eside. Bangabantu nje nabo abafana nawe nami. "Uma siziza, sakha ubuntu bethu, kanti uma sizikhumbuza thina ukuthi, njengabo, noma ubani kithina angangenwa yileligciwane. "NjengaBambisene Ekulweni Nengculazi, siyazibophezela sindawonye ukuthi silethe konke esinakho bese sinikela nangemizingqondo zethu! "Akukabi nekhambi elelapha isandulela-ngculazi kanye nengculazi. Ayikho into engasivikela ngaphandle kwendlela esiziphatha ngayo.Sizosebenza ndawonye ukuxhasa izikhungo zezempilo ekufuneni ikhambi. Sizisebenzisa konke esinakhoukusabalalisa umyalezo wokuzivikela, nokunika ukuxhaseka kulabo asebenalo nabasebethintekile, nokuqeda ukucwaswa kwesandulela-ngculazi/nengculazi bese siqhubeka umuthi oyisisombululo. "Ngakho-ke namuhla sihlanganisa izandla eKubambisaneni, ngiqonda kahle ukuthi ubunye bethu yiwona amandla ethu. Isinyathelo esilula nesinokwenzeka esisithathayo namuhla siyisiqiniseko sokusinda kwesizwe sethu. "Ngokunjalo, siyazibophezela ukuthi noma kuphi lapho sihlangana khona bese siyatadisha, sisebenze futhi sicule, sidlale bese sijabulela ukuba nabanye, siyozivikela thina uqobo kanye nphathini bethukwisandulela-ngculazi kanye nengculazi. Sindawonye, njengaBabambisene Ekulweni Nesandulela-ngculazi/nengculazi, singawina futhi siziwina. "...Asikho esinye isikhathi ngaphandle kwalesi samanje, sokuthi kubekhona esikwenzayo. Ngiyanibonga ngokungilalela kwenu bese nginincenge ukuthi NENZE OKUTHIZE MANJE!" Inkulumo ebhekiswe esizweni yalowo owayeyiPhini likaMongameli uThabo Mbeki, 9 Okhthoba 1998, egameni lowayenguMongameli uNelson Mandela O R A H E A L T H Y N A T I O N February 2002 Umgomo ngokuhlanzeka kwasemakhaya osekwenziwe lula Umgomo ngokuhlanzeka kwasemakhaya osekwenziwe lula Kuyini ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola futhi kungani kubalulekile? Kunabantu baseNingizimu Afrika abayizigidi ezingu-15 (emizini eyizigidi ezintathu) abangenazo izindawo zokuzikhulula njengamanje. Ilinganiselwa kumaphesenti angu-12 imitholampilo nezikole ezingamaphesenti angu 11,7 ezingenazo izindawo zokuzikhulula. Ezinye izikole zisebenzisa izindlu ezincane zomgodi ezingenele, ezingcolile futhi ezingaphephile. Konke lokhu kuyingozi kwezempilo engaqhuma noma nini. Ngakho-ke, kuyothi kushaya unyaka ka-2010 uhulumeni abe eseyisizile imiphakathi ekuqedeni ukusalela emuva kwizidingo zokuqoqwa nokuchithwa kokungcola. Kuchaza ukuthini 'ukuqoqa nokuchitha ukungcola'? Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kusho ukubutha nokulahla - ngendlela enempilo - udoti, kuxuba nendle yabantu, amanzi angcolile avela ezindlini kanye nezibi. Uma lokhu kungenziwa, izindawo zokuhlala ziyangcola abantu bese begula. ENingizimu Afrika kuba neziga eziyisigidi nohhafu zesifo sohudo (ukuhanjiswa izisu) ngonyaka ezinganeni ezineminyaka angaphansi kwemihlanu, kanye nokuvumbuka kwekholera. Lokhu kumele kuhambisane nemikhuba emihle yokuhlanzeka. Kungani sinenkinga? Inkinga yokungabi khona kokuqoqwa nokuchithwa kokungcola eNingizimu Afrika ibangwa yizinto ezimbili: • Ukungahlanzeki (abantu abaningi abasiboni isidingo sokugeza izandla emva kokuzikhulula noma ukushintsha amanabukeni, kanti abaningi bakubona kukuhle nje ukuzikhulula eqeleni), • Ukungabi khona kwezingqalasizinda (ukungabi khona kwezindlu ezincane nokungabi khona kwamanzi okugeza izandla) Yini isixazululo? Ukunikeza abantu izindlu ezincane ezenziwe ngcono kuyingxenye yempendulo. Kodwa futhi kufanele ulwazi ngezempilo luthi xaxa emiphakathini, ukuhlanzeka kube ngcono kube nokuzimbandakanya kwemiphakathi kwizinhlelo zokuqoqwa nokuchithwa kokungcola. Yiliphi izinga eliphansi elamukelekile ekuqoqweni nasekuchithweni kokungcola? • Ukuhlanzeka okufanele njengokugcina izindlu ezincane zihlanzekile nokugeza izandla emva kokuthinta udoti noma ukuvakashela endlini encane. • Uhlelo lokuqoqa nokuchitha indle yabantu, amanzi angcolile kanye nezibi olungabizi, okulula ukulugcina lusebenza, oluphephile futhi olwamukelekile kwezemvelo. • Indlu encane ephelele emzini ngamunye. Umgomo wokuqoqa nokuchitha ukungcola okuyisisekelo emakhaya uzofezani? Uhulumeni unomthwalo awethweswe nguMthethosisekelo wokuqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bathola ukuqoqelwa nokuchithelwa ukungcola ngokwanele. Umgomo uzobhekana ngqo nokunikezela ngensiza yokuqoqwa nokuchithwa kokungcola okwanele emizini, ezikoleni nasemitholampilo, ukwenza ngcono ukuthuthwa nokulahlwa kwezibi emizini, kanye nokufundisa umphakathi ngokuhlanzeka. Uhulumeni uhlela ukusiza ekuletheni izinsiza ezingcono ngokusebenzisana nemiphakathi ekuletheni nasekusebenziseni izinsiza zokuqoqa nokuchitha ukungcola ezisimeme (ezingabizi, eziphethwe yimiphakathi). Izindawo ezisemqoka zizoxuba emaphandleni, izindawo eziqaqele amadolobha kanye nezindawo ezingahleliwe ngokomthetho lapho isidingo sisikhulu kakhulu. Ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola kusemqoka kwimpilo yesizwe. Ukuze kube nokuqoqwa nokuchithwa kokungcola okuhle, lolu daba kumele lube yingxenye yomkhankaso wokuthuthukisa. Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kuyigalelo elilodwa kwizinhlelo zentuthuko eziningi ezigqugquzelwa nguhulumeni. Impumelelo ibuye incike ekubambisaneni nomphakathi. Kumele kwakhiwe amakhono kwezokuqoqa nokuchitha ukungcola ngokushesha emiphakathini ukuze izakhamizi zibe namandla okufaka isandla kuhlelo lokuqoqa nokuchitha ukungcola lukazwelonke. Izinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola ziyoxazulula izinkinga zenhlalo nezengqondo ezihambisana nokuhlanzeka okungekuhle. Ukungabi khona kwezindlu ezincane, izindlu ezincane ezikude nekhaya, izindawo zokuhlanganyela ezinganele, ukulahlwa kwezibi okunganele neminye imikhuba emibi ngokuhlanzeka eholela ekulahlekelweni wukuvikeleka nesithunzi, ukuvela obala kanye nokwanda kwezingozi ezingehlela umuntu. Kungani kubalulekile ukuqoqa nokuchitha ukungcola? Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kusemqoka ukuze kube nempilo enhle. Izinkinga zezempilo ezihambisana nokungahlanzeki zixuba isifo sohudo, idysentery, ithayifodi, ikholera, umalaleveva, isichenene, ukuhlaselwa yizikelemu, ukufa kwamehlo, izifo zesikhumba kanye nokwanda kwezifo kubantu abanegciwane leSandulela-Ngculazi, i-HIV. Ukuqoqwa nokuthuthwa kokungcola okuhle kwandisa isikhathi sokuphila kumuntu. Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kubalulekile futhi ekwakheni umcebo. Izinzuzo zomnotho ezihambisana nokuqoqa nokuchitha ukungcola zixuba ukonga kwizindleko zokwelapha, ukwanda komkhiqizo wabasebenzi, ukuya esikoleni okungcono, ukuba ngcono kwezokuvakasha nokwehla kwezindleko zokuhlanza amanzi. (Kucashuniwe: Kumbhalo wokuxoxisana ngokuQoqa nokuChitha ukuNgcola okuyisiSekelo emaKhaya) Umthwalo kabani ukuthi ukuhlanzeka kube ngcono? Ukuba ngcono kokuqoqwa nokuchithwa kokungcola kuwumthwalo wawo wonke umuntu. Ababambe iqhaza baxuba imiphakathi nemizi (abokuqala futhi abasemqoka); abezinkontileka ezizinze emiphakathini; uhulumeni wendawo, wesifundawe nokazwelonke; abamabhizinisi azimele kanye nama-NGOs (izinhlangano ezingekho phansi kukahulumeni). Imithwalo ngokomthethosisekelo: • Omasipala kumele banikezele ngazo zonke izidingongqangi, kuxuba nokuqoqa nokuchitha ukungcola • Uhulumeni kazwelonke nowezifunda kumele basekele omasipala ngemithetho nezinye izindlela Amaqhaza nemithwalo Imizi nemiphakathi Ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola okuhle kuqala ekhaya. Imizi kanye nemiphakathi banomthwalongqangi wokubhekela impilo yabo, imvelo ehlanzekile kanye nokuba ngcono kokuqoqwa nokuchithwa kokungcola. Imikhuba emibi engenakuhlanzeka ingabeka impilo yabo, impilo yomphakathi kanye nesizwe imbala engozini. Kungalandelwa izinyathelo ezilandelayo ukuze kwenziwe ngcono imikhuba yokuhlanzeka: • Ukugeza izandla emva kokuya endlini encane, ngaphambi kokuthinta ukudla nasemva kokushintsha amanabukeni abantwana. • Ukusabalalisa umyalezo wokuhlanzeka nokubaluleka kokuqoqwa nokuchithwa kokungcola. • Ukubika izinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola ezingasebenzi kahle kanye nezingozi ezenziwa ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola kuhulumeni wasekhaya. • Ukuqinisekisa ukuthi izimpahla zasendlini encane zihlale zihlanzekile futhi zisebenza kahle. Imiphakathi kanye nezinhlangano ezizinze emiphakathini kumele ziqwashise uhulumeni wasekhaya ngezidingo ezihambisana nokuqoqwa nokuchithwa kokungcola. Kumele futhi basize uhulumeni wasekhaya ekuhleleni, ekwenzeni nasekuvivinyeni amaphulojeki okuqoqa nokuchitha ukungcola. Izindlu ezincane zasemakhaya ziwumthwalo womuzi ngamunye. Uhulumeni wasekhaya kumele asekele amalungu omphakathi ekutheni abe nendawo yokuhlala ehlanzekile nenempilo ngalokhu: • Amaphulojeki agxile emphakathini lapho abakhi bendawo beqeqeshwa ekutheni bakwazi ukwakha izindlu ezincane eziphephile nezihlanzekile. Laba bakhi bendawo bayosiza imizi ekwakheni izindlu ezincane zayo. Lokhu kwakha imisebenzi. • Ukunikezela ngolwazi ukuze kusizwe imizi nabakhi ekutheni bakhe izindlu ezincane eziphephile, eziqinile nezibukekayo. • Ukuxhasa izinto zokwakha ezisemqoka ukuze kuqinisekiswe ukuthi indlu yangasese ihlanzekile, iphephile futhi kufinyeleleka kuyona kalula. Kumazinga ehlukene kahulumeni Ukuhlela kwahulumeni waseKhaya kwenzeka ngaphakathi kweziNhlelo zeNthuthuko eHlangene (IDPs)- iziNhlelo zokuThuthukisa iziNsiza zaManzi eziyingxenye yazo. Ukuze kungeniswe izinhlelo zokwenza ngcono ukuqoqwa nokulahlwa kokungcola, uhulumeni wasekhaya kumele abe imali athole nemithombo yemixhaso ukuze kwenziwe lokhu. Imixhaso ivela emithonjeni eyehlukene, kuxuba nokuqoqwa kwezimali zokuthela kanye nohulumeni wesifundazwe nohulumeni kazwelonke. Ekungenisweni kohlelo lokuqoqa nokuchitha ukungcola, uhulumeni wasekhaya kumele aqinisekise ukuthi imvelo ivikelekile. Uhulumeni wasekhaya kumele ahlelele futhi abe imali yokusetshenziswa nokugcinwa esimweni kwezinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola ezisebenzisa amanzi. Ubuye futhi abe nomthwalo wokusiza imizi ekutheni yenze ngcono ukuqoqa nokuchitha ukungcola kwayo. Imithwalo ebhekene nabo ngqo ixuba: • Ukuthola izidingo zempahla yezindlu ezincane, abeke phambili lezo zidingo ezisemqoka bese kuthi ngamaphulojeki athize asize imizi ekwenzeni ngcono izimpahla zayo zasezindlini ezincane. • Ukuqwashisa imiphakathi ngokubaluleka kokuqoqwa nokuchithwa kokungcola maqondana nempilo. • Ukungenisa, ngokusebenzisana nemiphakathi, izinhlelo ezizogqugquzela ezempilo nokuhlanzeka. • Ukuqapha impilo yemiphakathi. • Ukusiza imizi ukwenza ngcono, ukusebenzisa nokugcina esimweni esihle impahla yayo yokuqoqa nokuchitha ukungcola. Uhulumeni wesiFundazwe Uhulumeni wesifundazwe kumele ahlinzeke imali, abantu bokusebenza kanye nosizo lobuchwepheshe kuhulumeni wasekhaya. Kumele futhi aqinisekise ukuthi uyathotshelwa umgomo kazwelonke, akhe imithetho evumela isimo, ahlanganise ukuhlela kwezifunda aqaphe nenqubekelaphambili. Uhulumeni kaZwelonke Uhulumeni kazwelonke kumele asungule imithetho namazinga; ahole, ahlanganise futhi aqaphe izinhlelo zikazwelonke; asekele amanye amazinga kahulumeni; ahambise ngokomthetho ukunikeza kwezinsiza futhi afake isandla lapho kunokushoda kwamandla okwenza izinto. Iminyango ephambili kahulumeni UMnyango wezaManzi namaHlathi (i-DWAF) iwona ophethe amanzi esizwe futhi oholayo emkhakheni wezokuqoqa nokuchitha ukungcola. Ngokuhlanganyela nabanye ababambe iqhaza kuzwelonke, i-DWAF kumele isungule amazinga ezokuqoqa nokuchitha ukungcola, isekele izifundazwe nomasipala ekuqaleni izinsiza zokuqoqa nokuchitha ukungcola, iqaphe imiphumela, ithuthukise amakhono, ihlinzeke usizo lwezimali, yenze amaphulojeki okuhlola ngokuqoqwa nokuchithwa kokungcola okubiza kancane futhi iqinisekise ukuthi ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola kungeniswa ngendlela ehlelekile. UMnyango unikeza usizo kuhulumeni wasekhaya ekwenzeni izinhlelo zokuThuthukisa iziNsiza zaManzi, okuyingxenye yeziNhlelo zokuThuthukisa okuHlangene. Umnyango woHulumeni beziFundazwe nabaseKhaya uyoba nomthwalongqangi wokugqugquzela iziNhlelo zokuThuthukisa eziHlangene zomasipala, kuqinisekiswa ukuthi ohulumeni bezifunda nabasekhaya banamakhono anele, ukunikeza izabelo ezilinganayo (Equitable Share) namagranti ezingqalasizinda zomasipala, kanye nokuqapha. Umnyango wezeMpilo uyohlanganisa ulwazi ngezempilo yomphakathi, wakhe isidingo sokuqoqa nokuchitha ukungcola ngezinhlelo zokuqwashisa ngokuhlanzeka, ulungise amazinga okuqoqa nokuchitha ukungcola, usekele omasipala, unikezele izinto zokuqeqesha futhi ufundise imiphakathi ngokuqoqa nokuchitha ukungcola. Umgcinisikhwama kazwelonke uxhasa uhulumeni wasekhaya ekuhleleni nasekuphatheni imixhaso. Umnyango weziNdlu kuzwelonke usungula amazinga okwakhiwa kwezindlu (izinga eliphansi lokuhlanzeka wukuthi kunendlu encane eyenziwe ngcono engena umoya (i-VIP) emzini ngamunye ngaphandle uma isimo somhlabathi sidinga okunye). Ubuye uhlanganise imixhaso yezindlu ephethwe yiminyango yezindlu yezifunda. Umnyango wezeMfundo unomthwalo wokwakha uhlelo lwezifundo namazinga, ukuqinisekisa imixhaso, ukwazisa nokwakha amakhono. Iminyango yesifundazwe inomthwalo wokwenza ngcono izingqalasizinda zezikole kuxuba nezokuqoqa nokuchitha ukungcola kanye nokungenisa uHlelo lweziKole eziGqugquzela iMpilo ukuze kwakhiwe izikole eziphephile futhi ezinempilo. Umnyango weMisebenzi yoMphakathi usebenza njengophiko olwenza umsebenzi egameni likahulumeni kazwelonke nowesifunda lapho kwakhiwa izikole nemitholampilo. Lo mnyango unomthwalo wokuqinisekisa ukuthi kunezinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola ezanele lapho kwakhiwa amabhilidi kahulumeni nawomphakathi. Lo mnyango uphinde ubhekane nokungenisa izinhlelo zemisebenzi yomphakathi ezinzize emiphakathini qobo. Umnyango wezeMvelo nokuVakasha ubhekene nokuvikela imvelo futhi uyokwakha amazinga aqondene negalelo lezinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola kwimvelo, kanye nokuqapha amagalelo nokuthotshelwa kwezinqubo zokuphatha imvelo. Abanye ababambe iqhaza Abomkhakha ozimele Uhulumeni akanakubhekana nokusalela emuva kwezokuqoqwa nokuchitha kokungcola eyedwa. Umkhakha wabazimele, ikakhulukazi abamabhizinisi, bangakha bafake izinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola, bahlanganyele nomasipala ekunikezeni ngezinsiza nasekuhlinzekeni izimali. Izinhlangano ezingekho phansi kukahulumeni Lezi zinhlangano zingasiza ngezinhlelo zokuqwashisa ngokuhlanzeka, zandise ukuzimbandakanya kwemiphakathi, basungule amaqembu abakhi azinze emphakathini bese benza futhi baqaphe amaphulojeki. Kuzohlanganiswa kanjani konke lokhu? • Ezingeni lasekhaya uMasipala wesiFunda noma i-Metro noma uMasipala weNdawo uzoba nomthwalongqangi wokungenisa uhlelo ngokusebenzisa uHlelo lokuThuthukisa okuHlangene (i-IDP) oluyingxenye yoHlelo lokuThuthukisa iziNsiza zaManzi (i-WSDP). • Ezingeni lesifundazwe, ohulumeni bezifundazwe bazosiza ngokusebenzisa amaForamu eziFundazwe okuHlanganisa ezokuQoqa nokuChitha ukuNgcola. • Ezingeni likazwelonke ukuhlanganisa kwenziwa yiQembu likaZwelonke eliBhekele ukuQoqa nokuChitha ukuNgcola (i-NSTT) elizosungulwa kabusha njengekomitshana leQembu likaMasipala eliBhekene neziNgqalasizinda (i-MITT). I-DWAF isebenza njengomnyango oholayo. Lokhu kuzothatha isikhathi esingakanani? Umbhalo wokuxoxisana ngokuQoqwa nokuChithwa kokuNgcola emaKhaya (i-White Paper on Basic Household Sanitation) wavunywa yikhabhinethi ngoSepthemba ka 2001. Ngasikhathi sinye Isu eliwuMgogodla wokuQoqwa nokuChithwa kokuNgcola kuZwelonke lavunywa nalo. Isu leli lisathunyelwe kwabanye abaneqhaza kuxuba omasipala bezifunda nabasekhaya, ama-NGO, amaphiko ema umsebenzi, ohulumeni bezifundazwe kanye nanoma yimaphi amalungu omphakathi athintekayo nanentshisekelo. Lo mbhalo uyatholakala kwi-intanethi kwa- www.dwaf.gov.za. Amasu ezifundazwe nawasekhaya azokwenziwa ngaphambi kukaJulayi ka-2002. Isu eliwumgogodla liphakamisa ukuthi kulandelwe indlela yokuthuthukisa umphakathi, kunokuba kusetshenziswe izinkontileka. Lokhu kuzokwakha amathuba emisebenzi athe xaxa, kuqeqeshwe imiphakathi kumakhono okuqoqa nokuchitha ukungcola nokuphatha amaphulojeki. Yiziphi izinhlobo zezindlu ezincane ezikhona? Lapho kukhethwa izindlu ezincane noma izinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola, imiphakathi kumele icabangele inani, ukusebenziseka kalula nokugcineka esimweni, ukuvikeleka kwemvelo, ikhono lezinkontileka ezizinze emiphakathini ekutheni zisebenzise izinhlelo nokuthi izinhlelo zizoyenza kangcono kangakanani impilo. Uhlelo ngalunye kwezibaliwe lusebenza uma abazolusebenzisa befundisiwe ngokulusebenzisa kahle. Uma kungenjalo izindlu ezincane ziyafa, zinuke kabi, zibize izinambuzane futhi kuzalele amagciwane. Izinhlelo ezintathu zokugcina ezibalwe ngezansi akuphakanyiswa ukusetshenziswa kwazo emakhaya. Amanani abekiwe ayisilinganiso nje futhi ayokwehluka kuye ngezimo zezindawo. Indlu encane enomgodi engalungisiwe (ayinampilo futhi akuphakanyiswa ukusetshenziswa kwayo): Isakhiwo sangaphezulu esimboza umgodi. Amanani ayehluka. Indlu encane enomgodi eyenziwe ngcono engena umoya (i-VIP): Isakhiwo sangaphezulu esiba ngaphezu komgodi, engena umoya ngepayipi elinesisefo esivimba isinambuzane. Umgodi kungenzeka ukhonkwe noma ungakhonkwa kuye ngesimo sonhlabathi. Amanani aqala ku-R600 ukwakha kanye no-R60 ngonyaka ukuthuthwa kwendle uma izothuthwa kanye eminyakeni emihlanu. Indlu encane enemigodi emibili eyenziwe ngcono engena umoya (i-VIDP): Isakhiwo sangaphezulu esimboza imigodi emibili eyakhelene. Kusebenza umgodi owodwa ngasikhathi sinye ongenisa umoya ngepayipi elinesisefo esivimba izinambuzane. Imigodi kuvame ukuthi ikhonkwe bese udonga oluphakathi nendawo luvalwa. Amanani aqala ko-R2 500 ukulifaka kanye no-R35 ngonyaka ukulisebenzisa nokuligcina esimweni. Izindlu ezincane ezivundisayo, kuxuba nokusabalaliswa komchamo nezinhlelo zokuvova amanzi kwindle: Isakhiwo esisodwa sangaphezulu ezimboza isitsha esivaliwe esinendawo yokukhipha ukungcola okuyisivundisi. Umchamo ungasatshalaliswa kanti ipayipi lokungenisa umoya lisiza ekomiseni indle, ikakhulukazi kwizinhlelo zokuvova amanzi akwindle. Amanani aqala ko-R3 000 kwizinhlelo zokuthengisa bese imali yokulisebenzisa nokuligcina lisesimweni kuba ngu-R35 ngonyaka. Indlu encane eshaywayo noma i-aqua-privy: Indlu encane enesivalo samanzi. Indle imukiswa ngepayipi noma umbhobho omfishane iye entweni eqoqa ukungcola kanye nohlelo olumukisa indle. Le ndlu encane yamukelekile emhlabeni jikelele lapho abayisebenzisayo beqojama bese kusetshenziswa amanzi ukuhlanza izitho ezincane. Iyehluleka uma abantu bejukijela izinto ezingafanele kwindlu encane, noma kungenansiza yokuthulula indle ebiza kahle. Ukulifaka kuqala ko-R2 000 kanti amanani okuthutha indle kuba ngu-R150 ngonyaka. Enethange elivundisayo limukise: Indlu encane yasendlini eshaywayo exhunywe ngemapayipi aya kumgodi ongaphansi ongagcini amanzi (lapho kungena khona indle) amanzi bese emonywa ngumhlabathi. Amanani okulifaka aqala ko-R7 000 bese kuba ngu-R200 ngonyaka kuye nokuthi lichithwa kangaki. Izindlu ezincane ezinamathange agcinayo: Indle iyamukiswa iye ethangini lapho ingenakusabalala endaweni ezungezile okudingeka ukuthi ithululwe. Amanani ancika kubukhulu bethngi nokuthi lithululwa kangaki. Isitamukoko esincane esingenako okuqinile: Indlu encane yangaphakathi ekhiphela kwithangi elivundisayo lapho okuqinile kuzinza khona. Okungamanzi kuhamba ngesitamukoko esincane kuye endaweni eqokelela konke noma isitamukoko esivele sikhona. Amanani ancika kubukhulu bethangi nokuthi lithululwa kangaki. Uhlelo oluhamba ngamanzi ngokugcwele:- Indlu encane yangaphakathi eshaywayo exhumene nesitamukoko esigelezela kwindawo esebenza amanzi endle. Ngu-R6 000 ukulifaka bese izindleko zokulisebenzisa zibe cishe u-R400 ngonyaka. Uhlelo olungaziki: Indlu encane yangaphakathi eshaywa ngamanzi angaphansi kwajwayelekile futhi indle ihambe ngamapayipi amancane ingaziki kakhulu iye endaweni enesitsha esihlolekayo. Lolu hlelo longa kuze kufike ku-50% wamanzi emhlabeni jikelele kepha lusavivinywa eNingizimu Afrika. Izindlu ezincane zamakhemikhali: Amayunithi azimela wodwa asebenzisa amakhemikhali ukwenza indle ingabi yingozi futhi inganuki. Ziyabiza kakhulu futhi zijwayele ukusetshenziswa okwesikhashana. Iziphathimandla eziningi zizama ukuqeda ukusetshenziswa kwazo. 1. Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kumele kubhekane nokufunwa yimiphakathi futhi kuhlangane nokwenza ngcono ulwazi ngezempilo. Ukuze abantu bazuze ekwenziweni ngcono kokuqoqa nokuchitha ukungcola, kumele wonke umuntu aqonde ubudlelwano phakathi kwempilo yakhe, ukuhlanzeka kwakhe kanye nezindlu zangasese. 2. Imiphakathi kumele imbandakanywe ngokugcwele kumaphulojeki. I-DWAF ingumqondisi kuphela. Izakhamuzi zinamagunya kepha futhi nemithwalo yokuzibambela kwezempilo yazo. 3. Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kumele kuhlinzekwe kanye namanzi nezinye izinsiza zomasipala. 4. Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kungaphezu kwezindlu ezincane nje; kumele kuhambisane nokufundisa ngemvelo nangezempilo. 5. Ukuthola ukuqoqelwa nokuchithelwa ukungcola kuyilungelo lesintu. 6. Uhulumeni wasekhaya unomthwalo ngokomthethosisekelo wokuhlinzeka insizangqangi yokuqoqa nokuchitha ukungcola. 7. Izimali zomphakathi ezingekho kumele zisetshenziswe ngokubhekela abasengozini kuqala. 8. Izimali zezwe ezincane kumele zabiwe ngeqiniso ezweni lonkana. 9. Amanzi anabugugu bomnotho ngakho kumele avikelwe ngokuqoqa nokuchitha ukungcola. 10. Abangcolisayo kumele bakhokhe ukuze kuhlanzwe amanzi nemvelo abaku ngcolisile. 11. Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kumele kusimame ngakwezezimali. 12. Imvelo kumele ivikelwe lapho kufakwa noma kusetshenziswa izinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola. Uhlelo lwamabhakede (awanampilo futhi akuphakanyiswa ukusetshenziswa kwawo): Isakhiwo sangaphezulu esinendawo yokuhlala phezu kwebhakede. Ibhakede liyalandwa emva kwesikhathi esithize kuchithwe okungaphakathi. Lusetshenziswa kakhulu kepha luyingozi empilweni yalabo abawalandayo. Iziphathimandla eziningi zizama ukuqeda ukusetshenziswa kwalolu hlelo - lubiza kakhulu futhi ukulusebenzisa nokulugcina lusesimweni. Izindlu ezincane zikawonkewonke (aziphakanyiselwa ukusetshenziswa emakhaya): Izindlu ezincane eziningi ezisebenzisa uhlelo lwamanzi noma lokomisa. Zidinga ukuhlanzwa nokugcinwa zisesimweni njalo. Lokho okungase kube yimithombo yezimali Kunemithombo emikhulu emithathu yemixhaso yokwenza ngcono ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola: umxhaso weZabelo eziLinganayo, amagranti ezingqalasizinda nezikhwama zomasipala. Ingxenye yomxhaso wezindlu igasetshenziselwa ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola. Izabelo eziLinganayo Lo mxhaso ovela kuhulumeni kazwelonke uya kuhulumeni wasekhaya ubhekana nezindleko zokusebenzisa izinsizangqangi ezinikwa abampofu. AmaGranti Igranti kaMasipala yokuTshala kwiziNgqalasizinda izokhokhela izindawo zokuhlala. Njengamanje i-DWAF inikezela ngomxhaso kanye wokuqoqwa nokuchithwa kokungcola ongu-R300 ukuze kuthuthukiswe umphakathi u-R900 wesakhiwo sendlu encane (lokhu kwakwandulelwa ngu-R600 wokuthuthukisa umphakathi no-R600 wengqalasisinda). Uma izindlu ezincane zakhiwe abezinkontileka, leli nani alifaki i-VAT noma izimali zokuphatha. I-DWAF isihlinzeke imali engu-R100 million ukuze kwenziwe ngcono uhlelo lokuqoqwa nokuchithwa kokungcola ezindaweni zasemaphandleni kunyaka wentela ka-2001/2002. Izikhwama zoMasipala Uhulumeni ubhekene kakhulu nokuqoqwa kwezimalo zokunikezela ngezinsiza zokuqoqa nokuchitha ukungcola. Omasipala bazibekela bona amanani emva kokunikezela lapho abampofu kakhulu izidingongqangi. Uhlelo oluHlangene lweziNgqalasizinda zikaMasipala (CMIP) I-CMIP ixhasa ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola okwenzeka kuleyo ndawo, kanye nengqalasizinga yokuqoqa nokuxhuma okuningi ezindaweni zasemadolobheni nasemaphandleni. Imixhaso yezindlu Njengamanje umuzi ngamunye ungathola umxhaso kanye ongu-R16 000 emalokishini ehlelwe ngokomthetho osetshenziswa ukuthenga umhlaba, kwakhiwe izindlu bese kuhlinzekwa nezingqalasizinda ezifana nezindlu ezincane. Abantu abanamalungelo angaphelele kwizindawo abahlala kuzona bayakwazi nabo ukuthola lo mxhaso. Kuhlongozwa igranti yokwenza ngcono izindlu zasemaphandleni. Imixhaso eyehlukene izohlanganiswa kanjani? Uhlelo lokuThuthukisa okuHlangene (IDP) luzosetshenziswa njengendlela yesikhashana ukuhlanganisa izimali zemixhaso ukuze kuqinisekiswe ukuthi akukho ukuphindaphinda osekwenziwe. Imithetho yoMgomo wokuQoqa nokuChitha ukuNgcola Ukuqonda umgomo waseNingizimu Afrika wokuqoqa nokuchitha ukungcola Ukuqonda umgomo waseNingizimu Afrika wokuqoqa nokuchitha ukungcola Imigomo yoMbhalo wokuXoxisana • Ukwenza ngcono ukuqoqa nokuchitha ukungcola kumele kuncike kulokho okufunwa yimiphakathi bese kuhlanganiswa nolwazi ngezempilo oluthe xaxa. • Imiphakathi kumele imbandakanywe ngokugcwele kumaphulojeki. I-DWAF ingumqondisi kuphela. Izakhamuzi zinamalungelo kepha futhi nemithwalo yokuphatha izimpilo zayo. • Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kumele kuhlinzekwe kanye namanzi nezinye izinsiza zomasipala. • Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kungaphezu kwezindlu ezincane nje; kumele kuhambisane nokufundisa ngemvelo nangezempilo. • Ukuthola ukuqoqelwa nokuchithelwa ukungcola kuyilungelo lesintu. • Uhulumeni wasekhaya unomthwalo ngokomthethosisekelo wokuhlinzeka insizangqangi yokuqoqa nokuchitha ukungcola. • Izimali zomphakathi ezingekho kumele zisetshenziswe ngokubhekela abasengozini kuqala. • Izimali zezwe ezincane kumele zabiwe ngeqiniso ezweni lonkana. • Amanzi anobugugu bomnotho ngakho kumele avikelwe ngokuqoqa nokuchitha ukungcola. • Abangcolisayo kumele bakhokhe ukuze kuhlanzwe amanzi abawangcolisile. • Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kumele kusimame ngakwezezimali. • Imvelo kumele ivikelwe lapho kufakwa noma kusetshenziswa izinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola Kungani sinenkinga? Inkinga kwezokuqoqwa nokuchithwa kokungcola eNingizimu Afrika ibangwa yizinto ezimbili: ukungahlanzeki (abantu abaningi abasiboni isidingo sokugeza izandla emva kokuzikhulula noma ukushintsha inabukeni, kanti abaningi bakubona kukuhle nje ukuzikhulula eqeleni. Ukungabi khona kwezingqalasizinda (ukungabi khona kwamanzi okugeza izandla nokungabi khona kwezindlu ezincane) Ukunikeza abantu izindlu ezincane kuyingxenye yempendulo. Kodwa futhi ulwazi ngezempilo seluthe xaxa emiphakathini, ukuhlanzeka sekungcono kanye nokuzimbandakanya kwemiphakathi kwizinhlelo zokuqoqwa nokuchithwa kokungcola. Yini isixazululo? Uhulumeni unomthwalo awethweswe nguMthethosisekelo wokuqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bathola ukuqoqelwa nokuchithelwa ukungcola okwanele. Umgomo uzobhekana ngqo nokunikezela ngensiza yokuqoqwa nokuchithwa kokungcola okwanele emizini, ezikoleni nasemitholampilo, ukwenza ngcono ukuthuthwa nokulahlwa kwezibi emizini, kanye nokufundisa umphakathi ngokuhlanzeka. Uhulumeni uhlela ukusiza ekuletheni izinsiza ezingcono ngokusebenzisana nemiphakathi nokusebenzisa izinsiza zokuqoqa nokuchitha ukungcola ezisimeme (ezingabizi, eziphethwe yimiphakathi). Izindawo ezisemqoka zizoxuba emaphandleni, izindawo eziqaqele amadolobha kanye nezindawo ezingahleliwe ngokomthetho lapho isidingo sisikhulu kakhulu. Ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola kusemqoka kwimpilo yesizwe. Ukuze kube nokuqoqwa nokuchithwa kokungcola okuhle, kumele kube yingxenye yomkhankaso wokuthuthukisa. Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kuyigalelo elilodwa kwizinhlelo zentuthuko eziningi ezigqugquzelwa nguhulumeni. Impumelelo ibuye incike ekubambisaneni nomphakathi. Kumele kwakhiwe amakhono kwezokuqoqa nokuchitha ukungcola ngokushesha emiphakathini ukuze izakhamizi zibe namandla okufaka isandla kuhlelo lokuqoqa nokuchitha ukungcola lukazwelonke. Izinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola ziyoxazulula izinkinga zenhlalo nezengqondo ezihambisana nokuhlanzeka okungekuhle. Izindlu ezincane ezikude nekhaya, izindawo zokuhlanganyela ezinganele, ukulahlwa kwezibi okunganele neminye imikhuba emibi ngokuhlanzeka eholela ekulahlekelweni wukuvikeleka nesithunzi, kungabi nakukhosela kanye nokwanda kwezingozi ezingehlela umuntu. Yiliphi izinga eliphansi elamukelekile ekuqoqweni nasekuchithweni kokungcola? • Ukuhlanzeka okufanele njengokugcina izindlu ezincane zihlanzekile nokugeza izandla emva kokuthinta udoti • Uhlelo lokuqoqa nokuchitha indle yabantu, amanzi angcolile kanye nezibi olungabizi, okulula ukulugcina lusebenza, oluphephile futhi olwamukelekile kwezemvelo • Indlu encane emzini ngamunye Umgomo wokuqoqa nokuchitha ukungcola okuyisisekelo emakhaya uzofezani? Kungani kubalulekile ukuqoqa nokuchitha ukungcola? Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kusemqoka ukuze kube nempilo enhle. Izinkinga zezempilo ezihambisana nokungahlanzeki zixuba isifo sohudo, idysentery, ithayifodi, ikholera, umalaleveva, isichenene, izikelemu, ukufa kwamehlo, izifo zesikhumba kanye nokwanda kwezifo kubantu abanegciwane leSandulela-Ngculazi, i-HIV. Ukuqoqa nokuchitha ukungcola kubalulekile futhi ekwakheni umcebo. Izinzuzo zomnotho ezihambisana nokuqoqa nokuchitha ukungcola zixuba ukwanda kwesikhathi sokuphila, ukonga kwizindleko zokwelapha, ukwanda komkhiqizo wabasebenzi, ukuya esikoleni okungcono, ukuba ngcono kwezokuvakasha nokwehla kwezindleko zokuhlanza amanzi. Umbhalo wokuxoxisana ngokuQoqwa nokuChithwa kokuNgcola emaKhaya 1. 2. 3. 4. 5. 6. 7. Ngokwakha isidingo 8. 9. Kunikezelwe ngosizo olufanele ukuze kuqinisekiswe ukusimama njalonjalo 10. Kwaziswa iziphathimandla zasekhaya ngomgomo Kuhlelwa ukuthi lezi zinkinga zixazululwe ngaphakathi kwe- IDP/WSDP Isu eliwuMgogodla lokuQoqwa nokuChithwa kokuNgcola kuZwelonke Kutholwa bese kubekwa ekuqaleni izinkinga zasekhaya zokuqoqa nokuchitha ukungcola Kuhlelwa kahle amabhajethi Kuqinisekiswa ukuthi abantu bokusebenza banele, noma kuhlelelwe isikhashana Kungeniswa uhlelo, kuqalwe Ukuqapha nokubika Ukuba ngcono kokuqoqwa nokuchithwa kokungcola kuwumthwalo wawo wonke umuntu. Ababambiqhaza baxuba imiphakathi nemizi (abokuqala futhi abasemqoka); abezinkontileka abazinze emiphakathini; uhulumeni wendawo, wesifundawe nokazwelonke; abamabhizinisi azimele kanye nama-NGOs (izinhlangano ezingekho phansi kukahulumeni). Umthwalo kabani ukuthi ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola kube ngcono? Imithwalo ngokomthethosisekelo: Imizi nemiphakathi • Omasipala kumele banikezele ngazo zonke izidingongqangi, kuxuba nokuqoqa nokuchitha ukungcola • Uhulumeni kazwelonke nowezifunda kumele basekele omasipala ngemithetho nezinye izindlela Ukuqoqa nokuchitha ukungcola okuhle kuqala ekhaya. Imizi nemiphakathi banomthwalongqangi wempilo yabo, imvelo ehlanzekile kanye nokuqoqwa nokuchithwa kokungcola okungcono. Banomthwalo wokwenza ngcono ukuqoqa nokuchitha ukungcola kwabo ngenxa yokuthi ukungahlanzeki ngokuphelele kungalimaza hhayi nje impilo yabo kuphela kepha neyomphakathi kanye neyesizwe. Imikhuba yokuhlanzeka ingenziwa ngcono ngezinyathelo ezimbalwa ezilula - njengokugeza izandla emva kokuya endlini encane, ngaphambi kokuthinta ukudla nasemva kokushintsha amanabukeni abantwana. Amalungu omphakathi angabuye asabalalise umyalezo wokuhlanzeka aqwashise abanye abantu bomphakathi ngokubaluleka kokuqoqwa nokuchithwa kokungcola kanye nokuhlanzeka. Izindlu ezincane zasemakhaya ziwumthwalo womuzi ngamunye. Uhulumeni wasekhaya kumele asize amalungu omphakathi ekutheni abe nendawo yokuhlala ehlanzekile futhi enempilo ngalokhu: • Izinhlelo ezigxile emphakathini lapho abakhi bendawo beqeqeshwa ukuthi bakhe izindlu ezincane eziphephile futhi ezihlanzekile. Laba bakhi bendawo bayosiza imizi ekwakheni izindlu ezincane zayo. Lokhu kwakha umsebenzi. • Ukuhlinzeka imihlahlandlela ezosiza imizi kanye nabakhi ekufezeni amazinga amancane amisiwe ekutheni indlu encane iphephe futhi ihlanzeke. • Ukuxhasa ngezimali impahla esemqoka ukuze kuqinisekiswe ukuthi indlu encane ihlanzekile, iphephile futhi kufinyeleleka kuyona kalula. Ngaphezu kwalokhu, imizi inomthwalo wokwazisa uhulumeni wasekhaya ngezidingo zayo eziphathelene nokuqoqwa nokuchithwa kokungcola. Imiphakathi kanye nezinhlangano ezizinze emiphakathini kumele basize uhulumeni wasekhaya ngokuhlela, ukwenza, ukuqapha kanye nokuvivinya amaphulojeki okuqoqa nokuchitha ukungcola. Amalungu omphakathi kumele futhi abike noma yiziphi izinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola ezingasebenzi kahle kanye nokubeka imvelo engozini kuhulumeni wasekhaya. Imizi kufanele iqinisekise ukuthi izindlu ezincane zihlale zisebenza kahle futhi zihlanzekile. Uhulumeni wesiFundazwe Uhulumeni wesifundazwe kumele ahlinzeke imali, abantu bokusebenza kanye nosizo lobuchwepheshe kuhulumeni wasekhaya. Kumele futhi aqinisekise ukuthi uyathotshelwa umgomo kazwelonke, akhe imithetho evumela isimo, ahlanganise ukuhlela kwezifunda aqaphe nenqubekelaphambili. Uhulumeni kaZwelonke Uhulumeni kazwelonke kumele asungule imithetho namazinga; ahole, ahlanganise futhi aqaphe izinhlelo zikazwelonke; asekele amanye amazinga kahulumeni; ahambise ngokomthetho ukunikeza kwezinsiza futhi afake isandla lapho kunokushoda kwamandla okwenza izinto. Uhulumeni waseKhaya Uhulumeni wasekhaya kumele asize imizi ekutheni yenze ngcono ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola kwayo. Kumele basebenzisane nemiphakathi nemizi ekugqugquzeleni ukubaluleka kokuqoqwa nokuchithwa kokungcola kwezempilo, kanye nezinzuzo nokwenza izinto lula kwendlu encane ephephile futhi ebukekayo. Ubuye abe nomthwalo wokusiza imizi ekutheni ithole izinhlelo zayo zokuqoqa nokuchitha ukungcola. Njengengxenye yalo mgudu kumele uqwashise imiphakathi nemizi ngokubaluleka kokuqoqwa nokuchithwa kokungcola kanye negalelo lako empilweni. Kanye nomphakathi, uhulumeni wasekhaya kumele angenise izinhlelo ezigqugquzela ezempilo nokuhlanzeka, athole izidingo zezindlu ezincane, abeke phambili lezo zidingo ezisemqoka bese kuthi ngamaphulojeki athize, asize imizi ekwakheni izindlu zangasese. Ukuhlela kukahulumeni wasekhaya kwenziwa ngokusebenzisa iziNhlelo zokuThuthukisa okuHlangene - iziNhlelo zokuThuthukisa iziNsiza zaManzi (aManzi nokuQoqwa nokuChithwa kokuNgcola) eziyingxenye yazo. Ukuze kungeniswe izinhlelo zokwenza ngcono ukuqoqowa nokuchithwa kokungcola, uhulumeni wasekhaya kumele abe imali bese ethola nezimali zokwenza lokhu. Izimali zomxhaso zivela emithonjeni eyehlukene, kuxuba ukuqoqwa kwezimali zezwe kanye nohulumeni bezifundazwe nokazwelonke. Ekungenisweni kohlelo lokuqoqa nokuchitha ukungcola, uhulumeni wasekhaya kumele aqinisekise ukuthi imvelo ivikelekile. Kuyokwakhiwa uhlelo lwebhizinisi lwephulojeki ngayinye, kusetshenziswana nethimba eliqhuba iphulojeki yokuqoqwa nokuchithwa kokungcola, eliqokwe ngumphakathi futhi livela emphakathini. Izinhlelo zebhizinisi ziyochaza izindlela zokusebenza ezizolandelwa kanye negalelo lomphakathi, elidingekayo, uma kucatshangelwa izidingo zemiphakathi ethize. Uhulumeni wasekhaya uyosiza ngokunikezela amakhono okuphatha ukuqinisekisa ukuthi amaphulojeki ayaphumelela. Imiyalezo egqugquzela impilo nokuhlanzeka kumele igcizelelwe bese kuqashwa impilo njalonjalo. Amaqhaza nemithwalo Kumazinga ehlukene kahulumeni Eminyangweni ephambili kahulumeni UMnyango wezaManzi namaHlathi (i-DWAF) iwona ophethe amanzi esizwe futhi oholayo emkhakheni wezokuqoqa nokuchitha ukungcola. Ngokuhlanganyela nabanye ababambe iqhaza kuzwelonke, i-DWAF kumele isungule amazinga ezokuqoqa nokuchitha ukungcola, isekele izifundazwe nomasipala ekuqaleni izinsiza zokuqoqa nokuchitha ukungcola, iqaphe imiphumela, ithuthukise amakhono, ihlinzeke usizo lwezimali, yenze amaphulojeki okuhlola ngokuqoqwa nokuchithwa kokungcola okubiza kancane futhi iqinisekise ukuthi ukuqoqwa nokuchithwa kokungcola kungeniswa ngendlela ehlelekile. Umnyango woHulumeni beziFundazwe nabaseKhaya uyoba nomthwalongqangi wokugqugquzela iziNhlelo zokuThuthukisa eziHlangene zomasipala, kuqinisekiswa ukuthi ohulumeni bezifunda nabasekhaya banamakhono anele, ukuhlanganisa izabelo ezilinganayo (Equitable Share) namagranti ezingqalasizinda zomasipala, kanye nokuqapha. Umnyango wezeMpilo uyohlanganisa ulwazi ngezempilo yomphakathi, wakhe isidingo sokuqoqa nokuchitha ukungcola ngezinhlelo zokuqwashisa ngokuhlanzeka, ulungise amazinga okuqoqa nokuchitha ukungcola, usekele omasipala, unikezele izinto zokuqeqesha futhi ufundise imiphakathi ngokuqoqa nokuchitha ukungcola. Umgcinisikhwama kaZwelonke uyoba nomthwalo wokuxhasa amalungiselelo kuxuba izabelo ezilinganayo namagranti. Umnyango weziNdlu kuZwelonke usungula amazinga okwakhiwa kwezindlu (izinga eliphansi lokuhlanzeka wukuthi kunendlu encane eyenziwe ngcono engena umoya (i-VIP) emzini ngamunye ngaphandle uma isimo somhlabathi sidinga okunye). Ubuye uhlanganise imixhaso yezindlu ephethwe yiminyango yezindlu yezifunda. Phakathi kwabanye ababambe iqhaza Umnyango wezeMfundo kuZwelonke unomthwalo wokwakha uhlelo lwezifundo namazinga, ukuqinisekisa imixhaso, ukunikezela ngolwazi nokwakha amakhono. Iminyango yesifundazwe inomthwalo wokwenza ngcono izingqalasizinda zezikole kuxuba nezokuqoqa nokuchitha ukungcola kanye nokungenisa uHlelo lweziKole oluGqugquzela iMpilo ukuze kwakhiwe izikole eziphephile futhi ezinempilo. Umnyango weMisebenzi yoMphakathi usebenza njengophiko olwenza umsebenzi egameni likahulumeni kazwelonke nowesifunda lapho kwakhiwa izikole nemitholampilo. Lo mnyango unomthwalo wokuqinisekisa ukuthi kunezinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola ezanele lapho kwakhiwa amabhilidi kahulumeni nawomphakathi. Lo mnyango uphinde ubhekane nokungenisa izinhlelo zemisebenzi yomphakathi ezinzize emiphakathini qobo. Umnyango wezeMvelo nokuVakasha ubhekene nokuvikela imvelo futhi uyokwakha amazinga aqondene negalelo lezinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola kwimvelo, kanye nokuqapha amagalelo nokuthotshelwa kwezinqubo zokuphatha imvelo. Abomkhakha ozimele Uhulumeni akanakubhekana nokusalela emuva kwezokuqoqwa nokuchitha kokungcola eyedwa. Umkhakha wabazimele, ikakhulukazi abamabhizinisi, bangakha bafake izinhlelo zokuqoqa nokuchitha ukungcola, bahlanganyele nomasipala ekunikezeni ngezinsiza nasekuhlinzekeni izimali. Izinhlangano ezingekho phansi kukahulumeni zingasiza ngezinhlelo zokuqwashisa ngokuhlanzeka, zandise ukuzimbandakanya kwemiphakathi, basungule amaqembu abakhi azinze emphakathini bese benza futhi baqaphe amaphulojeki. • Ezingeni lasekhaya uMasipala wesiFunda noma i-Metro noma uMasipala weNdawo uzoba nomthwalongqangi wokuhlanganisa ngokusebenzisa uHlelo lokuThuthukisa oluHlangene (i-IDP) kanye noHlelo lokuThuthukisa iziNsiza zaManzi (i-WSDP). • Ezingeni lesifundazwe, ohulumeni bezifundazwe bazohlanganisa ngokusebenzisa amaForamu eziFundazwe okuHlanganisa ezokuQoqa nokuChitha ukuNgcola. • Ezingeni likazwelonke ukuhlanganisa kwenziwa yiQembu likaZwelonke eliBhekele ukuQoqa nokuChitha ukuNgcola (i-NSTT) elizosungulwa kabusha njengekomijana leQembu likaMasipala eliBhekene neziNgqalasizinda (i-MITT). I-DWAF ingumhlanganisi kazwelonke futhi izosungula uPhiko lwezokuQoqa nokuChitha ukuNgcola olusha. Ukwamukela nokubonga Inhlangano ye-ICASA ithanda ukubonga bonke abantu kanye nezinhlangano ezibambe iqhaza ekwenziweni kwePhepha Lezingxoxo nokubonisana kanye nePhepha loMgomo maqondana nenani nengqikithi edingekayo yezinhlelo zeNingizimu Afrika kuThelevishini (kumabona-kude) kanye nomSakazo. I-ICASA uMnu. Mandla Langa (uSihlalo) uMs Libby Lloyd (uSomkhandlo) uMnu Michael Markovitz (Umeluleko wesipesheli kaSihlalo) uMnu Pfanani Lishivha (Umxhumanisi nomqhubi womsebenzi) Ms Violet Letsiri uMnu Zweli Mthembu uMnu Johan Koster uMnu Baldwin Mpisi uMnu Jannie van der Merwe uMnu Stanley Mamaregane uMs Marschelle Tillek (Isikhulu saseHhovisi) uMs Veronica Thale LINK Centre uMs Alison Gilwald uMs Nadia Bulbulia uMnu Michael Milazi Ukuhlelwa nokufundisiswa kwemibhalo uMs Carol Steinberg (iPhepha Lezingxoxo) uMs Karen Martin (iPhepha Lomgomo) A. ISINGENISO 1. Izinhloso zePhepha Lomgomo IPhepha Lomgomo liwumphumela wophenyisiso ngokulandela isigaba 28 somthetho wezokusakaza umthetho we-Independent Broadcasting Authority Act (umthetho obizwa i-IBA Act), ekubuyekezweni komthamo noma inani lamaphesenti nengqikithi okuyimfuneko yezinhlelo zeNingizimu Afrika (South African content quotas). Njengengxenye yophenyisiso, inhlangano ye-Independent Communications Authority of South Africa (i-ICASA), yakhipha iPhepha Lezingxoxo ngoNovemba (uZibandlela) 2000, kanti futhi yabuye yabamba imihlangano yokulalela imibono yabantu emiphakathini ngoMeyi (uNhlangulana) 2001. Izinhloso ezibalulekile zomtheshwana wenqubo (regulation) ngengqikithi yezinhlelo zeNingizimu Afrika yilezi: * ukuthuthukisa, ukuvikela kanye nokuqhubela phambili ubunjalo nokuzazi kweNingizimu Afrika kanye namasiko, kanye nobume beNingizimu Afrika; kanye * nokwenza ukuthi izimboni zaseNingizimu Afrika zibenamandla, zikhiqize nokusebenza kangconywana kwezomnotho. Ithelevishini (umabonakude) nomsakazo eNingizimu Afrika kudingeka ukuthi kubonise kanye nokuba yingxenye yezimpilo zabantu, amasiko, kanye nezilimi zaseNingizimu Afrika uqobo. Ngokubonisa nokwenza izinhlelo nemiculo yaseNingizimu Afrika, umsakazo kanye nethelevishini kungafaka esivivaneni sokwakha inqubo yentando yeningi (yedimokhrasi), ukulekelela ukwakha isizwe esibumbene, kanye nokulekelela kuntuthuko eNingizimu Afrika. Ukubekwa kwamanani ayimfuneko yezinhlelo zeNingizimu Afrika kuyindlela yokuvikela amasiko esizwe kanye nokuzazi kwabantu bezwe futhi kungezela nezinto abantu bezwe abangazikhethela kuzo. Umculo waseNingizimu Afrika kanye nokwenziwa kwezinhlelo zethelevishini kumele kwenziwe ngabantu bemikhakha ehlukene eNingizimu Afrika futhi kwenzelwe imikhakha ehlukene yabantu baseNingizimu Afrika, kanti futhi ngezilimi abantu abazikhethela zona. Imitheshwana yenqubo (regulations) eqondene nokubekwa kwamanani namaphesenti engqikithi yezinhlelo eziyimfuneko zeNingizimu Afrika, ibuye ibe nenhloso yokulungisa isimo esitshekele eceleni sesikhathi esedlule, lapho izimboni zokusakaza kanye nezamasiko zazingaboneneleli abanye abantu neminye imiphakathi. Abasakazi bakhuthazwa ukuthi banikeze imisebenzi yokukhiqiza nokwenza izinhlelo zokusakaza kwezinye izinkampani ezilawula ngabantu kanye nemiphakathi eyayicindezelwe neyayikhishwa inyumbazane esikhathini esedlule. Kanti futhi bakhuthazwa ukuthi basebenzise izinkampani zokukhiqiza nokwenza izinhlelo kumaprovinsi ehlukene, kanye nokunikeza imisebenzi yokusakaza kanye nokusakaza amathalante amasha. Lezi zinqumo maqondana nomgomo wamanani ayimfuneko ezinhlelo zeNingizimu Afrika, zihambelana nomthetho we-IBA Act ka 1993, kanye nomthetho wezokusakaza we-Broadcasting Act, ka 1999. Lezi zinqumo zisekelwe yimibono ebhaliwe neyavezwa ngemilomo yabantu abathintekayo ngesikhathi kutholwa imibono yabantu emiphakathini. ICASA ikholelwa ukuthi amanani ayimfuneko ezinhlelo zeNingizimu Afrika kanye nemitheshwana yenqubo (regulations) azosiza ukuveza amathuba kwezemnotho kubabantu abaningi baseNingizimu Afrika. Lokhu kubandakanya izinkulungwane zabantu abakumboni yezomculo, kanye nalabo abasebenza ukukhiqiza nokwenza izinhlelo zethelevishini, kanye nezimboni ezihambelana nezokusakaza. Imitheshwane yenqubo (regulations), inenhloso yokufakela ugqozi (incentives) kuzimboni zethelevishini nezomculo ukutshala izimali ekuthuthukiseni amathalente amasha eNingizimu Afrika, kanye nokuthuthukisa iqophelo nezinhlobo-nhlobo zomculo waseNingzimu Afrika kanye nokwenziwa kwezinhlelo zethelevishini eNingizimu Afrika. 2. Umlando nesendlalelo Ngo-1995, inhlangano eyandulela i-ICASA eyayibizwa i-Independent Broadcasting Authority, (i-IBA) yethula ePhalamende umbiko owawubizwa i-Tripple Inquiry Report. Le-Tripple Inquiry Report, yalandela ucwaningo olwenziwa emiphakathini, lapho okwatholakala khona imibono engu-120 evela emiphakathini, ngaphansi kwezihloko ezintathu, kanti imibono engu-38, yona yayiqondiswe kunani eliyimfuneko nengqikithi yezinhlelo zeNingizimu Afrika. Umphumela walolo cwaningo, waphetha ngokusungulwa kwe-South African Music Regulations and South African Television Content Regulations ngo-1997 (Imitheshwana yenqubo noma amareguleshini kwango-1997 ngezinhlelo nengqikithi okumele kube kuthelevishini). Imitheshwana yenqubo yango-1997, idinga ukuthi u-30% wezinhlelo zethelevishini kuthelevishini esakazela isizwe sonkana noma uwonke-wonke (public broadcasting), zibe phakathi kuka-5 ekuseni ukuya ku-11 ebusuku, kanye nangezikhathi zezinhlelo ezidumile (prime time), zibe ngezezinhlelo zeNingizimu Afrika, kanti ishaneli neshaneli yesevisi (isiteshi nesiteshi) yezinhlelo zethelevishini esakazela isizwe sonkana ibe nezinhlelo zeNingizimu Afrika ezingekho ngaphansi kwenani lika-25%. Kanti amashaneli amathelevishini asakazela inzuzo (Commercial television channels), kudingeka ukuthi okungenani u-20% wezinhlelo zabo ube zinhlelo zeNingizimu Afrika, kanti amashaneli akhokhelwayo ukuxhumela kuwo (subscription services) wona abe no-5% wezinhlelo zeNingizimu Afrika. Imitheshwana yenqubo iphinde idinge nokuthi amaphesenti angu-40% amanani ayimfuneko ezinhlelo zeNingizimu Afrika kuhlangatshezwane nazo yilabo abathola amalayisensi okusakaza kanti futhi le misebenzi yokwenza izinhlelo kumele inikezwe abakhiqizi noma abenzi bezinhlelo abazimele. Abasakazi babuye bakhuthazwe nokuthi banikeze imisebenzi yokwenza izinhlelo zokusakazi kuzinkampani zokukhiqiza izinhlelo zangaphandle ezilawula ngamaqembu alabo bantu ababecindezelwe nokukhihswa inyumbazane esikhathini esedlule, kanti futhi kube zinkampani ezitholakala kumaprovinsi ehlukene nasezindaweni ezingezona ezisemadolobheni, kanye namathalente amasha. Maqondana nomsakazo, imitheshwana yenqubo ekhona manje, idinga ukuthi iziteshi zemisakazo okwamanje ezisebenzisa isikhathi esingamaphesenti angu 15% noma ngaphezulu sokusakaza kwaso kumculo, esikhathini esiphakathi kuka-5 ekuseni ukuya ku 11 ebusuku, kumele siqinisekise ukuthi lowo mculo osakazwayo ube ngamaphesenti angu 20%, omculo waseNingizimu Afrika. Yile mitheshwana yenqubo ebuyekeziwe kule nqubo ebandakanya ukuthola imibono yabantu emiphakathini echazwe ngezansi. 3. Inqubo ebandakanya imibono evela kubantu I-ICASA yakhipha iPhepha Lezingxoxo nokuthola imibono yemiphakathi (Discussion Paper), elalisihloko sithi: Review of Local Content Quotas (Ukubuyekezwa kwamanani ayimfuneko ezinhlelo zangaphakathi). NgoNovemba ka-2000. Inhloso enkulu yePhepha Lezingxoxo, kwakuwukunikeza onke amaqembu athintekayo ithuba lokuthi ethule imibono yawo. Izaziso zomphakathi zenziwa emisakazweni, kuthelevishini, kanye naku-website ye-ICASA, lapho akwakumenywa khona abathintekayo kanye nemiphakathi ukuphendula imibuzo, ngokwethula imibono ebbhalwe phansi noma ngomlomo. Kwaba nabantu abaningi abasabela kuleli khwela lokwethula imibono. I-ICASA yathola imibono ebhaliwe engu-51, eyachazelwa nokuboniswa emiphakathini elayibhrari ye-ICASA kanye nakumahhovisi ayo ezifunda (amarijini). Abathintekayo nabathokozela ukubandakanywa abangu-33 bethula imibono ukusukela mhlaka 7 ukuya mhlaka 18 kuMeyi 2001 eCape Town, eThekwini naseJohannesburg. B. IMIPHUMELA YOCWANINGO Ezinkundleni lapho obekulalelwa khona imibono yabantu maqondana nezinhlelo zeNingizimu Afrika, kwatholakala ukuthi kukhona ukuzimisela okukhulu ngokukhiqizwa kwezinhlelo zeNingizimu Afrika kanye nokubukelwa kwalezo zinhlelo kuthelevishini kanye nokulalelwa kwazo kumculo nasemisakazweni. Umsebenzi we-ICASA wokubuyekeza ukuthi ngabe kuyalandelwa yini ukufakelwa kwezinhlelo zeNingizimu Afrika kuthelevishini kanye nakuziteshi zemisakazo, kukhombise ukuthi, ngisho noma kwakunokukhathazeka kuqala ngesikhathi kusungulwa lolu hlelo lokufakelwa kwezinhlelo zeNingizimu Afrika, abasakazi abaningi baseNingizimu Afrika bakulandele ngokweqe nakumazinga noma amanani ayebekiwe ukufakelwa kwezinhlelo zeNingizimu Afrika. Lapho kulalelwa imibono yemiphakathi, kanye nalapho kwenziwa ukuqapha kulabo abanamalayisensi okusakaza eNingizimu Afrika, kuye kwacaca ukuthi ukufakela izinhlelo zeNingizimu Afrika, akuyona into abayithatha njengento engumthwalo. Empeleni, abasakazi babona ukufakelwa kwezinhlelo zeNingizimu Afrika njengethuba lokubhekana nabalaleli abanezidingo ezishintshayo, kanye nendlela yokukhulisa imboni yeNingizimu Afrika, kanti futhi bakubona kunjengokufaka esivivaneni emsebenzini wokuthuthukisa usiko lwenqubo yedimokhrasi (intando yeningi) ezweni. ITHEVISHINI 4. Izincazelo I-ICASA izothumela ePhalamende iziphakamiso zokuthi incazelo ngezinga noma inani lezinhlelo zeNingizimu Afrika ngokulandela isigatshana 53(1)(a) somthetho we-IBA Act, zisuswe kumthetho ebese zifakelwa kumitheshwana yenqubo (amareguleshini). Ezinye iziphakamiso ezenziwe maqondana nezichibiyelo zezincazelo kumthetho, zizofakelwa kumbiko oya ePhalamende. Lokhu kuzokwenza ukuthi iPhalamende ithathe isinqumo sokuthi ngabe sikhona yini isidingo sokuchibiyela umthetho (i-Act) ukuze kuqhutshelwe phambili intuthuko yalo mkhakha osuvele uziguqukela ngokwawo. I-CASA izophakamisa nokuthi iPhalamende ishintshe noma ichibiyele incazelo ye-independent televishini production, noma ukukhiqizwa kwezinhlelo zethelevishini ezimele, njengoba kuchazwe kusigaba 53(1)(b) kumthetho we-IBA Act. 5. Ukusebenzisana ekwenzeni izinhlelo I-ICASA izophakamisa ePhalamende ukuthi kuchitshiyelwe isigaba 53(1)(a)(iv) somthetho we-IBA Act ukuphungula isidingo sokuthi kube nenzuzo engu-50% kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi ibe ngu-20% ngokuhambelana ne-Article III(1) yesivumelwano sokusebenzisana ekukhiqizeni izinhlelo ezibukwayo nezilalelwayo, isivumelwano se-Audiovisual Co-production Agreement, phakathi kukahulumeni wase-Canada nohulumeni waseNingizimu Afrika. U-Article III(1) uvumela ukuthi abenzi bezinhlelo baseNingizimu Afrika nabase-Canada kube phakathi kwamaphesenti angu-20 ukuya kwangu-80 webhajethi kuhlelo nohlelo oluhlanganyelwe. 6. Amanani ayimfuneko ezinhlelo Amasevisi ethelevishini yesizwe sonkana Uhlobo lwezinhlelo Inani lamanje Ukungezelwa kwalo Inani elisha Imidlalo yeDrama yaseNingizimu Afrika 20% 15% 35% Izinhlelo zezingane 50% 5% 55% Izinhlelo zama-documentary 50% --- 50% Izinhlelo ezakha ulwazi olungafundelwa esikoleni 50% --- 50% Izinhlelo zezisematheni 80% --- 80% Izinhlelo zemfundo 60% --- 60% Amasevisi ethelevishini yezentengiso Uhlobo lwezinhlelo Inani lamanje Ukungezelwa kwalo Inani elisha Imidlalo yeDrama yaseNingizimu Afrika 10% 10% 20% Izinhlelo zama-documentary 25% 5% 30% Izinhlelo ezakha ulwazi olungafundelwa esikoleni 25% 5% 30% Izinhlelo zezingane 20% 5% 25% Izinhlelo zezisematheni 50% --- 50% Amasevisi eThelevishini etholakala ngokukhokhela imali yokujoyina (Isikhathi esivulekile - Open Time) Uhlobo lwezinhlelo Inani lamanje Ukungezelwa kwalo Inani elisha Imidlalo yeDrama yaseNingizimu Afrika 20% --- 20% Eminye imikhakha yezinhlelo --- 15% 15% Inhlangano ye-ICASA ithathe isinqumo sokuthi ngesikhathi esivulekile se-M-NET, iM-Net kumele iqinisekise ukuthi cishe inani lamaphesenti angu-35 lezinhlelo zayo kumele kube ngezingezeNingizimu Afrika. Inani lemidlalo yamadrama aseNingizimu Afrika kumele lihlale kumaphesenti angu-20. Kanti amaphesenti angu-15 asele, angafakela ezinye izinhlelo zeNingizimu Afrika, zeminye imikhakha. Amanani amasha aphelele Kumasevisi asakazela isizwe sonkana 55% Kuthelevishini yezentengiso esakaza ngokukhululekile (engakhokhelwa) 35% Amasevisi atholakala ngokujoyina (Terrestrial Subscription Services) 8% Imitheshwana yenqubo emisha kanye namanani amasha ayimfuneko, ayoqala ukusebenza mhlaka 22 ku-Agast 2003. 7. Imikhakha yezinhlelo 7.1 Imidlalo yamaDrama eNingizimu Afrika Nangaphezu kwamanani abekiwe ayimfuneko, i-ICASA ithathe isinqumo sokusungula kumikhakha yokusakaza, inqubo yamaphoyinti esiza amadrama (imidlalo) njengomkhakha obunganakekelwe kakhulu. Imitheshwana yenqubo emisha, ngakhoke, ibeka amaphuzu okumele afinyelelwe kumidlalo yamaDrama. Amaphuzu emidlalo yamadrama azobalwa ngokusebenzisa i- Format Factor, ezobeka izikali zamaphuzu kumikhakha ehlukene yemidlalo yamadrama yaseNingizimu Afrika. Ama-Format Factor emidlalo yamadrama eNingizimu Afrika kuzoba ngokulandelayo: * 4 kumidlalo edlala kanye (lokhu kubandakanya nefilimu edlala kanye, ama-telemovie kanye nemidlalo yeziqeshana); * 3 kumidlalo yeziqephu/ yezikhawu ngezikhawu eyenziwe ngezinga lehora elilodwa noma ngaphansi kweviki; kanye * 2 kuziqephu/ yezikhawu ngezikhawu eyenziwe ngezinga elingaphezulu kwehora ngeviki. Ifomyula yokunikeza amaphuzu kumdlalo wedrama kuyoba ngokulandelayo: I-score sedrama = I-Format Factor (iyunithi) x Isikhathi (amahora ngeviki). Njengendlela yokuqhubela phambili izilimi ebezicikelwe phansi zishiywe ngaphandle, I-ICASA izokwenza izindlela ezozohuha nokukhuthaza ukwenziwa kwemidlalo yamadrama ngezilimi zabomdabu ngokunikeza amaphuzu angezelelweyo. Ukucoshela kokukopela kokuvela kwezinye izinhlelo nezilimi ngeke kwakhuthazwa ngokuhuha nokunikezwa amaphuzu. I-Format Factor yezilimi zabomdabu iyoba ngokulandelayo: * u-4 kumdlalo wedrama kunoma yiziphi izilimi kulezi ezilandelayo: isiNdebele, Sepedi, Sesotho, Setswana, Siswati, Tshivenda, Xitsonga, isiXhosa, kanye nesiZulu. Ifomyula yokunikeza amaphuzu ngamadrama ezilimi zabomdabu iyoba ngelandelayo: Umdlalo wedrama ngolimi lwabomdabu iyoba = I-Format Factor (iyunithi) x Isikhathi (amahora ngeviki). 7.2 Izinhlelo zezingane I-CASA ithathe isinqumo sokwenza incazelo yezinhlelo zezingane ibelula ngenxa yokucelwa ngabantu, ngakho-ke, i-ICASA ifakele incazelo entsha yezinhlelo zezingane emkhakheni wezinhlelo zezingane (ukusukela ekuzalweni ukuya kuminyaka eyisithupha kanye nokusukela kuminyaka ka-7 ukuya kuminyaka engu-12 ubudala). Okwamanje, i-ICASA, ngeke yabeka imibandela yezidingo maqondana nemidlalo yamadrama ezingane. I-ICASA izokhuthaza ngokuhuha ukwenziwa kwezinhlelo zemidlalo yezingane yamadrama kanye nezinye izinhlelo zemfundo engafundelwa esikoleni, ngokunikeza amaphuzu. I-ICASA icela bonke abasakazi ukuthi banikeze izingane izinhlelo ezihluka-hlukene njengakubantu abadala. Ama-Format Factor ezinhlelo zezingane azoba ngokulandelayo: * u-3 kumidlalo yedrama yezingane eNingizimu Afrika; * u-2 kuzinhlelo zaseNingizimu Afrika zezingane, kuzinhlelo ezinikeza ngolwazi olungafundelwa esikoleni. Ifomyula yokunikeza amaphuzu kuzinhlelo zezingane izoba ngokulandelayo: Amaphuzu ezingane = I-Format Factor (iyunithi) x Isikhathi (amahora ngeviki). 7.3 Izinhlelo zezobuciko I-ICASA ithathe isinqumo sokuhuha nokukhuthaza ukwenziwa nokudlalwa kwezinhlelo zezobuciko ngokusungula umkhakha omusha wezinhlelo ozokwaziwa ngelokuthi yi-Arts Programming. Ngeke kube nenani elibekiwe lokudlalwa kwalezi zinhlelo kulo mkhakha, kodwa abanamalayisensi okusakaza kuthelevishini bazonikezwa amaphuzu ngokuqhubela phambili ezobuciko (arts). Lo mkhakha wezinhlelo zezobuciko uzohlukanisa phakathi kwezinhlelo zobuciko bokudweba nokupenda (fine arts), imibhalo (literature), umculo weNingizimu Afrika, kodwa lokhu, ngeke kubandakanye izinhlelo zomculo wamavidiyo. Abasakazi abafana ne-e-tv, abanethuba lezobuciko ezinhlelweni zabo zezindaba, bangabala inani lamaminithi okwenza izinhlelo zobuciko, ohlelweni nohlelo lwezindaba, kanye nokuphawula lawo maminithi wodwa eceleni ngaphansi kohlelo lwezebuciko. I-Format Factor yezinhlelo zobuciko izoba ngokulandelayo: * u-2 kubuciko bezemidlalo (performing arts), ubuciko bezinto ezibonwayo (visual arts), ubuciko bezokubhala izincwadi zezitori ezifundwayo (literature), ubuciko bezokudweba (fine arts), ubuciko bemisebenzi yezandla (craft arts), ubuciko bobugagu bokubhala (creative writing), I-akhitheksha (architecture) kanye nomculo (kodwa okungabandakanyi izinhlelo zemiculo yamavidiyo). Ifomyula yokubeka amaphuzu ezinhlelo zobuciko izoba ngokulandelayo: Iphuzu Lezinhlelo zobuciko = I-Format Factor (iyunithi) x Isikhathi (amahora ngeviki). 7.4 Izinhlelo ezikhishwa okokuqala neziphindwayo I-ICASA ithathe isinqumo sokuqala inqubo yamaphuzo ukubona umphumela wezinhlelo eziphindwayo. Imitheshwana yenqubo (regulations) entsha yenza umehluko phakathi kohlelo olukhishwa okukuqala kanye noluphindwayo. Ukudlala kokuqala yikhona okuyothathwa njengokugcwalisa isidingo selayisensi maqondana nokudlala izinhlelo zeNingizimu Afrika eziyimfuneko. Eziphindwa okokuqala, kodwa eziqondiswe kubalaleli abathile abehlukile kunalabo abebedlalelwa zona kuqala, kuzothola amaphuzu angamaphesenti angu-50 kunalawo okuqala. Kanti uma lezi zinhlelo zibuya ziphindwa futhi, ngeke zisaphinda zithole amaphuzu njengezinhlelo ezidlalwayo zeNingizimu Afrika njengemfuneko yezinhlelo okumele zidlalwe zeNingizimu Afrika. Ukudlalwa futhi kwezinhlelo kwenye ishaneli noma kwesinye isiteshi nakho kuyonikezwa amaphuzu anguhafu uma kuqhathaniswa nokudlalwa kwalolo hlelo okokuqala. Le nqubo iyosebenza nakuzinhlelo zezingane. I-ICASA ifuna ukuthi abasakazi banikeze imisebenzi yokwenza izinhlelo zezingane ezintsha, hhayi nje ukuthi basakaze ezindala kuphela. I-Format Factor yezinhlelo eziphindwayo yona izoba ngokulandelayo: * u-0.5 ekuphindweni kokuqala kubalaleli abehlukile; * u-0.5 kuhlelo olukeladlalwa kodwa ludlalwa kwesinye isiteshi; kanye * no-0.5 kuhlelo olusakazwayo futhi kuziqephu zeviki. 8. Izinto abasakazi abakhangisa ngazo ukwazisa ngezinhlelo zabo Izinto abasakazi abakhangisa ngazo ukwazisa ngezinhlelo zabo, ngisho noma zazisa ngezinhlelo noma lowo msakazo uqobo lwawo, ngeke zanikezwa amaphuzu noma ukuthathwa njengezinhlelo ezigcwalisa isidingo nemfuneko yenani lezinhlelo zeNingizimu Afrika okumele zidlalwe kuthelevishini. Kulokhu, i-ICASA yalalela imibono yabantu ngesikhathi imiphakathi inikeza imibono ngezokusakaza ukuthi izinto zokukhangiswa kwezinhlelo zifakelwa njengezindleko zokwenza izinhlelo zalo lonke uhlelo. I-ICASA ikholelwa ukuthi abasakazi bebezokwenza lezi zinto ngisho noma bekungekho mthetho noma imitheshwane yenqubo ephoqelela ukuthi kudlalwe izinhlelo zenani elithize zeNingizimu Afrika eziyimfuneko. 9. Imikhakha ehlukene, imibandela yokuhweba kanye nezindlela ezivamile zokunikezwa kwemisebenzi yokwenza izinhlelo I-ICASA ithathe isinqumo sokusungula iforamu, usihlalo wayo okuzoba yisikhulu esisebenzela i-ICASA ukuqhubeka nokuphenyisisa ngalolu daba. Iforamu izohlanganisa abasakazi, abakhiqizi noma abenzi bezinhlelo abazimele kanye nabameli babo, kanye nabanye abathintekayo ukuthola isixazululo maqondana nenqubo esetshenziswayo ekunikezweni kwemisebenzi yokwenza izinhlelo. Iforamu izobhekana nezinye zeziphakamiso ezenziwe ngesikhathi sophenyisiso, izinto ezifana nenqubo elungile yokuziphatha lapho kunikezwa ngemisebenzi yokwenza izinhlelo (commissioning practices code). Nangaphezu kwalokho, i-ICASA ifakele isidingo kumtheshwana wenqubo (regulations), sokuthi abasakazi kumele babenenqubo esobala nelungile ekunikezeni imisebenzi yokwenza izinhlelo. Maqondana nesidingo esiphawuliwe sokuqinisekisa ukuthuthukiswa kwamathalente amasha, kanye nokukhombisa izindaba noma izinto ezenzeka kumaprovinsi ehlukene eNingizimu Afrika, i- ICASA ithathe isinqumo sokuhuha nokukhuthaza ukwenziwa kwezinhlelo zeNingizimu Afrika, zenziwa zinkampani ezehlukene ezizimele, ezitholakala kumaprovinsi ehlukene, hhayi nje kumaprovinsi aseGauteng naseNtshona Kapa kuphela. Ukudlalwa emoyeni kwezinhlelo ezenziwe zinkampani ezizimele kanti futhi ezilawulwa ngabantu ababecindezelwe ngesikhathi esedlule, nazo ziyobonelelwa ngokufanayo ngokunikezwa amaphuzu. Ama-Format Factor okunikezwa kwemisebenzi yokwenza izinhlelo zinkampani ezizimele ezikumaprovinsi angewona awaseGauteng neNtshona Kapa kuzoba ngalandelayo: * u-3 kuhlelo olwenziwe yinkampani yokwenza izinhlelo ezimele eseMpumalanga, eProvinsi yaseLimpopo, eNyakatho Ntshona, eNyakatho Kapa, eFree State kanye naseMpuma Kapa; * u-2 kunkampani ezimele eyenza izihlelo yaKwazulu-Natali; * u-3 kunkampani ezimele eyenza izinhlelo elawulwa ngabantu ababecindezelwe ngesikhathi esedlule; Ifomyula iyoba ngokulandelayo: Iphuzu leNkampani eyenza izinhlelo ezimele = I-Format Factor (iyunithi) x Isikhathi (amahora ngeviki). 10. Izilimi ezisacikelwe phansi kakhulu Ekulalelweni kodaba, eNyuvesi yase-Rhodes, inhlangano ye-PANSALB yacela kakhulu i-ICASA ukuqinisekisa ukuthi kuba nokuphathwa kwezilimi zomthetho ngendlela elingananayo kuthelevishini. Bathi, ukungafakelwa kwezinye izilimi (ezifana ne Tshivenda, Xitsonga, Siswati kanye nesiNdebele) ezinhlelweni zethelevishini akwamukelekile neze, futhi kuwukucwasa ezinye izilimi zomthetho. Baphakamisa ukuthi kuthathwe amanyathelo okuqinisekisa ukuthi izinhlelo zabasakazela isizwe sonkana (public broadcaster) babandakanya zonke izilimi zomthetho. I-ICASA ibona ukuthi lolu daba kungabhekwana nalo kahle futhi kanzulu ngesikhathi senqubo yokuhlelwa kabusha kwe-SABC. UMSAKAZO 11. Incazelo ngoMculo waseNingizimu Afrika Njengencazelo yezinhlelo eziyimfuneko zeNingizimu Afrika kuthelevishini, kanye nokwenziwa kwezinhlelo zethelevishini ezimele, i-ICASA izothumela lezi ziphakamiso ePhalamende, lezi ziphakamiso zenziwe ngesikhathi sophenyisiso, ukuthi incazelo yomculo waseNingizimu Afrika ikhishwe kuMthetho (ku-Act), ebese ifakelwa kumitheshwana yenqubo (regulations) ye-ICASA. 12. Inani eliyimfuneko okumele lidlalwe lomculo waseNingizimu Afrika Inhlobo yobusakazi Inani lamanje Ukungezelwa kwalo Inani elisha Iziteshi zemisakazo kawonke-wonke 20% 20% 40% Iziteshi zemisakazo yemiphakathi 20% 20% 40% Iziteshi zemisakazo yentengiso 20% 5% 25% Imitheshwana yenqubo kanye namanani okumele alandelwe (quotas) kuyoqala ukusebenza mhlaka 22 ku-August ngo-2003. 13. Ukungezela nokunweba ukwamukelwa kwezinto ezenziwe ukuthuthukisa ingqikithi yezinhlelo zeNingizimu Afrika Ekubhekaneni nezicelo zokuthi kube nezindlela eziguqu-guqukayo nezibonelela nhlangothi zonke kumitheshwana yenqubo, i-ICASA ithathe isinqumo sokusungula indlela noma inqubo yokwamukela lokho okwenziwe ekuthuthukisweni kanye nasekuqhubeleni phambili umculo weNingizimu Afrika ngezinye izindlela ngaphandle kokudlala ama-track. Ngakho-ke, abasakazi bazovunyelwa ukugcwalisa inani eliyimfuneko (quota) ngezinye izindlela ezenziwayo. Okulandelayo kuzokwamukelwa njengenye indlela yokwenza eyamukelekile, kunaleyo yokudlala ama-track: * ukusakazwa kwemiculo ngaleso sikhathi yenziwa ngaso kunokudlala amarekhodi; * ukuxoxisana nabadlali nabaculi baseNingizimu Afrika; kanye * nokwazisa ngabaculi abasha. Ama-Format Factor omculo weNingizimu Afrika, ayoba ngokulandelayo: * u-2 kumaminithi namaminithi amahlanu omculo odlalwayo; * u-2 ekuxoxisaneni (ama-interview) athatha amaminithi amahlanu noma angaphezulu nabaculi baseNingizimu Afrika noma abaqambi bemiculo. * u-1 ukupromotha noma ukwazisa ama-track abaculi abasha. Ifomyula yokuskora noma yokunikeza amaphuzu omculo kuyoba ngelandelayo: * ukuboniswa komculo odlalwa oshashalazini ngaleso sikhathi: i-Format Factor (iyunithi) x ngesikhathi (isibonelo, ukuboniswa komculo odlalwa ngaleso sikhathi x ngamaminithi amahlanu = ulingana namaphuzu noma amaphoyinti amabili (2); * Ukuxoxisana (i-interview) nomculi noma abaculi, umqambi noma abaqambi, kuzothola amaphoyinti amabili; kanti * Ipromoshini yama-track abaculi abasha: i-Format Fact x Nani lama-track (isibonelo, umculi omusha (yiphoyinti elilodwa) x ngama-track amabili (amaphoyinti amabili) = amaphoyinti amabili. Amaphoyinti noma amaphuzu ayishumi azolingana nephesenti elilodwa (1%) lenani lohlelo oluyimfuneko lweNingizimu Afrika, ngeviki. Abaculi abasha, ngabaculi lawo ama-albamu abo okuqala asebe ezimakethe izinyanga eziyisithupha noma isikhathi esingaphansi kwalesi. 14. Iforamu yezomculo waseNingizimu Afrika (i-SAMF) I-ICASA ithathe isinqumo sokusungula iforamu ezokwaziwa ngokuthi yi-South African Music Forum (SAMF) ukusiza ukuhlanganisa yonke imizamo yokuqinisekisa ukuphumelela kwemisebenzi kahulumeni nemboni. Ubulunga beforamu buzohlelwa ngokubonisana nabantu bemiphakathi, kunqubo ezoba iqaphelwe yi-ICASA. Amalunga aqokwa ukuba kuforamu, kumele kube ngavela kumboni, kanti futhi kube ngavela kuzinhlangano ezilandelayo, i-National Association of Broadcasters, i-National Community Radio Forum, i-South African Music Week, kanye nama-NGO afanele, amele izimboni zezokurekhoda, nezimboni zomculo zeNingizimu Afrika, kanye namaqembu athengayo kulezi zimboni. Iforamu izobuye isebenzisane neminyango kahulumeni kanye nezinye izinhlangano maqondana nezinto ezingaweli ngqo ngaphansi kwegunya layo, kodwa izinto ezithintene kakhulu nezokusakaza ikhakulakazi ubusakazi bemisakazo, isibonelo, abeze-needletime, abeze-payola, kanye nokuqoqa nokwabiwa kwezimali zokukhiqiza noma zokwenza izinhlelo. Umsebenzi we-SAMF kuyoba ngokulandelayo: * ukuqaphela ukurekhodwa kanye nokukhiqizwa komculo weNingizimu Afrika, ukudlalwa kwawo kanye nobuqambi bawo; * ukwenza ukuthi iziteshi zezentengiso zidlale kakhulu umculo weNingizimu Afrika; kanye * nokusebenzisana noma ukuxhumana nezinye izinhlangano ezingaweli ngqo ngaphansi kwamandla negunya le-ICASA. INANI ELIYIMFUNEKO LEZINHLELO ZENINGIZIMU AFRIKA KUTHELEVISHINI NOMSAKAZO February 2002 1 15 18 IDLALWA KANJANI I LOTTO Ukuze udlale i Lotto kanye, kufanele ukhethe izinombolo eziyisithupha eziphakathi kuka 1 no 49. Lokhu kubiza u R2.50 (sekune VAT) futhi ungawina izigidi zamarandi. Hlikihla izinombolo zakho eziyisithupha kunoma yiliphi lamabhodi akhona kwi khuphoni lakho. Sebenzisa ipeni elimnyama noma elomsizi. Ungadlala imidlalo ye Lotto ize ibe yisithupha ekhuphonini ngalinye, okwenza ube namathuba ayisithupha okuwina. Ibhodi ngalinye eligcwalisiwe libiza R2.50. Nika umthengisi we National Lottery i khuphoni kanye nemali. Uzobe esebhala kwi Computer ye National Lottery zonke izinombolo ozikhethileyo bese ekunikeza ithikithi elibhalwe izinombolo zakho. Yilona lasidi lakho ke leli. Uma wenza iphutha lapho ugcwalisa kwelinye lamabhodi, vele uhlikihle lapho kubhalwe khona CANCEL bese uqala kwenye indawo kabusha. Uma ufuna ukudlala izinombolo zakho izikhathi eziyi 10 ezilandelayo, hlikihla lapho kubhalwe khona "Number of Draws" duze nomcibisholo. Ukuze ubone ukuthi ukhethe izinombolo eziphumelelayo yini, kufanele ubukele bukhoma uhlelo i Lotto draw ku SABC 2 ngo 8:30 kusihlwa ngosuku olubhalwe ethikithini lakho. IMIPHUMELA YE LOTTO IZOSAKAZWA KABANZI KU TV, RADIO NAMAPHEPHANDABA. UWUTHOLA KANJANI UMKLOMELO WAKHO Izinombolo eziwinayo ezitonyulwe ku TV kanye nemiklomelo yakhona, kusakazwa kabanzi emva kwe-draw. Hlola izinombolo zakho ubone ukuthi zingaki ezifanayo neziwinayo. Uma kunomklomelo owuwinileyo ongafika ku R500, uzokhokhelwa kubadayisi be National Lottery. Kukhona izindawo ezikhethekile ezibizwa "Authorized Prize Payment Centres" ezikhokha imiklomelo ukufika ku R50 000. Imiklomelo ye Jackpot iyokhokhwa emahovisi e National Lottery kuphela. Lapha kubekwe nje ngamafuphi ukuthi ungadlala kanjani futhi uwine i Lotto. Imithetho egcwele yokudlala lomdlalo iyatholakala kubo bonke abadayisi be National Lottery. Ngemininingwane eyengeziwe noma yonke imiphumela, ungashayela e Player Thusong ku 0800 40 30 40 noma ubhalele kwi National Lottery. KUFANELE UBE NEMINYAKA ENGU 18 UKUZE UKWAZI UKUDLALA NOMA UKUZUZA UMKLOMELO WAKHO WE LOTTO National Lottery Private Bag X72 Auckland Park 2006 Ukwaziswa mayelana ne Lottery 0800 40 30 40 Umdlalo we National Lottery wokuqala gqa, obizwa ngokuthi Lotto usuthelekile - ngumdlalo wezinombolo onesasa lapho izinombolo zakho zenhlanhla zingakuwinela izizumbulu zamarandi masonto onke. Bheka uphawu lwe National Lottery esitolo sangakini uzidlalele i Lotto namhlanje. Umshini okhethekile we Lotto Draw unamabhola abhalwe izinombolo angu 49. Lomshini ukhetha noma kanjani izinombolo eziyisithupha okuyizona Eziwinayo awulandeli hlelo oluthile, bese kuba khona nelinye ibhola ngaphezulu eline Bonus Number. Lona ke lingakuwinela eminye imiklomelo ngaphezulu. Uma izinombolo ozik-hethe ebhodini elilodwa zihambelana nalezi, ungawina umklomelo owodwa kule Mikhakha elandelayo: Amanani emiklomelo ayahluka isonto ngalinye, kuye ngokuthi bangaki abaphumelele uMkhakha nga-munye. Amanani oMkhakha ngamunye ayamen-yezelwa emva kokuba sekutonyuliwe. Isilinganiso sithi, ithikithi elilodwa kwangu 50 lizowina ukusukela emarandini athile ukuya kwizizumbula zamarandi. LRAD DEPARTMENT: AGRICULTURE REPUBLIC OF SOUTH AFRICA UKWABIWA KOMHLABA NGEZINHLOSO ZOKUTHUTHUKISWA KWEZOLIMO ISANDULELO Incwajana yolwazi ngeLRAD inikeza izimpendulo ezilula ngemibuzo evamise ukubuzwa. Ngaphezu kwalokho, le ncwajana yenzelwe ukusiza abangahle bahlomule usizo kanye nabathengisi, ukuba baqonde izisekelo kanye nezidingo okumele zeneliswe ukuze basizakale ohlelweni ukusuka kunoma yiliphi iphuzu, kungaba ngumthengisi, ophathele abathile noma osizwayo. Le ncwajana ayenzelwe ukuba ithathe indawo yombhalo wenqubomgomo (LRAD) noma indawo yencwadi yokuchasisisa yalolu hlelo, kepha imane ikhona ukuba yengeza futhi ibonelele abantu abeswele amakhono okuqondisisa imicabango ebanzi kakhulu, noma labo bantu abamane bedinga izimpendulo ezisheshayo ngemibuzo ebalulekile. 1. Luyini uhlelo lweLRAD? Uhlelo lokwaBiwa koMhlaba ngezinhloso zokuThuthukiswa kwezoLimo lwahlelelwa ukusiza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezazingabonelelwa ngaphambili, eziqhamuka emiphakathini yabaNsundu, amaKhaladi namaNdiya, ukuba zithenge umhlaba noma izinto zokusebenza zokulima, ikakhulukazi ngezinhloso zezolimo. 2. Lubasiza kanjani abantu? Iningi labantu bakithi alunayo imali eyenele yokuthenga umhlaba ngezinhloso zokulima. Lolu hlelo seluzosiza ngokwenza ukuthi kutholakale imali ethile kubafakizicelo abaphumelele, ukubasiza bengeze kulokho asebenakho ukuthenga umhlaba wokulima. Lokhu kuzokwenziwa ngeminikelo yokusiza kahulumeni, ezonikezwa ngokulandela imigomo ethile. 3. Uyini umnikelo wokusiza weLRAD? Uyindlela yokunika izimali noma umnikelo kahulumeni wemali ongabuyiswa, owenzelwe ukusiza abahlose ukuba ngabalimi ukuba bathenge umhlaba. 4. Ngabe ngizothola malini? Kuzosetshenziswa ifomula ukuthola ukuthi umuntu ngamunye uzothola malini. Le fomula yesekelwe ekuthini umuntu uyonikela okungakanani mayelana nokuthengwa kwengxenye ethile yomhlaba noma ekuthengweni kwamathuluzi okusebenza epulazini (imali engumnikelo womuntu luqobo lwakhe), yesekelwe futhi kulokho okuyoba ngumnikelo womuntu mayelana nakufakayo okuzosetshenziswa emisebenzini yokulima kuleyo ngxenye yomhlaba (umnikelo ongeyona imali kepha ongokunye), noma-ke yesekela kunhlanganisela yalokhu okubili. Inani lemali lizobe selinqunywa ngokulandela isibalo esiphelele esiyisamba salokho okungumnikelo womuntu luqobo lwakhe. Bheka ithebula 1. 5. Uyini umnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe? Umnikelo wokusiza uyosebenza kuphela njengokugcwalisela kulokho umfakisicelo asuke esenakho. Umnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe, ngakhoke uyimali umfakisicelo okumele ayilethe kulokho okwenziwayo, izoba yingxenye yalo lonke iphakethe lemali, okungukuthi umnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe + nomnikelo wokusiza. 6. Ngabe kwemukelwa imali engukheshi kuphela njengomnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe? Kunezindlela eziningi okungenziwa ngazo umnikelo ongowomuntu uqobo lwakhe, okuyilezi, (a) Umnikelo ongukheshi Umfakisicelo anganikela ukusuka ebuncaneni bemali obuyi- R5000, okuzobe kulungela umnikelo wokusiza ohambelana nakho oyi-R20 000 kuze kufike esibalweni esikhulu esiyi-R400 000, eyobe isilungela ukuthola inani lo mnikelo wokusiza ohambelana nakho oyi-R100 000. (b) Umnikelo okungesiyo imali Kunezindlela eziningi onganikela ngazo okungeyona imali, okuyilezi - Impahla, imishini, izinto ezisetshenziswayo nemfuyo: Lezi zinto ziyolinganiswa nenani lazo langaleso sikhathi bese kusetshenziswa isibalo esiphelele sazo njengomnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe. (c) Umnikelo ongukusebenza Noma yiliphi inani lesibalo elingukusebenza lizolinganiswa lifike ezingeni lobukhulu obuyi-R5000 umnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe. 7. Yiziphi izimpahla ezingasetshenziswa njengomnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe? Yizimpahla zezolimo ezikhona, eziyingxenye esemqoka ekusetshenzisweni komhlaba ozotholwa ngokusebenzisa uhlelo. 8. Yiziphi izimpahla ezingenakusetshenziswa njengomnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe? (a) Ngumhlaba owatholwa ngomnikelo wokusiza owatholwa ngaphambili, ngokubuyiselwa komhlaba, ngomnikelo wokuthi usuhlale futhi usebenza kuleyo ndawo isikhathi eside, njengesipho, njll. 9. Kwenzekani uma ngabe angikaqedi ukukhokhela ezinye zezimpahla zami? Izikweletu ezisasele zempahla yezolimo azizukuba namphumela ekubolweni njengomnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe. 10. Ingubuncane noma ubukhulu obungakanani imali engahle itholwe ngumuntu, futhi uyini umnikelo ohambelana nayo? Imali engubuncane obuyi-R20000 izodinga ubuncane obuyi-R5000 obungumnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe (imali engukheshi noma okunye okungeyona imali. Ubukhulu obuyi-R100 000 buzodinga umnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe obukhulu bawo obuyi-R400 000. Phakathi kwamanani amancane kanye namakhulu, kunamanani omnikelo wokusiza akhona, kwencike emnikelweni womuntu obambe iqhaza. (Bheka isikali somnikelo wokusiza kanye nomnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe). 11. Kungani uma imali efakwa ngumuntu ingaphansana kuba nereshiyo eliphakeme lomnikelo wokusiza kunalapho kuqhathaniswa khona nomnikelo omkhudlwana? Lolu hlelo luqondiswe ekusizeni abantu abampofu. Isikali somnikelo wokusiza sihlelwe ngendlela yokuthi uma incane imali onayo kube nosizo olukhulu uma kwqhathaniswa nomnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe. Lokhu kuvela uma kuqhathaniswa nalokho okungatholwa ngumuntu onomnikelo omkhudlwana. 12. Yini okuyomele ngiyisebenzisele umnikeIo wokusiza? (a) Ukuthola umhlaba (b) Ukwenza ngcono umhlaba, ukutshala izimali kuzingqalasizinda, impahla eyimali kanye nezinto zezolima ezidingeka esikhashaneni esiseduze. 13. Yimuphi umnyango/iminyango ebhekene nohlelo? Iminikelo yokusiza izonikezwa nguMnyango kaZwelonke wezoMhlaba, kepha yomibili iminyango, owezoMhlaba nowezoLimo, izosebenza ngokubambisana ukubona ukuqubeka kohlelo ukusuka ekuqaleni kuze kube sekupheleni. 14. Ngobani okumele bafake izicelo? Kumele • ube yilungu leqembu elalincishwe amathuba ngaphambilini (abaNsundu, amaKhaladi noma amaNdiya) • ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu • ube nenhloso yokuthi umhlaba lowo uwusebenzisele izinhloso zokulima zodwa • ube nenhloso yokuba ngumlimi osebenza lowo msebenzi wodwa (ngaphandle kwamaprojekhthi avikelwe) • kungabikho sikhundla onaso ngaphakathi kwemisebenzi kahulumeni • uzimisele ukuhlanganyela ohlelweni lokuqeqeshwa ngemuva kokutholwa komhlaba • ukwazi ukuthi wenze umnikelo ongowakho • nibe yinhlangano ehlelekile uma ngabe nifaka isicelo njengeqembu • ube ne-akhawunti yasebhange. 15. Ayini amaprojekhthi avikelwe? Uhlelo lweLRAD lwenziwe ngendlela yokuthi abazuzayo bakwazi ukungena ohlelweni emabangeni ahlukahlukene okukhiqiza, okuyilawa: (a) Amaprojekhthi avikelwe Leli yizinga lapho abasizwayo bethola kulo umhlaba ukuze bakhiqizele ikakhulukazi ukuzidlela. (b) Izinhlelo zokulinganisa (ama-equity scheme) Ilungu ngalinye leqembu, liyonikela inani elithile ukuze kutholwe umnikeIo wokusiza. Ngenxa yalokho, ilungu nelungu lizoba nephesenti elithile (isheya) leprojekhthi, kuye ngezinga lomnikelo walo. Leli sheya libizwa i-equity, futhi lizolingana nobungako bomnikelo womuntu ngamunye kanye nomnikelo wokusiza. Laba baninimasheya bazoba yikho kokubili ukuba ngabanikazi abahlangene, futhi babe ngabasebenzi bepulazi. (c) Ukukhiqizela izimakethe Abanye abantu bazongena ohlelweni ezingeni eliphakeme kakhudlwana kunalabo abaphawulwe ngenhla. Laba bantu kungenzeka babe nolwazi lwangaphambili lwezokulimo. Bangabuye babe nendlela yokuthola imali eyengeziwe ngokusebenzisa izimali ezejwayelekile ezetshelekwa emabhange. Bangaba nezimpahla zabo kanye nemali engukheshi ukuthenga amapulazi amakhulu bese kuthi ngenxa yalokho bakwazi ukusebenzela ezingeni elikhulu impela uma liqhathaniswa namanye. (d) Ezolimo ezindaweni ezihlanganyelwe ngabantu abaningi Abantu abaningi ezindaweni ezihlanganyelwe, sebenawo umhlaba abangawusebenzisela ezolimo, kodwa okungenzeka ukuthi abanayo imali yokuqala ukusebenzisa lowo mhlaba ngempumelelo, labobantu bazovunyelwa ukuba bafake izicelo zosizo ukuze baqale izindlela zokutshala imali ngempumelelo kulowo mhlaba. Lezi zinhlobo zamaprojekthi zingaba sohlangothini olukhiqiza kancane (amaprojekthi avikelwe) noma zibe koluphezulu (ukukhiqizela izimakethe). 16. Nhloboni yomhlaba engivunyelwe ukuyithenga ngaphansi kwalolu hlelo? Noma yimuphi umhlaba wokulima eNingizimu Afrika, kunganakiwe ukuthi usesimweni esinjani mayelana nokuhlala nokusebenza kuwo, uthathwa njengolungele lokwabiwa kabusha ngaphansi kwalolu hlelo, ngaphandle komhlaba ongaphansi kwabantu abawuhlanganyele ezindaweni ezazingozibuse esikhathini esedlule. 17. Ngabe umuntu angawuthola umhlaba kodwa abe eqhubeka esebenza kwenye indawo? Esinye sezidingo ngukuthi umfakisicelo kumele azinikele kwezolimo isikhathi sakhe ngokugcwele, ngaphandle kwalabo balimi abakhiqizela ikakhulukazi uzidlela. 18. Kuyokwenzekani ngemuva kokuba ngithole umhlaba? Nhloboni yosizo engiyoluthola kuhulumeni? Umnyango wezoLimo unohlaka lwezinsizakalo zokuxhasa asebewutholile umhlaba ukuze lusize abalimi. Ukuqeqeshwa kuzokwenziwa ezikhathini ezivelayo futhi neziphathimandla ezizosebenza phakathi kwabantu labo, zizoba khona kuzo zonke izifunda ukunikeza usizo lwezobuchwepheshe kubo bonke abalimi, abafufusayo kanye nabasebenzela intengiso. 19. Yimiphi imibhalo ezolindelwa iqhamuka kimi? • Isiphakamiso ngokusetshenziswa komhlaba/ipulani yepulazi (isiphakamiso seprojekthi • Ithuba lokuthengisa ngentengiso evunyiwe, uma ngabe uqashile ube unikezwe nethuba lokuthi ungathenga. • Uhla lwamalungu ekhaya noma amalungu eqembu, uma ngabe isiphakamiso kungeseqembu. • Isiqiniseko sokuthi itayitela lomhlaba licacile, likhululekile emibangweni yezomhlaba, libhaliswe egameni lomthengisi kanye nesiqiniseko sokuthi intengo okuvunyelwene ngayo ayikho ngaphezulu kwentengo yamanani abekiwe emakethe. • Ubufakazi bokutholakala kwezinsalela zemali okuzothengwa ngayo (izimali zakho noma inkontileka yemali engahle itshelekwe) • Umbiko wemali elinganisiwe ngomhlaba lowo 20. Ngingaya kuphi ukuthola usizo mayelana nokulungiswa ngendlela efanele kwemibhalo engenhla? Abafakizicelo bangazenzela konke ukuhlela bona luqobo lwabo, noma bangakhetha ukwemukela usizo losebenza ngezokuhlela. Akuyona impoqo ukusebenzisa umsizi uma ubona ukuthi ungenza futhi ugcwalise zonke izidingo. Iziphathimandla zesifunda nazo ziyobasiza abafakizicelo uma kunesidingo. KUma ubona kungcono ukusebenzisa umuntu osebenza ngezokuhIela, ungakwenza lokho ngokuthi uthole uhla lwabasizi labo, emahhovisi esifundazwe okuhlanganiswa komhlaba noma emahhovisi esifundazwe ezolimo. Laba basizi bazobe sebenza wonke umsebenzi odingekayo bese kuba khona imali engumnikelo obekelwe ukuhlela ezoba yinkokhelo yabo. ITHEBULA 1 Isikali somnikelo wokusiza kanye nomnikelo ongowomuntu luqobo lwakhe Umnikelo ongowomuntu 10 000 20 000 30 000 40 000 50 000 60 000 70 000 80 000 90 000 100 000 25 798 33 278 38 622 42 926 46 592 49 819 52 721 55 371 57 819 60 100 1000 26717 33880 39090 43317 46932 50122 52996 55624 58054 60320 2000 27585 34463 39548 43702 47268 50422 53269 55875 58287 60539 3000 28408 35031 39998 44081 47600 50720 53540 56125 58519 60756 4000 29192 35583 40439 44455 47928 51014 53808 56372 58750 60972 5000 20000 29941 36120 40871 44823 48252 51305 54074 56618 58978 61187 6000 21385 30659 36644 41296 45187 48572 51594 54337 56861 59206 61400 7000 22631 31350 37156 41714 45545 48889 51879 54599 57103 59431 61612 8000 23768 32015 37655 42125 45899 49202 52162 54858 57343 59656 61823 9000 24819 32657 38144 42528 46248 49512 52443 55116 57582 59879 62033 Umnikelo ongowomuntu 110000 120000 130000 140000 150000 160000 170000 180000 190000 200000 - 62241 64262 66180 68006 69751 71424 73032 74582 76077 77524 1000 62448 64458 66366 68184 69921 71588 73190 74733 76224 77666 2000 62654 64654 66552 68361 70091 71751 73347 74885 76371 77808 3000 62859 64848 66736 68537 70260 71913 73503 75036 76516 77949 4000 63063 65041 66920 68713 70428 72075 73659 75186 76662 78090 5000 63266 65233 67103 68888 70596 72236 73814 75336 76807 78230 6000 63467 65424 67285 69062 70763 72396 73968 75485 76951 78370 7000 63668 65614 67467 69235 70929 72556 74123 75634 77095 78510 8000 63867 65804 67647 69408 71095 72715 74276 75782 77239 78649 9000 64065 65992 67827 69580 71260 72874 74429 75930 77382 78788 Umnikelo ongowomuntu 210000 220000 230000 240000 250000 260000 270000 280000 290000 300000 - 78926 80286 81608 82893 84145 85366 86558 87722 88860 89973 1000 79064 80420 81738 83020 84269 85487 86675 87837 88972 90083 2000 79201 80553 81867 83146 84392 85607 86793 87951 89084 90193 3000 79338 80686 81997 83272 84515 85727 86910 88066 89196 90302 4000 79475 80819 82126 83398 84637 85846 87027 88180 89308 90412 5000 79611 80951 82255 83523 84760 85966 87143 88294 89419 90521 6000 79747 81083 82383 83648 84882 86085 87259 88408 89531 90630 7000 79882 81215 82511 83773 85003 86203 87375 88521 89642 90738 8000 80017 81346 82639 83898 85125 86322 87491 88634 89752 90847 9000 80152 81477 82766 84022 85246 86440 87607 88747 89863 90955 Umnikelo ongowomuntu 310000 320000 330,000 340,000 350000 360000 370000 380000 390000 400000 - 91063 92131 93178 94206 95214 96204 97177 98134 99074 100000 1000 91171 92237 93282 94307 95314 96302 97274 98228 99168 2000 91278 92342 93385 94409 95413 96400 97370 98323 99261 3000 91386 92447 93489 94510 95513 96498 97466 98418 99354 4000 91493 92553 93592 94611 95612 96595 97562 98512 99446 5000 91600 92657 93694 94712 95711 96693 97657 98606 99539 6000 91707 92762 93797 94813 95810 96790 97753 98700 99632 7000 91813 92866 93899 94913 95909 96887 97848 98794 99724 8000 91919 92971 94002 95014 96008 96984 97944 98888 99816 9000 92025 93075 94104 95114 96106 97081 98039 98981 99908 UBUKHULU BOMNIKELO WOKUSIZA UHAMBISANA NOMNIKELO ONGOWOMUNTU UQOBO LWAKHE 20000 30,000 40,000 50,000 60000 70000 80,000 90,000 100000 - 5000 15080 33005 60596 99548 151463 217,873 300245 400000 1000 5710 16489 35301 63953 104130 157427 225368 309415 2000 6481 17977 37695 67425 108844 163538 233024 318761 3000 7315 19549 40189 71014 113690 169796 240843 328283 4000 8214 21204 42784 74722 118671 176204 248825 337983 5000 9180 22945 45484 78550 123788 182763 256974 347863 6000 10214 24774 48289 82499 129042 189474 265289 357923 7000 11320 26693 51201 86572 134435 196339 273772 368166 8000 12498 28703 54222 90770 139969 203360 282425 378592 9000 13751 30807 57353 95095 145644 210537 291249 389203 Ngenxa yokuthi uhlelo kuhloswe ukuba lusebenze esikhathini esiyiminyaka eyi-15 ukuya ku-20 iminikelo yokusiza ngaphansi kohlelo lolu izokhonjiswa ngokobungako bangempela beRandi 21. Ngabe ngizoqala kanjani kulokhu? Shayela lapha - (012) 319 7020 noma uthintane namahhovisi aseduze nawe esiFundazwe ezoMhlaba noma ezoLimo angezansi. Iminyango yesifundazwe yezoLimo neyezoMhlaba Isifundazwe Umnyango Umuntu ongaxhumana naye Iinomobolo yocingo iGauteng EzoLimo V. Titi 011-355 1317 EzoMhlaba M. Ndlela 012-310 6500 iMpumalanga EzoLimo R. Matare 013-755 4721 EzoMhlaba A.van der Merwe 013-755 3499 iFulejisitata EzoLimo M.B. Motsie 051-8611258 EzoMhlaba W. Barnes 051-400 4200 iKwaZulu-Natali EzoLimo W. Urquhart 033-343 1397 EzoMhlaba M. Shabane 033-355 4300 iNyakatho Ntshonalanga EzoLimo Mr Seobi 018-389 5723 EzoMhlaba P. Mongae 018-384 2437 iNyakatho Koloni EzoLimo F. du Toit 053-838 9111 EzoMhlaba O. Mvula 053-831 4090 iNyakatho EzoLimo J. Thupane 015-295 7090 EzoMhlaba E. Letsoalo 015-297 3539 iNtshonalanga Koloni EzoLimo I. Olckers 021-808 5103 EzoMhlaba S. Middleton 021-426 2947 iMpumalanga Koloni EzoLimo Mr Pityi 040-609 3532 EzoMhlaba M. Kenyon 043-743 4689 2001 Compiled by Directorate Farmer Settlement and Development Printed and published by Department of Agriculture, Directorate Communication and obtainable from Resource Centre, Private Bag X144, Pretoria, 0001South Africa ISIFINYEZO ESISEMQOKA Umlando wezizindaba eNingizimu Afrika ukhombisa umehloko noqhekeko lwesikhathi esedlule kumphakathi wonkana wakithi kanye nokuthi ngobani abanamandla namagunya. Inselele ekhona yokuguqula izinto zihambe ngenqubo yedimokhrasi ikuyo yonke imikhakha yempilo yabantu, lokhu kubandakanya ngisho nezikhungo kanye nenqubo yezezindaba. Uhulumeni uzimisele ukuqala inhlangano ezoqhubela phambili ukuthi izizinda zezindaba kanye nabezindaba kufinyeleleke kuwo wonke amaqembu abantu ababecindezelwe nabasantulayo, kanye nokuthi izizinda zezindaba zibe kumikhakha ehlukene. Lokhu kulandela isinqumo esathathwa yiKhabhinethi esasilandela isiphakamiso esenziwa yi-Comtask ngo 1996. Loku kulandela uMthethosisekelo, uMthetho omkhulu waMalungelo (Bill of Rights) kanye noHlelo lokwakha kabusha neNtuthuko (Reconstruction and Development Programme) kanti futhi lokhu kubuye kwasekelwa wuhlelo lukazwelonke lwamanyathelo okuqhubela phambili kanye nokuvikelwa kwamaLungelo oBuntu (National Action Plan for the Promotion and Protection of Human Rights), okugxila kakhulu kunkululeko yokukhululeka ukuveza imibono kanye nokusabalaliza izizindaba zabezindaba ukuba semikhakheni ehlukene (media diversity), kanye nesidingo sokuba nezindlela ezehlukekene zokuqinisekisa ukuthi lokhu kuyafezeka. Lokhu kulandela imizamo engaphumelelanga yezinhlangano nabantu bemiphakathi ukubumba inhlangano enjengalena ekuqaleni kweminyaka yoma 1990. Isizathu esigqugquzela le nqubo yokuthi kube nenhlangano ye-Media Development and Diversity Agency (MDDA) ebhekene nezindaba izikhungo zazo eziba kumikhakha ehlukene kanye nengabizi kakhulu. Lokhu kuncike kusidingo sokuba nenhlangano ezoba nochwepheshe bezezindaba kanye nabanye abantu abaziwayo emiphakathini, le nhlangano umsebenzi wayo kuzoba ukusiza ngezimali, ukuqhuba ucwaningo, kanye nokuthuthukisa ubuchwepheshe kuntuthuko yezezindaba nokusabalalisa izizinda zezindaba emikhakheni ehlukene, nokuqinisekisa ukuthi zonke lezi zinto ziyafezeka. Le nhlangano izosebenza nokuphatha izinto ngokulandela izimiso zokuqhuba kahle ngenqubo yezamabhizinisi, kanti futhi izoba namagunya kanye nemithombo yosizo efanele. Izosebenza buqelelana nohulumeni, imboni yezezindaba kanye nabanye abasiza ngezimali. Njengoba wonke umhlaba uphikelele kunqubo yokusetshenziswa kwamakhompyutha nezingcingo (information society), kubalulekile ukuthi zonke izakhamizi zikwazi ukuthola izindaba kanye nemibono ehlukene ukuze zikwazi ukubamba iqhaza kumhlaba oya ngokuxhumana kakhulu, zibambe iqhaza emikhakheni yezindawo lapho zihlala khona, kuzwelonke kanye nakumazwe omhlaba. Uhulumeni wenze ukuthi ukufinyeleleka kwezindaba kubo bonke abantu kube yingxenye yenqubo yohlelo lokwakha kabusha kanye nentuthuko. Inhlangano ye-MDDA, njengohlelo lwezikhungo zemiphakathi ezinezinhloso eziningi (Multipurpose Community Centres), kungumsebenzi obalulekile ukubhekana nale njongo. Kuzosiza ukuguqula inqubo yezezindaba nokuxhumana, ngendlela eyakha izizinda zosizo emiphakathini kanye nokuqikelela ukuthi kube nezizinda zezindaba ezihleleke ngokubonisa izipiliyoni kanye nemibono yabantu ababecikelwe phansi. Ngamanye amagama, ngisho noma inhlangano ye- MDDA ingeke yaletha inguquko ngokuphelele ngokwayo kuzizinda zezindaba, izosiza ngezimali, ukugqugquzela, ucwaningo kanye nokuba ngumqhathanisi nomqondisi wezinto ekuguquleni izizinda zabezindaba ezwini ngendlela ehambelana nezinguquko ezinabile. Ukuchaza ukuthi yini ukuthuthuka kanye nokusabalaliswa kwezizinda zezindaba emikhakheni ehlukene: Ukuthuthukisa ezezindaba kubandakanya ukuqhubela phambili nokugxilisa isimo sokuthi izinto zenzeke, ukuqeda isimo sokubandlululwa nokucikelwa phansi kwamanye amaqembu abantu ukufinyelela ezizindeni zezindaba - njengabanikazi bazo, omininjela noma abaphathi kanye nabakhiqizi bazo izindaba. Ukusatshalaliswa kwezizinda zezindaba emikhakheni ehlukene yinto eqinisekisa ukuthi yonke imikhakha yabantu kanye namazinga bakwazi ukufinyelela izizinda zezindaba kanye nokuthola imibono ehlukene kanye nolwazi kanye nemithombo yosizo ukuze konke kukhombise yonke imikhakha yomphakathi. Ukufinyelela ezingeni lokusabalalisa izizinda zezindaba kuzosizakala nokufinyelela lapho kunezindlela zokusabalalisa izindaba kuyo yonke indawo nemikhakha, izizinda ezincane nezinkulu zezindaba. Abezindaba eNingizimu Afrika: Ngisho noma okuningi sekwenziwe selokhu kwaqala inqubo yedimokhrasi, ukubhekana nezinkinga ezikhona maqondana nentuthuko yezizinda zezindaba kanye nokusabalalisa ubunikazi balezi zizinda zezindaba, lokhu akukeneli. Inani lamathelevishini, amanyuziphepha, kanye nokuxhumana ngeze-internet okuyizinto ezitholakala kumuntu ngamunye ezweni, kusekuncane kakhulu. Ubunikazi bezizinda zezindaba busatholakala kubantu abambadlwana kakhulu, kanti nakhona akuhlangabezani nezidingo zeningi labantu kanye nezidingo zabo. Abantu abakameleki ngendlela efanele kumikhakha yezokuphatha (yemenejimenti), kwezokuhlela kanye nakubasebenzi bezizinda zezindaba. Okwenzeka eNingizimu Afrika kubonise ukuthi ukulindela ukuthi ezezimakethe, amathuba amalayisensi kanye nobunikazi bezizinda zezindaba ngokwazo zizodwa lezi zinto, ngeke zikwazi ukufezekisa isidingo sezinguquko. Inhlangano efana ne-MDDA iyadingeka kakhulu. Ukuthola ugqozi kulokho esekwenzekile: Izinto ezenzeka kumazwe omhlaba zibonisa ukuthi izikimu zokusekela kanye nokuqhubela phambili ubunikazi kanye nokuphathwa kwezizinda zezindaba kumikhakha ehlukene akuyona into entsha. Kudala zaqala ukwenziwa eYuropha ukusukela ngeminyaka yoma 1950, lokhu kwenziwa ngenxa yokuthi izimakethe zizodwa ngeke zakwazi ukuthi zibeke udaba lwezizinda zezindaba emikhakheni ehlukene. Empeleni, ubufakazi obukhona, bukhombisa ukuthi izimakethe ngokwazo zivama ukushubisa isimo sokuthi ubunikazi nokuphathwa kwezizinda zezindaba kube sezandleni zedlanzane elincane kakhulu, lokhu kuvimbela inqubo yokuthi bonke abantu bakwazi ukuveza nokudalula imibono yabo ehlukene ngokukhululeka. Imizamo yesikhathi esedlule maqondana nokuthi kube nenqubo yokuzenzela ngokuvolontiya ayizange iphumelele nokusebenza kahle, imizamo ye-Independent Media Trust, yagcina ngokufeyila ngenxa yokuthi kungatholakali zimali. Lokhu yikho okugxilise umbono wokuthi kungcono ukuthi kube nokusebenzisana noma ubudlelwane bokuba nophathina phakathi kukahulumeni, abezizinda zezindaba futhi ngendlela esekelwe ngumthetho, okungenza ukuthi kube nenqubekela phambili. Indlela i-MDDA emi ngayo kanye nobudlelwane bayo nezinye izinhlangano: I-MDDA izoba yinhlangano ezimele esungulwe ngumthetho, kanti futhi esebenza ngokulandela imigomo kahulumeni kanye nemikhombandlela ebekwe nguhulumeni. Kodwake, izoba nobudlelwane bokungeyamani kakhulu nohulumeni, abezamabhizinisi, kanye nabanye abasekela ngezimali. Igunya enikezwa lona kuzoba ngelokuthi iqhubele phambili inqubo yentuthuko, kanye nokusabalalisa izizinda zezindaba kumikhakhe ehlukene kwezezindaba zamaphephandaba, ezemisakazo kanye nezinye "izinhlobo ezintsha zezizinda zezindaba". I-MDDA izoba neBhodi eqokwe yiPhalamende ngokulandela inqubo esobala yokuthi imiphakathi ikhethe abantu abazoba kule Bhodi, kanti futhi amalunga ayo azobekwa nguMongameli. Ibhodi lizoqasha u-CEO. Ebese kuthi u-CEO, ngokusebenzisana neBhodi aqashe abasebenzi (i-staff) sabantu abanamakhono eqophelo eliphezulu, futhi abazoba nemithombo yosizo efanele. Ibhodi izosebenzisana nezinhlangano ezibhekene nezokuxhmana nokunikeza amalayisensi kwezokuxhumana, amafilimi, amavidiyo, kanye nokuqondisa nokuxhumana, ukuze kungabi nezinto ezenziwa ngokuphinda-phindekile. Kanti nangaphandle komsebenzi wayo wokusekela izizinda zezindaba, izobuye iqikelele ukuthi kwenziwe ucwaningo kanye nokwenza iziphakamiso kuhulumeni, imboni yezezinda zezindaba kanye neminye imikhakha ethintekayo. I-MDDA izoba nobudlelwane nazo zonke izinhlangano ezithinteka ngokuqonde ngqo kanye nalezo ezingathintekile ngokuqonde ngqo kwezentuthuko yezezindaba, ezinye zalezi zinhlangano ezosebenzisana nazo, yinhlangano ye-Independent Communications Authority of SA (Icasa). IMDDA izoba neforamu yomsebenzi wokubuyekeza inqubo njalo ngonyaka (Annual Review Forum), lapho lezi zinhlangano ezizobhekana khona nombiko wonyaka we-MDDA. Abazozuza kanye nohlobo lokusekela: Abazozuza kakhulu ngokuqonde ngqo nokungaqondile ngqo, kuzoba yimiphakathi, kanye nabezizinda zezindaba abangasebenzeli inzalo (profit) kanye nezinhlangano ezincane zezizinda zezindaba zohwebo ngezezindaba, ezibandakanya imisakazo, ithelevishini, kanye nabamaphephandaba. Kuzoba nokugxila kakhulu kumaprojekthi azokwenza ukuthi imiphakathi eshiyeke ngaphandle neyayicindezelwe - njengamakhosikazi, abantu basemakhaya (emaphandleni), abantu abakhubazekile, abantu abangakwazi ukufunda nokubhala, abasebenzi kanye nabantu abahluphekile bakwazi ukuthola ulwazi nezindaba ngezindlela ezehlukene. Abantu bazosekelwa ngezimali nangezindlela ezingabandakanyi imali, kanti lokhu kuzobandakanya ukuthola usizo lwezimali nolunye usizo ngendlela eqonde ngqo; ukuthola izimali zosizo kusimo esiphuthumayo; ukusekelwa ngezinhlelo zokuthuthukisa amakhono kanye nokuthuthukisa ukuthi kube nokungenela kwabantu nemiphakathi kwezokusakaza, kwezamaphephandaba kanye nezinhlobo ezintsha zezizinda zezindaba; uqeqesho; ukuhlolwa nokubuyekezwa kwamaprojekthi kanye nomsebenzi wezokuqapha ezezindaba; kanye nokwenza uphenyisiso ngezezindaba. Izobuye yenze nezincomo neziphakamiso ngabadinga izimali zokubolekwa ngokulandela izinqubo zayo zokuhlola. Nangaphezu kwalokho, i-MDDA izobuye izosebenzela ukuhlanganisa imizamo kazwelonke kanye neyamaprovinsi yokusabalalisa ezezindaba ngendlela efinyelelekayo kubantu, kanye nokulandela lezo zimiso zokusabalalisa izindaba kumboni yezindaba, ukuqinisekisa ukuthi bonke bakwazi ukufinyelela izizinda zezindaba ngokulingayo, kubashicileli abancane, kanye nemiphakathi engatholi kahle amasevisi. Izimiso ezingumkhombandlela ze-MDDA ekuthatheni izinqumo zokusiza ngezimali kanye nokwenza iziphakamiso zokusiza, kuzoba ukufaka esivivaneni ngendlela ezokwenza ukuthi kube nezizinda zezindaba emikhakheni ehlukene kanye nentuthuko. Kuzoba wukuthi kube nenqubekela-phambili, kanye nokusiza ngezimali kumaprojekthi aphethwe ngenqubo efanele. Ezinye izinto ezizobonelelwa kuzoba wukuthi imiphakathi ibandakanywe kanye nokwazi ukubamba iqhaza kanye nezinhlelo zokuthi kube nenqubo elinganayo. Ibhajethi ye-MDDA: I-MDDA idinga izimali ezenele ukuze ikwazi ukubhekana nemisebenzi yokuxhumana nemiphakathi ngezezizinda zezindaba, ukubhekana nezindleko kanye nokwenza imisebenzi yocwaningo yamaprojekthi amancane ezezindaba. Iyosekela ngezimali ukuthi kwenziwe ucwaningo ngokuthuthukiswa kwezezindaba kanye nokuthi kube nezizinda zezindaba emikhakheni ehlukene, kanye nokuhlolwa njalo kokuthi amaprojekthi aqhubeka kanjani. Izidingo zayo zokuthi ikwazi ukuqhubekela phambili, ezibandakanya ukuhlola inqubo yamaprojekthi, kumele ibe yizindleko ezingekho ngaphezulu kwamaphesenti angu 12%. Imithombo yosizo edingekayo ukuze kubhekwane nalezi zihibe ezikhona manje ekuthuthukisweni kwezizinda zezindaba kanye nokuthi izizinda zezindaba zibe kumikhakha ehluka-hlukene, izofinyelela kumarandi angu R500miliyoni, eminyakeni emihlanu ezayo. Kulindelwe ukuthi i-MDDA ikwazi ukuhlangabezana nezindleko ezilingana amaphesenti angu 60% alezi zidingo, okuyinani elilingana amarandi angu R300miliyoni eminyakeni emihlanu ezayo, noma inani elingamarandi angu R60miliyoni ngonyaka. Lokhu kuzoba yimali engamarandi angu R20miliyoni avela kuhulumeni ngonyaka, imboni yezezindaba kanye nabasekeli ngezimali. Kumele kuqashelwe ukuthi usizo lukahulumeni lubandakanya ukusekela ukuthuthukiswa kweziteshi zemisakazo yemiphakathi olunikezwa nguMnyango wezokuxhumana (Department of Communications), okwamanje ekhipha imali engamarandi angu R7miliyoni ngonyaka. UMGOMO NENQUBO YOKUZIPHATHA KUMALUNGU OMBUTHO WEZOKUVIKELA WASENINGIZIMU AFRIKA Ngiyethembisa ngokuzinikela ukuthi ngiyokulivikela izwe lakithi nabantu abalakhele ngokuhambisana noMthethosisekelo kanye nemithetho yelizwe ngendlela enenhlonipho, ngesibindi, nangobuqotho. Ngisebenzela umbutho wezokuvikela waseNingizimu Afrika, ngeqholo nangokuziqhenya, njengesakhamuzi, nesisebenzi esizinikeleyo. Ngiyayihlonipha inqubo yentando yeningi okwengamelwe nga yo izwe lakithi nendlela okulawulwa ngayo umbutho ezokuvikela. Angiyukwenza lutho olungase lulimaze izinkambiso nezinhloso zezinhlangano zombangazwe, futhi kangiyukuchema naqembu lombangazwe. Ngiyakwemukela ukubhekana nezenzo zami ngolwazi lokuthi zingezami Ngiyokuzilandela zonke izijubo ezingaphambene nomthetho futhi ngihloniphe izwi nesikhundla sawowonke umphathi embuthweni Ngizokunqaba ukwenza imiyalo ephambene nomthetho Ngizowenza umsebenzi wami engibizelwe wona ngibasize nabalingani bami ngisho noma ngabe lokho kubeka impilo yami engcupheni. Ngizokubaphatha ngokulingana nangobuqotho bonke abantu, ngihloniphe amalungelo abo nesidima sabo ngasosonke isikhathi. Angiyukusisebenza isikhundla sami ukufeza izinjongo zenkohlakalo, angiyukuyisebenzisa ngokungafanele imali yomphakathi ukuze ngizuze, ngezinhloso zombangazwe, nangasiphi esinye isizathu esingemukeleki Ngiyokuhlaba umkhosi lapho ngibona izenzo zobugebengu, zenkohlakalo nokungaziphathi kahle kumnyango ofanelekile. Ngizokusebenzela ukuba kuthuthuke amakhono embuthweni wezokuvikela wezwe laseNingizimu Afrika ngokuqinisekisa ukuziphatha ngobuqotho, ngokuvikela impahla, nangokwengeza ulwazi, nangokwenza umsebenzi wami kahle nangokwethembeka. IMITHETHO YEMPI Ngenkathi lapho kuliwa impi yezikhali ngizokulandela imiyalo yokuziphatha njengokulayela komthetho wezizwe ngezizwe wobuntu njengalokhu kuqukethwe umbiko woMbuthano waseGeneva othi: Ngizokulwa nezitha kuphela futhi ngihlasele njengokwezinjongo zempi. Ngizokusebenzisa izindlela zokuhlasela ezihambisana nezinjongo zempi ezamukelekile, ezikugwemayo ukulimala komphakathi nempahla. Angizubahlasela esibhekene nabo masebehlulekile sebezinikele. Ngiyokubaphuca izikhali zabo bese ngibaphathisa okweziboshwa zempi. Angizukubabulala, angiyukubaphatha ngesihluku abayiziboshwa zempi. Angizuguqula indlela izikhali ezakhiwe ngayo nokusebenza kwazo ngenhloso yokuthi kwande ubuhlungu nesihluku esitheni. Ngizokuqoqa futhi nginakekele abalimele, ablinyalelwe yimikhumbi nabagulayo, noma ngabe ngbakithi noma ngabe bayizitha. Ngizokuwaphatha ngendlela efanayo nenobuntu onke amalungu omphakathi angekho embuthweni wezempi. Ngizokuziphatha ngenhlonipho zonke izinto eziqondene namasiko nezindawo okukhonzelwa kuzo ngokwenkolo. Ngizokuphatha ngenhlonipho bonke abantu nezinto okukhombisa ukuba nesiPhambano Esibomvu kanye neNhlendle Ebomvu, nezinye izinhlangano ezinakekela abantu. Ngiyaqonda ukuthi ukubayihlongandlebe nokungazilandeli lezizimiso kuyicala. Kufaka bonke abombutho nezwe labo ehlazweni futhi bese bethwala icala nesijezo njengeziboshwa zempi. Ngalokho-ke ngiyokukubika konke ukwenza okuphambene nalemithetho kubaphathi bami. Isu lobuciko lomkhakha wezolimo uhlelosu lwezolimo waseNingizimu Afrika liwumkhiqizo wokubambisana phakathi kukaHulumeni, i-Agri SA kanye neNAFU. Ngasekuqaleni kuka-2001 uMongameli Thabo Mbeki wacela ababambiqhaza abehlukene ukuba bathole isu elisebenza kubo bonke elizokwenza kugxilwe kulo ngokwanele ukuhlanganisa lo mkhakha. Kwabe sekulandela isu lobuciko lwalo mkhakha olwaqhamuka lusuka kulesi sicelo. Inhlosombono yalo mkhakha isho ukuhlanganyela okunenzuzo okuqhubeka isikhathi eside, kwezomnotho waseNingizimu Afrika wezolimo, kuhlanganyela bonke abathintekayo. Le nhlosombono yemukela isidingo sokugcina kukhona kanye nokwandisa ukukhiqiza kwezentengiso, ukwakha ukuncintisana kwamazwe ngamazwe nokubheka amafa omlando nokuchema okwaba nomphumela wethuba lokungena nokumelwa elichemile. Le nhlosombono inika isithombe esicacile salapho ezolimo zaseNingizimu Afrika zifuna ukuba khona esikhathini esizayo. Izinyathelo zesu lobuciko ziqukethe amasu amathathu angumongo: • Ukungena okungachemile nokuhlanganyela Izinhloso zaleli su ngukugqamisa nokuhlanganyela emathubeni ezolimo; ukususa ubuhlanga emhlabeni nasekubeni ngabanini bamabhizinisi; kanye nokuvula ikhono eligcwele lezamabhizinisi kulo mkhakha. • Ukuncintisana nokuba nenzuzo kwezomhlaba wonke Inhloso yaleli su ukugqamisa ukuba nenzuzo ngokusebenzisa ukuncintisana okuqhubeka isikhathi eside okwenzeka emhlabeni wonke, kuqhakanjiswa ngokusebenzisa lokho okungokomkhakha wezolimo okungeniswayo, okukhiqizwayo okuyikho okuphambili, uhwebo oluphathelene nokusetshenzwa kwezinto eziphathelene nezolimo kanye nezokuvakasha ezithintene nezolimo. • Ukuphathwa kwemithombo okuqhubeka esikhathini eside Leli su lihlose ukugqamisa amakhono abalimi okusebenzisa imithombo ngendlela ehlala isikhathi eside nokuqinisekisa ukusetshenziswa nokuphathwa okunenhlakanipho kwemithombo yezemvelo. Amanye amaphuzu amasu angumongo ayahambelana futhi azoba nomnikelo ekudaleni nasekubuyiseleni ukuzethemba kwezolimo. Iqembu elibhekene nomsebenzi, lilokhu libeke lokhu emqondweni, lakhomba inani lamasu adingekayo axhasayo nanika amakhono okwenza: • Indlela yokuphatha enhle • Ukuthuthukiswa kwezindawo ezisemaphandleni okuhlanganisiwe nokuqhubeka isikhathi eside • Ulwazi nokusungula izinto ezintsha • Ukubambisana kumazwe ngamazwe • Ukuphepha nokuvikeleka Lezi zinhloso ezihambelanayo zamasu zinika isisekelo esisemqoka ngaphandle kwaso okuyothi inhloso yohlelo lwamasu ingabi nakufezwa. Zibuye zigcizelele ukwencika komkhakha ekuxhasweni ngamanye amaqoqo eminyango kahulumeni nawohwebo lukahulumeni. Abalingani abazinike umsebenzi wokuthwala ukwenziwa kohlelo bazobuye bakhiphe izinhlelo zezinyathelo ezizokwenziwa ezinemininingwane ebanzi. Ukufinyelela lokhu, abalingani abaphambili bazosungula ikomiti elihlanganyelwe elizohlala likhona. Babuye benze imizamo yokubandakanya abasebenzi abahlelekile, amaNGO, izinhlangano ezesekelwe emphakathini kanye nezinhlangano zangaphandle. Njengesinyathelo sokuqala sokusondeza izinyathelo zohlelo eduzane nokwenziwa, abalingani babone lezi zinhlelo nezinyathelo eziphuthumayo ezilandelayo: • Ukwenziwa kwesu lezokuphepha nezokuvikeleka eliyisisekelo esibanzi, elenzelwe ukusebenza kahle nokusimama kwezokuhlalisana, ukwethembana nokuzethemba • Ukukhuthaza inhlosombono ehlanganyelwe kwezolimo, ukuphatha okuhle kanye nokuhlanganyela kwezokuhlalisana • Ukusheshisa uhlelo lokwabiwa komhlaba ukuze kuthuthukiswe ezolimo kanye nezindlela zokuzihlomisa okubhekiswe emaqenjini aqondiwe akhonjwa • Ukuguqula ucwaningo kwezolimo, ukwedluliselwa kwezobuchwepheshe, kwezemfundo nokwelulwa ukuze kukwazi ukuba kubhekane nezimakethe • Ukuchaza kabusha igunya lezentengiso zezolimo kanye nohwebelwano lwamazwe ngamazwe esikhathini esilandela esebhodi eyengamele, ukuze libhekane nokuncintisana okuthe xaxa kwezomhlaba wonke kanye nezidingo zokukwazi ukufinyelela izimakethe, izingqalasizinda kanye nolwazi • Ukwakha izinhlelo ezikholekayo zokucwaningwa kwezamanani nezomnotho kwezolimo ezizofinyeleleka kubo bonke abalimi namabhizinisi • Ukusungula uhlelo oluhlanganisiwe lwezezimali kwezasemaphandleni njengoba luchazwe eMbikweni weKhomishani kaStrauss • Ukuthuthukisa uhlelo oluhlanganisiwe lokuphatha izinto ezibekana engcupheni mayelana nezinhlelo zezempilo yezimila neyezilwane, izinhlelo zezentengo nezemali engenayo kanye nezinhlekele zemvelo • Ukugxila kuqondiswe utshalomali emaphuzwini okuthuthukiswa kwamaphandle ukuletha izindlela zokuziphilisa, izingqalasizinda, ezokunisela, ugesi, ezokuxhumana ngocingo, ezokuthutha, ukuqeqesha kanye nokuthuthukiswa kwamakhono • Ukusungula uhlelo lokusebenzisana kwezolimo lwe-Afrika, ukuhola isiNyathelo se-Afrika eNtsha (New Africa Initiative) kwezolimo • Ukwehlisa izindleko sezizonke zokukhiqiza, kufaka phakathi okunye ukwehliswa kwezintela ezibekwa emafutheni kadizili nokunye okuyizinto ezingeniswayo. Kukho konke lokhu, bayalibona iqhaza elisemqoka ekufinyeleleni izinhloso zokuhlanganyela, ukuncintisana nokuba khona isikhathi eside. Ngakho-ke kuyokwenziwa konke ukuqinisekisa ukusebenzisana nokuqondaniswa okukhulu phakathi kukahulumeni namabhizinisi angasese - okuchaza abalimi, izinhlangano zabalimi nebhizinisi lezolimo - ukuze kufinyelelwe inhlosombono entsha yomkhakha obumbene nonempumelelo. Imiphumela elandelayo ilindelwe ukuba ivele ekwenziweni okuyimpumelelo kwalezi zinhloso zohlelo: • Ukudalwa komcebo okwandisiwe kwezolimo nasezindaweni ezisemaphandleni • Ukuqashwa kwezolimo okuqhubekiswa isikhathi eside • Izimali ezingenayo ezandisiwe kanye nokutholwa kwemali okwandisiwe okungena ngokuhwebelana ezimakethe zangaphandle • Ukwehliswa kobuphofu nokungalingani ephuzwini lokuba ngabanini bomhlaba nabamabhizinisi • Ukusebenza kahle okwenziwe ngcono kwezobulimi • Ukuqiniseka okwenziwe ngcono ngokudla kukazwelonke nokwamakhaya • Imiphakathi yasemaphandleni esimeme nephephile, amazinga obulelesi nodlame ehlisiwe, kanye nokuthuthukiswa kwezindawo ezisemaphandleni okuqhubeka njalo • Ukwethemba kwabatshalizimali okwenziwe ngcono kanye nokutshalwa kwezimali kwezasekhaya nokwasemazweni angaphandle okuthe xaxa • Iqholo nesithunzi kwezolimo njengomsebenzi ongenziwa ngabantu kanye nanjengomkhakha Abalingani bazibophela ekwethuleni isikhathi esidingekayo kanye nemithombo yezimali nezinto ezisetshenziswayo ukubonelela ukusebenza ngempumelelo kwesu lobuciko. Incwajana ethi Isu lobuCiko loMkhakha wezoLimo waseNingizimu Afrika iyatholakala eResource Centre Department of Agriculture Ucingo: (012) 319 7141 Futhi iyatholakala nakuweb lapha: www.nda.agric.za UMHLAHLANDLELA KAZWELONKE WAMAZINGA: ISENDLALELO OKUQUKETHWE 1. Uyini umhlahlandlela wamazinga kazwelonke (National Qualifications Framework (NQF)? 2. Yingani iNingizimu Afrika ikhethe umhlahlandela wamazinga kaZwelonke (National Qualifications Framework,NQF)? 3. Yavela kanjani i NQF ? Umlando omfishane 4. Ziyini izimpokophelo ze NQF? 5. Yini ubudlelwano phakathi kwe NQF kanye ne outcomes-based education? 6. Yini impumelelo ehlolisisiweyo? 7. Abukeka kanjani amazinga e NQF ? 8. Eyethu i NQF yona ibukeka kanjani? 9. Yini iSouth African Qualifications Authority (SAQA)? 10. Yakhiwe kanjani i SAQA futhi Iyini inhloso yayo? 11. Siyogcinwa kanjani isimo sokuhlolisisa amazinga? 12. ISAQA izoqiniseka kanjani ukuthi inqubomgomo yayo iyamukelwa ngabanye abathintekayo 13. I SAQA iyoqiniseka kanjani ukuthi isimo iyobonakala kuyo yonke iNQF? 14. iSAQA iyokwamukela kanjani ukufunda kwangaphambilini (Recognition of Prior Learning (RPL)? 15. Yini enye eyenziwa ihovisi le SAQA ? 16. Imininingwane lapho iSAQA ingatholakala khona 17. Imibhalo yomthetho kanye neminye imibhalo ye SAQA 18. Amagama asentshenzisiwe kanye nagama afinqiwe (Acronyms) 19. Imithombo okucashunwe kuze kanye namaNothi Sidinga ukuthola ukuthi singayakha kanjani indlela ezosiqondisa ngqo ekubeni sibe ngonqaphambili, sizotholakala kuwonke wonke sikhuthaza intuthuko entsheni ibe yizakhamuzi ezizokwakha izwe. Singaba neyisekelo ezahlukene kodwa sonke singabantu.Ngokubhekisa amehlo ethu kumagugu singakhulisa amathalente. Mamphela Ramphele Incwadi ekhishwe yisigungu seyiphathimandla samazinga zaseNingizimu Afrika 1. Uyini umhlahlandlela wamazinga (NQF)? Kungumhlahlandlela, lokhu kusho ukumisa imincele - ukumiswa kwemigomo kanye nomhlahlandlela okhombisa umbono, isekelwe olwazini lwendabuko kanye nesakhiwo senhlangano - ukuze kwakhiwe , indlela yamazinga. Intuthuko enesiqi kanye nokwenziwa kwezinto kwenzeka ngaphakathi kwalemincele. Yeka zwelonke noma idingwa nguzwelonke ingumthombo kazwelonke, ikhombisa imizamo kazwelomke yokudidiyela imfundo noqeqesho ngaphansi kophahla olulodwa lwamazinga aziwayo. Umhlahlandlela wamazinga, lokhu kusho imiphumela yeziphumo zomfundi. Ngafushane, i-NQF iyiqoqo lemigomo kanye nemihlahlandlela ekubhaliswa ngayo imiphumela yeziphumo zomfundi ukuze kwaziwe nguzwelonke ikhono kanye nolwazi olutholakele, ngalokho kuyoqinisekwa ukuthi kunohlelo olulodwa oluhlanganyelwe ukuze luqgugquzela ukufunda impilo yonke. 2. Kungani iNingizimu Afrika yakhetha i-National Qualifications Framework? Nonyaka ka-1994 umhlaba wonke wabona ukuzalwa kabusha kweNingizimu Afrika yentandoyeningi futhi wamukela iNingizimu Afrika entsha njengelungu lomphakathi womhlaba wonke jikelele. Ekwamukeleni lokho kuhlonishwa lelizwe lase Ningizimu Afrika lona lathatha izinselelo ezihambisana naleso sikhundla. Amazwe amaningi emhlabeni wonke jikelele azama ukuthola izindlela ezingcono zokufundisa abantu kanye nokuhlela imfundo kanye nohlelo lokuqeqesha ukuze bazuze okuncane kulomnotho womhlaba oya ngokuya ukhula ngokuncintisana. Ngaphezu kwalokho umhlaba uyindawo ehlala iguquka , ngokwezombusazwe, ngokwezezwe kanye nezobuchwepheshe. Ngempela ukukhula ngokushesha kobuchwepheshe kunyakakhulu wamashumi amabili sekubeke uhlelo lwemfundo ebunzimeni obukhulu njengoba bezama ukuzijwayeza kanye nokufaka lolushintsho ngemizamo yokukhiqiza abantu abanemicabango eyakhayo, ebukhali nabahambisana noguquko. Impumelelo noma nje ukuphila kulomhlaba kuyayiphoqa iNingizimu Afrika ukuba ibe nohlelo lwemfundo noqeqesho lukazwelonke olunika imfundo esezingeni eliphezulu, nokuphendula kulomhlaba otshintshayo nokuthi ithuthukise isizwe esiyinikele ekufundeni impilo yonke. Uma ngabe abafundi bazi ukuthi kunendlela ecacile yokufunda kanye nenqhubekalaphambili kwezemfundo, kwezoqeqesho kanye nemisebenzi baba nentshisekelo yokuthuthukisa amakhono kanye nolwazi ngoba bazi ukuthi lokhu kuzokwandisa amathuba okuthola imisebenzi. Ukwanda kwamakhona kubantu abasebenzayo kunomthelela omkhulu okungukuthi kukhulisa ubuhlakani besizwe, okudala ukukhula kwamathuba okuphumelela emphakathini womhlaba. u-Mnu. Christopher Ball (1996) echaza uhlobo lomfundi ofunekayo nongamelana nalonyakakhulu wama-21 wakhuluma ngabantu abanolwazi lokwenza lokhu nalokhuya kwizinto ezahlukene ( 'flexible generalists'). U-Ball wagcizelela ukuthi laba bantu abanjena bayadingeka ukuze kufezwe injongo yokufunda okungapheliyo njengoba kuya ngokukhula ukuphila kwabantu isikhathi eside, kuyakuba izimpawu zesakhamuzi esiphumelelayo kulenyakankulungwane ezayo. Abantu ababizwa gama 'flexible generalists' ngabantu abahlome ngolwazi oludingekayo, amakhono ukuze bakwazi ukwenza imisebenzi eyahlukene , ngokuzithuthukisa kwabo bangadlala indima ezimpilweni zelizwe lonke kanye nomhlaba. Ukugudluka emcabangweni wokuthi ufunda ukuze uqashwe usebenze - ukuthuthukisa ikhono lokwenza umsebenzi othile - kuya emfundweni ukuze ube ngoqashekayo - ukuthuthukisa ikhono ukuze ukwazi ukusebenzisa lokho okufundile ekwenzeni umsebenzi . Uhlelo olusha lwemfundo noqeqesho kufanele lusekele lomnqondo wabantu abakwazi ukusebenzisa lokho abakufundile ekwenzeni umsebenzi. 3. Ibekho kanjani i-NQF ? Umlando omfishane Umlando wendabuko we-NQF uphahlene nomnyakazo wabasebenzi ekuqaleni kweminyaka yabo 1970. Ukusukela ekuqaleni kweminyaka yabo 1970, izimfuno zezinyunyana zabantu abamnyama zokunikwa iholo eliphilisayo zashaywa indiva ngabaqashi ngesizathu sokuthi abasebenzi babengenamakhono yikho lokho izimfuno zabo zazingenasisekelo. Lokhu kwaholela ekutheni abasebenzi abamnyam baqale ukufuna uqeqesho ukuze baphumelele ezimfunweni zabo zamaholo angcono. Umzabalazo wokuncenga abaqashi ukuba bamukele izimfuno zabasebenzi zaqhubeka kwaze kwaba yiminyaka yabo 1980, kwathi ngonyaka ka 1989 inyunyana yabasebenza ngensimbi i- National Union of Metalworkers of South Africa (NUMSA), yasungula iqembu locwaningo elalakhiwe ngabasebenzi kanye nezikhulu zezinyunyana ukuba lenze izincomo ngoqeqesho. Bezitshela ukuthi ukuthuthukisa amakhono kuyoholela emaholweno angcono, kwahlanganiswa iziphakamiso, ezazithathelwe emazingeni okuthuthukisa amakhono okwakuxhunywe ekukhushulelweni imiholo ngokwesikhundla. Iziphakamiso zagcizelela ukuthi akudingeki kuphela izifundo eziyisendlalelo, okungaphandle kwazo abasebenzi ngeke bakwazi ukubona lolo hlelo olwaluphakanyiswa kodwa ukwamukelwa koqeqesho izwe lonke ukuze abasebenzi bangabi semuseni womqashi oyedwa. Lezi ziphakamiso zamukelwa ngokusemthethweni yimbumba yezinyunyana i-Congress of South African Trade Unions (COSATU) ngoJulayi ka-1991. Maphakathi neminyaka yabo-1970 kwaqala futhi ukuba nezimfuno zoshintsho kwezeMfundo ezaziholwa yileyo mikhakha engekho ngaphansi kukaHulumeni. Lokhu kunganeliswa kwavela obala ngemibhikisho yabafundi base Soweto ngo-1976, owalandelwa yimibhikisho yabafundi bezwe lonke. Ngeminyaka yabo-1980 lonke uhlelo lwemfundo lwalungasathenjwa selulahliwe. Ukubhikisha komkhakha wezemfundo ongekho ngaphansi koHulumeni kwaholela ekusungulweni kwe- National Education Policy Initiative (NEPI), eyayisungulelwe ukwenza iziphakamiso zokwakha kabusha uhlelo lwemfundo. Lokhu bakwenza ngokukhulumisana namanye amalungu ayenentshisekelo kulokhu evela kubumbano lwentando yeningi, imibiko ye-NEPI kanye nohlaka kwasakazwa kwasabalaliswa ngo-1992, owawuthathelwa emgomeni wesidingo sohlelo lwemfundo noqeqesho olungacwasi ngokwebala noma ngobulili, Ubumbano lwezinyunyana i-COSATU yayisondelene kakhulu nenqubo ye-NEPI - lokhu kwaqhubeka kwaze kwafika isikhathi sokhetho lwentandoyeningi ngo-1994. Nakuba zike zashaywa indiva izimfuno zabasebenzi nezabafundi kodwa uHulumeni wamanje uya ngokuya ekubona ukungalungi kanye nokungabi nasizathu kokunganaki lezizimfuno. Isimemezelo sikaMongameli de Klerk ngonyaka ka-1990 ngenhloso kaHulumeni wangaleso sikhathi yokuhlikiza ubandlululo kwabe kuyimbangela yalokhu, futhi kwaba yizimpawu zokushintsha kwemigomo ngezimfuno zabasebenzi nabafundi. UMnyango wezabasebenzi (The Department of Manpower), ngesandla sebhodi loqeqesho likazwelonke ( National Training Board (NTB), yaqala ngeminyaka yabo-1980 ukuthatha izinyathelo eziningi okungabalwa kuzo ukwakha kabusha uhlelo lokufundisela imisebenzi balwenza lwaba luhlelo oluthathelwe ekuqeqesheni ukuze kwakhiwe amakhono olwaluqhutshwa ngamabhodi oqeqesho ezimboni. Noma kunjalo izinyunyana zayibona lenqubo njengeyize, hayi ngoba ekusungulweni kwayo kwakushiye ngaphandle abasebenzi kodwa ngoba iziphakamiso ezazisuselwa kuyo zazibhekiswe kuphela ekufundeleni umsebenzi zashiya ngaphandle imfundo eyayibonakala njengesinyathelo sokuqala ekuqeqesheleni amakhoni. Emva kwezinkinga ezingapheli uMnyango wezabasebenzi kanye nezinyunyana zahlangana futhi ngo-1992 ngemizamo yokubukeza lenqubo. UMnyango wezeMfundo nawo ngalesosikhathi waqala inqubo yawo yezinkulumiswano mayelana nemigomo ezaholela ekumiseni kwe-Education Renewal Strategy (ERS). Ubumbano lwezinhlangano zentandoyeningi emkhakheni wezemfundo olwamenywa ukuze lubambe iqhaza kulenqubo kodwa lakwala lokhu ngesizathu sokuthi bathi leyo nqubo yayingaqalwanga kahle ngokulandela imigudu efanele. Ngaphezu kwalokhu I-ERS yayimele imigudu emithathu- imfundo ephakeme, imisebenzi efundelwayo, kanye nokuthembela emisebenzini efundelwayo - ubumbano lwezinhlangano lwalubona loluhlelo njengolungahlwabusile. Umkhakha wezabaqashi kwezemfundo wona walibamba iqhaza kulenqubo bona ababemele uhlaka olungenamphetho olufanayo naloyo olwasentshenziswa e-Scotland nase New Zealand. Umhlangano ngo-1992 woMnyango wezabasebenzi kanye nobumbano lwezinyunyana waphumelela ukwakha isigungu esasimele yonke imikhakha, sona sasungula amanye amaqenjana ayisishiyagalombili anikwa umsebenzi wokuthuthukisa inqubo entsha yoqeqesho kazwelonke. Lamaqenjana ayemele izinyunyana, abaqashi, uHulumeni, abafundisi nabaqeqeshi, uMnyango wezeMfundo kaCongolose (ANC), kanye nobumbanno lwentando yeningi. Leliqenjana laphumelela ukufinyelela esivumelwaneni ngomuhlahlandlela omusha owawuyinhlanganisela. Ngonyaka ka-1994 kwasakazwa imibhalo emithathu eyaba yisendlalelo somthetho i-SAQA (RSA, ngo 1995): Umgomo ongumhlahlandela wezemfundo noqeqesho we-ANC ( ka 1994) (ANC Policy Framework for Education and Training (1994); Umbhalo wezokuxoxisana ngenqubo yoqeqesho kazwelonke ka-1994 (Discussion Document on a National Training Strategy Initiative (1994)); kanye ne-CEPD okuyi Implementation Plan for Education and Training (1994). Kwabe sekulandela iphepha elimhlophe NgezeMfundo noqeqesho ngo 1995 (White papers on Education and Training (1995)) kanye nohlelo lokwakha kabusha nentuthuko ka-1994 (Reconstruction and Development (1994) , omabili asigcizelela isidingo sokuthuthukisa nokusentshenziswa kwe-NQF. Kwabe sekusungulwa isigungu songqongqoshe beminyango eyahlukene baqala ukubhala uhlakamthetho (Bill) lwe-NQF eyaphasiswa yaba ngumthetho (South African Qualifications Authority Act) engunombolo 58 ka 1995) ngomhla ka-4 Okhthoba we-1995. Ukuqashwa kwamalungu esigungu seyiphathimandla sokuqala kwaqala ngonyaka ka- 1996 kanti umhlangano wabo wokuqala ngaphansi kukaSihlallo uMnu S B A Isaacs, waba ngo-Ogusti ka-1996. 4. Ziyini izimpokophelo ze-NQF? Okuphokophelwe yi-NQF kubekwe kahle ngumthetho oyi-SAQA Act ngokulandelayo: * Ukwakha umhlahlandlela kazwelonke ohlanganyelwe wempumelelo yokufunda; * Ukwenza lula ukuthola , nobuhambanendlwana kanye nenqubekelaphambili kwezemfndo, uqeqesho kanye nemisebenzi efundelweyo; * Ukukhulisa amazinga emfundo noqeqesho; * Ukusheshisa ukulungiswa okwadalwa ubandlulula lwesikhathi esedlule, amathuba oqeqesho nawokuthola imisebenzi; kanye * nokufaka isandla ekuthuthukiseni umfundi kanye nokuthuthukisa inhlalakahle nomnotho kanye nesizwe sonkana. 5. Buyini ubuhlobo phakathi kwe-NQF kanye nemfundo esekelwe iyiphumo ? Izitifiketi zemvume yokwenza umsebenzi kanye namazinga e-NQF achazwe ngokwempumelelo okulindeleke ikhonjiswe umfundi ophumelelayo. Ngakho kuloluhlelo lwemfundo noqeqesho oluhlelwe lwazungeza umphumela wokufunda kufanele kube nesendlalelo sokuzinikela. Okunye okugxekwa ngakho uhlelo lwezemfundo lwangesikhathi esedlule ukuthi ezinye izizinda zemfundo zazinamalungelo angcono kunezinye ngenxa yomgomo wokwaba izidingo ngokungalingani kuhanjiswa ngokwebala . Ngaphezu kwalokhu ngenxa yalokhu kubandlululwa ngokwezimali kwaba nenkolelo yokuthi izinga lalezizinda liphezulu kunamazinga ezinye ezizinda. Ngenxa yalokhu abafundi abafunde kulezizinda babephathwa kangcono ngamathuba okungena kwezinye izikhungo zemfundo ukuyoqhuba imfundo kanye nasekutholeni umsebenzi. Ngamanye amagama ukuthi ufundephi yikhona kwakubaluleke kakhulu kunokuthi lowo mfundi ufundeni unaluphi ulwazi, yini angakwenza. Ngaphezu kwalokhu kwakunenkinga yokuthola izikhala zokufunda, kwakunenkinga yokuthi ezinye ezizinda zazikhethela ngokwazo ukungazamukeli izitifiketi ezitholwe kwesinye isizinda, nabaqashi nabo babefuna kuphela abantu abathole iziqu ezikhungweni ezithile bangabanaki abathole iziqu zabo kwezinye indawo. Lezi zenzo nomthelela ekukhuleni komnotho nenhlalakahle yomphakathi wethu kuyabonakala namanje. Ngakho lokhu kunomlando ongenakubalekelwa emphakathini wethu ozigamu gamu wukuthi kubhekwe ukuthi umfundi wazini nokuthi angenzani kungabheka ukuthi umfundi ufunde kuphi. Kuyadingeka lokhu ukuze kulungiswe ukungasentshenziswa kweziqu noma izitifiketi ngokuyikho okuyingxenye yomlando wethu. Okunye okusicindezelayo ukuba sisusele i-NQF yethu empumelelweni kuqhamuke ekuxoxisaneni ngokwenziwa emhlabeni wonke jikelele. Inkulumo ka Ronald Barnett's ngamakhono kwezemfundo ephakeme ibeka ngokusobala izinhlobo zoguquko ezenzekayo ohlelweni lwezemfundo noqeqesho emhlabeni wonke: Ukusebenzisa amagama amasha kwimfundo ephakeme kuluphawu lokuthi imiphakathi yamanje isithole enye incazelo ngolwazi kanye nezisekelo. Umcabango ngamakhono, ukufundela umsebenzi, ukudlulisa ikhono lokwenza, imiphumela , ikhono lokufunda ngokwenza kanye nokuzakhela imisebenzi uma ngabe kubhekwa konke, kuyakhombisa ukuthi incazelo ngolwazi yendabuko ayisanele ukuhlangabezana nezinkinga ezifanayo umphakathi wamanje obhekene nazo. Nakuba izincazeli zolwazi lwendabuko bezigcizelela ulwimi, ikakhulukazi ngokubhalwa, inqubo yokukhulumisana, ingxoxo ethobekile, amagama amasha asetshenziswayo manje akhuthaza imfundo ephakeme ukuze ulwazi lubandakanye ukwazi ngokwenza, imiphumela ethile yokufunda, kanye nekhono lokuzithoba (Barnett, 1994: 71) Uma ngabe iNingizimu Afrika ifuna ukuba yingxenye yomphakathi womhlaba wonke kufanele yamukele lamagama amasha akhuluma ngawo u-Barnett: ulwazi lokwenza umsebenzi kanye nemiphumela. Amazwe ase-Europe, i-Pacific rim, Australasia, kanye ne- North America avele aseyamukele noma asethathe esinyathelo ezibheke kuyo i-National qualifications framework, esekelwe ekuzimiseleni ngemfundo esekelwe ngemiphumela. INingizimu Afrika ngeke ilunge ukuthi iyishaye indiva lentuthuko. I-NQF yase Ningizimu Afrika egcizelela umcabango wolwazi lokwenza umsebenzi - ikhono likwazi ukusebenzisa ulwazi olutholwe ekufundeni ekwenzeni umsebenzi sekuvele kunomthelela kulezizimpikiswano nentuthuko. Okuhambisana nokwamukela ukuthi igama ulwazi kufanele lichazwe kabusha ukwamukela ukuthi ziningi izikhungo zokufunda futhi zahlukene. Incazelo yendabuko yenze akwangabazeka ukuthi ukufunda kuphelela ezikhungweni zokufunda ( primary site of learning). Le nkolelo ibuye yalekelela ukuthi ezikhathini eziningi isitifiketi esiyimvume yokwenza umsebenzi sikhishwa yisikhungo, ngaphambi kokuba umfundi akwazi ukufunda ngokwenza ezindaweni zemisebenzi . Ngamanye amazwi lokhu kusho ukuthi uma umfundi esethole isitifiketi esimvumela ukuba enze umsebenzi ukufunda empilweni yalomfundi sekuphelile - ngaphandle uma umfundi ebhalisela ukuthola imvume yokwenza omunye umsebenzi! Lokhu kugcizelela izitifiketi zokwenza umsebenzi njengokufinyelela emaphethelweni ohambo oluhangambisani nokwenzekayo ngempela futhi akuhambisani nalokho okushiwo yiphepha elimhlophe kwezemfundo noqeqesho (1995: 15) njesidingo semfundo noqeqesho okuyoholela ekuphumeleleni komnotho nomphakathi. Ukuphumelela kwezomnotho kanye nasemiphakathini yamanje kudinga ukucishwa kwemigudu engesiyo ezinhlanganweni zomphakathi, kanye nasekuphathweni komsebenzi ngendlela okuhlelwa ngayo ukufunda nokuqiniseka. Badinga izakhamuzi ezinesisekelo esiqinile solwazi olujwayelekile, intshisekelo kanye nekhono lokuqhubeka nokufunda, ukwamukela kanye nokuthuthukisa ulwazi olusha, amakhono obuchwepheshe , bakwazi ukushintsha imisebenzi eyahlukene ngaphandle kobunzima, abakubeke kumahlombe abo ukuthi bawenza kanjani umsebenzi, bazibekele amazinga aphezulu futhi bawafeze kanye nokusebenza ngokubambisana Uma ngaba umuntu engakwamukeli ukuthi kunemikhakha eminingi yolwazi nokuthi ngenxa yalokho ukufunda akupheli emveni kokuba umuntu esethole isitifiketi sokwenza umsebenzi esikhungweni esithile semfundo nokuthi ukufunda kuyaqhubeka emva kokuthola isitifiketi noma iziqu, ngekhe kuze kufezwe ubumbano kanye nokuhambisana kuloluhlelo ukuze kuvuleleke amasango okungena ngokushintsha imisebenzi kungaba yimpumelelo , kuyadingeka ukubeka icace imiphumela yokufunda. Okokugcina ukuthi umthetho we-SAQA (ongunombolo 58 ka 1995) uyakhombisa ukuthi enye yemisebenze ye-SAQA ngukuqiniseka ukuthi amazinga kanye neziqu ezibhaliswe ne NQF zeqathaniswe nezomhlaba. Njengoba umhlaba wonke usuguqukela ekuchazeni iziqu noma izitifiketi eziyimvume yokwenza umsebenzi ngokwemiphumela yokufunda ukuchaza kweNingizimu Afrika kweziqu zayo noma izitifiketi eziyimvume yokwenza umsebenzi ukuze zihambisane nezontanga emhlabeni kwenziwa lula uma ngabe nezethu iziqu zichazwe ngokwemiphumela yokufunda. i-NQF nokuzinikela kwayo emfundweni noqeqesho olusekelwe phezu kwemiphumela yiyona ndlela iNingizimu Afrika ekhethe ngayo ukuletha inguqu kwisimo semfundo noqeqesho. Lolushintsho oluhleliwe kuhlose ukuba luguqule indlela uhlelo lwemfundo noqeqesho obelusebenza ngayo, nokuthi luhlelwa kanjani kanye nombono ozohola labo ababambe iqhaza kuloluhlelo ngesikhathi bedlala izindima zabo kanye nemisebenzi kulolu hlelo. 6. Iyini imiphumela engumongo? Imiphumela engumongo imbaxambili kwezemfundo noqeqesho, ijwayele ukubiza ngempumelelo engumongo, ingenye amasu okufezeka ngayo ukuhahambisa kulomhlahlandela. Imiphumela engumongo ichaza ngesimo esiqokwe yi-NQF ukuze kuthuthukiswe abafundi ohlelweni lwezemfundo noqeqesho, ngaphandle kokubheka umgudu wemfundo awulandelayo, lokhu kusho leyo mpumelelo ethathwa njengomongo wokuthuthukisa ikhono lokufunda impilo yonke. Le mpumelelo kuhloswe ngayo ukuqondisa imicabango yabenzi bemigomo, abadwebi bezinhlelo zomlando wokufunda nokusebenza, abasizayo ngezokufunda kanye nabafundi uqobo. Kuphoqelekile ukuthi labo abammisa amazinga abandakanye okungenani okunye kwempumelelo engumongo emazingeni abawaphakamisayo kanye nalabo abaphakamisa izitifiketi zemvume yokwenza imisebenzi okanye iziqu kufanele baqiniseke ukuthi yonke impumelelo engumongo ibhekwe ngokwanele kuwo wonke amazinga athintekayo ngokwalezo ziqu. Imiphumela engumongo eyamukelwe yi-SAQA imi kanje: * Ukuthola kanye nokuxazulula izinkinga lapho kuzobonakala ukuthi kucatshangwe ngokuhlelekile kusentshenziswa ukucabanga okuhluzekile nokwakhayo; * Ukusebenza ngokukhuthala nabanye njengelung leqela, isigungu, inhlangano noma umphakathi; * Ukuhlela nokuphatha umsebenzi wakho ngokuzinikela kanye nangenkuthalo; * Ukuqoqa, ukuhlaziya, ukuhlela kanye nokucubungula ulwazi nemininingwane ngokuhluzekile; * Ukuxhumana okunempumelelo ngokusebenzisa izinto ezibonakalisayo, isayensi yezibalo noma amakhono olimi ngokubhala noma ngokukhuluma; * Ukusebenzisa ubuchwepheshe ngempumelelo, kukhombise ukunakekela imvelo kanye nempilo yabanye * Ukukhombisa ukuwuqonda umhlaba njengeqoqo lezinhlelo ezihlobene ngokwamukela ukuthi ukuxazulula izinkinga ngeke kwazimela ngokwakho ; Ukuze kunikelwe ekuthuthukiseni lowo nalowo mfundi ngokwakhe ngokugcwele kanye nokuthuthukisa ezenhlalakahle kanye nomnotho womphakathi wonkana, kufanele kube inhloso yanoma iyiphi inqubo yemfundo ukwenza umuntu noma ngubani akwazi ukubaluleka : * Ukubheka emuva amasu asentshenziswa phambilini kanye nokufuna amanye amasu ahlukene okufunda ngokunempumelelo; * Ukubamba iqhaza ngezimpilo yabantu emphakathini esiphila nawo, imiphakathi kazwelonke kanye nemiphakathi yomhlaba njengezakhamuzi ezizinikele; * Ukuba nozwelo ngenhlalakahle yemiphakathi eyahlukene ngokwamasiko nangenkolo yabo; * Ukufunda okusha ngamathuba emisebenzi kanye nemfundo, noku * Thuthukisa amathuba okuzakhela imisebenzi namabhizimisi. 7. Ibukeka kanjani i-NQF? Imithethonkombiso ye-NSB iveza iziqu nezitifiketi zemvume : * Ziyakumela ukudidiyelwa kwemiphumela yokufunda okuhleliwe okunenhloso emisiwe nokuhloswe ngakho ukuba kuphathiswe umfundi ngekhono lokusebenzisa lokho akufundile ekwenzeni umsebenzi nokuthi kube yisisekelo sokuqhuba izifundo; * Ukuthayisela isisindo kulomfundi esiyophumelela ngokumnikeza igama okanye isikhundla, ukwamukeleka, ukwandisa amathuba okudingeka kwekhono lakhe kanye nokuqashwa; * Nikeza izunzo emphakathini kanye nakwezomnotho; * Ukugcina lokho okuphokophelwe yi - NQF; * Ukubandakanya kokubili impumelelo embaxambili nempumelelo ethile ukuze kuthuthukiswe ukufunda impilo yonke; * Uma kufanele, siziqathanise nomhlaba; * Ukubandakanya indlela yokuvivinya ehlanganisiwe ukuze kuqinisekwe ukuthi inhloso yalelezo ziqu noma isitifiketi semvume iyafezeka. Ukuvivinya kufanele kubandakanye amasu amaningi njengokuvvivinywa ezindaweni zomsebenzi kanye nokuhlolwa ngokubhala izivivinyo kanye nokuhlolwa ngokukhuluma; * Khombise izimiso elawula ukukhishwa kweziqu noma izitifiketi zemvume zokuthi lezi ziqu zingatholakala ngokuphelele noma ingxenye ngokwamukela lokho okufundwe ngaphambilini , okubandakanya noma kungelokhu kuphela ukufundwa okwenziwe esikoleni ukufunda ngasese kanye nolwazi olutholakala ngokusebenza. Kunombandela kumthethonkombiso wokubhaliswa kweziqu ezakhiwe ngama unit standards kanye nokubhaliswa kweziqu ziphelele ezingakhiwanga ngama-unit standards. Kumele kuqondwe izitatimende ezibhalisiwe zemiphumela yemfundo noqeqesho kanye nenqubo yokuvivinya ehambisana nakho kanye nokuphathwa neminye imininingwane ebalulwe kumithethonkombiso. Zombili izakhiwo zalezi ziqu zidinga incasiselo ngemiphumela yokufunda, lesisakhiwo sesibili seziqu sidinga ukubalulwa kwemiphumela yokuphothula lelo banga kanye nenqubo yokuvivinya . Kunempikiswano enkulu mayelana nekhono noma isidingo sokufinyelela esivumelwaneni ezingeni likazwelonke ngemiphumumela yokufunda, ngaphezu kwalokho mayelana nokuchaza imiphumela yokufunda ngokwekhono lalelozinga. I-SAQA ithi ukubamba iqhaza kulenqubo yabathintekayo kuzwelonke kudingeka kulapho kulawomazinga neziqu ezizobhaliswa ne-NQF - umangabe zizosentshenziswa kuzwelonke kufanele zamukelwe zaziwe yilabo abathintekayo kuzwelonke. Ngaphezu kwalokho abamisi bamazinga neziqu bangakhetha ukuba bangaguquki noma bashintshashintshe ekwakheni kwabo amazinga neziqu bangashiya isikhala sokuzikhethela noma bangasishiyi. Amandla enqubo ye-NQF asekuthenini bonke abathintekayo kwezemfundo kufanele kube yibona abathatha izinqumo hayi nje abakhethiwe kuphela. Ngaphezu kwalokhu, ngokulandela inqubo emisiwe amazinga neziqu kufanelwe kubukezwe njalo ukuze kuqinisekwe ukuthi amasu okuvunyelwene ngawo kanye nezidingo kufanelekile kuyenzeka kuthi kudingekile. Uma ngabe kuvunyelwana ukuthi kufanele kube noshintsho kunesikhathi esanele ukuba kuvunyelwane ngalolo shintsho. Udaba oluthanda ukuba nzima luveza umcabango wempumelelo yokufunda kanye namazinga okwazi ukwenza umsebenzi. Abanye abantu baphakamisa inkinga yokuthi imiphumela yokufunda yezinye iziqu kanye namazinga kungachazeka kalula ngendlela yokukwazi ukwenza umsebenzi, isibonelelo kungaba uhlaka lwamazinga eziqu zobunjinela. Kodwa kwezinye iziqu lokhu kulukhuni kakhulu ngoba imiphumela yokufunda ayibonakali kalula kwaye ayicacile. Noma imiphi imizamo nokusungula isivumelwano kuzwelonke singaholela ekulahlekeni kwemicabango yokwenza kanye nemvelaphi kanti eqinisweni leyo mvelaphi kanye nokwakheka yikhona okuyigugu. I-SAQA yona inomnqondo wokuthi ukuchazwa kweziqu ze-NQF kuyayiphendula lenkinga okungukuthi iziqu ziyakumela uhlaka lwempumelelo yokufunda edidiyelwe enenhloso ebekwe yacaca nokuhloswe ngayo ukuba kunikwe umfundi ikhono lokwenza umsebenzi kanye nesisekelo sokuqhuba izifundo zakhe. Ngaphezu kwalokho umcabango wokusentshenziswa kwekhono lokwenza umsebenzi kwandisa umcabango wolwazi ngokujwayelekile ohambisana nesifanekiso sempumelelo kanye nekhono lukusebenzisa ulwazi . Ukusentshenziswa kwekhono lokwenza umsebenzi kukhombisa ukuthi isisekelo salelikhono, ikhono lokwenza kanye nekhono kubuka osekwenziwe wonke lamakhono abalulekile ukuze umuntu afeze umsebenzi wakulomhlaba. Ikhono eliyisisekelo lichazwa ngokuthi yikhono lokuqondisisa lokhu okwenziwayo nokuthi yingani kwenziwa. Ikhono lokwenza lichazwa njengokukhombisa ukwazi ukwenza into ethile. Ikhono lokubheka emuva ufunde lichawa njengokukhombisa ikhono lokuhlanganisa noma ukuxhuma okwenziwayo nokuqondisia ukwenzeka ukuze ufunde kulezo zenzo bese wamukela ushintsho kanye nezimo ebezingacatshangangwa. Ngakho inselelo ebhekene nalabo abamisa amazinga ukuthola ukuzimelela phakathi kwezidingo zomphakathi kanye nezidingo zomuntu ngomuntu; ukuthuthukisa imiphumela yokufunda ekhombisa ngqo izinhloso zalezo ziqu kodwa futhi ibe ngejwayekeli ufuthi ivumele ukusentshenziswa ngokushintshatshintsha ukuze ilethe izunzo, ukuzikhethela lokho ofuna ukukwenza, amasu okuvivinya; ukuzimelela phakathi kwezidingo zekhono lokwenza kanye nezidingo zamakhono ayisisekelo kanye nekhono lokwenza ukwamukela ukwakhiwa kweziqu, ukubheka ukusuka kanye nokuhlola ngokwenza ngale kokulimaza inhloso ephambili yeziqu. Amazinga kanye neziqu kubhaliswa emazingeni athile omhlahlandlela futhi anamaphuzu. Abafundi abasephakathi nezifundo zabo,bangathola amaphuzu ngokuhamba kwesikhathi baze bakwazi ukuthola iziqu. 8. Ibukeka injani i-NQF? Izinga le-NQF ibande Uhlobo lweziqu 8 7 6 5 Imfundo ephakeme kanye Noqeqesho * Iziqu zokucwaninga ezingaphezu kobudokotela * Ubudokotela * Iziqu zobungcungela * Iziqu zokwenza umsebenzi othile * Iziqu zeHonours * Iziqu zokuqala ezamukelwe uzwelonke * Idiploma ephakeme * Idiploma eyamukeleke kuzwelonke * Izitifiketi ezamukelekile kuzwelonke Isetifiketi semfundo ephakeme noqeqesho Further Education and Training Certificate (FETC) 4 3 2 Imfundo ephakeme noqeqesho Izatifiketi jikelele Isetifiketi semfundo noqeqesho (GETC) 1 Okujwayekile Imfundo kanye noQeqesho Grade 9 | ABET Level 4 Izitifiketi jikelele I-SAQA yamukela umhlahlandlela onamazinga ayisishagalombili, amazinga 1 kuya ku 8 ngokulandelana athathwa njengangenasigcino. Izinga 1 lihlinzeka izitifiketi zemfundo yabantu abadala noqeqesho (ABET) kanye nezitifiketi zemfundo noqeqesho ezijwayelekile. 9. Iyini I-South African Qualifications Authority (SAQA)? i-South African Qualifications Authority iyisigungu esinamalunga angama- 29 aqokwe uNgqongqoshe wezeMfundo kanye noNgqongqoshe wezemisebenzi. Amalungu aphakanyiswa abathintekayo kwezemfundo noqeqesho . Umsebenzi walesisigungu seziphathamandla wehlukene kabili: Ukwengamela ukuthuthuka kwe-NQF, ngokwakha kanye nokusabalalisa imigomo kanye nenqubo yokubhalisa imigwamanda enesibopho sokusungula amazinga kanye neziqu kwezemfundo noqeqesho kanye nokugunyaza imigwamanda enesibopho sokuqaphela kanye nokubala imiphumela ngokwamazinga kanye neziqu; Ukwengamela ukusentshenziswa kwe-NQF ngokuqiniseka ngokubhaliswa, ukugunyazwa kanye nokwabiwa kwemisebenzi eyabelwa lemigwamanda okukhulunywa ngayo ngenhla kanye nokubhaliswa kwamazinga kanye neziqu zikazwelonke kulomhlahlandela. Kufanele futhi iqiniseke ukuthi lokhu okubekwe okumiswe ezitifiketini zogunyazo kuyalandelwa nokuthi lapho kufanele amazinga kanye neziqu ezibhalisiwe ziyahambisana nezomhlaba wonke. I-SAQA kufanele yaluleke oNgqongqoshe wezeMfundo nowezemisebenzi. Isigungu seziphathamandla kufanele senze umsebenzi waso ngokubonisana nokubambisana nayo yonke imigwamanda kanye nezikhungo ezinomthwalo yemfundo, uqeqesho kanye nokuqinisekisa amazinga azokuthintwa yi-NQF. Kufanele futhi ihambisane namalungelo kanye namandla ahlukene ale migwamanda ngokoMthethosisekelo kanye nemithetho eshaywe yiphalamende. Ihovisi le-SAQA linomthwalo wokusentshenziswa kwenqubomgomo kanye nezinqumo zesigungu seziphathimandla. Ngonyaka ka-1998 i-SAQA yasabalalisa imithethonkombiso ngomgwamanda obizwa nge National Standards Bodies (NSB) lapho wamisa khona amalungiselelo okubhalisa imigwamanda emibili okuyi National Standards Bodies kanye ne-Standards Generating Bodies. Lemigwamanda inomthwalo wokukhiqiza futhi yenze izincomo ngeziqu kanye namazinga noma ukubhalisa ne-NQF. Imithethonkombiso ngesigungu sokuqiniseka ngamazinga eMfundo noqeqesho (The Education and Training Quality Assurance (ETQA) nayo yasakazwa ngonyaka ka-1998 yona yamiselwa ukugunyazwa kwemigwamanda yokuqiniseka ngamazinga emfundo noqeqesho (ETQA). Lemigwamanda yona inomthwalo wokugunyaza abezemfundo noqeqesho amazinga kanye neziqu ezibhaliswe ne-NQF, ukuqaphela okumisiweyo, ukuhlolisisa Ukuvivinya kanye nokwenza lula ukubhekwa kabezemfundo kanye nokubhalisa abasekeli. 10. Yiwaphi amagatsha e-SAQA futhi ziyini izinhloso zawo? Ukumiswa kwamazinga kanye nenqubo yokuqiniseka ngamazinga kulandela imigomo yemfundiso emibili: Ulwazi olungasentsheziswa kulomhlaba wamanje lwakhiwe ngokubambisana phakathi kwemikhakha eyahlukene emphakathini, ukusekela kwabezemfundo, abacwaningi kwezamabhizimisi, ukusukela kumsebenzi kuya kongoti bolwazi, kusuka kuhulumeni kuya ezinhlanganweni zemiphakathi, kusukela kubafundi kuya ko solwazi , lokhu kukhomba khona ukuthi ukwakhiwa kolwazi akusagcinelwe bona ongoti kwezolwazi kuphela ; Uhlelo lwemfundo lukazwelonke lwezemfundo kufanele lulingane nesidingo semfundo esezingeni lazo zonke izakhamuzi kanye nesidingo sokuhlinzekela izimo ezahlukene abafundi abangabhekana nazo mayelana nalokho okwakha imfundo kanye neziqu ezisebenzisekayo, lokhu ukuzimazisa phakathi kwezidingo zomphakathi kanye nezidingo zomuntu ngamunye. Umgomo wokufundisa wokuqala usufezekile ngamagatsha amiswe yi-SAQA. I-SAQA ngokwayo yakhiwe ngabantu abamele labo abathintekayo kwezemfundo noqeqesho eNingizimu Afrika. Amalungu e-NSBs nawo ayisibinelo salokhu kubambisana ekwakheni. I-NSB yakhiwe ngabamele imigwamanda eyisithupha yabathintekayo kazwelonke kanti igcizelela kakhulu : iminyango kaHulumeni, ubumbano losomabhizinisi, ubumbano lwabezemisebenzi, abezemfundo noqeqesho, izigungu ezinozwelo kanye nemiphakathi nezinhlangano zabafundi. Ngokwendabuko mancane kabi amaqembu kulawa aseke ahlala phansi axoxisana ngezemfundo noqeqesho kulelizwe. Ngaphezu kwalokhu amalungu e-SGB nawo akhetha emaqenjini athintekayo aphambili kwezemfundo noqeqesho, nalapha kuyamukelwa ukuthi ulwazi oludingekayo nolusebenzisekayo lwakhiwa ngokuxoxisana namaqembu amaningi. Ukuzinikela kwe-NQF's emfundweni noqeqesho olusekelwe phezu kwempumelelo njengendlela yokuletha uguquko ohlelweni lwemfundo noqeqesho eNingiizmu Afrika kufeza umgomo wokufundisa wesibili. Nokuchaza amazinga kanye neziqu kuzwelonke ngokwemiphumela yokufunda ngenqubo yokubamba iqhaza, i-NQF ibeka ngaphambili izimfuno zikazwelonke zamazinga aphezulu kunalezo. Isizwe asisenakusimela manje isimo lapho kukhona amakhono ahlukene phakathi kwalabo bafundi abaneziqu ezifanayo ngenxa yokuthi umqashi akabe esazi ukuthi iliphi ikhono elikhona; isizwe asisenakukumela futhi ukubandlululwa kwabafundi ngenxa yezinkolelo ezithile ngamakhono abo. Isizwe asinakukumela ukunganaki amazinga kanye neziqu zomhlaba wonke jikelele. Kafushane nje, imiphumela yokufunda , amazinga kanye neziqu kufanele kucace bha kungabi nakungabaza ngokuthi kungalindelekani kulowo mfundi osethole iziqu. Ngokumisa Imigwamanda ye-Education and Training Quality Assurance (ETQAs), i-SAQA isikwamukele ukuthi ukuletha amazinga kanye neziqu kuyinto okufanele igcinwe ngongoti kanye nabafundi, nabanye abathintekayo kulomkhakha. Iziqu kanye namazinga ahlukene ziyoletha izimfuno ezahlukene ekuthuthukiseni umgudu nokufeza lokho okufunwayo, ukuvivinya kanye nokufundisa. I-SAQA ayinandaba kakhulu nokuthi nokuqiniseka ukuthi bonke abezemfundo balandela umgomo kodwa inendaba nokuthi abafundi abathweswa iziqu azibhalise ne-NQF - iziqu noma amazinga bayakwazi ukukhombisa imiphumela yokufunda ngokweziqu noma ngokwezinga elichaziwe noma elimisiwe ku-NQF; nakuba kunjalo i-ETQA izoyihlolisisa imigomo yokufunda yabafundisayo abahlukene ngesikhathi bebhaliswa, ngalokho bayoqinisekisa abafundi kanye nabanye abasebenzisa uhlelo lwezemfundo ukuthi yinoma imuphi umfundi othathwe njengosephumelele ekuzimbandakanyeni nalomgomo wokufunda , ukuthi ukhombise imiphumela yemfundo edingekayo kulezo ziqu noma lelo zinga. Umgwamanda osesimeni esihle ukuqiniseka ngalokhu yilowo owakhiwe ngabamele bonke abathintekayo odabeni lweziqu kanye namazinga, okuyakuba yi-ETQA ebhekele leyo ndawo. Ngaleso sizathu, ngokomsebenzi wokuqinisekwe ngamazinga i-ETQA kufanele ibe nabayimele abathintekayo kuzwelonke ezingeni lokuthatha izinqumo lokhu kumelwa kuyokwenza isiqiniseko sokubika emphakathini kanye nokuvuleleka. i-SAQA "nnamagatsha "amabili" lokhu kusho umgwamanda wokuqiniseka ngamazinga nokumisa amazinga (Standards Setting and Quality Assurance). Amagatsha angaphansi kwaleligatsha lokumisa amazinga kukhona i-National Standards Bodies (NSBs) kanye ne Standards Generating Bodies (SGBs), kanti amagatshana angaphansi kwegatsha lokuqiniseka ngamazinga umgwamanda we-Education and Training Quality Assurance ETQAs). I-SAQA ingakhetha imigwamanda ezololisisa uma ibona kunesidingo salokhu. Imisebenzi ye-SAQA ibekwe kahle kumthetho we-SAQA sekukhulunyiwe vele ngayo ngenhla. Imisebenzi yemigwamana i-NSB's kanye ne-SGB's kubekwe kumthethonkombiso emiswe ngaphansi komthetho, i-South African Qualifications Authority (uMthetho ongunombolo 58 ka 1995): NSBs, iphephabhuku likaHulumeni elingunombolo 18787 (lomhlaka 28 Mashi) kanti inqubo yokugunyaza kanye nemisebenzi ye-ETQA kanye nabezeMfundo noqeqesho khona kubekwe kumthethonkombiso okhishwe ngaphansi koMthetho iSouth African Qualifications Authority (uMthetho ongunomolo 58 ka 1995): ETQAs, Iphephabhuku likaHulumeni elingunombolo 19231 (lomhlaka 8 Sephthemba). Ku NQF izifundo zihlelwe zaba zindima eziyishumi nambili . I-SAQA isungule imigwamanda ye-NSB's eyishumi nambili eyodwa ibhekene nokuhlela indima yayo. Lezindima eziyishumi nambili zimi kanje: NSB 01: Ezolimo nokongiwa kwemvelo NSB 02: Amasiko nobuciko NSB 03: Ezamabhizimisi, uhwebo kanye nezifundo zokuphatha NSB 04: Izifundo zokuxhumana kanye nolimi NSB 05: Imfundo, uqeqesho kanye nentuthuko NSB 06: Ukukhiqiza, Ubunjineli nobuchwepheshe NSB 07: Isintu kanye nezifundo ngenhlalakahle NSB 08: Umthetho, isayensi lezempi kanye nokuvikela NSB 09: Isayensi lezempilo kanye nesayensi lenhlalakahle NSB 10: ifizikhali (Physical), isayensi yizibalo (Mathematical), ikhompuyutha kanye nesayensi lezempilo NSB 11: Usizo (Services) NSB 12: Ukuhlela (Physical Planning) kanye nokwakha Ukumisa Amazinga Ukuqiniseka ngamazinga Imisebenzi ye-NSB's ibandakanya lokhu kulandelayo: * Ukuchaza kanye nokwenza izincomo izibhekiswe ku-SAQA mayelana nemincele yezindima kanye nohlaka lwezindimana ezingaphansi kwalezi; * Ukwamukela noma ukusungula ama-SGB's kulolohlaka lwendimana ezingaphansi, ukuqiniseka ukuthi umsebenzi wama-SGB's uyahlangabezana nezidingo ze-SAQA; * Ukwenza izincomo ku-SAQA mayelana nokubhaliswa kweziqu kanye namazinga; * Ukwengamela ukuhambisana nezikhathi kanye nokubuyekezwa kweziqu kanye namazinga; * Ukuxhumana ne- ETQA's; * Ukuchaza izidingo kanye nesimo sokuhlolisisa amazinga kanye neziqu. Ama-NSB's wona ngokwawo awakhiqizi amazinga neziqu kodwa engamela imisebenzi ezingeni laleyo ndimana Imisebenzi yama-SGB's ibandakanya lokhu kulandelayo: * Ukukhiqiza amazinga neziqu ngokuhambisana nezidingo zesigungu seziphathamandla kuleyo ndimana nakulelo zinga ; * Ukuthuthukisa amazinga ukuze ahambisane nezikhathi kanye nokubukeza amazinga; * Ukwenza izincomo ku-aNSB mayelana namazinga neziqu; * Ukwenza izincomo ngenqubo yokubhalisa abasekeli kanye nabahlolisisi noma imigwamanda yokuhlolisisa; I-ETQA ingasungula emkhakheni wezenhlalakahle, umkhakha wezomnotho noma umkhakha wezohlelo lwemfundo noqeqesho. Kuyosentshenziswa umgomo wokuphindaphinda okuncane kakhulu ekusungulweni kwe ETQAs lokhu kusho ukuthi ETQA iyogunyazelwa ukuba ibheke lokho eqondene nayo kuphela, kususelwa ebudlelwaneni bayo nalowo mkhakha ukuze umsebenzi wayo ungafani noma kuphindaphindeke umsebenzi wenye i-ETQA esivele ikhona. Umsebenzi we-ETQA's uyombandakanya lokhu okulandelayo: * Ukugunyaza abaletha imfundo; * Ukuthuthukisa izinga phakathi kwalabo abamelwe; * Ukuqapha imibandela; Ukubhekisia abalekeleli nokwenza lula ukuhlolisisa kulabo abamelwe; * Ukubhalisa abasekeli; * ukunikeza abafundi izitifiketi; * Ukubambisana neminye imigwamanda ehlolisisayo; * Ukuphakamisa izincomo ku-NSB ngamazinga noma iziqu ezintsha noma ukwenziwa ngcono kwalawo mazinga akhona noma lezo ziqu ezikhona; * Ukugcina imininigwane; * Ukuhambisa imibiko ku SAQA. I-ETQA yona ayimisi amazinga; bona baqiniseka ukuthi kukhiqizwa okuseqophelweni kanye nokucubungululisa amazinga neziqu ezibhalisiwe. Ngaphezu kwalokhu i-ETQA ayisiyo mlethi wemfundofundisayo; umsebenzi wayo ophambili nosemqoka ukuqiniseka ngeqophelo lemibandela kanye nokucubungulisisa labo abaletha imfundo abagunyaziwe. Uma benikwa igunya noma ukugunyazwa yi-ETQAs, abezemfundo kufanele bahambisane nalesisimo esilandelayo: * Babhalise njengabezemfundo ngokomthetho ofanele; * Babe nohlelo lokuphatha oluseqophelweni eliphezelu; * Bakwazi ukuthuthukisa, ukuletha kanye nokuhlolisisa umgomo wemfundo kumazinga neziqu ezithile ze-NQF; * Babe nezidingo ezanele ezifana nezemali, ezokuphatha kanye nezidingo zokusebenza ezithintekayo; * Babe nenqubo-mgomo yokukhetha abasebenzi, ukunconywa kanye nokuthuthukiswa; yokungenisa abafundi, ukubahola kanye nohlelo lokusiza; ukuphathwa komsebenzi owenziwa kwesinye isizinda kanye nalowo owenziwa lapho kusentshenzelwa khona; ukuphatha ukuhlolisiswa; * Babe nenqubo yokubika eyanele; * Babe nekhono lokufeza impumelelo abayifisayo besebenzisa lezo zidingo abanazo kanye nenqubo. i-SAQA iyasibona isidingo sokukwamukela ohlelweni abanikezi bemfundo/abafundisayo abangakwazi ukuhlangabezana nazo zonke izidingo zokunikwa igunya. Kulezizimo i-SAQA iyakuvumela ukugunyazwa okwesikhashana ngalesisikhathi lowo onikeza ngemfundo kufanele angenele uhlelo lokuthuthukiswa olwenzelwe ukuba lowo mnikeli wemfundo akwazi ukuhlangabezana nezidingo zokugunyazwa. Ngaphezu kwalokho imibandela yokugunyazwa iyonikwa kuphela uma izimfuno (interest) zabafundi zivikelekile ngalesisikhathi sokuthuthukisa. 11. Liyogcinwa kanjani iqophelo ekuvivinyeni? I-SAQA ilubeke lwaqonda ngqo uhlelo olungasentshenziswa ukuhlolisisa kuze kuqinisekwe ukuthi kubhekwa ezinye izindlela ezingalandela esikhundleni saleyo yendabuko yokubhala ukuhlolwa kanye. Ngempela ukubuyekezwa kwemiphumela kukhombisa ukungafaneleki kwalendlela yokuhlolisisa lawo makhono. Ezinye izindlela zokuvivinyisiswa kuthwesa ubunzima kuloluhlelo ukuze kuqinisekwe ukuthi kunokulunga kanye nokutolika okungaguquki kwamazinga adingekayo kuma-ETQA ahlukene lokhu kuvikela ukungayiphambili kwamazinga. Uma ngabe kusentshenziswa amazinga ahlukene kuloluhlelo ukuthembeka kanye nokuhlonipheka kwaloluhlelo kuyathunazeka. Ukuze kuqinisekwe ukuthi lokhu akwenzeki i-SAQA isimise izindlela zokuqapha eziningi. Noma iliphi izinga noma iziqu ezilethwe ku-NQF ukuba zibhaliswe kufanele: * Ibeke kucace inqubo yokuvivinyisisa kwempumelelo yokufunda; * Ibeke inqubo yokubhaliswa kwabasekeli bemiphumela, nokuthi * Bakhombise izimo zokuhlolisisa kubandakaywa kanye nezincomo zokuhlolisisa noma umgwamanda wokuhlolisisa imiphumela. Ngakho ke , abaphakamisi beziqu namazinga banendima enkulu ekumele bayidlale ekumiseni amazinga angenadinda kanye nezidingo ezihambisana nalokhu. Ngaphezu kwalokhu phakathi kwemisebenzi ye-ETQA kukhona nalena: * Ukubheka ukuhlolisiswa kanye nokwenza lula phakathi kwalabo ababamele; * Ukubhalisa abasekeli balabo ababamele ngokwenqubo emiselwe lenhloso; * Ukubambisana nayo yonke imigwamanda ethintekayo eqokelwe ukuhlolisisa wonke ama- ETQA. Nakhona inqubo yokuqinisekisa ngamazinga, kunokugcizelela okukhulu kwenqubo yokuhlolisisa ukuze kube nesiqiniseko ukusentshenziswa kwamazinga kubo bonke abezemfundo. Ekugcineni i-SAQA inelungelo lokuqoka umgwamanda ozohlolisisa uma ibona kufanele ukuze iqiniseke ukuthi imiphumela emiswe kumazinga neziqu ze-NQF kulungile, kungokwangempela futhi kungathenjwa kuwo wonke ama-ETQA ahlukene noma abezemfundo. 12. I-SAQA ingaqiniseka kanjani ukuthi izinqubo-migomo zabo ziyamukeleka kulabo abathintekayo kwezemfundo? I-SAQA ikubeka kucace ukuthi i-NQF kufanele imiswe emva kokubonisana kanye nokubambisana nayo yonke imigwamanda kanye nezikhungo ezinomthwalo wezemfundo, uqeqesho kanye nokukhipha izitifiketi ngamazinga athintekayo yi-NQF. Futhi umthetho we- SAQA usibeka sicace isidingo se-SAQA sokwenza umsebenzi waso ngomoya wokubambisana kanye nokubonisana kuyinkomba yokuzinikela kukaHulumeni omusha wentandoyeningi emgomeni wokumelwa kanye nokubamba iqhaza kwazo zonke izikhungo zomphakathi ezithintekayo. Ukugcizelela ekumbandakanyeni kususelwa emlandweni wokushiywa ngaphandle kwemikhakha eminingi yomphakathi ekuthathweni kwezinqumo ngezemfundo noqeqesho. Njengesibonelelo, amakhono okwakumelwe athuthukiswe kanye nalokho okumele kufundwe esikhathini esedlule kwakenziwa yilabo ababezibiza ngongoti kwezemfundo, ngokuvamisile kwakuba ngabafundisi abasezikhungweni zemfundo, noma "abafundisayo" ngale kokubonisana noma ngokubonisana okuncane nalabo abasebenzisa leziziqu njengabamabhizimisi, izinyunyana kwezemisebenzi kanye nabafundi. Lokhu kwaholelwa ekugxekweni ngokuthi kwakungekho ukuhambisana phakathi kwalokho okwakufundiswa ezikhungweni zemfundo kanye nalokho okudingekayo kwezemisebenzi noma ukuqhuba izifundo. Ngaphezu kwalokhu kwakungekho ukubonisana noma ukubambisana phakathi kukangqongqoshe wezemfundo kanye noNgqongqoshe wezamandla abasebenzi bakaHulumeni owedlule; nabezimboni noma abezinkampani noma nombuso; phakathi kwabezemfundo kanye nabezoqeqesho. Lokhu kwakusho ukuthi akukho ndlela okakungaxhunyaniswa ngayo ukufunda phakathi kwezikhungo zokufunda ngokwazo noma kwezifundo ezazifundwa - iziqu zahlala zibhekiswe kulowomkhakha othile kuphela, zigcike kuleyondawo noma kuleso sikhungo kungekho noma nokuncane ukuxoxosana phakathi kwezikhungo zokufunda. Nakuba sekunesiko lokubonisana nokubambisana ohlelweni lokuthatha izinqumo kuleNingizimu Afrika entsha, isizathu esibalulekile nesizwakalayo ngokumelwa ekuthathweni kwezinqumo mayelana nokuthi kufanele kube yini imiphumela yokufunda noma ukuthola iziqu ezithile , ngokudingeka noma ukusebenziseka. Ukuze iNingizimu Afrika ikwazi ukubhekana naloluguquko kwezemvelo kubalulekile ukulalela wonke amazwi kulomkhakha wezemfundo kaHulumeni, abafundisayo , abezamabhizimisi, abezemisebenzi, abalethi bemfundo kanye noqeqesho uma kungabalwa nje abambalwa. Inqubo yokubandakanya abanye ekumseni amazinga kanye nokwakha iziqu kuyosiza ekunakekeleni inkombiso entsha ngokushesha okuyokwenza isiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika nayo iyahambisana neziguquko nentuthuko ezenzekayo emhlabeni wonke. I-SAQA izinikele enqubeni yokubonisana nomphakathi uma ithuthukisa inqubomgomo kanye nokusenthenziswa kwayo. Iziqu kanye namazinga kudingeka ukuba zidlule kwinqubo yokubonisana nabathintekayo kulendima kanye nokubonisana okubanzi, lapho umphakathi wonkana uyonikezwa ithuba lokubuyekeza bese wenza iziphakamiso ngalawo mazinga ahlongozwayo. Ngaphezu kwalokho zonke iziqu kanye namazinga ayohanjiswa ku Reference Group eyakhiwe yizinhlangano ezimele abakhubazekile kanye nalowo mkhakha womphakathi obushiwe ngaphandle ukuze benze iziphakamiso ngaphambi kokuba abhaliswe nemizamo yokuqiniseka ukuthi amazinga kanye neziqu ezihlongozwayo aziwubandlululi ngokungafanele lomkhakha womphakathi Ekwenzeni umsebenzi wayo wokuqiniseka ngamazinga , i-ETQA kudingeka ibe nokumeleleka kwabo bonke abathintekayo kuzwelonke . Inhloso ebalulekile yalokhu kumelwa ngukuqiniseka ngokubika emphakathini kanye nokuvuleleka (transparency). Ngaphezu kwalokhu yonke imibhalo yenqubomgomo ye-SAQA yabhalwa ngenqubo yokubonisana nabo bonke abathintekayo bese usakazwa ephephabhukwni likaHulumeni ukuze umphakathi wenze iziphakamiso. Zonke iziphakamiso zamalungu ezigungu ze-SAQA, ngaphandle kwesigungu seziphathamandla akhishwa kuleli phephabhuku likahulumeni ngaphambi kokuba labobantu baqashwe ukuze umphakathi wenze iziphakamiso. Ngaphezu kwalokhu yonke imibhalo ye-SAQA esephephabhukwini likaHulumeni okudingeka umphakathi wenze iziphakamiso ngayo iyakhiswa ku website (http://www.saqa.org.za). Ngalendlela i-SAQA iyaqiniseka ngokuvuleleka kanye nokubambisana ngomsebenzi wayo. Uhlelo lwemfundo noqeqesho olwakhiwe ngenqubo yokubambisana kanye nokuxoxisana ngenhloso yokuhlangabezana nazo zonke izidingo zabantithekayo luyamukeleka futhi lwethenjiwe emphakathini okuzosentshenziswa kuwona kunokuba kungenzekanga lokhu. Ngaphezu kwalokhu i-SAQA njengomgwamanda ongumhlahlandlela ohlelweni lwe Ningizimu Afrika ayincemile "iyengamela" lokhu kusho ukuthi ayisiwo umnyango kaHulumeni noma igatsha likaHulumeni, ayisungulwanga ngosomabhizimisi noma abezemisebenzi ayixhumene futhi nakwabo mkhakha wezemfundo. Ngalesisizathu i-SAQA izimele ayixhumene nezinhlelo zalemikhakha ngakho iyakwazi ukugcina isithunzi sayo ekuxoxisaneni phakathi kwabathintekayo kwezemfundo nezoqeqesho bona ababuye babe nezifiso noma nezimfuno eziphambanayo. Umthetho we-SAQA uyisibonelo somthetho onika amandla (enabling legislation) - ayikhiphi imiyalelo evela "ngaphezulu" kodwa ivumela ukuthuthuka kwe-NQF njengeyakhiwe ngumphakathi incazelo yayo ngukuxoxisana nabantu futhi iyoqhubeka ingemiswe ngabantu yabantu. Ingukuhlelwa kwemiqondo yolwazi, imicabango nokwenza kwabaseNingizimu Afrika abavela ezisekelweni ezahlukene imele imibono eyahlukene yomhlaba. Isisekelo salesi sakhiwo ukubambisana ngokwentango yeningi, ubuhlakani kanye nokuba khona kwezidingo - umcabango osenkabeni ye-SAQA intuthuko nokusebenza kwe-NQF. 13. I-SAQA iqinisekisa kanjani ukuthi amazinga akhona kuwo onke ama-NQF? Okuyompokophelo ye-NQF kusekelwe ngaphansi komcabango wamaqophelo kuloluhlelo olusha. Ngaphezu kwalokho i-NQF isekela amazinga abandakanya ukumisa amazinga kanye neziqu ngaphambi kokubhalisa ne-NQF zikalwa ngomgomo ovelwa ezimpokophelweni ze-NQF ukuze kuqiniseke ukuthi iyahlangabezana nenqubo yomhlahlandlela weziqu ohlanganyelwe nosekela ukufunda impilo yonke. Ngokufanayo, isisekelo sikazwelonke nesomhlaba wonke sokuqiniseka ngempumelelo yalamazinga kugxile ekutheni kukhombisa imigomo kanye nezimpokophelo ezifanayo. Ngokuletha ndawonye yonke imigomo kanye nenqubo yokwakha, amazinga athuthukiswe ngokubambisana yizigungu ezinokumelwa nenqubo ye-NSB kanye ne-SGB bese kubhaliswa umhlahlandlela, kuyoqiniseka ngokusebenza nangempumelelo yabo bonke abasebenzisa loluhlelo lokufunda lwe-ETQA. Uhlelo lona ngokwalo lukhombisa inqubo yokumelwa kanye nokubambisana kwezigungu. Kuyisiqiniseko sokuthi iqophelo lamazinga nempumelelo sekuvalekile. Kungenxa yokuvala leso siyingi lapho uhlelo luvumela inqubekelaphambili ekwakhiweni kwamazinga neziqu nokuhlolisisa amazinga neziqu yilabo abawasebenzisayo lamazinga neziqu. Ngamanye amazwi i-NQF iluhlelo lokuqinisekisa nokuqhubeka nokuqinisekisa abafundi nabanye abasebenzisa imfundo nohlelo lokuqeqesha ukuthi amaphuzu, imiklomelo kanye nezitifiketi ezikhishwe ngesikhathi kufundwa ziyahambisana namazinga abhalisiwe kulomhlahlandlela kanye nokuthi yonke imibandela ilethe imfundo ngamazinga afanayo nalawo okunikezwa igunya. Ukumbandakanywa kwabathintekayo kulesisiyingi samaqophelo kuletha isiqiniseko sokuthi umthwalo wokumisa amazinga kanye nokulethwa kwemfundo noqeqesho oluseqophelweni kusemahlombeni alabo ababambe iqhaza kulenqubo ye-SAQA. 14. I-SAQA ikwamukela kanjani obesekufundiwe ngaphambilini (Recognition of Prior Learning (RPL)? Enye yezimpokophelo ze-NQF isidingi sokwenza lula ukuthola imfundo, inqubekelaphambili kwezemfundo, uqeqesho, kanye nezintuba kanye nesidingo sokusheshisa ukulungisa lokho okoniwa ubandlululo lwesikhathi esedlule kwezemfundo , uqeqesho kanye namathuba emisebenzi. I-SAQA inensalelo yokuba ifezekise lezimpokophelo ezimbili, ukuthola indlela yokwamukela ukufunda okwenzeke ngaphandle kwalokho okwakumisiwe kwendabuko okuyikhona bekwamukelwa njengemfundo efanele esikhathini esedlule. I-SAQA isikhombise inhloso yayo yokukhulumisana namagatsha ngalendaba ye-RPL njengendlela yokufezekisa ngokwenza lezizimpokophelo. I-SAQA ikhulume ngayo ngqo i-RPL kumthethonkombiso ye-NSB kanti futhi ikhulumile ngayo kumithethonkombiso ye-ETQA. Kumthethonkombiso we-NSB kubekiwe inqubo yokubhaliswa kweziqu. Enye yezidingo ukuthi iziphakamiso ezihlongozwayo kufanele zikhombise ezimisweni ezemiklomelo ukuthi iziqu zingatholaka ngokuphelele noma ingxenye yazo ngokwamukela lokho okwakufundwe ngaphambili. Iphuzu eliphakanyiswa lapha ukuthi umqondo we-RLP umbandakanya noma kungelokhu kuphela, impumelelo yokufunda kokuya esikoleni, ukufunda kwangasese noma nokufunda okungesikho okwangasese kanye nolwazi olutholakala ngokusebenza. Kwmithethonkombiso ye-ETQA enye yemibandela yokunikezwa igunya njenge-ETQA kungokuthi umsebenzi we-ETQA kufanele kube ngokwenqubo izimpokophelo ze-NQF ngakho ngalezimpokophelo imigomo kanye nenqubo ye-RPL ziba futhi ngumthwalo we- ETQA ngakho lokhu kubhekwa enqubeni yokugunyazwa. 15. Yini enye eyenziwa liHovisi le-SAQA? I-SAQA inomthwalo wokuthuthukisa kanye nokulondoloza i-National Learners' Records Database (NLRD) (ukugcinwa kwamarekhodi jikelele). i-NLRD yokuqala yethulwa ngonyaka ka-1999. Uma ngabe isisungulwe kahle isinabasebenzi ngokwanele i-NLRD iyokwazi ukukhipha lemininingwane elandelayo: * I-SAQA kanye namagatsha ayo okuyilawa - (NSBs, SGBs and ETQAs); * Iziqu kanye namazinga abhaliswe ne-NQF; * Ama-ETQA anikwe igunya kanye nalabo baletha imfundo ; * Abasekeli ababhalisiwe ; * Izigungu zokuhlolisisa; * Impumelelo yomfundi ngayedwa. I- NLRD iyokwazi ukunikeza abenzi benqubomgomo imininigwane eyanele ukuze bathathe izinqumo ezihluzekile. I-SAQA inomthwalo wokubhekisisa iziqu zemfundo, ikakhulukazi uma abantu bakwamanye amazwe befisa ukuzofunda kulezikhungo zemfundo zaseNingizimu Afrika noma befisa ukuzosebenza eNingizimu Afrika. I-SAQA inomtapo wezincwadi lapho igcina khona izincwadi ezikhishwe yiyona i-SAQA kanye neminye imibhalo ye-SAQA kanye neminye imibhalo engase idingwe ngabasebenzi be-SAQA ekwenzeni umsebenzi wabo. Ingxenye yexokuxhumana kanye nengxenye yonobhala isiza i-SAQA ngemisebenzi yonobhala isigungu seziphathamandla kanye namakomiti ayo amancane adingekayo ekwenzeni imisebenzi yawo njenge Komiti elikhulu , ikomiti lezimali. 16. Imininingwane ongathinta ngayo i-SAQA Inombolo yocingo lwe-SAQA ithi (012) 346-5553 kanti inombolo ye fax (012) 346-5809. Uma ufuna ukuthola imininngwane ejwayelekile nge- SAQA kanye ne-NQF, xhumana nomtapo wezincwadi kulenombholo (012) 346-9103. Uma ufuna ulwazi ngokumiswa kwamazinga kanye nomsebenzi we-NSB's noma i-SGB's, xhumana nomkhakha wezokumiswa kwamazinga (Standards Setting division) kulenombolo yocingo (012) 346-9134 noma nge fax kulenombolo (012) 346-5812. Uma ufuna imininigwane ngokuqinisekisa ngamaqophelo kanye nomsebenzi we-ETQA, xhumana nomkhakha wezokuqinisekisa ngamaqophelo ( Quality Assurance division) ngocingo kulenombolo (012) 346-9108 noma nge fax kulenombolo (012) 346-5814. Uma ufuna imininingwane nge- National Learners' Records Database, xhumana ne-NLRD ngocingo kulenombolo (012) 346-9177. Uma ufuna ulwazi ngokucuthungulwa kweziqu zakwamanye amazwe shayela kulenombolo yocingo (012) 346-9158. Ungaxhumana nehovisi elikhulu ngocingo kulenombolo (012) 346-9153 noma nge fax kulenombolo (012) 346-5813. Ikheli le - SAQA lithi : I- SAQA isebenzela lapha : Postnet Suite 248 Private Bag X06 WATERKLOOF Pretoria 659 Pienaar Street (cnr Waterkloof Road) BROOKLYN Pretoria Ungathumele i-e-mail kulelikheli le-SAQA saqainfo@saqa.org.za or noma ungavakashela i- SAQA ku website yabo ethi http://www.saqa.org.za 17. Imibhalo yomthetho kanye neminye imibhalo ekhishwe yi-SAQA uMthetho we-SAQA (Ongunombolo 58 ka 1995) Imithethonkombiso ye-NSB (IPhephabhuku likaHulumeni unombolo 18787; lomhla ka 28 Mashi 1998) Imithethonkombiso ye-ETQA (Iphephabhuku likaHulumeni elingunombolo 19231; lomhla ka 8 Sephthembar 1998) Umbhalo we-NSB (Manual) Inqubo yokukhiqiza kanye nokucubungula amazinga kanye neziqu ku-NQF Inqubo kanye nomhlanhlandlela wama- ETQA Inqubo kanye nemihlahlandlela yabalethi bemfundo Umhlahlandlela wokusekela i-NQF ebhaliswe amazinga kanye neziqu I-SAQA ibuye ikhiphe isakaze izindaba ezisematheni nge-SAQA njalo njalo. Lencwanjana ephepha linye ikunika imininingwane ngokuqhubekayo mayelana nezentuthuko kanye nokusentshenziswa kwe-NQF. I-SAQA isakaza incwadi yombiko (bulletin) ngokuvamileyo okuhloswe ngayo ukuba abafundi bayo bahlale benolwazi olusha ngezinqumo nangentuthuko eyenzekayo ku-SAQA kanye nezimpikiswano ezikhona. Inikeza ithuba lokubhekisisa ngokwakhayo i-NQF kanye nezindaba ezihambisana nayo. Incwadi yombiko ka (Meyi 1997) iyaheha kakhulu ngoba iqukethe izinqumo ze-SAQA mayelana nokusungulwa kwe-NQF. IMithetho ethintekayo * UMthetho ngeNqubomgomo yezeMfundo kaZwelonke * uMthetho i-South African Qualifications Authority * uMthetho wezeMfundo ePhakeme * uMthetho wokuThuthukisa Amakhono * uMthetho weZimali zokuThuthukisa amaKhono * uMthetho wokuNqubo Imfundo noQeqesho * uMthetho wezikole zaseNingizimu Afrika 18. Ukuchazwa kwamagama asentshenzisiwe (ngokwemithethonkombiso ye-NSB kanye ne-ETQA) Ukugunyazwa Kusho ukunikeza umuntu, umgwamanda noma isikhungo esithile igunya lokwenza umsebenzi othile ngesikhathi esithile wenziwe lomsebenzi kufanele wenziwe ngohlelo lokuqiniseka ngamaqophelo amiswe isigungu seziphathamandla saseNingizimu Afrika ngokoMthetho we-SAQA Ikhono Lokusentshenziswa osekufundiwe Kusho ikhono lokusebenzisa esimeni esifanele ulwazi olutholakale ngokufunda kufundelwa lezo ziqu ezitholiwe Umsekeli Kusho umuntu obhaliswe nesigungu sokuqiniseka ngamazinga emfundo noqeqesho ngokuhambisa ngokwenqubo esungulelwe lenhloso yi-Standards Generating Body, ukuze inkale impumelelo yamazinga neziqu ze-National Qualifications Framework Imiphumela eyakhayo Kusho imiphumela ecebisa zonke ezemfundo zoqeqesho Umgwamanda wokuqiniseka ngamazinga kwezemfundo noqeqesho (ETQA) Kushiwo umgwamanda ogunyazwe ngaphansi kwesigaba 5(1)(a)(ii) somthetho i (SAQA) . Lomgwamanda unomthwalo woku qapha kanye nokucubungula imiphumela ngokwamazinga kanye namaqophelo kazwekonke anikwe futhi umsebenzi othile ohambisana nokuqapha kanye nokucubungula amazinga kanye namaqophelo kazwelonke ngokwesigaba 5(1)(b)(i) soMthetho we-SAQA Imiphumela yezinga lokuphothula Kushiwo imiphumela okufanele izuzwe umfundi osezozuza iziqu ethubeni lapho esephothula uhlelo lokufundela lezo ziqu abezifundela Ukusekela okuhlanganisiwe Kushiwo lolo hlobo lokuhlolwa lapho umfundi enikezwa imvume yokhombisa ikhono lokusebenzisa lokho asekufundile ngokusebenzisa izindlela ezahlukene zokuhlola Umgwamanda wokuhlunga Kushiwo umgwamanda okhethwe ngokukhethekile yisigungu seziPhathimandla ngenhloso yokuthi uhlunge National Standards Body (NSB) Kushiwo umgwamanda obhaliswe ngaphansi kwesigaba 5(1)(a)(ii) somthetho we-SAQA. Lomgwamanda unomthwalo wokusungula amazinga kanye neziqu zemfundo noqeqesho kanti futhi unikwe omunye umsebenzi othile okhethekile ohambisana nokubhaliswa kwamazinga kanye neziqu kwezemfundo noqeqesho ngokwesigaba 5(1)(b)(I) soMthetho i (SAQA) . Imiphumela Kushiwo ukukhombisa umongo wezithelo zenqubo yemfundo . Okuzobhekwa phambili (primary focus) Kushiwo umsebenzi noma impokophelo emkhakheni othile lapho inhlangano noma umgwamanda ugxilisa khona imizamo yawo Standards Generating Body (SGB) Kushiwo umgwamanda obhaliswe ngakwesigaba 5(1)(a)(i) somthetho we-SAQA . Lomgwamanda unesibopho sokusungulwa amazinga kanye neziqu kanti futhi inikezwe umsebenzi okhethekile ohambisana nokusungulwa kwamazinga neziqu kwezemfundo noqeqesho emiswengaphansi kwesigaba 5(1)(b)(i) somthetho we-SAQA. Unit standard Kushiwo isitatimende esibhalisiwe semiphumela yezemfundo noqeqesho yalezo zifundo ezihlosiwe kanye nenqubo yokuhlowa kanye nokuphathwa kwayo kanye neminye imininingwane emiswe kumthethonkombiso UKUFINGQWA KWAMAGAMA NQF: The National Qualifications Framework SAQA: The South African Qualifications Authority ETQA: Education and Training Quality Assurance body NLRD: National Learners' Record Database NSB: National Standards Body SGB: Standards Generating Body 19. Imithombo okucashulwe kuyo kanye Namanithi Umlando we-NQF ususelwe emsukeni we- NQF okwethulwa ngabasebenzi be-SAQA ngomhlaka 29 ku Meyi ka 1998 ngu Adrienne Bird, umqondisi oyinhloko , womkhakha wezamandla abasebenzi kanye nosizo kwezokuqashwa nokuqasha emnyangweni wezemisebenzi, kanye no Mnu S M Pityana, ongumqondisi jikelele emnyangweni wezemisebenzi "eNgqungqutheleni ye-National Qualifications Framework" ngomhlaka 22-24 ngo Apreli ka 1996, emagcekeni e-Technikon South Africa, e-Johannesburg. * Ball, Sir Christopher (1996): Life-long learning for the 21st Century, keynote address at the 21st Improving University Teaching Conference, the Nottingham Trent University, Nottingham, UK * Barnett, Ronald (1994): The Limits of Competence: Knowledge, Higher Education and Society, London: Society for Research into Higher Education * RSA (1995): South African Qualifications Authority Act (Act No. 58 of 1995), Government Gazette No. 1521 (4 October) * RSA (1998): Regulations under the South African Qualifications Authority Act (Act No. 58 of 1995): NSBs, Government Gazette No. 18787 (28 March) * RSA (1998): Imithethonkambiso ngaphansi kwe South African Qualifications Authority Act (Act No. 58 of 1995): ETQAs, iPhephabhuku likaHulumeni uno. 19231 (8 September) * SAQA (1996): SAQA Bulletin 1.1, South African Qualifications Authority * (1994): A Discussion Document on a National Training Strategy Initiative, National Training Board * (1994): A Policy Framework for Education and Training, African National Congress * (1994): Implementation Plan for Education and Training, CEPD * (1995): Ways of Seeing the National Qualifications Framework, Human Sciences Research Council * (1995): White Paper on Education and Training, Notice 196 of 1995 (15 march), Department of Education * (1998): The Star newspaper (24 July), ithatha amazwi ka Mamphela Ramphele * Internal working documents compiled by SAQA staff: Mr M Cosser, Ms G Elliott, Mr J Gunthorpe, Ms S Mokhobo-Nomvete and Mr J Samuels, Iphephabhuku lika Hulumeni Vol. 393 Pretoria 28 Mashi 1998 elingunombolo. 18787 - iGazethi loMthethonkambiso unombolo. 6140 - IPHEPHABHUKU LIKAHULUMENI SOUTH AFRICAN QUALIFICATIONS AUTHORITY NO. R 452 28 Mashi 1998 - IMITHETHONKAMBISO NGAPHANSI KOMTHETHO I-SOUTH AFRICAN QUALIFICATIONS AUTHORITY ACT KA 1995 (UMTHETHO ONGUNOMBOLO 58 KA 1996) I-South African Qualifications Authority ngokuvumelana noNgqongqoshe wezeMfundo yena oyobe esebonisane noNgqongqoshe wezeMisebenzi zimise lemithethonkambiso ekulelisheduli ngaphansi kwesigaba se-14 soMthetho I-South African Qualification Authority ka 1995 ( Umthetho unombolo 58 ka 1995) ISHEDULI ISAHLUKO 1: IMIBANDELA EJWAYELEKILE 1. Izincazelo ISAHLUKO 2: UMHLAHLANDLELA WAMAZINGA KAZWELONKE (NATIONAL QUALIFICATION FRAMEWORK) 2. Ukusungulwa. 3. Uwakhiwa/isakhiso soMhlahlandlela wamaZinga 4. Abachazi Bamazinga 5. Ukwabiwa kwamazinga amaqophelo kanye naziqu 6. Ukubhaliswa kwamazinga kanye neziqu emhlahlandleleni kaZwelonke wamaZinga 7. Okudingekayo uma ubhalise ama -unit standards kanye namazinga 8. Okudingekayo uma ubhalisa amazinga kanye neziqu 9. Okudingekanyo nokwengeziwe uma ubhalisela amazinga emabangeni 1 kuya 4 kanye nebanga 5 kuya 8 10. Inqubo yokubhalisa amazinga neziqu 11. Ukubhaliswa kwamaZinga okwesikhashana ISAHLUKO 3 : NATIONAL STANDARD BODIES 12. Ukusungulwa 13. Ukubhaliswa kwama National Standard Bodies 14. Ukusula ekubhaliseni kwama- National Standard Bodies 15. Ubulungu kuNational Standard Bodies 16. Ukuqokwa/ukwenyulwa kwamalunga eNational Standard Bodies 17. Amaqembu okuzobhekwa kuyo(Reference Groups) 18. Ukushiya isikhundla kwamalunga e-National Standard Bodies kanye nokugcwaliswa kwalezo zikhundla. 19. Umsebenzi we-National Standard Bodies. ISAHLUKO 4: IMIGWAMANDA EYENZA AMAZINGA (STANDARD GENERATING BODIES) 20. Ukwamukelwa kwama - Standard Generating Bodies 21. Ukuhoxiswa kokubhaliswa noma ukuchithwa Kwama- Standard Generating Bodies 22. Ubulungu kuma Standard Generating Bodies 23. Ukuqokwa kwamalunga e- Standard Geneting Body 24. Umsebenzi we- Standard Generating Body ISAHLUKO 5: IMITHETHO YENQUBO KANYE NOKUXHASWA NGEZIMALI KWAMA - NATIONAL STANDARD BODY KANYE NAMA STANDARD GENERATING BODY 25. Imithetho/izimiso zenqubo 26. Ukuxhaswa ngezimali kwemisebenzi ye-National Standard Bodies kanye ne- Standard Generating Bodies ISAHLUKO 6 : IGAMA NGOKUFINGQIWE 27. Igama ngokufingqiwe IZIXHUMELO * Izimiso zenqubo ye-National Standard Bodies ISAHLUKO 1 IMIBANDELA EJWAYELEKILE Izincazelo 1. Kulemithethonkambiso noma iliphi igama noma isisho esinencazelo esinike yona kulomthethonkambiso liyochaza lokho, ngaphandle uma umyalezo noma umngqondo womusho usho okunye - "Umthetho" usho umthetho I-South African Qualifications Authority ongunombolo 58 ka 1995; "ikhono lokusebenzisa okufundiwe ukwenza umsebenzi" kusho ikhono lukwazi ukusebenzisa lokho okufundiwe ngesikhathi kufundela iziqu usebenziswe lolo lwazi ukwenza umsebenzi; "umsekeli" kushiwo umuntu obhaliswe wuMgwamanda wokuQiniseka ngamaZinga eMfundo noqeqesho (National Education and Training Quality Assurance) ngokwenqubo esungulelwe lesisizathu yi Standard Generating Body, ukuze ukale impumelelo yomhlahlandela wamaZinga kaZwelonke kanye namazinga kanti ; igama elithi "umsekeli walabo akabamele" nalo linencazelo efanayo; "usihlalo" kushiwo usihlalo wesiGungu seziPhathimandla; "ikomiti" kushiwo ikomiti leziPhathimandla okukhulunywa ngalo esigabeni 7(1) yomthetho; "umongo wokufunda" kusho ukufunda okuphoqelekile okudingekile esimweni esithile edingekayo emazingeni athile kanti negama elithi "umongo" linencazelo efanayo; "amaphuzu (credit)" kusho isisindo esabelwe ama hora ayi (10) okufunda yisigungu seziphathimandla; "Iqembu elibuka ngeso lokuhlola (Critical Interest Group)" kushiwo inhlangano kazwelonke okubalulekile ukuba ibe khona ukuze kuphumelele imisebenzi ye National Standard Body ebhekwayo; "Impumelelo/imiphumela ebonakalayo (critical outcomes" kushiwo leyo miphumela enhlobonhlobo okususelwa kuyo ukufunda nokufundisa, kanti negama elithi "imiphumela ebonakalayo kwezemfundo noqeqesho" nalo linencazeli efanayo; "Umgwamanda wokuQiniseka ngamazinga Emfundo noQEqesho" (Education and Training Quality Assurance body) kusho umgwamanda onikezwe igunya ngaphansi kwesigaba 5(1)(a)(ii) somthetho, obhekene nokwengamela nokuqokelela impumelelo ngokwamazinga namqophelo kazwelonke, onikwe nomsebenzi ekhethekile ngaphansi kwesigaba 5 (1) (b) (I) soMthetho wokwengamela nokuqongelela impumelelo yamaqophelo namazinga kuZwelonke; "ukukhetha okuzofundwa" kushiwo ukuqoka ezinye izifundo ezengeziwe ebangeni lomhlahlandela wamazinga kazwelonke, okungakhetha kuzo ukuze kube nesiqiniseko sokuthi kufinyelelwa amazingeni aphezulu, kanti igama elithi "ukukhetha" nalo linencazelo efanayo; "Ikomiti Eliphethe " kushiwo ikomiti elisingulwe ngaphansi kwesigaba 7(1) soMthetho ukuze lenze umsebenzi othile eliwunikwe isiGungu seziPhathimandla elizowenzela zona; "Onesikhundla kulelIkomiti Eliphethe" kushiwo umuntu oqokwe ngaphansi kwesigaba 4(8) soMthetho; "Imiphumela yokuphothula ibanga " kusho imiphumela etholwa umfundi osezophumelela osesebangeni lokuphothula lokho abekufundela ; "indima" kusho umkhakha othile wokufunda osentshenziswa njengendlela yokulungisa umhlahlandlela wamazinga kazwelonke (National Qualifications Framework); "Ukufundwa okuyisendlalelo " kushiwo ukufunda okuba yisendlalelo salenzi zifundo ezizokwenziwa uma uqeqesho noma ukuqhuba izifundo ukuze umfundi athole iziqu noma ukuba nolwazi lomsebenzi othile, kanti igama elithi isendlalelo" nalo linencazelo efananyo; "Ukuhlolisisa okudidiyelwe" lokhu kusho indlela yokuvivinywa evumela umfundi ukuba asebenzise ikhono lakhe futhi isebenzisa izindlela eziningi zokuhlolisisa; "Abachazi bebanga" kusho isitatimende esichaza ibanga elithile kulamabanga ayisikhombisa oMhlahlandlela wamazinga kaZwelonke (National Qualifications Framework); "ilunga " kushiwo ilunga lesiGungu seziPhathimandla eliqokwe uNgqongqoshe ngokwesigaba 4 somthetho; "Ukubhekisisa okwenziwe" kushiwo inqubo yokuqiniseka ukuthi ukuvivinywa kwemiphumela echazwe kuMhlahlandlela kaZwelonke wamaqophelo namazinga kulungile, kuliqiniso futhi kungathenjwa; "Umgwamanda ozobhekisisa okwenziwayo (Moderating Body " kushiwo uMgwamanda oqokwe yiziPhathimandla ngenhloaso yokuba ubhekisise okwenziwayo; "uMgwamanda kaZwelonke wamaZinga (National Standard Body)" kushiwo umgwamanda obhaliswe ngaphansi kwesigaba 5(1)(a)(ii) soMthetho, obhekene nokusungula amazinga neziqu zemfundo noqeqesho kuzwelonke, onikwe futhi umsebenzi othile ngaphansi kwesigaba 5 (1) (b) (I) somthetho ophathelene nokubhalisa amazinga neziqu kuzwelonke; "Isikhathi sokufunda " kushiwo isikhathi sokufunda okucatshangwa ukuthi ngaso umfundi uyobe esekwazi ukufeza umphumela obekiwe, simbandakanya nesikhathi sokubonana nomfundi, isikhathi esisentshenziswe kufundwa endaweni yokusebenza noma ukufunda komuntu ngayedwa; "imiphumela" kushiwo impumelelo ethokala emva kwenqubo yokufunda ; "umfundi osegogodile (qualifying learner)" kushiwo umfundi osethole iziqu; "ukwamukela kolwazi olwatholakala ngaphambilini" kushiwo ukuqathaniswa kolwazi nemfundo eyatholakala ngaphambilini nempumelelo yalolo lwazi oludingekayo ukuze kuthoalake lolo lwazi lomsebenzi ukwamukela kwalolo lwazi oluhlangabezana nayo yonke imibandela; "Isinqumo okuvunyelwane ngaso (Resolution)" kushiwo isinqumo sesigungu seziphathimandla; "impumelelo ethile " kushiwo ukukhonjiswa kolwazi , amakhono kanye namagugu athile asekela impumelelo ebonakalayo; "sukufunda okukhethiwe " means that specialised theoretical knowledge which underpins application in the area of specialisation and "specialisation" has a corresponding meaning; "I-Standards Generating Body" kushiwo umgwamanda obhaliswe ngaphansi kwesigaba 5(1)(a)(ii) soMthetho, onomthwalo/ obhekene nokusungulawa kwamazinga neziqu kwemfundo ku Zwelonke, onikezwe futhi umsebenzi othile ophathelene nokusungulea kwamaziga namaqophelo kuzwelonke ngaphansi kesigaba 5(1)(b)(i) somthetho; kanye "unit standard" kushiwo isitatimende esibhalisiwe semiphumela yemfundo noqeqesho ehlosiwe nendlela okuzovivinywa ngayo kanye kokuphathwa kanye neminye imininngwane okukhulunywa ngayo. ISAHLUKO 2 UMHLAHLANDELA WAMAZINGA KAZWELONKE Ukusungulwa 2. Kusungulwa Umhlahlandlela wamazinga kaZwelonke (A National Qualifications Framework) ukuze ulethe usizo lokubhalisa amazinga neziqu kaZwelonke. Ukwakhiwa koMhlahlandlela wamaZinga kaZwelonke 3. (1)Umhlahlandlela wamazinga kaZwelonke uzoba nezigaba eziyisishiyangalombili , eziyokwaziwa ngesigaba 1 kuya ku 8, leso naleso sigaba siyochazwa ngegama laso elahlukile. (2) Isigaba sokuqala somhlahlandlela wamazinga kazwelonke siyoba esivulelekile futhi siyoba nezinye izigatshana ezincane ezintathu ngaphansi kwaso eseMfundo eyisisekelo yabadala kanye noQeqesho (Basic Adult Education and training) , lapho kungahle kwamukeliswa ngezitifiketi zokuphumelela kanti isigaba 8 naso siyoveleleka. (3) Isigaba sesi 8 soMhlahlandlela wamaZinga kaZwelonke siyohlukanisa izigatshana ezintathu ezichazwe lapha ngezansi: a. Isigaba 1 nangaphansi : Ukufunda okujwayelekile noqeqesho b. Isigaba sesi-2 kuya 4: Ukuqhubeka nemfundo noqeqesho c. Isigaba 5 kuya 8 :Imfundo ephakeme noQeqesho (4) Umhlahlandela wamaZinga kaZwelonke uyakuhlukaniswa izindima eziyishumi nambili , eziyoba: a. Indima 01: Ezolimo nokoNgiwa kweMvelo b. Indima 02 :Amasiko kanye nobuciko c. Indima 03 :EzamaBhizimisi, Ezentengiso kanye nezifundo zokuphatha d. Indima 04: Izifundo zokuxhumana kanye nolwimi/ulimi e. Indima 05: Imfundo, uQeqesho kanye nezeNtuthuko f. Indima 06: Ezezimboni (Manufacturing), Ubunjiniyela and kanye nobuchwepheshe /eTheknoloji g. Indima 07: Ubuntu kanye nezifundo ngomphakathi h. indima 08: Ezomthetho, isayensi yezempi kanye nokuphepha i. Indima 09: Isayensi lezeMpilo kanye nokuletha usizo emphakathini j. Indima 10: Ezomzimba , izibalo (isayensi yezibalo), Ikhompuyutha kanye nesayensi lempilo k. Indima 11: Usizo l. Indima 12: Ukudweba kanye nokwakha (5) Iziphathimandla ziyokwabela izindima incasiselo eyahlukile kuleyo naleyo ndima bese yehlukanisa leyo naleyo ndima ezindimaneni ezabelwe leso naleso Siphathimandla eziyobe sezinika futhi izichasiselo ezahlukele kuleo naleyo ndimana. Izichasiso zezindima 4. (1) Lowo nalowo Mgwamanda wamaqophelo kaZwelonke okukhulunywa ngawo kumthethonkambiso we 12 uyohlangana ubonisane nama Standard Generating Bodies okukhulunywa ngawo kumthethonkambiso wama 20 ngendima iNational Qualificatio Body oyasungulelwa yona ukuze ikhiqize umhlahlandlela wokucacisa leyondima okukhulunywa ngayo kumthethosisekelo 3 (1) kanye nezibonelo, okuyochaza inqubo yabo yokwabela amazinga izigaba, kanye nezinye izingxenye zamazinga kanye namazinga. (2) Iziphathimandla ziyonquma izichasiso zezigaba emva kokubonisana ne Nationa Qualification Body ukuze kuqinisekwe ngokulandelana phakathi kwezindima kanye nokwenza kube lula ukuqathanisa namazinga namaqophelo umhlaba wonke jikelele. Ukwaba Izigaba zabelwa namazinga neziqu 5. (1) Ukwabiwa kwezigaba ezinye izingxenye zanazinga kanye namazinga kuyokwenzeka ngendlela elandelalayo: a. Leyo naleyo National Qualifications Body okukhulunywa ngayo kumthethonkambiso we12 iyohlangna ndawonye ne Standard Generating Body okukhulunywa ngawo kumthethonkambiso wama-20 bese benza isivumelwano ngesigaba saleyo naleyo unit standard kanye neqophelo elilethiweyo ngesikalo sezigaba eziyisishiyangalolunye okukhulunywa ngazo kumthethonkambiso 3 , banakekele indlela yobububanzi nokuzika kolwazi, ubuciko kanye namagugu kuleyo ndimana kuyandise kanjani imfundo kanye nendlela owodwa noma emibili imiphumela ibonakala ingeqhamileyo nakuba ingxenye engumongo wempumelelo eqhunywe kuleyo unit standard b. Labo abayizishoshovu zokuthi amazinga kufanele esekelwe ama-unit standards bayokhwakha , ngokulandela izimiso zokudidiyela ama-unit standards abhalisiwe ezigabeni ezahlukene, amazinga anemiphumela yokuphuma/phothula engumsebenzi wakho kokubili amaqophelo athile asentshenzisiwe kanye nokudidiyela ama-unit standards akhethiwe ezigabeni ezahlukene ezibhalisiwe kanye nokudidiyela nayo yonke impumelelo kanti futhi kubhekisiswa indlela ulwazi, ubuciko kanye namagugu kuselo sigatshana ezitholakale (ngokwesikalo kusuka ku 1 kuya ku 8 okukhulunywa ngaso kumthethonkambiso 3) neminye imiphumela embandakanyiwe ekwenzeni umsebenzi . c. Labo abayizishoshovu zamazinga angasekeliwe ngama-unit standard bayokwakha ukudidiyela imiphumela yokufunda enempumelelo yokuphuma/yokuphothula awumsebenzi wempumelelo ephambili ambandakanya inqubo yokudidiyela yonke impumelelo, athathwa njengakhombisa (isikalo kusuka ku 1 kuya 8 okukhulunywa ngakhu kumthethonkambiso 3)okutholakale kuyo ukwazi, ubuciko namagugu kulesi sigatshana axhutshwe nayo yonke impumelelo. Ukubhaliswa kwamaZinga neziqu kuMhlahlandela wamazinga kaZwelonke 6. Lelo nalelo zinga kanye neziqu okuhlangabezana nezidingo zomthethonkambiso 7 kanye no 8 kuyobhaliswa kuMhlahlandlela wamaZInga kaZwelonke yiziPhathimandla kanti lelo nalelo ngalinye liyohlukaniswa incasiselo yaso eyahlukile. Okudingekayo uma ubhalisa ama unit standards kanye namazinga. 7. (1) Kuyokwakhiwa ama-unit standard ukuze asentshenziswe njenge bhuku lokwelekelela , umeluleki womfundi, umeluleki woMfundisi ukuze akwazi ukulungiselela izifundo futhi iyoba nalokhu okulandelayo: - a. igama le unit standard ; b. uphawu olukhombisa ukuthi ivunyiwe yiziPhathimandla ; c. inombolo ye unit standard ; d. isigaba saleyo unit standard kuMhlahlandela wamaZinga kuzwelonke; e. ikhredithi ehambisana ne-unit standard; f. indima kanye nendimana yaleyo - unit standard; g. usuku ekhishwe ngalo; h. usuku eyobukezwa ngalo; i. inhloso yaleyo - unit standard; j. ukufunda okuyobe kukhona ngaphambi kokuba le unit standard iqale ukusebenza; k. impumelelo okufanele ibhekisiswe; l. inqubo yokubhekisisa, kumbandakanywa nolwazi oluqukethwe; m. inqubo yokunikwa igunya (kumbandakanywa nokuhlola) leyo- unit standard; n. isitatimende esisolawula ibanga , ubungako kanye nesigaba esisentshenziswa kuma unit standard; kanye o. ingxenye yokuzobhalwa okufanele imbandakanye impumelelo ebonakalayo okukhulunywa ngayo kumthethonkambiso 7 (4) esekelwe ngama unit standards: kufanele imbandakanye ulwazi olubalulekile noma ngabe lungathintwanga kwinqubo yokubhekisisa futhi kungambandakanya olunye olwazi olwengeziwe ngama unit standard. (2) Impumelelo ebonakalayo okukhulunywa ngayo kumthethonkambiso 7(4) ziyombelwa ezitandathini ezithile ezimiswe kumthethonkambiso 7(1): Kuphela nje ukuthi uma ngabe isitandathi siyigxenye yezinga impumelelo ngeke imbelwe ezitnadathini kodwa iyoba yingxenye yezinga. (3) Impumelelo ebonakalayo iyombandakanya lokhu okulandelayo- a. ukuthola nokuxazulula izinkinga ngendlela okuzobonakala ngayo ukuthi kuthathwe izinqumo ezihluzekile futhi kucatshangwe kahle. b. Ukusebenza ngokupheleleyo njengelunga leqembu lenhlangano, lomphakathi. c. Ukuhlela nokuphatha kahle umsebenzi wakhe umuntu ngokuzinikela nangokuphelelyo. d. Ukuqoqa, ukuhlaziya, ukuhlela nokuhlolisisa lonke ulwazi olutholakakele. e. Ukuxhumana ngokupheleleyo ngokusebenzisa okubonwayo ngamehlo, imatemathikhi (isayensi lezibalo) noma ikhono lolimi ngokukhuluma noma ngokubhala okucengayo. f. Ukusebenzisa isayensi nobuchwepheshe (ithekhnoloji) ngokuyikho nokukhombisa ukuzinikela kwezemvelo nempilo yabanye. g. Ukubonakalisa ukuqonda umhlaba njengeqoqo lezinto ezinobundlelwana noma ezihlobeneyo nokwamukela ukuthi ukuxazulula izinkinga akukuphela kwakho. h. Ukubamba iqhaza ekuthuthukiseni lowo nalowo mfundi kanye nokuthuthukisa inhlalo kanye nomnotho wabantu bonke, ngokwenza kube yinhloso yanoma yimuphi umgomo wokufunda ukuba lowo nalowo muntu akwazi ukubaluleka kwalokhu: i. Ukubheka emuva osekwenziwa nokubheka ezinye izindlela ezintsha ezizokwenza ukufunda kube ngokupheleleyo nokunempumelelo; ii. Njengezakhamizi eziqotho ukubamba iqhaza ezimpilweni zabantu, emiphakathini yethu, kuzwelonke kanye nasemhlabeni wonke; iii. Ukuba nozwelo ngamasiko kanye nezinkolo zenhlalo yabantu bonke; iv. Ukubheka amathuba emfundo nawokufundela imisebenzi; kanye v. Nokuthuthukisa amathuba okuzakhela amabhizimisi. Okudingekayo uma uzobhalisa amazinga 8. (1) Amazinga ayo- a. mela uhlelo oludidiyelwe lwempumelelo yokufunda enenhloso noma izinhloso esimiswe kahle zacaca, okuhloswe futhi ukuthi inike labo bafundi abaphumelelayo amakhono aseke asetshenziswa kanye nesisekelo sokuthi baqhube izifundo zabo ; b. azokwengezelela ulwazi kumfundi ophumelelayo ngokumnothisa umfundi ngo: : kumnikeza isikhundla , ukwaziwa/ukugqama, incazelo ngomuntu (credentials) and nokumnika ilayisense/ukumvumela; ukuthuthukisa indlela okudingeka ngayoikhono lakhe emakethe yezemisebenzi namathuba okuqhashwa, ukuvuleka kwemikhondo yokwengezelela yemfundo noqeqesho; c. ukuletha inzuzo emphakathini kanye nomnotho ngokuthuthukisa izakhamuzi ' ukwandisa umkhiqizo wenhlalo yomphakathi nomnotho, ukuletha abantu abanakhono nabangongoti kwezolwazi kanye nokuguqula nokulungisa isimo sokungalingani; d. ukuhambisana nezimpokophelo zomhlahlandlela wamazinga kaZwelonke oqhukethwe esigabeni 2 soMthetho; e. iyoba nakho kokubili impumelelo ekhethiwe kanye nempumelelo engakhethe-ndima ethuthukisa ukufunda okuyoqhubeka impilo yonke: f. lapho okuphumelelekayo khona baba nezinhloso ezingaqhathaniseka nezomhlaba wonke; g. ukuhlanganisa ngokuphelelyo ukuhlola okuyikho ukuze kube nesiqiniseko ukuthi inhloso yezinga iyaphumelela , futhi lokhu kuhlola kuyosebenzisa izindlela eziningi zokuhlola ezakhayo neziqoqayo njengezikhundla ,ukulungisa kanye nokuhlolwa noma ukuvivinya ukusebenza kwabasebenzi emsebenzini (appraisal), ukuvivinywa ngokubhala noma okwenziwe ngomlomo; and h. ukukhombisa ezimisweni noma imithetho elawula ukuklonyeliswa ngamazinga ukuthi amazinga angatholaka wonke noma ngengxenye ngokwamukelwa lokho osekufundiwe, okuyinto eyoxuba ukufunda kwasesikoleni, ukufunda ngasese noma ulwazi olutholakala ngokusebenza nakuba kungekuphela kwazo lezindlela. (2) Kuyodingeka amaphuzu ayi 120 (ikhulu namashumi amabili) noma ngaphezulu ukuze ubhalisele amazinga esigabeni 1 kuya ku 8 kanti anga 72 kufanele kube atholakale kuleso noma ngaphezu kwaleso sigaba osibhaliselayo kanti inombolo kanye nezinye izigaba zalawa mphuzu asele angamashumi amane nesishiyangalombili ayoshiwo: Nakuba izinga elinamaphuzu angaphansi kwe -120 nalo lingamukela uma nje lihlangabezana nokudingekayo kumthethonkambiso 8(1) futhi lihambisana nezimpokophelo zoMhlahlandlela Wamazinga kaZwelonke okuqhukethwe esigabeni 2 soMthetho. (3) Isigungu seziphathimandla siyobhalisa amazinga ngokuhambisa ngohlobo nesigaba okuyotholakala ngokubheka inani lamaphuzu kanye nesigaba samaphuzu ngokulandela lenqubo elandelayo: a. Iziphathimandla ziyobhalisa izinga njengesitifiketi sikazwelonke esigabeni 1 kuya ku 8 uma kunamaphuzu ayi 120 (ikhulu namshunmi amabili) noma ngaphezulu, amaphuzu angu 72 alawo kube ngatholakale kuleso sigaba noma ngaphezu kwaleso sigaba leso esibhaliselwa isitifiketi: Kuphela nje ukuthi uma isigungu seziPhathimandla sesibheke sathola ukuthi izinga alinamaphuzu angaphansi kwadingekayo alihlangabezani nokudingekayo kumthethonkambiso, lezizidingo ezibhalwe ngenhla ziyochithwa bese kubhaliswa lelo zinga njengesitifiketi sikaZwelonke. b. Iziphathimandla ziyobhalisa izinga njenge Diploma kaZwelonke uma kunamaphuzu angama-240 (amakhulu amabili namshumi amane), okungenani amaphuzu anga 72 (amashumi ayisikhombisa nambili) etholakale esigabeni 5 noma ngaphezulu. c. Iziphathimandla ziyobhalisa izinga njengeziqu zokuqala (first national degree) kuZwelonke uma ngabe kunamaphuzu okungenani angama-360 (amkhulu amathathu namshumi ayisithupha) okungenani amaphuzu angama 72 ( amashumi ayisikhombisa nambili) kulawo maphuzu kufanele kube atholakale esigabeni sesi 6 noma ngaphezulu. (4) Isigungu seziPhathimandla siyobhalisa futhi wonke amazinga (angeke achazwe ngama unit standards) ahlangabezana nalokho okudingekayo ngokomthethonkambiso 11(1)(c) ngaphezu kwalokho okudingekayo kumthethonkambiso 8(1), 8(2), 8(3) kanye nomthethonkambiso (5) Isigungu seziPhathimandla ziyothi emva kokubhalisa zichaze lelo nalelo zinga ngenhlobo, isigaba kanye nenani lamphuzu kanye nesihloko, igama elichaza inhloso yalo ephambili yokuqala. Okunye okudingekayo ekubhaliseni amazinga esigabeni 1 kuya ku 4 kanye nesigaba 5 kuya ku 8 9. (1) Ukuze kubhaliswe izigaba 1 kuya ku 4 kuyodingeka futhi lokhu okulandelayo: a. kuyodingeka okungenani amaphuzu anga 72 ngaphezu kwaleso sigaba okufanele kukhishwe khona isitifiketi, okufanele kube ukufunda okuqavile, okufanele amaphuzu anga 20 (amashumi amabili) kube ngatholakale endimeni yezifundo zokuxhumana kanye nezolwimi ngaphezu kwalokho amaphuzu ayi 16 (ishumi nesithupha) kufanele avele ezifundweni zesayensi lezibalo/ imatemathikhi kanye neziphathelene nezinombolo uma isitifiketi kungesebanga loku 1. b. Kuyodingeka amaphuzu okungenani anga 36 (amashumu amathathu nesithupha) esigabeni 1 kanye namaphuzu angama 52 (amashumu amahlanu nembili) esigabeni sesi 2 kuya kwese-4 ayohlukaniselwa izinhlobo ezimbili phakathi kohlobo lomongo kanye nohlobo lokuzokhethela, kanti lelo nalelo zinga liyozisholo/ liyozikhethela ukwahlukaniswa kwamaphuzu adingekayo kulolo hlobo: Kuphela nje uma amaphuzu angeziwe emaningi ngokwenele ukuze abafundi bakwazi ukuqhuba eminye imikhakha abayithandayo. c. Ngonyaka ka 2002, okungenani amaphuzu ayi-16 (ishumi nesithupha) kulamaphuzu anga 52 (mashumi amahlanu nambili) edingekayo esitifiketini sesigaba sesi 2 ayobe esebhekiswe ekufundeni imatemathikhi. (2) Ngaphezu kwalokhu, uma kubhaliselwa isigaba sesi 5 kuya kwesesi 8 inani lamaphuzu adingekela izifundo eziqavile, ezingumongo kanye nalezo ozikhethela zona ziyomiswa, inani liyohambisana nalelozinga elizobhaliswa: Kuphela nje ukuthi Isigungu seziPhathimandla zingafuna kuvezwe izizathu zamanani kanye nokwahlukaniswa kwamaphuzu. Inqubo yokuBhalisa amazinga kanye neziqu 10. (1) I-unit standard , amazinga kanye neziqu ahlangabezana nalokho okudingekayo uma uzobhalisa kungahanjiswa esiGungwni seziPhathimandla ukuze kuyobhaliswa yinoma iyiphi inhlangano ekhiqiza lawo ma unit standards, namazinga kanye neziqu ngokusebenzisana noMgwamanda iNational Standards Body okukhulunywa ngayo kumthethonkambiso which 12. (2) Iziphathimandla zingabhalisa I-unit standards , namazinga kanye neziqu okuhlangabezana nezidingo zokubhaliswa isikhathi esiyiminyaka emithathu, lokhu kubhaliswa kungavuselelwa emva kokuphela kwesikhathi. (3) Ngenyanga yokuqala yonyaka wesithathu wokubhaliswa kwe unit standard , amazinga kanye neziqu, iziphathimandla ziyodinga ukuba uMgwamanda I Nationl Standards Body okukhulunywa ngawo kumthethonkambiso 12 ubukeze leyo naleyo unit standards, namazinga kanye neziqu okubhalisiwe bese ibhekisisa ukuthi kungavuselelwa yini ukubhaliswa kwayo: Kuphela nje ukuthi isinqumo sokuba kuvuselelwe ukubhalisa noma qha siyohambisana nezizathu zokuthi yingani kufanele kuvuselelwe noma qha futhi ziyokhombisa ukuthi inqubo okukhulunywa ngayo kulomthethonkambiso kuhlangatshezwene nayo. (4)Ama unit standard, namazinga neziqu okubhaliswe noMhlahlandlela wamaZinga kaZwelonke kuyakuba yimpahla yomphakathi. Ukubhaliswa kweziqu ngokwesikhashana 11. (1) Iziphathimandla, zinganikeza imvume yokubhalisa iziqu okwesikhashana esezike zavunywa ngesinye isithunywa esaziwayo iSigungu seziPhathimandla kusukela ngomhlaka 1 Julayi 1998 kuze kube umhlaka 30 Juni 2003 : Iqobo nje - a. lezo nalezo ziqu zilethwa kuleSigungu seziPhathimandla ngendlela egunyazwe yiSAQA, engakashayi umhlaka 1 Julayi 1998, kubhalwe lokhu; b. yilezo ziqu, ezibhaliwe zalethwa phakathi komhlaka 1 Julayi 1998 kanye nomhlaka 30 Juni 2000, ngendlela emiswe kumthethonkambiso 11(1)(c) noma ngeyodwa yezinqubo zeNational Standards Bodyukuzwe iqhutshelwe phambili; c. lezo ziqu ziyoqukatha- i. isitatimende senhloso yalelo zinga; ii. ukuthatha ukufunda okuvele sekukhona ngaphambi kwalomgomo okuholela kulelo zinga eseliqaliwe; iii. imiphumela yokuphothula leso sigaba okukhulunywa ngayo kumthethonkambiso 5(1)(b) kanye no (c) kanye nendlela yokuhlola ; iv. inani lamaphuzu adingekayo; v. ubuncane bamaphuzu adingekayo kuleso sigaba noma ubuningi bamaphuzu uma ngabe edlula kulawo amiswe kumthethonkambiso 8 noma 9; vi. ukuhlolwa okumbandakanyiwe nokufakwe ngendlela eyiyo ukuze kuqinisekwe ukuthi inhloso yeziqu iyafezeka; vii. ukubeka kahle obala okungahle kwenzeke okuhambisana neziqu (kungasentshenziswa indlela eyodwa kukho konke noma indlela ethile emisiwe yokusho); viii. inqubo yokubhalisa abasekeli; ix. ukubhekisiswa kwezintuba kumbandakanywa nezincomo zemigwamanda yokuhlolisisa; kanye x. lelo ziqu ziyahlangabezana nezidingo ezimiswe kumthethonkambiso 8 no 9; d. akukho ziqu eziyohanjiswa ukuba liyobhaliswa okwesikhashana ngemva 30 Juni 2003, futhi ukubhaliswa kweziqu ngokomthethonkambiso kuyophela ngalolo suku. ISAHLUKO 3 NATIONAL STANDARD BODIES Ukusungulwa 12. (1) National Standards Bodies iyoba ingxenye enkulu yeSigungu seziPhathimandla , iyobika kuso iSigungu seziPhathimandla kanti kuyosungulwa uMgwamanda owodwa waleyo naleyo ndima ngokuyalela kwesigaba 5 soMthetho, bese ubhaliswa iSigungu seziPhathimandla. (2) Uma kunendima engasungulelwanga I-National Standards Bodies noma ibhaliswe I-noma National Standards Bodies ebibhalisiwe isusuliwe noma isiGungu seziPhathimandla sibone kufanele, iSigungu seziPhathimandla yisona eziyothatha senze umsebenzi kanye nemithwalo obizokwabela I National Standards Body ngokujwayelekile. (3) Kuyomiswa National Standards Bodies waleyo naleyo ndima ngokusho komthethonkambiso 3(4). Ukubhaliswa kwe National Standards Bodies. 13. (1) Lowo nalowo Mgwamanda kuyothi emva kokusungulwa nokuqokwa kwamalunga awo unikwe isitifiketi sokubhaliswa yisiGungu seziPhathimandla , leso sitifiketi siyosebenza iminyaka emithathu kusukela osukwini iNational Standards Bodies esungulwe ngalo. (2) Leyo naleyo National Standards Body kuyothi njalo ngenyanga yokuqala enyakeni wesithathu ibhalisiwe ifake isicelo sokuba ibhaliswe futhi , inikeze izizathu zokuthi yingani kufanele uvunyelwe ukuba ibhaliswa bese ibeka futhi ngempumelelo eyifezile eminyakeni emibili eyedlule, Ukwesulwa kokubhaliswa kwe National Standards Bodies 14. National Standards Bodies ingesulwa ukubhaliswa uma, isiGungu seziPhathimandla sibona kufanele noma uma yehluleka ukwenza umsebenzi wayo ngokwanelisayo. Ubulunga kule National Standards Bodies 15. (1)Izinhlangano, eziyoba yimigwamanda ethintekayo kuzwelonke ezinozwelo neziyithandayo leyo ndima futhi ezingenayo kulezinhlobo eziyisithupha okukhulunywa ngazo kumthethonkambiso 16(2)(a), ziyomenywa ukuba zikhombe/ziphakamise amalunga azozimela noma azokwethamela iNational Standards Bodies. (2)Lawo malunga ayoqokwa yisiGungu seziPhathimandla emva kokubonisana nangokuhlanganyela naleyo migwamanda ethintekayo, nangokungakhohlwa ngamandla ePhalamemde naweziFundazwe, isidingo sokumelelelwa nokulingana, ukulungisa kanye nobungoti obudingekayo emsebenzini weNational Standards Bodies. (3) Amagama alabo bantu abaphakanyiswe ukuba basebenzele National Standards Bodies njengamalunga nanjengemigwamanda kazwelonke ethintekayo ayokhishwa ePhephabhukwini likaHulumeni bese kucelwa abantu ukuba baphawule ngokwamukela kwabo kanye nokumelwa kwemigwamanda kazwelonke ethintekayo nenozwelo kuleyo ndima. (4) Uma esevunyiwe amukelwa lawomalunga, isiGungu seziPhathimandla siyonika izitifiketi zokuqokwa kulowo nalowo muntu oqokiwe. (5) iSigungu seziPhathimandla siyakuba nelungelo lokuqoka amanye amalunga angeziwe kule National Standards Bodies ukuze kube nesiqiniseko ukuthi iNational Standards Bodies iyahlangabezana nezidingo zomthethonkambiso 16(1). UkuPhakanyiswa kwamagama abantu abazoba ngamalunga e-National Standards Bodies 16. (1) Izinhlangano ezifisa ukuphakamisa abantu ukuba basebenzele National Standards Bodies kufanele zibe ngezinozwelo ngesidingo sokulingana kanye nokulungisa kanti kufanele baphakamise abantu- a. abazokwazi ukubhekisisisa izindaba zomkhiqizo, ukulunga, ukuzwelana nomphakathi kanye nokuziqhathanisa nomhlaba wonke ezindabeni eziphathelene nezemfundo noqeqesho; b. ukuba nokuthenjwa kwezinye izingxenye ezahlukene zalabo ababamele, kulabo abahlonishwayo /abathenjwayo noma kungebona kuphela kufanele babe ngongoti kanye nolwazi lokusebenza kuleyondima , babe nolwazi olwanele kanye nenqubo yalezo zinhlangano ezibaphakamisile futhi bathole ukusekelwa nokusizwa ilezo nhlangano ezibaphakamisile; c. bakwazi ukumela nokulamulela izidingo zaleso sigaba nendima esentshenzwa yiNational Standards Bodies; d. bakwazi ukuthatha izinqumo ezihluzekile ezingeni eliphezulu; nokuthi e. bazinikele ekuxhumaneni okugxambili phakathi kwe National Standarsds Bodies kanye nalabo ababamele. (2) Izinhlangano ezifisa ukumelwa ku National Standards Bodies ziyolawula ezicelweni zazo zokumelwa yilokhu okulandelayo: a. Leyo naleyo National Standards Body iyokwakhiwa izinhlobo eziyisithupha zezinhlangano eziyokuba: Iminyango kaHulumeni, EzamaBhisini, Abezemisebenzi, AbezeMfundo noQeqesho, Namanye amaQembu enentshisekelo kanye noMphakathi /nezinhlangano zabaFundi. b. Lolo nalolo hlobo lwenhlangano luyovumeleka ukuba lube namalunga ayisithupha ayimeleyo kanti inani lamalunga e Nationa Stanards Body ayoba ngamashumi amathathu nesithupha (6) ngaphandle uma iSigungu seziPhathimandla zinquma okunye. c. Ngaphezu kweziyalelo okukhulunywa ngazo kumthethonkambiso 16(a) kanye no (b)- i. Abamele uHulumeni bayakumbandakanya noMnyango wezeMfundo nezeMisebenzi, uma kudingekile, neminye iminyango abamele iziFundazwe kanye nabamele izikole; ii. AbezamaBhizinisi kanye nabezemisebenzi bona bayakumelwa ngamalunga ayisithupha ngamunye, amalunga amabili kulawa kufanele abe nolwazi/ngongoti kwezenqubomgomo nokuhlolahlola bese kuthi abanye bazimbandakanye ngenkuthalo kulendima ye National Standards Body; iii. AbezeMfundo noQeqesho kufanele babe ngabamele iMfundo jikelele kanye nebutho lezoqeqesho, kanye nebutho lezeMfundo noqeqesho emazingeni aphezulu; iv. USihlalo weziPhathimandla noma ilunga eliphakanyiswe yisiGungu seziPhathimandla uyakuba yilunga ngokwesikhundla sakhe ku National Standards Bodies; v. Ilunga lekomiti elikhulu lesiGungu seziphathimandla noma ilunga eliphakanyisiwe liyakuba futhi lilunga le National Standards Bodies; nokuthi vi. Amanye amalunga eziPhathimandla angayethamela imihlangano ye National Standards Bodies emva kokuhlela noSihlalo we National Standards Bodies. Amaqembu okudlulisela (Reference Groupings) 17. (1) Kuyomiswa amaqembu okudlulisela ezinhlangano ezithintekayo emsebenzini we National Standards Bodies ngokuyalela kwesigaba 5 soMthetho. (2) Iqembu lokudlulisela liyo - a. kwakhiwa izinhlangano okukhulunywa ngazo kumthethonkambiso 17(1) elifake isicelo sokuba lifakwe ohlwini; b. Likhombise I National Standards Bodies, amazinga kanye neziqu athinta noma noma angathinta leyo nhlangano, nokuyothi leyo nhlangano ibe nokuvumeleka ukuwabona ngokudlula kuleliQembu lokudlulisela; c. Eliyotholakala ngokulibhalela ngokusebenzisa ikheli lenhlangano okukhulunya ngayo kumthethonkambiso 17(1) efake isicelo sokuba igama layo lifakwe ohlwini; d. Libe nokuvumeleka ukwenza iziphakamiso njengoba kukhonjisiwe ngamalunga ngokusungulwa ngokomthethonkambiso 17(3), I Standards Generating Body ephathelene namazinga neziqu kanye nokusebenza kwalokhu lapho kudingeka khona: Iqobo nje uma iziphakamiso zenziwe zingakapheli izinsuku ezingama -30 kusukela ngosuku okukhishwe ngalo isaziso esicela lesisi phakamiso; e. Bavumeleke ukucela ukuthi kumiswe ukubhaliswa kwezinga ngaphambi kokuba kubhekisiswe futhi kuphendulwe isiphakamiso: Iqobo nje ukuthi alikho iqophelo eliyobhaliswa ngaphambi kokuba kukhulunyiswane neQembu lokudlulisela ngeposi; nokuthi f. Ngokujwayelekile aliyuthola ukusizwa ngezimali yisigungu seziPhathimamandla (3) Izikhundla zamalunga eqembu lokudlulisela ziyoma kanje: a. Ilunga leQembu lokudlulisela elinesikhundla liyovumeleka ukuba nentuba yokubona amazinga kanye neziqu aleyo naleyo Nationa Standards Body : Kuphela nje ukuthi amalunga avumeleke intuba yokubona epheleleyo kungeke kube ngamalunga e National Standards Bodies , nokuthi futhi lapho kukhona inhlangano enezinye izinhlangano eziyingxenye yayo, ayikho inhlangano eyingxenye eyoba yilunga le Nationa Standards Bodies. b. Ilunga leqembu lokudlulisela elinalesi sikhundla liyovumeleka ukuba nentuba yokubona amazingao kanye neziqu kwe National Standards Bodies engeyona ilunga layo: Iqobo nje ukuthi kulezo zinhlangano ezinamalunga eyingxenye yazo, anelunga elilodwa noma amabili angamalunga e National Standards Bodies. Lezo nhlangano eziyingxenye ziyo: i. Buyeka ubulunga be National Standards Bodies ethintekayo ukuze izinhlangnao zivumeleke ukubona amazinga kanye neziqu ze National Standards Bodies, noma ii. Benze iziphakamiso esikhundleni saleyo nhlangano ethintekayo , njengengxenye yokwenza umsebenzi omisiwe we National Standards Bodies. (4) IsiGungu seziPhathimandla siyogcina ilegista enamalunga aQembu lokudlulilsela eyoqukatha amagama kanye namakheli alelo nalelo lunga. Ukukhishwa kwamalunga eNational Standards Bodies kanye nokugcwaliswa kwalezo zikhundla 18. (1) uSihlalo noma ilunga le National Standards Bodies okokhulunywa ngalo kumthethonkambiso 16 liyoyeka/shiya isikhundla uma- a. ephucwa amandla okuphath ifa lakhe inkantolo noma ekhulumisana nalabo abakweletayo yena ezibeke esimweni esibi; b. eboshiwe ngenxa yokugula kwengqgondo ngokomthetho; c. engezanga emhlanganweni we National Qualification Body kwaze kwaba imihlangano emithathu ilandelana; d. eshiya izikhundla ngokubhalela isiGungu iziPhathimandla incwadi; noma e. etholakala enecala yinkantolo agwetshwe ukugcinncwa ejele ngaphandle kokukhokha inhlawulo, ngesikhathi esesesikhundleni. (2) Izikhalla ezidalwe ukushiya esikhundleni kwamalunga eNational Standards Body ziyogcwaliswa ngokulandela okushiwo umthethonkambiso 15 kanye no 16. Umsebenzi we Nationla Standards Bodies 19. (1) iNational Standards Bodies iyo- a. chaza futhi wenze izincomo eSigungwini seziPhathimanda ngemingcele yaleyondima eyakhelwe noma emiselwe yona, ngokwenani laleyo ndima kumbandakanywa nenqubo, umkhiqizo noma usizo oluhambisana naleyondima noma kungesikho lokhu kuphela; b. chaze futhi benze izincomo eSigungwini seziPhathimandla ngohlaka lwezindimana ezisosentshenziswa ukwamukelwa/ukwaziwa kanye nokusungulwa kweNational Standards Bodies; c. ukwamukela noma ukusungula I Standard Generating Body ngaphansi kohlaka lwaleyo ndimana, noma ukuhoxisa noma ukuyeka kokwamukelwa noma ukusungulwa; d. uqiniseke ukuthi umsebenzi weStandard Gnerating Body uyahlangabezana nezidingo zokubhaliswa kwamazinga kanye neziqu njengoba kubekiwe iSigungu seziPhathimandla; e. uphakamise ukubhaliswa kwe National Standards Bodies ne National Qualifications Framework; f. uphakamise ukubhaliswa kwamazinga esigungwini seziPhathimandla; g. Babukeze amazinga; h. Baxhumane noMgwamanda wokuQiniseka ngamazinga eMfundo noQEqesho mayelana nenqubo yokuphakamisa amazinga kanye neziqu kabusha, noma ukuchibiyela amazinga kanye neziqu esezibhalisiwe; i. Uchaze okudingekayo kanye nezindlela zokuvivinyisisa ezizosentshenzisa Yimingwamanda yokuQiniseka ngamaZinga eMfundo noQeqesho yonkana; j. Uqoke abantu abazosebenza emahhovisi, amakomiti kanye namalunga amakomiti angadingeka ukuze kunqutshwe umsebenzi omisiwe, ngemva kokubonisana neSigungu seziPhathimandla; nokuthi k. wenze neminye imisebenzi ongase uthunywe ukuba uyenze yiSigungu seziPhathimandla (2) Ekwenzeni kwayo umsebenzi okukhulunywa ngawo kumthethonkambiso National Standards Bodies iyo- a. kulandela igcine izinqumo zeSigungu seziPhathimandla eziphathelene nentuthuko kanye nokwenza okunqunyiwe yi National Qualifications Framework; b. bonisane nongoti kuleyondima mayelana nokuba yiqiniso kanye nokwamukelela kwemiphumela yaleyo misebenzi kanye nokucubungulisisisa leyo miphumela; c. khipha imiphumela yaleyomisebenzi ePhephabhukwini lukaHulumeni ukuze abantu abanetshisekelo baphawule; d. qiniseke ukuthu imiphumela yalowo msebenzi iyacutshungulisiswa yi Qembu lokuDluilsa okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 17, ngaphambi kokuba ihanjiswe kuziPhathimandla. ISAHLUKO 4 STANDARD GENERATING BODIES (IMIGWAMANDA EKHIQIZA AMAZINGA) Ukwamukelwa/ukwaziwa kanye nokusungulwa kwmA Standard Generating Bodies) 20. (1) Leyo naleyo National Standard Body ingamukela futhi isungule iStandard Generating Body kuleyo ndima njengoba kudingekile kuMhlahlandela wezigatshana ophakanyiswe nowamukelwe yiSigungu seziPhathimandla. (2) Ngaphambi kokuba yamukele noma isungulwe iStandard Generating Body iNational Standards Body iyoqala isebenzise kuyona izinyathelo okukhulunywa ngazo kulomthethonkambiso nakumthethonkambiso 20 (3) noma iyiphi inqubo eyamukelekile kuSigungu seziPhathimandla bese emva kwalokho basebenzise leyo nqubo kumigwamanda efisa ukwamukela noma obona kudingekile ukuba usungulwe: Iqobo nje uma - a. ikwazi ukubona inhloso yencazelo yaleyondima kanye nokuhlaziya lokho ekuphethwe ; b. ichaze imingcele yaleyo ndima ngokwesigqi esengezwe ileyo ndima noma kungesiyo inqubo, umkhiqizo, usizo oluphathelene nezinye izindima kuphela; c. ikhombe imikhakha yemfundo, izinhlobo zemisebenzi, ubuchwepheshwe kanye nezemvelo ngokwendabuko nokungesikho okwendabuko okuhambisana naleyondima; d. ibhekise iminqondo ekuxhumeni indima kanye nomnotho wezwe eminyakeni e-3.5 noma eyi-10 ukuqhubeka kwesikhathi , lokhu kubandakanya nokubikezela kuthi lendima ingase ikhule, noma inciphe noma izophelelwa isikhathi, ingase ibaluleke kanjani nokuthi yini engase ishinsthe, noma kungelokhu kuphela; e. bazame ukuqiniseka ngokusebenzisa izinhloli ezizimele ukuthi lendima ichazwe ngokwanele; f. ikhombe izindimana ezahlukene ngokuhlaziya lokho okwengeziwe; g. ikhombe ukuthinteka kwemithetho ekhona njengamanje nesahlongozwayo , izindimana bese behlela ngemfanelo; nokuthi h. bakhe uhlelo lokuthuthukisa National Standards Bodies noma I Standards Generating Body okuyombandakanya imiphumela, ukuxhumana kanye nesu lokuthengiza, imali ezosentshenziswa nesikhathi esidingekayo. (3) Uma efaka isicelo sokubhaliswa njenge Standard Generating Body uyofaka isicelo uyo: a. chaze inqubo yokubonisana nokuxoxisana esentshenziswe ukufaka isicelo nokuqiniseka ukuthi abanye abafake izicelo kuleyo ndimana babandakanyiwe futhi bayasisekela isicelo noma bayafisa ukuqophisana nabo ekufakeni isicelo sokwamukelwa. b. alethe eminye imibhalo esekela isicelo sabo kanye nencazelo yaleyo ndimanda abayifakele isicelo; nokuthi c. akhombise ukuthi bayakusamukela isinqumo seziphathimandla njengesingu juqu, emveni kokuba ukudlulisa isikhalazo sekulalelwe yiSigungu seziPhathimandla. (4) Emva kokwamukelwa noma ukusungulwa lowo nalowo Mgwamanda we Standard Generating Body uyonikwa isitifiketi sokubhaliswa yiNational Standards Bodies , leso sitifiketi siyokusebenza iminyaka emithathu kuphela kusukela ngosuku lokwamukelwa noma lokusungulwa futhi siyakuchaza lokhu ekujutshiwe ngokwamazinga neziqu ezikhiqiziwe (5) Standards Generating Body iyohlikizwa emvezi kokuba isiqede lokho obukuthunyiwe. (6) Standards Generating Body ingacela ukuba yelulelwe isikhathi esinqunywe esitifiketini sawo sokubhaliswa kuMgwamanda. Lesi sicelo sokwalulelwa isikhathi siyobhalwa phansi sifakwe kusasele izinsuku ezingama-30 ngaphambi kokuphela kwesitifiketi sokwamukelwa. Ukuhoxiswa kokubhaliswa uma kuchithwa ukwe Standrads Generating Body 21. (1) Ukubhaliswa koMgwamanda iStandards Generating Body kungahoxiswa uma National Standards Bodies emva kokuqinisekisa neSigungu seziPhathimandla ibona ukuthi iyahluleka ikwenza umsebenzi wayo ngokwanelisayo. (2) uMgwamanda we Standard Generating Body uyohlikizwa uma sekuphele isikhathi sesitifiketi sokubhaliswa kwayo noma isuwuqedile umsebenzi obubhalwe esitifiketini sowo sokubhaliswa njengejutshelwe wona. Ubulunga kule Standard Generating Body 22. (1) Izinhlangano ezinentshisekelo yezeMfundo noQeqeso kuleyondimana , ziyomenya ukuba ziphakamise amalunga anyulwe kuwo lamaqembu anentshisekelo kanye nongoti ukuba basebenzele uMgwamanda iStandard Generating Body, lawo malunga ayoqokwa yiNational Standards Bodies emele leyondima emva kokubonisana kanye nokubambisana nemigwamana ethintekayo, kanye nokuhlonipha amandla ePhalamende kanye naweZiFundawe, isidingo sokumeleleleka, ukulungisa kanye nolwazi oludingeka kuleyo ndima. (2) Amagama alabo bantu abaphakanyiswe ukuba basebenzele National Standards Bodies kanye namaqembu anentshisekelo kwezemfundo noqeqesho ayokhishwa ePhephabhukwini likahulumeni bese kunxuswa abantu ukuba baphawule ngokwamukeleka kwabaphakanyisiwe kanye nokumelwa kwamaqembu anentshisekelo kwezemfundo noqeqesho. (3) Uma sebamukeliwe iNational Standards Bodies bayonikezela ngezitifiketi zokuqashwa kulowo nalowo muntu ogama lakhe liphakanyiswe ngokunempumelelo. (4) Izinhlangano ezifisa ukummelwa ku Standards Generating Body ziyolawula yilokhu okulandelayo ekufakeni kwawo izicelo: a. Leyo naleyo Standard Generating Body iyokwakhiwa abezemfundo noqeqesho abaphambili kuleyondima, abayotonyulwa emaqenjini anentshisekelo nangongoti kanye nabatonyulwe ngokulandela izidingo zeSigungu seziPhathimandla. b. Inani elanele labantu abamele abayokwakha uMgwamanda iStandard Generating Body liyochazwa emva kokubonisana ne National Standards Body kodwa ngeke libe ngaphezu kwamashumi amabili nanhlanu (25) ngaphandle uma isigungu seziPhathimandla iziPhathimandla zibona kufanele. c. USihlalo noma isiphakanyiswa esimele iSigungu seziphathimandla uyakuba yilunga leNational Standards Body. (5) Inhlangano noma ubumbano lwezinhlangano ezifisa ukwamukelwa njenge National Qualification Body ziyoqiniseka ezicelweni zazo zokwamukela ukuthi zisungulwe njengamaqembu ahlukeneyo kodwa azosebenza njenge Standard Generating Body amalunga awo ayokhombisa izinjongo zomthethonkambiso 22(4) no 3. Leso sicelo sokwamukela njenge Standard Generating Body siyocutshungulwa ngumphakathi njengokuyala kothethonkambiso 22 (2). Ukuphakanyiswa kwamaLunga eStandard Generating Body 23. (1) Izinhalngano abahlongoza ukuphakamisa abantu abazosiza Standards Generating Body kufanele babe nozwelo ngesidingo sokulingana, ukulungisa, futhi kufanele baphakamise abantu aba- a. yonakekela izindaba zomkhiqizo, ukulunga, uzwelo lomphakathi kanye nokuqathanisa nomhlaba wonke ngokuhambisana nemfundo noqeqesho kuleyondimana; b. babe nokuthenjwa kuleyo ndimana , nokuhlonishwa; babe nolwazi oludingekayo kanye nolwazo asebenalo kuleyondimana kanye nokusizwa nokwesekelwa yolowo Mgwamanda obaphakamisile; c. bakwazi ukumela kanye nokulamula ngezidingo kanye nozwelo lwazo zonke isigaba kuleyondimana okusebenza kuyona iStandard Generating Body; d. bakwazi ukuthatha izinqumo ezihluzekile emazingeni aphezulu; nokuthi e. bazinikele ekuxhumaneni okugxambili phakathi kwe Standard Generating Body kanye nalabo ababamele. Imisebenzi Ye Standard Generating Council 24. (1) Standards Generating Body iyo- a. khiqiza amaqophelo namazinga ngokulandela izidingo zeSigungu seziPhathimandla ezikhonjwe kuleyondimana kanye nesigaba; b. bukeze amaqophelo ; c. wenze izincomo ngamazinga neziqu kwi National Standards Body; d. wenze izincomo ngenqubo yokubhalisa abasekeli kanye nabahlaziyi noma imigwamanda yokuhlaziya; e. benze neminye imisebenz abangayithunywa yi National Standards Bodies ngezikhathi ezithize; (2) Ekwenzeni umsebenzi okukhulunywa ngawo kumthethonkambiso 24 (1) Standards Generating Body iy- a. kulandela igcine izinqumo zeSigungu seziPhathimandla eziphathelene nentuthuko kanye nokwenza okunqunyiwe yiNationa Qulalifications Framework; b. babonisane nongoti kuleyondima mayelana nokuba yiqiniao kanye nokwamukelela kwemiphumela yaleyo misebenzi kanye nokucubungulisisisa leyo miphumela; c. basakaze imiphumela yaleyomisebenzi ePhephabhukwini lukaHulumeni ukuze abantu abanetshisekelo baphawule; d. baqiniseke ukuthu imiphumela yaloyo misebenzi iyacutshungulisiswa yi Qembu lokuDlulisa okukhulunywa ngalo kumthethonkambiso 17, ngaphambi kokuba ihanjiswe kuziPhathimandla. ISAHLUKO 5 IZIMISO ZENQUBO KANYE NOKUSIZWA NGEZIMALI KWEMISEBENZI YE NATIONAL STANDARDS BODIES KANYE NE STANDARD GENERATING BODIES Izimiso (rules) zenqubo 25. Imisebenzi Ye National Standard Body iyolawulwa Izimiso zenqubo ezixhunyelwe kulomthethonkambiso. Ukusizwa ngezimali kweMisebenzi ye National Standard Bodies kanye ne Standard generating Bodies 26. (1)Leyo naleyo National Standards Body, emva ngokusungulwa njalo ngonyaka emva kwalokho ngokuhambisana nonyaka wezimali weSigungu seziPhathimandla, uveze uhlelo lokusebenza olukhombisa abaphokophele ukukufeza ngalelo sikhathi esibukezwyo nokufanele lumbandakanye nohlelo lokusebenshenziswa kwemali. (2) Uhlelo lokusentshenziswa kwemali kufanele lwenziwe ngandlela okuvunyelwane ngayo neSigungu seziPhathimandla futhi luyokhonjiswa iSigungu seziPhathimandla ukuze zilugunyaze. (3) Amalunga e National Standards Body ayonxeshezelwa uma enza umsebenzi ohambisana nemisebenzi ye National Standards Body ngokulandela lemithethonkambiso ngokuphathelene neziSebenzi zikaHulumeni ngokuchibiyelwa yiziPhathimandla, ngokujwayelekile leso sinxephezelo kuyaba ukukhokhelwa imali yokuza emhlanganweni , imali yokuthenga okudliwayo kanye nemali yezinto zokuhamba nezinye izindleko ezihambisana nalokho. (4) Amalunga ekomiti le National Standards Body angesiwo amalunga eNational Standards Body aqokwe yiSigungu seziPhathimandla, angathola ukunxeshezelwa okufanayo nokwamalunga eNational Standards Body uma benza umsebenzi ohambisana nemisebanzi yeNational Standards Body: Iqobo uma ubulunga babo kuleyokomiti bugunyazwe yiSigungu seziPhathimandla . (5) Iziphathimandla ziyolekelela ngezimali imisebenzi ethile yoMgwamanda wokukhiqiza amaqophelo okuvunyelwene ngayo uma kunesidingo , uma kukhona izimali kanye nendlela yokulekelela ngezimali ezentuthuko eyobe yenziwe ngokubambisana neStandards Generating Body esithintekayo. ISAHLUKO 6 IGAMA KAFUSHANE Igama kafushane 27. Lemithethonkambiso iyakubuzwa ngeMithethonkambiso ye National Standards Body ka 1998. ISIXHUMELO IZIMISO ZENQUBO YE NATIONAL STANDARDS IZINCAZELO 1. Kulezi zimiso ngaphandle uma umqondo womusho uqonde okunye: "uSihlalo" Kushiwo uSihlalo w NationalStandards Body; "iKomiti" kushiwo ikomiti ye National Standards Body; "Ikomiti Eliphethe " kushiwo ikomiti elisungulwe ukuze lenze umsebenzi okhethiweyo liwenzela National Standards Bodies; "Amalunga" kushiwo amalunga eNational Standards Body; "NSB" kushiwo iNational Standards Body; "Isinqumo esithathwe emhlanganweni" kushiwo isinqumo seNational Standards Body; "Umabhalane " kushiwo umabhalane okethelwe lenhloso yiNational Standards Body; AMALUNGA E-NSB 2. I NSB ngokulandela okushiwo uMthetho iyakuba noSihlalo, iPhini likaSihlalo, uMabhalane kanye namanye amalunga ayoqokwa yiSAQA ngokulandela lemithethonkambiso ye National Standards Body (Imithethonkambiso) nangokulandela isidingo sokuthi uSihlalo kufanele kube yilunga lokuqala elikhethwe yiNSB kumalunga noma kwenye indawo. AMALUNGA AZOKWENGAMELA 3. USihlalo we NSB noma wekomiti nguyena oyokwengamela imihlangano yeNSB noma yekomiti. Uma ngabe uSihlalo engekho emhlanganweni iPhini likaSihlalo yilona eliyokwengamela. Uma laba bengekho bobabili amalunga ayokhetha omunye phakathi kwawo ukuba abe ngusihlalo kulowo mhlangano. IMIHLANGANO YE NSB 4. I NSB iyakubamba imihlangano yayo endaweni nangesikhathi esiyonqunywa emihlanganweni. 5. Imihlangano ephuthumayo ingabizwa ngusihlalo ngokwegunya analo noma ngokwesicelo samalunga ayingxenye yokuthathu yamalunga, lapho-ke umhlangano uyobanjelwa endaweni nangesikhathi esiyonqunywa nguNobhala maduze nje emva kokuthola isicelo. 6. USihlalo uyoba nelungelo lokuhlehlisa noma imuphi umhlangano we NSB emva kokubonisana nekomiti elikhulu uma ngabe ebona ukuthi uhlelo lwalokho okuzoxowa ngakho aludingi ukubizwelwa umhlangano, iqobo nje uma amalunga etshelwe ngokuhlehliswa kwalomhlangano kusasele okungenani isonto ngaphambi kosuku umhlangano we NSB obusobanjwa ngalo, ngaphezu kwalokho iqobo nje ukuthi umhlangano ungeze wahlehliselwa noma umiswe ngenxa yezinto ezingezwakali noma ezingaphezu kwamandla eNSB ngaphandle uma ingxenye yokuthathu yamalunga ikuvumela lokhu. 7. Inoma imuphi umuntu odingekayo ukuba abekhona emhlangweni ngokwenhloso yalowo mhlanagao uyomenywa futhi avunyelwe ukwethamela umhlangaano we NSB. 8. Zonke izincwanjaana ezithunyelwe kumalunga zinikwa uphawu oluhambisana nesimo kanye nalokho okuphakathi, ngokuqonda ukuthi lowo ezithunyelwe kuye uyoqiniseka ukuthi uziphatha ngokulandela uphawu lolo. ISAZISO NGEMIHLANGANO 9. Isaziso ngemihlangano ye NSB esiyothunyelwa nohlelo lokuzoxoxwa ngakho siyothunyela nguNobhala kulelo nalelo lunga noma ngomunye umuntu odingekayo kusasele okungenani izinsuku eziyi-14 ngaphambi kosuku olumiselwe umhlangano emakhelini abhaliswe kuye, unobhlala: Ngaphandle kokuthi uma kungumhlangano ophuthumayo kunganikezwa isaziso esifushane kunalesi ngokubona kukaSihlalo kodwa ngeke sibe ngaphansi kwezinsuku zokusebenza ezintathu. 10. Ukungatholakali kwesaziso esithunyelwe ngeposi ekheleni lalelo lunga ngeke kuthunaze ukuqhubeka komhlangano. ILEGISTA YOKWETHAMELA IMIHLANGANO 11. Wonke amalunga akhona emhlanganweni we NSB ayosayida ilegista yokwethamela umhlangano eyakuba khona njalo ukuze isayidwe. INANI LABANTU EMHLANGAWENI (QUORUM) 12. Ingxenye/Isigamu esisodwa samalunga ngaphandle kukaSihlalo esikhona siyakuba inani elanele ukubamba umhlangano uma kungumhlangano ojwayelekile we NSB. Uma kungumhlanganno ophuthumayo we NSB ingxenye yokuthathu yamalunga e NSB kungabalwa uSihlalo iyakuba inani elanele ukubamba umhlangano. 13. Uma ngabe inani lamalunga elikhona endaweni nangesikhathi esinqunyiwe somhlangano linganele, umhlangano uyakuqhubeka ,kuphela nje ukuthi izinqumo ezithathwe kulomhlangano ziyakuthathwa njengeziwuhlaka bese zithunyelwa kuwo wonke amalunga e NSB ukuze kuxoxiswane ngazo kuphawule ngaphambi kokuba zamukelwe. IZITATIMENDE KWABEZINDABA 14. Uma ngabe kunesidingo sokuthi kukhishwe izitatimende kwabezindaba mayelana nemisebenzi noma imihlangano ye NSB, ziyokhishwa ngusihlalo we NSB ngemva kokuvumelana neSigungu seziPhathimandla. AMAMINITHI 15. Amaminithi emihlangano ayohlanganiswa bese ehanjiswa emhlangweni olandelayo ukuze avunywe emhlanganweni. UNobhala uyothumela amaninithi emihlangano kuwo wonke amalunga kanye nesaziso somhlangano olandelayo. 16. Amaninithi ngeke akhombise ixoxo njengoba ibinjalo emhlanganweni kodwa ayobeka inqubo yomhlangano ngokufingqiwe, izinqumo kanye nokufanele kwenziwe, ngaphandle kokuthi noma iliphi ilunga liyoba nelungelo lokucela ukuba umbono walo othile ubhalwe/uvezwe njengoba unjalo emaminithi. IZIMPIKISWANO ZE NSB KANYE NOKUVOTA 17. Uma kwenziwa imihlangano ye NSB kuyosentshenziswa izimiso ezijwayelekile zempikiswano. 18. Ukuthathwa kwezinqumo kuyokwenziwa ngokuvumelana , ngaphandle kokuthi uma kungavunyelwana kuyovotwa. Uma kudingekile ukuvota kuyokwenziwa ngokuphakamisa izandla ngaphandle uma kukhona ilunga elicele ukuvota okuyimfihlo, lapho kuyovotwa ngokuyimfihlo. 19. Usihlalo uma engamele umhlangano ngeke abe nevoti lokusekela kodwa ivoti lakhe liyoba ngelingujuqu. 20. Uma usihlalo engekho, lowo ongusihlalo ngalolosuku( Okungaba iphini likasihlalo noma ngelinye ilunga) ngeke abe nevoti elingumqamula juqu kodwa uyoba nevoti elisekelayo. 21. Kusemahlombe alelo nalelo lunga le NSB ukusho uma ngabe kukhona undaba elinozwelo (interest) noma izunzo kulona okuphikiswana ngalo futhi kukuyena ukuthi acele ukungabambi iqhaza kuleyompikiswano. Ngaphandle kokuthi lelo lunga liyakuphuma uma I NSB isithatha isinqumo kulolo ndaba. 22. Ngaphandle uma kushiwo okunye kwenye indawo izinqumo ezithathwe ngamalunga amaningi ekhona emhlangweni we NSB kuyakuba yizinqumo zeNSB . Imibono yalabo abancane ngokwesibalo nayo ingabhalwa phansi uma lawo malunga ecela ukuthi kwenziwe njalo. 23. Nakuba ezinye izimiso zingathini, uma ngabe kukhona /kuqhamuka undaba lungangafiki usuku lomhlangano olandelayo oludinga ukuthi iNSB ithathe isinqumo , futhi olungeze lwalinda umhlangano olandelayo we NSB, uSihlalo angagunyaza uNobhala ukuba alungise futhi athumele kuwo wonke amalunga ngeposi noma ngekhoriya izaziso ezikhombisa lolo ndaba bese ecela ukuba bapose amavoti abo okuyothathelwa isinqumo phezu kwawo . Isazizo leso siyokusho isikhathi okuyofanele kube amavoti asethunyelwe ngaso ngeposi , esingayikuba ngaphansi kwezinsuku eziyi-10 (ishumi) kusukela osukwni okuthunyelwe ngalo isaziso. Izinqumo samalunga amaningi e NSB siyothathwa njengesinqumo seNSB. Imiphumela yalolo khetho iyokhishwa emhlanganweni olandelayo we NSB. UKUSUNGULEA KWAMAKOMITI 24. INSB ingasungula amakomiti okubalwa kuwo Ikomiti Eliphethe ngokwemithethonkambiso ye NSB. IKOMITI ELIPHETHE (EXECUTIVE COMMITTEE) 25. Ikomiti Eliphethe elimiswe ngokwalemithethonkambiso liyokwakhiwa ngamalunga e NSB kuphela futhi liyoqokwa yiyo. Liyoba noSihlalo kanye namanye amalunga ayobonwa futhi aphakanyiwe yi NSB: kuphela nje : 25.1 lelo komiti elikhulu ngokulandela imiyalo yeNSB , liyodingida izindaba ze NSB emihlangaweni, kuphela nje zonke izinqumo eziphathelene nomgomo ziyokwenziwa yi NSB; 25.2 uSihlalo, uma engekho, iPhini likasihlalo uma lingekho iphini likasihlalo lowo muntu okhethwe ngamalunga ukuba abe ngusihlalo engamele umhlangano wekomiti elikhulu; 25.3 uSihlalo uyakubika ngomsebenzi wekomiti elikhulu kulowo nalowo mhlangano ojwayelekile we NSB, nokuthi 25.4 imani elanele lamalunga ekomiti enkulu kuyakuba ngusihlalo kanye nengxenye/ isigamu samalunga aleyo komiti. AMANYE AMAKOMITI 26. Ikomiti liyoba namalunga e NSB noma abanye abantu okungesiwo amalunga e NSB noma amalunga e NSB kanye nabanye abantu okungesiwo amalunga e NSB, ngokubona kwe NSB, bayoqokelwa ukusebenza isikhathi esithile ngokubona kwe NSB. 26.1 i NSB iyokhetha noma iliphi ilunga lekomiti ukuthi libe ngusihlalo wayelokomiti. 26.2 ikomiti ngokugunyazwa iNSB, lingasungula ibutho noma amabutho azosebenza ngaphansi kwayo imisebenzi yekomiti ngokubona kwe NSB noma lingabuza ngalezondaba ezisemandleni noma eziwumsebenzi we komiti. 26.3 Noma iliphi ikomoti ngaphandle kwekomiti elikhulu, ngokugunyazwa Ikomiti Eliphethe lingazinxusela umuntu noma abantu ukuba babe ngamalunga alelo komiti isikhathi esithile ukuze bafeze inhloso ethile 26.4 iNSB ngokulandela imibandela ethile efanele ingadlulisela umsebenzi noma amandla ayo ewanikwe phansi kwemithethonkambiso mayelana nondaba oluthile noma ngokujwayelekile nje kunoma iliphi ikomiti. 26.5 iNSB ingahoxisa noma yelule noma ishintshe noma yikuphi ekuthume ikomiti kodwa ukuhlongozwa kwalokhu kuyonikezwa ikomiti ukuba likubheke kuqala bese liphawula. 26.6 Ilunga lekomiti elihlulekayo ukwethamela imihlangano emithathu elandelanayo lingathumelanga nesixoliso liyophelelwa ubulunga balelokomiti. 26.7 Ilunga lekomiti lingaziyekela ukuba yilunga ngokubhalela ikomiti isaziso ngalokhu. 26.8 Uma sekunesikhala ekomitini elithile uSihlalo waleyo komiti uyokwazisa I- NSB ngokuyibhalela emhlanganeni we NSB wokuqala olandelayo, yona okuyofanele ithathe izinyathelo zokugcwalisa leso sikhala. UKUBIKA NGAMAKOMITI 27. USihlalo wekomiti uyokwethula umbiko obhaliwe ngemisebenzi yekomiti njalo emhlanganweni ojwayelekile we NSB. IMIHLANGANI YAMAKOMITI 28. Lokho okushiwo esigabeni 7 kuya ku20 kuyosentshenziswa kunoma iliphi ikomiti le NSB kuyofundwa nalokho okufuna ushintsho: Kuphela nje ukuthi ukuze kufezwe inhloso yalesisigaba igama"NSB", "uSihlalo" noma "uNobhala" liyothathwa njengelisho ikomiti", "uSihlalo wekomiti" noma "uNobhala wekomiti", ngokulandelana. AMALUNGA ENGEZIWE 29. Amalunga engeziwe aqokelwe ukuba abengamalunga ekomiti ngokwalemithethonkambiso ayakuba nawo wonke amandla amalunga emhlanganweni kubalwa ngisho nelungelo lokuvota. IQHAZA LIKANOBHALA 30. Imisebenzi yonobhala ehambisana nokusebenza kwe NSB iyokwenzisa ngunobhala, ngokulandela imiyalo kaSihlalo we NSB, 31. Iqhaza likaNobhala ukusiza i NSB ngoku: 31.1 siza ngemisebenzi yonobhala 31.2 ukwaluleka ngezindaba eziphathelene nokuphatha 31.3 usizo ngezokuphatha elisebenzayo 31.4 usizo ngokubheka ukuqhubeka kwemisebenzi ethile 31.5 imisebenzi emikhulu engadingwa yi NSB ngezikhathi ezithile. UKUCIBIYELA KWEZIMISO 32. Izimiso zingangezelelwa noma zicibiyelwe kunoma imuphi umhlangano we NSB ngokuvumelana neSigungu seziPhathimandla, ngamalunga amaningi akhona emhlanganweni ; Kuphela nje uma lokho kucibiyela bekuveziwe uhlwini lokuzoxoxwa ngakho kulowo mhlangano nokuthi indikimba yalolo cibiyelo ibithunyelwe kumalunga kanye nohlelo lwalokho okuzoxoxwa ngakho nokuthi abantu abakhona emhlanganweni abekho ngaphansi kwesigamu samalunga. UKUBUYEKEZA IZINQUMO ZE NSB 33. Leso naleso sinqumo esithathwe emhlanganweni we NSB siyokinikezwa inombolo ethile eyahlukile yezinqumo ze NSB futhi siyothathwa njengesinqumo se NSB. Ilunga elifisa ukuba kubuyekezwe izinqumo kuyodingeka sibhale isaziso ngaleso sidingo sinike izizathu zokubuyekezwa kwaleso sinqumo kuNobhala kusasele okungenani izinsuku eziyi -14 ngaphambi komhlangano we NSB. Uma iNSB isibuyekeza leso sinqumo lokho kubuyekeza kuyobhalwa emaminithini , kuyobe sekwenziwa ushintsho olufanele kuleso sinqumo bese kukhishwa umbhalo onesinqumo esesibuyekeziwe. IBHODI YEZILIMI ZONKE ZASE NINGIZIMU AFRIKA Umlandu Nesisekelo Ibhodi Yezilimi Zonke Zase Ningizimu Afrika owaziwa nge-Pan South African Language Board bese kufushaniswa kuthiwe yiPANSALB, wasunguluwa ngohlelo lomthetho kaZwelonke nowongamele okuthiwa yi Pan South African Languages Board Act 59 ka-1995 owabuyekezwa ngo 1999 wase ubizwa nge PANSALB Amendment Act ka-1999. Lomkhandlu owengamele ezezilimi wawusungulwe ngokomthethosisekelo wase Riphabhuliki yase Ningizimu Afrika ukuze kufezeke izinhloso ezilandelayo :- (a) Ukugqugquzelwa nokukhuthazwa kokusimamiswa nokusetshenziswa * kwezilimi ezisemthethweni * ulimi lwamaKhoi nolwamaSan * kwezimpawu njengolwimi (b) Ukugqugquzelwa kokuthuthukiswa nokuqinisekisa ukuhlonishwa : * kwazo zonke izilimi ezisetshenziswa umphakathi wonke waseNingizimu Afrika, kumbandakanya isiJalimani, isiGriki, isiGujarati, isiHindu, sisPutukezi, isiTamil, isiSwahili, isiTelegu, nesi Urudi; * nezinye izilimi ezihambisana nezinkolo ezithithize njengesiArabiki, isiHebheru, isiSansikiriti, nezinye izilimi ezisetshenziswa amakholwa ehlukahlukene aseNingizimu Afrika. Isiqubulo Nenhloso Yomkhandlu Wezilimi Zonke Zasemzansi Afrika Inhloso yomkhandlu wezilimi zonke zase Ningizimu Afrika ukugqugquzela ukusetshenziswa nokwaziwa kwezilimi ezahlukene ngokulinganayo Lokhu kungenzeka ngalezizindlela ezilandelayo: * Ukwakhiwa kwezimo ezivuna ukuthuthukiswa nokusetshenziswa kwazozonke izilimi ezabakhele leli lengabadi ngokulinganayo; * Ukunikeza isithunzi nokuhlonishwa kwazozonke izilimi ezikhulunywa eNingizimu Afrika; * Ukukhuthaza ukusetshenziswa kwayo yonke imithombo nezinhlelo ezisebenza ngolimi ukuze kubekhona ukuxhumana nokukhulumisana okulula; uma abahlali baseNingizimu Afrika beyisebenzisa kahle lemithombo bozozuza inkululeko yokuthi bakwazi ukuzikhethela ukuthi bafuna ukusebenzisa luphi ulimi ukuze kufezeke izinhloso zabo eiphathelene nenhlalakahle yabo nokwenza isimo sempilo esingcono. Bayokukhululeka futhi engcindezelweni nasoqhekekweni obekuhambisana nokungakwazi ukusebenzisa ilungelo lokuzikhethela ngokolimi. Lokhu kuyobe sekukhuthaza nentuthuko ezingeni likazwelonke Izifiso Nezinjongo Zomkhandlu Owengamele Ukuthuthukiswa Nokusetshenziswa Kwezilimi Zonke Zaseningizimu Afrika Umkhandlu uzokwenza konke okusemandleni awo ukuba kukhuphuke isithunzi sazo zonke izilimi ezikhulunywa eMzansi Afrka nokuba kuhlonishwe lezo zilimi ezazicwasiwe futhi zibukeleke phansi phambilini. Umkhandlu wezilimi zonke zaseNingizimu Afrika ukubona kuyisibopho sawo ukuba wakhe ubuhlobo nomphakathi kanye nezinhlangano ezimele ukuthuthuka kwemiphakathi. Umkhandlu ungabambisana nalezizinhlaka ngezindlela ezilandelayo: * Umkhandlu ungabangisana nomphakathi malungana nokuhunyushwa nokutolikwa kwezilimi; * Umkhandlu ungasiza ukuba kusungulwe futhi kushicilelwe imibhalo yokufundisa neyokufunda ebhalwe ngezilimi zomdabu; * Kungakhuthazwa ukusungulwa nokusetshenziswa kwezichazamazwi ezizobhalwa ngezilimi ezinhlobo-nhlobo, njengesichazamazwi esingabhalwa ngazozonke izilimi sesiNguni ukuze kucace ubuhlobo nemvelaphi yamagama asetshenzisiwayo wumphakathi; * Kungakhiwa ubudlelwano namazwe angomakhelwane ukuze kudingidwe izindaba ezincike kwezezilimi; * Kudinga ukuba kukhuthazwe ukuqeqeshwa nokufundiswa kwezikhulumi ngokusetshenziswa okuyiko kolimi kanye nalabo abasebenza eminyangweni yokuthuthukiswa komphakathi; * Kumqoka nokuba kukhuthazwe izinhlelo ezizokwembula ulwazinzulu lwemiphakathi eyahlukahlukene yaseNingizimu Afrika. Umgogodla Nezinhlaka Zomkhandlu Ukuze kufezeke izinhloso ezibalwe ngenhla iBhodi linezinhlaka ezintathu: * Amakomidi ezezilimi asezifundazweni zonke * Iminyango yezezilimi esezingeni likaZwelonke * Iminyango nemikhandlu ebhekele ukuchazwa kwamagama nokucaciswa kwezilimi. Yilelo nalelo komidi lesifunda elibhekene nokuthuthukiswa kwezilimi lilindeleke ukuba lidlulisele izeluleko nemibono emkhandlwini omkhulu ngezindaba eziphathelene nolimi. Iminyango kaZwelonke ayikasungulwa kodwa indima yayo uma isisungulwe kuyoba ukuqoqa ulwazi olumalungana nazo zonke izinhlobo zokuxhumana okungaba ulimi, kube ulimi olusebenzisa izimpawu njengalolu olusetshenziswa yizithulu nezimungulu. Bazodlulisa lonke ulwazi olweyame kunoma iyiphi indlela yokuxhumana baludlulisele eMkhandlwini omkhulu. Iminyango eqondene nokucubungula nokuchaza amagama kulindeleke ukuba ihole indima yokuqoqa amagama iwahlele bese iwafaka emiqulwini ezokuba yizichazamazwi. Kufanele ukuba lokhu kwenzelwe zonke izilimi okuthiwa zisemthethweni eNingizimu Afrika njengenxenye yokuthuthukiswa nokuhlonishwa kwazo zonke izilimi. Izinto Umkhandlu Wezilimi Zonke ZaseNingizimu Afrika Ozogxila Kuzo Ukuze ubelula umsebenzi wokuthuthukiswa kwezilimi uMkhandlu Wezilimi uwuhlukanise ngalemikhakha elandelayo umsebenzi wawo: * Ukuhlelwa kwesidima sayilolo nalolo lulimi * Ukusetshenziswa kolimi ekufundeni nasekuqeqesheni * Ukusetshenziswa kolimi ekutolikeni nasekuhumusheni * Ukusetshenziswa kolimi ngendlela enobuciko ekubhalweni kwezichazamazwi, ihlelo lamagama asetshenziswa endabeni, kanye nokusetshenziswa kolimi emagameni ezindawo * Ukugqugquzela ukuthuthukiswa kwezilimi ebezibukelwe phansi phambilini ngokuthi kubhalwe izincwadi neminye imibhalo ngalezo zilimi * Amalungelo aphathelene nokusetshenziswa kwezilimi * Ukuphenya okunzulu nokuqoqwa kolwazi okuqondene nezilimi Amandla Omkhandlu WezilimI Kanye Nendima Ekulindeleke Ukuba Ifezwe Yilomkhandlu (Amandla nendima yomkhandlu owengamele zonke izilimi ezikhulunywa eNingizimu yeAfrika (njengalokhu kubalule umthetho kaZwelonke owengamele lelibhodi owashicilelwa ngo-1999 kanye nesibuyekezo sawo);) 1. UKUHLELEKA KWE-PANSALB Ngokulandela inqubo emenyezelwe nguMkhandlu weZilimi Zonke kumaGazethi asezifundazweni naseGazethini likazwelonke kulindeleke ukuba Umkhandlu usungule lezizinhlaka ezilandelayo: (a) Amakomidi asezingeni lezifundazwe akuleso naleso sifundazwe azokweluleka umkhandlu omkhulu futhi adlulisele ulwazi oluqondene nezilimi ezifundazweni committee (b) Isigungu sikazwelonke esibhekelene isidima sezilimi esizokweluleka umkhandlu omkhulu ngazo zonke izilimi inangazo zonke izinhlobo zokuxhumana (okumbandakanya nolimi lwezimpawu), uma isigungu esinjalo singakasungulwa. (c) Iminyango ebhekele ukuchazwa kwamagama nezindlela zokuhlelwa kwamagama la kuxoxwa futhi ezohlela ibuye ishicilele izichazamazwi. Leminyango izosungulwa njengokubalula kwendima yesi-2 yomthetho owengamele izinkampani okuthiwa yiCompanies Act ka 1973 (okungumthetho wesi 61 ka 1973). I-PANSALB inesibopho sokuxhasa leminyango ngezimali ukuze nayo umsebenzi wayo nokuthuthukisa ulimi nokushicilela imibhalo ungafadalali . Lunemibandela ethize-ke loluxhaso zimali: (i) Umnyango kulindeleke ukuba uchaze yonke imidanti nokuthi izimali eziqhamuke emkhandlwini omkhulu zisetshenziswe ngayiphi indlela nonokuthi zisetshenziswe ngendlela ebekuvunyelwene ngayo okuyame ekuthuthukisweni kolimi. (ii) Umnyango nomnyango kulindeleke ukuba ungachezuki kwimigomo yomkhandlu omkhulu. Konke ukwenza kwawo kufanele ukuba kuhambisane nemigomo nezinhloso zomkhandlu omkhulu kazwelonke. (iii) Yilowo nalowo mnyango wokuchazwa kolimi unesibopho sokuba usebenzele inqubekelaphambili kanye nokuthuthukiswa kwazo zonke izilimi. 2. IMITHETHO EYENGAMELE EZEZILIMI KANYE NEMIGOMO EMAYELANA NOKUSETSHENZISWA KOLIMI KOLIMI KWIMIKHAKHA NGEMIKHAKHA Umkhandlu WeZilimi Zonke zaseNingizimu Afrika: (a) Ulindeleke ukuba wenze iziphakamiso mayelana nemithetho ehlongozwayo nesimisiwe ethinta ukusetshenziswa nobunjalo bolimi; kudinga ukuba weluleke futhi uphawule ngokwenzeka emazingeni kahulumeni wonkana nangemigomo engaba nomthelela-ngqo ezilimini. Umkhandlu uyakubeka izwi uma kuguqulwa imithetho ethinta izilimi ukuze kuhlale kubhekeleke intuthuko yezilimi. (b) Kufanele ubuye wenze iziphakamiso kuleyo mikhakha kahulumeni emazingeni onke okwengamela uma lezo zeluleko zizogqugquzela ukuthuthukiswa kokusetshenziswa nokwazi izilimi eziningi umuntu ngamunye. Kufanele kube nesiqiniseko sokuthi izinqume ezithathwe kuhulumeni aziphambani nokushiwo ngumthetho sisekelo mayelana nezilimi. (c) Kulindeleke ukuba mawuphawule ubuye weluleke malungana nokuhlanganiswa kwezinhlelo eziphathelene nolimi eNingizimu Afrika yonkana. 3. IKHONO LOKUKHULUMA NOKUBHALA NOKUFUNDA IZILIMI EZININGI Kufanele ukuba umkhandlu ube yingqalabutho ekuqhakambiseni ulwazi nokusetshenziswa kwezilimi eziningi njengomthombo osemqoka entuthukweni nasemnothweni wezwe. 4. UKUTHUTHUKISWA KWEZILIMI EBEZIBUKELWA PHANSI PHAMBILINI NEZINOMLANDU WOKUCWASEKA Umkhandlu kulindeleke futhi kufanele ukuba: (a) ubonakale umatasatasa nokugqugquzela ukuthuthukiswa nokuhloniswa kwalezozilimi ebezikade zibukelwa phansi esikhathini esedlule 5. UCWANINGO NOKUQOQWA KOLWAZI (a) Kungumsebenzi womkhandlu ukuba ugqugquzele ukuqala kokufunda kanye nocwaningo olunzulu ngenhloso yokuba kuthuthukiswe futhi kukhuthazwe isimo esizokuvuna: (i) Ukusetshenziswa nokuthuthukiswa kwazo zonke izilimi zakulelingabadi ezisemthethweni ngokungacwasi. (ii) Ukusetshenziswa, ukuthuthukiswa nokuhlonishwa kolimi lwamaKhoi, amaNama namaSan. (iii) Ukuhlonishwa nokuthuthukiswa kolimi olusetshenziswa abakhubazekile oliyizimpawu. (b) Umkhandlu kufanele ukuba mawusungule ukufunda nocwaningo olunzulu ngenhloso yokuba: (i) kuthuthukiswe lezozilimi ebezinomlandu wokungabhekelwa futhi zibukeleke phansi (ii) kuhlonishwe kubuye kuphakanyiswe amalungelo aphathelene nezilimi kanye nesikhundla nesidima esilinganayo sayilolo nayilolo lulimi olusemthethweni kuleli lengabadi kusukela ngomhlaka 27 enyangeni kaMbasa (April) ngonyaka ka1994 (iii) kukhuthazwe abakhele leli ukuba bazihluphe ngokwazi ezinye izilimi ngaphandle kwalolu abaluncela konina (iv) kuthuthukiswe futhi kukhuthazwe ukusetshenziswa kwemithombo yolwazi lwezilimi kanye (v) nokuba kuvimbeleke ukusetshenziswa kolimi oluthize ngezinhloso ezizokuba nemithelela engemihle kwabanye abantu njengokufuna ukbacindezela nokudala uqhekeko phakathi kwabo. Akufanele ukuba ulimi lomunye umuntu lusetshenziselwe ukuba acindezelwe kumbe kube khona okumlahlekayo nanokuba kudaleke ingxabano noqhekeko. 6. IZINDLELA ZOKULAMULA NEZIXAZULULO EZIDINGEKA MAKUKHONA UKHONONDO NEZIKHALO EZIPHATHELENE NOKUNGENELISEKI NGOKUSETSHENZISWA KWEZILIMI Ibhodi yezilimi zonkana zaseNingizumu yeAfrika emiswe ngumthetho kaZwelonke kufanele ukuba yenze lokhu okulandelayo la kunezikhalazo: (a) Ibasize mahala nangesihle labo abafisa ukwethula izikhalo nokungeneliseki ngezilimi (b)Iqale uphenyo ngokwayo noma emveni kokuba isithole izikhalo ezibhaliwe, ziqhamuka kumphakathi ongenelisekile ngokuxhashazwa kwamalungelo awo; bese ibhekisisa nemigomo ethize eyengamele ukusetshenziswa kwezilimi noma indlela okusetshenziswa ngayo ulimi kumbe izilimi ezithize: OKUMQOKA: I-PANSALB inegunya namandla okuqala uphenye uma kunezinsolo zokuthi kukhona okungahambi kahle okungawukuxhashazwa kwamalungelo abakhele leli. Sekuyothi ekuphenyeni lokho babuye babe negunya lokuba bafune ubufakazi kumsolwa ngenkani kumbe kumuntu noma umnyango ongase ube nolwazi oluzokuwusiza kulolophenyo. Loyo muntu kumbe omele umyangothizeni useyokuma phambi komkhandlu ngenkulu inhlonipho lena bese ethula ubufakazi aze abuye akhiphe nemibhalo nobunye ubufakazi obuphathekayo. 7. UKUSEBENZISANA NGOKUZWANA NOKUBAMBISANA NEZINYE IZINHLAKA Umkhandlu weziLimi Zonke zaseNingizimu Afrika kufanele ukuba ufeze lokhu okulandelayo (a) welekelele futhi ukhuthaze ukusebenza ngokubambisana neminye iminyango nezinhla ezihlela izilimi kuleli lengabadi (b) ukhombise intshisekelo yokuthuthukisa ubudlelwano phakathi kwawo nanoma yiziphi izinhla zikahulumeni, nabantu, nezinhlangano ezibonakala zisemshikashikeni wokuthuthukiswa nokuhlonishwa kolimi. (c) Ngaphambi kokuba ushicilele noma ukhiphe umbiko wocwaningo, umbono othize, iseluleko noma isiphakamiso kufanele ukuba uMkhandlu uke uhlanganise amakhanda: * (i) nekomidi lesifundazwe elasungulwa njengokusho kwendima 8 (8) a yomthetho owengamele i-PANSALB uma lolodaba luphathelene nalesosifundazwe * (ii) nanoma yimuphi umnyango lesosinqumo esiyokuba nomthelela kuwo okungaba ukusetshenziwa kolimi noma imigomo ephathelene nokusebenza kwalowo mnyango okumalungana nolimi neziphakamiso zokusetshenziswa kolimi ezenziwe yilowo mnyango * (iii) nanoma iyiphi inhlangano yezezilimi esungulwe njengokuyalela kwendima 8 (8) A yomthetho owengamele i-PANSALB * (iv) nanoma yimuphi umuntu, iqoqwana labantu, kumbe inhlangano ekhombisa ukuba nogqozi nentshisekelo yokuthuthukisa izilimi ezisemthethweni zakuleli. Lokhu ungakwenza ngokushicilela izaziso kwiGazethi kaZwelonke nakumaGazethi esiFunda ezikhuthaza ukuba bonke laba ababalwe ngenhla balethe iziphakamiso nezeluleko ababona ukuba zingakhathula indima ethize malungana nokuthuthukiswa nokuvuselelswa kwezilimi. [OKUMQOKA: Lezi zinhla ezibhaliwe kunempoqo yokuba zinikeze izeluleko ngokubambisana nePANSALB] 8. Lokhu kulandelayo iBhodi ingakwenza uma ibona kunesidingo nanjengokubona kwayo: (a) Ibhodi linokucela noma imuphi umnyango wombuso ukuba uyinikeze ulwazi olungaba umthetho noma izindlela zokuphatha okungaba nomthelela kwimigomo yezolimi nasekusetshenzisweni kolimi (b) Umkhandlu unganakho ukuthi weluleke yinoma yimuphi umnyango wombuso malungana nokulandelwa komthetho ohlongoziwe nanoma iyiphi eminye imigomo encike kwezezilimi (c) Ungabuye uqaphe ubuke futhi ukuthi izinto zenzeka ngemfanelo yini emveni kokuba usululeke umnyango othize (d) Ibhodi likazwelonke lezilimi linakho ukuthi lishaye imitheshwana bese liqapha ukuthi iyalandelwa yini maqondana nokulekelelwa kokuthuthikisa ulimi (e) (i) Ingaba ingqapheli ezobhekela ukuthi iyalandelwa yini imibandela ebekwe ngumthethosisekelo mayelana namalungelo abo bonke baleli ancike kwezezilimi (ii) Ingaba yingqapheli yemithetho esishicilelwe engase ibe nomthelela kwimigomo nasekusetshenzisweni kolimi (iii)Ibhodi yezilimi zonke inako ukuhi isize futhi iqaphe ukusungulwa kwezinhlelo nemigomo okuhloswe ngazo ukuba kukhuthazwe ukuba zonke izilimi ezisemthethweni zinikezwe isidima nesikhundla esilinganayo kanti ingabuye yenze isiqiniseko sokuthi yonke imiphakathi isebenzisa izilimi ngenkululeko (iv) Ingabuye isungule bese yakhe inqolobane yalokhu okulandelayo; (aa) all legislative measures (including provisions in the Constitution) dealing with language matters and; (bb) aa) yonke imigomo kanye nokwenziwa yizinhlangano neminyango ethile yombuso engase ithinte izindaba eziphathelene nolimi (f) commission any person or body of persons or institution to f) Ibhodi malithanda lingajuba yinoma yimuphi umuntu kumbe inhlangano ukuba icwaninge bese ikhipha umbiko nemiphumela yocwaningo lolo bese libakhokhela labo bacwaningi ebebesebenza egameni layo (g) Ingabiza yinoma ubani ukuba azokwethula ubufakazi kumbe alethe imibhalo nobunye ubufakazi obuphathekayo okungahle kulisize iBhodi ekusebenzeni kwalo konke (h) Ibhodi ingaluleka uhulumeni ukuba kulekelelwe futhi kucatshangelwe labo bantu abazithole bexhashazelwe amalungelo abo olimi babuye bahlukumezeka ngaloko. Labobantu bangaxhaswa noma banxephezelwe ngezimali nangezinye izindlela (i) Ukuqhubela phambili umsebenzi walo nokuqinisekisa ukufezeka kwezinhloso zalo (i) ibhodi lingashaya imithetho bese likhipha nezaziso (ii) lingashicilela leyomithetho nezaziso kwiGazethi likahulumeni likaZwelonke nakumaGazethi asezifundazweni (j) Ibhodi lingakha ubudlelwano futhi libambisane nabantu abanolwazi olunzulu ngezinkinga nezilimi eNingizimu yeAfrika libuye lemukele izeluleko zabo. Contact Details Telephone: +27-12-341 9638 or 341 9651 Fax: +27-12-341 5938 Enquiries: Mr. Nkosana Sibuyi Postal address: Private Bag X08, Arcadia, 0007 Physical address: MBA Building 3rd Floor, 527 Church Street, Pretoria E-mail: communication@pansalb.org.za www.pansalb.org.za ISAHLUKO M IMIGOMO YOKUZIPHATHA KWEZISEBENZI ZIKAHULUMENI M1. INCAZELO Kulesi Sahluko noma yiliphi igama noma okushiwoyo njengoba kuchazwe eMthethweni, kuphethe umqondo onikezwe kanjalo lapho, futhi "lo Mthetho" uqonde uMthetho weziSebenzi zikaHulumeni, 1994, kanye nenkambiso engaphansi kwalomthetho. M2. INHLOSO M2.1 Ukuze kungabikho kushayisana nezimiso zoMthethosisekelo mayelana neziSebenzi zikaHulumeni, zonke izisebenzi zilindeleke ukuthi zilandele imigomo yokuziphatha equkethwe yilesi sahluko. M2.2 Lemigomo kufanele isebenze njengomhlahlandlela ezisebenzini mayelana nokuthi yikuphi okulindelwe kuzo ekuziphatheni komuntu uqobo lwakhe nasebudlelwaneni nezinye izisebenzi. Ukulandelwa kwemigomo kubhekeke ukuthi kuyogqamisa ubuchwepheshe bomsebenzi nokuthi kusize ekuqinisekiseni ukwethenjwa umphakathi eziSebenzini zikaHulumeni. M3. ISINGENISO M3.1 Sikhona isidingo sokuthi izisebenzi zinikezwe umhlalandlela mayelana nobudlelwano bazo noHulumeni/neSishayamethetho, nabe Zombusazwe, neziphathamandla, nezinye izisebenzi, kanye nomphakathi, nokukhombisa nje umoya izisebenzi okufanele zenze ngawo imisebenzi yazo, kanye nendlela yokugwema ukushayisana ezifisweni zazo nokulindelwe kuzo mayelana nokuziphatha nje luqobo lwazo empilweni yazo ebonwa uwonkewonke nasempilweni yangasese. M3.2 Yize lemigomo ithinta yonke imigudu ebalulekile, ayigxili nokho kuyo yonke imininingwane yokuziphatha. Abaphathi beminyango, ngokwesigaba 7(3)(b) soMthetho, phakathi kwezinye izinto banomthwalo wokuphatha nokuhlela ukusebenza kahle kweminyango ephansi kwabo kanye nokuqondisa izigwegwe. Banawo wonke amandla emva kokuthi udaba seludingidiwe eSigugwini sezoMisebenzi yakwaHulumeni (Chamber of the Public Service Bargaining Council), bangajobelela kulemigomo ngendlela ehambisana neminyango yabo, inkani nje lakungekho kushayisana nalemigomo. Abaphathi beminyango kufanele baqinisekise ukuthi izisebenzi ziyayazi lemigomo, nokuthi ziyayamukela futhi ziyayilandela. M3.3 Inhloso enkulu yalemigomo ukugqugquzela izisebenzi zakwasHulumeni ukuziphatha ngendlela eyisiboniso esihle. Naphezu kwalokho-ke, isisebenzi esiyokweqa lemigomo noma nje esiyokwenza okuphikisana nalemigomo siyoba necala lokuziphatha budedengu ngaphansi komthetho [Isigaba (20) t] soMthetho weziSebenzi zikaHulumeni, 1994, futhi siyojeziswa njengoba kumisiwe ngaphansi kwalomthetho. M4. IMIGOMO YOKUZIPHATHA M4.1 UBUDLELWANE NESISHAYAMTHETHO KANYE NEZIPHATHIMANDLA Isisebenzi sikaHulumeni - M4.1.1 sethembekile embusweni we Riphabliki futhi sihlonipha uMthethosisekelo siwulandele ekwenzeni imisebenzi yaso yansukuzonke; M4.1.2 sibeka izidingo zomphakathi phambili ekwenzeni imisebenzi yaso; M4.1.3 siqhuba/sigcine ngokwethembeka imihlahlandlela kaHulumeni ophethe ekwenzeni imisebenzi yaso njengoba iqukethwe kuzo zonke izinqumo zikahulumeni; M4.1.4 senza okusemandleni aso ukuthi sazisise noma silandele yonke imiyalo ethintene nokuziphatha emisebenzini yaso; futhi M4.1.5 sibambisane nayo yonke imikhakha emisiwe ngokusemthethweni noMthethosisekelo ekuqhakambiseni izidingo zomphakathi. M4.2 UBUDLELWANO NOMPHAKATHI Isisebenzi sikaHulumeni - M4.2.1 siqhakambisa ubumbano nenhlala kahle yesizwe saseNingizimu Afrika ekwenzeni imisebenzi yaso esemthethweni; M4.2.2 sisebenzela umphakathi ngendlela engenabandlululo nengakhethi hlangothi ukuze sidale ukwethembeka eziSebenzini zikaHulumeni; M4.2.3 sinehlonipho, siluncedo futhi sihlala sixhumene nomphakathi ngaso sonke isikhathi, siphethe umphakathi njengamakhasimende anelungelo lokuthola usizo olusezingeni eliphakeme; M4.2.4 sihlale sicabangela umphakathi ngesimo okuso nezinkinga zawo ekwenzeni umsebenzi waso nasezinqumeni esizithathayo nemiphumela yazo emphakathini; M4.2.5 sizinikele ekutheni noma ngasiphi isikhathi sisebenzele intuthuko nenqubekela phambili yabo bonke base Ningizimu Afrika; M4.2.6 asibandlululi nanoma yiliphi ilungu lomphakathi ngenxa yobuzwe, ubulili, imvelaphi ngokobuhlanga, ngombala, ngobunkonkoni, ngobudala, ngokukhubazeka, nenkolo, ngokwezombusazwe, ngonembeza, nezinkolelo, kanye namasiko noma ulimi olukhulunywa abomphakathi lowo; M4.2.7 asisebenzisi ngokungafanele isikhundla saso eMsebenzini kaHulumeni ukuchema noma ukucekela phansi noma yiliphi iqembu lezombusazwe noma iqembu nje elithintene nokuthile; M4.2.8 sihlonipha sivikele futhi isithunzi sawo wonke umuntu kanye namalungelo akhe njengoba equkethwe kuMthethosisekelo; futhi M4.2.9 siyalihlonipha ilungelo lomphakathi ukuthi utshelwe noma yini, ngaphandle nje kwamagunundu afihlwe ngokusemthethweni. M4.3 UBUDLELWANO PHAKATHI KWEZISEBENZI Isisebenzi sikaHulumeni - M4.3.1 sisebenzisana ngomoya omuhle nezinye izisebenzi ngenhloso yokubhekana nazo zonke izidingo zomphakathi; M4.3.2 sifeza yonke imiyalo eyamukelekayo eqhamuka kubantu abagunyazwe ngokusemthethweni ukuyikhipha, inqobo nje uma leyo miyalo ingaphambani noMthethosisekelo noma yimuphi omunye umthetho; M4.3.3 sigwema ukukhetha izihlobo nabangane ezintweni eziphathelene nomsebenzi futhi asisebenzisi budedengu amandla aso noma sifake umoya omubi kwezinye izisebenzi, nomake sifakwe umoya omubi ukuthi siphathe kabi ezinye izisebenzi; M4.3.4 silandela imigudu efanele ukubeka izikhalo zaso nokunye nje okungagculiseki emsebenzini; M4.3.5 sizinikela ekuqeqeshweni, nomake ukugqugquzela nokusetshenziswa kwalabo abaphansi kwaso kanye nobudlelwano obuhle kwabasebenzi, nokuhlalelana nje phakathi kwezisebenzi; M4.3.6 sisebenza ngobuqotho, nangobungcweti, nangendlela efaneleyo nezinye izisebenzi, ngaphandle kokubheka ubuzwe, ubulili, imvelaphi, ubuhlanga noma kwesikhundla emphakathini, noma ubunkonkoni, umbala, ubudala, ukukhubazeka, inkolo, uhlangothi kwezombusazwe, unembeza, inkolelo, amasiko noma ulimi lwesisebenzi leso; futhi M4.3.7 sigwema ukuqhuba imisebenzi yamaqembu ezombusazwe emsebenzini. M4.4 UKWENZIWA KWEMISEBENZI Isisebenzi sikaHulumeni - M4.4.1 sizama ngaso sonke isikhathi ukufeza izinhloso zomnyango waso ngokungadlali ngomsebenzi sifake umnyango ezindlekweni ngokungafanele nangokubonelela umphakathi; M4.4.2 sinobuciko ekucabangeni nasekwenzeni imisebenzi yaso, sihlale sifuna izindlela ezintsha ukuxazulula izinkinga namaqhinga okuphumelelisa umsebenzi njengoba kubhekekile emthethweni; M4.4.3 sigcina isikhathi ekwenzeni imisebenzi yaso; M4.4.4 senza imisebenzi yaso ngobungcweti nangekhono; M4.4.5 asizifaki emisebenzini nasezigigabeni ezishayisana noma eziphazamisana nokwenza umsebenzini waso; M4.4.6 siyozihoxisa kunoma yisiphi isinyathelo noma isinqumo esingaba nomphumela wenzuzo kuso engafanele, futhi lokhu kufanele kubikwe kubaphathi ngendlela efanele yisisebenzi; M4.4.7 sihlala sizibophezele ekungeneleni amathuba okuziqeqesha nokuziqhubela phambili emsebenzini waso; M4.4.8 siyethembeka ekusebenziseni izimali zomphakathi futhi sisebenzisa yonke impahla kaHulumeni ngokukhalipha, ngekhono, futhi siyisebenzisela kuphela ukufeza izinhloso ezisemthethweni; M4.4.9 sihlale siqhubekisela ezingeni eliphakeme, ukuphathwa komsebenzi ngekhono, nokukhalipha ngendlela njalo ehlala iwucacele umphakathi; M4.4.10 ekwenzeni imisebenzi yaso esemthethweni siyobika kuziphathimandla ezifanele, ukukhwabanisa, inkohlakalo, umkhuba wokufunela izihlobo izikhundla, ukuphathwa budedengu komsebenzi, kanye nanoma yisiphi esinye isenzo esinobubi, noma esicekela phansi izifiso zomphakathi; M4.4.11 sinika izeluleko ezethembekile nezingakhethi hlangothi, ezesekelwe yilo lonke ulwazi olukhona, kwabaphethe lapho sicelwa usizo lwalolu hlobo, futhi; M4.4.12 siyazazisisa izimfihlo zasemsebenzini, ezilotshwe emaphepheni noma zezingxoxo, namagunundu abhaliwe noma nje ongafuniseleki ukuthi ayimfihlo noma ayisifuba. M4.5 UKUZIPHATHA KANYE NEMPILO YANGASESE Isisebenzi sikaHulumeni - M4.5.1 ngesikhathi somsebenzi, sigqoka futhi siziphathe ngendlela egqamisa igama lomsebenzi kaHulumeni; M4.5.2 siziphatha ngokuzihlonipha mayelana nophuzo oludakayo noma yiziphi ezinye izidakamizwa; M4.5.3 asisebenzisi isikhundla saso esisemthethweni ukuthola izipho zokugwazelwa noma nje ngesikhathi senza imisebenzi yaso esemthethweni, futhi asemukeli izipho uma sizinikwa njengoba zingathathwa njengokugwazelwa; M4.5.4 asisebenzisi noma siveze noma yiluphi ulwazi olusemthethweni ukuzitholela inzuzo noma ukutholela abanye inzuzo ngalo; futhi M4.5.5 asithathi ngaphandle kwemvume umsebenzi okhokhelayo ongaphandle kwemisebenzi yaso esemthethweni noma sisebenzise izinto zokusebenza zehhovisi ukwenza umsebenzi onjena. UMthetho ka-1996 weZezikole eNingizimu Afrika udinga zonke izingane eziphakathi kweminyaka engu-7 ukuya ku-15 ukuthi ziye esikoleni. Bonke abazali nabondli bezingane kumele baqikelele ukuthi bonke abafundi a banale minyaka babhalisiwa ezikoleni. Njengomzali, ubudlelwano bakho nesikole buqala ngosuku onquma ngalo ukuthi uyobhalisa ingane yakho kuleso sikole. Lobu budlelwano busingethwe yiqoqo lamalungelo kanye nokumele ukwenze mayelana nesikole. A. AKWAMUKELWA KWENGANE YAKHO ESIKOLWENI B. IMALI YESIKOLE C. UKWENGANYELWA KWESIKOLE D. ULIMI OKUFUNDWA FUTHI KUFUNDISWE NGALO UNOMTHWALO OLANDELAYO NJENGOMZALI WENGANE ESESIKOLENI UKUTHOLA EMINYE IMINININGWANE HOME PAGE Ingane yami ingabhaliswa esikoleni uma isineminyaka emingaki ubudala? Ungabhalisa ingane yakho esikoleni ukuba ifunde iSigaba 1 kuphela uma ineminyaka eyisikhombisa ubudala noma lapho izoqeda iminyaka eyisikhombisa kulowo nyaka ezobe ifunda ngawo. Ngingayibhalisa nini, futhi kuphi ingane yami? Ufanele ubhalise ingane yakho esikoleni esiseduze nasekhaya lakho noma esiseduze nasemsebenzini wakho phakathi kuka-Agosti noNovemba onyakeni ongaphambi kwalowo ingane yakho ezoqala ngawo esikoleni. Ngingayibhalisa noma kusiphi isikole ingane yami noma ngabe akusiseduze nasekhaya lami noma emsebenzini wami? Yebo, ungakwazi ukubhalisa ingane yakho noma kusiphi isikole somphakathi. Kodwa, izikole eziningi zinikeza izingane ezinabazali abahlala eduze nesikole noma abasebenza eduze nesikole ithuba lokuqala. Yini engidinga ukuyazi ngaphambi kokubhalisa ingane yami? UMphathisikole umele akunikeze imithetho eyengamele ukwamukelwa kwezingane esikoleni sakhe bese ekuchazela yona futhi. Ufanele ubuze ukuthi kusetshenziswa ziphi izilimi ekufundisweni kwezingane kuleso sikole bese unquma-ke ukuthi lokho kuyilungele yini ingane yakho. Isikole somphakathi singahle singabi nakho ukuhlolwa kokwamukela abafundi esikoleni. Ukuhlolwa kungahle kusetshenziswe kuphela ekunqumeni ukuthi yiziphi izifundo noma izinhlelo okumele zenziwe yingane yakho kuleso sikole. Yiziphi izincwadi ezidingekayo uma kwenziwa isicelo? • Isitifiketi sokuzalwa; kanye • neKhadi lasemtholampilo lokugonywa; kanye • neKhadi lokwedluliselwa kwesinye isikole noma ikhadi lemiphumela yesikole yonyaka odlule kulabo bafundi ababesesikoleni ngonyaka odlule. (Qaphela ukuthi isitifiketi sokubhaphathizwa singeke sithathwe njengobufakazi mayelana nosuku lokuzalwa.) Yiziphi ezinye izincwadi ezidingekayo uma ngingesiye owokuzalwa eNingizimu Afrika? • Iphemithi yokuzofunda; kanye • Nephemithi etholakele eMnyangweni weZasekhaya yokuzohlala okwesikhashana noma unomphela; noma, • Ubufakazi bokuthi ufake isicelo semvume yokuzohlala eNingizimu Afrika. Ngizokwazi kanjani ukuthi ingane yami yamukelwe esikoleni? Ngokusebenzisa uMphathi wesikole obhalise kuso, uMnyango weMfundo esifundeni sakini ufanele akwazise ngemiphumela yesicelo sakho. Ngifanele ukuthi ngenzeni uma ingane yami ingemukelwanga esikoleni? Ngokusebenzisa uMphathi wesikole obhalise kuso, ungacela incazelo ebhaliwe eMnyangweni weMfundo esifundeni sakini. Uma unganeliswa yizizathu ezinikeziwe zalesi sinqumo ungafaka isicelo esibhaliwe kuMEC weMfundo esifundeni sakini. Ngifanele ngiyikhokhe yini imali yesikole? Isikole singahle sikucele ukuthi ukhokhe imali yesikole. Kodwa, uma ungakwazi ukukhokha inani elidingekayo noma lapho unamandla okhokha imali engaphansi kwebekiwe, ungabhalela isigungu esengamele isikole incwadi, ucele ukuba ukhishwe ekukhokheni imali yesikole. Isigungu esengamele isikole sizokwazisa ngesinqumo saso. Ikhophi yemithetho ephathelene nemali yesikole iyatholakala esikoleni. Isikole sifanele sikusize uma udinga usizo mayelana nesicelo sokukhishwa ekukhokheni imali yesikole. Ngingasifaka kanjani isicelo sokuphikisa isinqumo sesigungu esengamele isikole? Ungafaka isicelo sokuphikisa isinqumo sesigungu esengamele isikole kuMphathi woMnyango weZemfundo esifundeni sakini. UMphathi woMnyango uzokuchazela ukuthi kungani kungakwazekanga ukuba ukhishwe ekukhokheni imali ysikole. Uma kutholakele ukuthi unawo amandla okukhokha imali yesikole kodwa wehluleka ukuyikhokha, ungathathelwa izinyathelo ezisemthethweni ukuqiniseka ukuthi uyikhokha yonke imali esele. (Qaphela ukuthi ayikho ingane ezokwenqatshwa ukuba ingafundi esikoleni ngenxa yokungakwazi komzali ukukhokha imali yesikole. Isikole singeke futhi sigodle imiphumela yomfundi noma sikhiphe umfundi ukuba angahlanganyeli noma kumuphi umsebenzi wokufunda uma ungakwazi ukukhokha imali yesikole.) Siyini isigungu esengamele isikole? Isigungu esengamele isikole siyisakhiwo esingamela isikole. Lesi sigungu sinokwethembeka esikoleni. Sakhiwe ngamalungu afaka uMpathisikole, abantu abakhethiwe abamele abafundisi (othisha), abasebenzi abangebona othisha, abazali kanye nabafundi uma kuyisikole esiphakeme. Ngingakhethwa kanjani ukuthi ngimele abanye abazali esigungwini esengamele isikole? Ungakwazi ukuthi umele abanye abazali esigungwini esengamele isikole uma igama lakho likhethwa futhi livotelwe ngabanye abazali. Ngingazi kanjani ngokhetho? UMphathisikole udingwa ngumthetho ukuba anikeze bonke abazali imininingwane ephathelene nokukhethwa kwabazali bekhethelwa esigungwini esengamele isikole. Kwenzekani uma ngingakhethiwe ukuba ngibe sesigungwini esengamele isikole? Noma ungakhethwanga ukuba ube sesigungwini esengamele isikole, usenalo ILUNGELO lokuthinteka ezindabeni zesikole ngokuhambela imihlangano yabazali. Futhi UNELUNGELO lokuthintwa ngothisha noma uMphathisikole ngemisebenzi yesikole yengane yakho. UMphathisikole kanye nothisha esikoleni bafanele bakwazise kusenesikhathi ngokuziphatha, ukuza esikoleni nokuqhubekela phambili kwemfundo yengane yakho. Ngubani othatha izinqumo ngezindaba zesikole? Ngokusebenzisa uMphathisikole, uMphathi woMnyango wezeMfundo uthatha zonke izinqumo ngemfundo esikoleni. Isigungu esengamele isikole sibhekene nokuthatha isinqumo ngokwabiwa kwezimali, ukuqondisa izigwegwe kubafundi nokwengamela isikole. Ngingasifaka kuphi isicelo sokuphikisa isinqumo esithethwe noma okwenziwayo? Ungafaka isicelo sokuphikisa izinqumo esithethwe noma okwenziwa • nguthisha kuMphathisikole; • nguMphathisikole kuMphathi woMnyango weZemfundo esifundeni sakini; • nguMkhandlu wabameli babafundi esigungwini esengamele isikole; • yisigungu esengamele isikole kuMEC noma uMphathi woMnyango weZemfundo. Uthini uMthetho ophathelene nolimi emfundweni? UMthetho woMNyango weZemfundo ophathelene nolimi emfundweni ukhuthaza abafundi ukuba bafunde izilimi eziningi. Ubakhuthaza futhi ukuthi basebenzise ulimi abaluqondisisa kahle njengolimi lokufunda nokufundiswa kanye nokulugcina lolu limi kukho konke lapho befunda ezinye izilimi njengezifundo noma befaka ezinye izilimi njengezilimi abazofundiswa ngazo. INgabe ingane yami izobekwa esimeni esibi uma ifundiswa ngolunye ulimi olungesiso isiNgisi? Ukufunda eminyakeni yokuqala yesikole ngolimi olukhulunywa ekhaya kwenza ukuthi kuqinisekiswa izisekelo ezinqala zokufunda esikhathini esizayo kanye nokwazi ukufunda izilimi ezintsha noma ezinye. Ngubani othatha isinqumo ngezilimi okufundwa futhi kufundiswe ngazo? Isigungu esengamele isikole simele sinqume ngolimi lokufunda nokufundisa olusetshenziswa esikoleni. Ulimi olusetshenziswayo luncike kokuthandwa yiningi labafundi esikoleni nasekwazini kwesikole ukuthi sifundise ngalolo limi olukhethiwe. Ngaphezu kwalokho, isigungu esengamele isikole sidinga ukukhombisa ukuthi sizokuthuthukisa kanjani ukufundwa kwezilimi eziningi esikoleni. Ingane yami inakho ukukhetha mayelana nolimi lokufunda nokufundiswa esikoleni? Yebo. Umfundi ngamunye, lapho ebhalisa esikoleni ufanele aveze ulimi akhetha ukufunda nokufundiswa ngalo. Noma yiluphi ulimi ezilimini zethu eziyishumi nanye lungakhethwa njengolimi lokufunda nokufundisa esikoleni somphakathi. Kuzokwenziwani uma isikole singalufundisi ulimi engilukhethile? Uma kunezicelo ezingu-40 eSigabeni 1-6 noma 35 eSigabeni 7-12 ngolimi okungafundiswa ngalo esikoleni, uMnyango weZemfundo esifundeni sakini kuzodingeka ukuthi uthole izindlela zokuhlangabezana nesidingo sakho. Uyini umthwalo wami njengomzali mayelana nokukhokhwa kwemali yesikole? Izikole zingahle zibize imali yesikole ukuze zenezezele ezimalini ezinikezwa wuMnyango weZemfundo. Njengomzali unomthwalo wokukhokha imali yesikole yengane yakho. Uma ungakwazi ukukhokha ingxenye yayo noma lonke inani lemali, ufanele ufake isicelo ngokushesha sokukhishwa ekukhokheni imali yesikole esigungwini esengamele isikole. Isigungu esengamele isikole sizosihlola isimo sakho bese sikwazisa ngesinqumo saso. Qaphela ukuthi, uma ungakhishiwe ekubeni ukhokhe imali yesikole futhi kutholakele ukuthi unawo amandla okuyikhokha kodwa wehluleka ukuyikhokha, uzothathelwa izinyathelo ezisemthethweni ukuqiniseka ukuthi uyikhokha yonke imali esele. Nginganikela kanjani ekuthuthukisweni kwesikole? UMthetho ophathelene nezezikole eNingizimu Afrika unikeza isigungu esengamele isikole umthwalo wokulwela ukuthuthuka kwesikole. Ziningi izindlela isigungu esengamele isikole esingakwenza ngazo lokhu. Enye yalezo zindlela ngeyokukhuthaza abazali, abafundi, othisha kanye nabanye abasebenzi ukuba benze umsebenzi wokuzinikela esikoleni. Njengomzali, ubhekene nomthwalo wokunikela ekuthuthukisweni kwesikole ngokuthi wenze imisebenzi esikoleni. Lokhu kungafaka nokuthi uhlanganyele emisebenzini yesikole efana nokulungiswa kwempahla yesikole, ukubheka izitatimende zezimali, ukwengamele ezemidlalo, etc. Yini engingayenza ukuxhasa ukufunda kwengane yami? Ingane yakho isezandleni zothisha uma isesikoleni. Othisha bangawuqhuba ngempumelelo umsebenzi wokufundisa uma bethola ukuxhaswa ngabazali. Njengomzali, unomsebenzi : • wokusiza ngokuqondisa izigwegwe enganeni yakho; • wokubhekisisa ukuqhubekela phambili kwemfundo yengane yakho; • wokuqikelela ukuthi ingane yakho iwenza iwuqede umsebenzi wayo wesikole wasekhaya; • wokuqikelela ukuthi ingane yakho iya esikoleni; kanye • wokuxhumana nothisha. Ngingazi kanjani ngakho konke okuqhubekayo esikoleni? Abazali babafundi bafanele bazethwese umthwalo wokuhambela imihlangano ehlelelwe bona. Isigungu esengamele isikole sibophezekile ngokusemthethweni ukuba sibikele abazali babafundi njalo futhi sibazise ngezinto ezibathintayo. (Qaphela ukuthi unelungelo lokucela noma yimiphi imininingwane oyithandayo esigungwini esengamele isikole nakuMphathi wesikole.) Shayela noma kumuphi uMnyango weMfundo ezifundeni ezahlukene EMpumalanga Koloni Inombolo yocingo: (040) 608-4200/212 EFree State Inombolo yocingo: (051) 404-8423/9 ENyakatho Koloni Inombolo yocingo: (053) 839- 3500 ENtshonalanga Koloni Inombolo yocingo: (021) 403-6911/6236/7 KwaZulu-Natal Inombolo yocingo: (035) 874-3411/3592 (031) 327-0331 EGauteng Inombolo yocingo: (011) 355-0000 EMpumalanga Inombolo yocingo: (013) 249-7633 (013) 243-1567 ESifundeni saseNyakatho Inombolo yocingo: (015) 297-3895 ENyakatho Ntshonalanga Inombolo yocingo: (018) 387-3428/9 Ikhishwe nguMnyango wokuThuthukisa iMithombo yoLuntu kweZemfundo, Inhlangano ebhekene nekungakhethi kwezobulili (iGender Equity) kanye nezokuphepha ezikoleni, uMqondisi oMkhulu eMnyangweni weZemfundo, Sol Plaatje House, 123 Schoeman Street, ePitoli. Incwajana yezindaba ehlanganyelwe YiKomidi Yokuphatha AmaHlathi OkuSimeme kanye nomNyango WezaManzi namaHlathi Lena yincwajana yokuqala ehlanganise iKomidi yokuPhathwa kwamaHlathi ngokuSimeme (CSFM) kanye nomNyango wezaManzi namaHlathi (DWAF), maqondana nokusombululwa kweziMiso-migomo, indlela yokwenza nokubuka (Principles, Cr i teria, Indicators and Standards) (P,C,I&S) ukuze kube nokuphathwa kwamahlathi okusimeme eNigizimu Afrika. U-DWAF, ngokusebenzisa iHhovisi lobuQondisi: uMthetho-mgomo wamaHlathi uzohlanganisa inqubo yonke futhi aqinisekise ukuthi konke kuhamba ngendlela nangempumelelo ngokwemiyalelo ka-CSFM. Ukuze uthole ikhophi yomBhalo wokuQala weziMiso-migomo kanye nenqubo ezolandelwa ukusombulula izinkomba namazinga, ungathintana no: Mnu Mafu Nkosi Muhasho wa zwa Madi na Madaka Private Bag X93, Pretoria 0001 Tel: (012) 336 8646 Fax: (012) 328 6041 e-mail: 1ao@dwaf.pwv.gov.za Website: http://www-dwaf.pwv.gov.za/forestry/sfm Ikomidi yokuPhatha AmaHlathi okuSimeme (The Committee for Sustainable Forest Management) (CSFM) iyikomidi yanomphelo eqondene noMkhandlu wokweLuleka iKomidi kaZwelonke yezamaHlathi (National Forests Advisory Council) (NFAC). Inikezwe amandla okushayelela umsebenzi wokuthuthukisa izimiso-migomo, indlela yokwenza nokubuka, izinkomba namazinga okuphatha ezamahlathi ngokusimeme. Ukuphatha ezamahlathi ngokusimeme kungukuphatha okukwaziyo ukumelana nezomnotho, okubhekelela imvelo futhi okuhlomulisayo nakwezokuhlalisana, kube futhi kusimamisa izidingo zesikhathi samanje nesekusasa ISINGENISO Izinhlobonhlobo zamahlathi zingumthombo womnotho obalulekile kubantu kulo lonke elaseNingizimu Afrika. Kepha, lo mthombo womnotho ucindezeleke kakhulu, futhi isikhathi esiningi uya uncipha. Okunye futhi ukuthi amahlathi atshaliwe abe akhelwe ukuphakela eminye imithombo yezinkuni kanye nezinkampane e zakha maqondana nomnotho wethu osakhulayo kanjalo nemvelo kufanele kusingathwe ngokunakekela. OKWENZIWAYO UKUBHEKELELA LE NKINGA? Sekuyisikhathi esingamakhulu ngamakhulu eminyaka, lapho abantu abaphethe amahlathi kade besebenzela ukuqhuba nokuhlelela ezamahlathi ngendlela yokuthi ukutholakala kwezinkuni neminye imikhiqizo yasemahlathini kuhlale njalo kukhona isikhathi eside. Kepha umqondo wokuphathwa kwamahlathi okusimeme kufanele kubandakanye nezinye izinto ezifana nezomnotho, ezokuhlalisana kanjalo nokusimama kwemvelo. Amazwe ngamazwe emhlabeni ahlangana anquma ukuthi kunesidingo sokuthi kube nendlela efanayo yokuqapha nokukhuthaza ukuphathwa kwamahlathi okusimeme. Lo luhlelo lwethiwa ngokuthi izimiso-migomo nendlela yokwenza nokubuka yokuphathwa kwamahlathi okusimeme. Ngenxa yokwehluka okukhulu phakathi kwezinhlobo zamahlathi emhlabeni, angeke kwenzeka ukuthi kusebenze uhlelo olulodwa. Amaqembu amazwe avumile ukuthi makusetshenzwe ngokuhlanganyela ukusombulula izinhlelo eziphathelene nezimo zawo. INingizimu Afrika yona iziqalele ezayo izindlela zokwenza nokubuka ngokuhambisanayo nesinyathelo esiqalwe amalungu esifunda sezwe le-SADC UKUPHATHWA KWAMAHLATHI OKUSIMEME ENINGIZIMU AFRIKA Emva kokhetho lwentando yeNingi eNingizimu Afrika (1994) uHulumeni waqala umsebenzi wokuchibiyela umthetho wakudala. Kwaba okokuqala lapho amalungelo nokubaluleka kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika kwaqala kwafakwa kumQulu wamaLungelo omThethosisekelo. UmThethosisekelo ukubeka ngokusobala ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuthi imvelo ivikeleke, ukuze kuzuze izizukulwane zamanje nezesikhathi esizayo. Imvelo kufanele ivikeleke ukuze kube nokuthuthukiswa kwemvelo okunokunobudlelwano bokuphilisana kwimvelo ngokusimeme kanjalo nokusetshenziswa komnotho wemvelo. UHulumeni waseNingizimu Afrika ukubonile ukubaluleka nokuhlomula hhayi nje ngokuvikela umnotho wamahlathi, kepha nangokuwathuthukisa ukuthi ahambisane nezimiso-migomo zokuphatha ngokusimeme. Enyakeni ka 1995, iningi lama-Afraka aseNigizimu abamba iqhaza kwinqubo yentando yeningi nokubonisana ukuthi kusombululwe imithetho-migomo emisha yamahlathi ukuze kukhuthazwe umnotho oneqiniso kanye nokuthuthukisa ezokuhlalisana kubo bonke abantu. UmHlahlandlea wokuThuthukisa okuSimeme ezamaHlathi eNingizimu Afrika wasungulwa ngawo lo msebenzi enyakeni ka 1996. Ukusungulwa koHlelo oluyisiNyathelo kwezamaHlathi kuZwelonke (National Forestry Action Programme)(NFAP) kwalandena maduze nje emva kwalokho. I-NFAP iphendula inhloso-mbono yomHlandlandlela ukuthi ube yizinyathelo ezifanelekile maqondana nalokho. Ngomgudu we-NFAP, uHulumeni nabantu baseNingizimu Afrika bazinikela ekusebenzeni ndawonye ukukhuthaza umkhakha wezamahlathi ophumelele nongase uthuthukiswe, uphathwe futhi usetshenziswe ngempumelelo engapheliyo esizweni, kube futhi kuvikelwe nemvelo. UMKHANDLU WOKWELULEKA EZAMAHLATHI KUZWELONKE (NFAC) Ukuze kube nesiqiniseko sokuthi umkhakha wezamahlathi uba noguquko ngempela, uHulumeni wamisa umKhandlu wokweLuleka ezamamaHlathi (NFAC) ukweluleka uNgqongqoshe kunoma yiluphi udaba oluqondene nezamahlathi eNingizimu Afrika. I-CSFM yona yaluleka umKhandlu, umNyango wezaManzi namaHlathi (DWAF) kanye noNgqongqoshe kuzo zonke izinto zokuphatha okusimeme amahlathi. KUNGANI SIYIDINGA I-P, C, I & S? Thina siyadinga ukubhekelela izidingo zemvelo yethu ngokubheka inqubekela phambili ekulawulweni ngokusimeme amahlathi ethu. Kepha nabalawuli bamahlathi bayakudinga ukuthi ukulawula kwabo amahlathi kuhlolwe futhi kucwaningwe ukuze bazi ukuthi bawaphethe kahle futhi baya benza kangcono na. Ababambe iqhaza kwezamahlathi kufanele bazi ukuthi iminotho abanentshisekelo kuyo iphethwe kahle na. Yize noma singazikala izinto ezithile futhi kalula maqondana nokuphathwa kwamahlathi, njengokutholakale ngezihlahla zokubaza, ezinye zezinto akulula ukuzibona ngendlela eyenelisayo kubo bonke abathintekayo. Isidingo sokuhlola ukusimama ngendlela ezwakalayo necacile kuholele ocwaningweni olwenziwe amazwe ngamazwe, kwaba nokuhlola kanye nenkulumo mpikiswano ngendlela okulandelwa ngayo izimiso-migomo ngendlela yokwenza nokubuka, izinkomba namazinga. Le ndlela iyalandelwa futhi naseNingizimu Afrika. IZICHASISO Izimiso-mgomo: Umthetho wenqubo ongujikelele noma isitatimende sesidingongqangi sokufanele makugcinwe ngabasingethe ukuphathwa kwamahlathi futhi okunikeza indlela yezinto eziningi kwinqubo; yileso naleso simiso sihambisana nendlela yokubuka eyenza kucace maqondana nezinhlelo zokuphathwa kwamahlathi nokusebenza kwawo. Isibonelo, umThetho wamaHlathi kuZwelonke ukubeka kube izimiso-mgomo ukuthi ihlathi kufanele lithuthukiswe futhi lilawulwe ukuze lisimamise umsebenzi obonakaliza izimiso-mgomo zokukhiqiza ngokusimeme. Indlela yokwenza nokubuka: Indlela yokuphatha ihlathi, ehambisana nezimiso-mgomo ezithize, leyo okungahlolwa ngayo ukusimama. Isibonelo, indlela yokwenza nokubuka yezimiso-mgomo zokukhiqiza okusimeme yileyo yokuthi ukuhamba kwempahla nemisebenzi, efana nezinkuni nofayibe, kufanele kugcinwe esimweni isikhathi eside. Inkomba: Ukukala indlela. Izinkomba yizindlela zokuphatha ihlathi ngokuhambisana nendlela ethize, engakalwa noma ichazwe. Kunikeza isikali soshintsho kwindlela ekuhambeni kwesikhathi. Izinga: Ukubaluleka okuthize kwenkomba okufanele kufinyelelwe kukho uma abaphathi kufanele bagcine amazinga athize okusimama; futhi kuyindlela echaziwe noma inqubo okufanele mayilandelwe futhi isetshenziswe uma abaphethe behlulelwa ngokulawula okusimeme. INQUBO YOKUTHUTHUKISA UHLAKA LWE- P, C, I & S ENINGIZIMU AFRIKA Inqubo yokuthuthukisa iziMiso-migomo, indlela yokwenza, izinkomba namaZinga yaqala ngo1999. Ukusuka nje,i-CSFM ne-DWAF balungisa umbhalo wokuqala we-P&C ngokuhambisa ngomThetho wamaHlathi kuZwelonke (National Forests Act) ka 1998, kanjalo nezeluleko zawongoti kumazwe ngamazwe. Izimiso-migomo zombhalo wokuqala njengamanje seyikhishiwe ukuthola imibono. Inqubo yesibili ukuthuthukiswa kwezinkomba namazinga. Lokhu kufanele kwakhiwe phezu kwesisekelo nezindlela zokwenza ezifana nalo luhlaka okufanele kufakwe kulo izinkomba namazinga. WENA UNGAZIBANDAKANYA KANJANI? Inqubo yokusombulula iziMiso-migomo, iziNdlela zokwenza namaZinga kuyinqubo yokubonisana, okubandakanya izinhlobonhlobo zabathintekayo futhi abanentshisekalo engafani kulo mnotho wezamahlathi. Uma nawe ufisa ukuba ngomunye wabahlanganisa izimiso-migomo nezindlela, nokuthi igama lakho lifakwe kwinqolobane yababambe iqhaza, thintana no: Vassie Maharaj Manyaka Greyling Meiring (Pty) Ltd. Posbus 95823 Waterkloof, 0145 PRETORIA Tel: (012) 362 0848 Fax: (012) 362 0869 Amalungu e-CSFM Dkt. F. Kruger (usihlalo) Mnu. A. Tshivhase (isekela likasihlalo) Mnu.B. Aitken (South African Timber Association) Mnu.K. Cooper (Wild Life Society of SA) Dkt.. B. Mackenzie (Botanical Society of SA) Nks. D. Mjoli (Umzimkulu Community) Mnu. N. Motlana (South African Lumber Miller's Association) Mnu. A. Myeni (National Department of Agriculture) Mnu. T. Myeza (South African Agricultural, Plantation and Allied Workers Union) Dkt. J. Scotcher (Forest Owners Association) Mnu. C. Swart (National Department of Environmental Affairs and Tourism) Prof. H. Watson (University of Durban Westville) Umkhandlu Wokweluleka Ezamahlathi Kuzwelonke Ikomidi Yokuphathwa Kwamahlathi Okusimeme ISIMEMO SOKUQEQESHWA NJENGOTOLIKA NOMA UMHUMUSHI IBhodi yeziLimi eNingizimu Afrika (PANSALB) yasungulwa ngokomThetho wasePhalamende (onguNombolo 59 ka 1995, njengochitshiyelwa ngokomThetho 10 ka 1999) ukuze kukhuthazwe izilimilimi eNingizimu Afrika futhi kuthuthukiswe izilimi eziyishumi nanye ezisemthethweni eNingizimu Afrika kanjalo nolimi lwezandla lwaseNingizimu Afrika. Enye yezinjongo zika PANSALB ngokwesichibiyelo somThetho ka 1999 ukuphakela izinsiza zokutolika nokuhumusha. U-PANSALB uqonde ukusungula umthombo wabantu abaqeqeshiwe abazoba onongoti kwezokuhumusha Nokutolika. Labo abanentshisekelo enkulu yokuhumusha nokutolika futhi abafisayo ukuqeqeshwa uPhiko Olusingethe noluFukula IziLimi (Unit for Language Facilitation and Empowerment) oluseNyuvesi yaseFuleyistata (University of the Free State) e-Bloemfontein bayamenywa ukuthi mabafake izicelo. Umuntu ofanelekile yilowo oneziqu zaseNyuvesi noma okulingana nalokho. Nalabo abafisa ukuba ngotolika beziLimi zeZandla nabo bayamenywa ukuthi bafake izicelo. Lowo muntu ofake isicelo uyodluliswa kwinqubo yokukhethwa nokuhlolwa ezokwenziwa isikhungo esiqeqeshayo. U-PANSALB uyena oyothwala izindleko zalokhu kuqeqeshwa kanti lowo muntu oseqeqeshiwe uyobe eseba nesivumelwano esimbophayo ukuthi asebenzisane no-PANSALB. Sithumele ngefeksi noma ngemeyili ufake umlando wempilo (curriculum vitae) yakho kafushane kanye nekhasi elilodwa ozincomayo kulo bese uhlanganisa nesicelo sakho ukubhekise kumPhathi Omkhulu (Prof CN Marivate) engakashayi noma ngalo uLwesihlanu mhlaka 29 Disemba 2000 ukuqondise kule feksi: (012) 341 5938, imeyili Edward@Pansalb.org.za Imibuzo uyiqondise ku: Mnu SSE Sambo, Ucingo (012) 341-9638 ngesikhathi somsebenzi. UMHLAHLANDLELA OMFUSHANE NGE-WHITE PAPER KUHULUMENI WASEKHAYA Lomhlahlandlela uyisingeniso esifushane se-White Paper ngoHulumeni waseKhaya esaqala ukushicilelwa ngoMarch 1998. I-White Paper iqukethe umbono kahulumeni ngohlelo olusha lukahulumeni wasekhaya eNingizimu Afrika nokuthi kungafinyelelwa kanjani kuwo. Lomhlahlandlela awukuphethe konke okuqukethwe yiWhite Paper. Ushaya kafushane kuloko okusemqoka. Ukuchazwa kwamagama asemqoka If you click on the underlined words in the text, you will automatically go to a short explanation of those words. CONTENTS Isingeniso Isigaba A: Esibhekene nako ngengamanje Isigaba B: Uhulumeni wasekhaya oletha intuthuko Isigaba C: Uhulumeni osebenza ngokubambisana nabanye Isigaba D: Izinhlelo zezinhlangano Isigaba E: Izinhlelo zombangazwe Isigaba F: Izindlela zokuphatha Isigaba G: Ezezimali zikamasipala Isigaba H: Uhlelo lokuguquka ISINGENISO:IYINI I-WHITE PAPER KAHULUMENI WASEKHAYA? Uhlelo lukahulumeni wasekhaya olusebenzayo njengamanje lungolwesikhashana, ngolwalesikhathi okusenziwa ngaso uguquko. Lulungiselelwe ukuba lusisuse ohlelweni oludala lwesikhathi sobandlululo lusiyise esikhathini esesikuso sohlelo lokubuswa ngokwentando yeningi. Kungumsebenzi kahulumeni ukuqikelela ukuba uhlelo olusha lube seluqalile ukusebenza ngesikhathi sokhetho olulandelayo lukahulumeni wasekhaya oluyoba ngo 1999. I-White Paper ingamalungiselelo ohlelo olusha lukahulumeni wasekhaya. Yabhalwa ngaboMnyango wezeziFunda nokuThuthukiswa koMthethosisekelo emva kokuthatha izinyanga kwenziwa uphenyo kubanjwa nezingxoxo nabo bonke abathintekayo. I-White Paper ichaza ngohlobo lukahulumeni wasekhaya esimfunayo nokuthi kungafinyelelwa kanjani lapho. Kodwa-ke akwanele ukuba nohlelo nje kuphela. Kufanele kuthathwe ezinye izinyathelo ukuze uhlelo lube yinto eyenzekayo. Kunemithetho okuyofuneka iphasiswe, kwakhiwe imingcele emisha, kwakhiwe izinhlelo ezintsha kuqeqeshwe nabantu ngezindlela ezintsha zikahulumeni wasekhaya. I-White Paper isinika umgwaqo esingawulandela ukuze sifinyelele lapho siqonde khona - ohlelweni olusha lukahulumeni wasekhaya oqhuba ngokwentando yeningi osuyosiwelisela kwi 21st century. Uyini uhulumeni wasekhaya? Uhulumeni wasekhaya uyizinga likahulumeni elisondelene nabantu kunawo onke amanye. Indawo kahulumeni wasekhaya ngumasipala. Izakhamuzi zikamasipala zikhetha iKhansela likaMasipala ukuba lizimele. Ikhansela likamasipala libhekana nokuqikelela ukuba yonke imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi yenzelwa wonke uwonke futhi likhuthaza nokuthuthukiswa kwendawo yalo ngokwezenhlalakahle nezomnotho. ISIGABA A: ESIBHEKENE NAKO NJENGAMANJE Isigaba A se-White Paper sibheka isimo esikuso njengamanje - izinkinga nezinselelo esibhekene nazo. Iningi lalezinkinga liyingxenye yomlando wethu. Ubandlululo lwalwehlukanisa abantu ngokobuhlanga nezindawo abahlala kuzo zehlukene ngayo leyondlela yobuhlanga. Umcebo wawusezindaweni zabahlala abamhlophe, iningi labantu lona lihlala ezindaweni ezinamathuba amancane, ezingayitholi kahle imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi, zibe zingenayo nendlela yokuthola imali ukuze kukhushulwe izinga lempilo nakuzo. Ngawo 1980 abantu bavuka inja ebomvu belwa ngaloluhlelo olungenaqiniso, umzabalazo wabo wasiza ukuqeda ubandlululo. Uhlelo esinalo njengamanje kuhulumeni wasekhaya olusiza ekuletheni inguquko lwakhelwe phezu kwezivumelwano okwafinyelelwa kuzo ngesikhathi kuxoxiswana. Uhlelo oluletha inguquko seluyisuse yonke imingcele emidala yangokobuhlanga - manje sesinomasipala oyedwa ongehlukanisiwe ngokobuhlanga. Kodwa zikhona izinkinga ezisasele. Isibonelo. * Inkinga endala yokuphathwa kwabantu ngokungalingani isekhona: ezinye izindawo zinomnotho kanti kusenenqwaba yalezo ezingatholi ngisho nemisebenzi esemqoka uhulumeni ayenzela imiphakathi. * Omasipala ababengabezindawo okuhlala kuzo abamhlophe nabomdabu banesabelo esilinganayo sezikhundla kumawodi, okuyinto engelona iqiniso ngoba izindawo ezihlala abomdabu zinabantu abaningi kunalezo ezingezabamhlophe * Kunezibalo zabantu ezingashintshwa ezimele iningi uma kuvotwa ngamabhajethi kuthathwa nezinqumo ngezinhlelo ezithize. * KunamaKhansela asebenza kahle, nanxa iningi lisazabalaza lingakakwazi nokuba lisize imiphakathi yalo ngemisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi. Uhlelo olusha kufanele lukubuyekeze konke loku lubheke izinhlobo nesibalo samaKhansela ukuze kuqikelelwe ukuba ayakwazi ukwenza imisebenzi kahulumeni wasekhaya. Izindawo zokuhlala abantu ezazakhiwe ngobandlululo Sisabhekene nenkinga yezindawo zokuhlala abantu ezazakhiwe ngobandlululo, ezazingakhelwe ukuthuthukisa imiphakathi kepha zakhelwe ukuyehlukanisa nokuyiphatha. Mkhulu kabi umehluko phakathi kwezindawo zokuhlala abantu ezazakhiwe ngobandlululo emakhaya nasemadolobheni. Amadolobha ethu akhiwe kabi kabi - labo abahlupheka kunabo bonke abanye yibona abahlala kude kunabo bonke abanye nezindawo zemisebenzi, izizinda zolwazi nazo zonke zindawo okutholakala kuzo usizo. Ezindaweni zethu zasemakhaya, kunezigidi zabantu abahlala ezindaweni ezaziyizabelo abangakwazi nhlobo ukuthola amathuba okuzithuthukisa ngezomnotho, bebe futhi bengatholi nakwenzelwa imisebenzi esemqoka uhulumeni ayenzela imiphakathi. Amadolobhana amancane asemakhaya awakwazi ukubhekana nezidingo zeningi lomphaklathi ohlala ezindaweni eziwazungezile. Uhlelo olusha lukahulumeni wasekhaya kuzofanele lubhekane nalezozinkinga zesikhathi sobandlululo zokuhlaliswa kwabantu ezindaweni ezingathuthukisiwe. Kuyofanele luqikelele nokuthi zonke izindawo zingena ohlelweni lwentuthuko - ikakhulukazi lezo ezazibandlululwa. Kafushane nje... ... The new local government system must address the inequalities and backlogs of the past and ensure that everyone has access to basic services, to opportunities and an improved quality of life. Our people demand this, and our Constitution repeats this demand. We must have developmental local government. ISIGABA B: UHULUMENI WASEKHAYA OLETHA INTUTHUKO Isigaba B se-White Paper siphenya ngokuthi isho ukuthini intuthuko. Sichaza uhlobo lobuholi okufanele amaKhansela alukhombise kanye nobuhlobo okufanele omasipala babakhe nemiphakathi, izinhlangano, amabhizinisi nabanye abangase bafake isandla ekuthuthukisweni kwendawo. Ichaza nangokuhlelwa kwentuthuko yayo yonke imikhakha kamasipala - okuyindlela entsha yokuhlela izinto ezosiza umasipala ukuba agcwalise zonke izidingo zentuthuko. Uyini uhulumeni wasekhaya oletha intuthuko? Umthethosisekelo uyawuchaza umsebenzi kahulumeni wasekhaya eNingizimu Afrika eqhuba ngokwentando yeningi. Uhulumeni waseKhaya kufanele alethe intuthuko.. Yinselelo enkulu kabi nentsha le kuhulumeni wasekhaya. Kuqala uhulumeni wasekhaya ububhekene nokuqikelela ukuba izindawo ezihlala abamhlophe ziyayenzelwa imisebenzi uhlulumeni ayenzela imiphakathi, okunye okubhekene nako bekuyimithetho yezemigwaqo, ukukhishwa kwamalayisense, ukunakekelwa nezindawo zokungcebeleka. Manje uhulumeni wasekhaya sekufanele aqikelele ukuba yonke imiphakathi iyayithola imisebenzi uhulumeni ayenzela imiphakathi, aqikelele nokuthi bonke abantu bayakwazi ukubamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo nasekuhleleni, ukuthi umnotho wendawo asebenza kuyo uyakhula, ukudalwa kwamathuba emisebenzi nokuthi wonke umnotho okhona usetshenziswe ngokucophelela ukukhuphula izinga lempilo lawo wonke umphakathi, manje nasesikhathini esizayo. Imisebenzi yentuthuko esemqoka kumasipala Uhulumeni wasekhaya oletha intuthuko nguhulumeni osebenza nomphakathi nabo bonke abanokuthize abakwenzayo okukhuthaza intuthuko engapheliyo kwezomnotho nakwezenhlalakahle. Loku kusho ukuthi uhulumeni wasekhaya kufanele: Asize umphakathi ngobuholi obuqotho Umasipala kufanele aqikelele ukuthi zonke izinhlelo zakhe, imigomo nokwenziwayo kuletha intuthuko kwezomnotho nakwezenhlalakahle eyodala ukuthuthuka kwezinga lempilo kubo bonke abantu - ikakhulukazi labo ababebandlululwa. Akhuthaze ukunakekelwa komphakathi kwezomnotho nakwezenhlalakahle Umasipala kufanele aqikelele ukuthi zonke izinhlelo zakhe, imigomo nokwenziwayo kuletha intuthuko kwezomnotho nakwezenhlalakahle eyodala ukuthuthuka kwezinga lempilo kubo bonke abantu - ikakhulukazi labo ababebandlululwa. Ukuhlanganiswa kwayo yonke imizamo yokuthuthukisa indawo Kuyodingeka konke okungase kusetshenziswe - abantu nempahla ukuze kufinyelelwe kwinjongo yokuthuthuka. Umasipala oletha intuthuko kufanele avule imigudu yokuxhumana neminye imikhakha kahulumeni, akhe nobuhlobo nezinhlangano zom phakathi, ezamabhizinisi nezikahulumeni. Kufanele aqikelele ukuba yonke imizamo yenziwa ngokubambisana ukuze kufinyelelwe enhlosweni yabo bonke abantu ewukuthuthuka. Ukukhuthaza nokwakha ukubuswa ngokwentando yeningi ezindaweni esihlala kuzo Ikhansela likamasipala limele konke okufunwa ngumphakathi. Kufanele lifake izakhamuzi zendawo namaqembu anomdlandla ekuthathweni kwezinqumo nasekwenziweni kwezinto ezibathintayo. Kufanele kuthathwe izinyathelo ezinqala zokuqikelela ukuba labo bantu abavame ukushiywa ngaphandle uma kwenziwa izinto njengabesifazane abaphethe imizi yabo, abakhubazekile nentsha, bakwazi ukubamba iqhaza kokwenziwayo. Yini okufanele izuzwe nguhulumeni wasekhaya? Ezinye zezinjongo ezisemqoka zikahulumeni wasekhaya oletha intuthuko yilezi: a) Wukwenza ukuba kutholakale izidingo ezisemqoka zezindlu nemisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi Umphakathi wonkana kufanele uyithole imisebenzi esemqoka uhulumeni ayenzela imiphakathi - izinto ezinjengamanzi ahlanzekile, ukususwa kukadoti nendle. I-Consolidated Municipal Infrastructure Programme (CMIP) okuwuhlelo oluhlanganisa yonke imisebenzi yomasipala, luyisikhwama sikazwelonke sokusiza omasipala ukuba bakhe konke okudingekayo ukuze ikwazi ukwenzeka imisebenzi uhulumeni ayenzela imiphakathi, lezi yizinto ezifana namapayipi, imithombo, izindawo zokuhlanza indle. b)Ukuhlela ukuba kube namadolobha ahlangene nezindawo zasemakhaya Ubandlululo lwehlukanisa izindawo esihlala kuzo ngokobuhlanga. Omasipala kufanele bahlele ukuba isuswe lemingcele. Ukuhlanganisa izindawo zethu kuyokwehlisa izindleko zezinto zokuhamba nezokwenziwa kwemisebenzi uhulumeni ayenzela imiphakathi, kanti kuyokwenza nokuba kubelula ukutholakala kwemisebenzi nezindawo zokuzithokozisa. Kuyokwenza ukuba amadolobha ethu nezindawo zasemakhaya zibe yizindawo ezingcono, bese kwenza nokuba imiphakathi eyayehlukanisiwe ibumbane. c) Ukukhuthaza ukuthuthuka kwezomnotho ezindaweni esihlala kuzo Omasipala abakwazi ukwakha umnotho nokudala amathuba emisebenzi ngokwabo. Kodwa bangahlela ukuqikelela ukuba konke okungase kuthuthukiswe ukuze kuveze umnotho kuyathuthukiswa. Loku kuyosiza ukuqikelela ukuba kudaleke amathuba amaningi emisebenzi kwakhiwe nomnotho othe xaxa. Isibonelo, omasipala bangaqikelela ukuba uma bethenga impahla noma kunemisebenzi abadinga ukuyenzelwa, bathenge noma basebenzise okutholakala kosomabhizinisi bendawo abasafufusayo. Uma kwakhiwa okudingekayo ukuze yenzeke imisebenzi uhulumeni ayenzela imiphakathi, kufuneka kusetshenziswe abantu bendawo esikhundleni semishini, uma kunokwenzeka. Bangasizwa osomabhizinisi bendawo abasafufusayo ngolwazi nangezinye izindlela zokubeseka noma kuqikelelwe ukuba bayaluthola ulwazi ngezinhlangano nezinhlelo ezingase zibasize. Ngobuholi obuqotho nangokuhlanganisa umphakathi ngokuthola izindlela zokufinyelela ezinjongweni zawo ezifanayo, omasipala bangayenza ngcono kabi indawo, ibe yindawo abantu abafunayo ukufaka izimali zabo ngamabhizinisi kuyo, bese ithuthuka. Bangenza njani omasipala ukuze bayilethe nakangcono intuthuko? Amathuluzi amabili asemqoka kumasipala oletha intuthuko: 1. Ukuhlela intuthuko ngokuhlanganyela Ukuhlela ngendlela efanele kusemqoka ukuze kutholakale intuthuko. Ukuhlela intuthuko ngokuhlanganyela kuwuhlelo olulungiselwe ukwenza omasipala bahlele ngendlela esebenzayo ukuze kube nentuthuko ezindaweni zabo. Kufaka: * Ukusebenza nomphakathi uma kubhekwa izidingo zawo. * Ukwakha umbono ofanayo nokubeka izinjongo naloko okufuneka kuqalwe ngako. * Ukubheka ukuthi yini kuzo zonke izidingo ekhona. * Ukwakha izinhlelo nemikhankaso. * Ukuqikelela ukuba izinhlelo zikamasipala ziyasebenzelana nezabanye omasipala, ezezifunda nezikazwelonke. * Ukuqikelela ukuba ziyahambisana izinhlelo zemikhakha eyehlukene njengezamanzi, izindawo zokuhlala, udoti nezinto zokuhamba. * Ukuhlelwa nokwabiwa kwezimali ngendlela efanele. * Amasu okwenza loko okuhlosiwe * Ukubhekwa njalonjalo kwezinhlelo eseziqaliwe kuqikelelwe ukuba zisesesimweni esifunekayo kubhekwe nokuthi akukho shintsho yini okufuneka lwenziwe kuzo. 2.Ukubhekwa kwendlela okusetshenzwa ngayo Omasipala kufanele bayibheke indlela abasebenza ngayo ukuze baqikelele ukuba bayazifeza izinjongo zabo. Ukuze kwenzeke loko, kufuneka babeke izindlela abazobona ngazo ukuthi baqhuba kanjani okuthiwa phecelezi ngamaKey Perfomance Indicators (KPIs). Lezi yizindlela abangazisebenzisa ukubheka ukuthi izinhlelo zabo zisahamba ngokuyiko na nokuthi konke abakusebenzisayo kusetshenziswa ngendlela efanele na. Amaqembu omphakathi kufanele nawo afake isandla ekwakhiweni kwama KPIs - loko kungasiza ukwakha ukuzinikela komphakathi ekuqikeleleni ukuba kuyafinyelelwa kuko konke okuhlosiwe. Eminyakeni embalwa ezayo kuzosungulwa uhlelo lokubheka indlela okusetshenzwa ngayo, kuye ngokuthi lowo nalowo masipala unolwazi olungakanani. Loku kuyosiza ekutholeni izinkinga nasekuzixazululeni ngaphambi kokuba zize zibe yizingqinamba. Ukubamba iqhaza komphakathi Kungumsebenzi womasipala ukufaka izakhamuzi ezindabeni zomasipala nokwakha ukubuswa ngokwentando yeningi endaweni okuhlalwa kuyo. Kufanele izakhamuzi zibambe iqhaza njengabalingani ekuhleleni nasekwakheni imigomo nasezinhlelweni zentuthuko. Kafushane nje... ... Umasipala oletha intuthuko usho ubuholi obuqotho, umbono ngengomuso, ukufaka isandla komphakathi, osomabhizinisi nabo bonke abathintekayo kuloludaba ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zawo wonke uwonke futhi kwakhiwe nesisekelo esiqinile sentuthuko nenqubekelaphambili engapheliyo. Uhulumeni oletha intuthuko nguhulumeni inhloso yakhe ewukukhuthaza intuthuko kwezemnotho nakwezenhlalakahle emphakathini. Loku kufaka izinto ezinjengokuqikelela ukuba wonke uwonke uyayenzelwa imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi nokuthi kunezinyathelo ezithathwayo ukukhuthaza ukudalwa kwamathuba emisebenzi angapheliyo Intuthuko eqhubekayo yintuthuko engagcinwa iloku ikhona noma iqhubekele esikhathini esizayo. Ukuze intuthuko ihlale ikhona kufanele yakhelwe phezu kwesisekelo esiqotho. Izindlela zokuxazulula izinkinga ezisebenza isikhathi esifishane azisizi ngalutho uma ngomuso kuyobe kungasabonakali nokuthi kunomzamo owake wenziwa. Imikhankaso emisha kufanele yenziwe ngendlela efanele futhi igcinwe ikhona nasesikhathini esizayo, kanti kufanele zibe khona nezimali nabantu bokubhekana nako konke loko. Ukuhlanganisa kusho ukuhlanganisa wonke amasu, imizamo nemibono ukuze kufinyelelwe kuloko okuhlosiwe okuyinjongo yomphakathi IDPs Bonke omasipala kufanele bakhe izinhlelo zokuhlela intuthuko ngokuhlanganyela. Umnyango wezokuThuthukiswa koMthethosisekelo usukhiphe ibhukwana lokusiza omasipala ukuba baqale ukusebenza ngalendlela. ISIGABA C: UHULUMENI OSEBENZA NGOKUBAMBISANA NABANYE Isigaba C se-White Paper sibhekisisa ubuhlobo phakathi kukahulumeni kazwelonke, owesifunda nokamasipala. Ngaphansi koMthethosisekelo wethu omusha, yonke lemikhakha kahulumeni kufanele isebenzelane ngomoya wokubambisana nokwesekana. Uhulumeni wasekhaya ubhekene nezinselelo zentuthuko ezinkulu kabi. Kodwa-ke omasipala abazimele ngokwabo. Uhulumeni wasekhaya uyingxenye yohlelo olusha lokubambisana kuhulumeni waseNingizimu Afrika. Omasipala besekwa emisebenzini yabo nguhulumeni wesifunda nokazwelonke. Nabo-ke ngokunjalo kufanele bameseke uhulumeni wesifunda nokazwelonke. Lemikhakha emithathu kahulumeni ingafinyelela kangcono kabi ezinhlosweni zayo zentuthuko uma isebenza ngokubambisana. Imisebenzi esemqoka yemikhakha emithathu kahulumeni OkaZwelonke OwesiFunda OwaseKhaya Ukuhlelwa kwentuthuko Ubhekene nokwakhiwa kwalo lonke uhlelo lokuthuthukisa ezenhlalakahle nezomnotho ezweni Ubhekene nokuthuthukiswa kohlelo lwentuthuko yaleso naleso sifunda olwaziwa ngokuthi yilisu lokuthuthukiswa kwezifunda. Omasipala babhekene nokwakha izinhlelo zokuthuthukisa izindawo zabo - okwaziwa ngokuthi wukuhlela intuthuko ngokuhlanganyela Imithetho Ubhekene nokwakhiwa kohlelo oluphelele lwemithetho kahulumeni wasekhaya. I-White Paper iyingxenye yalolohlelo lokwakha imithetho. Ubhekene nokuphasisa imithetho kahulumeni wasekhaya - ngokuhambisana nemithetho kazwelonke - ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zasekhaya nezezifunda Wakha imithetho kamasipala kanti futhi ulungisa nendlela umhlaba osetshenziswa ngayo, intela yasendaweni okuhlalwa kuyo, ukuthengisa emigaqweni nokuye okunjalo. Ukuhlomisa abantu ngamakhono Ukubhekana nokuhlomisa omasipala ngawo wonke amakhono abawadingayo ukuze bakwazi ukuphatha izindaba zabo benze nemisebenzi yabo ngendlela efanele Ukusiza omasipala ngokubaqeqesha nokubahlomisa ngamakhono. Ukusebenza ngezinhlelo zokuqeqesha zesifunda nangezikahulumeni wasekhaya esezisesimweni esifanele. Ukusiza nangobuchwepheshe ezintweni ezifana nokuhlela intuthuko ngokubambisana. AmaKhansela kaMasipala anomsebenzi wokuthuthukisa abasebenzi bawo ngokubaqeqesha nangezinye izindlela Ezezimali Ukuphatha uhlelo lwezimali lwayo yonke imikhakha kahulumeni. Uphasisa imithetho ngezindaba eziphathelene nendlela umasipala asebenzisa ngayo izimali, nengxenye yezimali ezitholakala kuzwelonke ezabelwa umasipala. Ubheka isimo sezimali zikamasipala, angene azame ukulungisa uma zitholakala zingaphathwa ngendlela efanele. AmaKhansela kamasipala abhekene nokulungisa uhlelo lweminyaka emihlanu lwezimali, indlela okufanele izimali zisetshenziswe ngayo onyakeni, ukubeka intela, ukubheka okuphathelene namamitha, ukunqandwa kwesikweletu singabisikhulu, ukuqoqa izimali ezingenayo nokuqikelela ukuba abampofu bayasithola isabelo sabo kwezezimali nokunye okunjalo. Ukuqapha Ukwakha uhlelo lokuqapha uhulumeni wasekhaya ukuze kube nesiqiniseko sokuba ulwazi olutholakalayo luyilo futhi akulokhu kuphindwa izinto ezifanayo uma kwenziwa imibiko. Ukuqapha omasipala ngokohlelo lukazwelonke lokuqapha. Loku kwenzelwa ukuqikelela ukuba kunezinga eliphakeme lokuphatha kuhulumeni nakwezemisebenzi kahulumeni. Ukubeka izindlela zokubheka ukuthi kuqhutshwa ngako yini kwethulwe nemibiko njalonjalo ngokwenzekayo Ukungena uzolungisa Angase aveze izindlela zokungena kulungiswe uma omasipala sebehlangabezana nobunzima, yena uqobo angangena uma yonke eminye imizamo seyehlulekile. Angangena uma umasipala ehluleka ukugcina imisebenzi yakhe ngokoMthethosisekelo. Uma uhulumei wesifunda esenza imisebenzi kahulumeni wasekhaya kufanele aqikelele ukuthi iKhansela liyakwazi ukuthwala imisebenzi yalo. Uthatha izinyathelo zokulungisa ngendlela atshelwe ngayo ngabaphethe iminyango ethize kuhulumeni wasekhaya Izinhlelo zikazwelonke nezezifunda Iminyango kahulumeni kazwelonke neyezifunda inezinhlelo ezithinta omasipala. Isibonelo, uHlelo loMnyango wezaManzi namaHlathi lokwenza ukuba kutholakale amanzi kuthuthwe nendle, noloMnyango wezemiHlaba lokusiza omasipala ngokubanika izimali zokuthuthukisa umhlaba nokwenza ezinye izinhlelo ezenziwa ngokuhlanganyela neminye imikhakha kahulumeni. Futhi eminye iminyango kahulumeni kazwelonke nowesifuda isiwedlulisela nakuhulumeni wasekhaya amanye amandla nemisebenzi enayo. Loko kusho ukuthi umasipala usezoba neminye imisebenzi emisha. Municipalities can assist with the delivery of these programmes. At the same time, these programmes can build the capacity of local government and form part of the municipality's own development programme. Also, some national and provincial departments are decentralising certain functions to local government. This means that municipalities will have additional, new functions. In order for national, provincial and local government to cooperate effectively in the delivery of programmes: * o Uhulumeni kazwelonke nowesifunda kufanele basebenze ngokuthintana nowasekhaya. * o Izinhlelo zikazwelonke nezezifunda kufanele zakhiwe ngendlela ezokwenza ukuba zibe yingxenye yezasekhaya, kusetshenzwe ngokuhlanganyela. * Ikomidi likazwelonke eliphethe izindaba ezithinta uhulumeni wesifunda (MINMEC) kufanele lihlanganise yonke imisebenzi namandla eminyango kazwelonke neyezifunda asedluliselwa kuhulumeni wasekhaya. Loko kuyoqikelela ukuba uhulumeni wasekhaya uyazinikwa izimali ezenele ukuze akwazi ukuyenza leyomisebenzi aseyabelwe. Ukubambisana phakathi komasipala Omasipala bangazuza okuningi kabi uma bengakha ubuhlobo bokubambisana. Isibonelo, bangenza okulandelayo: * Baxoxe ngezinto abahlangabezana nazo abafunda okusha kuzo. * Basizane ngabasebenzi nangolwazi. * Babe nemikhankaso yokwakha imali abayenza ngokubambisana. * Bazithenge ngokuhlanganyela izinto ezifana nemishini ethize, imisebenzi ethize okudingeka bayenzelwe nolwazi oluwubuchwepheshe njengezeluleko. * Benzelane izinto ezithize. Uhulumeni wasekhaya osebenza ngokuyiko Inhlangano yoMasipala baseNingizimu Afrika (South African Local Government Association - SALGA) iyinhlangano kazwelonke emele ohulumeni basekhaya. Inezinhlangano zesifunda ezingu 9 ezikhuthaza ukubambisana phakathi komasipala. Zinalo nezwi komasipala ngokumelwa enhlanganweni kaZwelonke yamaKhansela eziFunda okuthiwa phecelezi yiNational Council of Provinces (NCOP) kanye nakwiMINMEC kahulumeni wasekhaya I-SALGA iyinhlangano yabaqashi engaphumelela ukwakha ubuhlobo nezinyunyana zikamasipala bese kwakhiwa ubuhlobo obuphilayo kwezemisebenzi. Kafushane nje...... Ukusebenza ngokubambisana kuzwelonke, ezifundeni nakomasipala kungenza ukuba intuthuko yenzeke ngokushesha nangendlela ebonakalayo kulo lonke izwe, futhi kungenza nokuthi konke okukhona kusetshenziswe kangcono, kuqikelelwe nokuthi uhulumeni usebenza ngendlela efanele nezinga lokuphathwa kwabantu lenyuke. Ukwahlukaniselana imali ngendlela efanele ehambisana nezidingo - uMthethosisekelo ubeka ukuba omasipala banelungelo lokuthola ingxenye ethize emalini ekhokhwa kuhulumeni kazwelonke. Uhulumeni kazwelonke nguyena onqumayo ukuthi iyoba ngakanani leyongxenye. Ukubambisana ngokuphathwa kwezimali kwimikhakha ehlukene kahulumeni. Ukususwa kwemali kuhulumeni kazwelonke iyiswe kowezifunda nakowasekhaya. the Constitution states that municipalities are entitled to receive a share of national revenue. National government will determine what this share will be. Click here to the Manual Enayo - - Ukwedlulisela umsebenzi othize zikahulumeni wasekhaya okuwuyena osesimweni esingcono sokwenza leyomisebenzi kangcono nagendlela ebmakalayo. I-MINMEC kahulumeni wasekhaya iyikomidi eliphethe zonke izindaba eziphathelene nohulumeni wasekhaya. Amalungu alo nguNgqongqoshe wezeziFunda nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, abaPhathiswa bezifunda abangu 9 ababhekene nohulumeni wasekhaya kanye ne-SALGA. South African Local Government Association okuyinhlangano yomasipala baseNingizimu Afrika ISIGABA D: IZINHLELO ZEZINHLANGANO Isigaba D se-White Paper sibheka imikhakha emithathu eyehlukene kamasipala kanye nezinhlobo ezehlukene zomasipala kulowo nalowomkhakha. Imikhakha yomasipala Umthethosisekelo usungula imikhakha emithathu yomasipala Umkhakha (A) Umasipala onamandla akhe yedwa okwakha imigomo nokwenza ukuba imithetho kazwelonke neyezifunda neyakhe umasipala yenziwe endaweni aphethe kuyo. in its area. Umkhakha (B) Umasipala obambisana noMkhakha C aphethwe wuye ekwakheni imigomo nokwenza ukuba imithetho kawelonke, eyesifunda neyakhe umasipala yenziwe endaweni aphethe kuyo. Umkhakha (C) Umasipala onamandla okwakha imigomo nokwenza ukuba imithetho kazwelonke, eyesifunda neyakhe umasipala yenziwe endaweni ehlanganisa umasipala ongaphezu koyedwa. Uhulumeni kazwelonke uyobeka imithetho nemibandela okufanele ilandelwe uma kukhethwa imikhakha eyehlukene kamasipala ngokuthi iyiphi indawo okufanele ibe ngaphansi komkhakha A, B no C nini. Izinhlobo zomasipala Kuyo yonke lemikhakha kungase kube nezinhlobo ezehlukene zomasipala. Uhulumeni kazwelonke uyonquma ukuba lezinhlobo ziyoba yiziphi. Bese uhulumeni wesifunda enquma ukuba yiziphi izinhlobo zomasipala ezizobakhona esifundeni sakhe. Izindawo zasemadolobheni amakhulu Izindawo zasemadolobheni amakhulu ziyizindawo ezinkulu ezinabantu abaningi. Kunezindawo zamadolobha amakhulu ezingu 6 eNingizimu Afrika: YI-Greater Johannesburg, Greater Pretoria, Cape Town, Durban, Lekoa-Vaal neKayalami. Lezindawo zidinga ukuhlelelwa ngendlela ethize maqondana nohulumeni. Uhulumeni wasemadolobheni amakhulu angasiza ukuphatha lezindawo ezinkulu zasemadolobheni. Loku kuyadingeka ukuze kukhuthazwe ukuthuthuka kwezomnotho nakwezenhlalakahle kuyo yonke leyondawo - kwehlukaniswe omasipala ababonakala bethanda ukubheka indawo yabo bodwa hhayi eyasedolobheni elikhulu lonkana. Loku kungaqikelela nokuba umnotho wayo yonke indawo usetshenziselwa ukuthuthukisa bonke abantu, ikakhulukazi labo ababebandlululwa. I-White Paper ihlongoza ukuba kube nezinhlobo ezimbili zohulumeni basemadolobheni amakhulu. 1. Uhulumeni wasemadolobheni amakhulu onamaKomidi amaWadi. 2. Uhulumeni wasemadolobheni amakhulu onezigaba ngezigaba. Uhulumeni wesifunda uyonquma ukuba iyiphi phakathi kwalezinhlobo ezimbili eyosebenza esifundeni. Izinhlobo ezimbili zohulumeni basemadolobeni amakhulu 1. Uhulumeni wasedolobheni elikhulu onamaKomidi amaWadi Kuloluhlobo lukahulumeni wasedolobheni elikhulu, iKhansela laseDolobheni liyoba namandla angaphezu kwakamasipala. Linganquma ukuziphathela yonke imisebenzi yalo noma ledlulisele eminye yalo ezikhungweni zasekhaya. Lingazinqumela lona ukuthi lifuna ukuphatha kanjani. AmaKomidi amaWadi ayosungulwa emawadini ukuze kuqikelelwe ukuba izakhamuzi ziyathintana nohulumeni wasedolobheni. AmaKomidi amaWadi kufanele aqikelele ukuba umphakathi awusebenzelayo uhlala ukwazi okwenzekayo. Ikhansela laseDolobheni elikhulu liyonquma ukuba amaKomidi amaWadi ayonikwa amandla angakanani nayiphi imisebenzi. AmaKomidi amaWadi ayobhekana nokuthola izidingo zomphakathi naloko okufuneka kuqalwe ngako. Kufanele kuthintwe wona maqondana nezindaba ezithinta umphakathi akuwo. 2. Uhulumeni wasedolobheni onezigaba ngezigaba Ikhansela lasemadolobheni amakhulu liyohlela ukuba indlela eliphatha ngayo ibe yisimo lapho amandla nemisebenzi edluliselwa ezigabeni zalo. Izigaba zalo ngamakomidi angaphansi kwalo ezindaweni ezehlukene. Akhiwe ngamawadi namakhasela amele izindawo ezehlukene. Amakhansela asemadolobheni asenqume ukuba amandla nemisebenzi kudluliselwe ezigabeni zawo. Loku kungafaka imisebenzi ethintana nazo ngqo njengokwenzelwa kwemisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi njengokuqoqwa kukadoti, ukuqoqwa kwendle nokuthathwa kwezinqumo zokuhlela indawo. Ikhansela lingase linqume ukuziphathela lona eminye imisebenzi njengokwenza ukuba kutholalake amanzi, ugesi noma loku ikwenze ngokubambisana nezigaba. Umsebenzi kahulumeni wasemadolobheni amakhulu Uhulumeni wasedolobheni elikhulu kufanele: * Athuthukise ukuphathwa ngokulingana nokuba neqiniso kuko konke okwenziwayo * Aqikelele ukuba bonke abantu bayazuza ngentela ekhokhwa emadolobheni. * Ahlelele indawo yasemadolobheni yonke iphelele ukuze izindawo ezazibandlululwa nazo zibe sesimweni esifanele, senziwe ngcono isimo somnotho kukhuthazwe nokuhlanganiswa kwezenhlalakahle. * Kukhuthazwe ukubuswa ngokwentando yeningi kuhulumeni wasekhaya ngokwenza ukuba izakhamuzi kube nezikwenzayo maqondana nokuphathwa kwezindawo ezihlala kuzo kulo lonke idolobha - amaKomidi amaWadi neziGaba zibe nomsebenzi osemqoka ekwakheni ukubuswa ngokwentando yeningi. * Kwenziwe imisebenzi edingekayo ngendlela efanele - kuqalwe ngayo, kuthi nalabo abebengayenzelwa imisebenzi kahulumeni kuqikelelwe ukuthi bayayithola. Uhulumeni wesigodi Zonke izindawo ezingaphandle kwedolobha elikhulu ziyoba nohulumeni wesigodi (Isigaba C) kanti omasipala basekhaya bayisigaba B. Imithetho kazwelonke iyo eyonquma ukuba amandla nemisebenzi kuhlukaniselwana kanjani phakathi kwamaKhansela esiGodi nomasipala. Izindawo ezingezona ezasemdolobheni zinenqwaba yezindawo okuhlalwa kuzo kusuka emadolobheni amancane kuya ezindaweni zasemakhaya ezigcwele yonke indawo. Kunesidingo sikahulumeni wesigodi ukuze kuqikelelwe ukuba uma kuhlelwa ukuba kuthuthuke sonke isigodi, futhi kusizwe nomasipala abangakabinawo amandla noma imali yentela engabasiza ukuba bazenzele yonke imisebenzi okufuneka bayenzele umphakathi. Imisebenzi kahulumeni wesiGodi * Kuhlelwe ukuhlanganiswa kwentuthuko yaso sonke isigodi - amakhansela esigodi kufuneka akhe izindlela zokusebenza ngokubambisana kuso sonke isigodi. Loku kuyoqikelela ukuba omasipala basebenza ngokubambisana nohulumeni kazwelonke nowesifunda ekwakhiweni kwezinhlelo zokuthuthukisa isigodi. * Kulungiswe zonke izinto zokusiza ukuba imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi yenzeke.AmaKhansela esiGodi ayokwazi ukuthola imali yokwakhiwa kwalezozidingo ngokwakha intela azothola kuyo imali. * Kufuneka alekelele ngosizo lobuchwepheshe komasipala abasantengantengayo. * Asize ngokwenza imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi kulezozindawo omasipala abangakwazi ukufinyelela kuzo ngoba bengakabinamndla noma ngoba bembalwa kakhulu abantu abadinga lolosizo. . Isigaba (B) samaKhansela kamasipala (amaKhansela asekhaya) Kuhulumeni wesiGodi kuyoba nezinhlobo ezintathu zikamasipala wesigaba B. 1. Umasipala wasemadolobheni. 2. Umasipala ohlanganisa owasemakhaya nowasemadolobheni. 3. Umasipala wasemakhaya. 1. Umasipala wasemadolobheni Amadolobha amaningi ayoba nomasipala wasemadolobheni obhekene nokwenza ukuba kutholakale yonke imisebenzi elindeleke kumasipala. Izindawo eziyimikhukhu (imijondolo) nezinye abantu abazakhele izakhiwo zabo kuzo ezingaphandle kwamadolobha ziyofakwa ngaphansi kukamasipala. 2. Umasipala ohlanganisa owasemakhaya nowasemadolobheni Kunezindawo lapho imingcele yomasipala abakhona njengamanje iyokwandiswa ukuze ifake nezindawo ezakhelene nayo. Loku kungase kusho ukuhlanganisa omasipala basemakhaya nabasemadolobheni ndawonye. Loku kungandisa umthombo wabo wemali kwenze ukuba kube kuningi okwenzelwa imiphakathi ngokushesha. 3. Omasipala basemakhaya Kunezinhlobo eziningi ezehlukene zezindawo okuhlalwa kuzo emakhaya. Amandla kamasipala okulekelela kulezindawo awafani, kwezinye akahle kanti kwezinye abuthakathaka. I-White Paer ihlongoza ukuba bonke omasipala baqale ngokuba namandla athize okwenza imisebenzi ebhekene nabo. Amanye amandla nemisebenzi kube sezandleni zikahulumeni wesigodi. Uma amandla okuzenzela izinto ezithize anda kumasipala wasemakhaya, uyobe esenikwa namanye amandla athe xaxa nemisebenzi eminye ngaphezulu. Omasipala basemakhaya abanamandla okusimama bayonikwa amandla amakhulu emisebenzi eminingana ukuba babhekane nayo. Abanye kuyobathatha isikhathi eside ukuba baze bafinyelele ezingeni lokukwazi ukuzenzela izinto eziningana. Ezindaweni ezimbalwa ezinabantu abasakazeke endaweni ebanzi singase singalungi isigaba B somasipala. Ezimweni ezinjalo, kunamalungiselelo athize ayokwenziwa ukuqikelela ukuba izakhamuzi zimelwa ngamakhansela esiGodi. Abaholi bendabuko I-White Paper iyangena futhi nasebuhlotsheni obuphakathi kukahulumeni wasekhaya nabaholi bendabuko - hhayi neminye imikhakha yabaholi bendabuko. I-White Paper incoma ukuba kube nobuhlobo bokubambisana phakathi komasipala nabaholi bendabuko. Abaholi bendabuko bayomelwa kumaKhansela asekhaya nawesiGodi., ukuze bakwazi ukukhipha izeluleko ngezidingo nokufunwa ngabantu babo. Lomsebenzi wehlukile kowokuvota owenziwa ngamaKhansela. Uhulumeni wesifunda kuyoba nakwenzayo maqondana nokunquma ukuthi iyiphi imicimbi okufanele inikwe abaholi bendabuko. I-White Paper ephathelene nabaholi bendabuko isalungiswa kanti uhulumeni neminyango yakhe bamatasatasa ngokulungisa konke okuthinta abaholi bendabuko. Njengamanje kunomasipala abangu 843 namaKhansela angu 11 300 eNingizimu Afrika. Isibalo somasipala namaKhansela kufanele sehliswe ukuze omasipala bakwazi ukuyenza kangcono imisebenzi uhulumeni ayenzela imiphakathi kwehle nezindleko zokuyenza. Ukubekwa kwemingcele Ibhodi lokuBekwa kwemiNgcele yilo eliyobeka imingcele kamasipala. Uhulumeni kazwelonke uyobeka indlela okuyokalwa ngayo imingcele. Kuyoqikelelwa ukuba imingcele kamasipala ingabathikamezi omasipala ekwenzeni imisebenzi yabo yangokomthethosisekelo. Amandla okuphatha nawukushaya imithetho - amandla okwakha imigomo nokwena ukuba imithetho isebenzi kuzwelonke nasezifundeni. Imibandela - imthetho noma izimo okufanele zilandelwe ima kukhethwa phakathi kwezinhlobo ezehlukene zomasipala. Imali yentela - wumthombo wemali engenayo. Umasipala angayisebenzisela ukwenza imisebenzi okufuneka yenzelwe umphakathi. Loku kufaka izinto ezifana nezitolo, namabhizinisi okukhishiswa intela okuyiyona esizayo. Izinto ezidingekayo ukuze kuthuthukiswe indawo - amapayipi, amakhebula nokunye okudingekayo ukuze kutholakale amanzi, ugesi noma igesi eya ezindaweni ezisemqoka kumasipala. Ukusuka lapha kudingeka izinto eziningi ukuze kudilivwe amanzi noma ugesi kulabo abawadingayo. Ukubekwa kwemingcele - Yonke imingcele yomasipala ezweni iyokhonjiswa kwimephu eyobe ikhombisa ukuthi iyiphi indawo iKhansela okufanele libhekane nayo. Lomsebenzi wokunquma ukuba kufanele ibe kuphi imingcele kuthiwa wukubekwa kwemingcele. ISIGABA E: IZINHLELO ZOMBANGAZWE Isigaba E seWhite Paper sibhekene namandla nemisebenzi yamaKhansela. Loku kufaka umsebenzi wamameya, amakomidi aphethe namanye amakomidi. Zithathwa kanjani izinqumo Bonke omasipala banamaKhansela abhekene nokuthathwa kwezinqumo zezepolitiki nokuphatha okufanele kwenziwe ngokwenza izinqumo ezithathwe yiKhansela. Umthethosisekelo uthi zonke izinqumo eziphathelene nokusetshenziswa kwamandla omasipala nokwenza kwabo imisebenzi yabo kufanele zithathwe yiKhansela. Kodwa-ke akuhambi kahle njalo loko - ikakhulukazi ezindaweni ezinamaKhansela amakhulu - ukuba kube yiKhansela lilonke elithatha isinqumo. Kungalesizathu-ke ukuba imithetho kazwelonke izokwenza ukuba amaKhansela akwazi ukwedlulisela imisebenzi yawo namandla awo koMeya nasemakomidini namandla okuphatha. Amandla okuyikuphela kwawo angenakwedluliselwa kumuntu yilawa: * Awokushaya imithetho kamasipala. * Awokuvuma ukuba indlela okwabiwe ngayo izimali ilungile. * Awokubeka imali yentela. * Awokuthola izimali ezibolekwayo. Zonke lezizinto kufanele zenziwe yiKhansela liphelele. Lapho iKhansela ledlulisela amandla alo kuMeya noma kwikomidi elinamandla okuphatha, iKhansela kuyofuneka libheke ukuthi iMeya iqhuba ngendlela efanele yini noma uma kuyikomidi elinamandla okuphatha nalo libhekwe ngokunjalo futhi lenziwe lichaze kabanzi ngelikwenzayo. Imeya Enamandla okuphatha Imeya enamandla okuphatha ikhethwa yiKhansela likaMasipala kanti futhi iphuma kulona. Yikhansela elinqumayo ukuba yimaphi amandla azokwedluliselwa kwiMeya. Ikhansela lingayivumela futhi iMeya ukuba iqoke ikhabhinethi elakhiwe yidlanzana lamakhansela ukuba limlekelele. Kepha yiMeya eba namadla hhayi ikhabhinethi. Usizo lwemeya enamandla okuphatha wukuba loko kwenza abantu bababone abantu abamele uhulumeni wasekhaya futhi kwenza ukuba kube nobuholi obuqotho. Kulula emphakathini ukusebenzelana nomuntu kunokusebenzelana nekomidi. Ikomidi Eliphethe Ikomidi eliphethe liyiqembu lamaKhansela akhethwa yiKhansela likamasipala. Imeya iba nguSihlalo weKomidi Eliphethe. Kodwa-ke iMeya ayiyona iMeya enamandla okuphatha - amandla aseKomidini Eliphethe lilonke, hhayi kwiMeya. Ikhansela yilona elinqumayo ukuba yimaphi amandla elizowedlulisela eKomidini Eliphethe. Uhulumeni wesifunda uyonquma ukuba wuluphi uhlelo lokuthatha izinqumo oluyosebenza esifundeni. Amanye amakomidi AmaKhansela angawasungula namanye amakomidi ukuba awalekelele. Loku kufaka amakomidi awuloluhlobo * Ikomidi Eliphethe nelibheka okwenziwayo - ukuba libheke imisebenzi efana nokutholakala kwamanzi nokuchithwa kukadoti. * Ikomidi Lendawo - elibheka imisebenzi eyenziwa endaweni ethize. * Ikomidi Lemithetho - elakha imithetho maqondana nodaba oluthize ngesikhathi esithize. Omasipala abakhulu kufanele basungule iKomidi Elibheka Ezezimali ukuba libhekane nendlela ezisetshenziswa ngayo izimali zikamasipala, kanye neKomidi lama-Tender eliphatha konke Ubuholi obuqotho Ubuholi obuqotho obunokuzinikela yibona obufunekayo komasipala ukuze kube nentuthuko futhi kube nezinga eliphakeme lokuphatha imisebenzi kahulumeni. Kufanele amaKhansela anike umphakathi ubuholi obunobuhlakani nobubhekela ingomuso. Kufanele bakwazi ukwakha ubuhlobo nezamabhizinisi, izinhlangano zomphakathi namanye amaqembu angase afake isandla ekuthuthukiseni indawo. Kufanele bakwazi ukuthatha izinqumo ezinzima bandise nokubonakala kokwenziwayo ngendlela abaqhuba ngayo. Kodwa-ke iningi lamaKhansela angu 11 300 eNingizimu Afrika lisebenza okwesikhashana. Liyasokola ukubhekana nemisebenzi yalo kanye neyobuKhansela. I-White Paper ihlongoza ukuba sehliswe isibalo samaKhansela bese kwandiswa asebenza ngokugcwele azobhekana nomsebenzi wawo ngokugcwele. Ukhetho lukamasipala Amakhansela kamasipala ayokhethwa ngendlela elandelayo: Kuyovotelwa amaqembu ngokwezihlalo zawo.. Kuyovotelwa amawadi ngokwalabo abamele ukhetho abayowina Ivoti leqembu liyonquma ukuba lelo naleloqembu lithola izihlalo ezingaki. Isibalo sesisonke sakhiwa yizihlalo zewadi nezeqembu. Isibalo sezihlalo zeqembu sakhiwa wukususa isibalo sezihlalo zewadi eziwinwe ngevoti lewadi ezihlalweni zonke ziphelele eziwinwe ngevoti leqembu. Isibonelo sokuvota Kunezihlalo ezingu 20 kwiKhansela. Ekuvoteleni iqembu: Iqembu Z liwina 70% wevoti leqembu. Loku kusho ukuthi iQembu Z linezihlalo ezingu 14 ((70% ka 20) - Inani lezihlalo ezingu 14. Ekuvoteleni amawadi: Iqembu Z liwina izihlalo zewadi ezingu 6. Inani lezihlalo zeqembu: Iqembu Z kufanele lithole ezinye izihlalo zeqembu ezingu 8 ukuze kuphume isibalo esiphelele sika 14 (14 -6 wezihlalo zewadi = 8) eziwinwe yivoti leqembu. Ngakho-ke iQembu Z linezihlalo zewadi ezingu 6 kanye nezeqembu ezingu 8. Abamele ukhetho bengabesifazane Amaqembu ezepolitiki ayakhuthazwa ukuba afake uhlelo lokuqikelela ukuba inani elithize lobulili obuthize liyazithola izihlalo. Loku kuzoqikelela ukuba liyanda inani labesifazane abamela ukhetho lokuba ngamaKhansela kamasipala. Kafushane nje... Uhulumeni wasekhaya oletha intuthuko udinga abaholi abanamandla nabanekhono abakwaziyo nokubhekela ingomuso. Uhlelo lokuthatha izinqumo oluhlongozwa kwi-White Paper luhlose ukuqinisa amaKhansela lwenze nendlela yokuthatha izinqumo ihambe ngenqubo ethize efanele eyenza ukuba izinto zenzeke kangcono neyenza umehluko kuhulumeni wasekhaya. Ukwedlulisela amandla nemisebenzi - wukwedlulisela amandla nemisebenzi komunye umuntu noma kwenye inhlangano noma umkhandlu. Amandla okuphatha -ngamandla okwenza imithetho nokuthatha izinqumo maqondana nendlela aqhuba ngayo umasipala. Proportional representation: Izihlalo ngokweqembu ziya ngamaphesenti amavoti esephelele atholakalayo. Abamela ukhetho abayowina - munye kuphela kwabamele ukhetho owinayo - kuba yilowo othola amavoti amaningi ukwedlula abanyeOnly one candidate wins the seat - the candidate with the most votes. ISIGABA F: IZINDLELA ZOKUPHATHA Ukuphatha komasipala kufaka ukuphathwa kwabasebenzi beminyango kamasipala ababhekene nokwenziwa kwemithetho nezinhlelo zeKhansela. Abaphethe banomsebenzi wokwenza ukuba imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi yenziwe ngendlela efanele. Isigaba E seWhite Paper sihlongoza ukuba kwakhiwe izindlela ezinye ezinosizo zokuqikelela ukuba lemisebenzi ifinyelela kuzo zonke izakhamuzi futhi nayo itholakale kangcono. Izindlela ezehlukene zokwenza imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi Omasipala badinga ukuthola izindlela ezingcono kunazo zonke nezingabizi zokwenzela umphakathi imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi kangcono - ikakhulukazi labo abangakayitholi. IWhite Paper incoma izindlela eziningi zokwenza loku. Omasipala kuyofanela bakhethe indlela engcono yokubhekana nalemisebenzi kanye nokunye abahlose ukukwenza. Ukwakha amandla okwenza izinto Omasipala abaningi kudingeka benze ngcono indlela abaphatha ngayo, baqeqeshe futhi basize abasebenzi babo. Loku kungadinga izinto ezinjengalezi: Ukulungiswa kwendella yokuphatha Ukunikwa kwabantu amakhono Izivumelano zendlela yokusebenza kulabo osekunesikhathi besebenza lapho ?????? Ukunikwa kwamakhono kulabo abaxhumana nomphakathi ukuze bakwazi ukuwunika ulwazi nezeluleko Indlela yokuziphatha Ukuqeqeshwa nokuthuthukiswa kwabasebenzi Ukunikwa kwemisebenzi kulabo ababengayinikwa Ukwedluliselwa kokuphathwa kwemisebenzi kulabo abasondelene nomphakathi Izindlela ezicacile zokubheka ukuthi umuntu usebenza kanjani Ukuthola ulwazi lomsebenzi ngokuwenza kulabo abathintana nomphakathi ukuze bejwayele bawenze nakangcono Ukufaka kukopeletsheni Loku kusho ukwakha izikhungo zokwenza imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi, ziphathwe njengebhizinisi, zingabi ngaphansi kwabaphathi kepha zibike konke ezikwenzayo kwiKhansela. Ubuhlobo nomphakathi Lobu wubuhlobo phakathi kukamasipala nezinye izinhlangano zikahulumeni. Isibonelo wubuhlobo phakathi kukamasipala nePosi okwenza ukuba umphakathi ukhokhe izikweletu zakwahulumeni ePosini. Loku kwenza kube lula ukukhokha kususe nomthwalo wokuqoqa izimali kwabaphethe. Ubuhlobo nezinhlangano zomphakathi ama-CBOs nezinhlangano ezingasebenzeli nzuzo amaNGOs AmaCBOs namaNGOs anamakhono nolwazi olungaba wusizo kwabaphethe - isibonelo, ukuqeqesha nokwenza imikhankaso yentuthuko nokuthuthukisa osomabhizinisi abancane. Ukunika umsebenzi izinkampani zangaphandle Loku kusho ukunika kukamasipala izinkampani zangaphandle umsebenzi othize ukuba ziwenze. Izivumelwano ezinjalo zehlisa izindleko zenze nokuba umsebenzi wenziwe kahle. Ikhansela kufanele libheke indlela umsebenzi owenziwa ngayo liqikelele ukuba uhlale usezingeni elifanele. Ukuboleka nezivumelwano Loku kuyafana nokukhipha umsebenzi uyiswe enkampanini yangaphandle kepha kudinga imali enkulu yokulungisa izinto okuzosetshenzwa ngazo. Ngalesizathu-ke isikhathi sesivumelwano siba side sivame ukuba yiminyaka engu 20 kuya kwengu 30 kanti nalowo owenza umsebenzi uthatha umsebenzi wokuqoqa intela. Uma sesiphelile isivumelwano, loko okwakhiwe kokwenza ukuba imisebenzi yenzeke kahle kuba ngokukamasipala Ukushintshwa kobumnini Ukunika izinkampani zangasese umsebenzi kusho ukuthengisela inkampani yangasese impahla ethize ukuze ikwazi ukubhekana nokwenza ukuba umsebenzi othize wenziwe. Khona manje imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi njengokutholakala kwamanzi, ukuqoqwa kukadoti, ukutholakala kukagesi nokunye akufanele kudayiswe konke. Kepha amaKhansela kufanele abhekisise ukuthengisela izinkampani zangasese imisebenzi engadingekile kakhulu. Loku kungasiza ekungeniseni imali kumasipala kwenze ukuba iKhansela libhekane nezidingo ezisemqoka. QAPHELA: Imithetho kazwelonke iyokwakha isisekelo sokungena komasipala ebuhlotsheni nezinkampani zangasese. Ukugxila kwindlela okusizwa ngayo amakhastoma Abasebenzi baxhumana nomphakathi nsuku zonke. Benza eminye yemisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi. Kufanele bakwazi ukukhipha ulwazi nezeluleko emphakathini. Kubalulekile ukuba indlela okukhokhiswa abantu ngayo ibe ngesebenza kahle nangokushesha futhi elungele ukusetshenziswa ngumphakathi. Ubuhlobo kwezemisebenzi Izinyunyana zikamasipala nohulumeni wasekhaya zinomsebenzi omkhulu wokuqikelela ubuhlobo obuhle phakathi kwabasebenzi nabaqashi nendlela efanele yokusebenza. Inhlangano okuxoxiswana kuyo abaqashi nezinyunyana kuhulumeni wasekhaya I-South African Local Government Bargaining Council (SALGBC) iyokwenza omkhulu umsebenzi ekuthuthukiseni ubudlelwano phakathi kukamasipala nezinyunyana, abaphathi namaKhansela kanti iyokwakha nendlela yokuxazulula izinkinga. Okuyofuneka kuqalwe ngako kuyoba wukuxoxisana ngezimo okufanele kusetshenzwe ngaphansi kwazo kumasipala, indlela yokubheka imisebenzi ukuze imiswe ngendlela efanele, ukusiza ukuba kusetshenzwe kangcono nokwakha isisekelo esiphilayo sokuletha uguquko. Ukuqeqeshwa kukahulumeni wasekhaya Ukuqeqeshwa kwabasebenzi AmaBhodi akhona njengamanje okuqeqesha awakaphumeleli ukuhlangabezana nezidingo ezibheke uhulumeni wasekhaya osathuthukayo. Uhlelo lokuqeqesha lusazohlelwa kabusha. Umkhakha obhekene nezokuqeqesha kuhulumeni wasekhaya uyophatha uhlele ukuqeqeshwa kwabasebenzi bakahulumeni wasekhaya, uyophatha nesikhwama sokuqeqesha. Izindawo okuqeqeshwa kuzo kuhulumeni wesifunda - ezinabazimele abaphuma kwezemisebenzi ezesifunda nezikahulumeni wasekhaya - yizona eziyobheka izidingo zesifunda, zinike izinhlangano eziqeqeshayo ama-tender bese zibheka nendlela okuqeqeshwa ngayo. Abayosiza kuloluhlangothi kuyoba ngamanyuvesi, ama-technikons, ama-NGOs, iminyango yezokuqeqesha kumasipala, izinhlangano zobuchwephesha nabaqeqeshi bezohwebo. Ukuqeqeshwa kwamakhansela U-SALGA uyobamba elikhulu iqhaza ekuqeqeshweni kwamaKhansela. Uhlelo lokuqeqesha amaKhansela luyokwakhiwa ukuze luphume kanye nesikhathi sokhetho lukamasipala. Kafushane nje... Ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zokuthuthuka, kufanele umasipala ayenze ngcono indlela aphatha ngayo, anike abasebenzi amakhono abhekene nendlela entsha newusizo yokwenziwa kwemisebenzi kahulumeni. ISIGABA G: EZEZIMALI ZIKAMASIPALA Lesisigaba se-White Paper sibhekene nendlela okungamiswa ngayo kabusha uhlelo lwezezimali kumasipala ukuze akwazi ukumisa isabelo sezimali emisebenzini eyahlukene ngendlela efanele ayenze nakangcono imisebenzi okufanele ayenzele umphakathi. Ibheka imikhakha emine esemqoka kwezezimali zikamasipala: * Imali engenayo. * Imali esuka kweminye imikhakha kahulumeni yedluliselwe kweminye. * Izimali ezifakwa yizinkampani zangasese. * Ukwabiwa kwezimali, ukuchaza ukuthi zizokwenzani kwethulwe nombiko. Imali engenayo Umasipala udinga umthombo othembekile wemali engenayo. Imisebenzi abayenzayo omasipala bayikhokhela bona ngokwabo omasipala bakhokha into elinganiselwa kumaphesenti angu 90% ngezimali abazitholela bona zona. Labo masipala bayothola ingxenye enkulu yemali engena kuhulumeni kazwelonke ebekelwe uhulumeni wasekhaya. Ezinye izindlela zokwandisa imali engenayo emiphakathini entulayo - njengentela yendawo ezindaweni zasemakhaya - isazobhekisiswa. Nakulabomasipala abazimele,e kunesidingo sokwenza ngcono indlela abakhokhela ngayo imisebenzi abayenzela umphakathi ukuze bakwazi ukuhlangabezana nezidingo esekuneminyaka zingathintwa nokuphathwa ngokungalingani kwabantu. IWhite Paper incoma okulandelayo: * Ukutheliswa kwempahla Kufuneka kube nendlela efanayo yokukalwa kwempahla ezweni lonke. Loku kufaka izinto ezifana nendlela impahla ekalwa ngayo, isikhathi okukalwa ngaso nezindlela zokulekelela labo abangakwazi ukukhokha intela ephelele. Intela Ohulumeni basemadolobheni amakhulu naseziGodini bamisa intela okuthiwa yiRSC ne-JSB. Lentela yamabhizinisi iya ngokuthi unabasebenzi abangaki. Ingumthombo obalulekile wemali engenayo okufaneka uhlale ukhona. Kodwa kunengozi yokuba ibathene amandla abanikazi bemisebenzi kanti futhi uma nentela kamasipala iphakeme kakhulu, loko kungase kudale ukuba bathuthele kwezinye izindawo. Uhulumeni kaZwelonke uzothatha izinyathelo zokubhekana nalesinto. Intela kaphethiloli Enye yentela kaphethiloli kazwelonke inganikwa uhulumeni wasekhaya ukuze akwazi ukugcina imigwaqo isesimweni esifanele. Intela yemisebenzi uhulumeni ayenzela imiphakathi Intela yalemisebenzi - enjengamanzi, ugesi nokuthuthwa kwendle - ingumthombo omkhulu kunayo yonke wemali engenayo komasipala. Ngakho-ke kubalulekile ukuba abenzelwa lemisebenzi bayikhokhele ngokugcwele. Kufanele kwethulwe indlela yokuxhasa ukuze kuqikelelwe ukuba labo abangenawo amandla okukhokha intela ephelele nabo bayaluthola usizo. Indlela olusebenza ngayo uhlelo lokuxhasa kufuneka yaziwe yizakhamuzi ukuze zithole ukusizakala uma kunesidingo. Ukuqikelela ukuba imali okungenwe kuyo ngezindleko iyabuya, omasipala kufanela babe nendlela esebenzayo yokukala, bathumele izikweletu eziyizo babe nezijeziso ezinzima kulabo abakhetha ukungakhokhi Ukuthuthwa kwezimali lapho zikhona ziyiswe kweminye imikhakha Lena yimali esuswa kuhulumeni kazwelonke iyiswe kowasekhaya. Kunezinhlobo ezintathu zokususwa kwemali: * Ukukhokhelwa kwama-agency. * Ukuthuthwa kwemali enkulu. * Ukuthuthwa okwenzelwa izindleko zokusebenza. Izindleko ze-agency Lena yimali ekhokhwa kumasipala uma kunomsebenzi awenzele uhulumeni wesifunda. Omasipala kufanele baqikelele ukuba bakhokhelwa ngokuphelele ngomsebenzi ab awenzela uhulumeni wesifunda Ukuthuthwa kwezimali ezinkulu zokwenza imisebenzi ethize Lena yimali yokwakha izidingo ezenza ukuba uhulumeni akwazi ukwenza imisebenzi ayenzela umphakathi kuleyondawo. Kusukela ngo 1997, lokuthuthwa kwemali bekwenziwa ngoHlelo oluhlanganisa omasipala maqondana nokwakhiwa kwezidingo. Bekusiza ekwenzeni ukuba izimali ezikhokhwayo ziye komasipala. Kuzothathwa izinyathelo zokulungisa uhlelo lokukhokhela omasipala basemakhaya. Ukuthuthwa kwezimali zokubhekana nezindleko zokwenza imisebenzi kahulumeni Umthethosisekelo (Isigaba 214) ubeka ukuba omasipala banelungelo lokwabelwa ngokufanele izimali ezingena kuhulumeni kazwelonke. Lezimali yilezo eziyiswa komasipala ukuze bakwazi ukuhlangabezana nezindleko zokwenza imisebenzi kahulumeni - izindleko zansukuzonke zokubhekana nokugcina umasipala esebenza. Inkinga njengamanje wukuthi omasipala abanasiqiniseko sokuthi bayothola imali engakanani, nokuthi bayoyithola nini. Loku kwenza kubelukhuni ukuba kube nezinto abazihlela bengakatholi mali. Ukuze zinqotshwe lezinkinga, ukwabiwa kwemali ngendlela elinganayo (isamba semali anayo uhulumeni wasekhaya yokubhekana nezindleko zakhe) siyolungiswa kusasele iminyaka engu 5 ngohlelo lukahulumeni lwezindleko zesikhathi esizayo olulungiswa kusasele iminyaka emihlanu. Ukwabiwa kwemali kuyokwenziwa komasipala ngendlela ethize. Lendlela iyokwenza ukuba omasipala bakwazi ukwenza imisebenzi esemqoka ngemali ephansi emakhaya ahola kancane. Isamba esikhulu salemali yomasipala siyoya kulabo abanesidingo esikhulu sokusizwa nguhulumeni kazwelonke ikakhulukazi omasipala basezindaweni zasemakhaya. Izimali ziyothunyelwa ngqo komasipala. Omasipala kuyofuneka baqikelele ukuba amalungelo emisebenzi esemqoka eyenzelwa umphakathi ayafinyelela kulabo abahola kancane. Ukutshalwa kwezimali yizinkampani zangasese Omasipala badinga ukuba izinkampani zangasese zitshale izimali kubo ukuze baphumelele ukubhekana nezidingo esezize zambondelana zinganakwa futhi baqikelele ukuba zonke izakhamuzi ziyayenzelwa imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi. I-White Paper ibeka izindlela eziningana zokukhuthaza izinkampani zangasese ukuba zitshale izimali ekwakhiweni kwezidingo komasipala. Ukweboleka Uhulumeni kazwelonke ubheka izindlela zokwenza ukuba kubelula kumasipala ukweboleka izimali emabhange. Loku kungenzeka ngokunciphisa ingozi ababhekana nayo ababolekisa ngemali nohulumeni kazwelonke nowesifunda.Loko kusho okulandelayo: * Ukuba omasipala bakwazi ukwaba nokuphatha imali ngendlela efanele. * Bakwazi ukuphatha isikweletu ngendlela efanele, kuqikelelwe ukuba abathola imisebenzi kahulumeni bayayikhokhela. * Imithetho ecacile bekwe nguhulumeni kazwelonke.. * Izinyathelo ezicacile okufanele zilandelwe uma umasipala ehluleka ukukhokha isikweletu. * Uhlelo lokubheka isimo sezimali olukhombisa ngokusobala ukuthi isimo sezimali zikamasipala sinjani Ukuvunyelwa ukuthatha imali ebolekisayo Omasipala kufuneka bakwazi ukweboleka imali ezinkampanini zangasese. Kodwa abanye bomasipala bangeke bakwazi ukukwenza loko. Ukuze bakwazi ukweboleka ezinkampanini zangasese, kungafuneka kube nezinhlangano zikahulumeni eziyisipesheli ezisiza omasipala ukuba bakwazi ukuziphatha ngendlela eqotho efunwa yizinkampani zangasese ezibolekisa ngemali. I-Development Bank yaseNingizimu Afrika ne-Municipal Infrastructure Investment Unit ingabasiza omasipala ukuba balungise imikhankaso bese bethola imali ebolekisayo ukuze baqale leyomisebenzi. Ukwaba izimali, ukugcina amabhuku ezimali ngendlela efanele nokwethula imibiko Isiyethulwa komasipala indlela eyamukelekile yokugcina amabhuku futhi kunemiphumela emihle. Izindlela ezamukelekile zokugcina amabhuku ezimali zinalemininingwane Ukugcina amabhuku ezimali ezisetshenziswa ngaphakathi Kufanele kube nendlela elula yokugcina amarekhodi ezimali nempahla kamasipala. Loku kungenza ukuba iKhansela nomphakathi basazi ngokuphelele isimo sezimali zikamasipala. Isibonelo, kufanele abembalwa ama-akhawunti asebhange futhi kube nendlela elula yokurekhoda indlela esetshenziswa ngayo imali kamasipala ezimpahleni ezinganyakazi.. Omasipala kufanele basilungiselele isimo sokuba abayukuzikhokhelwa zonke izimali abazikweletwayo. Loku kungasho ukuthi bayoba nemali encane kunabayilindele. Ukugcinwa kwamabhuku empahla enganyakazi Impahla enganyakazi njengamapayipi amanzi, iziteshi zikagesi - kubiza imali ethize uma kuthengwa okokuqala. Kepha liyehla izinga lako ngokuhamba kwesikhathi. Uma omasipala bengakufaki loku uma baba izimali, ngeke bazi ukuthi kuyimalini ukwenza imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi. Ukufaka izimali eziyizo zempahla enganyakazi kuyokwenza ukuba iKhansela lisenze ngcono isimo salo sokuhlelela izimali nokuzaba Ukwethula imibiko ngaphakathi Ulwazi kufanele lufinyelele kumaKhansela nakwabaphethe. Kunemithetho eyethulelwe ukuba kubenendlela efanayo yokwethula imibiko yezimali. Loku kuyoqikelela ukuba ulwazi olubalulekile maqondana nezezimali luhlala lwethulwa ngendlela nezwakala kalula kumaKhansela nakubaphathi. Ukwethulwa kwemibiko ngaphandle Uhulumeni kazwelonke nowesifunda unomsebenzi wokubheka isimo sezimali somasipala. Loku kwenzeka kangcono ngezitatimende zonyaka zezezimali zomasipala ezethulwa ku-Auditor General. Omasipala kufanele bakwazi ukwethula imibiko yezimali eqondile nezwakala kalula emphakathini. Kafushane nje... #133; IzImali zikamasipala kufanele ziphathwe ngendlela efanele ukuze zikwazi ukubhekan a nokwenziwa kwemisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi, ahlele ukutshalwa kwemali. Kunezinyathelo ezithathwayo zokwethula izinhlelo eziphambili kunazo zonke ezinye zokugcina amabhuku ezimali zikamasipala.Loku kuyosiza abathatha izInqumo ukuba banqume ngokufanele nomphakathi wazi ukuthi ziphathwa kanjani izimali zomphakathi. Abazimele - - ngabanako konke okudingekayo ukuze benze imisebenzi okwanele bayenzele umphakathi. Impahla nempahla enganyakazi Impahla yiko konke umasipala anako okungatholwa imali uma kuthengiswa. Isibonelo, umhlaba, izakhiwo, imigwaqo nokunye, izimoto, imishini yamakhompyutha, imisebenzi yobuciko nokunye okunjalo. Impahla enganyakazi yimpahla enganyakazi - isibonelo, umhlaba, izakhiwo nezinto ezisetshenziswa ukwenza imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi. ISIGABA H: UHLELO LOKUGUQUKA Isigaba sokugcina se-White Paper sibheka izinyathelo ezingathathwa ukwenza ukuba uhlelo olusha lukahulumeni oletha intuthuko lwenziwe lusebenze. Ukubekwa kwemingcele Isinyathelo esibalulekile sokwenza ukuba lusebenze uhlelo olusha lukahulumeni wasekhaya oletha intuthuko luyoba wukhetho luka 1999-2000. Uhulumeni kazwelonke ulungiselela lolokhetho ngokusungula iBhodi yokuBeka imiNgcele ezobeka imingcele yomasipala neyamawadi komasipala. Imithetho Uguquko olwenziwe kweminye imithetho nakwemisha luyadingeka ukuze kwenzeke okuqukethwe kwi-White Paper. Uhulumeni kazwelonke nowesifunda nabo balungisa imithetho ezokwenza ukuba lusebenze uhlelo olusha. Lemithetho izohamba ngemigudu ejwayelekile yasePhalamende ngaphambi kokuba ibe yimithetho esiphasisiwe. Uhlelo lokweseka inguquko Ngaphezu kwaloko, uhulumeni kazwelonke nowesifunda wakha uhlelo lokweseka uhulumeni wasekhaya olunokulandelayo: * Uhlelo oluhlanganiswe kahle lokuthuthukisa abasebenzi bakahulumeni wasekhaya ngamakhono afanele. * Ukuqeqeshwa kwezokuphatha nasekuthuthukisweni kwamakhono. * Usizo lobuchwepheshe ukuze yenziwe kangcono imisebenzi uhulumeni ayenzela umphakathi. * Ukwesekwa kwentuthuko yonkana, ukuhlela nokuthuthukiswa kwezomnotho ekhaya. * Ukusungulwa kohlelo lokubheka ukuthi kusetshenzwa ngendlela efanele yini * Ukumisa ngendlela efanele uhlelo lwezezimali ukuze umasipala azi kusenesikhathi ukuthi uzothola zimali zini kuhulumeni kazwelonke. * Ukufakwa kwezimali imisebenzi esemqoka ekuletheni uguquko. * Ukusebenza noSALGA ukuze kwesekwe amaKhansela nabasebenzi beKhansela emisebenzini yabo emisha. Kodwa-ke impumelelo yokuletha uguquko isezandleni zawo wonke amakhansela, iziphathimandla nezakhamuzi. Sonke kufanele kube khona esikwenzayo ekuthuthukiseni ukubuswa ngokwentando yeningi ezindaweni esihlala kuzo.